C. Izixwayiso ZikaNkulunkulu Kumuntu

644. Labo abafisa ukuthola ukuphila ngaphandle kokwethembela eqinisweni elikhulunywa uKristu bangabantu abangenangqondo kakhulu emhlabeni, futhi bayilabo abangayamukeli indlela yokuphila elethwe uKristu abalibele ukuphupha. Ngakho ngithi uma abantu bengamamukeli uKristu wezinsuku zokugcina bayohlala bezondwa uNkulunkulu unomphela. UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

645. Sithemba ukuthi alikho izwe noma isizwe esizomelana nalokho uNkulunkulu afisa ukukufeza. Labo abavimba umsebenzi kaNkulunkulu, abamelana nezwi likaNkulunkulu, abaphazamisa futhi balimaze uhlelo lukaNkulunkulu, bayojeziswa nguNkulunkulu ekugcineni. Lowo oweyisa umsebenzi kaNkulunkulu uyothunyelwa esihogweni; noma iliphi ilizwe eleyisa umsebenzi kaNkulunkulu liyobhujiswa; noma isiphi isizwe esivukayo ukumelana nomsebenzi kaNkulunkulu siyoshabalaliswa emhlabeni, futhi singabe sisaba khona. Ngiyagqugquzela abantu bazo zonke izizwe, amazwe, ngisho nezimboni ukuthi nilalele izwi likaNkulunkulu, nibone umsebenzi kaNkulunkulu, ninake isiphetho sesintu, ngaleyo ndlela nenze uNkulunkulu abe ongcwele kakhulu, ohlonishwa kakhulu, ophakeme kakhulu nokunguyena kuphela ofanele ukukhonzwa phakathi kwesintu, futhi nivumele isintu sisonkana ukuthi siphile ngaphansi kwesibusiso sikaNkulunkulu, njengoba inzalo ka-Abrahama yabe iphila ngaphansi kwesithembiso sikaJehova, futhi njengoba u-Adamu no-Eva ababenziwe uNkulunkulu ekuqaleni, babephila eNsimini yase-Edeni.

Umsebenzi kaNkulunkulu ufana namagagasi agubha kakhulu. Akekho ongamvalela, futhi akekho ongamisa izinyathelo Zakhe. Yilabo kuphela abalalela amazwi Akhe ngokucophelela futhi abafuna baphinde bomele Yena, abalandela ezinyathelweni Zakhe futhi bazuze isithembiso Sakhe. Labo abangakwenzi bayobhekana nenhlekelele enamandla kakhulu kanye nesijeziso esifanele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

646. UNkulunkulu ufuna labo abalangazelela ukuthi aqhamuke. Ufuna labo abakwazi ukuzwa amazwi Akhe, labo abangakhohlwanga yilokho abaphathise khona futhi abanikela inhliziyo nomzimba wabo Kuye. Ufuna labo abalalela okwezingane phambi Kwakhe, futhi abangamelani Naye. Uma ungavinjwa ngamandla athile ekukhonzeni kwakho ngobuqotho uNkulunkulu, uNkulunkulu uzokwenzela umusa, futhi athele izibusiso Zakhe kuwe. Uma usesikhundleni esiphakeme, waziwa ngokuhlonishwa, unolwazi oluchichimayo, unempahla eningi, futhi wesekwe abantu abaningi, kepha zonke lezi zinto zingakuvimbi ukuthi uze phambi kukaNkulunkulu ukwemukela ubizo Lwakhe, nalokho akuphathisa khona, ukwenza lokho uNkulunkulu akucela ukuba ukwenze, konke oyokwenza kuyoba okubaluleke kakhulu emhlabeni futhi uyobe ungolunge kunabo bonke esintwini. Uma wala ubizo lukaNkulunkulu ngenxa yesikhundla kanye nemigomo yakho, konke ozokwenza kuyobe kuqalekisiwe futhi kuyokwenyanywa nguNkulunkulu. Mhlawumbe ungumongameli, noma usosayensi, umfundisi, noma ilunga kodwa noma ngabe siphakeme kangakanani isikhundla sakho, uma wethembele olwazini lwakho, nekhono kulokho okwenzayo, uyoba yisahluleki njalo, futhi uyohlala ungenazo izibusiso zikaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akamukeli lutho olwenzayo, futhi akavumi ukuthi umsebenzi wakho ungolungileyo noma emukele ukuthi usebenzela ukusizakala kwesintu. Uzothi konke okwenzayo, ukusebenzisa ulwazi namandla esintu ukuphuca umuntu ukuvikelwa nguNkulunkulu, kanye nokuphika izibusiso zikaNkulunkulu. Uzothi uholela isintu ebumnyameni, ekufeni, futhi ekuqaleni kokuphila okungenamkhawulo lapho umuntu eselahlekelwe uNkulunkulu nesibusiso Sakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

647. Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho nina, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokubambelela ngokuyize egameni likaMesiya, kulapho bephikisana nengqikithi kaMesiya ngazo zonke izindlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu obuyele enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka? Ningawuqonda kanjani umsebenzi kaJesu uma ebuya enyameni ngefu elimhlophe, uma ninqaba ngenkani ukubona amaphutha enu? Nginitshela lokhu: abantu abangalamukeli iqiniso, nokho, ngobumpumputhe balindele ukufika kukaJesu ngamafu amhlophe, ngokuqinisekileyo bayohlambalaza uMoya oNgcwele, futhi bayisigaba esiyobhujiswa. Nimane nifisa umusa kaJesu, futhi nimane nifuna ukuthokozela umkhathi wasezulwini onentokozo, kepha anikaze niwalalele amazwi akhulunywa uJesu, futhi anikaze nilamukele iqiniso elakhulunywa uJesu uma Ebuya enyameni. Yini oyoyiphakamisela ukubuya kukaJesu ngefu elimhlophe? Ubuqotho enenza ngabo izono niphindelela bese niyazivuma, njalo njalo? Yini oyoyenza ibe umnikelo kuJesu Kristu uma ebuya ngefu elimhlophe? Ingabe iminyaka yokusebenza eniziphakamisa ngayo? Yini oyoyiphakamisa ukuze uJesu osebuyile akwethembe? Ingabe imvelo yakho yokuzikhukhumeza, engalilaleli nanoma iliphi iqiniso?

Kucashunwe embhalweni othi “Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

648. Ngiyanitshela, labo abakholwa kuNkulunkulu ngenxa yezibonakaliso, impela bayisigaba esiyozwa ukubhujiswa. Labo abangakwazi ukwamukela amazwi kaJesu osebuyile enyameni, impela bayinzalo yesihogo, isizukulwane sengelosi enkulu, isigaba esizoya ekubhujisweni okuphakade. Abantu abaningi kungenzeka bangakunaki engikushoyo, kodwa ngisafuna ukutshela bonke ababizwa ngabangcwele abalandela uJesu ukuthi, lapho nibona uJesu ehla ezulwini ngefu elimhlophe ngamehlo enu, lokhu kuyoba ukubonakala emphakathini kweLanga lokulunga. Kungenzeka, leso kuyoba isikhathi sokujabula kini, nokho kumele nazi ukuthi ngesikhathi nibona uJesu ehla ezulwini, kuyoba futhi isikhathi sokuthi niye phansi esihogweni niyojeziswa. Lokho kuyoba yisikhathi sokuphela kohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi kuyoba isikhathi lapho uNkulunkulu eyovuza abahle bese ejezisa ababi. Ngokuba ukwahlulela kukaNkulunkulu kuyophela ngaphambi kokuba umuntu abone izibonakaliso, lapho kukhona ukuvezwa kweqiniso kuphela. Labo abemukela iqiniso, bengabheki izibonakaliso, futhi sebehlanziwe, bayobe sebebuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu futhi sebengene ekugonweni nguMdali. Labo kuphela abaphokophelela enkolweni ethi “uJesu ongagibeli efwini elimhlophe unguKristu wamanga” bayothola ukujeziswa okuphakade, ngokuba bakholwa kuphela kuJesu obonisa izibonakaliso, kodwa abamazisi uJesu omemezela ngokwahlulelwa okunzima bese ekhipha indlela yeqiniso yokuphila. Futhi kungaba kuphela ukuthi uJesu ubhekana nabo uma ebuya ngokusobala ngefu elimhlophe. Banenkani kakhulu, banokuzethemba kakhulu, futhi bayazikhukhumeza. Kungenzeka kanjani abantu abonakele kanje bavuzwe uJesu? Ukubuya kukaJesu kuyinsindiso enkulu kulabo abakwazi ukwamukela iqiniso, kodwa kulabo abangakwazi ukwamukela iqiniso, kuwuphawo lokwahlulelwa. Kumele nikhethe indlela yenu, ningahlambalazi uMoya oNgcwele futhi nenqabe iqiniso. Kumele ningabi abantu abangenalwazi futhi abakhukhumele, kodwa abantu abalalela ukuholwa uMoya oNgcwele, balangazelele futhi bafune iqiniso; ingalendlela kuphela lapho niyothola ukusizakala. Ngiyaniyala ukuthi nithathe indlela yokukholwa kuNkulunkulu ngokunakekela. Ningathathi izinqumo ngokushesha; ngaphezu kwalokho, ningathathi kalula futhi ningani nokungacabangi ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Kumele nikwazi lokhu, okungenani, labo abakholwa kuNkulunkulu kumele bazithobe futhi bahloniphe. Labo abalizwile iqiniso nokho baziqhenya, bayiziwula futhi abanalwazi. Labo abalizwile iqiniso nokho ngokunganaki benza izinqumo ngokushesha noma balichitha bahlushwa ukuzikhukhumeza. Akekho okholwa uJesu ofanele ukuqalekisa noma ahlulele abanye. Kumele nonke nibe nengqondo futhi namukele iqiniso. Mhlawumbe, emva kokuba usuzwile ngendlela yeqiniso futhi wafunda ngezwi lokuphila, ukholwa ukuthi izwi elilodwa kwayizi-10,000 ahambisana nokukholwa kwakho neBhayibheli, ngakho kumele uqhubeke nokufuna kuleli zwi lezi-10,000 kulawa mazwi. Ngisaniluleka ukuba nizithobe, ningazethembi ngokweqile, ningaziphakamisi kakhulu. Ngezinhliziyo zenu eziphethe ukuhlonipha okuncane kakhulu kukaNkulunkulu, niyothola ukukhanya okukhulu. Uma niwahlola ngokuqaphela futhi niwacabange niphindelela la mazwi niyoqonda noma ayilo noma akalona yini iqiniso, noma ayikho noma akasikhona ukuphila. Mhlawumbe, emva kokufunda imisho embalwa, abanye abantu bazokwahlulela la mazwi ngobumpumputhe, bethi, “Lokhu akulutho kunokukhanyiselwa okuthile uMoya oNgcwele,” noma, “Lona uKristu wamanga ozokhohlisa abantu.” Labo abasho izinto ezinje, ababoni ngenxa yokungazi! Niqonda okuncane kakhulu ngomsebenzi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi ngiyaniyala ukuba niqale futhi ekuqaleni! Akufanele nahlulele ngobumpumputhe amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngenxa yokuvela koKristu bamanga ezinsukwini zokugcina, futhi ungabi umuntu ohlambalaza uMoya oNgcwele ngoba wesaba inkohliso. Ngeke lokho kube okudabukisayo okukhulu? Uma emuva kokuhlola okukhulu usakholwa ukuthi lawa mazwi akalona iqiniso, akayona indlela, akakhona ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, uyojeziswa ekugcineni, futhi ungabi nezibusiso. Uma ungenakho ukwemukela iqiniso elinje elikhulunywe ngokusobala nokucacile kakhulu, ngakho awufanelwe yini insindiso kaNkulunkulu? Awuyena umuntu ongenayo inhlanhla yokubuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu? Ake ukucabanga lokho! Ungagagameli futhi ube namawala, futhi ungakuthathi ukukholwa kuNkulunkulu njengomdlalo. Cabanga ngenxa yesiphetho sakho, ngenxa yamathemba akho, ngenxa yempilo yakho, futhi ungadlali ngawe. Ungawamukela la mazwi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

649. Ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela. Abantu abaningi banomuzwa omubi mayelana nesimo sokuba senyameni kukaNkulunkulu, ngoba umuntu ukuthola kunzima bokukholwa ukuthi uNkulunkulu wayengaba yinyama ukuze enze umsebenzi wokwahlulela. Kodwa kumele ngikwazise ukuthi ngokuvamile umsebenzi kaNkulunkulu wedlula okulindelwe ngabantu futhi kulukhuni ukuthi imiqondo yabantu iwamukele. Ngoba abantu bayizimpethu nje emhlabeni, kube uNkulunkulu engophakeme ogcwalisa umhlaba; umqondo womuntu ufana nomgodi wamanzi abolile akhipha izimpethu kuphela, kanti isigaba ngasinye somsebenzi oqondiswa yimicabango kaNkulunkulu siwukuconsiswa kobuhlakani bukaNkulunkulu. Umuntu uhlala efisa ukuphikisana noNkulunkulu, engithi ngakho kusobala ukuthi ubani oyolahlekelwa ekugcineni. Ngiyanixwayisa nonke ukuthi ningaziboni ukuthi nibaluleke ngaphezu kwegolide. Uma abanye abantu bekwazi ukwamukela ukwahlulela kukaNkulunkulu, pho kungani nina ningakwazi? Nina niphakeme kangakanani ngaphezu kwabanye? Uma abanye abantu bekwazi ukugebisa amakhanda abo phambi kweqiniso, kungani nina ningenzi njalo? Umsebenzi kaNkulunkulu unomfutho onganqandeki. kazukuwuphinda umsebenzi wokwahlulela futhi ngenxa “yenu,” futhi nizogcwala ukuzisola okungenamkhawulo ngokudedela ithuba elihle kangaka. Uma ningawakholwa amazwi Ami, velani nilindele isihlalo sobukhosi esimhlophe esikhulu esibhakabhakeni ukuze sedlulisele ukwahlulela phezu kwenu! Kumele nazi ukuthi bonke abakwa-Israyeli bamala futhi bamphika uJesu, kodwa iqiniso lokuhlenga isintu kukaJesu laqhubeka lenabela emhlabeni jikelele laze lafika ekugcineni komhlaba. Akusilo leli iqiniso uNkulunkulu alenza kudala? Uma usalindele ukuthi uJesu akuyise phezulu ezulwini, ngithi kuwe uwukhuni olufie olunenkani.[a] uJesu ngeke emukele umuntu ongakholwa ngokweqiniso onjengawe ongethembekile eqinisweni futhi ofuna izibusiso kuphela. Empeleni, akazukukhombisa musa kuwe ekukuphoseni echibini lomlilo ukuze ushe iminyaka engamashumi ezinkulungwane.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

650. UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini. Ukuthuthuka komuntu nokuqhubekela phambili kungehlukaniswe nobukhosi bukaNkulunkulu, futhi umlando nekusasa lesintu kungeke kwakhishwa ezinhlelweni zikaNkulunkulu. Uma ungumKristu ngokweqiniso, uzokholwa ukuthi ukuvuka nokuwa kwanoma iliphi izwe noma isizwe kwenzeka ngokuhlela kukaNkulunkulu. UNkulunkulu yedwa owazi isiphetho sezwe noma isizwe, futhi uNkulunkulu yedwa olawula inkambo yale sintu. Uma isintu sifisa ukuba nesiphetho esihle, uma izwe lifuna ukuba nesiphetho esihle, kufanele umuntu aguqe phansi adumise uNkulunkulu, aphenduke futhi avume phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwalokho isiphetho nesiphetho somuntu ngokungenakugwemeka siyogcina ngenhlekelele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

651. Ngenxa yalokho enikudalelwe, kumele nifune ukwamukelwa nguNkulunkulu. Okusho ukuthi, njengoba nikwamukela ukuthi nibalwa kanye nabanye abasendlini kaNkulunkulu, ngakho kumele nilethe ukuthula okusemqondweni kanye nokweneliseka kuNkulunkulu kukho konke. Ngamanye amazwi, kumele niphile ngokomgomo ezenzweni zenu futhi nivumelane neqiniso ezintweni ezinjalo. Uma lokhu kungaphezu kokwazi ukukwenza, kanjalo uzozondwa ulahlwe nguNkulunkulu futhi waliwe yibo bonke. Uma uke waba sengxakini enjalo, ngeke usakwazi ukubalwa kanye nalabo abasendlini kaNkulunkulu. Yilokhu-ke okuqondwe ngokungavunywa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

652. Engikufunayo kungase kube lula, kodwa enginitshela khona akulula njengokuthi okukodwa nokukodwa kulingana nokubili. Uma okuwukuphela kwento eniyenzayo kuwukukhuluma noma kubani ngalokhu, nikhulume imbudane, izinkulumo zokuzikhukhumeza, kusho ukuthi okulotshiwe ngani nezifiso zenu kuyohlale kusekhasini elingenalutho. Ngeke ngibazwele nakancane labo kini abahlupheka iminyaka eminingi futhi basebenze kanzima bengabi nalutho oluphathekayo ngalokho. Kunalokho, ngiphatha labo abangakaze bakwenze engikufunayo ngesijeziso, hhayi ngemivuzo, nozwelo luncane. Mhlawumbe nicabanga ukuthi ekubeni ngabalandeli iminyaka eminingi nenza umsebenzi onzima noma kunjani, ngakho kunoma yisiphi isimo ningasithola isitsha selayisi endlini kaNkulunkulu ngokuba abenzi bomsebenzi. Ngingathi iningi lenu licabanga ngale ndlela ngoba kuze kube manje benilandela umyalo wokusizakala ngento ethile hhayi ukuthi kusizakalwe ngani. Ngakho manje ngiyanitshela futhi angidlali: Anginandaba nokuthi umsebenzi wakho onzima ufaneleke kangakanani, nokuthi izimfaneleko zakho zihlaba umxhwele kangakanani, nokuthi ungilandela eduze kangakanani, nokuthi waziwa kangakanani, noma ukuthi usungcono kangakanani umbono wakho; uma nje ungakwenzi engikufunayo, awusoze wanconywa Yimi. Sula ngokushesha yonke leyo mibono nezibalo zakho, uqale ukuzibheka njengezibalulekile izinto engizifunayo. Kungenjalo, bonke abantu ngiyobaphendula umlotha ukuze ngiqede umsebenzi Wami, futhi okuhle kakhulu ngiphendule iminyaka yomsebenzi Wami nokuhlupheka kube yize, ngoba ngeke ngingenise izitha Zami, nabantu abenza okubi belingisa uSathane embusweni Wami, enkathini elandelayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Iziphambeko Ziyoholela Umuntu Esihogweni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

653. Manje sekuyisikhathi lapho umoya Wami wenza izinto ezinkulu, futhi yisikhathi lapho ngisebenza phakathi kwabeZizwe. Ikakhulu, sekuyisikhathi lapho ngihlela yonke indalo ngibeka omunye ngamunye esigabeni esifanele ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngokushesha nangempumelelo enkulu. Ngakho-ke, engikucela kuwe kusengukuba uzinikele ubuwena bonke kuwo wonke umsebenzi Wami; ukwedlula lokho, kumele ukwazi ukuhlukanisa futhi uqiniseke ngemisebenzi yonke engiyenze kuwe, uphinde ufake wonke amandla wakho emsebenzini Wami ukuze ube nempumelelo enkulu. Yiko lokhu okumele ukuqonde. Gwemani ukuxabana nodwa, bhekani izindlela zezisombululo, okanye ukubheka ukubheka indlela yokuphindela emuva noma ukufuna ukuthokomala kwenyama, okuyinto ezobambezela umsebenzi Wami futhi yone ikusasa lakho eliqhakazile. Ukuwenza kanjalo ngale kokukukunikeza ukuvikeleka kuzokulethela imbubhiso. Ngeke lokhu kube ubuphukuphuku bakho? Lokhu okuthokozela ngomhobholo namuhla yikho kanye lokhu okona ikusasa lakho, kanti ubuhlungu ophila ngaphansi kwabo namhlanje ibona kanye lobu obukuvikelayo. Kufanele uzibone ngokucacile lezi zinto, ukuze ugweme izilingo ozocindizeleka ukuba uphunyuke kuzo nokuba ugweme ukwedukela enkungwini esindayo nokungakwazi ukuthola ilanga. Uma le nkungu esindayo icwengeka, uyozithola usekwahlulelweni kosuku olukhulu. Ngaleso sikhathi, usuku Lwami luyobe selufikile kumuntu. Uyokubalekela kanjani ukwahlulela Kwami? Uyokwazi kanjani ukumelana nokushisa okungqongqisayo kwelanga? Uma nginikezela umuntu inala Yami akayilondolozi esifubeni sakhe, kodwa kunalokho uyilahla kude ezindaweni okungekho muntu oyoyibona khona. Lapho usuku Lwami lwehlela kumuntu, ngeke esakwazi ukuthola inala Yami noma athole amazwi ababayo eqiniso engalikhuluma kuye kudala. Uyokhala alile, ngoba ulahlekelwe ukugqama kokukhanya wayesewela ebumnyameni. Lokhu enikubona namuhla kuyinkemba nje ebukhali yomlomo Wami. Anikayiboni induku esesandleni Sami noma ilangabi engishisa ngalo umuntu, futhi yingakho nisaqhosha niphinde ningazithibi ebusweni Bami. Yingakho nisalwa Nami endlini Yami, niphikisa ngolimi lomuntu lokhu engikukhulume ngomlomo Wami. Umuntu akangesabi, futhi nakuba eqhubeka nokuba nobutha nami kuze kube namhlanje, ulokhu engenakho nhlobo ukwesaba. Ninolimi namazinyo alabo abangalungile emilonyeni yenu. Amazwi nezenzo zenu afana nawenyoka eyayengela u-Eva ekoneni. Nifuna komunye nomunye iso ngeso nezinyo ngezinyo futhi nilwa ebukhoneni Bami ukuzihlwithela izikhundla, udumo nenzuzo, kodwa anazi ukuthi ngiyawabuka ngasese amazwi nezenzo zenu. Ngaphambi kokuba nifike ebusweni Bami, senginazi ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Umuntu uhlale efisa ukuphunyuka ekubambeni kwesandla Sami, agweme ukubuka kwamehlo Ami, kodwa angikaze ngiwagweme amazwi noma izenzo zakhe. Kunalokho, ngiyavuma ngenhloso ukuba zifinyelele emehlweni Ami ukuze ngisole ukungalungi ngiphinde ngahlulele ukuhlubuka kwakhe. Kanjalo, amazwi nezenzo zomuntu ezifihliwe zihlala zibekwe phambi kwesihlalo sokwahlulela, futhi ukwahlulela Kwami akukaze kusuke kumuntu, ngoba ukuhlubuka kwakhe kukhulu kakhulu. Umsebenzi Wami ukushisa ngiphinde ngihlambulule wonke amazwi nezenzo zomuntu ezashiwo futhi zenziwa ebukhoneni boMoya Wami. Ngale ndlela,[b] uma sengishiya umhlaba, abantu basayoqhubeka nokwethembeka Kimi, futhi basayongikhonza njengoba izinceku Zami ezingcwele zenza umsebenzi Wami, zivumela umsebenzi Wami emhlabeni ukuba uqhubeke kuze kufike usuku lapho usuqediwe khona.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

654. Emhlabeni, lonke uhlobo lomoya omubi luyazulazula lufuna indawo yokuhlala, futhi luhamba luthungatha ngokungaphezi izidumbu zabantu ezingadliwa. Bantu Bami! Kufanele nihlale ngaphansi kokunakekela nokuvikela Kwami. Ningazihlukanisi! Ningabi budedengu! Kunalokho, yibani qotho endlini Yami, futhi ngubuqotho kuphela obunganisiza nikwazi ukumelana nobuqili bukasathane. Ningalinge nenze ngendlela ebenenza ngayo ngaphambili, nenze lokhu phambi Kwami nokunye ngemva Kwami−uma nenza kanjalo ngeke nisakwazi ukuhlengwa. Ngokuqinisekile sengiwasho kaningi amazwi afana nalawa, akunjalo? Isizathu esenza nginikhumbuze ngokuphindaphindiwe ukuthi izindlela zomuntu zakudala aziguquki. Kungakucasuli lokho! Konke engikushoyo kungenxa yokuthi ngifuna ukuqinisekisa ikusasa lenu! Okudingwa uSathane indawo engcolile nenukayo; uma ungenalo ithemba lokulungiseka, futhi unokuphila okungcolile, ukwenqaba ukuqondiswa, yilapho imimoya engcolile izozitholela khona ithuba lokungena kuwe. Lapho senidlule kulokhu, ubuqotho benu buyoba yinkulumo engasho lutho, engenalo iqiniso, futhi imimoya emibi izozidla ziphele izinqumo zenu, ziguquke zibe ukungalaleli noma amaqhinga kaSathane, futhi zisetshenziselwe ukuphazamisa umsebenzi Wami. Ngaleso sikhathi ngizokushaya uze ufe, noma nini nangendlela engithanda ngayo. Akekho noyedwa obaziyo ubunzima balesi simo; bonke abantu bavele bakuzibe lokho abakuzwayo, futhi abaqapheli nakancane. Angikukhumbuli okwenzekile esikhathini esidlule. Ingabe usalindele ukuba ngizwelane nawe ngokuthi uphinde wakhohlwa?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 10” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

655. Iningi likhetha ukuba liyolahlwa esihogweni kunokukhuluma futhi lenze ukwethembeka. Akumangalisi ukuthi nginenye impatho ebekekwe labo abangathembekile. Impela, ngiyabuqonda ubunzima obukhulu enibhekana nabo ekuzameni ukuba ngabantu abethembekile. Nonke nihlakaniphile kabi futhi niyizingcweti kwezokwehlulela umuntu olungile ngokwesilinganiso senu esinomona; njengoba kunje umsebenzi Wami uba lula kakhulu. Futhi njengalokhu nisingatha izimfihlo zenu ezinhliziyweni zenu, kulungile-ke, ngizothumela omunye nomunye wenu enhlekeleleni ukuba “niyofundiswa” ngomlilo, ukuze emva kwalokho nizokuba nokuzibophezela ekukholweni emazwini Ami. Okokugcina, ngizokhipha kanzima amazwi emilonyeni yenu athi “uNkulunkulu unguNkulunkulu wokwethembeka,” emva kwalokho niyozishaya isifuba futhi nibalise, “Ingumkhohlisi inhliziyo yomuntu!” Ingabe siyobe sesiyini isimo sengqondo yakho kuleli qophelo? Ngiyacabanga nje aninakuqhubeka nokuziphatha ngokuzazisa njengoba nenza njengamanje. Ngingasakuphathi ukuthi “nibe ngabajulile kakhulu ukuba bangaqondisiseka” njengoba ninjalo njengamanje. Abanye baziphatha ngendlela ehloniphekile nefanele futhi babonakala ikakhulukazi nje “baziphatha ngenhlonipho” ebukhoneni bukaNkulunkulu kodwa babe ngabadelelayo futhi abangalawuleki ebukhoneni bukaMoya. Ningambala yini phakathi kwabathembekile umuntu onjalo? Uma ungozenzisayo nomuntu oyingcweti “kwezokuzijabulisa,” ngizothi uwena ngempela ohlekisa ngoNkulunkulu. Uma amazwi akho egcwele izaba kanye nokuzihlangula okungenamsebenzi, ngithi uyilowo ongazimisele nhlobo ukwenza iqiniso. Uma unezimfihlo eziningi ongabazayo ukuziveza, futhi uma ungafuni ukudalula izimfihlo zakho—okusho ukuthi, izinkinga zakho—kwabanye ukuze ufune indlela yokukhanya, ngizothi uyilowo ongeke ayithole kalula insindiso futhi ongeke aphunyuke kalula ebumnyameni. … Ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini kuncike ekuthini unenhliziyo ethembekile nebomvu okwegazi kanye nasekuthini unawo yini umphefumulo omsulwa. Uma ungumuntu ongathembekile kakhulu, umuntu onenhliziyo enobubi kanye nomphefumulo ongahlanzekile, ngakho-ke uzophetha usendaweni lapho umuntu ejeziswa khona njengoba kubhaliwe encwadini yesiphetho sakho. Uma uthi wethembeke kakhulu, kodwa ungakaze wenze ngokweqiniso noma ukhulume izwi leqiniso, ingabe usalindele ukuba uNkulunkulu akuklomelise? Ingabe usenethemba lokuthi uNkulunkulu uzokubuka njengesithandwa seso Lakhe? Ingabe ukucabanga okunjalo akukhona ukuzikhohlisa? Ukhohlisa uNkulunkulu kukho konke, manje indlu kaNkulunkulu ingamgcina kanjani umuntu onjengawe onezandla ezingahlanzekile?

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

656. Manje, umthelela wokufuna kwenu ulinganiswa ngalokho eninakho njengamanje. Yilokhu okusetshenziselwa ukunquma isiphetho senu; lokho kusho ukuthi isiphetho senu sembulwa eminikelweni eniyenzile nasezintweni enizenzile. Isiphetho senu sizokwambulwa ukufuna kwenu, ukholo lwenu, nalokho enikwenzile. Phakathi kwenu nonke, baningi kwamanje abangeke besasindiseka, ngoba namuhla wusuku lokwambula iziphetho zabantu, futhi ngeke ngidideke emsebenzini Wami; ngeke ngibaholele enkathini elandelayo labo abangeke nhlobo basindiseke. Kuzofika isikhathi lapho umsebenzi Wami uphethwa khona. Ngeke ngisebenze kulezo zidumbu ezinukayo, ezingenamoya ezingakwazi nhlobo ukusindiswa; lezi yizinsuku zokugcina zokusindiswa komuntu, futhi ngeke ngenze umsebenzi ongenalusizo. Ungakhonondi ngeZulu nomhlaba—ukuphela komhlaba kuyeza. Ngeke kugwemeke. Izinto sezifike kuleli qophelo, futhi akukho wena njengomuntu ongakwenza ukuze uzimise; awukwazi ukuguqula izinto ngokufisa kwakho. Izolo, awuzange uzikhandle ukuze uphishekele iqiniso futhi ubungethembekile; namuhla, isikhathi sesifikile, awusasindiseki; futhi kusasa, uyosuswa, futhi ngeke uxegiselwe ukuze usindiswe. Nakuba inhliziyo Yami ithambile futhi ngenza ngakho konke ukukusindisa, uma ungazilweli noma uzicabangele, lokho kuhlangene ngani Nami? Labo abacabangela inyama yabo kuphela futhi abathokozela ukunethezeka; labo ababonakala sengathi bayakholwa kodwa empeleni bengakholwa; labo abasebenzisa imithi yokwenza okubi nabathakathayo; labo abangenazimilo, abamanikiniki nabamahlimbihlimbi; labo abantshontsha iminikelo kaJehova nezimpahla Zakhe; labo abathanda ukugwazelwa; labo abaphupha ngokuvilapha ngokwenyukela ezulwini; labo abazidlayo nabaziqhenyayo, abalwela udumo nomcebo kuphela; labo abasabalalisa amazwi okwedelela; labo abahlambalaza uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abangenzi lutho ngaphandle kokwahlulela futhi banyundele uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abakha amaqenjana bese befuna ukuzimela; labo abaziphakamisa ngaphezu kukaNkulunkulu; abesilisa nabesifazane abasha, abaphakathi nendawo nabadala abathanda izinto ezingenamsebenzi ababambeke ekonakaleni; lawo madoda nabesifazane abathokozela udumo nomcebo futhi abafuna ukugqama phakathi kwabanye; labo bantu abangaphenduki ababambeke esonweni—ngabe bonke, abayibona yini abangasindiseki? Ukonakala, ukuba nezono, imithi yobubi, ubuthakathi, namazwi okwedelela konke kuyadlokovula phakathi kwenu; neqiniso namazwi okuphila ayanyathelwa phakathi kwenu, futhi ulimi olungcwele luyangcoliswa phakathi kwenu. Nina bantu bezizwe, eniqumbile ngenxa yokungcola nokungalaleli! Siyoba yini isiphetho senu? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathanda inyama, abathakatha inyama, nalabo ababambeke esonweni sokonakala babe nesibindi sokuqhubeka baphile! Anazi yini ukuthi abantu abanjengani bayizimpethu ezingenakusindiswa? Yini eninika ilungelo lokufuna lokhu nalokhuya? Kuze kube namuhla, akukaze kube ngisho noluncane uguquko kulabo abangalithandi iqiniso futhi abathanda inyama kuphela—bangasindiswa kanjani abantu abanjalo? Labo abangayithandi indlela yokuphila, abangamphakamisi uNkulunkulu futhi bamfakazele, abakha amacebo ukuze bathole izikhundla, abazidumisayo—abanjalo nanamuhla? Kubaluleke ngani ukubasindisa? Ukusindiswa kwakho akuncikile ekuphakameni kwesikhundla sakho noma enanini leminyaka osuyisebenzile, ingasaphathwa eyokuncika emagameni osuwakhile. Kunalokho, kuncike ekuthini ukufuna kwakho kube nemiphumela yini. Kufanele wazi ukuthi labo abasindisiwe “bayimithi” ethela izithelo, hhayi imithi enamahlamvu nezimbali eziningi kodwa engatheli zithelo. Ngisho ngabe usuchithe iminyaka eminingi uzula emigwaqeni, kubaluleke ngani lokho? Buphi ubufakazi bakho? Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu kuncane kakhulu kunokuzithanda kwakho nezinkanuko zakho—ngabe lolu hlobo lomuntu alusona yini isonakali? Kungenzeka kanjani ukuthi abe yisibonelo nezifanekiso zabokusindiswa? Imvelo yakho ayilungiseki, uhlubuka ngokwedlulele, awusindiseki! Abantu abanjalo akubona yini abayosuswa? Ingabe isikhathi okuyophela ngaso umsebenzi Wami akusona isikhathi sokufika kosuku lwakho lokugcina? Sengenze umsebenzi omningi kakhulu futhi ngakhuluma amazwi amaningi kakhulu phakathi kwenu—kungakanani kukho enikuzwile? Kungakanani kukho enikulalelile? Lapho umsebenzi wami ufika ekugcineni, leso kuyoba yisikhathi oyogcina ngaso ukungiphikisa, lapho uyoyeka khona ukumelana Nami. Ngenkathi ngisebenza, niphikisana Nami njalo; anize ningahambisana namazwi Ami. Ngenza umsebenzi Wami, futhi wena wenza owakho “umsebenzi,” wenza owakho umbuso omncane. Akukho eniyikho ngaphandle kokuba umhlambi wezimpungushe nezinja, nenza konke okungiphikisayo! Nihlala nizama ukusingatha labo abanithanda ngokuphelele—kuphi ukuhlonipha kwenu! Konke enikwenzayo kunenkohliso! Anilaleli futhi aninanhlonipho, futhi konke enikwenzayo kuyakhohlisa futhi kuyahlambalaza! Bangasindiswa abantu abanjalo? Abantu abaziphatha kabi ngokocansi nabahlala benenkanuko bahlala befuna ukudonsela kubo izifebe ezihungulayo ukuze bazithokozise bona. Ngeke ngiwasindise nhlobo la madimoni aziphatha kabi ngokocansi. Ngiyanizonda madimoni angcolile, futhi ukonakala nokuhungula kwenu kuyoniphonsa esihogweni. Yini eningayisho ngalokhu? Nina madimoni amabi nemimoya emibi niyenyanyisa! Niyacasula! Ungasindiswa kanjani udoti onjalo? Bangasindiswa yini bonke ababambeke esonweni? Namuhla, leli qiniso, le ndlela, nalokhu kuphila akukudonsi; kunalokho, udonsekela esonweni; emalini; egameni, ekudumeni nasekuzuzeni; ekuthokozeni ngokwenyama; ebuhleni bamadoda nasekuthandekeni kwabesifazane. Yini enenza nifanele ukungena embusweni Wami? Isiqu senu sikhulu ngisho kunesikaNkulunkulu, isikhundla sakho singaphezulu ngisho kunesikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyesithunzi sakho phakathi kwabantu—seniyizithixo ezikhonzwa ngabantu. Ingabe usuyingelosi enkulu? Lapho kwembulwa iziphetho zabantu, okuyisikhathi futhi lapho umsebenzi wokusindisa uyobe ususondela esiphethweni, abaningi phakathi kwenu bayoba yizidumbu ezingeke zisasindiswa futhi okuyofuneka basuswe. Ngesikhathi somsebenzi wokusindisa, nginomusa futhi ngilungile kubo bonke abantu. Lapho umsebenzi usuphetha, iziphetho zezinhlobo ezehlukene zabantu ziyokwambulwa, futhi ngaleso sikhathi, ngeke ngisaba nomusa nokulunga, ngoba iziphetho zabantu ziyobe sezambuliwe, futhi umuntu ngomuntu uyobe esehlukaniswe ngokohlobo lwakhe, futhi kuyobe kungasasizi ukwenza omunye umsebenzi wokusindisa, ngoba inkathi yokusindisa iyobe isidlulile, futhi, lapho isidlulile, ngeke ibuye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

657. Ngininike izexwayiso eziningi futhi ngabeka amaqiniso amaningi phezu kwenu ukuze ngininqobe. Namhlanje nizizwa nicebe kakhulu kunangesikhathi esidlule, niqonda izimiso eziningi ezimayelana nendlela umuntu okufanele abe yiyo, futhi abe nokuhluzeka okuningi engqondweni abantu abathembekile okufanele babe nakho. Yilokhu enikuzuzile manje eminyakeni eminingi. Angiziphiki izinto enizizuzile, kodwa kumele ngisho ngingananazi ukuthi angikuphiki nokungalaleli kwenu okuningi nokuhlubuka kwenu Kimi kule minyaka eminingi, ngoba akukho ngisho noyedwa ongcwele phakathi kwenu, nonke jikelele ningabantu abakhohlakaliswe uSathane, nezitha zikaKristu. Iziphambeko nokungalaleli kwenu kuze kube manje akunakubalwa, ngakho akumangalisi nakancane ukuthi njalo ngiphindaphinde engikushoyo phambi kwenu. Angifuni ukuphila ngale ndlela nani, kodwa ngenxa yekusasa lenu, ngenxa yeziphetho zenu, ngizophinde ngikusho okokugcina engike ngakusho ekuqaleni. Nginethemba lokuthi nizongibekezelela, futhi nginethemba elikhulu lokuthi nizokwazi ukukholwa wonke amazwi engiwashoyo, ngaphezu kwalokho, ukuthi nizoyiqonda incazelo ejulile yamazwi Ami. Ningakungabazi engizokusho, noma okubi nakakhulu, nicaphune amazwi ami ngendlela enifisa ngayo niwalaxaze kude ngokuthanda, engikuthola kungabekezeleleki. Ningawahluleli amazwi Ami, ingasaphathwa eyokuwathatha kancane, noma nithi ngihlale nginilinga, noma okubi nakakhulu, nithi enginitshele khona kuntula ukunemba. Lezi zinto ngizithola zingabekezeleleki. Ngoba niphatha Mina nalokho engikushoyo ngendlela enokusola futhi aniwalandeli amazwi Ami futhi niyangiziba, nginitshela nonke ngamunye ngokungadlali: Engikushoyo ningakuhlanganisi nefilosofi, ningakuhlanganisi namanga abazenzisi, ngaphezu kwalokho, ningawabheki njengangabalulekile amazwi Ami. Mhlawumbe esikhathini esizayo akekho oyokwazi ukunitshela izinto enginitshela zona, noma akhulume nani ngomusa ongaka, ingasaphathwa eyokuhambisana nani kula maphuzu ngesineke. Izinsuku ezizayo zizochithwa ekukhumbuleni izikhathi ezinhle, noma ekukhaleni kakhulu, noma ekububuleni ngenxa yezinhlungu, noma nizophila ebusukwini obumnyama obungenayo nenhlansi yeqiniso noma ukuphila okunikeziwe, noma nimane nilinde ningenathemba, noma ukuzisola kabuhlungu okunjalo ngokuthi nedlule ekucabangeni…. Lezi ezinye zezinto ezingenzeka cishe okungekho namunye phakathi kwenu ongaphunyuka kuzo. Ngoba akekho kini osesihlalweni akhonza uNkulunkulu ngeqiniso kuso; nizicwilisa ezweni eligcwele ukuxegelwa isimilo nobubi, lihlanganise ezinkolweni zenu, emimoyeni yenu, emiphefumulweni, kanye nasemizimbeni izinto eziningi ezingahlobene nokuphila neqiniso futhi empeleni nimelana nazo. Ngakho enginethemba lakho kini ukuthi ningalethwa endleleni yokukhanya. Okuwukuphela kwethemba enginalo ukuthi nikwazi ukuzinakekela, nokuthi anigxili kakhulu esiphethweni senu ngenkathi nibheka ukuziphatha neziphambeko zenu ngokunganaki.

Kucashunwe embhalweni othi “Iziphambeko Ziyoholela Umuntu Esihogweni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

658. Ukwanda kweziphambeko zakho, kusho ukuncipha kwamathuba okuzuza isiphetho esihle. Ngokuphambene, ngokuncipha kweziphambeko zakho, ayanda amathuba okuba unconywe nguNkulunkulu. Uma iziphambeko zakho zanda kuze kufike ezingeni lokuthi ngingakwazi ukukuxolela, uyobe udlale ngamathuba akho okuxolelwa. Kuleso simo isiphetho sakho ngeke sibe ngaphezulu kodwa siyoba ngaphansi. Uma ungangikholwa, yiba nesibindi wenze okubi, ubone ukuthi uzotholani. Uma ungumuntu oqotho owenza iqiniso, nakanjani uzoba nethuba lokuthi iziphambeko zakho zithethelelwe, liyoncipha inani lokungalaleli kwakho. Uma ungumuntu ongazimisele ukwenza iqiniso, iziphambeko zakho phambi kukaNkulunkulu ziyokwanda nakanjani, izikhawu zokungalaleli kwakho ziyokhula nakakhulu, uze ufike emkhawulweni, okuyoba yisikhathi sokubhujiswa kwakho okuphelele. Lokhu kuyoba yilapho iphupho lakho elimnandi lokuthola izibusiso liyobhidlika khona. Ungabheki iziphambeko zakho njengamaphutha omuntu ongavuthiwe noma oyisiphukuphuku, ungasebenzisi izaba zokuthi awulenzanga iqiniso ngoba izinga lakho eliphansi lenze kwaba nzima ukuthi ulenze, futhi ngaphezu kwalokho, ungamane ubheke iziphambeko ozenzile njengezomuntu obengazi lutho olungcono. Uma umuhle ekuzithetheleleni nasekuziphatheni ngomusa, khona-ke ngithi kuwe uyigwala elingasoze lazuza iqiniso, futhi iziphambeko zakho azisoze zayeka ukukulandela, kodwa ziyokwenza ungahlangabezani nokufunwa iqiniso futhi zikwenze uhlale ungumngani othembekile kaSathane. Ngisakweluleka ngokuthi: Unganaki isiphetho sakho kuphela bese ungazinaki iziphambeko zakho ezicashile; ungazithathi kancane iziphambeko zakho, futhi ungazibukeli phansi iziphambeko zakho ngenxa yokukhathazeka ngesiphetho sakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Iziphambeko Ziyoholela Umuntu Esihogweni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

659. Nakuba ingxenye yesiqu sikaNkulunkulu iluthando, futhi bonke ebabonisa umusa, abantu bayalishalazela futhi bayalikhohlwa iphuzu lokuthi isiqu Sakhe siphinde sibe isithunzi Sakhe. Ukuthi unothando akusho ukuthi abantu bangamcasula kanjalo nje okuthi akanayo imizwa, noma ngeke enze lutho. Ukuthi unomusa akusho ukuthi akanayo imiyalo endleleni aphatha ngayo abantu. UNkulunkulu uyaphila; ukhona ngempela. Akayena unodoli ocatshangwayo noma okunye. Njengoba ekhona, kufanele silale izwi lenhliziyo Yakhe ngaso sonke isikhathi, sinake umbono Wakhe futhi siqonde imizwa Yakhe. Akufanele sisebenzise imicabango yabantu ukuze sichaze uNkulunkulu, futhi akufanele siphoqe imicabango nezifiso zabantu kuNkulunkulu, senze uNkulunkulu ovumelana neso lomuntu nokucabanga kwakhe endleleni aphatha ngayo abantu. Uma wenza kanjalo, khona-ke uthukuthelisa uNkulunkulu, uvusa intukuthelo kaNkulunkulu, futhi ubekela isithunzi sikaNkulunkulu inselele! Ngakho, ngemva kokuqonda ubukhulu bale ndaba, nginxusa ngamunye wenu ukuba aqaphele endleleni enza ngayo. Qapha futhi uhlakaniphe endleleni okhuluma ngayo. Futhi mayelana nendlela ophatha ngayo uNkulunkulu, kuyoba ngcono ukuthi uqaphe futhi uhlakaniphe! Lapho ungaqondi ukuthi umbono kaNkulunkulu uyini, ungakhulumi ngokunganaki, ungabi onganaki ezenzweni zakho, futhi ungenzi ngokunganaki ezintweni ezincane. Okukhulu nakakhulu, ungasheshi ufinyelele eziphethweni. Kunalokho, kufanele ume bese ufuna; lokhu kuphinde kube ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngaphezu kwakho konke, uma ufeza lokhu, futhi uba nalo mbono, uNkulunkulu ngeke akusole ngobuphukuphuku bakho, ukungazi kwakho, nokuntula ukuqonda izizathu zokwenzeka kwezinto. Kunalokho, ukwesaba kwakho uNkulunkulu, ukuhlonipha kwakho izinhloso zikaNkulunkulu, nokuzimisela kwakho ukumlalela, kuyokwenza uNkulunkulu akukhumbule, akuqondise futhi akukhanyisele noma abekezelele ukungavuthwa nokunganaki kwakho. Ngokuphambene, uma umbono wakho kuye ungabalulekile—ushesha ukwahlulela uNkulunkulu, ukuqagela, nokunikeza incazelo kaNkulunkulu—uNkulunkulu uyokunika isiqinisekiso, isiyalo, ngisho nokujeziswa; noma uyokunika amazwi. Mhlawumbe la mazwi abandakanya umphumela wakho. Ngakho ngisafuna ukuphinde ngigcizelele: Kufaneleuqaphe futhi ahlakaniphe kunoma yini evela kuNkulunkulu. Ungakhulumi ngokunganaki, futhi uqaphe lapho wenza izinto. Ngaphambi kokusho okuthile, kufanele ucabange: Ingabe ukwenza lokhu kuyomthukuthelisa uNkulunkulu? Ingabe ukwenza lokhu kuwukwesaba uNkulunkulu? Ngisho nasezintweni ezincane, kufanele uzame ukuphendula le mibuzo, ucabangisise ngempela ngayo. Uma ungakwazi ngempela ukwenza ngokuvumelana nale miyalo yonke indawo, kuzo zonke izinto, zonke izikhathi, bese uba nalesi simo somqondo ikakhulukazi lapho kukhona ongakuqondi, khona-ke uNkulunkulu uyohlale ekuqondisa, futhi uyohlale ekunika indlela okufanele uyilandele. Akunandaba ukuthi abantu bavezani, uNkulunkulu ubona ngokucacile, futhi uyokunikeza incazelo ecacile ngalokho abakuvezayo. Ngemva kokubhekana nezilingo zokugcina, uNkulunkulu uyothatha konke ukuziphatha kwakho akufingqe ukuze amise umphumela. Lo mphumela uyoqinisekisa wonke umuntu okhungethwe ifu lokungabaza. Engingathanda ukunitshela khona ukuthi zonke izenzo zenu, nayo yonke imicabango yenu kuyonquma ukudalelwa kwenu.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

660. Mayelana nendlela abantu abafuna futhi abeza ngayo kuNkulunkulu, isimo somqondo wabantu sibaluleke kakhulu. Ungamshayi indiva uNkulunkulu kube sengathi ungumoya ongelutho ophephetha ngemuva kwekhanda lakho; hlale ucabanga ngoNkulunkulu okholwa Kuye njengoNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wangempela. Akaswele into angayenza ezulwini lesithathu akulo. Kunalokho, uhlale ehlola izinhliziyo zawo wonke umuntu, ebona ukuthi uphezu kwani, ehlola wonke amazwi amancane, ebona indlela oziphatha ngayo nombono wakho ngoNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi uzimisele ukuzinikela kuNkulunkulu noma cha, konke ukuziphatha kwakho nemicabango namacebo akho kuphambi kukaNkulunkulu, kuhlolwa Nguye. Kungenxa yokuziphatha kwakho, ngenxa yezenzo zakho, ngenxa yombono wakho ngoNkulunkulu, umbono Wakhe ngawe, uhlale ushintsha. Ngithanda ukunika abanye abantu iseluleko: Ningazibeki njengabantwana ezandleni zikaNkulunkulu, njengokungathi kufanele anazise, njengokungathi ngeke anishiye, njengokungathi isimo somqondo Wakhe sigxile ndawonye futhi asisoze saguquka, futhi ngineluleka ukuthi niyeke ukuphupha! UNkulunkulu ulungile endleleni aphatha ngayo umuntu ngamunye. Uyasondela emsebenzini wokunqoba kwesintu nokusindiswa kwaso. Lokho ukuqondisa Kwakhe. Uphatha wonke umuntu njengobalulekile, hhayi njengonodoli wokudlala. Uthando lukaNkulunkulu ngomuntu akulona lolu olumosha umuntu; umusa nokubekezelela Kwakhe isintu akukhona okungacabangeli. Ngokuphambene nalokho, uthando lukaNkulunkulu ngesintu kufanele kwaziswe, futhi kube ukuhlonipha ukuphila; umusa Wakhe nokuba nesineke Kwakhe kwembula lokho akulindele kumuntu; umusa Wakhe nokuba nesineke yilokho okudingwa isintu ukuze sisinde. UNkulunkulu uyaphila, futhi uNkulunkulu ukhona; umbono Wakhe ngesintu ubuswa yizimiso, awuphoqi lutho, futhi ungashintsha. Intando yakho ngomuntu iyashintsha kancane kancane futhi iyaguquka ngokuhamba kwesikhathi, ngezimo nangombono womuntu ngamunye. Ngakho kumele wazi ngokucace kakhulu enhliziyweni yakho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ayiguquki, nokuthi isimo Sakhe siyobonakala ngezikhathi ezehlukene nasezimweni ezehlukene. Ungase ungacabangi ukuthi le nto ibalulekile, futhi usebenzisa imibono yakho ukuze ucabange ngendlela uNkulunkulu okufanele enze ngayo izinto. Kodwa kunezikhathi lapho okuphambene kakhulu nombono wakho kuyiqiniso, futhi ngokuzama ukusebenzisa imibono yakho ukuze ukale uNkulunkulu, usumcasulile kakade. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu akasebenzi ngendlela ocabanga ukuthi usebenza ngayo, futhi le ndaba uNkulunkulu ngeke ayisingathi ngendlela ocabanga ngayo. Ngakho ngikukhumbuza ukuba uqaphe futhi uhlanzeke kukho konke okwenzayo, ufunde indlela yokulandela imiyalo yokuhamba endleleni kaNkulunkulu kuzo zonke izinto—wesabe uNkulunkulu ugweme okubi. Kufanele ube uziqonde ngokuqinile izindaba zentando kaNkulunkulu nombono kaNkulunkulu; xhumana nabantu abakhanyiselwe, ufune ngobuqotho. Ungabheki uNkulunkulu omkholwayo njengonodoli—wahlulele futhi ufinyelele eziphethweni ezithile, ungamniki uNkulunkulu inhlonipho emfanele. Enqubweni yensindiso kaNkulunkulu, lapho echaza umphumela wakho, kungakhathaleki ukuthi ukunika umusa, noma uyakubekezelela, noma uyakwahlulela noma uyakusola, umbono Wakhe ngawe awuyona into engeke ishintshe. Kuncike endleleni ombheka ngayo uNkulunkulu, ekuqondeni kwakho uNkulunkulu. Ungavumela into eyodwa yolwazi lwakho nokuqonda kwakho ngoNkulunkulu kuchaze Yena unomphela. Ungakholwa kuNkulunkulu ofile; kholwa kophilayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

661. Nike nayicabanga imbuzo efana nale? Lokhu enikwenzayo akumcasuli lo Kristu nje kuphela, okubalulekile kakhulu, ukuthi kucasula uNkulunkulu osezulwini. Lokhu akuyona, ngiyacabanga, injongo yokukholwa kwenu kuNkulunkulu! Nilangazelela kakhulu ukuba uNkulunkulu athokoze ngani, kepha nikude kakhulu noNkulunkulu. Kwenzakalani la? Namukela kuphela amazwi Akhe, kepha hhayi ukunisebenza noma nokuthena Kwakhe, ingasaphathwa eyokwazi kwenu ukwamukela ukuhlela konke Kwakhe, ukuba nokukholwa okuphelele Kuye. Ingabe, ngempela, ikuphi inkinga lapha? Ekugcineni, ukukholwa kwenu kuyigobongo leqanda elingasoze lakhipha itshwele. Ngokuba ukukholwa kwenu akunilethelanga iqiniso noma kunizuzele ukuphila, kodwa kuna lokho kunilethele umuzwa oyinkohliso wethemba nokwesekwa. Injongo Yenu ngokukholwa kuNkulunkulu yileli themba nomuzwa wokwesekwa kuneqiniso nokuphila. Ngakho-ke, Ngithi umgudu wokholo lwenu kuNkulunkulu awulutho ngaphandle nje kokuzincengela umusa kaNkulunkulu ngokuzenzisa nokungabi namahloni, futhi angeke kuze kuthathwe njengokukholwa kweqiniso. Lingavela kanjani itshwele ekukholweni okufana nalokhu? Ngamanye amazwi, isiphi isithelo esingavezwa yilolu hlobo lokukholwa? Injongo yokukholwa kwenu kuNkulunkulu ngukusebenzisa uNkulunkulu ukufeza izinhloso zenu. Ingabe lokhu akukhombisi iqiniso elibonisa icala esimweni sikaNkulunkulu? Nikholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu osezulwini kodwa niphike uNkulunkulu osemhlabeni. Nokho, angiyivumi imibono yenu. Ngincoma kuphela labo bantu abathobekile futhi abakhonza uNkulunkulu osemhlabeni, hhayi labo abangamemukeli uKristu osemhlabeni. Noma ngabe laba bantu bathembeke kanjani kuNkulunkulu osezulwini, ekugcineni, ngeke baphunyuke esandleni Sami esijezisa ababi. Laba bantu bangababi; bangababi abaphikisa uNkulunkulu futhi abangakaze balalele uKristu ngentokozo. Kunjalo, inani labo lifaka nabo bonke abangazi, futhi abangamvumi uKristu. Ingabe ukholwa ukuthi ungenza ngendlela oyithandayo kuKristu uma nje usathembekile kuNkulunkulu osezulwini? Akunjalo! Ukungazi kwakho ngoKristu kuwukungazi ngoNkulunkulu wasezulwini futhi. Noma ngabe uthembeke kangakanani kuNkulunkulu osezulwini, kungamazwi ayize nokuzenzisa, ngokuba uNkulunkulu osemhlabeni akabalulekile kuphela ekutheni umuntu athole iqiniso kanye nolwazi olujulile, kodwa ubalulekile nakakhulu ekujeziseni umuntu emva kwalokho nokubamba amaqiniso okujezisa ababi. Ingabe uyayiqonda imiphumela ezuzisayo nelimazayo lapha? Ingabe usudlulile kukho? Nginifisela ukuthi niliqonde leli qiniso ngolunye usuku oluseduze: Ukuze nazi uNkulunkulu, akumele nazi uNkulunkulu osezulwini kuphela, kodwa okubaluleke kakhulu, uNkulunkulu osemhlabeni. Ningadideki ngalokho okusemqoka noma nivumele okungaphansi kwedlule okumqoka. Kungale ndlela kuphela lapho ungakwazi khona ukwakha ngeqiniso ubudlelwano obuhle noNkulunkulu, nokusondela kuNkulunkulu, futhi ulethe inhliziyo yakho eduze Kwakhe. Uma ubungowenkolo iminyaka eminingi futhi sesiside isikhathi uhlobene Nami, kepha uhlala uqhelile Kimi, Ngithi kungenxa yokuthi ujwayele ukucasula isimo sikaNkulunkulu, futhi isiphetho sakho kuyoba nzima ukubhekana naso. Uma le minyaka eminingi yokuhlobana Nami ingehlulekanga kuphela ukukuguqulela kumuntu onobuntu neqiniso, kunalokho, yagxilisa izindlela zobubi bakho emvelweni yakho, futhi awunamibono yobukhulu ephindwe kabili kunakuqala kodwa ukungangiqondisisi kwakho knakho kuphindaphindiwe, ngendlela yokuthi uze ungithathe njengomngane wakho omncane, Ngithi-ke ukuhlupheka kwakho akusekuncane nje kodwa sekungene nasemathanjeni akho uqobo. Konke okusele ukuthi ulinde ukuba kwenziwe amalungiselelo omngcwabo wakho! Awudingi ukungincenga ngaleso sikhathi ukuthi Ngibe uNkulunkulu wakho, ngoba wenze isono esifanelwe ukufa, isono esingenakuthethelelwa. Noma ngabe bengingaba nomusa kuwe, uNkulunkulu osezulwini uzophikelela nokuthatha impilo yakho, ngenxa yokuthi icala lakho esimweni sikaNkulunkulu aliyona inkinga ejwayelekile, kodwa olohlobo olunzima kakhulu. Uma sesifika isikhathi, ungangisoli ngokuthi angikutshelanga ngaphambili. Konke kubuyela ekuthini: uma uhlobene noKristu—uNkulunkulu osemhlabeni—njengomuntu ojwayelekile, okungukuthi, uma ukholwa ukuthi lo Nkulunkulu akalutho kodwa ngumuntu nje, yilapho-ke uyobhubha khona. Lesi yisexwayiso esisodwa Sami kini nonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

662. Wonke umuntu, ekuphileni impilo yokukholwa kuNkulunkulu, useke wamphika futhi wamkhohlisa uNkulunkulu esikhathini esithile. Ezinye zezenzo ezimbi azidingi ukulotshwa phansi njengamacala, kodwa ezinye zazo azixoleleki; ngenxa yokuthi eziningi zazo yilezo ezephula izinqumo zokuphatha, okusho ukuthi, ukona okuphambana nesimo sikaNkulunkulu. Iningi lalabo abakhathazekile ngesiphetho sabo bangabuza ukuthi yiziphi lezi zenzo. Kumele nazi ukuthi nizithwele futhi niyazidla ngokwemvelo futhi anizimisele ukuvuma la maqiniso. Ngakho-ke, ngiyobuye nginitshele emva kokuba senizindlile ngezimo zenu. Ngiyaninxusa ukuba niqondisise kahle ingqikithi yezinqumo zokuphatha, bese nenza imizamo yokwazi isimo sikaNkulunkulu. Kungenjalo, niyokuthola kunzima ukugcina izindebe zenu zivalekile nolimi lwenu lungakhulumi ngokukhululeka okukhulu izinto ezizwakala ziphakeme, futhi ninganakile ningona esimweni sikaNkulunkulu ebese niwela ebumnyameni, nilahlekelwe ubukhona bukaMoya oNgcwele nokukhanya. Ngoba aninayo imigomo ezenzweni zenu, wenza noma usho izinto ezingafanele, uyothola ukujeziswa okufanele. Kumele wazi ukuthi noma ngabe awunamgomo ngokwamazwi akho nangezenzo zakho, uNkulunkulu unomgomo kukho kokubili. Isizathu esenza uthole isijeziso ukuthi wedelele uNkulunkulu, hhayi umuntu. Uma, empilweni yakho, wenza amacala amaningi aphambana nesimo sikaNkulunkulu, nakanjani uyoba wumntwana wesihogo. Kumuntu kungabukeka sengathi wenze iziphambeko nje ezimbalwa ezingahambisani neqiniso futhi okuyinto engelutho. Ingabe uyazi, nokho, ukuthi emehlweni kaNkulunkulu, vele usungomunye okungasenamhlatshelo wesono kubo? Ngoba sewephule izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha ngaphezu kokukodwa kanye nokuthi awukhombisi luphawu lokuphenduka, ngakho-ke akusekho okunye ongakwenza ngaphandle kokwehlela esihogweni lapho uNkulunkulu ejezisa umuntu khona. Iqembu elincane labantu, ngesikhathi lilandela uNkulunkulu, lenza izenzo ezithile eziphambene nemigomo, kodwa ngemuva kokubhekana (noNkulunkulu) nokuqondiswa, laya ngokuya lakubona ukukhohlakala kwalo, labuyela endleleni elungile yeqiniso futhi lisaqhubeka nokuzinza namuhla. Labo bantu abanjalo yilabo abayosala ekugcineni. Kodwa yilabo abathembekile engibafunayo; uma ungumuntu owethembekile futhi owenza ngokomgomo, ungaba yisethenjwa sikaNkulunkulu. Uma ezenzweni zakho ungoni esimweni sikaNkulunkulu futhi ufuna intando kaNkulunkulu futhi unenhliziyo yokumdumisa uNkulunkulu, ukholo lwakho lusezingeni elifanele. Labo abangamhloniphi uNkulunkulu futhi abangenayo inhliziyo ethuthumelayo ngokwesaba bazozephula kalula izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu. Abaningi basebenzela uNkulunkulu ngenxa yamandla okushiseka futhi abazazi izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu, kungasaphathwa ukuqonda ngemithelela yezwi Lakhe. Ngakho phezu kwezinhloso zabo ezinhle, bavame ukugcina sebenza lokho okuphazamisa ukuphatha kukaNkulunkulu. Ezimweni ezimbi kakhulu balahlwa ngaphandle futhi bancishwe lonke elinye ithuba lokumlandela bese bephonswa esihogweni kume konke ukuzihlanganisa nendlu kaNkulunkulu. Laba bantu basebenza endlini kaNkulunkulu ngezinhloso ezinhle ezingenalwazi bese begcina sebethukuthelisa isimo sikaNkulunkulu. Abantu beza nezindlela zabo zokusebenzela izikhulu namakhosi endlini kaNkulunkulu, bese bezama ukuzisebenzisa, becabanga ngokuyize ukuthi zingasetshenziswa kalula nalapha. Abazange bacabange ukuthi uNkulunkulu akanaso isimo sewundlu kodwa esebhubesi. Ngakho-ke, labo abazihlanganisa noNkulunkulu okokuqala abakwazi ukukhuluma Naye, ngokuba inhliziyo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu. Ungakwazi kuphela ukwazi uNkulunkulu emva kokuqonda amaqiniso amaningi. Lolu lwazi alwakhiwe kuphela yimishwana noma izimfundiso, kodwa lungasetshenziswa njengegugu ongangena kulo ekwethembaneni okusondelene n0Nkulunkulu nanjengobufakazi bokuthi uyathokoza ngawe. Uma uswele ulwazi lwangempela futhi unganikeziwe iqiniso, ukusebenza kwakho ngentshisekelo kungaletha phezu kwakho ukucasuka kanye nenzondo kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

663. Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona. Ubunjalo bukaNkulunkulu bunzima kakhulu ukuqondakala, kodwa ngiyethemba ukuthi okungenani nonke ninalo ulwazana maqondana nesimo sikaNkulunkulu. Ngethemba ukuthi-ke, nizokwazi ukungibonisa futhi nenze okuningi okungaphambani nesimo sikaNkulunkulu. Lapho-ke ngiyoba nokwethemba. Isibonelo nje, gcina uNkulunkulu esenhliziyweni yakho ngazo zonke izikhathi. Uma kukhona okwenzayo, yenza okuhambisana nezwi Lakhe. Funa izinhloso Zakhe kuzona zonke izinto, futhi ugweme ukwenza lokho okungahloniphi nokwedelela uNkulunkulu. Ungalingi nakancane ukubeka uNkulunkulu emsamo wengqondo yakho ukugcwalisa isikhala senkathi ezayo enhliziyweni yakho. Uma wenza lokhu, uyobe wone isimo sikaNkulunkulu. Futhi, uma ungalokothi ukhulume amazwi noma ukukhononda okuhlambalaza uNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakho, futhi, uma ukwazi ukwenza kahle konke akubeke kuwe futhi uzithoba kuwo wonke amazwi Akhe kuyo yonke impilo yakho, khona-ke uyobe usukugwemile ukwephula izinqumo zokuphatha. Ngokwesibonelo, uma sewake wathi “Kungani ngingacabangi ukuthi unguNkulunkulu?” “Ngicabanga ukuthi la mazwi awulutho nje olungaphezu kokuthi awukukhanyisa kukaMoya oNgcwele,” “Ngokubona kwami akuyona yonke into eyenziwa uNkulunkulu enhle,” “Ubuntu bukaNkulunkulu abukho ngaphezu kobami,” “Amazwi kaNkulunkulu awakholakali nje,” noma amanye amazwi anje okwahlulela, ngakho ngiyanincenga ukuba nivume futhi niphenduke ezonweni kaningi. Ngale kwalokho, ngeke ube nethuba lokuxolelwa, ngoba awoni kuphela kumuntu, kodwa kuNkulunkulu uqobo. Ungakholwa ukuthi wahlulela umuntu, kodwa uMoya kaNkulunkulu wona awuboni ngaleyo ndlela. Ukungayihloniphi kwakho inyama Yakhe kulingana nokungahloniphi Yena. Uma-ke kunjalo, ingabe awusonanga yini isimo sikaNkulunkulu? Kufanele ukhumbule ukuthi konke okwenziwa wuMoya kaNkulunkulu wukuvikela umsebenzi Wakhe enyameni kanye nokuthi lo msebenzi wenziwe kahle. Uma ukushaya indiva lokhu, ngithi kuwe ungumuntu ongasoze aphumelela ekukholweni kuNkulunkulu. Ngokuba uhlokoze ulaka lukaNkulunkulu, ngakho uyosebenzisa isijeziso esifanele ukukufundisa isifundo.

Kucashunwe embhalweni othi “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

664. Emva kokuqonda isimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho, ingabe sikhona yini isiphetho esenisenzile mayelana nokuthi uzomphatha kanjani uNkulunkulu? Ukuphendula lombuzo, sengiphetha ngithanda ukukunika izeluleko ezintathu: Okokuqala, ungamlingi uNkulunkulu. Noma ngabe uqonda kangakanani ngoNkulunkulu, noma ngabe wazi kangakanani ngesimo Sakhe, uze ungamlingi. Okwesibili, ungaqhudelani noNkulunkulu ngenxa yesikhundla. Noma ngabe Yena ukubeka kuliphi izinga noma ngabe yimuphi umsebenzi akwethembe ngawo, noma ngabe uhlobo luni lomsebenzi akuphakamisa ukuba uwenze, noma ngabe uchithe noma unikele kuNkulunkulu kangakanani, ungalokothi uqhudelane ngezinga lesi sikhundla Naye. Okwesithathu, ungaqhudelani noNkulunkulu. Noma ngabe uyaqonda noma ungalalela lokho uNkulunkulu akwenzayo ngawe, lokhu akuhlelela khona Yena, nezinto aziletha kuwe, ungalinge uqhudelane noNkulunkulu. Uma ungagcina lezi zeluleko ezintathu, uyophepha nokho, futhi ngeke umcasule kalula uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

665. Mhlawumbe uhlupheke kakhulu esikhathini sakho, kodwa namanje usalokhu ungaqondi lutho; awazi lutho ngokuphila. Nakuba uye wasolwa futhi wahlulelwa, awukaguquki nhlobo futhi ekujuleni kwakho awukazuzi ukuphila. Lapho kufika isikhathi sokuvivinya umsebenzi wakho, uzobona isilingo sinonya njengomlilo futhi size sibe usizi olukhulu. Lo mlilo uzophendula bonke ubuwena bube umlotha. Njengomuntu ongenakho ukuphila, umuntu ongenalo nelincane igolide ngaphakathi, umuntu osalokhu enamathele esimweni sokonakala sakudala, futhi njengomuntu ongeke ngisho enze umsebenzi omuhle wokuba njengento yokuqhathanisa, kungenzeka kanjani ukuthi ungashabalaliswa? Umuntu onenani eliphansi kunopeni futhi ongenakho ukuphila, angabaluleka yini emsebenzini wokunqoba? Lapho leso sikhathi sifika, izinsuku zenu ziyoba nzima ukwedlula ezikaNowa nezaseSodoma! Imithandazo yenu ngeke inisize ngaleso sikhathi. Lapho umsebenzi wensindiso usuphelile, kungenzeka kanjani ukuba niphinde niqale phansi niphenduke? Lapho wonke umsebenzi wensindiso sewenziwe, ngeke kusaba khona umsebenzi wensindiso. Into eyoba khona ukuqala komsebenzi wokujezisa omubi. Uyamelana, uyahlubuka futhi wenza izinto owaziyo ukuthi zimbi. Ingabe awufanelwa yini isijeziso esinzima? Ngikutshela lokhu namuhla. Uma ukhetha ukungalaleli, lapho leyo nhlekelele ikwehlela kamuva, akuyobe sekwephuze kakhulu yini uma uqala ngaleso sikhathi ukuzisola bese uqala ukukholwa? Ngikunika ithuba lokuba uphenduke namuhla, kodwa awufuni. Ufuna ukulinda isikhathi eside kangakanani? Kuze kube usuku lolusolwa? Angizikhumbuli iziphambeko zakho ezedlule namuhla; ngikuthethelela ngokuphindaphindiwe, angibheki uhlangothi olubi lwakho ukuze ngibheke kuphela uhlangothi oluhle, ngoba onke amazwi Ami amanje kanye nomsebenzi wenzelwe ukusindisa wena futhi anginayo inhloso embi ngawe. Kodwa awufuni ukungena; awukwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi futhi awukwazi ukuthi ungawazisa kanjani umusa. Ingabe lolu hlobo lomuntu alumane yini lulindele leso sijeziso kanye naleyo mbuyiselo elungile?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

666. Ukusebenza Kwami phakathi kwenu akufani neze nokuba uJehova esebenza kwa-Israyeli, futhi akufani neze nokuba uJesu esebenza eJudiya. Ngikhuluma futhi ngisebenza kinina ngokubekezela okukhulu, futhi nginolaka kanye nokwahlulela njengoba nginqoba le miphuphe. Akufani neze noJehova ehola abantu Bakhe kwa-Israyeli. Umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli kwakuwukunikeza ukudla namanzi okuphila, futhi wayenozwelo nothando ngabantu Bakhe ngenkathi ebapha. Umsebenzi wanamuhla wenziwa esizweni esingesona isizwe esikhethiwe, esizweni esiqalekisiwe. Akukho kudla okuyinsada, futhi akukho kunonophaliswa ngamanzi aphilayo ekunxanweni. Nangaphezulu, akukho kunikezelwa ngempahla eningi; kukhona nje ukwahlulelwa okukhulu, isiqalekiso, kanye nokusola. Lezi zimpethu endundumeni yobulongwe azifanele ukuthola izinkomo nezimvu ezigcwele izintaba, umcebo omkhulu, kanye nezingane ezinhle kakhulu ezigcwalise umhlaba engiwunikele kwa-Israyeli. U-Israyeli wamanje unikela ngezinkomo nezimvu nezinto zegolide nesiliva engibanothisa ngako e-althare, ukwedlula okweshumi okufunwa nguJehova ngaphansi komthetho, ngakho ngibanikeze ngisho nangaphezulu, okungaphezu kwezikhathi eziyikhulu kunalokho engakunika u-Israyeli ngaphansi komthetho. Enginothisa u-Israyeli ngako kuyakwedlula okwatholwa ngu-Abrahama no-Isaka. Ngizokwenza umndeni ka-Israyeli uthele futhi uphindaphindeke, futhi ngizokwenza abantu Bami bakwa-Israyeli basabalale umhlaba wonke. Labo engibabusisayo nengibanakekelayo basengabantu aBakhethekile bakwa-Israyeli, okusho ukuthi, abantu abanikela konke Kimi, abazuze konke Kimi. Kungenxa yokuthi bacabanga Ngami njengoba benikela ngamankonyane abo asanda kuzalwa nezimvu e-althare Lami elingcwele banikele ngako konke abanako phambi Kwami, ngisho noma banganikela ngamadodana abo amazibulo ngenxa yokuba belindele ukubuya Kwami. Nina? Nivusa ulaka Lwami, nifuna izinto ngenkani, nintshontsha iminikelo yalabo abanikela Kimi futhi anazi ukuthi enikwenzayo kuyisinengiso Kimi, yingako nithola ukukhala nesijeziso ebumnyameni. Nihlokoloze ulaka Lwami izikhathi eziningi futhi ngehlisele umlilo Wami ovuthayo, ukuze kube kuningi abahlangabezane nesiphetho esiwusizi, amakhaya abo aphenduke amathuna ayihlane. Konke engizokunika lezi zimpethu ulaka olungenamkhawulo, futhi anginanhloso yezibusiso. Kungenxa yomsebenzi Wami kuphela ukuba ngithalalisile ngakuphakamisa, nokuthi ngibekezele ukuhlaziswa okukhulu ukuze ngisebenze phakathi kwenu. Uma bekungeve kungenxa yentando kaBaba, bengingahlala kanjani endlini eyodwa nezimpethu zigingqigingqika ezindundumeni zobulongwe? Ngizwa nginokwenyanya okukhulu ngezenzo namagama enu, nanganoma kanjani, ngenxa yokuthi “nginentshisekelo” ethile ekungcoleni kanye nasekungalalelini kwenu, sekuphenduke uqobo lwamazwi Ami. Kungenjalo bengingeke ngihlale phakathi kwenu isikhathi eside kangaka. Ngakho-ke, kufanele nazi ukuthi umuzwa Wami kinina yilowo wozwelo nesihawu kuphela, futhi umuzwa ongenathando, kodwa ukunibekezelela nje kuphela, ngoba lokhu ngikwenzela umsebenzi Wami kuphela. Futhi nibonile izenzo Zami kuphela ngoba ngikhethe ukungcola nokungalaleli “njengezinto zemvelo.” Kungenjalo bengingeke ngambule izenzo Zami kulezi zimpethu; ngisebenza kinina ngokuthandabuza; akufani nokuzimisela komsebenzi Wami kwa-Israyeli. Ngikhuluma nginokuthandabuza phakathi kwenu, ngithwele intukuthelo Yami. Ukube bekungeve kungenxa yomsebenzi Wami wonkana, bengizobekezela kanjani ukubuka izimpethu ezinje? Uma bekungeve kungenxa yegama Lami ngabe kade ngenyukela ezicongweni eziphakeme ngalothisa lezi zimpethu nezindunduma zobulongwe! Uma bekungeve kungenxa yodumo Lwami, bengizovumelelani amadimoni obumnyama amelane Nami ngokucace kanje enqekuzisa amakhanda phambi kwamehlo Ami? Uma bekungeve kungenxa yokwenziwa komsebenzi Wami ngempumelelo nangaphandle kwezithiyo, bengizovumela kanjani laba bantu abasazimpethu bangihlukumeze ngokuthanda kwabo? Uma abantu abayikhulu elilodwa endaweni yakwa-Israyeli bemelana Nami kanye, ngisho noma beletha iminikelo Kimi ngisengabashabalalisa eminkenkeni yomhlaba ukuze abantu bakwamanye amadolobha bangabe besangivukela. Ngiwumlilo oshabalalisayo futhi angibekezeleli isinengiso. Ngenxa yokuthi bonke abantu badalwa Yimi, noma yini engiyishoyo nengiyenzayo, abantu kufanele bayilalele bangangivukeli. Abantu abanalo ilungelo lokugxambukela emsebenzini Wami, futhi abanagunya lokuhlaziya okuhle nokubi ngomsebenzi kanye namazwi Ami. NgiyiNkosi yendalo, futhi izidalwa kufanele zenze konke engikufunayo ngenhliziyo ethobekile Kimi; akufanele ziphikisane Nami futhi ikakhulukazi akufanele zingivukele. Ngisebenzisa amandla Ami ukubusa phezu kwabantu Bami, kanti bonke labo abayingxenye yendalo Yami kufanele bathobele igunya Lami. Yize noma namuhla ninesibindi futhi ningihambela phambili, aniwathobeli amazwi enginifundisa ngawo, futhi anesabi, ngibhekana nokungalaleli kwenu ngokubekezela. Ngeke ngibanjwe yintukuthelo ngithikameze umsebenzi Wami ngenxa yezimpethu ezincanyana eseziphenduke ukungcola kwendunduma yobulongwe. Ngibekezelela konke lokhu okuqhubekayo njengamanje engikwenyanyayo kanye nezinto eziyisinengiso Kimi ngenxa yentando kaBaba, kuze kube amagama Ami aphelile, kuze kube yisikhathi Sami sokugcina. Ungakhathazeki! Ngeke ngifinyelele ezingeni elifanayo nelempethu engenagama, futhi ngeke ngiqhathanise izinga lamakhono nawe. Ngiyakwenyanya, kodwa ngiyakwazi ukukubekezelela. Awungilaleli, kodwa awukwazi ukubalekela usuku lokukujezisa Kwami uBaba angethembise lona. Impethu eyisidalwa ingakwazi yini ukuziqhathanisa neNkosi yendalo yonke? Ekwindla, amaqabunga awayo abuyela ezimpandeni zawo, ubuyela ekhaya likayihlo, Nami ngibuyele eduze kukaBaba. Ngihamba nothando lukaBaba Wami olumnene, wena ulandelwa ukugxobagxoba kukayihlo. Nginodumo lukaBaba Wami, nina ninehlazo likayihlo. Ngisebenzisa ukujezisa ekade ngikubambile ukuba kuhambe nani, nina namukela isijeziso Sami ngenyama yenu ephuhlukile eseyikade ibolile iminyaka eyizinkulungwane ezingamashumi. Ngiwuphethile umsebenzi Wami wamazwi kinina, uhamba nokubekezela, futhi seniqalile ukugcwalisa indima yenu yokubhekana nokuhlupheka okuvela emazwini Ami. Ngiyathokoza futhi ngiyasebenza kwa-Israyeli; nina ninokukhala nokugedla kwamazinyo futhi niphila niphinde nifele odakeni. Ngibuye ngasithola isimo Sami sakuqala futhi angisahleli nani ekungcoleni, ngenkathi nina niselokhu nisebubini benu bakuqala futhi nisavukuza ezidulini zobulongwe. Uma umsebenzi Wami namazwi Ami sekuphothuliwe, kuyoba usuku lwenjabulo Kimi. Uma ukungalaleli nenkani yenu sekuphelile, kuyoba usuku lokukhala kinina. Ngeke ngibe nozwelo kinina, futhi ngeke niphinde ningibone. Ngeke ngisaxoxisana nani, futhi ngeke niphinde nibe nokuhlangana Nami Ngiyokuzonda ukungalaleli kwenu, nani niyobukhumbula ubuhle Bami. Ngiyonishaya, futhi niyongikhumbula. Ngiyophuma kinina ngentokozo, nani niyosazi isikweletu eninaso Kimi. Ngeke ngiphinde nginibone, kodwa nina niyohlezi ningilangazelele. Ngiyonizonda ngoba njengamanje aningifuni, futhi niyongikhumbula, ngoba njengamanje ngiyanisola. Angizimisele ukuphila kanye nani, kodwa niyongilangazelela ngenhliziyo ebuhlungu nikhale ingunaphakade, ngoba niyozisola ngakho konke enikwenze Kimi. Niyozisola ngokungalaleli kwenu nokumelana Nami, futhi niyoze nilale phansi ngobuso ngenxa yokuzisola, niyozilahla phambi Kwami nifunge ukuthi ngeke niphinde ningangilaleli. Kodwa ezinhliziyweni zenu ningithanda nje futhi ngeke nibuye niphinde nikwazi ukuzwa izwi Lami, kufanele nginenze nibe namahloni ngento eniyiyo.

Kucashunwe embhalweni othi “Uma Amaqabunga Awile Ebuyela Ezimpandeni Zawo, Uzozisola Ngabo Bonke Ububi Obenzile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

667. Manje ngibuka inyama yakho eyenza ngokuthanda engithanda ukungikhohlisa, kanti nginesixwayiso esifushane nje senu. Ngeke nhlobo nginithathele izinyathelo ngokunijezisa “nginilinde”. Kufanele niyazi indima eniyidlala emsebenzini Wami, lapho-ke ngiyokweneliseka. Phezu kwalokho, uma ningivukela noma nidla imali Yami, noma nidla iminikelo Yami yokushiswa, Mina Jehova, noma nina zimpethu nilumana nodwa, noma uma kunokuxabana noma ukuphathana ngendluzula phakathi kwenu zidalwa ezifana nezinja—anginandaba nakho konke lokho. Nidinga nje ukwazi ukuthi niwuhlobo luni lwezinto, bese Mina ngiyeneliseka. Ngale kwalezi zinto, kulungile uma nizimisele ukudonsela imikhonto noma izinkemba noma nilwe nodwa ngamazwi enu. Anginamdlandla wokungena kulezo zinto, futhi angibandakanyeki nakancane ezindabeni zabantu. Akukona ukuthi anginandaba nezingxabano eziphakathi kwenu, kodwa yingoba angiyena omunye wenu, angizibandakanyi ezindabeni eziphakathi kwenu. Mina angiyena omunye wendalo futhi angiyena owalo mhlaba, ngakho-ke, ngiyakwenyanya lokhu kukhwishiza kwabantu kanye nalobu budlelwane babantu okungubuphixiphixi, nobungafanele. Engikunyanya kakhulu ukuxokozela kwezixuku zabantu. Noma kunjalo, ngazi ngokunzulu ukungcola okusezinhliziyweni zesidalwa ngasinye, futhi ngaphambi kokuba nginidale, ngangikwazi ukungalungi obabukhona ekujuleni kwezinhliziyo zabantu, futhi ngangazi inkohliso nokuba mazombezombe bezinhliziyo zabantu. Ngakho ngisho noma kungekho mzila nhlobo wezenzo zabantu ezimbi, nalapho ngiyazi ukuthi ububi obusezinhliziyweni zenu budlula ukunotha kwazo zonke izinto engizidalile. Ngamunye ngamunye kinina nenyukele esicongweni sezixuku; nenyukele ekubeni yidlozi lezixuku zabantu. Niyizephulamthetho ezinkulu, futhi nehla nenyuka phakathi kwazo zonke izimpethu nifuna indawo enokuthula, nizama ukusobozela izimpethu ezincane kunani. Ninenzondo nobubi obesabekayo ezinhliziyweni zenu, nedlula nalezo zipoki ezacwila ekujuleni kolwandle. Niphila phansi ebulongweni, niphazamisa izimpethu kusuka phezulu kuya ezansi ukuze zingabi nakuthula, nilwa nodwa okwesikhashana nibuye nizothe futhi. Anizazi kwanina isimo senu, kodwa noma kunjalo nisalwa nodwa ebulongweni. Yini enizoyizuza kulokhu? Uma ngempela ngempela ninezinhliziyo ezingesabayo Mina, ningalwa kanjani nodwa? Noma ngabe nisezingeni eliphakeme kangakanani, ave niseyizimpethu ezinukayo ebulongweni? Nizokwazi ukumila izimpiko nibe ngamajuba esibhakabhakeni? Nina, zimpethu ezintshontsha iminikelo ese-althare Lami, i-althare likaJehova, ningakwazi ukuhlenga amagama enu adicileke phansi, ukuba abe ngabantu bakwa-Israyeli abakhethekile? Zikhohlakali ezingenamahloni! Leyo minikelo ese-althare beyinikelwe Kimi ngabantu Bami, betshengisa imizwa yobumnene balabo abangesabayo Mina. Yokuba ilawulwe Yimi futhi isetshenziswe Yimi, pho ningiphanga kanjani amajuba ami engiwanikwe abantu? Anesabi ukuba uJudasi? Anesabi ukuba umhlaba wenu ube yizinkundla zokuchitheka kwegazi? Aninamahloni? Nicabanga ukuthi amajuba anikelwe ngabantu awokusuthisa izisu zenu zimpethu? Engininike kona yilokhu enginentokozo yokuninika kona nebengizimisele ukunipha khona; lokho enginganinikanga khona okokusetshenziswa Yimi, futhi anikwazi ukuvele nizintshontshele nje iminikelo Yami. Osebenzayo Yimi, uJehova—uNkulunkulu onguMdali, futhi abantu banikela iminikelo ngenxa Yami. Nicabanga ukuthi yinkokhelo yakho konke ukugijima enikwenzayo? Aninamahloni! Nisuke nigijimela bani? Ave nizigijimela nina? Nintshontshelani iminikelo Yami? Niyintshontshelani imali Yami esikhwameni Sami? Aniwona amadodana kaJuda Iskariyothe? Eyami, iminikelo kaJehova, eyokuthokozelwa ngabaphristi. Ningabaphristi nina? Ninesibindi sokudla iminikelo Yami ngokuzigqaja nize niyideke ematafuleni enu; aninto yalutho! Zikhohlakali ndini! Umlilo Wami, umlilo kaJehova uzonishabalalisa!

Kucashunwe embhalweni othi “Uma Amaqabunga Awile Ebuyela Ezimpandeni Zawo, Uzozisola Ngabo Bonke Ububi Obenzile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

668. Ngisebenzile futhi ngakhuluma ngale ndlela phakathi kwenu, ngichithe amandla amaningi kanye nomzamo, kodwa-ke wake walalesisa engikutshela kona? Waguqa nini phambi Kwami, uSomandla? Kungani wangiphatha ngale ndlela? Kungani konke okushoyo kuvusa ulaka Lwami? Kungani ninezinhliziyo ezilukhuni kangaka? Ngabe ngake nganibhaxabula? Kungani ningenzi lutho kodwa ningidabukisa futhi ningethusa? Ngabe nilindele usuku lolaka Lwami, uJehova, luze phezu kwenu? Ngabe nilindele Mina ukuthi ngehle ngenyuka ngolaka ngenxa yokungalaleli? Ngabe engikwenzayo kukonke angikwenzeli khona? Kepha bewulokhu uphatha Mina, Jehova, ngale ndlela: weba iminikelo Yami, ugoduka neminikelo ye-altare Lami uyofunza amazinyane kanye nabazukulu bamazinyane esigodlweni esesabekayo; “abantu” bayalwa, bebhekene ngamehlo agcwele ulaka kanye nemikhonto, bejikijela amazwi Ami, uSomandla, endlini yangasese ukuze angcoliswe indle. Buphi ubuqotho bakho? Ubuntu benu sebuwubulwane! Izinhliziyo zenu zaphenduka itshe kudala. Ngabe uyazi ukuthi uma sekufika usuku lolaka Lwami yilapho engiyohlulela ngobubi obenze Kimi, uSomandla namuhla? Ngabe nicabanga ukuthi ngokukhohlisa Mina ngale ndlela, ngokujikijela amazwi Ami emgodini nokungawalaleli—nicabanga ukuthi ngokwenza kanje ngingakuboni ungaphunyuka emlilweni wolaka Lwami? Ngabe niyazi ukuthi seniboniwe amehlo Ami, Jehova, ngenkathi neba iminikelo Yami futhi nithukusa impahla Yami? Ngabe uyazi ukuthi ngenkathi neba iminikelo Yami, kwakuphambi kwe-altare okwenziwa kulo iminikelo? Ningacabanga kanjani ukuthi nihlakaniphe kangangoba ningadukisa Mina ngale ndlela? Ulaka lwami lungasuka kanjani ezonweni zenu ezixakile? Ulaka Lwami lungadlula kanjani phezu kwezenzo zenu zobubi? Isono enisenza namuhla asinivuleli intuba yokuphuma, kodwa sigcina ukusolwa kwenu kwangomuso; siqubula ukusola Kwami, uSomandla, okuqondwe kini. Izenzo zenu kanye namazwi obubi benu kungaphunyuka kanjani ekusolweni Kwami? Imithandazo yenu ingafinyelela kanjani ezindlebeni Zami? Nginganivulela kanjani indlela yenu yokulunga? Ngingahlukana kanjani nezenzo zenu ezimbi ezihlazisa Mina? Ngingadlula kanjani olimini lwenu olunoshevu njengolwenyoka? Aningibizeli ukulunga kwenu, kodwa kunalokho nandisa ulaka Lwami ngenxa yokungalungi kwenu. Nginganixolela kanjani? Emehlweni Ami, uSomandla, amazwi kanye nezenzo zenu kungcolile. Amehlo Ami, uSomandla, abona ukungalungi kwenu njengokusola okungenakuxolelwa. Ukusola Kwami okulungile kanye nokwahlulela kungasuka kanjani kini? Ngoba nenza lokhu Kimi, ningenza ngigcwale ukudabuka nolaka, nginganidedela kanjani ezandleni Zami ukuze niphunyuke kulolo suku mina, Jehova, engizonisola futhi nginiqalekise ngalo? Ngabe anazi ukuthi amazwi enu amabi asefinyelele ezindlebeni Zami? Ngabe anazi ukuthi ukungalungi kwenu sekungcolise ingubo Yami yokulunga? Ngabe anazi ukuthi ukungalaleli kwenu sekungidalele ulaka olukhulu? Ngabe niyazi ukuthi sesi side kakhulu isikhathi ningishiye ngiqhuma, futhi sesi side kakhulu isikhathi ngibekezele? Ngabe niyazi ukuthi senimoshe inyama nempahla Yami? Ngibekezele kwaze kwaba yimanje, kangangoba ngidedele ulaka Lwami, ngeke ngisanibekezelela. Ngabe niyazazi ukuthi izenzo zenu zobubi sezifinyelele emehlweni Ami, futhi ukukhala Kwami sekufinyelele ezindlebeni zikaBaba Wami? Anganivumela kanjani ukuthi niphathe Mina ngale ndlela? Ave umsebenzi enginenzela wona ungowokusiza nina? Kepha obani phakathi kwenu abathanda umsebenzi Wami, Jehova? Ngingakwazi ukungathembeki entandweni kaBaba Wami ngoba ngiyantengantenga, nangenxa yobuhlungu engidlule kubo? Aniyiqondi inhliziyo Yami? Ngikhuluma nani njengoba kwenza uJehova; ukuba anginikezelanga ngokuningi ngenxa yenu? Yize ngizimisele ngokuthwala konke lokhu kuhlupheka ngenxa yomsebenzi kaBaba Wami, ningakhululwa kanjani ekusolweni engizokuletha phezu kwenu ngenxa yokuhlupheka Kwami? Aningithokozelanga? Namuhla, nginikelwe phezu kwenu uBaba; ngabe anazi ukuthi nithola umusa Wami ngokweqile? Ngabe anazi ukuthi impilo Yami yathatha indawo yempilo yenu kanye nezinto enizithokozelayo? Ngabe anazi ukuthi uBaba Wami wasebenzisa impilo Yami ukuze alwe noSathane, kanye nokuthi wanikela ngempilo Yami phezu kwenu, okwenza ukuthi nithole ngokuphindaphindiwe, futhi kwanivumela ukuthi nigweme lezo zilingo? Ngabe anazi ukuthi niyokhululwa ezilingweni eziyinqwaba nasekusolweni okuningi ngenxa yomsebenzi Wami? Ngabe anazi ukuthi Yimi kuphela owenze ukuthi uBaba Wami anivumele ukuze nithokoze kuze kube yimanje? Nihlala kanjani nilukhuni futhi niqine kangaka namuhla, kuze kube sengathi sekumile izingqweqwe phezu kwezinhliziyo zenu? Ububi enibenza namuhla bungaphunyuka kanjani ngosuku lolaka oluzolandela ekuhambeni Kwami emhlabeni? Ngingavuma kanjani ukuthi labo abanezinhliziyo ezilukhuni nezingathambi baphunyuke olakeni lukaJehova?

Kucashunwe embhalweni othi “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

669. Cabanga ngesikhathi sakudala: Ngabe ngake ngabuka ngolaka olungaka, futhi nezwi Lami ladlengezela, kini? Ngabe nganicasukela ngokweqile nini? Ngake nginikhuza ngendlela engafanele? Ngake nganikhuza ngqo? Akuve kungenxa yomsebenzi Wami njengoba ngibiza uBaba Wami ukuthi anigcine kuzo zonke izilingo? Kungani nangiphatha ngale ndlela? Ngake ngawasebenzisa amandla Ami ukuze ngishaye inyama yenu? Kungani ningikhokhela ngale ndlela? Emuva kokungivuthela nokubandela, anishisi futhi anibandi, bese nizama ukungikhohlisa nokungifihlela izinto, futhi imilomo yenu igcwele amathe okungalungi. Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaqola uMoya Wami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaphunyuka olakeni Lwami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungadlula ukwahlulelwa kwezenzo Kimi, uJehova, noma kanjani? Ngabe nginguNkulunkulu owahlulelwa umuntu? Ngingavumela isibungu esincane sihlambalaze Mina ngale ndlela? Ngingawadlulisela kanjani la madodana okungalaleli ezibusisweni Zami zengunaphakade? Amazwi nezenzo zenu sekunidalulile futhi kwanilahla kakhulu. Ngenkathi ngelula amazulu, futhi ngadala zonke izinto, angivumelanga lutho oludaliwe ukuthi luzibandakanye ngendlela oludalwe ngayo, kube angivumelanga lutho ukuthi luphazamise umsebenzi Wami kanye nokuphatha Kwami noma ngabe kanjani. Angamukelanga muntu noma lutho; ngangingabayekelelani labo ababi nabangiphatha ngendlela engenabo ubuntu? Bengingabaxolela kanjani labo abahlubuka emazwini Ami? Bengingabayekela kanjani labo abangangilaleli? Impumelelo yomuntu ayikho ezandleni Zami, uSomandla, yini? Ngingasho kanjani ukuthi ukungalungi nokungalaleli kwenu kungcwele? Izono zenu zingabungcolisa kanjani ubungcwele Bami? Angingcoliswa ukungcola kokungalungi, noma ngabe ngithokozela iminikelo yokungalungi. Ukuba benethembekile Kimi, Jehova, beningazihambisela iminikelo e-altare Lami? Beningasebenzisa ulimi lwenu olugcwele ushevu ukuze nithuke igama Lami elingcwele? Beningahlubuka emazwini Ami ngale ndlela? Beningaphatha ubungcwele Bami kanye negama elingcwele njengethuluzi lokusebenzela uSathane, ongomubi? Impilo yami ihlinzekelwa ukuthokozelwa abantu abangcwele. Bengingakuvumela kanjani ukuthi udlale ngempilo Yami nomakanjani, futhi niyisebenzise njengethuluzi lokuxokozela phakathi kwenu? Ningaba kanjani nenhliziyo embi nengenakulunga, eniyibhekise Kimi? Ngabe anazi ukuthi sengizibhalile izinto ezimbi kula mazwi okuphila? Ningalubalekela kanjani usuku lolaka uma sengisola iGibhithe? Ngingakuvumela kanjani ukuba ungiphikise futhi ungedelele ngale ndlela, kuphindelela? Nginitshela ngokucacile, uma sekufika usuku, ukusolwa kwakho kuyobe kungabekezeleleki kakhulu kunalokho kwaseGibhithe! Ningalubalekela kanjani usuku lolaka Lwami? Ngisho ngiyaqinisa: Ukubekezela Kwami kwakulungiselwe izenzo zenu ezimbi, futhi kukhona ukuze nisolwe ngalolo suku. Ngabe anisibo labo abayobhekana nokwahlulela ngolaka uma sengifike ekugcineni kokubekezela Kwami? Ave yonke into isezandleni Zami, uSomandla? Nginganivumela kanjani ukuthi ningangilaleli, ngaphezu kwamazulu? Impilo yenu izoba nzima kakhulu ngoba anikahlangani noMesiya, okwakuthiwe uyofika, kepha ongafikanga. Anizona izitha Zakhe? UJesu belokhu engumngane wenu, kepha niyizitha zikaMesiya. Ngabe anazi ukuthi yize ningabangani baJesu, izenzo zenu ezimbi zigcwalise izintsha zalabo abazondekayo? Yize nisondele kakhulu kuJehova, ngabe anazi ukuthi amazwi enu amabi asefinyelele ezindlebeni zikaJehova futhi aqubula ulaka Lwakhe? Angasondelana kanjani nani, futhi kungani engeke akushisele lezo zitsha zenu, lezo ezigcwele izenzo zobubi? Kungani ebengeke abe yisitha senu?

Kucashunwe embhalweni othi “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

670. Nonke nihlezi ezihlalweni zikanokusho, nishumayeza labo abayizizukulwane ezisencane abawuhlobo lwenu futhi nibahlalisa nani. Anazi ukuthi “inzalo” yenu kade yaphelelwa umoya yalahlekelwa umsebenzi Wami. Udumo Lwami lukhazimula lusuka ezweni laseMpumalanga luya ezweni laseNtshonalanga, kodwa uma udumo Lwami lusabalala luya emaphethelweni omhlaba nalapho luqala luphakama lukhazimula, ngizosusa udumo Lwami lwaseMpumalanga ngilulethe eNtshonalanga ukuze laba bantu bobumnyama eMpumalanga asebengihlamukile bangabi nakho ukukhazimula kokukhanya kusukela manje kuya phambili. Ngaleso sikhathi, niyohlala esigodini sethunzi. Yize noma abantu namuhla bengcono ngokuphindwe kayikhulu kunakuqala, namanje abakakwazi ukuhlangabezana nezimfuno Zami, futhi namanje abakabi ngubufakazi Bami obukhazimulayo. Ngisho nokuthi niyakwazi ukuba ngcono ngokuphindwe kayikhulu kangcono kunakuqala kungumphumela womsebenzi Wami ngokuphelele—kuyizithelo ezivela emsebenzini Wami emhlabeni. Noma kunjalo, ngisazithola nginokuwenyanya amazwi nezenzo zenu, nesimilo senu, futhi ngizwa nginokucasuka ngenxa yezenzo zenu phambi Kwami, ngoba aninakho nakancane ukuqonda Ngami. Pho ningaba kanjani ngabaphilayo ngaphandle kodumo Lwami, futhi ningathembeka kanjani ngokuphelele emsebenzini Wami wesikhathi esizayo? Ukholo lwenu luhle kakhulu; nithi nizimisele ukuzikhandla yonke impilo yenu egameni lomsebenzi Wami, nokuthi nizimisele ukunikela ngokuphila kwenu ngenxa yawo, kodwa isimo senu asikashintshi kangako. Bekungamagama nje okuzikhukhumeza, kodwa izenzo zenu zimbi kakhulu. Kubonakala sengathi ulimi nezindebe zomuntu zisezulwini kodwa imilenze ikude le emhlabeni, ngakho amazwi akhe nezenzo kanjalo negama lakhe kusesesimweni esibi kakhulu. Igama nesithunzi senu sicekeleke phansi, isithunzi senu sehlile, indlela enikhuluma ngayo iyihlazo, nempilo yenu iyanyanyisa, bonke ubuntu benu buphansi. Izingqondo zenu zincane anibacabangeli abanye futhi nixabanela nezinto ezincane. Nilwela izikhundla nokuthathelwa phezulu, ningaze niyophonseka esihogweni, phakathi echibini lomlilo. Amagama enu amanje nezenzo kwanele ukuba nginibale njengabagcwele isono. Indlela enithatha ngayo umsebenzi Wami yanele ukuba nginibone ukuthi ningabangalungile, futhi izimo zenu zonke zanele ukuba ngithi imiphefumulo yenu ingcolile futhi igcwele izinengiso. Enikwenzayo kanye nenikwambulayo kwanele ukuba kungathiwa ningabantu abaphuze igazi eliningi lemimoya engcolile. Uma kukhulunywa ngokungena embusweni ngako anikwazi ukufihla imizwa yenu. Niyakholwa ukuthi indlela eniyiyona yanele ukuba ningene emasangweni ombuso Wami wezulu? Niyakholwa ukuthi ningathola ukungena ezweni elingcwele lomsebenzi Wami namagama ngaphandle kwamagama enu nezenzo zenu zithola ukuhlolwa Yimi? Ubani okwazi ukukhohlisa ngempumelelo amehlo Ami womabili? Kungenzeka kanjani ukuthi ukuziphatha nezingxoxo zenu ezimbi nezinyanyekayo ziphunyuke emehlweni Ami? Izimpilo zenu ngizibone njengezimpilo zokuphuza igazi laleyo mimoya engcolile nokudla inyama yaleyo mimoya engcolile ngenxa yokuba niya ngokuya nifana nayo phambi Kwami zonke izinsuku. Emehlweni Ami ukuziphatha kwenu kwakukubi kakhulu, pho ngingathini ukunganengeki? Kwenikushoyo kunobubi bemimoya engcolile: Niyakhohlisa, nifihle, niphinde niyenge njengabathakathayo, futhi ninjengalabo abakhohlisayo nabaphuza igazi lokungalungi. Zonke izenzo zabantu azilungile kakhulu, pho kungenzeka kanjani ukuthi bonke abantu babekwe ezweni elingcwele lapho kunabalungile khona na? Ucabanga ukuthi lokho kuziphatha kwakho okunyanyisayo kungakutomula njengongcwele kulabo abangalungile? Ulimi lwakho olunjengolwenyoka luzogcina lucekele phansi inyama yakho eletha umonakalo yenze nezenzo eziyisinengiso, kanye nalezo zandla zakho ezigcwele igazi lemimoya engahlanzekile nazo zizogcina zidonsele umphefumulo wakho esihogweni, pho kungani ungagxumeli leli thuba lokuhlanza izandla zakho ezigcwele ukungcola? Futhi kungani ungathathi leli thuba uhlukane lalolu limi lwakho olukhuluma amazwi angenako ukulunga? Kungenzeka ukuthi uzimisele ukuzwa ubuhlungu ngaphansi kwamalangabi asesihogweni ngenxa yezandla zakho ezimbili nolimi nezindebe? Ngibhekelela izinhliziyo zabo bonke abantu ngamehlo Ami amabili ngoba kudala ngaphambi kokudala abantu, ngangiphethe izinhliziyo zabo ezandleni Zami. Kudalo ngakwazi ukuyibona kahle inhliziyo yomuntu, pho kungenzeka kanjani ukuthi inhliziyo yomuntu icashele amehlo Ami? Futhi bangaba kanjani esikhathini sokubalekela ukuvutha koMoya Wami?

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

671. Selokhu ngiphakathi kwenu, ngizimatanisa nani izintwasahlobo namakwindla amaningana, ngihlale phakathi kwenu isikhathi eside, ngihlale nani—zingakanani izenzo zenu ezinyanyisayo ezingazange zibonwe amehlo Ami? Lawo mazwi asuka ekujuleni kwenhliziyo alokhu enkenteza ezindlebeni Zami; izigidi nezigidi zezintshisekelo zenu zinekwe phambi kwe-altare Lami—azibaleki nokubaleka. Kodwa ukuzinikela kwenu kanye nalokho enikwenzayo, akukho nokuncane. Akukho ngisho neconsi lokuzithoba elivela kinina e-altare Lami. Ziphi izithelo zokholo lwenu Kimi? Nithole umusa ongenamkhawulo Kimi futhi nibone izimfihlakalo ezingabaleki ezivela ezulwini, futhi ngize nganibonisa namalangabi ezulu angikakabi naso isibindi sokuvuthisa izinhliziyo zenu, kodwa pho nina ninginikezeni njengembuyiselo yalokho? Kungakanani enizimisele ukunginikeza kona? Ubambe ukudla engikunike kona, uyaphenduka ukunikeze Mina, uze uthi kuyizinto ozithole ngenxa yezithukuthuku zomsebenzi wakho onzima, ukuthi unikela konke onakho Kimi. Kungenzeka kanjani ungazi ukuthi “iminikelo” yakho Kimi yizo zonke izinto ezintshontshwe e-altare Lami? Futhi manje sewunikeza Mina lokho—awungiphangi na? Kwenzeka kanjani ukuthi ungazi ukuthi konke lokho engikuthokozelayo namuhla yiminikelo ese-altare Lami, hhayi lokho okuzuzile ngomsebenzi wakho wokuzikhandla wase ukunikela Kimi? Unesibindi sokungiphanga ngale ndlela, pho ngingakuxolela kanjani? Ngingaqhubeka kanjani nokubekezela lokhu? Nginikeze yonke into kuwe. Angikugodlelanga lutho, ngihlinzeke izidingo zakho, futhi ngivule amehlo akho, kodwa noma kunjalo ungiphangile ngale ndlela, waziba unembeza wakho. Ngikuphe konke ngokungazigodleli lutho Kimi, ukuze kuthi noma uhlupheka, ube uthole konke Kimi konke engivela nakho ezulwini. Kodwa akukho ongipha kona nhlobo, yize noma unomnikelo omncanyana, unginikeza emva kwalokho. Ngeke yini umnikelo wakho ube okuthile? Lokho onginikeze kona akulutho ngaphezu kwenhlayiya eyodwa yesihlabathi, kodwa okucele Kimi yizindodla zegolide. Ingabe kufanele ngempela lokhu okwenzayo? Ngisebenza phakathi kwenu. Akukho ngisho namaphesenti ayishumi okufanele ngiwathole, angisakhulumi ngeminikelo eyengeziwe. Phezu kwalokho, lokho okweshumi okubuyiswayo yilabo abangcwele kuphucwa yilabo ababi. Ingabe nonke nisabalele nahlukana Nami? Ingabe nonke aniphikisani Nami? Ingabe ninonke anibhidlizi i-altare Lami? Kungenzeka kanjani ukuthi uhlobo lomuntu olunjena lubonakale njengomcebo emehlweni Ami? Ingabe abazona izingulube, izinja engizinyanyayo? Ngingabiza kanjani ukwenza kwakho kwezenzo ezimbi ngomcebo? Umsebenzi Wami ungokabani empeleni? Kungenzeka ukuthi kungenxa yokuba nonke niwiswe phansi ukuze kwambulwe amandla Ami? Ngabe izimpilo zenu nonke azincikile ezwini elilodwa elivela Kimi? Kungani ngisebenzisa amazwi okuyalela kuphela futhi ngingakaguquli amagama aba amaqiniso okuba ngikuwisele phansi ngokushesha? Ingabe amagama Ami nomsebenzi Wami owokugadla ngiwisele phansi isintu? Ingabe nginguNkulunkulu obulala abamsulwa ngokungakhethi? Njengamanje, bangaki kini abeza phambi Kwami nakho konke okwabo bezofuna indlela elungile yokuphila komuntu? Yimizimba yenu kuphela ephambi Kwami, kodwa izinhliziyo zenu zikude le, kude kakhulu Nami. Ngoba anazi ukuthi umsebenzi Wami uyini, baningi benu abafuna ukusuka Kimi, abaziqhelelanisa Nami, kodwa abafuna ukuphila epharadesi lapho kungekho kujeziswa, kungekho kwahlulelwa. Akukona lokho okufiswa ngabantu ezinhliziyweni zabo? Angikucindezeli neze ngalokhu. Noma iyiphi indlela oyithathayo ingukuzikhethela kwakho, futhi indlela yanamhlanje ihamba nokwahlulelwa nesiqalekiso, kodwa nonke kufanele nazi ukuthi lokho engikubeke kini, noma ngabe ukwahlulelwa noma ukujeziswa, konke kuyizipho ezinhle kakhulu enginganinikeza zona, futhi konke kuyizinto enizidinga ngokushesha.

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

672. Yonke imiphefumulo ekhohlakaliswe uSathane iyizigqila embusweni kaSathane. Yilabo abakholwa kuKristu kuphela abehlukaniswe, basindiswa enkambini kaSathane, base belethwa embusweni wanamuhla. Laba bantu abasaphili ngaphansi kwethonya likaSathane. Noma kunjalo, imvelo yomuntu isagxile enyameni yomuntu, okungukuthi ngisho noma imiphefumulo yenu isindisiwe, imvelo yenu isafana nakuqala, nethuba lokuthi nizongikhaphela lisekhona ngokugcwele. Kungakho umsebenzi Wami uqhubeka isikhathi eside, ngoba imvelo yenu inenkani. Manje nonke nihlupheka kakhulu ngenkathi nenza ngakho konke ukuze nifeze imisebenzi yenu, kodwa nonke ngamunye ningakwazi ukungikhaphela bese nibuyela embusweni kaSathane, enkambini yakhe, futhi niphindele ekuphileni kwenu okudala—lokhu kuyiqiniso elingephikwe. Ngaleso sikhathi, ngeke kwenzeke ukuba niveze noluncane uphawu lobuntu noma inswebu yobuntu njengoba nenza manje. Ezimweni ezibucayi, nizobhujiswa, futhi, ngaphezu kwalokho, nibhubhe kuze kube phakade, nijeziswe kanzima, ningaphinde nizalwe kabusha. Lena yinkinga ebekwe phambi kwenu. Nginikhumbuza ngale ndlela ukuze, okokuqala, umsebenzi Wami ungabi yize, futhi okwesibili, ukuze nonke niphile ezinsukwini zokukhanya. Eqinisweni, ukuthi umsebenzi Wami uyize akuyona inkinga enkulu. Okubalulekile ukuthi nikwazi ukuba nokuphila okujabulisayo nekusasa elimangalisayo. Umsebenzi Wami ngumsebenzi wokusindisa imiphefumulo yabantu. Uma umphefumulo wakho uwela ezandleni zikaSathane, khona-ke umzimba wakho ngeke ube nokuthula. Uma ngivikela umzimba wakho, khona-ke umphefumulo wakho, ngokuqinisekile, uzoba ngaphansi kokunakekelwa Yimi. Uma ngikwenyanya ngempela, khona-ke umzimba kanye nomphefumulo wakho kuzowela ezandleni zikaSathane masinyane. Ungacabanga ukuthi isimo sakho siyoba njani ngaleso sikhathi? Uma amazwi Ami elahleka kini ngolunye usuku, khona-ke ngizoninikela kuSathane ozonihlupha kabuhlungu kuze kuphele intukuthelo Yami ngokuphelele, noma nginijezise mina uqobo, nina bantu abangahlengeki, ngoba izinhliziyo zenu ezingikhaphelayo azisoze zaguquka.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

673. Kuphela nginethemba lokuthi esigabeni sokugcina somsebenzi Wami, nizokwenza umsebenzi omuhle kakhulu, nizinikele ngokugcwele, ningabe nisaba nenhliziyo ehlukene phakathi. Yiqiniso, ngethemba ukuthi nonke nizoba nesiphetho esihle. Noma kunjalo, ngisenezimfuno Zami, okuwukuthi nenze isinqumo esingcono nizinikele okokuqala nokokugcina Kimi. Uma umuntu enganikela ngesiqu sakhe, nakanjani lowo muntu uzoba impahla kaSathane, futhi ngeke ngiqhubeke ngimsebenzisa. Ngizomthumela ekhaya anakekelwe abazali bakhe. Umsebenzi Wami unisize kakhulu; enginethemba lokukuthola kini yinhliziyo eyethembekile nelangazelela phezulu, kodwa kuze kube manje izandla Zami zilokhu zingenalutho. Cabangani ngakho: Uma ngelinye ilanga ngisaphatheke kabi kakhulu ngaphezu kokungachazwa, ngiyoniphatha kanjani ngokuzayo? Ingabe ngiyoba nobungani? Ingabe inhliziyo Yami iyobe isenokuthula? Ingabe niyayiqonda imizwa yomuntu otshale ngokucophelela kodwa wangavuna ngisho okukodwa okusanhlamvu? Ingabe niyaqonda ukuthi lijule kangakanani inxeba lomuntu oshaywe kanzima? Ningawunambitha umunyu womuntu ogcwele ithemba okudingeka ahlukane nomuntu ngenxa yezinto ezimbi? Ingabe nike nayibona intukuthelo yomuntu ocasuliwe? Ningawazi yini umuzwa wokuziphindisela ngokuphuthumayo womuntu oye waphathwa ngenzondo nangenkohliso? Uma niyiqonda indlela laba bantu abacabanga ngayo, ngicabanga ukuthi akufanele kube nzima ukuthi niyibone ngeso lengqondo indlela uNkulunkulu ayokwenza ngayo ngesikhathi sempindiselo Yakhe. Okokugcina, ngethemba ukuthi nizokwenza okusemandleni enu ngenxa yesiphetho senu; noma kunjalo, kungaba ngcono kungabi nokukhohlisa emizamweni yenu, ngale kwalokho ngizobe ngisaphoxekile enhliziyweni Yami. Ukuphoxeka okunjalo kuholela kuphi? Anizikhohlisi yini? Labo abacabanga ngesiphetho sabo kodwa basonakalise bangabantu okungelula ukuba basindiswe. Ngisho noma labo bantu bethukuthele, ubani oyozwelana nabo? Kukho konke, ngisanifisela ukuthi nibe nesiphetho esihle. Noma kunjalo, ngethemba ukuthi akekho kini owela enhlekeleleni.

Kucashunwe embhalweni othi “Isiphetho Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

674. Umsebenzi Wami wokugcina akusiwona owokujezisa umuntu kuphela kodwa ukuhlela isiphetho somuntu. Nangaphezu kwalokho, kungesizathu sokuthola ukwamukelwa kubo bonke, ngakho konke engikwenzile. Ngifuna wonke umuntu abone ukuthi konke engikwenzile kulungile nokuthi konke kuyindlela yokubonisa isimo Sami; akusikho ukwenza komuntu, kungasaphathwa imvelo, okwaletha isintu. Kunalokho, Yimina okhulisa konke okuphilayo endalweni. Ngaphandle kobukhona Bami, isintu singabhubha kuphela futhi sihlushwe yizinhlekelele. Akekho umuntu oyophinda futhi abone ilanga elihle kanye nenyanga noma umhlaba oluhlaza; isintu siyobona kuphela ubusuku obubandayo kanye nesigodi sethunzi lokufa esingenamkhawulo. Yimina kuphela insindiso yesintu. Yimina kuphela ithemba lesintu nangaphezulu, Ngiyilowo okuhlala kuye ubukhona besintu sonke. Ngaphandle Kwami, isintu siyoma ngqi masinyane. Ngaphandle Kwami, isintu siyovelelwa inhlekelele futhi sinyathelwe yilo lonke uhlobo lwemimoya emibi, nakuba engekho ongilalelayo. Ngenze umsebenzi obungeke wenziwe ngomunye, ithemba lokuthi umuntu uzongikhokhela ngezenzo ezinhle. Noma beyingcosana abangangikhokhela, ngisazophetha uhambo Lwami emhlabeni bese ngiqala isinyathelo esilandelayo somsebenzi owembulekayo, ngoba ukuphuthuma kwami ngiya le nale kule minyaka eminingi phakathi kwabantu kube nezithelo, futhi kuyangithokozisa. Engikhathazeka ngakho akulona inani labantu kodwa kunalokho izenzo zabo ezinhle. Noma kunjalo, ngethemba ukuthi uzolungisela isiphetho sakho isamba esenele sezenzo ezinhle. Ngiyobe sengeneliseka; ngaphandle kwalokho, akekho phakathi kwenu oyophunyuka enhlekeleleni ezonehlela. Inhlekelele isuka Kimi futhi ngokusobala ihlelwe Yimi. Uma ningeke nivele nibahle emehlweni Ami, ngeke niphephe ekwehlelweni yinhlekelele. Ngezikhathi zenhlupheko, ukwenza kwenu kanye nezenzo zenu zazingabonakali zifanele ngempela, ngoba ukukholwa kwenu nothando lwenu kwakuyize, futhi nabonisa kuphela ukuthi niyesaba noma ninamandla. Mayelana nalokhu, ngiyokwenza kuphela ukwahlulela kokuhle nokubi. Ukukhathazeka Kwami kuyaqhubeka ukuba yindlela nina ngamunye enenza ngayo nenikhuluma ngayo, okuyisisekelo engiyonquma ngaso ngesiphetho senu. Nokho-ke, kumele ngikwenze kucace lokhu: ngeke ngisanika umusa kulabo abangathembekanga nhlobo Kimi ngezikhathi zenhlupheko, ngoba umusa uhamba ugcine lapha kuphela. Nangaphezu kwalokho, angithandi muntu oseke wangilahla, kungasaphathwa ukuthi angithandi ukuhlanganyela nalabo abadayisa inhlalakahle yabangani babo. Lesi yisimo Sami, kunoma imuphi umuntu. Kumele nginitshele lokhu: Noma ubani ophula inhliziyo Yami ngeke athole uzwelo Kimi, futhi noma ubani okade ethembekile uyohlala enhliziyweni Yami phakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “isimo esingathembisi.”

b. umbhalo wokuqala awunawo amagama athi “Ngale ndlela.”

Okwedlule: B. Izinxuso Nezinduduzo ZikaNkulunkulu Kumuntu

Okulandelayo: XIV. Amazwi Ngezindinganiso ZikaNkulunkulu Zokunquma Umphumela Womuntu Kanye Nesiphetho Salo Lonke Uhlobo Lomuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp