Isahluko 57

Uke wayihlola yini ngamunye imicabango nemiqondo Yakho, kanye nesenzo sakho ngasinye? Uyacacelwa yini ukuthi yikuphi kulokhu okuvumelana nentando Yami nokuthi yikuphi okungavumelani nayo? Awukwazi ukukwahlukanisa lokhu! Kungani ungakezi ngaphambi Kwami? Ingabe yingoba ngeke ngikutshele, noma kungenxa yesinye isizathu? Kufanele ukwazi lokhu! Yazi ukuthi labo abadebeselayo ngokuqinisekile ngeke baqonde intando Yami noma bathole ukukhanyiseleka nokwambuleleka okukhulu.

Ingabe uzitholile izizathu ezenza ibandla lingakwazi ukuthola ukondleka futhi lintule ukuhlanganyela kwangempela? Uyabona yini ukuthi zingaki izinto eziholele kulokhu eziphathelene nawe? Ngikufundise ukuba unikeze ukuphila futhi wenze kutholakale iphimbo Lami. Ingabe ukwenzile lokhu? Ungalithwala icala lokubambezela intuthuko yabafowenu nodadeweni ekuphileni? Lapho uhlangabezana nezinkinga uyacindezeleka kunokuba uzothe futhi uqoqeke. Awazi lutho ngempela! Iphimbo Lami kufanele lenziwe litholakale kwabangcwele. Ungawucindezeli umsebenzi woMoya oNgcwele futhi ungalibazisi isikhathi Sami; akukho kulokho okuzuzisa noma ubani. Ngifuna ukuba uzinikezele ngokugcwele Kimi, ngomzimba nangengqondo, ukuze wonke umcabango nombono Wakho ube ngoWami, ukuze engikucabangayo nokungikhathazayo nawe ube nakho, futhi ukuze konke okwenzayo kube ngenxa yombuso nokuphatha Kwami kwanamuhla, hhayi okwakho. Yilokho kuphela okuzonelisa inhliziyo Yami.

Noma ngabe yini engiyenzile inobufakazi. Kungani ungalingisi Mina? Kungani ungafuni ubufakazi balokho okwenzayo? Yikuphi okwengeziwe ofuna ukuba ngikusho? Ngikubambe ngesandla ukuze ngikufundise, kodwa awukafundi—uyisiwula! Ingabe ufuna ukuphinde uqale phansi? Ungapheli amandla. Kufanele uvuke uzithathe futhi uzinikezele ngokuphelele ngenxa yamathemba abelanwayo kanye nezifiso ezabelanwayo zabangcwele. Khumbula lawo mazwi: “Kulabo abazikhandla ngobuqotho Ngami, ngokuqinisekile ngiyonibusisa kakhulu.”

Noma ngabe yini oyenzayo kufanele uyenze ngendlela ehlelekile, hhayi ngobudlabha. Ingabe uyalokotha ngempela uthi uyasazi isimo sabangcwele njengoba uzazi wena? Lokho kubonisa ukuthi untula ukuhlakanipha, ukuthi le ndaba awukayithathi njengebalulekile, futhi awukachithi sikhathi kuyo. Uma ungachitha ngempela sonke isikhathi kuyo, ungabona ukuthi isimo sakho sangaphakathi siyokuba njani. Awufuni ukwenza imizamo esengqondweni kodwa umane ubheke izizathu ezisengqondweni futhi awubonisi nokuncane ukucabangela intando Yami—lokho kungizwise ubuhlungu kakhulu! Kungaba ukuthi awuzamukeli izibusiso engikunike zona?

O, Nkulunkulu! umntanakho uyakukweleta. Angizange ngithathe umsebenzi Wakho njengobalulekile, noma ngibonise ukucabangela intando Yakho, angithembekanga emiyalweni Yakho. Umntaakho ufuna ukukulungisa konke lokhu. Ngicela ungangishiyi, ngicela uqhubeke nokwenza umsebenzi Wakho ngami. O, Nkulunkulu! Ungashiyi umntanakho yedwa, kodwa hamba nami ngaso sonke isikhathi. O, Nkulunkulu! Umntanakho uyazi ukuthi uyangithanda, kodwa angiyiqondi intando Yakho, futhi angazi ukuthi ngingabonakalisa kanjani ukucabangela umthwalo Wakho, futhi angazi ukuthi ngingakufeza kanjani lokho ongiphathise khona, angazi ukuthi ngingalelusa kanjani ibandla. Uyazi ukuthi ngidumele futhi ngicindezelekile ngalokhu. O, Nkulunkulu! Ngicela ungiqondise ngazo zonke izikhathi. Yima ngizwa manje ukuthi ngintula kangakanani, kakhulu ngokwedlulele! Angeke nje ngikuchaze. Isandla Sakho esinamandla masibonise umusa kumntanakho, sisekele umntanakho ngazo zonke izikhathi, futhi yenza umntanakho akwazi ukukhothama ngokuphelele phambi Kwakho, angazikhetheli yena, angabi nemicabango noma imiqondo yakhe. O, Nkulunkulu! Uyazi ukuthi umntanakho ufuna ukwenza konke ngenxa Yakho ngokuphelele, konke ngenxa yombuso namuhla. Uyazi ukuthi yini engiyicabangayo nokuthi yini manje engiyenzayo. O, Nkulunkulu! Ngihlole ngoKwakho. Ngicela kuphela ukuba uhambe nami futhi uhlale nami ekuphileni ngazo zonke izikhathi, ukuze amandla Akho ahambisane nezenzo zami.

Okwedlule: Isahluko 56

Okulandelayo: Isahluko 58

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp