Isahluko 58

Uma uqonda inhloso Yami, uzokwazi ukucabangela umthwalo Wami, futhi ungathola ukukhanya nesambulo futhi uthole ukukhululwa nenkululeko. Lokhu kuzonganelisa futhi kwenze ukuba intando Yami ngawe yenziwe, kulethe ukuziphatha kubo bonke abangcwele, futhi kwenze umbuso Wami uqine futhi uzinze emhlabeni. Into ebalulekile manje ukuqonda inhloso Yami; lena indlela okufanele ungene kuyo futhi ikakhulu ingumsebenzi okufanele ufezwe umuntu wonke.

Izwi Lami liwumuthi olungile owelapha zonke izinhlobo zezifo. Uma nje uzimisele ukuza phambi Kwami, ngizokuphulukisa futhi ngikwenze ubone ukuba Kwami namandla onke, ubone imisebenzi Yami emangalisayo, ubone ukulunga nobukhosi Bami, Ngaphezu kwalokho, ubone ukukhohlakala kwakho kanye nobuthakathaka bakho. Ngisiqonda ngokuphelele sonke isimo esikuwe; uhlala wenza izinto ezisenhliziyweni yakho, futhi ungazivezi ngaphandle. Ngicacelwa nangokwengeziwe yiyo yonke into oyenzayo. Nokho kufanele wazi ukuthi yiziphi izinto engizincomayo, nokuthi yiziphi izinto engingazincomi; kufanele wehlukanise ngokucacile phakathi kwalezi ezimbili futhi akufanele lokhu ukuthathe kalula.

Umane ukhuluma ngomlomo ukuthi, “Kufanele sibonise ukucabangela umthwalo kaNkulunkulu.” Nokho, lapho ubhekana namaqiniso, awukwenzi nakuba wazi ngokucacile ukuthi uyini umthwalo kaNkulunkulu. Ngempela udideke ngokwedlulele, futhi uyisiphukuphuku ngokwezinga elithile, futhi ngaphezu kwalokho, awazi ngokuphelele. Lokhu kuchaza ukuthi kunzima kangakanani ukusebenza ngomuntu; konke abamane bakwenze ukukhuluma nje, basho okuthile okunjengokuthi “Angiyiqondi nhlobo inhloso kaNkulunkulu, kodwa uma ngiyiqonda, ngokuqinisekile ngizokwenza ngokuvumelana nayo.” Ingabe lesi akusona isimo senu sangempela? Nakuba nonke niyazi inhloso kaNkulunkulu, futhi niyazi ukuthi yini imbangela yokugula kwenu, into ebalulekile ukuthi anizimisele ukwenza; lobu ubunzima obukhulu. Uma ningakuxazululi ngokushesha lokhu, kuzoba yisithiyo esikhulu empilweni yakho.

Okwedlule: Isahluko 57

Okulandelayo: Isahluko 59

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp