INkosi uJesu yathi izobuya, futhi iyiphi indlela eyobuya ngayo?

November 04, 2017

INkosi uJesu yathi izobuya, futhi iyiphi indlela eyobuya ngayo?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane. Umuntu unethemba lokuthi uMsindisi uzophinde enze umsebenzi wokukhulula awenza kumaJuda nokuthi uzoba nesihawu nothando kubantu, abathethelele izono zabo, athwale izono zabantu nazo zonke izeqo zabo futhi akhulule abantu esonweni. Balangazelela ukuthi uJesu uMsindisi afane nasekuqaleni—uMsindisi onothando, onobungani nohloniphekile, ongakaze amthukuthelele umuntu futhi ongakaze amsole. Lo Msindisi uthethelela futhi athwale zonke izono zomuntu, futhi aze afe esiphambanweni efela abantu. Njengoba uJesu ahamba, abafundi bakhe ababemlandela nabo bonke abangcwele ababesindisiwe balibonga igama Lakhe, bebelokhu bemlangazelele kakhulu futhi bemlindile. Bonke labo ababesindiswe ngomusa kaJesu Kristu phakathi neNkathi Yomusa bebelokhu belangazelele lolo suku lwenjabulo phakathi nezinsuku zokugcina, lapho uJesu uMsindisi efika ngefu elimhlophe futhi ebonakala kubantu. Empeleni, lesi yisifiso sabo bonke labo abamukela igama likaJesu uMsindisi namuhla. Kuyo yonke indawo, bonke labo abayaziyo insindiso kaJesu uMsindisi bebelokhu bekulindile ukufika kungazelelwe kukaJesu Kristu, ukuze kugcwaliswe amazwi kaJesu lapho esesemhlabeni: “Ngizofika ngendlela engihambe ngayo.” Umuntu ukholelwa ukuthi ngemva kokubethelwa novuko, uJesu wabuyela ezulwini ngefu elimhlophe, wabe esethola indawo Yakhe ngakwesokunene Sophezu Konke. Ngokufanayo, umuntu ucabanga ukuthi uJesu uzophinde ehle ngefu elimhlophe (leli fu libhekisela efwini lelo uJesu anyuka ngalo lapho ebuyela ezulwini), phakathi kwalabo abebelokhu bemlinde ngokulangazela iminyaka eyizinkulungwane nokuthi uzoba nesithombe nezembatho zamaJuda. Ngemva kokuvela kubantu, uyobanika ukudla futhi enze amanzi okuphila ukuba agobhoze phambi kwabo futhi aphile nabantu, egcwele umusa nothando, ephila futhi engokoqobo. Njalo njalo. Nokho uJesu uMsindisi akazange akwenze lokhu; wenza okuphambene nalokho umuntu ayekucabanga. Akazange afike kulabo abebelokhu belinde ukubuya Kwakhe futhi akazange abonakale kubo bonke abantu njengoba ayegibele ifu elimhlophe. Usefikile, kodwa abantu abamazi, futhi bayaqhubeka bengakunaki ukufika Kwakhe. Abantu bamane bamlinda ngokungenasidingo futhi bengaboni ukuthi usehlile ngefu elimhlophe (ifu eliwuMoya Wakhe, amazwi Akhe kanye nesimo semvelo Yakhe yonke nakho konke ayikho), manje usephakathi kweqembu labantu abangabanqobi azobakha phakathi nezinsuku zokugcina. Abantu abakwazi lokhu: Nakuba uMsindisi ongcwele uJesu egcwele uthando futhi ebakhonzile abantu, angasebenza kanjani “emathempelini” agcwele ukungcola nemimoya emibi? Nakuba umuntu elokhu elinde ukufika Kwakhe, angabonakala kanjani kulabo abadla inyama yabangalungile baphuze igazi labangalungile, bagqoke izingubo zabangalungile, abakholelwa Kuye kodwa bengamazi futhi abaqhubeka bemphanga? Abantu bazi kuphela ukuthi uJesu uMsindisi ugcwele uthando nobubele, futhi ungumnikelo wesono oyisihlawulelo. Kodwa umuntu akaqondi nakancane ukuthi Yena unguNkulunkulu Uqobo, ochichima ukulunga, ubukhosi, ulaka nesahlulelo, onegunya futhi abe nesithunzi. Nakuba kunjalo umuntu usakulangazelela futhi ukomele ukubuya koMkhululi, futhi ngisho noma Izulu linyakaza ngenxa yemithandazo yabantu, uJesu uMsindisi akabonakali kulabo abakholelwa Kuye kodwa bengamazi.

kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uwumuntu ezweni elibanzi lamaShayina, balibiza kanjalo abomdabu baseHong Kong nabaseTaiwan ugu. Lapho uNkulunkulu ehlela emhlabeni, akekho ezulwini owayazi ngalokho, ngoba lena incazelo yangempela yokubuya kukaNkulunkulu ngendlela efihlekile. Ubelokhu eyinyama esebenza futhi ephila isikhathi eside, kodwa akekho owaze ngakho. Kuze kube namuhla, akekho obonayo. Mhlawumbe lokhu kuyoba impicabadala kuze kube phakade. Ukuba yinyama kukaNkulunkulu kulokhu akuyona into engabonwa yinoma ubani. Kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi kaMoya ubanzi futhi unamandla kangakanani, uNkulunkulu uhlale ezolile, akalokothi aphaphazele. Omunye angase athi kunjengokungathi lesi sigaba somsebenzi Wakhe senzeka endaweni yasezulwini. Nakuba kusobala kuwo wonke umuntu, akekho okuqaphelayo. Lapho uNkulunkulu eqeda lesi sigaba somsebenzi Wakhe, wonke umuntu uyovuka emaphusheni akhe amade abuyise umbono ayenawo ekuqaleni.[1] … Lapho esindisa umuntu esiphambanweni, uJesu wayemane ephelelisa umsebenzi wokuhlenga; wayengenzi umsebenzi wokuphelelisa. Ngakho kwakwenziwa uhhafu womsebenzi kaNkulunkulu, futhi ukuqeda umsebenzi wokuhlenga kwakuyingxenye yalo lonke icebo Lakhe. Njengoba inkathi entsha yayisizoqala futhi endala isiphela, uNkulunkulu uBaba waqala ingxenye yesibili yomsebenzi Wakhe futhi waqala ukuyilungisa. Esikhathini esedlule, lokhu kuba samuntu ngezinsuku zokugcina kungenzeka kwaprofethwa, ngakho lokho kwabeka isisekelo emfihlweni edlondlobalayo yokuza kukaNkulunkulu enyameni ngalesi sikhathi. Lapho kusa, kungazi muntu, uNkulunkulu weza emhlabeni waqala ukuphila enyameni. Abantu babengawunakile lo mzuzu. Mhlawumbe babezumekile, mhlawumbe labo ababebhekile begadile babelindile, mhlawumbe abanye babethandaza buthule kuNkulunkulu ezulwini. Kodwa phakathi kwabo bonke labantu abaningi, akekho noyedwa owayazi ukuthi uNkulunkulu wayesefikile kakade emhlabeni. UNkulunkulu wasebenza ngale ndlela ukuze awufeze ngaphandle kwezingqinamba umsebenzi Wakhe futhi athole imiphumela engcono, nokuthi agweme ezinye izilingo. Lapho umuntu ephaphama, umsebenzi kaNkulunkulu wawusuphele kudala futhi wayesehamba, waqhubeka nokuphila noma uhambo lwasemhlabeni. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu udinga ukuthi uNkulunkulu azenzele futhi akhulume mathupha, nokuthi ayikho indlela umuntu asiza ngayo, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu bokuza emhlabeni ezozenzela umsebenzi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu uzifake engozini izikhathi eziyizinkulungwane eziningi kunezangeNkathi Yomusa eza lapho kuhlala khona udrako omkhulu obomvu ezokwenza umsebenzi Wakhe, ezozama ngazo zonke izindlela ukuzohlenga leli qembu elingenabani labantu, ezotakula leli qembu labantu elibishe odakeni.

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Manje umsebenzi omusha kaNkulunkulu sewuqalile, futhi uyisiqalo senkathi entsha. UNkulunkulu uletha endlini Yakhe labo abahlengiwe ukuqala umsebenzi Wakhe omusha wensindiso. Ngalesi sikhathi, umsebenzi wensindiso wenzisiswa kakhulu kunangaphambilini. Ngeke wenziwe uMoya oNgcwele esebenza kumuntu ukumvumela ukuthi aziguqukele, futhi ngeke wenziwe ngomzimba kaJesu uvela phakathi kwabantu, futhi ngeke wenziwe nakancane ngenye indlela. Kunalokho, umsebenzi uzokwenziwa futhi uqondiswe uNkulunkulu osenyameni uqobo. Lokhu kwenziwa ukuholela umuntu emsebenzini omusha. Akuyona into enhle kakhulu leyo? UNkulunkulu akawenzi lo msebenzi ngengxenye yabantu noma ngeziprofetho, kodwa ngoNkulunkulu uqobo Lwakhe. …

Manje, uNkulunkulu ufika ezokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuyiwo kuphela umzimba kaNkulunkulu wokuba senyameni kwesibili, kodwa futhi umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Uyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awukwazi ukubona into ehlukile kweyabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kanye nokuvezwa kwaso sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu agcine esazi. Awuzange ube nesifiso esikhulu sokubona uNkulunkulu osezulwini? Awuzange ube nesifiso esikhulu ukuqonda uNkulunkulu ezulwini? Awuzange ufise kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo okungekho muntu oke wakwazi ukukutshela zona, futhi uzokutshela namaqiniso ongawaqondi. Uyisango lakho lokungena embusweni, nomqondisi wakho ekungeneni enkathini entsha. Inyama ejwayeleke kanjalo iqukethe izimfihlakalo ezingenakwaziwa. Izenzo Zakhe zingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi awenzayo wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okukhonjiswa uNkulunkulu esintwini ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwenduku yensimbi Yakhe, ungezwa emazwini Akheulaka lukaNkulunkulu futhi wazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela uNkulunkulu anakho ngesintu. Umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ukuvumela umuntu ukubona uNkulunkulu osezulwini ephila phakathi kwabantu emhlabeni, futhi nokwenza umuntu ukuthi azi, alalele, ahloniphe, futhi athande uNkulunkulu. Yingakho ebuyele enyameni okwesibili.

kwesithi “Ingabe Uyazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukubuyisa umbono ababenawo ekuqaleni” kubhekisela endleleni abantu abacabanga nababheka ngayo uguquko lukaNkulunkulu lapho sebazi uNkulunkulu.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Sithinte nge-Whatsapp