INkosi uJesu inguNkulunkulu onomusa nothando. Kuphela nje uma sisekela igama leNkosi uJesu futhi sigcina indlela Yakhe, sikholwa ukuthi ngeke asilahle lapho ebuya, kodwa uyosihlwitha asingenise embusweni wezulu. Ngabe ukukholwa okunje kulungile?

November 02, 2017

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngokuba kulotshiwe, Yibani ngcwele; ngoba mina ngingcwele” (1 Petru 1:16).

UJesu wabaphendula wathi, Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini, Lowo nalowo owenza isono uyisisebenzi sesono. Kanti isisebenzi asihlali phakade endlini: kodwa indodana ihlala phakade” (NgokukaJohane 8:34—35).

“Babusisiwe labo abenza imiyalelo Yakhe, ngoba ukuze babe nelungelo emuthini wokuphila, futhi bangene emzini ngesango” (IsAmbulo 22:14).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Kumele wazi ukuthi ngifisa uhlobo olunjani lwabantu; abangcolile abavunyelwe ukungena embusweni, abangcolile abavunyelwe ukungcolisa umhlabathi oNgcwele. Nakuba kungenzeka wenze umsebenzi omkhulu, futhi ususebenze iminyaka, uma ekugcineni useokungcola okuthunazayo—akubekezeleleki emthethweni weZulu ukuthi ufuna ukungena embusweni Wami! Kusukela ekusekelweni komhlaba kuze kube namuhla, angikaze ngilokothe ngivule intuba elula yokungena embusweni Wami ngenxa yalabo abazincengela Kimi. Lona umthetho wezulu, akekho ongawephula! Kumele ufune ukuphila. Namuhla, labo abayopheleliswa bawuhlobo olufana noPetru: Yilabo abafuna uguquko esimweni sabo semvelo, abafuna ukufakaza ngoNkulunkulu benze nomsebenzi njengesidalwa sikaNkulunkulu. Abantu abafana nalaba kuphela abayopheleliswa. Uma ufuna kuphela imiklomelo, ungafuni ukuguqula isimo sokuphila kwakho kuphela, yonke imizamo yakho iyoba yize—lokho iqiniso elingenakuguqulwa!

Kucashunwe embhalweni othi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isoni esifana nawe, esisanda kuhlengwa, futhi esingakaguquki, noma sapheleliswa nguNkulunkulu, ungayifuna inhliziyo kaNkulunkulu? Nina, enisenobumina bakudala, kuyiqiniso ukuthi nisindiswe nguJesu, nokuthi anibaliwe njengezoni ngenxa yensindiso kaNkulunkulu, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi aninasono, nokuthi aningcolile. Ningaba ngcwele kanjani uma ningakaguquki? Ngaphakathi kini, nigcine ukungcola, ubugovu nokudelela, kodwa nisafuna ukwehla noJesu—ngabe ninenhlanhla! Niphuthwe isinyathelo ekukholweni kwenu kuNkulunkulu: Nihlengiwe nje, kodwa anikaguquki. Ukuthi nifune inhliziyo kaNkulunkulu, uNkulunkulu kufanele azenzele Ngokwakhe umsebenzi wokukuguqula nowokukuhlanza; uma uhlengiwe kuphela, ngeke ukwazi ukuzuza ukungcweliswa. Ngale ndlela ngeke ukulungele ukwabelana ngezibusiso ezinhle zikaNkulunkulu ngoba weqe isinyathelo emsebenzini kaNkulunkulu sokuphatha umuntu, okuyisinyathelo esisemqoka sokuguqulwa nokupheleliswa. Manje-ke wena, soni esisanda kuhlengwa, awukwazi ukuthola ifa likaNkulunkulu ngqo.

Kucashunwe embhalweni othi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Akawuphindi umsebenzi noma kuyiphi inkathi. Ngenxa yokuthi izinsuku zokugcina sezifikile, uzokwenza umsebenzi awenzayo ezinsukwini zokugcina futhi embule sonke isimo ngezinsuku zokugcina. Ekukhulumeni ngezinsuku zokugcina, lokhu kubhekise enkathini ehlukile, leyo uJesu athi nakanjani niyobhekana nenhlekelele, futhi nibhekane nokuzamazama komhlaba, indlala, nezifo ezibhubhisayo, okuyizinto ezizobonisa ukuthi yinkathi entsha lena, akuseyona endala iNkathi Yomusa. Uma kungukuthi, njengoba abantu besho, u uNkulunkulu akasoze aguquka, isimo Sakhe sihlala sibonisa isihawu nothando futhi uthembisa wonke umuntu insindiso futhi akasoze azonda umuntu, ngakho ingabe umsebenzi Wakhe uyokwazi ukufika esiphethweni? Ngesikhathi uJesu efika lapha, wabethelwa esiphambanweni, wazenza umhlatshelo ngenxa yazo zonke izoni futhi wazinikela phezu kwe-altare. Wayesewuqede kudala umsebenzi wokuhlenga futhi wafikisa iNkathi Yomusa esiphethweni. Ngakho sikuphi isidingo sokuphinda umsebenzi wangaleyo nkathi ezinsukwini zokugcina? Ingabe ukuphinda into enjalo akwenzi kube sengathi uJesu akenzanga lutho? Ukuba uNkulunkulu akenzanga umsebenzi wokubethelwa lapho efika kulesi sigaba kodwa waqhubeka nokuthanda nokuba nesihawu, ngakho wayeyokwazi ngempela ukufikisa lo msebenzi ekupheleni? Ingabe uNkulunkulu onothando nonobubele wayengayifikisa le nkathi esiphethweni? Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ngokubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka. Uma kuwukuthi, ekwembuleni umphumela womuntu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubesengambonisa uzwelo nothando olungapheli futhi aqhubeke ukuba nothando kuye, engamfaki umuntu phansi kokwahlulela okulungile kodwa emkhombisa ukubekezela, isineke, kanye nokuxolela, futhi ethethelela umuntu noma zizimbi kanjani izono zakhe, ngaphandle kwecashaza lokwahlulela okulungile: pho ubuyoqedwa nini wonke umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo besiyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlala linothando, ijaji elinobuso obunomusa nenhliziyo ethambile. Lithanda abantu kungakhathaleki ukuthi benza izono ezingakanani futhi linothando futhi liyababekezelela kungakhathaleki ukuthi bangobani. Ngakho, kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungiswa? Ezinsukwini zokugcina, ukwahlulela okulungile kuphela okuyohlukanisa abantu ngokohlobo futhi kulethe umuntu endaweni entsha. Ngale ndlela, inkathi yonke ifikiswa esiphethweni ngesimo sokwahlulela nokusola okulungileyo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu. Uma ungawabuki la maqiniso ngokubaluleka kwawo futhi uhlala ucabanga ukuwabalekela noma ukuthola indlela entsha yokuwabalekela, ngithi uyisoni esikhulu. Uma ukholwa kuNkulunkulu, ube ungalifuni iqiniso noma intando kaNkulunkulu, noma ungayithandi indlela ekusondeza kuNkulunkulu, ngakho ngithi kuwe ungumuntu ozama ukubalekela ukwahlulela. Ungunopopi futhi uyimbuka elibalekela isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe. UNkulunkulu ngeke axolele muntu ohlubukayo ophunyukayo phansi kwamehlo Akhe. Abantu abanjalo bayothola isijeziso esiqine kakhulu. Labo abeza phambi kukaNkulunkulu ukuze behlulelwe futhi esebengcwelisiwe bayophila phakade embusweni kaNkulunkulu. Nakanjani, lokhu kuyokwenzeka esikhathini esizayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ningazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kini; indlela eniyikhethayo iyoba yisinqumo senu. Okumele nikuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngamagama, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi ayizibhidi okulokhu kubanjelelwe kuwo izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni amagama angakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Noma ubani ongakholelwa kuNkulunkulu esimweni somuntu—okungukuthi, noma ubani ongakholwa umsebenzi namazwi kaNkulunkulu obonakalayo futhi ongakholelwa kuNkulunkulu obonakalayo kodwa kunalokho ekhulekela uNkulunkulu ongabonakali osezulwini—akanaye uNkulunkulu enhliziyweni Yakhe. Bangabantu abangalaleli futhi abaphika uNkulunkulu. Laba bantu bantula ubuntu nomqondo, lingasabalwa iqiniso. Ngoba laba bantu, kuningi abangakukholwa ngoNkulunkulu obonakalayo nongokoqobo, uNkulunkulu ongabonakali futhi okungabonakali sengathi ungokoqobo, ukude kakhulu nezinhliziyo zabo. Abakufunayo akulona iqiniso lento engokoqobo, futhi akuwona amaqiniso okuphila, akuhlobene nezinhloso zikaNkulunkulu; kunalokho balwela ukufica injabulo. Noma iziphi izinto abazifuna kakhulu nabazifisayo, ngaphandle kokuthandabuza, kusuke kuyizinto ezizuzisa bona nezifunwa yibo. Okuwukuphela kwento ebenza bakholelwe kuNkulunkulu ukuthi bafuna ukwanelisa izifiso zabo, hhayi ukufuna iqiniso. Ingabe akubona yini abantu ababi laba? Bazithemba ngokwedlulele, futhi abakholwa ukuthi uNkulunkulu osezulwini angababhubhisa, laba abazibiza “ngabantu abalungile.” Esikhundleni salokho, bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyobavumela basale, futhi ngaphezu kwalokho, uyobanika umvuzo wokuhle, ngoba bamenzele izinto eziningi uNkulunkulu, futhi babonisa “ubuqotho” obukhulu Kuye. Uma befuna uNkulunkulu obonakalayo, bebeyomelana ngokushesha noNkulunkulu noma bathukutheliswe ukungafezeki kwezifiso zabo. Laba abantu abakhohlakalele ukwanelisa izifiso zabo; ababona abantu abaqotho abafuna iqiniso. Abantu abanjalo babizwa ngokuthi ngabantu ababi abalandela uKristu. Labo bantu abangalifuni iqiniso, abanakulikholelwa iqiniso. Phezu kwalokho abakwazi ngokwengeziwe ukubona ikusasa lesintu, ngoba awukho umsebenzi noma amazwi kaNkulunkulu obonakalayo abawakholwayo, futhi ngeke bakholelwe ekusaseni lomuntu. Ngakho, ngisho noma bemlandela uNkulunkulu weqiniso, basakwenza okubi futhi abalifuni iqiniso, abakwenzi nalokho okufunwa iqiniso. Labo bantu abangakukholwa ukuthi bazobhujiswa ngokuphambene yibona empeleni abazobhujiswa. Bonke bacabanga ukuthi bahlakaniphile, futhi bakholelwa ukuthi yibo abenza okushiwo yiqiniso. Ukuziphatha kabi kwabo bakubheka njengeqiniso futhi bayakuqhakambisa. Laba bantu abakhohlakele bazibona belungile; iqiniso balenza imfundiso, bese izenzo ezimbi bezenza iqiniso, futhi ekugcineni bayovuna abakutshalile. Lapho abantu bezibona khona belungile, yilapho beba khona ngabantu abazidlayo, yila bengakwazi khona ukuthola iqiniso; lapho abantu bekholelwa kuNkulunkulu osezulwini, yilapho bemphika khona. Laba abantu abayojeziswa.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Sithinte nge-Whatsapp