Isahluko 42

Yeka ukuthi zinkulu kangakani izenzo zikaNkulunkulu uSomandla! Zibabazeka kakhulu! Ziyamangalisa! Amacilongo ayisikhombisa ayakhala, imidumo eyisikhombisa iyezwakala, izitsha eziyisikhombisa ziyathululwa—lokhu kuyovezwa obala ngokushesha futhi akunakuba nokungabaza. Uthando lukaNkulunkulu lufika kithi nsuku zonke. UNkulunkulu uSomandla kuphela ongasisindisa; ukuthi sihlangana neshwa noma samukela isibusiso konke kukuyena, futhi thina bantu asinandlela yokunquma lokhu. Labo abazinikela ngayo yonke inhliziyo nakanjani bazonikwa isibusiso esikhulu, ngenkathi labo abafuna ukugcina izimpilo zabo bazolahlekelwa yizimpilo zabo; zonke izinto nazo zonke izindaba zisezandleni zikaNkulunkulu uSomandla. Ungabe usazimisa noma kuphi izinyathelo zakho. Kuza uguquko olukhulu ezulwini nasemhlabeni, umuntu akanandlela yokucasha. Ngeke kube khona okunye ukukhetha ngaye kodwa ukubangalasa okumunyu. Landela umsebenzi owenziwa uMoya oNgcwele namuhla. Kufanele ucacelwe ngaphakathi kwakho ngesinyathelo umsebenzi Wakhe osuqhubekele kuso, angabe esadinga ukukhunjuzwa ngabanye. Manje buyela phambi kukaNkulunkulu uSomandla kaningi ngangokunokwenzeka. Umcele konke. Nakanjani uzokukhanyisela ngaphakathi futhi ngezikhathi ezibucayi uzokuvikela. Ungesabi! Usevele uphethe bonke ubuwena. Ngokuvikela Kwakhe nokunakekela Kwakhe, yini ongayesaba? Namuhla ukufezwa kwentando kaNkulunkulu kuseduze, noma ubani owesabayo uzolahlekelwa. Lokho engikutshela khona kuyiqiniso. Vula amehlo akho okomoya: Izulu lingaguquka ngokuphazima kweso, Kodwa yini ongayesaba? Ngokunyakaza okuthambile kwesandla Sakhe, izulu nomhlaba kubhujiswa ngokuphazima kweso. Ngakho kumsiza ngani umuntu ukukhathazeka? Ngabe izinto zonke azikho ezandleni zikaNkulunkulu? Uma ethi izulu nomhlaba akuguquke, kuzoguquka. Uma ethi sizopheleliswa, khona-ke sizopheleliswa. Akukho sidingo sokuthi umuntu akhathazeke, kodwa kufanele aqhubekele phambili ngesizotha. Noma kunjalo, kufanele unake futhi ubhekisise. Izulu lingaguquka ngokuphazima kweso! Amehlo omuntu enyama angavulwa kakhulu kodwa angakwazi kubona lutho. Qaphelani manje. Intando kaNkulunkulu ifeziwe, umsebenzi Wakhe uphethiwe, uhlelo Lwakhe luphumelele, namadodana Akhe onke afikile esihlalweni Sakhe sobukhosi. Ahlulela zonke izizwe nabo bonke abantu ekanye noNkulunkulu uSomandla. Labo akade beshushisa ibandla, futhi belimaza amadodana kaNkulunkulu ngonya, bayojeziswa kanzima: Lokho akungatshazwa! Labo abazinikela kuNkulunkulu ngobuqotho, ababambe konke, uNkulunkulu nakanjani uzobathanda kuze kube phakade, ngaphandle kokuguquka!

Okwedlule: Isahluko 41

Okulandelayo: Isahluko 43

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp