Isahluko 47

Nkulunkulu uSomandla wokulunga—Onamandla Onke! Kuwe ngokuqinisekile akukho okufihliwe. Leyo naleyo mfihlakalo kusuka endulo kuze kube phakade, abantu abangakaze bayambule, Kuwe iyavezwa futhi icace ngokuphelele. Asisadingi ukufuna nokuphumputha, ngoba namuhla isiqu Sakho sivezwa obala kithina, uyimfihlakalo eyambuliwe, futhi unguNkulunkulu wangempela uqobo Lwakhe; ngoba okwanamuhla ubhekene nathi, futhi kithi ukubona isiqu Sakho ngukubona yonke imfihlakalo yendawo yokomoya. Ngempela lokhu kuyinto okungekho muntu obengayicabanga! Uphakathi kwethu namuhla, nangaphakathi kithi, impela useduze ngokwedlulele nathi ukuthi singachaza; imfihlakalo engaphakathi kwalokhu ayinamkhawulo!

UNkulunkulu uSomandla useluphethile uhlelo Lwakhe lokuphatha. UyiNkosi yezulu nomhlaba enqobayo. Zonke izinto nazo zonke izindaba zisekulawulweni yizandla Zakhe. Bonke abantu bayaguqa bakhonze, bebiza igama likaNkulunkulu wangempela—uSomandla. Zonke izinto ziyenzeka, ngamazwi aphuma emlonyeni Wakhe. Kungani niyekethisa kangaka, ningakwazi ukuzenza ngokuzimisela nisebenze Naye, nixhumane eduze Naye, futhi ningene Naye enkazimulweni? Kungaba ukuthi nizimisele ukuhlupheka? Nizimisele ukulahlwa? Nicabanga ukuthi angazi ukuthi ngubani ozinikele Kimi ngobuqotho, nokuthi ngubani ozikhandlele Mina ngobuqotho? Bantu abangazi! Ziwula! Anikwazi ukubona izinhloso Zami, futhi ingasaphathwa eyokukhombisa ukucabangela imithwalo Yami, nihlala ningenza ngikhathazeke ngani, nginisebenzele. Kuyogcinaphi?

Ukuphila ngokuvumelana Nami kuzo zonke izinto, ukungifakazela kuzo zonke izinto—ngabe kalula kusho ukukhuluma nje? Aniwazi umehluko phakathi kokuhle nokubi! Izinto enizenzayo nizenza ngaphandle Kwami, futhi ngikhona kancane ezimpilweni zenu zansuku zonke. Ngiyazi ukuthi anikuthathi neze njengokubalulekile ukukholwa kuNkulunkulu, ngakho lezi yizithelo enizithelayo! Anikavuki, futhi uma niqhubeka ngale ndlela, niyohlaza igama Lami.

Zibuze, lapho ukhuluma ngabe ngikhona lapho nawe? Lapho udla noma ugqoka izingubo zakho ngabe isethembiso Sami sikhona kulokho? Anicabangi ngempela! Noma nini lapho kukhona izinkinga ezishiwoyo, uma zingaqondisiwe kuwe ngqo, ukhombisa ubunjalo bakho bangempela, futhi akekho kinina okholwayo. Ukuba bekungayona le ndlela, beniyozicabanga ukuthi nibakhulu, nokuthi ninezinto eziningi phakathi kinina. Anazi ukuthi nigcwaliswe ngaphakathi ububi bukaSathane? Sebenzani Nami ukuchitha zonke lezi zinto. Vumela enginakho nengiyikho kuhlale phakathi kuwe ngokugcwele; kungokwenza lokho kuphela uyophila ngokuvumelana Nami, ungifakazele ngokoqobo ngokwengeziwe, bese wenza ukuthi abantu abaningi bathobe phambi kwesihlalo Sami sobukhosi. Kufanele nazi ukuthi usinda kangakanani umthwalo osemahlombe enu: ukuphakamisa uKhristu, ukuveza uKhristu, ukufakazela uKhristu, ukuze inqwaba yabantu ithole insindiso futhi umbuso Wami uhlale uqinile futhi ungazanyazanyiswa. Ngiphawula lokhu ukuze ningahambi ngokudideka, ngaphandle kokuqonda ukubaluleka komsebenzi wanamuhla.

Anikwazi ukuzisiza lapho nibhekene nezinkinga, njengezintuthwane epanini lokuthosa elishisayo, ezehla zenyuka: lokhu kuyisimo senu. Ngaphandle nibukeka njengabantu abadala, kodwa impilo yenu yangaphakathi ngeyengane; enikwazi kuphela ukudala inkinga, nengeza emthwalweni Wami. Uma kunento encane engingazikhathazi ngayo, nenza inkinga. Akunjalo? Ningaziboni ukuthi nilungile. Engikushoyo kuyiqiniso. Ningacabangi ukuthi yilokhu nginishumayeza, njengokungathi ngisebenzisa amazwi okubukisa; lesi yisimo senu sangempela.

Okwedlule: Isahluko 46

Okulandelayo: Isahluko 48

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp