Isahluko 45

Nahlulela obala abafowenu nodadewenu sengathi akulutho. Aniwazi ngempela umehluko phakathi kokuhle nokubi; anilazi ihlazo! Ngabe lokhu akukhona ukuziphatha okunesibindi, okunobudlabha obesabekayo? Lowo nalowo kinina udidekile futhi unenhliziyo esindayo; nithwele umthwalo omningi kakhulu futhi akukho ndawo Yami kinina. Zimpumputhe! Ninonya kakhulu—kuyophela nini?

Ngikhuluma kini kusuka enhliziyweni Yami izikhathi eziningi futhi ngininika konke enginakho, kodwa nincishana kakhulu futhi nintula ngisho nokuncanyana kobuntu; lokhu akuqondakali ngempela. Kungani ubambelela emicabangweni yakho? Kungani ungangivumeli ngibe nendawo ethile kuwe? Nginganilimaza kanjani nje? Akufanele niqhubeke niziphathe ngale ndlela—usuku Lwami ngempela alukude kusukela manje. Ningakhulumi ngokunganaki, niziphathe ngobudlabha, noma nilwe futhi nidale inkinga; yini enhle lokhu okungayiletha ezimpilweni zenu? Ngiyanitshela ngokweqiniso, ngisho noma kungasindiswa noyedwa umuntu lapho kufika usuku Lwami, ngisayophatha izinto ngokohlelo Lwami. Kufanele wazi ukuthi nginguNkulunkulu onamandla onke! Akukho nto, akukho muntu, akukho sigameko esilokotha siphazamise izinyathelo Zami ekuyeni phambili. Akufanele nicabange ukuthi anginandlela yokwenza intando Yami ngaphandle kwenu. Ngingakutshela ukuthi uma uphatha impilo yakho ngale ndlela ephambene, uyokonakalisa impilo yakho futhi lokho ngeke kungikhathaze.

Umsebenzi woMoya oNgcwele usuqhubekele esigabeni esithile futhi ubufakazi sebufike esicongweni. Leli yiqino elisobala. Sheshani, vulani amehlo enu abona kalufifi, ningavumeli ukuthi imizamo Yami enesineke ibe yize, futhi ningabe nisaziduda. Niyakuthokozela ukwenza izenzo ezilungile phambi Kwami, kodwa lapho ngingekho ngabe izenzo nokuziphatha kwenu kungaphakanyiswa phambi Kwami ukuze ngikubone? Aniwazi umehluko phakathi kokulungile nokubi! Aningilaleli, nenza into eyodwa phambi Kwami bese nenza enye emva Kwami. Anikaboni ukuthi nginguNkulunkulu obheka phakathi ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. Anazi kakhulu!

Kamuva, endleleni ephambili, akufanele nakhe umsebenzi wobuciko noma nenze ukukhohlisa nokugwegwa, kungenjalo imiphumela iyoba ngengacabangeki! Anikaqondi ukuthi inkohliso nokugwegwa kuyini. Noma yiziphi izenzo noma ukuziphatha eningeke nivume ngikubone, eningeke nikwazi ukukuveza obala kuyinkohliso nokugwegwa. Manje kufanele niqonde lokhu! Uma nenza inkohliso nokugwegwa esikhathini esizayo, ningenzi sengathi aniqondi, lokho kuwukwenza nje into engalungi wazi, ukuba necala ngokwengeziwe. Lokhu kuyoholela kuphela ekuthini nishiswe ngomlilo, noma okubi ngokwengenziwe, ukuzonakalisa. Kufanele niqonde! Enibhekene nakho namuhla ukulungiswa ngothando; akukhona neze ukwahlulelwa okunonya. Uma ningakuboni lokhu, khona-ke nidabukisa kakhulu, futhi akukho themba ngani. Uma ningazimisele ukwamukela ukusolwa ngothando, khona-ke konke okunganehlela ukwahlulela okunonya. Lapha kwenzeka lokho, ningakhonondi ngokuthi anginitshelanga. Akuyimi engiyeke izibopho Zami kodwa kunalokho yinina eningalalelanga amazwi Ami futhi eningenzanga izenzo Zami. Nginitshela lokhu manje, ukuze ngingagxekwa kamuva.

Okwedlule: Isahluko 44

Okulandelayo: Isahluko 46

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp