Isahluko 59

Funa intando Yami ngokwengeziwe ezimweni ohlangana nazo, futhi nakanjani uyothola ukwamukelwa Yimi. Uma nje usazimisele ukufuna nokuhlonipha Mina, ngiyokunika konke lokho okuntulayo. Ibandla manje lingena ekuqeqeshweni okusemthethweni futhi zonke izinto zingena emzileni ofanele. Izinto azisenjengoba zazinjalo lapho waba khona nokunambitha izinto ezazizofika; akasafanele udideke noma ungabi nokuqonda. Kungani ngidinga ukuba ningene kokungokoqobo kukho konke? Ngabe nikuzwe ngempela lokhu? Ngabe ninganganelisa kulokho engikufuna kini, njengoba nje nginanelisa? Ningakhohlisi! Akulutho olungaphezu kokunibekezelela Kwami kaninginingi, kodwa nokho nilokhu niphindaphinda ningakwazi ukubona umehluko phakathi kokuhle nokubi kanye nokubonisa ukwazisa!

Ukulunga Kwami, ubukhosi Bami, ukwahlulela Kwami nothando Lwami—zonke lezi zinto ziyilokho enginakho nengiyikho—ingabe uzinambithile ngempela? Ngempela awucabangi kakhulu futhi awuyiboni intando Yami. Ngikutshele kaningi ukuthi amadili engiwalungisayo kufanele anambithwe yinina, kodwa niyawenqaba kaninginingi, futhi anikwazi ukwahlukanisa isimo esihle kwesibi. Yisiphi kulezi zimo esakhiwe yini uqobo? Futhi yiziphi ezihlelwe yizandla Zami? Ningazivikeli! Ngibona konke ngokucacile futhi iqiniso liwukuthi nje awufuni. Yini enye engingayisho?

Ngiyohlala ngiduduza bonke labo ababona intando Yami, futhi ngeke ngibavumele ukuba bahlupheke noma balimale. Into ebaluleke kakhulu manje ukuba ukwazi ukwenza ngokuhambisana nentando Yami. Labo abenza lokhu nakanjani bazokwamukela izibusiso Zami futhi babe ngaphansi kokuvikelwa Kwami. Ngubani phakathi kwenu ongazikhandla ngokugcwele ngenxa Yami futhi anikele konke okwakhe ngenxa Yami? Nonke niyanqikaza; imicabango yenu iyayaluza, icabanga ngekhaya, izwe elingaphandle, ukudla nokokugqoka. Nakuba uphambi Kwami ungenzela izinto, ekujuleni kwenhliziyo yakho usacabanga ngomkakho, abantwana bakho nabazali bakho ekhaya. Ngabe bonke bayinto yakho? Kungani ungababeki ezandleni Zami? Awukholwa ngokwanele Kimi? Noma ngukuthi wesaba ukuthi ngiyokwenzela amalungiselelo angafanele? Kungani uhlala ukhathazeka ngomndeni wakho wenyama? Njalo ulangazelela abathandiweyo bakho! Ngabe nginaso isikhundla esithile enhliziyweni yakho? Usakhuluma ngokungivumela ngibe nokubusa phakathi kuwe futhi ngihlale kubo bonke ubuwena—konke lokhu kungamanga okukhohlisa! Bangaki kinina abangabebandla ngazo zonke izinhliziyo zenu? Futhi ngubani phakathi kwenu ongazicabangi yena, kodwa owenza ngenxa yombuso wanamuhla? Cabangisisa ngokucophelela ngalokhu.

Ningidudulele kuleli zinga engingasebenzisa kuphela izandla Zami ukuba nginishaye futhi nginiqhubele phambili; ngeke ngisaninxenxa. Lokhu kungenxa yokuthi nginguNkulunkulu ohlakaniphile, futhi ngiphatha abantu abehlukene ngezindlela ezahlukene, kuye ngokuthi nithembeke kanjani Kimi. NginguNkulunkulu onamandla onke—ngubani ongalokotha avimbe izinyathelo Zami eziya phambili? Kusukela manje kuye phambili, bonke labo abalokotha bangiphathe ngokungethembeki nakanjani bayoba ngaphansi kwesandla sezinqumo Zami zokuphatha. Ngakho bayokwenziwa bazi ukuba namandla onke Kwami. Engikufisayo akubona abantu abaningi kakhulu, kodwa abambalwa abakhethiweyo. Ngiyoshiya futhi ngijezise noma ngubani ongethembekile, ongeqotho, noma ngubani oziphatha ngokungaqondile nangenkohliso. Ungabe usacabanga ukuthi nginesihawu, noma ukuthi nginothando nomusa; imicabango enjalo eyokuzikhohlisa nje. Ngiyazi ukuthi uma ngikuncokolisa ngokwengeziwe uba nombono ophambene ngokwengeziwe futhi ungabi namdlandla wokwenza, bese uphinda ungazimiseli ukuzidela. Lapho abantu belukhuni kuze kube kuleli zinga ngingabagqugquzela kuphela futhi ngibadonse njalo. Yazi lokhu! Kusuka manje kuya phambili nginguNkulunkulu owahlulelayo; angiseyena uNkulunkulu onesihawu, onomusa futhi onothando ocatshangwa umuntu ukuthi Nginguye!

Okwedlule: Isahluko 58

Okulandelayo: Isahluko 60

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp