B. Izinxuso Nezinduduzo ZikaNkulunkulu Kumuntu

623. Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni? Nimbonile uNkulunkulu esimweni somuntu futhi nabona engumninimandla onke nabona nobuhlakani bakhe, ngaphezu kwalokho, nizwile ukushawa ngokuphindiwe nokuyalwa. Kodwa aniwutholanga umusa omkhulu na? Izibusiso zenu azizinkulu ukwedlula abanye na? Umusa wenu mkhulu kunodumo negcebo eyajatshulelwa uSolomoni! Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ukunijesiza nina bantu abafayo bekungenziwe ngokukhuluma izwi elilodwa? Bengisengadinga ukunibhubhisa ngemva kokunisola ngenhloso? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

624. Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokuphelelisa umuntu. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela. Uma ningakwazi ukubona ukuthi yonke into eyenziwe kini iwuthando nensindiso, uma nicabanga ukuthi kumane kuyindlela nje, indlela yokuhlupha umuntu okungafanele yethenjwe, khona-ke ningabuyela ezweni lenu niyoququdwa izinhlungu nobunzima! Uma nithanda ukuba kulo mthombo futhi nijabulele lezi zahlulelo nensindiso ejulile, ukujabulela zonke lezi zibusiso ezingatholakali ndawo ezweni labantu, ukujabulela lolu thando, nokuzithoba kulo mthombo ngokwamukela umsebenzi wokunqoba ukuze upheleliswe. Nakuba manje nizwa ubuhlungu futhi nicwengwa ngenxa yezahlulelo, lobu buhlungu bubalulekile futhi bunenhloso. Nakuba ukusola nokwahlulela kuwukucwengwa futhi kuyizinto ezingenamusa kumuntu, kuhloselwe ukujezisa izono nenyama yakhe, awukho umsebenzi kulona ohloselwe ukuyala nokubhubhisa inyama yakhe. Iziphetho ezinkulu zezwi zonke zihloselwe ukukuholela endleleni efanele. Senibhekane nokuningi kakhulu kulo msebenzi, ngokusobala akuniholelanga endleleni yokukhohlakala! Konke ngokokunenza niphile ubuntu obujwayelekile, futhi konke kungafezwa ubuntu bakho obujwayelekile. Zonke izigaba zomsebenzi ezenziwayo zisekelwe ezidingweni zenu, ebuthakathakeni benu, nasesimweni senu sangempela, futhi awukho umthwalo ongathwaleki obekwe emahlombe enu. Nakuba ningakwazi ukukubona ngokucacile lokhu futhi nicabanga ukuthi nginokhahlo kini, nakuba nicabanga ukuthi into eyenza nginijezise futhi nginisole nsuku zonke ukuthi ngiyanizonda, futhi nakuba nisolwa futhi nahlulelwa, empeleni konke kuwukunibonisa uthando, nesivikelo esikhulu kini. Uma ningakwazi ukubamba incazelo ejulile yalo msebenzi, khona-ke anikwazi ukuzihambela nina le ndlela. Kufanele niduduzelwe leyo nsindiso. Ningenqabi ukusebenzisa umqondo. Njengoba sesifike kuleli qophelo, kufanele nikubone ngokucacile ukubaluleka kwalo msebenzi wokunqoba. Akusafanele nibe nombono onjalo!

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

625. Bonke abantu bake balungiswa ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Uma kwakungazange kwenzeke ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ngokuqinisekile isintu ngabe asibusiswanga ukuba sihlupheke ngaleyo ndlela. Kungabuye kubekwe ngale ndlela— labo abakwaziyo ukwamukela ukulingwa ngamazwi kaNkulunkulu bangabantu ababusisiwe. Ngokwamandla abantu akuqala, ukuziphatha kwabo, nezimo zabo zengqondo ngoNkulunkulu, abafanelwe ukwamukeliswa lolu hlobo lokulungiswa. Kungenxa yokukhuthazwa nguNkulunkulu ukuba bajabulele lesi sibusiso. Abantu babethi abafanelwe ukubona ubuso bukaNkulunkulu noma ukuzwa amazwi Akhe. Namhlanje ngokuphelele kungenxa yokukhuthazwa uNkulunkulu kanye nesihawu Sakhe ukuba abantu bamukele ukulungiswa ngamazwi Akhe. Lokhu kuyisibusiso sawo wonke muntu ngamunye ozalwe ezinsukwini zokugcina—senike nazizwela le nto mathupha? Ingayiphi indlela abantu ekumele bahlupheke ngayo futhi babe nokubuyiseleka emuva kungesimiso sikaNkulunkulu, akusekelwe izidingo zabantu. Lokhu kuyiqiniso eliphelele. Lonke ikholwa kufanele libe nekhono lokubhekana nokulingwa amazwi kaNkulunkulu futhi bahlupheke phakathi emazwini Akhe. Ingabe lokhu kuyinto eniyibona ngokucacilile na? Ngakho ukuhlupheka osudlule kuko kuthengiselwe izibusisio zanamuhla; Uma ungamuhluphekeli uNkulunkulu, ngeke uzuze udumo Lwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Uthando Lwangempela lukaNkulunkulu Luyazenzakalela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

626. Ukuthi uyakwazi ukwamukela ukwahlulelwa, ukusolwa, ukushaywa, nokucwengisiswa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi phezu kwalokho, uyakwazi ukwamukela imisebenzi kaNkulunkulu, konke kwakubekwe uNkulunkulu ekuqaleni kwesikhathi, ngalokho akumele uphatheke kabi uma usolwa. Akekho namunye ongathatha umsebenzi osuwenziwe kini, nezibusiso eziphezu kwenu, futhi akekho namunye ongathatha konke lokhu okunikwe nina. Abantu benkolo ngeke baqhathaniswa nani. Aniphethe ubungoti obukhulu baseBhayibhelini, futhi anihlonyiswanga ngemfundo yenkolo, kodwa ngenxa yokuthi uNkulunkulu usesebenze ngaphakathi kini, senizuze okukhulu kunabo bonke abanye kulezi zinkathi—ngakho-ke lesi isibusiso senu esikhulu. Ngenxa yalokhu kumele nizinikele ngempela kuNkulunkulu, nithembeke kakhulu kuNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ukuphakamisile, kumele wenyuse imizamo yakho, futhi kumele ulungise isimo sakho ukuze wamukele umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ume uqine endaweni uNkulunkulu akunike yona, uphokophelele ukuba ngomunye wabantu bakaNkulunkulu, wamukele ukuqeqeshelwa umbuso, uzuzwe uNkulunkulu ekugcineni ube ubufakazi kuNkulunkulu. Unokungaki kulezi zinqumo? Uma uzithathile lezi zinqumo, kusho ukuthi ekugcineni ngokuqinisekile uzozuzwa uNkulunkulu, ube ubufakazi kuNkulunkulu. Kumele uqonde ukuthi umsebenzi omkhulu ukuthi uzuzwe uNkulunkulu ube ubufakazi kuNkulunkulu. Lena yintando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

627. Kubo bonke abafowethu nodadewethu abalizwile iphimbo Lami: Nizwe iphimbo lokwahlulela Kwami okunzima futhi nibekezelele ukuhlupheka okwedlulele. Nokho, kufanele nazi ukuthi ngemuva kwephimbo Lami eliqinile kufihlwe izinhloso Zami! Ngiyaniqondisa ukuze nisindiswe. Kufanele nazi ukuthi ngenxa yamadodana Ami athandekayo, ngizoniqondisa futhi nginithene nginiphelelise masinyane. Inhliziyo Yami ilangazelela kakhulu, kodwa aniyiqondi inhliziyo Yami futhi anenzi ngokwezwi Lami. Namuhla amazwi Ami eza phezu kwenu anenze ukuba nibone ngempela ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu onothando kanti nonke niluzwile uthando oluqotho lukaNkulunkulu. Nokho, kusenedlanzana labantu abazenzisayo futhi uma bebona usizi lwabanye abantu nabo babe nezinyembezi emehlweni abo. Kukhona abanye—ngaphandle—ababonakala sengathi bakweleta uNkulunkulu futhi babonakala bezisola, kodwa ngaphakathi, abamqondi kahle uNkulunkulu futhi abaqinisekile Ngaye; kunalokho ukuthenga amehlo nje. Ngibenyanya kakhulu laba bantu! Noma nini, laba bantu bazosuswa edolobheni Lami. Inhloso Yami ukuthi ngifuna labo abangifuna ngokuzimisela, nalabo kuphela abangifuna ngenhliziyo yangempela bangithokozise—ngoba labo nakanjani ngizobaseka ngezandla Zami ngiqinisekise ukuthi abahlangabezani nezinhlekelele. Abantu abamfuna ngempela uNkulunkulu bazozimisela ukunikeza konke ukunakekela emthwalweni kaNkulunkulu futhi bacabangele inhliziyo kaNkulunkulu futhi benze intando Yami. Ngakho, kufanele ningene kokungokoqobo masinyane futhi namukele izwi Lami njengempilo yenu—lo umthwalo Wami omkhulu kakhulu. Uma wonke amabandla nabo bonke abangcwele bengena kokungokoqobo futhi bonke bakwazi ukuhlanganyela Nami ngokuqondile, babukane ubuso nobuso Nami, benze iqiniso nokulunga, kulapho kuphela lapho bezoba khona ngamadodana Ami athandekayo, engithokozayo ngawo. Ngizobeka zonke izibusiso ezinkulu kulaba bantu.

kuvela embhalweni othi “Isahluko 23” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

628. Namuhla akufanele waneliseke kuphela ngokuthi unqotshwe kanjani, kodwa kumele ucabange nangendlela ozohamba ngayo ngokuzayo. Kumele ube nezinto ezikukhuthazayo futhi ube nesibindi sokuba uphelele, futhi ukugweme ukuzibona ungeke wakwazi kwenza lutho. Ingabe iqiniso linazo izintandokazi? Ingabe iqiniso lihloselwe ukuphikisana nabantu? Uma ulifuna ngempela iqiniso, lingakuthonya? Uma umelana nokungabi bikho kobulungiswa, ingabe lokho kuzokuqeda amandla? Uma ukufuna ngempela ukuphila, ingabe kuzokwehlula ukuphila? Uma ungenalo iqiniso, akukhona ukuthi iqiniso likushaya indiva, kodwa kungenxa yokuthi uqhelelene neqiniso, uma ungakwazi ukumela ubulungiswa, lokho akusho ukuthi kukhona into embi ngobulungiswa kodwa kungenxa yokuthi ukholwa ukuthi amaqiniso awasetshenziswanga kahle; uma ugcina ungakutholi ukuphila ngemva kokukufuna iminyaka eminingi, lokho akubangelwa ukuthi ukuphila akunanembeza kuwe, kodwa kungenxa yokuthi wena awunanembeza ekuphileni kwakho, ukuxoshile ukuphila; uma uphila ekukhanyeni, futhi ubungakwazi ukuthola ukukhanya, lokho akungenxa yokuthi ukukhanya akukwazi ukukukhanyisa, kodwa kungenxa yokuthi awuzange ukunake ukuba khona kokukhanya ngakho ukukhanya kukushiye ngesinyelela. Uma ungakulweli ukuphila, kungaphethwa ngokuthi awuyinto yalutho futhi awunaso isibindi futhi awukwazi ukumelana namandla obumnyama. Untekenteke kakhulu! Uyehluleka ukuphunyuka emandleni kaSathane akuvimbezelayo futhi uzimisele ngokuphila lokhu kuphila okuphephile futhi okulondekile bese ufa ungenalwazi. Okufanele ukuthole ukulwela ukunqotshwa; lokhu kuyisibopho sakho. Uma wenelisekile ngokunqotshwa, uzobe uxosha ukukhanya. Kumele ubhekane nobunzima ngenxa yeqiniso, kumele uzinikele eqinisweni futhi ukhuthazelele ukuthunazwa ngenxa yeqiniso nokuthi ukuze wazi okuningi ngeqiniso kumele udlule ezinhluphekweni eziningi. Yilokhu okufanele ukwenze. Ungavumi ukulahla iqiniso ngenxa yokuthi ufuna ukuthula emndenini wakho, ungavumi ukulahlekelwa yisithunzi nobuqotho bakho ngenxa nje yenjabulo yesikhashana. Kufanele ulwele konke okuhle nokulungile, futhi ufune indlela yokuphila ukuphila okunenjongo. Uma uphila ukuphila okuyichilo kanjalo futhi zingekho izinto ozifunayo, ingabe awudlali yini ngokuphila kwakho? Yini ongayithola ekuphileni okunjalo? Kufanele uzigweme zonke izinhlobo zenjabulo yenyama ngenxa yeqiniso elilodwa, nokuthi ungawalahli wonke amaqiniso ngenxa yenjabulo yesikhashana. Abantu abenza kanjalo abekho qotho futhi abanaso nesithunzi; ukuphila kwabo akunayo injongo!

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

629. Ungacabangi ukuthi ukulandela uNkulunkulu kulula. Okubalulekile ukuthi kumele umazi, kumele wazi umsebenzi waKhe, futhi kumele ufise ukubekezelela ubunzima ngenxa yaKhe, ube nesifiso sokupheleliswa nguYe. Lona ngumbono okumele ube nawo. Angeke kulunge uma uhlala ucabanga ukuthokozela umusa! Ungacabangi ukuthi uNkulunkulu ukhona ukuze abantu bathokoze nje, nokunika abantu umusa. Ucabange okungekona! Uma umuntu engeke abeke impilo yakhe engcupheni ukuze alandele, uma umuntu engeke ashiye konke okwezwe ukuze alandele, kusho ukuthi ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni! Kumele ube nemibono ibe yisesekelo sakho. Uma usuku lokuthi wehlelwe inhlekelele, kumele wenzenjani? Uyobe usakwazi ukulandela? Ungasho kalula nje ukuthi uzokwazi ukulandela kuze kube sekupheleni. Kumele uqale uvule amehlo akho ubone ukuthi sithini isikhathi samanje. Yize manje nifana nezinsika zethempeli, kuzofika isikhathi lapho izinsika zizodliwa yimihlwa, okuzokwenza ithempeli liwe, ngoba njengamanje miningi imibono eniyintulayo. Enikunakile umhlaba wenu nje omncane, anazi nokuthi iyiphi indlela ethembekile, indlela efanele yokufuna. Aniwunakile umbono womsebenzi wanamuhla, futhi anizibekile lezi zinto ezinhliziyweni zenu. Ngabe senike nakucabanga ukuthi ngelinye ilanga uNkulunkulu wenu uyonifaka ezindaweni eningazazi? Niyalubona ngamehlo engqondo usuku engiyonemuka konke ngalo, niyoba yini? Ngabe amandla enu ngalelo langa ayofana namanje? Ngabe ukholo lwenu luyobuye lube khona? Ekulandeleni uNkulunkulu kumele wazi lo mbono omkhulu “onguNkulunkulu.” Lolu udaba olubaluleke kakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Niqonde Umsebenzi—Ungalandeli Ngokudideka!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

630. Ukufinyelela ekumazini uNkulunkulu ngokukholwa Nguye; lokhu kuwumgomo wokugcina okumele umuntu awufune. Kumele uzinikele ngomfutho ukuba uphile amazwi kaNkulunkulu ukuze akwazi ukufezeka ezenzweni zakho. Uma unolwazi lokufundiswa kuphela, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyofana noluyize. Kuphela uma ubuye wenze futhi uliphile izwi likaNkulunkulu lapho ukholo lwakho luyothathwa njengoluphelele noluvumelana nentando kaNkulunkulu. Kule ndlela, abantu abaningi bangakhuluma ngolwazi oluningi, kodwa ngesikhathi sokufa kwabo, amehlo abo agcwala izinyembezi, futhi bazizonde ngoba bechithe isikhathi sabo sokuphila nokuthi baphilele ize baze baficwa ukuguga. Baqonda kuphela izimfundiso kodwa abakwazi ukwenza iqiniso futhi bafakazele uNkulunkulu, kunalokho bagijima baya le nale, bematasa njengenyosi; lapho sebesondele ekufeni bagcina sebebona ukuthi bantula ubufakazi obuyiqiniso, ukuthi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Akuve sesibashiyile nje isikhathi? Kungani ungasisebenzisi kahle isikhathi futhi ufune iqiniso leli olithandayo? Kungani uzolinda kuze kube kusasa? Uma empilweni ungahluphekeli iqiniso noma ufune ukulizuza, kungenzeka ukuthi ufuna ukuzisola ngehora lakho lokugcina? Uma kunjalo, kungani-ke ukholelwa kuNkulunkulu? Eqinisweni, ziningi izinto lapho umuntu, uma enza umzamo wokuzinikela ngisho omncane kakhulu, engalenza iqiniso ngendlela ebonakalayo futhi ngaleyo ndlela amenelise uNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu ngaso sonke isikhathi ihlale igutshezelwe ngamadimoni ngakho akakwazi ukwenza ngenxa kaNkulunkulu. Kunalokho, njalo wehla enyuka ebheka okwenyama, angabuyelwa yilutho ekugcineni. Kungenxa yalezi zizathu umuntu ehlala esezinkingeni nasebuhlungwini. Akuzona lezi izinhlupho zikaSathane? Akukhona lokhu ukukhohlakala kwenyama? Akufanele wenze uNkulunkulu isilima umkhonze ngomlomo kuphela. Kunalokho, kumele uthathe isinyathelo esibonakalayo. Ungazikhohlisi wena uqobo; iyini injongo kulokho? Yini ongayizuza ngokuphilela inyama yakho nokukhandlekela udumo kanye nengcebo?

Kucashunwe embhalweni othi “Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

631. Labo abangafuni ukuphila ngeke bakwazi ukuguqulwa, futhi labo abangalomeli iqiniso ngeke balithole iqiniso. Awugxili ekufuneni ukuguqulwa komuntu kanye nokungena, kodwa ugxila ezifisweni eziyihaba nasezintweni ezivimba ukuthanda kwakho uNkulunkulu futhi ezikuvimba ekusondeleni Kuye. Ingabe lezo zinto zingakwazi ukukuguqula? Zingakwazi ukukuletha embusweni? Uma inhloso yokufuna kwakho kungeyona eyokufuna iqiniso, ungasebenzisa leli thuba ubuyele emhlabeni ukuze ulifune. Ukuchitha isikhathi sakho ngale ndlela ngempela akunasidingo—uzihlukumezelani? Akulona yini iqiniso ukuthi ungathokozela zonke izinhlobo zezinto emhlabeni omuhle? Imali, abantu besifazane abahle, isikhundla, ukuthanda izinto, umndeni, izingane, nokunye—ngabe yonke le mikhiqizo yomhlaba ayizona izinto ezinhle kakhulu ongazithokozela? Kusiza ngani ukuzulazula lapha ubheka indawo ongajabula kuyo? INdodana yomuntu ayinayo indawo yokubeka ikhanda Layo, pho ungakwazi kanjani ukuba nendawo enezimo ezilula? Ubengakwazi kanjani ukukudalela indawo enhle yokuphila kalula? Kungenzeka lokho? Ngaphandle kokwahlulela Kwami, namuhla ungakwazi ukuthola izimfundiso zeqiniso kuphela. Ngeke ukwazi ukuthola ukuthokomala Kimi noma uthole indawo yenjabulo ocabanga ngayo ubusuku nemini. Ngeke ngikunike ingcebo yomhlaba. Uma ufuna ngokweqiniso, ngizimisele ukukunikeza indlela yokuphila ngokugcwele, ukuthi ube njengenhlanzi ebuyele emanzini. Uma ungafuni ngokweqiniso, ngizokwephuca konke. Angizimisele ukunika amazwi avela emlonyeni Wami labo bantu abahahela intokomalo, abanjengezingulube nezinja nje!

Kucashunwe embhalweni othi “Kungani Ungazimisele Ukuba Yisiqhathaniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

632. Namuhla ukholo olukwenza unqotshwe, futhi ukunqotshwa okukwenza ukholelwe kuzo zonke izenzo zikaJehova. Ukholo kuphela olunenza nithole lolu hlobo lokusolwa nesahlulelo. Ngenxa yalokhu kusolwa nezahlulelo, ninqotshiwe futhi napheleliswa. Ngaphandle kwalolu hlobo lokusolwa nesahlulelo enisithola namuhla, ukholo lwenu beluba yize, ngenxa yokuthi animazi uNkulunkulu, akukhathaliseki ukuthi ukholelwa kangakanani Kuye, ukholo lwakho luyoba amazwi angasho lutho futhi angenasisekelo. Kulapho uthola lolu hlobo lomsebenzi wokunqoba kuphela, okuyilona oluyokwenza uqiniseke ngokugcwele ukuthi ukholo lwakho olweqiniso futhi lunokwethenjelwa, nenhliziyo yakho iphendukela kuNkulunkulu. Ngisho noma wahlulelwa noma uqalekiswa kakhulu ngenxa yaleli gama elithi “ukholo,” unokholo lweqiniso, futhi wamukela iqiniso langempela, elingokoqobo, nento eyigugu kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi kungale nkambo yokwahlulela kuphela lapho nibona khona isiphetho sendalo kaNkulunkulu; yilokhu kwahlulela okunenza nibone ukuthi uMdali kufanele athandwe; ingalo kaNkulunkulu uyibona emsebenzini wokunqoba onjalo; ukunqoba okunjalo okunenze nakuqonda ngokugcwele ukuphila komuntu; yilokhu kunqoba okunenze nathola umgudu ofanele wokuphila komuntu futhi nathola incazelo yangempela yegama elithi “umuntu”; yilo msebenzi wokunqoba kuphela onenza nibone isimo sokulunga sikaSomandla nobuso Bakhe obuhle nobukhazimulayo; nifunda kulo msebenzi wokunqoba ngomsuka womuntu futhi niqonde wonke “umlando wesikhathi eside” ngesintu; yilokhu kunqoba okunenze naqonda okhokho besintu nomsuka wokukhohlakala kwesintu; yilokhu kunqoba okunenza nijabule futhi niduduzeke niphinde nithole nokusolwa okungapheli, isiyalo, namazwi okusola avela kuMdali owadala isintu; kulo msebenzi wokunqoba nithola izibusiso, nezinhlekelele umuntu okufanele azithole…. Ingabe konke lokhu akwenzeki ngenxa yokholo oluncane lwenu? Ngemva kokuthola zonke lezi zinto, alukhulanga yini ukholo lwenu? Ingabe anitholanga inala? Awukezwa nje kuphela izwi likaNkulunkulu futhi wabona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, kodwa futhi uzibonele mathupha isinyathelo ngasinye somsebenzi. Mhlawumbe uzothi ukube awuzange ube nokholo, ubungeke usolwe ngale ndlela noma wahlulelwe ngale ndlela. Kodwa kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokholo, ngeke ugcine nje ngokuthola lolu hlobo lokusolwa noma lolu hlobo lokunakekelwa uSomandla, kodwa uyohlale ulahlekelwa ithuba lokubona uMdali. Awusobe wawazi umsuka wesintu futhi ngeke ukuqonde ukubaluleka kokuphila komuntu. Ngisho noma umzimba wakho ungafa umphefumulo wakho uhambe, ngeke uziqonde zonke izenzo zikaNkulunkulu. Okubi nakakhulu ukuthi ngeke wazi ukuthi uMdali owenza lowo msebenzi omkhulu emhlabeni ngemva kokudala isintu. Njengelungu lalesi sintu esidala, ingabe uzimisele ukuwela ebumnyameni nokuthola isijeziso saphakade ube untula ukuqonda? Uma nizihlukanisa ekusolweni nasesahlulelweni sanamuhla, niyohlangabezana nani? Ingabe nicabanga ukuthi uma senehlukene nesahlulelo samanje, niyokwazi ukuphunyuka kule mpilo enzima? Ingabe akulona iqiniso ukuthi uma nishiya “le ndawo,” niyohlangabezana nobuhlungu noma nilinyazwe udeveli ngesihluku? Ingabe ungaba nemini kanye nobusuku okungabekezeleleki? Ingabe ucabanga ukuthi ngenxa nje yokuthi uphunyuke kulokhu kwahlulela namuhla, ungaligwema ikusasa elibuhlungu? Yini eyoma endleleni yakho? Ingabe ngempela kungaba iShangri-La enilethembile? Ingabe nicabanga ukuthi ningaphunyuka ekusolweni kwaphakade okuzayo ngokumane nje nibalekele okungokoqobo njengoba nenza? Ngemva kwanamuhla, ingabe niyophinde nikwazi ukuthola lolu hlobo lwethuba nalolu hlobo lwezibusiso? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho nehlelwa izinhlekelele? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho sonke isintu singena ekuphumuleni? Ukuphila kwenu okujabulisayo kwamanje nemindeni yenu emincane enokuzwana—ingabe kungathatha isikhundla sekusasa laphakade? Uma ninokholo lweqiniso, futhi uma nizuza okuhle ngenxa yokholo lwenu, khona-ke konke lokho kuyizinto—isidalwa esidaliwe—okufanele sibe nazo. Lolu hlobo lokunqoba luzuzisa kakhulu okholweni lwenu nasempilweni yenu.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

633. Ngenkathi uMose eshaya idwala, futhi amanzi anikezwe nguJehova ephuma, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uDavide edlala ugubhu lokudumisa Mina, Jehova—ngenhliziyo yakhe egcwele injabulo kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJobe elahlekelwa yimfuyo yakhe eyayigcwele ezintabeni, nomcebo omkhulu ngokungenakuchazwa, nomzimba wakhe wagcwala amathumba abuhlungu, bekungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ezwa izwi Lami, Jehova, wabona inkazimulo Yami, Jehova, bekungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi uPetru wayengalandela uJesu Kristu, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi wayengabethelwa ngenxa Yami esiphambanweni anikeze ubufakazi obukhazimulayo, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJohane ebona umfanekiso okhazimulayo weNdodana yomuntu, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ebona umbono wezinsuku zokugcina, kwakusengenxa yalo belu ukholo lwakhe. Isizathu sokuba lokhu okubizwa ngezihlwele zabantu bezizwe bethole isambulo Sami, futhi bazi ukuthi ngibuyile ngisenyameni ukuzokwenza umsebenzi Wami phakathi kwabantu, nalokho kungenxa yokholo lwabo. Bonke labo abashaywe ngamazwi Ami anzima kodwa futhi baduduzwa yiwo futhi basindiswa—abenzile kanjalo ngenxa yokholo lwabo? Labo abakholwa Yimi badlule ezihluphekweni, akubona labo abalahlwe nawumhlaba? Labo abaphila ngaphandle kwezwi Lami, bebalekela ukuhlushwa ngezilingo, ababhekani futhi nokulahlwa ngumhlaba na? Bafana namaqabunga asekwindla aphephezela lapha nalaphaya angenandawo yokuphumula, ngingasakhulumi ngezwi Lami lokududuza. Yize isijeziso Sami nokuhlanza kungabalandeli, akuzona izinxibi, ezintanta yonke indawo ezizula emigwaqeni engaphandle kombuso wasezulwini? Ngabe umhlaba ngempela uyindawo yakho yokuphumula? Ngabe ungathola ukumamatheka kokukhululeka emhlabeni ngokugwema ukujezisa Kwami? Ungasebenzisa ngempela injabulo yakho edlula ngokushesha njengesembozo enhliziyweni yakho engenalutho? Ungakhohlisa noma ubani emndenini wakho, kodwa uzohlala njalo ungekwazi ukungikhohlisa Mina. Njengoba ukholo lwakho lungengakanani, kuze kube yinamuhla uselokhu ungenamandla ukufikela ukuthola noma yikuphi ukujabula impilo engakuletha. Ngiyakweluleka: kungcono ukuchitha ngobuqotho ingxenye yempilo yakho Kimi kunokuthi impilo yakho uyichithe kokuvamile nasemisebenzini ematasa yenyama, uqinisela kukho konke ukuhlupheka umuntu angekumele. Kusiza ngani ukuzigcina wena kangangokuthi ubalekele ukujezisa Kwami? Kusiza ngani ukuzifihla ekujeziseni Kwami kwesikhashanyana bese uvuna ukuhlazeka kwaphakade nokujeziswa kwaphakade? Angeke, ngempela ngigobele noma ngubani entandweni Yami. Uma ngabe umuntu uzimisele ngempela ukuthobela wonke amacebo Ami, angeke ngimphathe kabi. Kodwa ngidinga ukuthi bonke abantu bakholwe Kimi, njengoba uJobe akholwa Kimi, Jehova. Uma ngabe ukholo lwakho lwedlula loluya olukaTomase, khona-ke ukholo lwakho luzothola ukutuswa Yimi, ekuthembekeni kwakho uzothola intokozo Yami enkulukazi, futhi uzothola inkazimulo Yami ngesiqiniseko ezinsukwini zokuphila kwakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Okushiwo Ukuba Umuntu Woqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

634. Uma bengingabeka imali ethile phambi kwenu njengamanje bese ngithi khethani ngokukhululeka—futhi uma nginganilahli ngokukhetha kwenu—iningi lenu lingakhetha imali bese lilahla iqiniso. Abangcono kini bangayeka ingcebo bese bekhetha iqiniso ngokungabaza, ngaleso sikhathi labo abaphakathi nendawo bayothatha ingcebo ngesinye isandla neqiniso ngakwesinye. Ngale ndlela, ngeke yini ubuwena bangempela bube sobala? Uma nikhetha phakathi kweqiniso kanye nanoma yini enithembeke kuyo, nonke niyokwenza isinqumo esinjalo, futhi nesimo sengqondo yenu singaguquki. Ingabe akunjalo? Ingabe ababaningi yini phakathi kwenu abaguquguquka phakathi kokulungile nokungalungile? Emncintiswaneni phakathi kokuhle nokubi, okumnyama nokumhlophe, ngokuqinisekile niyazazi izinqumo enazenza phakathi komndeni noNkulunkulu, izingane noNkulunkulu, ukuthula nokuthikamezeka, ingcebo nobumpofu, ubukhulu nokuba umuntukazana, ukwesekwa nokudelwa, kanye nokunye. Phakathi komndeni onokuthula kanye nonomsindo, nakhetha okokuqala, futhi ngaphandle kokungabaza; phakathi kwengcebo kanye nomsebenzi, naphinde futhi nakhetha okokuqala, naze nalahlekelwa nayintando yokubuyela ogwini;[a] phakathi komnotho nobumpofu, nakhetha okokuqala; phakathi kwamadodana, amadodakazi, amakhosikazi, abayeni, kanye Nami, nakhetha okokuqala; futhi phakathi kombono neqiniso, naphinda futhi nakhetha okokuqala. Ngibhekene nalo lonke uhlobo lwezenzo zenu ezimbi, ngokusobala sengilahlekelwe ukwethembela Kwami kini. Mina ngishaqeke kakhulu ukuthi izinhliziyo zenu zinqaba kakhulu ukuthi zithanjiswe. Iminyaka eminingi yokuzinikela kanye nokuzama kungilethele ngokusobala ukudela kanye nokuphelelwa yithemba kwenu Kimi. Kepha amathemba Ami ngani ayakhula ngosuku ngalunye oludlulayo, ngokuba usuku Lwami selubekiwe ngokupheleleyo phambi kwawo wonke umuntu. Nokho-ke, niyaqhubeka nokufuna lokho okungokwasebumnyameni kanye nasebubini, futhi niyenqaba ukuxegisa lokhu enibambelele kukho. Ngokunjalo, uyoba yini umphumela wakho? Ingabe uke wakucabangisisa lokhu ngaphambili? Uma ubungacelwa ukuba ukhethe futhi, ingabe ungama kuphi? Kungaba ilokhu kwakuqala namanje? Lokhu eninganginika khona Mina kungaba ukuphoxeka kanye nosizi lokudabuka? Ingabe izinhliziyo zenu ziyoqhubeka ukuba zibe yimfudumalo encinyane? Ingabe usazoqhubeka nokungazi ukuthi kumele wenzeni ukuze ududuze inhliziyo Yami? Kulo mzuzu, siyini isinqumo sakho? Ingabe uzothobela amazwi Ami noma uzokhathala yiwo? Usuku Lwami selumisiwe phambi kwamehlo akho, futhi lokhu obhekene nakho impilo entsha kanye nesiqalo esisha. Nokho-ke, kufanele ngikutshele ukuthi lesi siqalo asisikho ukuqala komsebenzi omdala kabusha, kodwa ukuvalwa komdala. Okusho ukuthi, lesi isenzo sokugcina. Mina ngikholwa ukuthi nizoqonda ukuthi yini engajwayelekile ngalesi siqalo. Kodwa ngolunye usuku ngokushesha, niyoqonda incazelo yeqiniso yalesi siqalo, ngakho asihambisane ndawonye sisidlule futhi singenise isiphetho esilandelayo! Nokho-ke, engiqhubeka nokungakhululeki ngakho ukuthi uma ubhekene nokungalungi kanye nobulungiswa, njalo ukhetha lokhu kokuqala. Kodwa konke lokhu sekudlulile. Mina ngithemba ukuthi ngizokhipha emqondweni Wami lokhu okwenzeke kuwe ngaphambili, ngikukhiphe ngakunye ngakunye, noma lokhu kunzima kakhulu ukukwenza. Kepha Mina nginezindlela ezinhle zokukufeza lokhu. Akuthi ikusasa lithathe indawo yokwakudala futhi livumele izithunzi zosekudlulile kwakho zixoshwe kube nokushintshelana ngobuwena bakho beqiniso banamuhla. Ngalokhu kumele nginihluphe ukuze niphinde nikhethe: Nethembele kubani ngempela?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Wethembeke Kubani?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

635. Akufanele bangabi nazimiso, ugqozi, noma isisekelo sokwanda kwentshiseko; akufanele bakhathazeke ngamathemba abo futhi akufanele balahlekelwe ithemba empilweni noma ithemba ngekusasa; kufanele babe nesineke sokuqhubeka nendlela yeqiniso abayikhethile manje—ukuze babone isifiso sabo sokwandisa izimpilo zabo ngenxa Yami; akufanele bangabi nalo iqiniso, futhi akufanele bafihle ubuzenzisi nokungalungi—kufanele bame baqine embonweni ofanele. Akufanele bamane nje babe othathekile, kodwa kufanele babe nomoya wokuzimisela ukuzinikela futhi balwele ubulungisa neqiniso. Intsha kufanele ibe nesibindi ingavumi ukucindezelwa amandla obumnyama nokuthi kuguqule ukubaluleka kokuba khona kwayo. Abantu abasha akufanele bazinikele enhluphekweni, kodwa kufanele bavuleke futhi baqine emoyeni wokuthethelela abafowabo nodadewabo. Ngempela lezi izimfuno Zami kuwo wonke umuntu kanye neseluleko Sami kuwo wonke umuntu. Ngaphezu kwalokho, zingamazwi Ami aduduzayo kuyo yonke intsha. Kumele nenze ngokuvumelana namazwi Ami. Ikakhulu intsha, akufanele ingabi nesinqumo sokuqonda ezinkingeni, nasekufuneni ubulungiswa neqiniso. Okufanele nikufune yizo zonke izinto ezinhle nezilungile, futhi kufanele nibe nesimo esingokoqobo sezinto ezinhle. Futhi kufanele ninakekele izimpilo zenu, futhi ningazithathi kalula. Abantu beza emhlabeni futhi kuyivela kancane ukuhlangana Nami, futhi kuyivela kancane nokuba nethuba lokufuna nokuzuza iqiniso. Kungani ungeke usazise lesi sikhathi esihle njengendlela efanele yokuphila? Futhi kungani sihlale singalinaki iqiniso nobulungiswa? Kungani nihlale ninganaki futhi nizonakalisa ngalezo zinto ezingalungile nezingcolile ezidlala abantu? Futhi kungani nenza izinto ezenziwa abangalungile njengabantu abadala? Kungani nilingisa izindlela ezindala zezinto ezindala? Izimpilo zenu kufanele zigcwale ubulungiswa, iqiniso, nobungcwele; izimpilo zenu akufanele nizonakalise kangaka nisebancane kangaka, ziniholele ekubeni niwele eHayidesi. Anicabangi yini ukuthi lokhu kuyishwa elikhulu? Anicabangi yini ukuthi lokhu akunifanele nhlobo?

Nonke kufanele niwuphelelise ngokugcwele umsebenzi wenu futhi niwunikele e-altare Lami njengongcono, ekugcineni, nizenze zibe umhlatshelo ohlukile eninginika wona. Nonke kufanele nime niqine ekumeni kwenu futhi ningapheshulwa yiwo wonke umoya njengamafu esibhakabhakeni. Nisebenza kanzima ingxenye yokuphila kwenu, ngakho kungani ningasifuni isiphetho okufanele nibe naso? Nisebenza kanzima ingxenye yokuphila kwenu kodwa nivumela ingulube—nenja—njengabazali benu abadonsela iqiniso nokubaluleka kokuphila kwenu ethuneni. Awucabangi yini ukuthi lokhu kuyinto engafanele? Awucabangi yini ukuthi ukuphila ngale ndlela kuwukuphila okungenanjongo? Ukufuna iqiniso nomzila ofanele ngale ndlela kuzogcina kubanga izinkinga ukuze omakhelwane bangakhululeki nawo wonke umndeni ungajabuli, futhi kubangele izinhlekelele ezibulalayo. Uma uphila ngale ndlela, akufani yini nokuthi awunanjongo ekuphileni? Okukabani ukuphila okungaba nenhlanhla eyedlula eyokho, futhi okukabani ukuphila okungaba umsangano ukwedlula okwakho? Ukungifuna kwenu akukho yini mayelana nokuthola injabulo Yami namazwi azoniduduza? Kodwa ngemva kokuzulazula ingxenye yokuphika kwakho bese ungithukuthelisa ngize ngigcwale ulaka ngingakunaki noma ngikudumise— ingabe lokhu akusho yini ukuthi ukuphila kwakho konke kube yize? Futhi ungaba kanjani nobuso bokuhamba uyobona imiphefumulo yalabo santa phakathi nazo zonke izinkathi ekhululiwe esihlanzweni? Awunandaba Nami futhi ekugcineni uchukuluza inhlekelele ebulalayo—kungaba kuhle ukulisebenzisa ngokuhlakanipha leli thuba futhi ube nohambo olumnandi olwandle olukhulu bese ulalela “umsebenzi” Wami. Nganitshela kudala ukuthi wena namuhla, nakuba unganakile futhi ungazimisele ukuhamba, ekugcineni uyobuthwa ugwinye amagagasi aphakanyiswa Yimi. Ingabe ngempela ningazivikela? Ingabe uqiniseka ngempela ngokuthi indlela ofuna ngayo manje iyoqinisekisa ukuthi uyapheleliswa? Ayikho lukhuni yini inhliziyo yakho? Lolu hlobo lokulandela, lolu hlobo lokufuna, lolu hlobo lokuphila, nalolu hlobo lomuntu—lungakuzuza kanjani ukudunyiswa Yimi?

Kucashunwe embhalweni othi “Amazwi Aya Kwabasha Nabadala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

636. UNkulunkulu akafuni ukunqoba abantu ngokusola, akafuni ukuhlala edonsa abantu ngekhala. Ufuna ukuba abantu balalele amazwi Akhe futhi basebenze ngendlela enokuqoqeka, bese ngalokhu, benelisa intando Yakhe. Kodwa abantu abanawo amahloni futhi bahlala bemhlubuka. Ngikholwa ukuthi okusilungele kakhulu ukuthola indlela elula kunazo zonke yokumenelisa, okungukuthi, ukulalela wonke amalungiselelo Akhe. Uma ungakufeza ngempela lokhu, uyopheleliswa. Ngabe lokhu akuyona into elula nethokozisayo? Thatha indlela okufanele uyithathe; unganaki okushiwo ngabanye, futhi ungacabangi ngokweqile. Ngabe ikusasa nesiphetho sakho kusezandleni zakho? Uhlala uzama ukuphunyuka, ufisa ukuthatha indlela yomhlaba—kodwa kungani ungakwazi ukuphuma? Kungani ungabaza empambanamgwaqo iminyaka eminingi bese ugcina ngokukhetha le ndlela futhi? Emva kokuzula iminyaka eminingi, kungani manje usubuyele kule ndlu nakuba ungafuni? Ngabe lokhu kusezandleni zakho? Kulabo benu abakulo mgudu, uma nikholwa Kimi, yizwani lokhu-ke: Uma uhlela ukushiya, bheka ukuthi uNkulunkulu uyakuvumela yini, bheka indlela uMoya oNgcwele akunyakazisa ngayo—zizwele wena. Ukukubeka ngokusobala, noma ngabe wehlelwa yibhadi, kufanele likwehlele kulo mgudu, futhi uma kunokuhlupheka, kufanele uhlupheke lapha, namuhla; awukwazi ukuya kwenye indawo. Kucacile lokhu kuwe? Ubuzoyaphi? Lesi yisinqumo sikaNkulunkulu sokuphatha. Ucabanga ukuthi ukukhetha kukaNkulunkulu leli qembu labantu akunamqondo? Emsebenzini Wakhe namuhla, uNkulunkulu akathukutheli kalula—kodwa uma abantu bezama ukuphazamisa uhlelo Lwakhe, ubuso Bakhe buguquka ngokuphazima kweso, buguquke ekucwatheni buguqubale. Ngakho, ngiyakweluleka ukuba uzinze futhi uthobele izinhlelo zikaNkulunkulu, futhi umvumele ukuba akuphelelise. Ngabantu abenza lokhu kuphela abahlakaniphile.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela … (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

637. Isiphetho kanye nomphumela wenu kubaluleke kakhulu kini—kuyindaba ebucayi kakhulu. Nikholelwa ukuthi uma ningenzi izinto ngokucophelela okukhulu, kuyofana nokungabi nasiphetho, kanye nokubhujiswa komphumela wenu. Kodwa ingabe nike nacabanga yini ukuthi imizamo umuntu ayenzayo imane nje ingenxa yesiphetho sakhe, imane iwumsebenzi ongenazithelo? Imizamo enjalo ayilona iqiniso—ingamanga futhi iyakhohlisa. Uma kunjalo, labo abasebenzela isiphetho sabo bayonqotshwa okokugcina, ngoba izehluleki ekukholelweni kwabantu kuNkulunkulu ziba khona ngenxa yenkohliso. Ngike ngasho ukuthi angithandi ukukhohliswa noma ukuphanjwa, noma ukuthi kushisekwe ngendlela engamanga Kimi. Ngithanda ukuthi abantu abathembekile babhekane namaqiniso Ami kanye nezinto engizilindele. Ngaphezu kwalokho, engikuthandayo yilapho abantu bekwazi ukuveza ukuthi bacophelela kakhulu futhi bayakhathazeka ngenhliziyo Yami, nalapho benganikela ngakho konke ngenxa Yami. Ingaduduzwa ngale ndlela kuphela inhliziyo Yami. Okwamanje, zingakanani izinto engingazithandi ngani? Zingakanani izinto engizithandayo ngani? Ingabe akekho kini oke wanaka bonke ububi enibenzile ngenxa yesiphetho senu?

Enhliziyweni Yami, angifisi ukuhlukumeza noma iyiphi inhliziyo enhle nekhuthaziwe, futhi angifisi ukuqeda amandla anoma ubani owenza umsebenzi wakhe ngokwethembeka; noma kunjalo, kumele nginikhumbuze nonke ngenikuntulayo nangemiphefumulo engcolile ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Inhloso yokwenza kanjalo ukuba nethemba lokuthi nizokwazi ukunikela ngenhliziyo eneqiniso ekubhekaneni namazwi Ami, ngoba ngikuzonda kakhulu ukukhohliswa abantu. Kuphela nginethemba lokuthi esigabeni sokugcina somsebenzi Wami, nizokwenza umsebenzi omuhle kakhulu, nizinikele ngokugcwele, ningabe nisaba nenhliziyo ehlukene phakathi. Yiqiniso, ngethemba ukuthi nonke nizoba nesiphetho esihle. Noma kunjalo, ngisenezimfuno Zami, okuwukuthi nenze isinqumo esingcono nizinikele okokuqala nokokugcina Kimi. Uma umuntu enganikela ngesiqu sakhe, nakanjani lowo muntu uzoba impahla kaSathane, futhi ngeke ngiqhubeke ngimsebenzisa. Ngizomthumela ekhaya anakekelwe abazali bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Isiphetho Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

638. Esikhathini esizayo, ukuthi uzobusiswa noma uzoqalisekiswa kuyonqunywa yizenzo zakho zanamuhla. Uma uNkulunkulu ezokuphelelisa lokho kuzokwenzeka manje kulesi sikhathi; alizukuba khona elinye ithuba esikhathini esizayo. Njengamanje, uNkulunkulu ufuna ukukuphelelisa ngempela, futhi lokhu akakwenzi ngoba egcina icala. Esikhathini esizayo, noma ungabhekana nanoma yisiphi isilingo, noma kungenzekani, noma ungehlelwa yinoma yiziphi izibhicongo, uNkulunkulu ufuna ukukuphelelisa—lokhu kuyiqiniso elimile futhi elingangabazeki. Lokhu kungabonakala kuphi? Ekutheni izwi likaNkulunkulu alikaze lifinyelele amazinga amakhulu njengawanamuhla kuyo yonke le minyaka nezizukulwane—selingene isigabeni esiphakemi kakhulu, futhi umsebenzi kaMoya Oyingcwele ophakathi kwabantu namuhla uyaqala ukuba khona. Cishe akekho umuntu ezizukulwaneni ezedlule owake wezwa lokhu. Nangesikhathi sikaJesu zazingekho izambulo ezinjengezanamuhla; kufinyelelwe amazinga aphakeme kakhulu ngamazwi akhulunywe kuwe, izinto oziqondayo, nezinto obhekana nazo. Awusuki nakuba ubhekene nezilingo nokusolwa, futhi lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu sowufinyelele ebuhleni obuqalayo ukuba khona. Lokhu akuyona into umuntu akwazi ukuyenza futhi akuyona into umuntu akwazi ukuyigcina, kodwa ngumsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Ngakho, ngokwamaqiniso amaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu kungabonakala ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa umuntu, futhi nakanjani uyakwazi ukukuphelelisa. Uma ukwazi ukukubona lokhu, uma ukwazi ukuba nalokhu okusha okutholakele, awuzukukulinda ukubuya kwesibili kukaJesu kodwa kunalokho, uzovumela uNkulunkulu ukuthi akuphelelise enkathini yamanje. Ngakho, kumele umuntu ngamunye enze konke okusemandleni futhi angashiyi lutho ukuze apheleliswe uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

639. Isifiso sikaNkulunkulu ukuthi wonke umuntu apheleliswe, ukuthi bazuzwe Nguye ekugcineni, ukuthi bahlanzwe Nguye ngokuphelele, ukuba babe yilabo Abathandayo. Akusho lutho noma Ngithi ubuthuntu noma usezingeni eliphansi—konke lokho kungamaqiniso. Ukusho Kwami lokho, akusho ukuthi Ngizokushiya, ukuthi Ngililahlile ithemba ngawe, kungasaphathwa ukuthi Angizimisele ukukusindisa. Namhlanje ngize ukuzokwenza umsebenzi wokusindisa nina, okungukuthi umsebenzi engiwenzayo ungukuqhubeka komsebenzi wensindiso. Wonke umuntu unethuba lokupheleliswa: Inqobo nje uma nizimisele, inqobo uma nishisekela, ekugcineni nizowuthola lo mphumela, futhi namunye wenu oyolahlwa. Uma usezingeni eliphansi, imibandela Yami kuwe izohambisana nezinga okulo; uma usezingeni eliphezulu, imibandela Yami kuwe izohambisana nezinga lakho eliphezulu; uma ungenalo ulwazi futhi ungakwazi ukufunda nokubhala, imibandela Yami izohambisana nokungakwazi kwakho ukufunda nokubhala kwakho; uma ukwazi ukufunda nokubhala, imibandela Yami izohambisana nokuthi ufundile; uma usumdala ngeminyaka, imibandela Yami izobe ihambelana neminyaka yakho; uma ukwazi ukwemukela kakhe izihambi nezivakashi, imibandela Yami izohambelana nalokho; uma uthi ngeke ukwazi ukwemukela izihambi nezivakashi, kodwa ube ukwazi ukwenza okuthile, noma ukusakaza iVangeli, noma ukunakekela ibandla, noma ukulungisa izinto ezithile ezijwayelekile, ukukuphelelisa Kwami kuzohambelana nalowo msebenzi owenzayo. Ukuthembeka, ukulalela kuze kube sekugcineni, kanye nokushisekela uthando oluphakeme kunalo lonke lukaNkulunkulu—yilokhu okufanele ukwenze, futhi akukho ukwenza okuhle okudlula lokhu kokuthathu. Ekugcineni umuntu ulindeleke ukuthi abenazo lezi zinto zontathu, futhi uma engazithola uyopheleliswa. Kodwa, Ngaphezu konke, kufanele ushisekele, kufanele uphokophele ngenkuthalo ukuyaphambili naphezulu, futhi ungayethi mayelana nalokho. Ngithe wonke umuntu unethuba lokupheleliswa, futhi angakwazi ukupheleliswa, futhi lokhu kuyiqiniso, kodwa awuzami ukuba ngcono ekushisekeleni kwakho. Uma ungaphumeleli kule mibandela emithathu, ngakho ekugcineni uyokhishwa. Ngifuna nonke nifinyelele, ngifuna nonke ukuba nibe nomsebenzi nokukhanyiseleka kukaMoya Oyingcwele, futhi nikwazi ukulalela kuze kube ekugcineni ngci, ngoba lona ngumsebenzi nonke ngamunye ekufanele niwenze. Uma nonke seniwenzile umsebenzi wenu, niyobe seniphelelisiwe nonke, niyoba nobufakazi obuhlokomayo. Bonke labo abanobufakazi ilabo abanqobile phezu kwaSathane futhi bazuza isithembiso sikaNkulunkulu, futhi bayilabo abayosala baphile esiphethweni esihle ngokumangalisayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

640. Isintu, sesedukile ekuhlinzekeni ngempilo kukaMninimandla Onke, asiyazi inhloso yokuphila, kodwa khona lapho sesaba ukufa. Asinakho ukusizakala noma ukwesekeleka, kodwa sisalokhu singabaza ukuvala amehlo aso, futhi siyazinikela ekuphileni impilo eyisinengiso kulo mhlaba, singamasaka enyama angenalwazi ngemiphefumulo yawo. Niphila ngale ndlela, ngaphandle kwethemba, njengoba kwenza abanye, ngaphandle kwenhloso. Yilowo Ongcwele Yedwa osendabeni yasendulo ozosindisa abantu okuthi lapho bebubula phakathi kwenhlupheko yabo, balangazelele ngokuphelelwa yithemba ukufika Kwakhe. Le nkolelo ngeke yenzeke okwamanje kubantu abangazi. Nakuba kunjalo, abantu basalokhu belangazelela lokhu kakhulu. UMninimandla Onke unomusa kulabo abahlupheke ngokweqile. Ngesikhathi esifanayo, Ukhathele yilabo bantu abangenaso isazelo, ngoba kudingeke ukuba ayilindele isikhathi eside ngokwedlule impendulo evela esintwini. Ulangazelela ukufuna, ukufuna inhliziyo yakho nomoya wakho. Ufuna ukukunikeza ukudla namanzi kanye nokukuvusa, ukuze ungasomi, ungalambi. Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uMninimandla Onke, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini. Useceleni kwakho ukubhekile, elindele ukuthi ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho ibuyela ikhumbula: ubuyelwe ukukhumbula iqiniso lokuthi wena wavela kuNkulunkulu, ngandlela thize nandawana thize wake walahleka, walahlekelwa ngumqondo endleleni, kwase futhi, ungazelele waba “nobaba.” Waphinde futhi wabona ukuthi uMninimandla Onke ubekade ebukela laphaya, elindele ukubuya kwakho sonke lesi sikhathi. Ukulindele esezinhlungwini, elindele ukuphendulwa ngaphandle kokuthola impendulo. Ukubuka kwakhe akunalo inani futhi kungokwenhliziyo nomoya womuntu. Mhlawumbe lokhu kubheka akubekelwe sikhathi, futhi mhlawumbe lokhu kubheka sekufike ekugcineni. Kodwa kumele wazi kahle ukuthi inhliziyo nomoya wakho kuphi njengamanje.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukububula KukaMninimandla Onke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

641. Uthando nozwelo lukaNkulunkulu lugcwele kuyo yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi akunandaba noma abantu bayaqonda izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu, ngokungakhathali, usawenza umsebenzi ahlose ukuwufeza. Ngaphandle kokubheka ukuthi abantu baqonda kangakanani ukuphatha kukaNkulunkulu, izinzuzo nosizo lomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu lungathakaselwa inoma ngubani. Mhlawumbe, namhlanje awukaze uzwe inoma iluphi uthando noma impilo ehlinzekwa nguNkulunkulu, kodwa inqobo uma ungamlahli uNkulunkulu, futhi ungadeli ukuzimisela kwakho ukufuna iqiniso, kuyohlale kukhona usuku lapho ukumamatheka kukaNkulunkulu kuyovezwa kuwena. Ngoba inhloso yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ukubuyisa isintu esingaphansi kwamandla kaSathane, ukungasilahli isintu esonakaliswe nguSathane futhi saphikisana noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

642. Bonke labo abangasindiswa bayosindiswa ngokuphelele, akekho nomunye oyolahlwa, ngoba inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ukusindisa abantu. Bonke labo, ngesikhathi sensindiso kaNkulunkulu yabantu, abakwazi ukufeza ukuguqula isimo sabo, bonke labo abangakwazanga ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele, bazoba yizinto zesijeziso. Lesi sigaba somsebenzi singumsebenzi wamazwi uvulela abantu izindlela zonke nezimfihlakalo abangaziqondi, ukuba abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu nezindingo zikaNkulunkulu kubantu, ukuze bakwazi ukuba nemibandela yokukwenza njengokusho kwamazwi kaNkulunkulu futhi bazuze izinguquko esimweni sabo. UNkulunkulu usebenzisa amazwi kuphela ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi akabajezisi abantu ngoba behlubuka kancane, ngoba manje yisikhathi somsebenzi wensindiso. Ukube wonke umuntu ohlubukayo wayejeziswa ngabe akekho noyedwa obengaba nethuba lokusindiswa; bebengajeziswa futhi bawele eHayidesi. Inhloso yamazwi okwahlulela abantu ukubavumela ukuba bazi futhi balalele uNkulunkulu; akusiko okwabo ukuthi bajeziswe ngokwesahlulelo samazwi. Ngesikhathi somsebenzi wamazwi, abantu abaningi bazoveza ukuhlubuka kwabo nokungalaleli, futhi bazoveza ukungalaleli kwabo uNkulunkulu esesimweni somuntu. Kodwa ngeke abajezise bonke laba bantu ngenxa yalokhu, kunalokho uyolahla labo abakhohlakele kakhulu futhi abangenakusindiswa. Uyonika uSathane inyama yabo, futhi idlanzana, uyobhubhisa inyama yalo. Laba abasele bayoqhubeka nokulandela futhi bezwe ukubhekana nokuthenwa. Uma besalandela bengakwazi ukwamukela ukubhekana nokuthenwa futhi beqhubeke beba babi, laba bantu bayolahlekelwa ithuba lensindiso. Bonke abantu abamukele ukunqoba kwamazwi bazoba nethuba elanele lensindiso. Insindiso kaNkulunkulu yomuntu ngamunye kulaba ikhombisa isihe Sakhe, okuchaza ukuthi bakhonjiswa ukubekezelelwa okukhulu. Uma nje abantu befulathela indlela engalungileyo, uma nje bephenduka, uNkulunkulu uzobanika ithuba lokuzuza insindiso Yakhe. Uma abantu beqala ukuhlubuka kuNkulunkulu, uNkulunkulu akanaso isifiso sokubabhubhisa, kodwa kunalokho wenza konke angakwazi ukubasindisa. Uma umuntu engenayo indawo yensindiso, kulapho uNkulunkulu eyomlahla khona. Lowo Nkulunkulu uyaphuza ukujezisa umuntu ngoba uyafuna ukusindisa bonke labo abangasindiswanga. Uyahlulela, akhanyisele futhi ahole abantu ngamagama kuphela, futhi akasebenzisi induku ukubabhubhisa. Ukusebenzisa amazwi ukusindisa abantu, iyona nhloso nokubaluleka kwesigaba sokugcina somsebenzi.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

643. Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Ukhona yini oseke wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi siphikelelephi? Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga—uma umuntu engase aphikelele nokuba nenkani—ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kulesi sintu esimlahle ngaphandle kokujeqeza emuva? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Udinga ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, uyodedela luphi uhlobo lwentukuthelo? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nokulangazelela okuvuthayo kukaNkulunkulu ukusindiswa kwesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Ukubuyela ogwini: Yisisho saseShayina esisho “ukuphenduka ezindleleni ezimbi.”

Okwedlule: A. Izimfuneko ZikaNkulunkulu Kumuntu

Okulandelayo: C. Izixwayiso ZikaNkulunkulu Kumuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp