Isahluko 46

Lowo ozikhandla futhi azinikele ngobuqotho Kimi, nakanjani ngiyomvikela kuze kube sekugcineni; isandla Sami nakanjani siyokubamba ukuze uhlale unokuthula futhi uhlale uthokoza futhi nsuku zonke ube nokukhanya nesambulo Sami. Nakanjani ngiyophinda kabili izibusiso Zami phezu kwakho, ukuze ube nalokho enginakho futhi ube nalokho engiyikho. Lokho okunikezwe ngaphakathi kuwe ngukuphila kwakho, futhi akekho ongakuthatha kuwe. Ungaziletheli inkinga noma ube nokucindezeleka; ngaphakathi Kimi kukhona kuphela ukuthula nentokozo. Ngikuthanda ngempela, wena mntwana onginaka futhi ungilalele ngobuqotho. Labo engibazonda kakhulu ngabazenzisi futhi nakanjani ngiyobabhubhisa. Ngiyosusa noma yiliphi iphunga lomhlaba endlini Yami, futhi ngisuse zonke lezo zinto engingakwazi ukubekezelela ukuzibona.

Ngaphakathi enhliziyweni Yami ngazi ngokugcwele lowo ongifunayo nongangifuni. Bangazifihla kahle futhi bafake izembozo ezihlakaniphile, futhi kungaze kushiwo ukuthi bangabalingisi abahle kakhulu emhlabeni, kodwa ngibona ngokucacile konke abakuphethe ngaphakathi ezinhliziyweni zabo. Ungacabangi ukuthi angikwazi okusenhliziyweni yakho; eqinisweni akekho oqonda ngokucace okwedlula Mina. Ngiyakwazi okusenhliziyweni yakho; uzimisele ukuzinikela kuNkulunkulu, ukuzikhandlela uNkulunkulu, kuphela awufisi ukusebenzisa amazwi amnandi ukwenza abanye bathokoze. Bona ngokucacile! Umbuso wanamuhla awakhiwe ngamandla omuntu, kodwa uyokwakhiwa ngempumelelo ngokusebenzisa ngokugcwele ukuhlakanipha Kwami okuningi nomzamo Wami onesineke. Noma ngubani onokuhlakanipha nonalokho engiyikho ngaphakathi kuye uyoba nesabelo ekwakheni umbuso. Ungabe usakhathazeka, uhlale uzikhathaza uze ugule, ungenandaba nokwambula noma ukukhanyisa kwentando Yami phakathi kuwe. Ungabe usakwenza lokho. Hlanganyela ngokwengeziwe Nami nganoma yiluphi udaba ukuze ugweme ukuhlushwa yizenzo zakho.

Mhlawumbe ngaphandle kubonakala sengathi ngisivivi kuwo wonke umuntu, kodwa ngabe uyakwazi yini engikucabangayo ngaphakathi? Ngihlala ngiphakamisela abathobile phezulu, futhi ngihlala ngehlisa labo abaziqhayisayo, abazibona bebalulekile. Labo abangaqondi intando Yami bayokwehlelwa ukulahlekelwa okukhulu. Kufanele wazi ukuthi lokhu yilokhu engiyikho, kuyisimo Sami—akekho ongakuguqula, akekho ongakuqonda ngokuphelele. Ungakuqonda kuphela ngesambulo Sami, kungenjalo ngeke ukuqonde ngokuphelele futhi; ungazithwali. Nakuba abanye abantu bengakhuluma kahle, izinhliziyo zabo azize zingathembeka Kimi, zihlala zingiphikisa ngasese; ngiyomahlulela umuntu owulolu hlobo.

Ungagxili nje ekuthathiseleni kwabanye, kufanele unake ukuziphatha Kwami nesimo Sami. Kungale ndlela kuphela lapho uyoya ngokuya uqonda khona intando Yami; izenzo zakho khona-ke ziyovumelana nentando Yami, futhi ngeke wenze maphutha. Ungakhali noma ube lusizi; ngikubona ngokucacile konke okwenzayo, ukuziphatha kwakho nakho konke okucabangayo, futhi ngiyakwazi ukulangazelela nezifiso zakho eziqotho; ngizokusebenzisa. Manje yisikhathi esibucayi, isikhathi sokukuvivinya sifikile. Awukaboni? Awukaqondi? Kungani ngithatha lesi simo somqondo Ngawe? Uyazi? Ngambule lezi zinto kuwe futhi wena unolwazi oluncane. Kodwa ungami—qhubeka ubheke phambili nokungena kwakho futhi ngizoqhubeka nokukukhanyisela. Ngabe ubonile ukuthi lapho ulalela ngokwengeziwe futhi unginake, ukhanya ngokwengeziwe ngaphakathi futhi uba nesambulo esengeziwe ngaphakathi? Futhi uba nolwazi olwengeziwe Ngami uphinde uthole okuhlangenwe nakho okwengeziwe? Ungahlali ubambelele emicabangweni yakho ngoba ukwenza lokhu kuvimba ukugeleza kwamanzi Ami okuphila futhi kuvimbe ukwenziwa kwentando Yami. Kufanele wazi ukuthi ukuzuza umuntu oyedwa ngokuphelele akuyona into elula. Ungacabangi ngendlela eyinkimbinkimbi. Landela kalula, futhi ungabe usacabanga!

Okwedlule: Isahluko 45

Okulandelayo: Isahluko 47

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp