146 Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe

I

Inhloso yokwahlulela kukaNkulunkulu ukukhuthaza ukulalela komuntu;

inhloso yokusola kukaNkulunkulu ukuvumela ukuguquka komuntu.

Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ungenxa yokuphatha Kwakhe,

akukho akwenzayo okungalungile kumuntu.

UNkulunkulu ufuna amazwe akude nakwa-Israyeli ukuba alalele njengoba ama-Israyeli enza,

ukubenza babe ngabantu bangempela,

ukuze emazweni akude nakwa-Israyeli kuzuzeke indawo yonyawo lukaNkulunkulu.

Lokhu kungukuphatha kukaNkulunkulu.

Kungumsebezi Wakhe emazweni Abezizwe.

II

Namuhla, abantu abaningi abakakuqondi ukuphatha kukaNkulunkulu.

Kungenxa yokuthi ukunaka nezifiso zabo kugxile esikhathini esizayo abazosithola.

Noma ngabe uNkulunkulu ukhulumani, Yena nomsebenzi Wakhe abamfuni.

Umuntu ucabanga kuphela ngezwe lakusasa.

Uma lokhu kuqhubeka, uyokwanda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu?

Ivangeli liyosabalala kanjani emhlabeni?

Kufanele nazi ukuthi lapho umsebenzi kaNkulunkulu ukhula,

niyosabalala kude nakuyo yonke indawo.

UNkulunkulu uyonishaya, uNkulunkulu uyonishaya,

njengoba uJehova enza ezizweni zakwa-Israyeli,

ngakho ivangeli liyosabalalisa emhlabeni.

umsebenzi kaNkulunkulu emazweni Abezizwe.

Phakathi kwabasha nabadala igama likaNkulunkulu liyokwanda,

futhi nasemilonyeni yezizwe zonke igama elingcwele likaNkulunkulu liyodunyiswa.

III

Ezikhathini zokugcina, enkathini yokugcina,

igama likaNkulunkulu liyokhazinyuliswa phakathi kwaBezizwe.

Izenzo zikaNkulunkulu ziyobonwa Abezizwe,

futhi bayombiza ngokuthi unguSomandla,

futhi ngalokho amazwi Akhe ngelinye ilanga ayofezeka ngokushesha.

UNkulunkulu uyokwenza umuntu azi iqiniso

ukuthi akayena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela,

kodwa uNkulunkulu wabo bonke Abezizwe futhi,

nalabo abaqalekiswe Nguye,

UNkulunkulu uyokwenza wonke umuntu abone ukuthi uNkulunkulu wendalo yonke Nguye.

Lona ngumsebenzi omkhulukazi kaNkulunkulu,

inhloso yomsebenzi Wakhe ekugcineni kwezinsuku,

futhi yiwona kuphela umsebenzi azowenza ekugcineni kwezinsuku.

Okwedlule: 133 UNkulunkulu Wenza Umsebenzi Omusha Kuzo Zonke Izinkathi

Okulandelayo: 151 Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp