Kufanele Ungayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu

UMoya oNgcwele usebenza kanjani manje ebandleni? Niyakwazi lokho? Yiziphi izingqinamba ezinkulu zabafowenu nodadewenu? Yini abayintula kakhulu? Okwamanje, kunabantu abanokudembesela lapho bebhekene nezilingo, futhi abanye baze bakhononde, abanye abasayi ngisho phambili ngoba uNkulunkulu akasakhulumi. Abantu abangenanga emgudwini ofanele wokukholwa kuNkulunkulu. Abakwazi ukuphila ngokuzimela, futhi abakwazi ukunakekela ukuphila kwabo komoya. Kunabanye abalandelayo, abalwa ngomdlandla, futhi abazimisele ngokwenza lapho uNkulunkulu ekhuluma. Kodwa lapho uNkulunkulu engakhulumi, ababe besaya phambili. Abantu abakayiqondi intando kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo futhi akuzenzakaleli ukuthi babe nothando lukaNkulunkulu; ukulandela kwabo uNkulunkulu ngokwedlule kwakungenxa yokuthi babephoqiwe. Manje kunabantu asebekhathele umsebenzi kaNkulunkulu. Abekho yini engozini? Abantu abaningi basesimweni sokuphila nje. Nakuba bedla futhi bephuze amazwi kaNkulunkulu, baphinde bathandaze Kuye, konke abakwenzi ngenhliziyo yabo yonke. Abanawo umdlandla abake baba nawo, futhi abantu abaningi abanandaba nomsebenzi kaNkulunkulu wokucwenga nokuphelelisa. Kufana nokuthi abakaze babe nomdlandla ngaphakathi, futhi lapho sebenqotshwe iziphambeko, abazizwa bembonga uNkulunkulu noma bezisola, abalilandeli iqiniso noma bashiye ibandla. Bafuna izinjabulo zesikhashana kuphela. Lolu uhlobo lweziphukuphuku eziyiziwula kakhulu! Lapho kufika isikhathi, bayochithwa bonke, futhi akekho noyedwa oyosindiswa! Ingabe ucabanga ukuthi uma othile eke wasindiswa uyohlale esindisiwe? Lokhu kumane kungukuzama ukukhohlisa abantu! Bonke labo abangakufuni ukungena ekuphileni bayosolwa. Abantu abaningi empeleni abanandaba nokungena ekuphileni, emibonweni, noma ekwenzeni iqiniso. Abakulweli ukungena, eqinisweni abasafuni nokungena ngokujulile. Abazoni bona? Okwamanje, kunengxenye yabantu abanezimo eziya ngokuya ziba ngcono. Uma nje uMoya oNgcwele usebenza ngokwengeziwe, kuyanda nokuzethemba kwabo, futhi lapho bebona izinto, babuqonda kakhudlwana ububanzi bemfihlakalo yomsebenzi kaNkulunkulu. Lapho bengena bejula, baqonda kakhudlwana. Bezwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu lukhulu kakhulu, bazizwa beqinile futhi bekhanyiselwe ngaphakathi. Bayawuqonda umsebenzi kaNkulunkulu. Laba abantu uMoya oNgcwele osebenza kubo. Abanye bathi, “Nakuba engekho amazwi amasha kaNkulunkulu, kusamele ngifune ukungena ngijule eqinisweni, kumele ngibe qotho kukho konke engikwenzayo futhi ngingene emazwini kaNkulunkulu angokoqobo.” Lolu hlobo lomuntu lunomsebenzi kaMoya Oyingcwele. Nakuba uNkulunkulu engabuvezi ubuso Bakhe futhi ezifihle kuwo wonke umuntu, futhi engasho lizwi, futhi kunezikhathi lapho abantu bezwa ukucwengwa ngaphakathi, kodwa uNkulunkulu akabashiyaile ngokuphelele abantu. Uma umuntu engaligcini iqiniso okufanele alenze, ngeke abe nawo umsebenzi woMoya oNgcwele. Phakathi nenkathi yokucwengwa, yokungazivezi kukaNkulunkulu, uma ungazethembi wethukile, uma ungagxili ekuzweni amazwi Akhe, lokhu kuwukubaleka emsebenzini kaNkulunkulu. Kamuva, uyolahlwa. Labo abangafuni ukungena ezwini likaNkulunkulu ngeke bakwazi ukufakaza Ngaye. Labo abakwaziyo ukufakaza ngoNkulunkulu bafeze intando Yakhe, bonke bathembele emdlandleni wabo sokulwela amazwi kaNkulunkulu. Umsebenzi uNkulunkulu awenza kubantu ikakhulu ukubenza bazuze iqiniso, ukunenza nifune ukuphila ngokokuniphelelisa, futhi konke lokhu ngokokunenza nifanele ukusetshenziswa uNkulunkulu. Konke enikulwelayo njengamanje ukuzwa izimfihlakalo, ukulalela amazwi kaNkulunkulu, ukupha amehlo enu, ukubona into entsha noma ukubona okusesitayeleni, nokwanelisa ilukuluku lenu. Uma lena kuyinhloso yenhliziyo yenu, ayikho indlela eningafinyelela ngayo ezimfunweni zikaNkulunkulu. Labo abangalilandeli iqiniso abakwazi ukulandela kuze kube sekugcineni. Okwamanje, akukhona ukuthi uNkulunkulu akenzi lutho—ukuthi abantu ababambisene Naye, ngoba bakhathele umsebenzi Wakhe. Bafuna kuphela ukuzwa amazwi esibusiso Sakhe, futhi abazimisele ukuzwa amazwi esahlulelo nokusola Kwakhe. Siyini isizathu salokhu? Yingoba isifiso sabantu sokuthola izibusiso asikafezeki, futhi banemibono engemihle, babuthakathaka. Akukhona ukuthi uNkulunkulu akafuni ngamabomu ukuthi abantu bamlandele, futhi akukhona ukuthi uwaletha ngamabomu amagalelo kubantu. Abantu banemibono engemihle futhi babuthakathaka ngenxa yokuthi banezinhloso ezingafanele. UNkulunkulu unguNkulunkulu onika umuntu ukuphila, ngeke abulale umuntu. Imibono engemihle yabantu, ubuthakathaka, nokwahlukana konke kubangelwa yibo.

Umsebenzi wamanje kaNkulunkulu ulethela abantu ukucwengwa okuthile, futhi ngabantu kuphela abangakwazi ukuma baqine kulokhu kucwengwa abayozuza ukwamukelwa uNkulunkulu. Noma ngabe uzifihla kangakanani, akakhulumi, noma akasebenzi, usengalwa ngogqozi. Ngisho noma uNkulunkulu ethe uzokwala, usazomlandela. Yilokhu ukuma njengofakazi kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ezifihla kuwe bese uyeka ukumlandela, ingabe lobu ukusewukuba ufakazi kaNkulunkulu? Uma abantu empeleni bengangeni, abanaso isimo sangempela, futhi lapho behlangana nesilingo esikhulu ngempela, bayakhubeka. UNkulunkulu akakhulumi njengamanje, noma lokho akwenzayo akuhambisani nemibono yenu, ngakho akunihambeli kahle. Uma okwamanje uNkulunkulu ebenza ngokuvumelana nemibono yenu, uma ebenelisa intando yenu futhi benikwazi ukuma nilwe ngomdlandla, beniyobe niphila ngani? Ngithi kunabantu abaningi abaphila ngokuncika ekulangazeleleni kwabantu. Abanayo nhlobo inhliziyo yangempela yokulwa. Bonke labo abangafuni ukungena eqinisweni kodwa abancika ekulangazeleleni kwabo empilweni bangabantu abakhohlakele abasengozini! Zonke izinhlobonhlobo zomsebenzi kaNkulunkulu ziwukuphelelisa isintu. Nokho, abantu bahlale befuna ukwazi, bayathanda ukubuza ngenzwabethi, bakhathazekile ngokwenzeka emhlabeni—kwenzekani kwa-Israyeli, kube nokuzamazama komhlaba yini eGibhithe—bahlale befuna into entsha, izinto eziyinqaba ezizokwanelisa izifiso zabo zobugovu. Abakulweli ukuphila, futhi abafuni ukupheleliswa. Bafuna kuphela ukuthi usuku lukaNkulunkulu lufike ngokushesha ukuze iphupho labo elihle libonakale nezifiso zabo ezinkulu zifezeke. Lolo hlobo lomuntu alukho ngokoqobo—lunokubuka okungafanele. Ukufuna iqiniso kuyisisekelo sokukholwa kwesintu kuNkulunkulu. Uma abantu bengakulweli ukungena ekuphileni, uma bengafuni ukwanelisa uNkulunkulu, kusho ukuthi bayojeziswa. Labo abayojeziswa yilabo abangakaze babe nomsebenzi woMoya Oyingcwele phakathi nesikhathi sikaNkulunkulu somsebenzi.

Abantu kufanele babambisane kanjani noNkulunkulu phakathi nalesi sigaba somsebenzi Wakhe? UNkulunkulu usavivinya abantu. Akakhiphi lizwi; uyazifihla futhi akathintani ngokuqondile nabantu. Ngeso lomuntu ongaphandle, kubonakala sengathi akasebenzi, kodwa iqiniso liwukuthi usasebenza ngaphakathi kumuntu. Noma ubani ofuna ukungena ekuphileni unombono ngokufuna kwakhe ukuphila, futhi akanakungabaza ngisho engawuqondi ngokuphelele umsebenzi kaNkulunkulu. Phakathi kwezilingo, ngisho noma ungazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukwenzani noma ufuna ukufeza muphi umsebenzi, kufanele wazi ukuthi izinhloso zikaNkulunkulu ngesintu zihlale zizinhle. Uma umfuna ngenhliziyo eneqiniso, akasoze akushiye, futhi ekugcineni nakanjani uyokuphelelisa alethe abantu esiphethweni esifanele. Akunandaba ukuthi okwamanje uNkulunkulu ubavivinya kanjani abantu, kuyoba nosuku lapho ayonika ngalo abantu umphumela ofanele nesijeziso esifanele ngokwalokho abakwenzile. UNkulunkulu ngeke abaholele eqophelweni elithile abantu bese ebalahla engabanaki. Lokhu kungenxa yokuthi unguNkulunkulu othembekile. Kulesi sigaba, uMoya oNgcwele wenza umsebenzi wokucwenga. Ucwenga wonke umuntu. Ezinyathelweni zomsebenzi wokuvivinywa ngokufa nokuvivinywa ngokusolwa, ukucwengwa ngaleso sikhathi kwakuwukucwengwa ngamazwi. Ukuze abantu bazi umsebenzi kaNkulunkulu, kumele baqale baqonde umsebenzi awenza manje nendlela abantu okufanele babambisane ngayo. Lena into wonke umuntu okufanele ayiqonde. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu wenzani, noma ukucwengwa noma ukuthi akakhulumi, sonke isinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu asihambisani nemibono yabantu. Zonke ziyehlukana futhi ziyayihlakaza imibono yabantu. Lona umsebenzi Wakhe. Kodwa kumele ukholwe ukuthi, ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufike esigabeni esithile, ngeke abulale sonke isintu noma kungenzekani. Unika isintu izithembiso nezibusiso, futhi bonke abamfunayo bayokwazi ukuzuza izibusiso Zakhe, lapho abangamfuni uNkulunkulu eyobalahla. Lokhu kuncike kwenikufunayo. Kumele nikholwe nakanjani ukuthi lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphothulwa, wonke umuntu uyoba nesiphetho esihle. UNkulunkulu unikeze abantu izifiso ezinhle, kodwa uma bengazilweli, abakwazi ukuzithola. Kufanele nikwazi ukubona lokhu manje—ukucwenga nokusola kukaNkulunkulu abantu kuwumsebenzi Wakhe, kodwa abantu kumele bafune ukusguquka kwesimo zikhathi zonke. Ezintweni enidlule kuzo, kumele niqale nazi indlela yokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu; kufanele uthole emazwini Akhe lokho okufanele ungene kukho namaphutha akho, kufanele ufune ukungena kulokho ohlangana nakho okungokoqobo, bese nithatha ingxenye yamazwi kaNkulunkulu obekufanele yenziwe bese uzama ukwenzenjalo. Ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu kuyingxenye eyodwa, ukuphila kwebandla nakho kumele kugcinwe, kumele ube nokuphila okujwayelekile kwempilo yomoya, ukwazi ukunikela zonke izimo zakho zamanje kuNkulunkulu. Noma ngabe umsebenzi Wakhe uguquka kangakanani, ukuphila kwakho komoya kufanele kube okujwayelekile. Ukuphila komoya kungasimamisa ukungena kwakho okujwayelekile. Noma ngabe uNkulunkulu wenzani, kufanele uqhubeke nokuphila komoya ungaphazanyiswa, ufeze umsebenzi wakho. Yilokhu abantu okufanele bakwenze. Konke kuwumsebenzi woMoya oNgcwele, kodwa kulabo abanesimo esijwayelekile kuwukupheleliswa. Kulabo abanesimo esingajwayelekile kuyisilingo. Esigabeni samanje somsebenzi wokucwenga soMoya oNgcwele, abanye bathi umsebenzi kaNkulunkulu mkhulu kakhulu nokuthi abantu banesidingo esikhulu sokucwengwa, kungenjalo isimo sabo besiyoba sincane kakhulu futhi bebengeke babe nayo indlela yokufinyelela entandweni kaNkulunkulu. Nokho, kulabo abanesimo esingesihle, kuba isizathu sokungamfuni uNkulunkulu, nesizathu sokungayi emihlanganweni noma ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu. Emsebenzini kaNkulunkulu, noma wenzani noma kuguqukani, okungenani abantu kumele babe nokuphila okujwayelekile komoya. Mhlawumbe ubuwumuntu oqaphelayo esigabeni samanje sokuphila komoya, kodwa awukazuzi okuningi; awukakuvuni okuningi. Ngaphansi kwalolu hlobo lwezimo kusamele ulandele imithetho; kumele ugcine le mithetho ukuze ungalahlekelwa ekuphileni kwakho futhi wanelise intando kaNkulunkulu. Uma ukuphila kwakho komoya kungajwayelekile, ngeke uwuqonde umsebenzi kaNkulunkulu wamanje; uhlale ucabanga ukuthi awuhambisani nhlobo nemibono yakho, futhi uzimisele ukumlandela, kodwa awunalo ugqozi lwangaphakathi. Ngakho noma uNkulunkulu wenzani njengamanje, abantu kumele babambe iqhaza. Uma abantu bengalibambi, uMoya oNgcwele ngeke uwenze umsebenzi Wakhe, futhi uma abantu bengenayo inhliziyo yokubamba iqhaza, khona-ke bayocishe bangakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Uma ufuna ukuba nomsebenzi woMoya oNgcwele ngaphakathi kwakho, futhi ufuna ukwamukelwa uNkulunkulu, kumele uzinikele njengasekuqaleni phambi kukaNkulunkulu. Manje, asikho isidingo sokuthi ube nokuqonda okujulile, umbono ophakeme, noma ezinye izinto—okudingekayo nje ukuthi ubambe izwi likaNkulunkulu esisekelweni sokuqala. Uma abantu bengabambisani noNkulunkulu futhi bengakulweli ukungena okujulile, uNkulunkulu uyokuthatha lokho abake baba nakho. Ngaphakathi, abantu bahlale behahela ngokulula futhi bangancamela ukuthokozela osekukhona. Bafuna ukuthola izithembiso zikaNkulunkulu bengakhokhanga lutho nhlobo. Lena imicabango engenangqondo yomuntu. Ukuzuza ukuphila uqobo ngaphandle kokukhokha inani—yini eyake yaba lula kangaka? Lapho othile ekholwa kuNkulunkulu futhi efuna ukungena ekuphileni aguqule isimo sakhe, kumele akhokhe inani, futhi afinyelele esimweni lapho eyohlale elandela khona uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi wenzani. Lena into abantu okumele bayenze. Ngisho noma ulandela konke lokhu njengomthetho, kumele unamathele kukho, futhi noma izilingo zinkulu kangakanani, awukwazi ukudedela ubuhlobo bakho obujwayelekile noNkulunkulu. Kufanele ukwazi ukuthandaza, ugcine ukuphila kwakho kwasebandleni, uhlale nabafowenu nodadewenu. Lapho uNkulunkulu ekuvivinya, kufanele ufune iqiniso. Lesi yisilinganiso esincane sokuphila komoya. Ukuhlala unenhliziyo yokufuna nokulwela ukubambisana, ukusebenzisa wonke amandla akho—ingabe lokhu kungenziwa? Ngenxa yalokhu, ukuqonda nokungena kokungokoqobo kuyoba yinto ongayithola. Kulula ukwamukela izwi likaNkulunkulu lapho esakho isimo sejwayelekile, futhi akuzwakali kunzima ukwenza iqiniso, futhi uzwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu mkhulu. Kodwa uma isimo sakho sisibi, akunandaba ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu mkhulu kangakanani nokuthi umuntu ukhuluma kahle kangakanani, ngeke umlalele. Lapho isimo somuntu singajwayelekile, uNkulunkulu akakwazi ukusebenza kuso, futhi ngeke bathole izinguquko esimweni sabo.

Uma abantu bengenakho ukuzethemba abanakho, akulula ukuqhubeka behamba kule ndlela. Wonke umuntu uyabona manje ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nakancane nemibono yabantu. UNkulunkulu usenze umsebenzi omningi kakhulu futhi wakhuluma amazwi amaningi kakhulu, angahambisani neze nemibono yabantu. Ngalokhu, abantu kufanele babe nethemba nokuzimisela ukuze bakwazi ukukumela asebekubonile nasebekuzuzile ekuphileni kwabo. Noma ngabe uNkulunkulu wenzani kubantu, kumele babambe abanakho, babe qotho phambi kukaNkulunkulu, bazinikele Kuye kuze kube sekugcineni. Lona umsebenzi wesintu. Abantu kufanele bakubambe lokhu okufanele bakwenze. Ukukholwa kuNkulunkulu kudinga ukulalelwa Kwakhe nokuzwiwa komsebenzi Wakhe. UNkulunkulu wenze umsebenzi omningi—kungashiwo ukuthi kubantu konke kuwukuphelela, konke kuwukucwengwa, okukhulu ngisho nakakhulu, konke kuwukusolwa. Akukaze kube khona ngisho nesisodwa isinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu ebesihambisana nemibono yabantu; into abantu abebeyithola amazwi anolaka kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu efika, abantu kufanele bezwe ubukhosi Bakhe nolaka Lwakhe, kodwa noma ngabe amazwi Akhe anolaka kangakanani, uzele ukuzosindisa nokuphelelisa abantu. Njengezidalwa, abantu kufanele bafeze imisebenzi okufanele bayifeze, bethule ubufakazi phakathi kokucwengwa. Kuzo zonke izivivinyo, kufanele benze ubufakazi obulindeleke kubo, bethule ubufakazi obuqand’ ikhanda ngoNkulunkulu. Lona ngumnqobi. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukucwenga kanjani, uhlala uzethemba ngokugcwele futhi awuyeki ukwethemba uNkulunkulu. Wenza lokhu umuntu okufanele akwenze. Yilokhu uNkulunkulu akufuna kumuntu, futhi inhliziyo yomuntu kufanele ikwazi ukubuyela Kuye ngokugcwele, iphendukele Kuye ngawo wonke umzuzu. Lona ngumnqobi. Labo uNkulunkulu athi bayanqoba yilabo abasakwazi ukufakaza, bangayeki ukuba nethemba, nokuzinikela kuNkulunkulu lapho bengaphansi kokuvinjezelwa nguSathane, okusho ukuthi, lapho bengaphansi kwamandla obumnyama. Uma usakwazi ukuba nenhliziyo ehlanzekile nokumthanda ngobuqotho uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi izimo zinjani, ufakaza phambi kukaNkulunkulu, futhi yilokhu uNkulunkulu athi ukuba ngumnqobi. Uma okufunayo kukuhle kakhulu lapho uNkulunkulu ekubusisa, kodwa uhambe ngaphandle kwezibusiso Zakhe, ingabe lokhu ukuhlanzeka? Njengoba uqinisekile ngokuthi le ndlela iyiqiniso, kumele uyilandele kuze kube sekugcineni; kumele uqhubeke uzinikela kuNkulunkulu. Njengoba ubonile ukuthi uNkulunkulu uqobo uzele ukuzokuphelelisa emhlabeni, kufanele umnike yonke inhliziyo yakho. Noma ngabe wenzani, ngisho noma enquma umphumela ongemuhle kuwe ekugcineni, usengamlandela. Lokhu kuwukuqhuba ukuhlanzeka phambi kukaNkulunkulu. Ukunikela ngomzimba womoya ongcwele nomzimba ongathunazekile kuNkulunkulu kusho ukuba nenhliziyo eqotho phambi kukaNkulunkulu. Esintwini, ubuqotho ukuhlanzeka, futhi ukwazi ukuba qotho kuNkulunkulu kuwukuhlala uhlanzekile. Yilokhu okufanele nikwenze. Lapho kufanele nithandaze, thandazani; lapho kufanele nihlangane ekudlelaneni, yenzani njalo; lapho kufanele nicule amaculo, culani amaculo; futhi lapho kufanele nishiye inyama, shiyani inyama. Lapho nenza umsebenzi wenu ningagxambuzi nje kuwo; lapho nibhekene nezilingo kufanele nime niqine. Lokhu kuwukuzinikela kuNkulunkulu. Uma ungakweseki lokhu abantu okufanele bakwenze, kusho ukuthi konke ukuhlupheka odlule kukho kanye nezifiso zakho kuyize.

Kuzo zonke izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu, kunendlela abantu okufanele babambisane ngayo. UNkulunkulu ucwenga abantu ukuze babe nethemba phakathi nokucwengwa. UNkulunkulu uphelelisa abantu ukuze babe nethemba lokupheleliswa uNkulunkulu futhi bazimisele ukwamukela ukucwenga Kwakhe kanye nokuhlanzwa uNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu usebenza kubantu ukuze ubalethele ukukhanya nokuqonda, nokubenza babambisane Naye benze akushoyo. UNkulunkulu akakhulumi phakathi nokucwengwa. Izwi Lakhe alizwakali, kodwa kusenomsebenzi abantu okufanele bawenze. Kufanele nibambelele kulokho eseninakho, kusafanele nikwazi ukuthandaza kuNkulunkulu, nisondelane noNkulunkulu, nibe ofakazi phambi kukaNkulunkulu; niyowufeza ngale ndlela umsebenzi wenu. Nonke kufanele nibone ngokusobala emsebenzini kaNkulunkulu ukuthi izivivinyo nothando Lwakhe ngokwethembeka kwabantu kudinga ukuthi abantu bathandaze kaningi kuNkulunkulu, bawanambithe kaningana amazwi kaNkulunkulu phambi Kwakhe. Uma uNkulunkulu enikhanyisela futhi enenza niqonde intando Yakhe kodwa ningayenzi nhlobo, ngeke nithole lutho. Lapho wenza amazwi kaNkulunkulu, kusafanele ukwazi ukuthandaza Kuye, lapho unambitha amazwi Akhe kufanele uhlale ufuna phambi Kwakhe, umethembe ngokugcwele ngaphandle kokuphelelwa yinhliziyo nokudangala. Labo abangawenzi amazwi kaNkulunkulu banamandla amaningi emihlanganweni, kodwa bawela ebumnyameni lapho bebuyela ekhaya. Kunabanye abangafuni ngisho nokuhlangana ndawonye. Ngakho kumele nibone ngokucacile ukuthi imuphi umsebenzi abantu okufanele bawufeze. Ningase ningazi ngempela ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, kodwa ningawenza umsebenzi wenu, ningathandaza lapho kufanele, ningenza iqiniso lapho kufanele, nenze lokho okufanele abantu bakwenze. Ningawuqinisa umbono wenu wasekuqaleni. Niyokwazi ngale ndlela ukwamukela kangcono isinyathelo esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu. Kuyinkinga ukungafuni lapho uNkulunkulu esebenza ngendlela efihlakele. Lapho ekhuluma futhi eshumayela emihlanganweni, nilalela ngenkuthalo, kodwa lapho engakhulumi niphelelwa amandla niqhele. Hlobo luni lomuntu olwenza lokhu? Umuntu olandela iningi. Abanandlela ababheka ngayo izinto, abanabufakazi, futhi abanambono! Abantu abaningi banjalo. Uma niqhubeka ngaleyo ndlela, ngolunye usuku lapho nehlelwa ukuvivinywa olukhulu, niyokwehlela esijezisweni. Ukuba nombono kubaluleke kakhulu ekupheleliseni kukaNkulunkulu abantu. Uma singekho isigaba somsebenzi kaNkulunkulu osingabazayo, ufeza umsebenzi womuntu, ukubamba ngobuqotho lokho uNkulunkulu athi kwenze, okusho ukuthi uyakukhumbula ukunxusa kukaNkulunkulu, futhi awukukhohlwa ukunxusa Kwakhe futhi noma wenzani manje ungakukhohlwa ukunxusa kwakhe, ungawungabazi umsebenzi Wakhe, uqhubeka nombono wakho, qinisa ubufakazi, futhi ulokhu unqoba kuzo zonke izinyathelo, ekugcineni uNkulunkulu uyokuphelelisa ube umnqobi. Uma ukwazi ukuma uqine kuzo zonke izinyathelo zezivivinyo zikaNkulunkulu, usengama uqine kuze kube sekugcineni, uwumnqobi, ungumuntu opheleliswe uNkulunkulu. Uma ungeke uqine ezivivinyweni obhekene nazo manje, ngokuzayo kuzoba nzima nakakhulu. Uma udlula ekuhluphekeni okungatheni ungalilweli iqiniso, ngeke uthole lutho ekugcineni. Uyobe ungenalutho. Kunabanye abantu abayeka izinto abazifunayo lapho bebona ukuthi uNkulunkulu akakhulumi, nokuthi inhliziyo yabo iyahlakazeka. Akusona yini isiwula lesi? Lolu hlobo lwabantu alunampilo yangempela. Lapho uNkulunkulu ekhuluma, bahlale bezulazula, bematasa futhi bezikhandla ngaphandle, kodwa manje ngoba akasakhulumi, sebeyekile ukufuna. Lolu hlobo lomuntu alunalo ikusasa. Phakathi kokucwengwa, kufanele ningene ninombono omuhle nifunde izifundo okufanele nizifunde; lapho nithandaza kuNkulunkulu futhi nifunde izwi Lakhe, kufanele niqhathanise isimo senu nalo, nibone amaphutha enu, nibone ukuthi ninezifundo eziningi okufanele nizifunde. Njengoba niqhubeka nifuna phakathi nokucwengwa, maningi amathuba okuthi nithole ukuthi kukhona okushodayo. Lapho nicwengwa ziningi izinto enihlangana nazo; anikwazi ukuzibona ngokucacile, niyakhononda, nembula inyama yenu—ningathola ngale ndlela kuphela ukuthi ninezimo ezikhohlakele eziningi kakhulu phakathi kini.

Abantu bayakuntula ngokwezinga futhi abafiki ezingeni elifunwa uNkulunkulu, esikhathini esizayo bazoba nesidingo esikhulu sokuhamba kule ndlela ngokwethemba. Umsebenzi kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina udinga ukwethemba okukhulu—udinga ukwethemba okwedlula ngisho okukaJobe. Ngaphandle kwethemba abantu ngeke bakwazi ukuqhubeka nokuzuza ulwazi lwempilo futhi ngeke bakwazi ukupheleliswa uNkulunkulu. Lapho kufika usuku lokufika kwezilingo, abanye bayolishiya leli bandla, abanye bashiye leliya bandla. Kuyoba abanye akade benza kahle kakhulu ekufuneni ezinsukwini ezedlule futhi akucaci ukuthi kungani bengasakholwa. Kuyokwenzeka izinto eziningi futhi ngeke wazi nokuthi kwenzekani, futhi uNkulunkulu ngeke embule luphawu noma isimangaliso, noma enze noma yini engaphezu kwamandla emvelo. Lokhu kuwukubona ukuthi ungakwazi yini ukuma uqine—uNkulunkulu usebenzisa amaqiniso ukuze acwenge abantu. Njengamanje anikahlupheki kakhulu. Esikhathini esizayo lapho kufika izivivinyo ezinkulu, kwezinye izindawo wonke umuntu ebandleni uyoshiya, futhi labo osubajwayele bayohamba bashiye ukholo lwabo. Ingabe uyokwazi ukuma uqine? Manje, zincane izilingo ezinehlele, futhi kungenzeka ukuthi nikwazile ukuzimela. Lesi sinyathelo sihlanganisa ukucwengwa nokupheleliswa ngezwi kuphela. Esinyathelweni esilandelayo, amaqiniso ayokwehlela phezu kwenu ukuze anicwenge, ngaleso sikhathi niyoba sengozini enkulu. Uma sekukubi kakhulu, uNkulunkulu uyokuyala ukuba usheshise uhambe, futhi abantu bezinkolo bayozama ukukudonsa. Injongo yalokhu ukubona ukuthi ungakwazi yini ukuqhubeka kule ndlela. Konke lokhu yizivivinyo. Izivivinyo zamanje zincane, kodwa kuyofika usuku lapho ekhaya kunabazali abangasakholwa kanye nezingane ezingasakholwa. Ingabe niyokwazi ukuqhubeka? Uma niqhubeka ibanga elide, ziyanda nezivivinyo zenu. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokucwenga abantu ngokwezidingo zabo nesimo sabo. Phakathi nesigaba sokuphelelisa kukaNkulunkulu isintu, akunakwenzeka ukuthi isibalo sabantu siqhubeke sikhule—siyoncipha kuphela. kungalokhu kucwengwa kuphela lapho abantu bengapheleliswa khona. Ukusingathwa nokuyalwa, ukuvivinywa, ukusolwa, ukuqalekiswa—ningakumela konke lokho? Lapho nibona ibandla elinesimo esihle, abafowethu nodadewethu befuna ngawo wonke amandla abo, nani niyakhuthazeka. Lapho kufika usuku, lapho wonke umuntu esehambile, abanye bengasakholwa, abanye bahambele ukwenza ibhizinisi noma ukushada, abanye baya enkolweni, uyokwazi yini ukuma uqine-ke? Ingabe uyokwazi ukuhlala ungathinteki ngaphakathi? Ukuphelelisa kukaNkulunkulu isintu akulula ngale ndlela! Usebenzisa izinto eziningi ukuze acwenge abantu. Abantu lokhu bakubona njengezindlela zokwenza, kodwa ngokwenhloso kaNkulunkulu yasekuqaleni lezi akuzona nhlobo izindlela, kodwa amaqiniso. Ekugcineni, lapho esecwenge abantu ngokweqophelo elithile futhi bengasakhonondi, lesi sigaba somsebenzi Wakhe siyobe sesiphothuliwe. Umsebenzi omkhulu woMoya oNgcwele ngukuniphelelisa, futhi lapho uNkulunkulu engasebenzi ezifihla, inhloso Yakhe kusuke ikakhulu kuwukuniphelelisa, futhi kungabonakala ngale ndlela kanye ukuthi abantu banalo yini uthando lukaNkulunkulu, nokuthi bayamethemba ngempela yini. Lapho uNkulunkulu ekhuluma ngokucacile, asikho isidingo sokuthi nifune; kulapho kuphela lapho ezifihlile lapho kumele nifune khona, nidinga ukuthungatha indlela. Kufanele nikwazi ukufeza umsebenzi womuntu odaliwe, futhi akunandaba ukuthi umphumela nekusasa nesiphetho senu kungaba yini, kufanele nikwazi ukufuna ulwazi nokuthanda uNkulunkulu eminyakeni eniphila kuyo, futhi noma uNkulunkulu eniphatha kanjani, kufanele nikwazi ukugwema ukukhononda. Kukhona umbandela owodwa womsebenzi woMoya oNgcwele kubantu. Uma nje bomela futhi befuna baphinde bangabi nenhliziyo engaphelele noma babe nokungabaza ngezenzo zikaNkulunkulu, futhi bekwazi ukubamba umsebenzi wabo ngazo zonke izikhathi, kungale ndlela kuphela lapho bengazuza umsebenzi woMoya oNgcwele. Esigabeni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu, okufunekayo kumuntu ukwethemba okukhulu kanye nokufuna kakhulu phambi kukaNkulunkulu—ukubona nokwazi kuphela esingenza abantu babone indlela uNkulunkulu athandeka ngayo nendlela uMoya oNgcwele osebenza ngayo kubantu. Uma ungadluli kulezi zinto, uma ungayitholi indlela yokuzenza, uma ungafuni, ngeke uthole lutho. Kumele wazi indlela ngezinto odlule kuzo, futhi izinto odlule kuzo kuphela ezingakwenza ubone izenzo zikaNkulunkulu, ubone nokumangalisa kwakhe kanye nokungaqondakali Kwakhe.

Okwedlule: Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso

Okulandelayo: Ingabe Ungumuntu Osephila?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp