NguNkulunkulu Kuphela, Onobunjalo BoMdali, Onegunya Eliyingqayizivele

September 28, 2018

Ubunjalo bukaSathane obungavamile benze abantu abaningi bakhombisa intshisekelo enkulu ukubona ukuziveza kwakhe ngezindlela eziningi. Kukhona abantu abayiziwula abakholwa ukuthi uSathane, njengoNkulunkulu unegunya, ngoba uSathane uyakwazi ukwenza izimangaliso, futhi uyakwazi ukwenza lokho isintu esingenakukwenza. Ngakho ngaphezu kokukhonza uNkulunkulu, isintu sishiya indawo kaSathane enhliziyweni yaso, futhi size sikhonze uSathane njengoNkulunkulu. Laba bantu bayadabukisa futhi bayanyanyeka. Bayadabukisa ngoba baswele ulwazi, futhi bayanyanyeka ngenxa yokuhlubuka kwabo nengqikithi yabo embi ngokwemvelo. Okwamanje ngizwa ukuthi kuyadingeka nginazise ukuthi igunya liyini, liwuphawu lwani, futhi limele ini. Kabanzi nje, UNkulunkulu uqobo Lwakhe uligunya, igunya Lakhe liwuphawu lobukhosi nengqikithi kaNkulunkulu kanti igunya likaNkulunkulu uqobo Lwakhe limele isikhundla nobunjalo bukaNkulunkulu. Ingakuyiphi ingxenye lapho uSathane engalokotha athi yena uqobo unguNkulunkulu? USathane uyalokotha athi wadala zonke izinto futhi uphethe ubukhosi phezu kwezinto zonke? Impela akasho! Ngoba akakwazi ukudala zonke izinto; kuze kube inamuhla akakaze adale lutho oludalwe nguNkulunkulu, futhi akakaze adale lutho olunokuphila. Ngoba akanalo igunya likaNkulunkulu akasoze aba nesikhundla nobunjalo bukaNkulunkulu futhi lokhu kuncike ebukhoneni bakhe. Unawo amandla afana nakaNkulunkulu? Impela, akanawo! Ingabe ungamandla? Ingabe angabizwa ngegunya? Ngeke ngempela! USathane ulawula ibuya lo bubi, futhi athikameze, one, aphazamise zonke izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu. Ngalezi zinkulungwane zeminyaka eminingi edlule, ngaphandle kokona nokuhlukumeza isintu, nokuyenga futhi ekhohlisa umuntu emfaka ekonakaleni, nasekuhlubukeni uNkulunkulu, ngakho umuntu uhamba esigodini sethunzi lokufa, ikhona into uSathane ayenzile efanele ngisho okuncane ukugujwa, ukunconywa, nokuthandwa umuntu? Ukuba uSathane ubenalo igunya namandla, ngabe isintu soniwa yikho? Uma uSathane ubenegunya namandla ngabe isintu salinyazwa yikho? Uma uSathane ubenamandla negunya, ngabe isintu salahla uNkulunkulu futhi saphendukela ekufeni? Njengoba uSathane engenagunya noma amandla, kufanele siphethe sithini ngengqikithi yakho konke akwenzayo? Kukhona laba abachaza konke uSathane akwenzayo ngokuthi bamane bathi ubuqili, kodwa ngikholwa ukuthi le ncazelo ayifanele. Izenzo zakhe ezimbi zokona isintu, zingubuqili nje? Amandla amabi uSathane ahlukumeza ngawo uJobe nesifiso sakhe esibi sokumhlukumeza nokumshwabadela kwakungeke kwenziwe ngobuqili kuphela. Uma sibheka emuva siyabona ukuthi, ngokuphazima kweso, imihlambi kaJobe eyayisakazeke emagqumeni nezintaba, yashabalala; ngomzuzwana umcebo omkhulu kaJobe wanyamalala. Konke kokhu ngabe kwenzeka ngobuqili nje kuphela? Uhlobo lwakho konke uSathane akwenzayo kuhambisana nezinto ezimbi njengokukhinyabeza, ukuphazamisa, ukubhubhisa, ukulimaza, ububi, unya, nobumnyama futhi ukwenzeka kwakho konke okungalungile nokubi kuxhumene ngendlela engeke yahlukaniswa nezenzo zikaSathane, futhi ihambisana nomthombo wobubi kaSathane. Akukhathaleki ukuthi uSathane “unamandla” kangakanani, akukhathaleki ukuthi unesibindi nokulangazelela okungakanani, akukhathaleki ukuthi likhulu kangakanani ikhono kakhe lokulimaza, akukhathaleki ukuthi ziningi kangakanani izindlela ona futhi ayenge ngazo umuntu, akukhathaleki ukuthi ihlakaniphe kanganani imikhuba namacebo ethusa ngawo umuntu, akukhathaleki ukuthi usiguquguqula kangakanani isimo sakhe ayiso, akakaze adale ngisho into eyodwa ephilayo, akakaze abeke imithetho nemigomo yokuphila kwezinto zonke, akakaze akwazi ukubusa noma ukulawula noma yini noma iyaphila noma ayiphili. Emhlabeni wonke nasemkhathini, akukho muntu noma into eyazalwa nguye noma ekhona ngenxa yakhe, akukho muntu noma into ephethwe noma elawulwa nguye. Kunalokho, kufanele aphile ngaphansi kukaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, kufanele alalele imiyalo nemiyalelo kaNkulunkulu. Ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu kunzima kuSathane ukuthi athinte iconsi lamanzi noma uhlamvu lwehlabathi emhlabeni; ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu uSathane akakhululekile ngisho ukunyakazisa izintuthwane emhlabeni—ingasaphathwa eyomuntu, owadalwa nguNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, uSathane usezingeni eliphansi kunezimbali ezintabeni, izinyoni ezindiza emoyeni, izinhlanzi olwandle, nezimpethu emhlabeni. Indima yakhe phakathi kwezinto zonke ukusebenzela izinto zonke nokusebenzela isintu, nokusiza uhlelo lukaNkulunkulu nohlelo lwakhe lokuphatha. Akukhathaleki ukuthi unonya kangakanani ngokwemvelo yakhe, nokuthi imbi kangakanani ingqikithi yakhe, into angayenza ukuthi enze lokho abekelwe ukuthi akwenze: ukuba wusizo kuNkulunkulu nokuba uhlangothi oluphikisa uNkulunkulu. Yilokho ubunjalo nesikhundla sikaSathane. Ingqikithi yakhe ayixhumene nempilo, ayixhumene namandla, ayixhumene negunya, uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu, umshini nje osebenzela uNkulunkulu!

NguNkulunkulu Kuphela, Onobunjalo BoMdali, Onegunya Eliyingqayizivele

Lapho sebeqonda ubuso bangempela bukaSathane, abantu abaningi balokhu bengaqondi ukuthi yini igunya, ngakho yithi ngikutshele! Igunya qobo lwalo lingachazwa njengamandla kaNkulunkulu. Okokuqala, kungashiwo ngokuqiniseka ukuthi igunya namandla kokubili kuhle. Akuxhumene nalutho olubi futhi akuxhumene kunoma yisiphi isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga. Amandla kaNkulunkulu ayakwazi ukudala izinto noma ezinjani ezinokuphila nempilo, futhi lokho kwenziwa ukuphila kukaNkulunkulu. UNkulunkulu ungukuphila, ngakho uwumthombo wazo zonke izidalwa eziphilayo. Ngaphezu kwalokho, igunya likaNkulunkulu lingenza zonke izidalwa eziphilayo, zilalele wonke amazwi kaNkulunkulu, okungukuthi ziqale ukubakhona ngenxa yamazwi asuka emlonyeni kaNkulunkulu, futhi ziphile futhi zizalane ngokomyalo kaNkulunkulu, emuva kwalokho uNkulunkulu uyaphatha futhi ayale zonke izidalwa eziphilayo, futhi ngeke kuze kubekhona ukujika kuze kube phakade. Akekho umuntu noma into enalezi zinto; uMdali yedwa onawo futhi ophethe amandla angaka, futhi kanjalo kubizwa ngegunya. Yilobu ubungqayizivele boMdali. Ngaleyo ndlela, akukhathaleki ukuthi yigama “igunya” uqobo lwalo noma yingqikithi yaleli gunya, ngakunye kungahlanganiswa noMdali kuphela ngoba kuwuphawu lobunjalo nesikhundla soMdali futhi kumele ubunjalo nesikhundla soMdali; ngaphandle koMdali akekho umuntu noma into engahambisana negama “igunya.” Yilokhu ukuhunyushwa kwegunya eliyingqayizivele loMdali

Noma uSathane wabuka uJobe ngamehlo anokuhaha, ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, wayengeke alokothe athinte ngisho unwele emzimbeni kaJobe. Noma emubi ngokwemvelo, futhi enonya, emuva kokuthi uNkulunkulu enike umyalelo Wakhe kuye, uSathane wayengenakwenza lutho ngaphandle kokugcina umyalo kaNkulunkulu. Ngakho noma uSathane wayemagange okwempisi phakathi kwezimvu mayelana noJobe, akazange alokothe akhohlwe imigomo ambekela yona uNkulunkulu, akazange alokothe ephule imiyalelo kaNkulunkulu, futhi kukho konke akwenza, uSathane akazange alokothe aphambuke ezimisweni nemigomo yamazwi kaNkulunkulu—akulona iqiniso leli? Kulokhu kuyabonakala ukuthi uSathane akalokothi ephule noma imaphi amazwi kaNkulunkulu uJehova. KuSathane wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu angumyalelo, nomthetho wasezulwini, nokubonakaliswa kwegunya likaNkulunkulu—ngoba ngemuva kwezwi likaNkulunkulu kukhona ukujeziswa nguNkulunkulu kulabo abaphula imiyalelo kaNkulunkulu, nalabo abangalaleli futhi abamelene nemithetho yezulu. USathane uyazi ngokusobala ukuthi uma ephula imiyalelo kaNkulunkulu, kufanele emukele okulandelayo ukuphula igunya kaNkulunkulu nokumelana nemithetho yasezulwini. Yimiphi le miphumela? Akubuzwa, empeleni, ngukujeziswa kwakhe nguNkulunkulu. Izenzo zikaSathane kuJobe zabe ziwumfanekiso omncane wokonakalisa kwakhe umuntu, futhi ngesikhathi uSathane ezenza lezi zenzo, imigomo uNkulunkulu ayibeka nemiyalelo ayinika uSathane yabe ingumfanekiso omncane nje wezimiso ezingemuva kwakho konke akwenzayo. Ngaphezu kwalokho, indima nendawo kaSathane kulolu daba yabe ingumfanekiso omncane wendima nendawo yakhe emsebenzini wokuphatha kaNkulunkulu, futhi ukulalela okuphelele kukaSathane elalela uNkulunkulu ekulingweni kukaJobe kwabe kungumfanekiso omncane wendlela uSathane angazange alokothe ukumelana noNkulunkulu emsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu. Isiphi isexwayiso le mifanekiso emincane eninika sona? Phakathi kwezinto zonke, okubandakanya noSathane, akukho muntu noma into engaphula imithetho nezimemezelo zasezulwini ezibekwe nguMdali, futhi akukho muntu noma into elokotha ukweqa le mithetho nezimemezelo, ngoba akukho muntu noma into engaguqula noma iphunyuke esijezisweni esilethwa nguMdali kulabo abangamlaleli. UMdali kuphela ongabeka imithetho nezimemezelo, uMdali kuphela onamandla okuwumisa usebenze, futhi amandla oMdali angeke oniwa ngumuntu noma into. Leli yigunya loMdali eliyingqayizivele, leli gunya liphakeme ezintweni zonke, ngakho kungenzeke ukuthi sithi, “uNkulunkulu mkhulu kunabo bonke futhi uSathane ungowesibili.” Ngaphandle koMdali onegunya eliyingqayizivele, akekho umunye uNkulunkulu!

Ingabe seninalo ulwazi olusha ngegunya likaNkulunkulu? Okokuqala, ukhona umehluko phakathi kwegunya likaNkulunkulu esike saliphatha, kanye namandla omuntu? Futhi ingabe yini umahluko? Abanye abantu bathi ngeke uziqhathanise lezi zinto zombili. Kunjalo! Noma abantu bethi ngeke uziqhathanise lezi zinto zombili, emicabangweni nemiqondo yomuntu, amandla omuntu avame ukudidwa negunya, lezi zinto zombili ziqhathaniswa icala ngecala. Ingabe kwenzekani lapha? Abantu abenzi iphutha lokwenza enye ukuthi ibambele enye bengaqondile? Lokhu kokubili akuxhumene, futhi akukho ukuqhathanisa ongakwenza phakathi kwakho, kepha abantu bayehluleka ukuthi bangakwenzi lokhu. Ingabe kufanele kulungiswe kanjani lokhu? Uma ufisa ngempela ukuthola isisombululo, indlela yinye kuphela—ukuthi uqonde futhi wazi igunya eliyingqayizivele likaNkulunkulu. Emuva kokuqonda nokwazi igunya loMdali, ngeke uze ukhulume ngamandla omuntu negunya likaNkulunkulu ngesikhathi esisodwa.

Amandla omuntu achaza ukuthini? Ukukubeka kalula, yikhono noma ubukhali obenza isimo esonakele somuntu, izifiso nokulangazelela komuntu ukuthi kwande noma kufezeke ngezinga elikhulu. Ingabe singakubuka lokhu njengegunya? Akukhathaleki ukuthi kukhukhumele noma kuthembisa kangakanani ukulangazelela nezifiso zomuntu, lowo muntu ngeke kuthiwe unegunya; singagcina ngokuthi lokhu kuzikhukhumeza nempumeleo kumane kuwukukhombisa ukuba yinhlekisa kukaSathane phakathi kwabantu, futhi, singagcina ngokuthi kuwumdlalo ohlekisayo lapho uSathane edlala ukuba ngukhokho wakhe ukuze agcwalise ukulangazelela kwakhe ukuba uNkulunkulu.

Ingabe ulibuka kanjani ngempela manje igunya likaNkulunkulu? Njengoba la mazwi eseshunyayelwe, kufanele ube nolwazi olusha ngegunya likaNkulunkulu. Ngakho ngiyanibuza: Igunya likaNkulunkulu liwuphawu lwani? Liwuphawu lwamandla kaNkulunkulu uqobo? Liwuphawu lwesikhundla esiyingqayizivele sikaNkulunkulu uqobo? Phakathi kwezinto zonke, ulibone kuphi igunya likaNkulunkulu? Ulibone kanjani? Mayelana nezinkathi ezine umuntu abhekana nazo, ukhona umuntu ongaguqula ukudedelana phakathi kwentwasahlobo, nehlobo, nekwindla kanye nobusika? Entwasahlobo imithi iveza imiqumbe iqhakaze; ehlobo yembozwa amaqabunga, ekwindla ithela izithelo, bese ebusika amaqabunga ayawa. Ingabe kukhona ongakwazi ukuguqula lo mthetho? Ingabe lokhu kukhombisa ingxenye eyodwa yegunya likaNkulunkulu? UNkulunkulu wathi, “Makube khona ukukhanya,” futhi kwaba khona ukukhanya. Lokhu kukhanya ingabe kusekhona? Ingabe kusekhona ngenxa yani? Kukhona ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, kusobala, nangenxa yegunya likaNkulunkulu. Ingabe umoya odalwe nguNkulunkulu usekhona? Ingabe umoya ophefumulwa ngumuntu uvela kuNkulunkulu? Ingabe ukhona umuntu ongasusa izinto ezivela kuNkulunkulu? Ingabe ukhona umuntu ongaguqula ingqikithi yazo nomsebenzi wazo? Kukhona ongakwazi ukuvimbela ubusuku nemini okubekwe nguNkulunkulu, kanye nomthetho wobusuku nemini omiswe nguNkulunkulu? Ingabe uSathane angayenza leyo nto? Noma ungalali ebusuku, futhi uthathe ubusuku njengemini, kodwa kusewubusuku; ungaguqula uhlelo lwakho lwenjwayelo yansuku zonke, kodwa awukwazi ukuguqula igunya lokudedelana phakathi kobusuku nemini—futhi leli qiniso alinakuguqulwa inoma umuphi umuntu, akunjalo? Kukhona ongakwazi ukwenza ibhubesi lilime umhlaba njengenkunzi yenkomo? Ukhona okwazi ukuguqula indlovu ibe yimbongolo? Ukhona okwazi ukwenza inkukhu ibhabhe emoyeni njengokhozi? Ukhona okwazi ukwenza impisi idle utshani njengemvu? (Cha.) Ukhona okwazi ukwenza izinhlanzi emanzini ziphile emhlabeni owomile? Lokho akukwazi ukwenziwa ngabantu. Futhi kungani lokho? Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayala izinhlanzi ukuthi zihlale emanzini, ngakho zihlala emanzini. Ezweni ngeke ziphile futhi ziyofa; azikwazi ukweqa imigomo yomyalo kaNkulunkulu. Zonke izinto zinomthetho nemigomo yokuphila kwazo, futhi ngasinye, zonke zinomuzwa wazo wemvelo. Lokhu kwamiswa nguMdali, futhi ngeke kuguqulwe noma kwedlulwe inoma ngubani. Isibonelo, ibhubesi liyophila njalo endle, buqamama nomphakathi wabantu, futhi ngeke lithobe futhi lethembeke kumuntu njengenkunzi ehlala nabantu, futhi esebenzela umuntu. Noma izindlovu nezimbongolo ziyizilwane zombili, futhi zombili zinemilenze emine, futhi ziyizilwane eziphefumula umoya, ziyizinhlobo zezilwane ezehlukene, ngoba zahlukaniswa zaba izinhlobo ezihlukehlukene nguNkulunkulu, zinomuzwa wazo owehlukene, ngakho ngeke zikwazi ukushintshana. Noma inkukhu inemilenze emibili, namaphiko njengokhozi, ayisoze yandiza emoyeni; okukhulu engakwenza ukuthi indizele esihlahleni—lokhu kulawulwa umuzwa wayo wemvelo. Akudinge kushiwo, konke lokhu kungenxa yemiyalo yegunya likaNkulunkulu.

Ekuthuthukeni kwesintu namhlanje, isayensi yesintu kungathiwa iyachuma, futhi, nempumelelo yomuntu ekuhloleni ngesayensi ingachazwa ngokuthi ihlaba umxhwele. Ikhono lomuntu, kufanele kushiwo, likhula kakhulu, kodwa kukhona impumelelo eyodwa yesayensi isintu esingakakwazi ukuyithola: Isintu senze izindiza, izithwali zezindiza, nebhomu lama-athomu, isintu siye emkhathini, sahambahamba enyangeni, sakha i-inthanethi, futhi saphila ngendlela yokuphila eyisimanjemanje enobuchwepheshe, kepha isintu asikwazi ukudala into ephilayo, ephefumulayo. Imizwa yemvelo yazo zonke izidalwa eziphilayo kanye nemithetho eziphila ngayo, nomjikelezo wokuphila nokufa kwayo yonke into ephilayo—zonke lezi zinto azisoze zenzeka futhi azinakulawulwa isayensi yesintu. Njengamanje, singathi noma ngabe isayensi yomuntu ingafika kusiphi isicongo sempumelelo, ayinakuqhathaniswa noma namuphi umcabango woMdali, futhi ayikwazi ukuhlukanisa isimangaliso esiyindalo yoMdali, futhi namandla egunya Lakhe. Ziningi izilwandle emhlabeni, kepha azikaze zeqe imigomo yazo futhi zize ezweni ngokuthanda kwazo, futhi lokho kungoba uNkulunkulu wabeka imingcele wolwandle ngalunye; zahlala lapho aziyale khona, futhi ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu ngeke zikwazi ukuhambahamba ngokukhululeka. Ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, azifanele zifohle zingenelane, futhi zinganyakaza lapho kusho uNkulunkulu, futhi lapho ziya ziphinde zihlale khona kulawulwa nguNkulunkulu.

Ukukubeka ngokusobala, “igunya likaNkulunkulu” lichaza ukuthi kuncike kuNkulunkulu. UNkulunkulu unelungelo lokunquma ukuthi uzoyenza kanjani into, futhi izokwenzeka ngendlela ayithandayo. Igunya lezinto zonke lincike kuNkulunkulu, futhi hhayi kumuntu. Ngeke liguqulwe ngentando yomuntu, kodwa kunalokho liguqulwa imicabango kaNkulunkulu, nobuhlakani bukaNkulunkulu, nemiyalelo kaNkulunkulu, futhi lokhu kuyiqiniso elingephikwe inoma imuphi umuntu. Amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, umhlaba jikelele, ububenyebenye bezinkanyezi esibhakabhakeni, izinkathi ezine zonyaka, lokho okubonakalayo nalokho okungabonakali kumuntu—konke kukhona, kuyasebenza, futhi kuguquke, ngaphandle ngisho kwephutha elincane, ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, ngokuhambisana nemiyalelo kaNkulunkulu, ngokuhambisana nemiyalo kaNkulunkulu, futhi ngokuhambisana nemithetho yasekuqaleni kwendalo. Akekho noyedwa umuntu noma into engaguqula imithetho yakho, noma aguqule umzila wemvelo wendlela ezisebenza ngayo; kwaba khona ngenxa yegunya likaNkulunkulu, futhi kushabalala ngenxa yegunya likaNkulunkulu. Lokhu yigunya langoqobo likaNkulunkulu. Manje njengoba konke lokhu sekushiwo, uyezwa ukuthi igunya likaNkulunkulu liyisifanekiso sobunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu? Okudaliwe noma okungadalwanga kungaba negunya likaNkulunkulu? Ingabe lingalingiswa, umuntu angazifanisa nalo, lingabanjelwa indawo ngumuntu, yinto noma okuthile?

Ubunjalo BoMdali Buyingqayizivele, futhi Akufanele Ulandele Umqondo WoNkulunkulu Abaningi

Noma amakhono nokwazi kukaSathane kukhulu kunokomuntu, noma engenza izinto umuntu angenakuzenza, akukhathaleki noma unomhawu noma ufisa ukwenza lokho uSathane akwenzayo, akukhathaleki noma uyakuzonda noma uyakunyanya lokho, akukhathaleki noma uyakwazi ukukubona lokho, futhi akukhathaleki ukuthi uSathane angaphumelela kangakanani noma bangaki abantu angabadukisela ekumkhonzeni nokumenza isithixo, akukhathaleki ukuthi umchaza kanjani, awusoze wakwazi ukuba negunya namandla kaNkulunkulu. Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu nguNk1ulunkulu, munye kuphela uNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu kuphela onegunya, futhi unamandla okulawula nokuphatha zonke izinto. Ngenxa nje yokuthi uSathane unekhono lokukhohlisa abantu, futhi azenze uNkulunkulu, angalingisa izimanga nezimangaliso ezenziwe nguNkulunkulu, futhi wenza izinto ezifanayo njengoNkulunkulu, ngephutha ukholwa ukuthi uNkulunkulu akayona ingqayizivele, ukuthi baningi abanye oNkulunkulu, ukuthi banamakhono amakhulu noma amancane nje, nokuthi umahluko usebubanzini bamandla abanawo. Ulinganisa ubukhulu babo ngokulandelana kokufika kwabo, futhi ngokweminyaka yabo, futhi ngephutha ukholwa ukuthi kukhona abanye onkulunkulu ngaphandle kukaNkulunkulu, futhi ucabanga ukuthi amandla negunya likaNkulunkulu akuhlukile. Uma unemicabango enjalo, uma ungabuboni ubungqayizivele bukaNkulunkulu, ungakholwa ukuthi uNkulunkulu kuphela unegunya, futhi uma ukholwa konkulunkulu abaningi, ngakho ngithi ungamakhoba ezilwaneni zonke, ungukuvezwa kukaSathane, futhi ungumuntu omubi kakhulu! Uyakuqonda engizama ukukufundisa khona ngala mazwi? Noma ngabe isiphi isikhathi, iyiphi indawo noma yini umlando wakho, ungamphambanisi uNkulunkulu nomunye umuntu, into noma okuthile. Akukhathaleki ukuthi ubukeka ungenalo ulwazi noma ungenakho ukuthi usondele egunyeni likaNkulunkulu nengqikithi kaNkulunkulu uqobo, akukhathaleki ukuthi izenzo namazwi kaSathane avumelana nokubona nokubuka ngamehlo engqondo, akukhathaleki ukuthi akwenelisa kangakanani, ungabi yisiwula, ungaphambanisi le miqondo, ungakuphiki ukuba khona kukaNkulunkulu, ungabuphiki ubunjalo nesikhundla sikaNkulunkulu, ungamduduleli uNkulunkulu ngaphandle emnyango futhi ulethe uSathane ukuze athathe indawo kaNkulunkulu osenhliziyweni yakho futhi abe uNkulunkulu wakho. Angingabazi niyakwazi ukucabanga imiphumela yokwenze njalo!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Umyalo kaNkulunkulu kuSathane

(UJobe 2:6) Futhi uJehova wayesethi kuSathane, Bheka, usesandleni sakho; kodwa ungakuthinti ukuphila kwakhe. USathane Akakaze Alokothe Eqe...

Izibusiso zikaNkulunkulu

UGenesise 17:4-6 Ngokwami, bheka, isivumelwano Sami sikuwe, futhi uyakuba ngubaba wezizwe eziningi. Igama lakho akusayikuthiwa u-Abrama,...

Sithinte nge-Whatsapp