Isahluko 48

Ngikhathazekile, kodwa bangaki phakathi kwenu abakwazi ukuba nomqondo owodwa nomcabango owodwa Nami? Aninandaba nje namazwi Ami, niwaziba ngokuphelele futhi nehluleka ukugxila kuwona, kunalokho nigxila kuphela ezintweni zenu ezikha phezulu. Nibona ukunakekela nomzamo Wami okunokuphikelela njengencithakalo; ngabe unembeza wenu awulahliwe? Anazi futhi nintula ukucabanga; niyiziwula, futhi anikwazi neze ukunganelisa. Nginani ngokuphelele—ningaba Nami kangakanani? Niqonde inhloso Yami ngokungalungile, futhi ngempela lokhu kungubumpumputhe nokungakwazi ukubona izinto, nihlala ningenza ngikhathazeke ngani futhi ngichithe isikhathi kini. Manje, singakanani isikhathi senu eningasichithela futhi nisinikelele Mina? Kufanele nizibuze ngokwengeziwe.

Inhloso Yami yonke imayelana nani—niyakuqonda ngempela lokhu? Uma nanikuqonde ngempela, ngabe kade nayiqonda inhloso Yami futhi nacabangela umthwalo Wami. Ningabi nokungacopheleli futhi, uma kungenjalo ngeke nibe noMoya oNgcwele osebenza kini, okuyokwenza ukuba imimoya yenu ife futhi iphonseke eHayidesi. Ngabe lokhu akukubi ngokwedlulele kinina? Akukho sidingo sokuthi nginikhumbuze futhi. Kufanele nihlole onembeza benu bese nizibuza: Ngabe kuwukuthi nginidabukela ngokwedlulele, noma ukuthi ningikweleta ngokwedlulele? Ningadidi okulungile nokungalungile niphinde ningabi namqondo! Manje akusona isikhathi sokulwela amandla nenzuzo noma ukungena emacebweni angasese, kunalokho kufanele ngokushesha nibeke eceleni lezi zinto ezilimaza impilo kakhulu bese nifuna ukungena kokungokoqobo. Ninokungacopheleli okukhulu! Anikwazi ukuqonda inhliziyo Yami noma nibone inhloso Yami. Ziningi izinto obekungafanele ngizisho, kodwa ningabantu abadideke kakhulu abangaqondi, kudingeke ukuthi ngizisho ngokuphindaphinda, futhi noma kunjalo, anikayenelisi inhliziyo Yami.

Lapho nibalwa ngamunye, bangaki abacabangela inhliziyo Yami ngokwempela?

Okwedlule: Isahluko 47

Okulandelayo: Isahluko 49

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp