Kungani uNkulunkulu eyobeka labo abenqaba ukwamukela uNkulunkulu uSomandla phakathi kwezinhlekelele?

January 12, 2021

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Bonke labo engibathandayo impela bazophila ingunaphakade, bese bonke labo abamelana nami bazosolwa Yimi impela kuze kube phakade. Ngoba nginguNkulunkulu onomhawu, ngeke ngibayeke kalula abantu ngakho konke abakwenzile. Ngizowuqapha wonke umhlaba, futhi, ngiqhamuka eMpumalanga yomhlaba nokulunga, ubukhosi, ulaka nokusola, ngizozibonakalisa ezihlweleni zabantu!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nginquma isiphetho somuntu ngamunye hhayi ngokweminyaka, ubukhulu, izinga lokuhlupheka, lingasaphathwa izinga abamema ngalo ukudatshukelwa kodwa ngokuthi banalo yini iqiniso. Akukho okunye ukukhetha ngaphandle kwalokhu. Kumele nikubone ukuthi labo abangalandeli intando kaNkulunkulu bayojeziswa. Leli iqiniso elingenakuguqulwa. Ngakho-ke, bonke labo abajeziswayo bajeziswa kanjalo ngenxa yokulunga kukaNkulunkulu futhi njengokujeza ngenxa yezenzo zabo ezimbi. …

Isihe Sami sivezwa kulabo abangithandayo futhi bazidele bona. Futhi isijeziso esilethwa phezu kwababi kungubufakazi kanye besimo Sami esilungile Kanye, ikakhulukazi, nobufakazi bentukuthelo Yami. Uma inhlekelele ifika, indlala kanye nesifo esibhubhisayo siyokwehlela bonke labo abaphikisana Nami futhi bayokhala. Labo abenze zonke izinhlobonhlobo zobubi, kodwa asebengilandele iminyaka eminingi, ngeke bangakhokhi ngamacala abo; nabo futhi, bayokwehlela enhlekeleleni, efana nayo ebithuka nje ibonakala eminyakeni eyizigidi, bayohlala esimweni esingapheli sokwethuka novalo. Futhi labo abalandeli Bami abakade bethembekile Kimi ngedwabayojabula futhi bababaze amandla Ami. Bayokuzwa ukweneliseka okungachazeki ngaphakathi futhi baphile ngenjabulo engingakaze ngiyiphe isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kule ndaba elotshiwe kaNowa, ingabe niyayibona ingxenye yesimo sikaNkulunkulu? Ukubekezelela kukaNkulunkulu inkohlakalo yomuntu, inzondo, nobudlova kunemingcele. Lapho efinyelela leyo mingcele, ngeke esabekezela futhi uyoqala ukuhlela umsebenzi Wakhe wokuqondisa necebo elisha, uyoqala ukwenza okufanele akwenze, embule izenzo Zakhe nolunye uhlangothi lwesimo Sakhe. Lesi sinyathelo Sakhe, asikona ukubonisa ukuthi akumele acasulwe umuntu noma ukuthi unegunya elikhulu nentukuthelo, futhi akusona esokubonisa ukuthi angasibhubhisa isintu. Kungenxa yokuthi isimo Sakhe nesiqu Sakhe esingcwele ngeke kusakwazi ukubekezelela lolu hlobo lwesintu ukuba luphile phambi Kwakhe, luphile ekubuseni Wakhe. Lokho kungukuthi, lapho sonke isintu simelene Naye, lapho kungenamuntu angamsindisa emhlabeni wonke, ngeke esakwazi ukubekezelela abantu abanjalo, futhi ngaphandle kokuphazama, uyoqala ukusebenzisa icebo Lakhe—abhubhise lolu hlobo lwesintu. Isenzo esinjalo sikaNkulunkulu sinqunywa isimo Sakhe. Lona umphumela odingekayo, futhi umphumela zonke ezidalwa ezibuswa uNkulunkulu okufanele zihlangabezane nawo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu, insindiso isenzeka ngezimo zezinhlekelele ezehlukahlukene, futhi akekho obhujiswayo ongaphunyuka kuzo. Kusekugcineni kuphela lapho isimo “esinokuthula njengezulu lesithathu: Lapha izinto eziphilayo, ezinkulu nezincane, zihlalisana ngokuthula, zingangeni nakanye ‘ezingxabanweni zomlomo nezolimi’” siyokwazi khona ukuvela emhlabeni. Enye ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu ukunqoba sonke isintu bese ezuza abantu abakhethiwe ngomsebenzi wakhe. Enye ingxenye ukunqoba wonke amadodana okuvukela ngezinhlekelele ezehlukene. Lokhu kuyingxenye eyodwa yomsebenzi kaNkulunkulu obanzi. Kungale ndlela kuphela lapho umbuso wasemhlabeni ofunwa nguNkulunkulu ungafezeka ngokuphelele, futhi lokhu kuyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu onjengegolide elihle.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 17” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla, angehleli nje kuphela esizweni sikadrako omkhulu obomvu, ngiphinde ngiphendulele ubuso Bami ezulwini nomhlaba wonke, ukuze izulu nomhlaba kuthuthumele. Ingabe ikhona indawo engakutholi ukwahlulela Kwami? Ingabe ikhona indawo engenazo izishayo engizehlisele phansi? Yonke indawo engiya kuyo ngisakaze izimbewu zenhlekelele yalo lonke uhlobo. Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa komuntu, futhi engibanikeza khona kusewuhlobo oluthile lothando. Ngifisa ukwenza abantu abaningi kakhulu ukuba bangazi, bakwazi ukungibona, futhi ngaleyo ndlela bakwazi ukuhlonipha uNkulunkulu abangakaze bambone iminyaka eminingi, kodwa ongokoqobo namuhla.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 10” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulesi sigaba somsebenzi, uNkulunkulu ufuna ukwembula izenzo Zakhe emhlabeni wonke ukuze sonke isintu esamphika sibuye sizokhothama ngokuzinikela phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, ngalendlela phakathi kokwahlulela kukaNkulunkulu kusekhona uzwelo nothando. UNkulunkulu usebenzisa izigameko zamanje emhlabeni wonke njengamathuba okwenza abantu bethuke, ebagqugquzela ukuthi bafune uNkulunkulu ukuze bahlabe uhele baphindele Kuye. Kanjalo uNkulunkulu uthi, “Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa kwabantu, futhi engibanikeza kona kusewuhlobo oluthile lothando.”

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 10” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Sithinte nge-Whatsapp