Ingabe uKristu ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu noma Yena Uqobo unguNkulunkulu?

April 07, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“UFiliphu wathi kuye, Nkosi, sibonise uYihlo, futhi kusanele. UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka ngikanye nani, kodwa awukangazi, Filiphu? ongibonile mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sibonise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami: kodwa uBaba ohlezi kimi, wenza imisebenzi. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi: uma kungenjalo kholwani yimi ngenxa yemisebenzi” (UJohane 14:8-11).

“Mina noBaba wami simunye” (Johane 10:30).

Ingabe uKristu ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu noma Yena Uqobo unguNkulunkulu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe ubuntu noma ubunkulunkulu Bakhe, kokubili kuthobela intando kaBaba osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. Ngakho-ke, uNkulunkulu osesimweni somuntu angeke awenze umsebenzi ozophazamisa ukuphatha Kwakhe. Yilokhu okumele bonke abantu bakuqonde. Umongo womsebenzi kaMoya oNgcwele ukusindisa abantu ngenxa yokuphatha kukaNkulunkulu. Kanjalo, umsebenzi kaKristu ukusindisa abantu ngenxa yentando kaNkulunkulu. Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe, ngendlela yokuthi inyama Yakhe yanele ukwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uthathelwa indawo umsebenzi kaKristu ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu, kanti futhi umongo wawo wonke umsebenzi ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu ungumsebenzi kaKristu. Awukwazi ukuhlanganyelwa nomsebenzi wangenye inkathi. Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Indodana yomuntu esesimweni somuntu yaveza ubunkulunkulu bukaNkulunkulu ngokobuntu Bakhe futhi yadlulisa intando kaNkulunkulu esintwini. Futhi ngokubonakaliswa kwentando kanye nesimo sikaNkulunkulu, Yena waphinda waveza kubantu uNkulunkulu ongabonakali noma ongathinteki emhlabeni wakwamoya. Lokhu okwabonwa ngabantu kwakunguNkulunkulu uqolo Lwakhe, ethinteka futhi enenyama namathambo. Ngakho iNdodana yomuntu esesimweni somuntu yenza izinto ezifana nobuyena Bakhe, ukuma Kwakhe, isithombe Sakhe, isimo Sakhe kanye nalokho Yena anakho nayikho, yaqina futhi yenziwa isimo somuntu. Noma ngabe ukubonakala kwengaphandle kweNdodana yomuntu kwaba nemikhawulo mayelana nomfanekiso kaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nalokhu anakho nayikho kwakwazi ngokupheleleyo ukumela ubunjalo nokuma—kwakunokwahlukana ngokwesimo sokubonakaliswa. Noma ngabe ubuntu beNdodana yomuntu noma ubunkulunkulu Bayo, ngeke siphike ukuthi Yona yamela ubunjalo nokuma kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, nokho, uNkulunkulu wasebenza ngenyama, wakhuluma njengokwenyama, futhi wama phambi kwesintu ngobunjalo nangokuma kweNdodana yomuntu, futhi lokhu kwanika abantu ithuba lokuhlangana nokuzizwela amazwi eqiniso kaNkulunkulu phakathi kwesintu. Yaphinda yavumela abantu ukuba babe nokuqonda ubunkulunkulu Bakhe kanye nobukhulu Bakhe phakathi kokuzithoba, kanye nokuzuza ukuqonda kwangaphambili kanye nencazelo yangaphambili yeqiniso kanye noqobo lukaNkulunkulu. Nakuba umsebenzi owafezwa iNkosi uJesu, izindlela Zakhe zokusebenza, nange ndlela ayekhuluma ngayo eyabe yahlukile kuleyo yomuntu woqobo kaNkulunkulu emhlabeni wakwamoya, yonke into Ngaye yamela uNkulunkulu uqobo ngokweqiniso abantu ababengakaze bayibone ngaphambili—lokhu ngeke kuphikwe! Okusho ukuthi, noma ngabe uNkulunkulu uvela ngasiphi isimo, noma ukhuluma ngayiphi indlela Yena akhuluma ngayo, noma ngamuphi umfanekiso abhekana ngawo nesintu, uNkulunkulu akameli lutho kodwa Yena uqobo Lwakhe. Yena angeke amele umuntu—angeke amele noma imuphi umuntu okhohlakele. UNkulunkulu unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokhu akusoze kwaphikwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba ayethandaza, uJesu wabiza uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, lokhu wakwenza esesimweni somuntu odaliwe, ngoba kuphela uMoya kaNkulunkulu wawembethe inyama ejwayelekile nevamile futhi embeswe isimo somuntu. Nakuba ngaphakathi wayenoMoya kaNkulunkulu, ukubukeka Kwakhe kwangaphandle kwakusengokomuntu ovamile; ngamanye amazwi, wayesephenduke “iNdodana yomuntu” okungukuthi futhi bonke abantu bakhuluma, kuhlanganise naye uJesu Uqobo, njengoba ebizwa ngeNdodana yomuntu, ungumuntu (ngabe umuntu wesilisa noma wesifazane, kunoma yikuphi onesimo sangaphandle somuntu) ozalelwe emndenini nakubantu abajwayelekile. Ngakho-ke, ukubiza kukaJesu uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, kuyefana nalapho wena umbiza ngokuthi Baba; Lokho wakusho esesimweni somuntu. Uyawukhumbula uMthandazo weNkosi, uJesu akufundisa ukuba uwubambe ngekhanda? “Baba wethu osezulwini….” Kulo mthandazo, uJesu watshela bonke ukuba babize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Futhi, njengoba naye umbiza ngoBaba, wakusho lokhu ngokombono noma esesimweni sokulingana nani nonke. Njengoba nani nibiza uNkulunkulu ezulwini ngoBaba, lokhu kubonisa ukuthi uJesu wazilinganisa nani, futhi njengomuntu wasemhlabeni owayekhethwe uNkulunkulu (okungukuthi, iNdodana kaNkulunkulu). Uma ubiza uNkulunkulu “ngoBaba,” akukona yini ukuthi umbiza ngoba wena uyisidalwa? Noma kunjalo, naphezu kwegunya uJesu ayenalo ngaphambi kokuba abethelwe, wayemane eyiNdodana yomuntu, eqondiswa uMoya kaNkulunkulu (okungukuthi, uNkulunkulu), njengesinye sezidalwa zasemhlabeni, ngoba wayengakawuqedi umsebenzi wakhe. Ngakho-ke, ukuthobeka nokulalela kuphela okwamgqugquzela ukuba abize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Nokho, ngokubiza uNkulunkulu (okungukuthi, uMoya osezulwini) ngaleyo ndlela, akusho ukuthi uyiNdodana yoMoya kaNkulunkulu osezulwini. Kunalokho, kumane kusho ukuthi umbono wakhe wehlukile, hhayi kodwa ukuthi ungumuntu owehlukile. Imfundiso yokuthi kunabantu abehlukile ingamanga! Ngaphambi kokuba abethelwe, uJesu wayeseyiNdodana yomuntu ebhekene nokulinganiselwa kwenyama, engenalo igunya eliphelele loMoya. Yingakho ayenza intando kaNkulunkulu uYise ngokombono wesidalwa senyama. Yingakho athandaza kathathu eGetsemane: “Kungabi ngokuthanda Kwami, kodwa ngokuthanda Kwakho.” Ngaphambi kokuba afe esiphambanweni, wayeseyiNkosi, kodwa iNkosi yamaJuda; wayenguKristu, iNdodana yomuntu, kodwa engenawo umzimba wenkazimulo. Yingakho ngokombono womuntu abiza uNkulunkulu ngoBaba.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusekhona nalabo abathi, “UNkulunkulu akashongo yini ngokusobala ukuthi uJesu uyiNdodana Yakhe ethandekayo?” UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ajabula kakhulu ngayo—lokhu kwakhulunywa nguNkulunkulu Uqobo. Empeleni uNkulunkulu wayekhuluma Ngaye, ngendlela eyehlukile, kufana ngokuthi uMoya osezulwini unikeza ubufakazi bukaNkulunkulu esesimweni somuntu Ngokwakhe. UJesu enguNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, hhayi iNdodana Yakhe esezulwini. Uyakuqonda lokho? La mazwi kaJesu athi: “NgikuBaba, noBaba uKimina,” awasho yini ukuthi banguMoya owodwa? Akukona yini ukuthi ngokwesimo somuntu sikaNkulunkulu wazihlukanisela ezulwini nasemhlabeni? Eqinisweni, bamunye; kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kumanje nje kunguNkulunkulu ofakaza ngaye Ngokwakhe. Uyaziguqula ngokushintsha kwenkathi ngayinye, ngokuya kwemfuneko yomsebenzi ngokwezigaba ezehlukahlukene ngokwentando Yakhe, njengoba namagama abantu abambiza ngawo nawo eshintsha. Lapho eqala isigaba sokuqala somsebenzi Wakhe, wayebizwa ngokuthi uJehova, uMalusi wama-Israyeli. Esigabeni sesibili, yawebizwa ngokuthi iNkosi noKristu. Kodwa ngaleso sikhathi, uMoya osezulwini wathi uyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu, awushongo ukuthi uwukuphela kweNdodana kaNkulunkulu. Lokhu akwenzekanga. UNkulunkulu angaba kanjani nomntwana oyedwa? Ingabe uNkulunkulu waphenduka waba umuntu? Ngenxa yokuthi wayekwesinye isimo, wayebizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngenxa yalokhu, kube sekuvela ubuhlobo phakathi kukaYise neNdodana. Lokhu kwakubangelwa ukwehlukana kwezulu nomhlaba. UJesu wathandaza esesimweni senyama. Njengoba ayembethe inyama yobuntu obujwayeleke kangaka, wakhuluma la mazwi esesimweni somuntu: “Umzimba wami ufana nodaliwe. Njengoba ngembatha wona ukuze ngize emhlabeni, manje ngikude kakhulu nezulu.” Ngenxa yaleso sizathu, wayengathandaza kuNkulunkulu uYise esesimweni sokuba wumuntu. Lona kwakungumsebenzi Wakhe, ukuze kufezeke injongo kaNkulunkulu. Ngeke sithi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi wathandaza kuYise esesimweni somuntu. Nakuba ebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, usenguye uNkulunkulu, usesimweni sokuba wuMoya futhi uyingxenye yawo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma kukhona phakathi kwenu othi ikhona ngempela le nto kaZiqu Zintathu, akachaze ukuthi uyini ngempela lo Nkulunkulu oyedwa kubantu abathathu. Ungubani uYise oNgcwele? Ingubani iNdodana? Uyini uMoya oNgcwele? Ingabe uJehova unguYise oNgcwele? Ingabe uJesu uyiNdodana? Ngakho uyini pho uMoya oNgcwele? UYise akawona yini uMoya? Ingabe ingxenye ethile yeNdodana ayiwona yini uMoya? Imisebenzi kaJesu yayingeyona yini imisebenzi yoMoya oNgwele? Imisebenzi kaJehova okwesikhathi esithile yayiqondiswa uMoya ofana noJesu? UNkulunkulu oyedwa angaba nemiMoya emingaki? Ngokwencazelo yakho, la bantu abathathu uYise, iNdodana noMoya oNgcwele bamunye; uma kunjalo, kusho ukuthi kunoMoya omthathu, kodwa ukuze kube noMoya omthathu kusho ukuthi kunoNkulunkulu abathathu. Lokhu kusho ukuthi akekho uNkulunkulu oyedwa weqiniso; lo Nkulunkulu angaqhubeka kanjani abe nemvelo yoqobo kaNkulunkulu kuye? Uma uvuma ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, angaba kanjani nendodana aphinde abe ubaba? Akuyona yini imibono yakho leyo? Kukhona uNkulunkulu oyedwa, noMoya owodwa kaNkulunkulu, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi “KunoMoya oNgcwele owodwa noNkulunkulu oyedwa kuphela.” Kungakhathaliseki ukuthi uYise neNdodana okhuluma ngabo bakhona noma cha, kunoNkulunkulu oyedwa, futhi le ngxenye kaYise, iNdodana, noMoya oNgcwele okholelwa kukho kuyingxenye yoMoya oNgcwele. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu unguMoya, kodwa uyakwazi ukuba yinyama aphile phakathi kwabantu, futhi abe ngaphezu kwakho konke. UMoya wakhe uyikho konke futhi uhlale ukhona. Angakwazi ukuba senyameni ngesikhathi esifanayo futhi abe semhlabeni nangaphezu kwawo. Njengoba bonke abantu bethi uNkulunkulu uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, kusho ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, okwazi ukuba yikho konke! UNkulunkulu unguMoya owodwa, ungumuntu oyedwa; futhi lowo uMoya kaNkulunkulu. Uma kuya njengokusho kwakho, uYise, iNdodana kanye noMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi ababona oNkulunkulu abathathu, akunjalo? UMoya ungenye into iNdodana ingenye kanjalo noYise ungenye. Iziqu Zabo zehlukene futhi izingqikithi Zabo zihlukene, ngakho bahlangana kanjani futhi babe yingxenye kaNkulunkulu oyedwa? UMoya oNgcwele unguMoya; kulula ngabantu ukuba baqonde lokho. Uma kunjalo, kusho ukuthi uYise unguMoya nakakhulu. Akakaze ehlele emhlabeni futhi akazange abe yinyama; unguJehova uNkulunkulu osezinhliziyweni zabantu, impela unguMoya. Uma kunjalo, yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi Kwakhe noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obufanayo obuphakathi kukaYise neNdodana? Noma ubuhlobo obufanayo noboMoya oNgcwele kanye noMoya kaYise? Ingabe ingxenye ngayinye yoMoya iyefana? Noma ingabe uMoya oNgcwele uyithuluzi likaYise? Yikuphi ngempela okuyikona? Buyini-ke ubuhlobo phakathi kweNdodana noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obuphakathi kwemiMoya imibili noma ubuhlobo obuphakathi komuntu noMoya? Lena yimpicabadala! Uma kuwukuthi kunoMoya owodwa, kusho ukuthi ayikho indaba yabantu abathathu ngoba ngeke bangenwe uMoya owodwa, uma bengabantu abathathu abahlukene, kusho ukuthi amandla oMoya wabo ngeke afane, futhi akukwazi ukuthi kube noMoya owodwa. Le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele iwubulima! Lokhu kwahlukanisa uNkulunkulu ahlukane abe abantu abathathu, ngamunye onesiqu noMoya; angaba kanjani futhi uMoya owodwa noNkulunkulu oyedwa? Ake nisho, ingabe amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Abanye bathi konke lokhu bakudala ndawonye. Ngakho ubani-ke pho owasindisa isintu? Ingabe nguMoya oNgcwele, yiNdodana noma nguYise? Abanye bathi yiNdodana eyahlenga isintu. Ngakho ingubani ngempela le Ndodana? Ayikona yini ewukubonakaliswa koMoya kaNkulunkulu? UNkulunkulu esesimweni somuntu, uJesu ubiza uNkulunkulu osezulwini ngokuthi Baba. Awazi yini ukuthi uJesu wazalwa ngokoMoya oNgcwele? UnoMoya oNgcwele; noma ungathini, uJesu unoNkulunkulu ezulwini, ngoba uyisimo sikaNkulunkulu soMoya. Le mfundiso yokuthi kuneNdodana ayilona neze iqiniso. NguMoya owodwa owenza zonke izinto; uNkulunkulu Uqobo, okungukuthi, uMoya kaNkulunkulu owenza imisebenzi yakhe. Ubani uMoya kaNkulunkulu? Awuwona yini uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awusebenzi yini kuJesu? Uma umsebenzi ungenziwanga nguMoya oNgcwele, (okunguMoya kaNkulunkulu) ingabe le misebenzi yenziwa nguNkulunkulu Uqobo?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lokho abantu abaqale bakubona uMoya oNgcwele wehla njengejuba, wehlela phezu kukaJesu; kwakungewona uMoya owehlukile kuJesu, kepha kwakunguMoya oNgcwele. Ingabe-ke uMoya kaJesu noMoya oNgcwele bahlukene? Uma uJesu enguJesu, iNdodana, noMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, kodwa bangaba munye kanjani? Umsebenzi wawungeke uqhubeke uma kunjalo. UMoya okuJesu, uMoya esezulwini kanye noMoya kaJehova yinto eyodwa. Lo Moya ungabizwa ngokuthi uMoya oNgcwele, uMoya kaNkulunkulu, amandla ayisiphekupheku, uMoya oyingqayizivele. UMoya kaNkulunkulu ungafeza umsebenzi omningi. Ukwazi ukudala umhlaba, uphinde awubhubhise ngozamcolo; ukwazi ukuhlenga sonke isintu, unganqoba futhi ubhubhise sonke isintu. Wonke lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu Uqobo futhi akekho obengakwazi ukuwenza esikhundleni sikaNkulunkulu ngaphandle Kwakhe. UMoya Wakhe ungabizwa ngegama likaJehova nelikaJesu kuhlanganise nelikaMninimandla Onke. UyiNkosi noKristu. Ungaba nayiNdodana yomuntu. Usemazulwini nasemhlabeni; usezindaweni eziphezulu kakhulu emkhathini nasezixukwini. Uwukuphela kweNkosi yamazulu nomhlaba! Kusukela ngenkathi yokudala kuze kube manje, lo msebenzi ubulokhu wenziwa uMoya kaNkulunkulu Uqobo. Emisebenzini yasezulwini noma enyameni, yonke le misebenzi yenziwa yilo Moya Wakhe. Zonke izidalwa, kungakhathaliseki ukuthi zisezulwini noma emhlabeni zisentendeni yesandla sikaMninimandla Onke; konke lokhu kuwumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo futhi akekho ongakwazi ukuwenza esikhundleni Sakhe. Emazulwini, unguMoya abuye abe nguNkulunkulu Uqobo; phakathi kwabantu, uyinyama kodwa aqhubeka enguNkulunkulu Uqobo. Nakuba ebizwa ngamagama amaningi, usenguye Uqobo futhi yonke imisebenzi Yakhe ibonakalisa amandla oMoya Wakhe. Ukusindiswa kwabantu ngokubethelwa esiphambanweni kwakuwukusebenza koMoya Wakhe, kanye nokushumayela ezizweni zonke nasemhlabeni wonke ngezinsuku zokugcina. Ngaso sonke, isikhathi uNkulunkulu angabizwa ngokuthi uMninimandla Onke, uNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu okuwuphela Kwakhe. Ngakho ayikho imfundiso yabantu abahlukene, ingasaphathwa-ke le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele! KunoNkulunkulu oyedwa ezulwini nasemhlabeni!

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp