Umuntu angawazi kanjani umongo wobunkulunkulu bukaKristu?

April 07, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

UJesu wathi kuye, Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi uBaba futhi: futhi kusukela manje seniyamazi, futhi nimbonile” (Johane 14:6–7).

“Amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi. Kholwani Yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi: uma kungenjalo, kholwani kimi ngenxa yemisebenzi” (Johane 14:10-11).

Umuntu angawazi kanjani umongo wobunkulunkulu bukaKristu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Indlela abantu abazi ngayo amazwi kaNkulunkulu iyafana nendlela abazi ngayo ukuvela kukaNkulunkulu esenyameni. Ngesikhathi abantu bazana kakhulu namazwi kaNkulunkulu, kulapho bezokwazana kakhulu noMoya kaNkulunkulu; ngokwazi amazwi kaNkulunkulu, abantu baqonda izimiso zomsebenzi kaMoya futhi bafinyelele ekwazini uNkulunkulu wokoqobo uqobo. Empeleni, uma uNkulunkulu ephelelisa abantu futhi ebazuza, ubenza ukuba bazi imisebenzi kaNkulunkulu wokoqobo; usebenzisa umsebenzi kaNkulunkulu wokoqobo ukubonisa abantu ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu, futhi nokubakhombisa ukuthi uMoya kaNkulunkulu usuvelile phambi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni uyafana ncamashi nabantu, wafunda ulwazi lwabantu futhi wakhuluma ulimi lwabantu, futhi kwesinye isikhathi uveza imibono Yakhe ngezindlela zesintu nangemisho, ngendlela abona ngayo abantu, ingqikithi yezinto, nange ndlela abantu abakhohlakele ababona ngayo isintu kanye nobunjalo bezinto akufani. Indlela abuka ngayo kanye nokuphakama kwalapho emi khona kuyinto angenakufinyelela kuyo umuntu okhohlakele. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uyiqiniso, inyama ayigqokile inobunjalo bukaNkulunkulu, futhi imicabango Yakhe kanye nalokho okuvezwa ubuntu Bakhe, nakho kuyiqiniso. Kubantu abakhohlakele, lokhu akukhuluma esenyameni kuwukuhlinzekwa kweqiniso kanye nokuphila. Lokhu kuhlinzekwa akusikhona okomuntu oyedwa, kodwa okwesintu sonke. Ngokuba noma imuphi umuntu okhohlakele, enhliziyweni yakhe kukhona kuphela labo bantu abambalwa abahambisana naye. Yilabo bantu kuphela abakhathalelayo, akhathazekile ngabo. Uma kuvela inhlekelele ucabanga kuqala ngezingane zakhe, lowo ashade naye, noma abazali kanti umuntu othanda ukusiza, angacabanga ngesihlobo noma umngani olungile; uyacabanga ngabanye? Ngeke! Ngoba abantu, emva kwakho konke, bangabantu, futhi bangakwazi ukubheka izinto zonke kuphela ngasohlangothini nokuphakama komuntu. Nokho, uNkulunkulu osemzimbeni uhluke kakhulu kumuntu okhohlakele. Noma ngabe ujwayeleke kangakanani, noma uvame kangakanani, noma uphansi kangakanani uNkulunkulu osemzimbeni, ngisho noma bambukela phansi kangakanani abantu, imicabango Yakhe, nesimo sengqondo Yakhe ngesintu, kuyizinto umuntu angeke aze abe nazo, futhi akekho umuntu ongakulingisa. Uyohlala njalo ebheka isintu ngobukhona kanye nomqondo kaNkulunkulu, akasoze abona umuntu ngokubuka kwezinga lomuntu ojwayelekile nje, futhi nange ndlela yomuntu okhohlakele. Uma abantu bebheka isintu, babuka ngokubona kwabantu, futhi basebenzisa izinto ezifana nolwazi lwabantu kanye nemigomo yabantu kanye nabakufundile njengesilinganiso. Lokhu kungaphakathi kwesilinganiso salokho abantu abangakubona ngamehlo abo; kungaphakathi kwesilinganiso esingafezwa umuntu okhohlakeleyo. Uma uNkulunkulu ebheka isintu, ubuka ngokubona kobunkulunkulu, futhi usebenzisa ingqikithi yakhe kanye nalokhu anakho nayikho njengesilinganiso. Lesi silinganiso simbandakanya izinto ezingabonwa ngabantu, yilapho uNkulunkulu osemzimbeni kanye nabantu abakhohlakele bephambana kakhulu. Lo mehluko wenziwa ubunjalo babantu nobunjalo bukaNkulunkulu, yilobu bunjalo obenza ukubona kwabo nokuma kwabo kanye nangendlela nokuphakama ababona ngakho izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngeke nibone uNkulunkulu eba nemibono efana naleyo abantu abanayo ngezinto, futhi, ngaphezu kwalokho, ngeke nimbone esebenzisa imibono, ulwazi, isayensi, ifilosofi noma ukucabanga komuntu ukubhekana nezinto. Esikhundleni salokho, konke uNkulunkulu akwenzayo kanye nakho konke akwambulayo kuxhumene neqiniso. Okungukuthi, wonke amazwi awashilo kanye nazo zonke izenzo azenzile ziphathelene neqiniso. Leli qiniso aliyona into nje eyiphupho elingenasisekelo; leli qiniso nala mazwi kuvezwa nguNkulunkulu ngenxa yengqikithi kanye nokuphila Kwakhe. Ngenxa yokuthi la mazwi kanye nengqikithi yakho konke uNkulunkulu akwenzile kuyiqiniso, singasho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ingcwele. Ngamanye amazwi, konke uNkulunkulu akushoyo nakwenzayo kuletha umdlandla nokukhanya kubantu, kuvumela abantu ukuthi babone izinto ezinhle kanye nobukhona bangempela balezo zinto ezinhle, futhi kukhombisa isintu indlela ukuze sihambe endleleni elungile. Lezi zinto zinqunywa yingqikithi kaNkulunkulu nayingqikithi yobungcwele Bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ingabe izinkulumo zenu azibonisi yini isimo esonakele esembulwe amazwi kaNkulunkulu? Imicabango kanye nemibono yakho, izisusa zakho nokonakala okwambulwe kuwe kubonisa isimo sokulunga sikaNkulunkulu, kanye nobungcwele Bakhe. UNkulunkulu, naye, wazalwa ezweni elingcolile, kodwa wahlala engangcolisiwe ukungcola. Uphila ezweni elifanayo lokungcola njengawe, kodwa unokucabanga kanye nombono, futhi uyakwenyanya ukungcola. Kungenzeka ungakwazi ngisho nokubona into engcolile emazwini nasezenzweni zakho, kodwa Yena uyakubona, futhi uyakutshela ngakho. Lezo zinto zakho ezindala—ukuntula isikhuthazo, ukuqonda, ingqondo, kanye nezindlela zakho ezisilele zokuphila—manje zibekwe obala yizambulo zanamuhla; ukuza emhlabeni kukaNkulunkulu ezosebenza kuphela okwenze abantu babona ubungcwele kanye nesimo sokulunga Kwakhe. Uyakwahlulela futhi akucwenge, akwenze ube nokuqonda; ngezinye izikhathi, kubonakala imvelo yakho yobudimoni, futhi akwazise ngayo. Wazi ingqikithi yomuntu njengentende yesandla Sakhe. Uphila phakathi kwenu, udla ukudla okufana nokwakho, futhi uphila endaweni efanayo—kodwa noma kunjalo, wazi okwengeziwe; angakudalula futhi abone ingqikithi eyonakele yesintu. Ayikho into ayenyanya ukwedlula amafilosofi okuphila nokonakala kanye nokukhohlisa komuntu. Uzonda kakhulu ukusebenzelana okungokwenyama kwabantu. Kungenzeka ukuthi akajwayelene namafilosofi omuntu okuphila, kodwa angazibona futhi azidalule ngokucacile izimo ezonakele ezembulwa abantu. Usebenza ukukhuluma nokufundisa umuntu ngalezi zinto, usebenzisa lezi zinto ukwahlulela abantu, kanye nokubonisa isimo Sakhe sokulunga nobungcwele. Ngakho abantu baba yiziqhathaniso zomsebenzi Wakhe. UNkulunkulu kuphela osenyameni ongabeka obala izimo zokonakala komuntu kanye nazo zonke izici ezimbi zikaSathane. Nakuba engakujezisi, futhi emane esebenzisa wena njengesiqhathaniso sokulunga kanye nobungcwele Bakhe, uzizwa unamahloni futhi ungatholi ndawo yokuzifihla, ngoba ungcole kakhulu. Ukhuluma esebenzisa lezo zinto ezidalulwe kumuntu futhi kuba kuphela lapho lezi zinto zibekwa obala lapho abantu beqaphela khona ukuthi ungcwele kangakanani uNkulunkulu. Akashalazeleli ngisho nokuncane ukungcola kubantu, hhayi ngisho nemicabango engcolile ezinhliziyweni zabo; uma amazwi nezenzo zabantu ziphambana nentando Yakhe, khona-ke akazivuni. Emazwini Akhe, ayikho indawo yokungcola kwabantu noma yanoma yini enye—konke kufanele kubekwe obala. Kungaleso sikhathi kuphela lapho ubona khona ukuthi akafani ngempela nomuntu. Uma kukhona ukungcola okuncane kubantu, khona-ke ubenyanya ngokuphelele. Kukhona ngisho nezikhathi lapho abantu bengakwazi ukuqonda, bese bethi, “Nkulunkulu, kungani uthukuthela kangaka? Kungani unganakisisi ubuthakathaka bomuntu? Kungani ungabathetheleli kancane abantu? Kungani ungamcabangeli kangaka umuntu? Ngokusobala, uyazi ukuthi bonakaliswe ngezinga elingakanani abantu, ngakho kungani usabaphatha kanje?” Uyasenyanya isono, uyanengwa yiso, futhi unengeka kakhulu uma kukhona noma yiliphi umnonjana wokungalaleli kuwe. Lapho uveza isimo sokuhlubuka, uyasibona futhi unengwa ngokujulile—unengwa ngokungaphezu kokuvamile. Kungalezi zinto lapho isimo Sakhe nalokho uNkulunkulu ayikho kubonakaliswa khona. Lapho uziqhathanisa, uyabona ukuthi nakuba edla ukudla okufanayo nabantu, egqoka izingubo ezifanayo, ejabulela izinto ezifanayo abazijabulelayo, kanti uphila futhi uhlala kanye nabo, kodwa akafani nomuntu. Ingabe lokhu akukhona ukubaluleka kwesiqhathaniso? Kungalezi zinto zobuntu lapho kubonakaliswa khona amandla kaNkulunkulu; ubumnyama obubangela ubukhona obuyigugu bokukhanya.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Wazi kahle kamhlophe ingqikithi yomuntu, angakwazi ukudalula zonke izinhlobo zemisebenzi ephathelene nezinhlobo zabantu. Uphuma phambili kakhulu ekudaluleli isimo sokukhohlakala somuntu kanye nokuziphatha kabi. Akaphili phakathi kwabantu abaphila impilo yasemhlabeni, kodwa wazi kahle ngesimo semvelo sabantu basemhlabeni kanye nayo yonke inkohlakalo yabantu abaphila impilo yasemhlabeni. Unjalo nje. Yize engabhekani nomhlaba, uyayazi imithetho yokubhekana nomhlaba, ngoba usiqonda kahle isimo somuntu. Unolwazi ngomsebenzi kaMoya ongeke ubonwe ngamehlo omuntu futhi ongeke kuzwiwe izindlebe zomuntu, namuhla kanye nangaphambilini. Lokhu kufaka phakathi ukuhlakanipha okungesiyo imfundiso yokuphila nezimangaliso okulukhuni kubantu ukuziqonda. Yingakho eyilokhu ayikho, kwenziwe kwavuleleka kubantu futhi kufihlakele kubantu. Lokho akuvezayo akusikho lokho umuntu onokwehlukile ayikho, kodwa yilokho okuyigalelo elitholakalayo kanye nesimo sikaMoya. Akahambi emhlabeni kodwa wazi konke okukuwo. Uxhumana “nezazi zomlando” ababengenalwazi noma ukukhanyiseleka, kodwa ukhipha amazwi aphakeme kunolwazi futhi angaphezu kwabantu abakhulu. Uphila phakathi kwabantu abandikindiki abangenabo ubuntu futhi abangaziqondi izivumelwano zabantu kanye nempilo, kodwa angacela isintu ukuthi siphile ngobuntu obujwayelekile, khona manjalo aveze isisekelo kanye nobuntu obuphansi besintu. Konke lokhu kuyilokho ayikho, kungaphezu kwalokho umuntu wenyama negazi ayikho. Kuye, asikho isidingo sokuthi ubhekane nempilo ethinta abantu exakile, nezima nengcolile ukuze wenze umsebenzi adinga ukuthi uwenza futhi udalula ingqikithi yenkohlakalo yesintu. Impilo yokuphila nabantu engcolile ayiyingcwelisi inyama. Umsebenzi kanye namazwi Akhe kudalula ukungalaleli komuntu futhi akuhlinzeki umuntu ngolwazi lwalokho ake abhekana nakho ngaphambilini kanye nezifundo zokubhekana nomhlaba. Akadingi ukwenza uphenyo ngomphakathi noma ngomndeni womuntu uma enika umuntu ukuphila. Ukudalula nokwahlulela umuntu akusikho ukuveza ulwazi Lwakhe ngalokho Ake abhekana nakho ngaphambilini enyameni Yakhe; kuwukudalula ukungalungi komuntu emuva kokwazi ukungalaleli komuntu kwesikhathi eside kanye nokubekezelela inkohlakalo yomuntu. Umsebenzi awenzayo ukudalula isimo Sakhe kubantu nokuveza ubuyena. Nguye kuphela ongenza lokhu, akusiyo into engenziwa umuntu wenyama negazi. Mayelana nomsebenzi Wakhe, umuntu akanakusho ukuthi uwuhlobo luni lomuntu. Umuntu akakwazi ukumahlukanisa ngokwezigaba njengoba Kunguye owadala umuntu ngesisekelo somsebenzi Wakhe. Lokho ayikho kuphinde kumenze angakwazi ukwahlukaniswa ngokwezigaba njengomuntu odaliwe. Umuntu ukwazi ukumcubungula ngendlela engasiyo eyomuntu, kodwa akazi ukuthi angamfaka kuziphi isigaba, ngakho umuntu uphoqeleleka ukuthi amfake esigabeni sikaNkulunkulu. Akumangazi ukuthi kungani umuntu enza nje, ngoba wenze umsebenzi omkhulu kakhulu phakathi kwabanu kangangoba umuntu akakwazi ukwenza njalo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezici ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane. Noma ngabe umsebenzi unzima kangakanani noma inyama ibuthaka kangakanani, uNkulunkulu, esaphila enyameni, angeke enze okuzophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ingaphathwa eyokushiya intando kaNkulunkulu uBaba ngokungalaleli. Angancamela ukuzwa izinhlungu zenyama kunokuthi aphambane nentando kaNkulunkulu uBaba; kunjengoba uJesu asho emkhulekweni. “Baba, uma kungenzeka, mayidlule le ndebe Kimi; kodwa kungabi ngentando Yami, kodwa kube ngentando Yakho.” Umuntu uyokhetha, kodwa uKristu angeke akhethe. Yize enomfanekiso kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kodwa usafuna ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba, agcwalisele lokhu uNkulunkulu uBaba amethembe ngakho, ngasohlangothini lwenyama. Lokhu into umuntu angeke akwazi ukuyenza.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Engaziwa kithi, lo muntu ongabalulekile usiholele ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu. Sidlula ezilingweni ezingenakubalwa, ekusolweni okungabaleki, futhi savivinywa ukufa. Sifunda ngokulunga namandla amakhulu esimo sikaNkulunkulu, futhi uthando Lwakhe nobubele, kuyawazisa amandla amakhulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, kuyalubona uthando lukaNkulunkulu, nesifiso esijulile sikaNkulunkulu sokusindisa umuntu. Emazwini alo muntu ojwayelekile, siye sazi isimo nesiqu sikaNkulunkulu, saqonda intando kaNkulunkulu, sazi isiqu nokwakheka komuntu, sabona nendlela yokusindiswa nokupheleliswa. Amazwi Akhe asenza sife, futhi asenza siphinde sizalwe; amazwi Akhe asilethela induduzo, aphinde asishiye sinecala, futhi sinomqondo wokwazisa; amazwi Akhe asilethela injabulo nokuthula, kodwa futhi nobuhlungu obukhulu. Ngezinye izikhathi sifana nezimvu ezihlatshwayo ezandleni Zakhe; kwezinye sifane nama-apula emehlweni Akhe, futhi sijabulele uthando; ngezinye izikhathi sifana nezitha Zakhe, siyiswa emlotheni ngethukuthelo Yakhe esemehlweni Akhe. Siyisintu esisindiswe Nguye, siyizimpethu emehlweni Akhe, futhi siyizimvu ezilahlekile azifuna ubusuku nemini. Unomusa kithi, uyasikhathalela, uyasiphakamisa, uyasiduduza futhi asigqugquzele, uyasiqondisa, uyasikhanyisela, uyasisola futhi asiyale, aze ngisho asiqalekise. Ukhathazeka ngathi ubusuku nemini, uyasivikela ubusuku nemini, akalokothi asishiye, usinakekela ngazo zonke izindlela akhokhe noma yiliphi inani. Phakathi kwamazwi ale nyama engatheni najwayelekile, siye sajabulela ukuphelela kukaNkulunkulu, futhi sabona ikusasa uNkulunkulu asibekele lona. Kodwa naphezu kwalokhu, ukuzidla kusagcwele ezinhliziyweni zethu, futhi asikazimiseli ukwamukela umuntu ofana noNkulunkulu wethu. Nakuba esinike inala yemana, izinto eziningi ezijabulisayo, akukho kulokhu okungathatha indawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu. Siyabuhlonipha lobu buntu futhi sibubheka njengobubalulekile. Uma engasukumi asibonise ukuthi unguNkulunkulu, khona-ke ngeke siphinde simbheke njengoNkulunkulu ozofika maduze kodwa obelokhu esebenza phakathi kwethu.

Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila! Usivumele ukuba siphinde siphile, sibone ukukhanya, futhi wenze izinhliziyo zethu zangadideka. Sesibuyile ekhaya likaNkulunkulu, sibuyile esihlalweni Sakhe sobukhosi, sesiNaye, sizibonile izimbangi Zakhe, salubona nohambo olusihlalele. Ngaleso sikhathi izinhliziyo zethu wayesezinqobe ngokugcwele, asisangabazi ukuthi Nguye, futhi asisamelani nomsebenzi kanye nezwi Lakhe, siguqa ngokuphelele phambi Kwakhe. Asifisi lutho ngaphandle kokuhamba emikhondweni kaNkulunkulu ukuphila kwethu konke, nokupheleliswa Nguye, nokuphinde simkhokhele ngomusa Wakhe, nothando analo ngathi, nokulalela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, nokubambisana nomsebenzi Wakhe, nokwenza konke okusemandleni ukuze sifeze asiphathise khona.

Ukunqotshwa uNkulunkulu kufana nomqhudelwano wobuciko bokulwa.

Izwi ngalinye likaNkulunkulu ligadla endaweni esibuthaka kuyo, lisishiye silusizi futhi sethukile. Wembula imibono yethu, imicabango yethu, kanye nesimo sethu esikhohlakele. Kukho konke esikushoyo nesikwenzayo, nayo yonke imicabango namacebo ethu, ukwakheka nesiqu sethu kwembuleka emazwini Akhe, kusishiya sikhathazekile futhi sigajwe ukwesaba. Usitshela ngazo zonke izenzo zethu, izinhloso zethu, ngisho nangesimo sethu esonakele esingakaze sisazi, asenze sizizwe sembulwe kakhulu, futhi siqiniseka nakakhulu. Uyasahlulela ngokumelana kwethu Naye, asisole ngokungalungi nokumphika, asenze sicabange ukuthi emehlweni Akhe asinamsebenzi nokuthi singoSathane abaphilayo. Amathemba ethu ayashabalala, asisalokothi sifune izinto ezingenangqondo Kuye, ngisho namaphupho ethu ebusuku ayaphela. Leli iqiniso okungekho muntu kithi ongalicabanga, futhi ongalamukela. Okomzuzwana, izingqondo zethu azisebenzi, futhi asibe sisakwazi ukuqhubeka nohambo olusihlalele, asikwazi ukuqhubeka nezinkolelo zethu. Kubonakala sengathi ukholo lwethu selubuyele kulokhu olwaluyikho, nokuthi asikaze sibone muntu ojwayelene neNkosi uJesu. Sididwa yiyo yonke into ephambi kwamehlo ethu, isenze sizizwe silahliwe. Sinetwetwe, siphoxekile, futhi ekujuleni kwezinhliziyo zethu kunentukuthelo nokuhlazeka okukhulu. Sizama ukuvula imbobo, ukuthola indlela yokuphuma, futhi siyaqhubeka sizama ukulinda uMsindisi wethu uJesu, sithululele Kuye izinhliziyo zethu. Nakuba kunezikhathi lapho singenanzondo nakuthobeka ngaphandle, kodwa ezinhliziyweni zethu silahlekelwe ngendlela esingakaze silahlekelwe ngayo. Nakuba ngezinye izikhathi singase sibonakale sizole ngendlela engajwayelekile, ngaphakathi siququdwa usizi olukhulu. Isahlulelo nesiyalo sakhe sithathe wonke amathemba namaphupho ethu, kusishiye singenazo izifiso ezinkulu, singafuni ukukholelwa ukuthi unguMsindisi Wethu futhi angakwazi ukusisindisa. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kuvule igebe elikhulu phakathi kwethu Naye futhi akekho ozimisele ukulivala. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe ziyizinto zokuqala ezisenza sisokole futhi sihlazeke kangaka. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakwazisa ngempela ukuhlonishwa uNkulunkulu nokubekezelela Kwakhe ukona komuntu, uma kuqhathaniswa nokuthi siphansi futhi asihlanzekile. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sabona okokuqala indlela esizidla futhi sizikhukhumeze ngayo, nokuthi umuntu akasoze alingana noNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze salangazelela ukungabe sisaphila esimweni esinjalo esonakele, futhi kusenze safuna ukuqeda okwakhe nesiqu sethu ngezinga esingakwazi ngalo, futhi sangabe sisamzonda noma simenyanye uNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakuthokozela ukulalela amazwi Akhe, sangabe sisazimisela ukuhlubuka ekuqondiseni nasemalungiselelweni Akhe. Isahlulelo nokusola Kwakhe kuphinde kwasinikeza ukulangazelela ukuphila, kwasenza sakujabulela ukumamukela njengoMsindisi wethu…. Siye saphuma emsebenzini wokunqoba, saphuma esihogweni, saphuma emathunzini amnyama okufa…. UNkulunkulu uSomandla usizuzile, leli qembu labantu! Umnqobile uSathane, futhi wanqoba zonke izitha Zakhe!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp