Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso

Labo phakathi kwabafowethu nodadewethu, abahlale beveza ububi babo bayizinceku zikaSathane futhi bayaliphazamisa ibandla. Laba bantu ngelinye ilanga kumele baxoshwe futhi basuswe. Ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, uma abantu ngaphakathi kubo bengabi nenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, uma bengabi nenhliziyo elalela uNkulunkulu, ngeke bagcine nje ngokungakwazi ukwenzela uNkulunkulu noma yimuphi umsebenzi, kodwa kunalokho bayoba abantu abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi abedelela uNkulunkulu. Lapho umuntu okholwa kuNkulunkulu engamlaleli uNkulunkulu noma engamhloniphi uNkulunkulu kodwa asikhundleni salokho amedelele, leli kuyoba yihlazo elikhulu kunawo wonke elenziwa yikholwa. Uma ukukhuluma nokuziphatha kwekholwa kuhlala kunokunganaki nokungalawulwa njengokomuntu ongakholwa, kusho ukuthi lelo kholwa likhohlakele ukwedlula umuntu ongakholwa; lifana nedimoni uqobo. Labo ebandleni abaveza inkulumo enoshevu, labo phakathi kwabafowethu nodadewethu abasakaza amahemuhemu, batshale ukungezwani futhi bakhe amaqembuqembu angezwani kufanele baxoshwe ebandleni. Kodwa laba bantu sebevinjelwe njengoba manje sekuyinkathi yomsebenzi kaNkulunkulu eyehlukile, ngoba nakanjani isiphetho sabo ukususwa. Bonke abakhohlakaliswe uSathane banezimo ezikhohlakele. Abanye abanalutho olunye ngaphandle kwezimo ezikhohlakele, kanti abanye behlukile. Abagcini nje ngokuba nezimo zobusathane ezikhohlakele, kodwa imvelo yabo nayo imbi ngokwedlulele. Amazwi nezenzo zabo akwembuli nje kuphela isimo sabo esikhohlakele sobusathane, kodwa bona uqobo banguSathane ongudeveli ngempela. Okuwukuphela kwento abayenzayo ukuphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu, ukuphazamisa ukungena ekuphileni kwabafowethu nodadewethu, nokuphazamisa ukuphila okujwayelekile kwebandla. Lezi zimpisi ezembathe isikhumba semvu kumele zisuswe kungekudala, futhi akumele ziphathwe ngendlela yokuzicabangela lezi zinceku zikaSathane; umuntu kumele azilaxaze. Ukwenza lokhu kuphela okungenza umuntu abe sohlangothini lukaNkulunkulu futhi labo abangakwenzi lokho bamunye noSathane. UNkulunkulu uhlale esezinhliziyweni zalabo abakholwa ngokweqiniso kuNkulunkulu futhi bahlale benenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, inhliziyo ethanda uNkulunkulu. Labo abakholwa kuNkulunkulu kumele benze izinto ngenhliziyo eqaphelayo necophelelayo, futhi konke abakwenzayo kufanele kuhambisane nezimfuno zikaNkulunkulu, bakwazi ukwanelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Akufanele baqinise ikhanda, benze noma yini abayithandayo; engahambisani nokulunga okunobungcwele. Abantu abakwazi ukubukisa ngophawu lukaNkulunkulu noma benze umathanda ngalo, bebukisa futhi bekhohlisa yonke indawo; ukwenza lokhu kuwukuhlubuka okwedlulele. Imindeni inemithetho nezizwe zinemithetho, ngakho umndeni kaNkulunkulu awunazo yini ngokwengeziwe izindinganiso eziqinile? Awunazo yini ngokwengeziwe izinqumo zokuphatha? Abantu bakhululekile ukwenza abakufunayo, kodwa izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu azinakuguqulwa umathanda. UNkulunkulu unguNkulunkulu ongabavumeli abantu bamcasule futhi uNkulunkulu ongababulala abantu—ingabe abantu abakwazi ngempela lokhu?

Wonke amabandla anabantu abaphazamisa ibandla, abantu abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Bonke laba bantu banguSathane ezifihle emndenini kaNkulunkulu. Lolu hlobo lomuntu lungongcweti kakhulu ekuzenzeni abanye abantu, nasekuzeni ngenhlonipho phambi Kwami, lunqekuzisa ikhanda futhi lukhothame, lwenzise okwezinja ezinotwayi, lunikele ngakho ‘konke’ ukuze lufeze izinhloso zalo, kodwa luveze ububi balo phambi kwabafowethu nodadewethu. Lapho bebona umuntu enza iqiniso bayamhlasela futhi bamkhiphe inyumbazane, futhi lapho bebona umuntu owesabeka ukwedlula bona, bayamdumisa futhi bambungaze, baphathe abanye ngonya ebandleni. Kungashiwo nje ukuthi amabandla amaningi analo lolu hlobo “lwenyoka embi,” lolu hlobo “lwenja ehlala ethangeni” ngaphakathi kubo. Bacathama ndawonye, bacifelane amehlo futhi benzelana izimpawu ngokuyimfihlo, futhi akekho kubo owenza iqiniso. Onoshevu omningi kunabo bonke “uyidimoni eliyinhloko,” futhi noma ubani ohlonishwa kakhulu uyabahola, aphakamise ifulegi labo. Laba bantu bayazenzela ebandleni, basakaze imibono yabo ephambene, bakhulule ukufa, bacanase, basho abakuthandayo, kungekho muntu ongalokotha abavimbe, bagcwele izimo zobusathane. Lapho nje beqala ukuphazamisa, umoya wokufa uyangena ebandleni. Labo abenza iqiniso ebandleni bayalaxazwa bangabe besakwazi ukwenza okusemandleni abo, kuyilapho labo abaphazamisa ibandla futhi besakaza ukufa ebandleni benza umathanda ebandleni. Okukhulu nakakhulu, ukuthi iningi liyabalandela. Lolu hlobo lwebandla lumane lulawulwa uSathane futhi udeveli inkosi yalo. Uma abantu bebandla bengasukumi baxoshe lawo madimoni ayinhloko, nabo bazochithwa kungekudala. Kusukela manje, kumele kuthathwe izinyathelo ngamabandla anjalo. Uma labo abakwazi ukwenza iqiniso elincane bengafuni ukukwenza lokho, ibandla lizovalwa. Uma kungenamuntu ebandleni ozimisele ukwenza iqiniso, kungekho muntu ongafakazela uNkulunkulu, kusho ukuthi ibandla lelo kufanele likhishwe inyumbazane ngokugcwele, futhi ukuxhumana kwalo namanye amabandla kumele kunqanyulwe. Lokhu kubizwa “ngokungcwaba ukufa”; kusho lokhu ukuxosha uSathane. Uma ibandla liqukethe abantu abachukuluzi abaningana, futhi belandelwa “yizimpukane ezincane” ezingenakho neze ukwahlukanisa, futhi uma abebandla bengakwazi ukunqamula izibopho nokukhohlisa kwalaba bachukuluzi, ngisho nangemva kokulibona iqiniso, lezi ziwula zizosuswa ekugcineni. Nakuba lezi zimpukane ezincane kungenzeka ukuthi azenzanga lutho olubi, zikhohlisa ngokwengeziwe, zinekhono ngokwengeziwe futhi zinobuchule ngokwengeziwe futhi wonke umuntu onjalo uzosuswa. Akekho noyedwa ozoshiywa! Labo abangabakaSathane bayobuyiselwa kuSathane, ngenkathi labo abangabakaNkulunkulu nakanjani beyohamba bafune iqiniso; lokhu kunqunywa yimvelo yabo. Bonke labo abalandela uSathane mababhubhe! Akunazwela oluyoboniswa laba bantu. Labo abafuna iqiniso mabalungiselwe futhi bavunyelwe bajabulele izwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu ulungile; akabaphathi abantu ngokungenabulungiswa. Uma ungudeveli, ngeke ukwazi ukwenza iqiniso. Uma ungumuntu ofuna iqiniso, nakanjani ngeke uthunjwe uSathane—lokhu akuthandabuzwa.

Labo abangafuni ukuthuthuka bahlale befuna ukuthi abanye babe nombono ophambene futhi bavilaphe njengabo, labo abangalenzi iqiniso banomona ngalabo abenza iqiniso. Labo abangalenzi iqiniso bahlale befuna ukukhohlisa labo abadidekile futhi abantula ukwahlukanisa. Izinto ezivezwa yilaba bantu zingakwenza uphelelwe amandla, ushelele uwe, ube nezimo ezingavamisile futhi ngaphakathi ugcwale ubumnyama; zikubangela ukuba uqhele kuNkulunkulu, zikwenza uthande inyama futhi uzitike ngenjabulo. Labo abangalithandi iqiniso, abahlale bebhekana noNkulunkulu ngokunganaki abanakho ukuzazi, futhi isimo sabo siyenga abantu benze izono futhi badelele uNkulunkulu. Abalenzi iqiniso futhi ababavumeli abanye ukuthi balenze. Bathanda isono futhi abanakho ukuzenyanya ngalokhu. Abazazi futhi bavimba abanye ukuba bazazi, bavimba abanye ukuba balangazelele iqiniso. Labo ababakhohlisayo ngeke bakubone ukukhanya futhi bawela ebumnyameni, abazazi, futhi alibakhanyeli iqiniso futhi baya ngokuya beqhela kuNkulunkulu. Abalenzi iqiniso futhi bayabavimba abanye ekwenzeni iqiniso, balethe labo bantu abayiziwula phambi kwabo. Kunokuthi bathi bayakholwa kuNkulunkulu, kungaba ngcono bathi bakholwa kokhokho babo, ukuthi lokho abakholwa kukho yizithixo ezisezinhliziyweni zabo. Kungaba kuhle kulabo bantu abathi balandela uNkulunkulu ukuba bavule amehlo abo ukuba kebacabangisise ngabakholwa kukho: Ingabe nikholwa kuNkulunkulu ngempela, noma kuSathane? Uma wazi ukuthi okholwa kukho akuyena uNkulunkulu kodwa yizithixo zakho, kungaba kuhle ungasho ukuthi uyikholwa. Uma ungazi ngempela ukuthi ukholwa kubani, kungaba kuhle futhi ukuthi ungazibizi ngekholwa. Ukusho lokho kungaba ukuhlambalaza! Akekho okuphoqa ukuba ukholwe kuNkulunkulu. Ningasho ukuthi nikholwa Kimi, njengoba ngawezwa kudala lawo mazwi angifisi ukuphinde ngiwezwe, ngoba enikholwa kukho yizithixo ezisezinhliziyweni zenu nezinyoka ezimbi eziphakathi kwenu. Labo abanikina amakhanda lapho bezwa iqiniso, abamamatheka kakhulu lapho bezwa kukhulunywa ngokufa bayinzalo kaSathane, futhi bonke bazosuswa. Ebandleni kunabantu abaningi abangenakwahlukanisa, futhi lapho kwenzeka into ekhohlisayo, bama ohlangothini lukaSathane. Lapho bebizwa ngezinceku zikaSathane bazizwa boniwe. Kuthiwa abanakwahlukanisa, kodwa bahlale besohlangothini olungenalo iqiniso, abami nhlobo ohlangothini lweqiniso esikhathini esibucayi, abami nhlobo balwele iqiniso. Ngabe ngempela bantula ukwahlukanisa? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane? Kungani bengasho nelilodwa izwi elifanele noma elicabangela iqiniso? Ingabe ngempela lesi simo sibangelwe ukudideka kwesikhashana? Lapho umuntu enokwahlukanisa okuncane, yilapho ekwazi kancane khona ukuma ohlangothini lweqiniso. Kuvezani lokhu? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlukanisa bathanda ububi? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlulela bayinzalo ethembekile kaSathane? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane futhi bekhuluma ulimi olufana nolwakhe? Wonke amazwi nezenzo zabo, kanye nezinkulumo zabo kukufakazela ngokwanele ukuthi abalona uhlobo oluthanda iqiniso, kodwa kunalokho, bangabantu abenyanya iqiniso. Ukuthi bangama ohlangothini lukaSathane kukufakazela ngokwanele ukuthi uSathane uyabathanda labo develi abalwa ukuphila kwabo konke ngenxa kaSathane. Ingabe wonke la maqiniso awakhanyi bha? Uma ngempela ungumuntu othanda iqiniso, kungani-ke ungabahloniphi labo abenza iqiniso, futhi kungani ubalandela ngokushesha labo abangalenzi iqiniso ngomzuzu abaguqula ngawo kancane isimo sabo? Hlobo luni lwenkinga lolu? Anginandaba nokuthi unokuqonda noma cha, anginandaba nokuthi ukhokhelwe inani elikhulu kangakanani, anginandaba ukuthi unamandla amaningi kangakanani, futhi anginandaba noma uyinyoka embi esebandleni noma ungumholi ophakamisa ifulegi. Uma unamandla amakhulu, kungenxa yosizo lwamandla kaSathane; uma uhlonishwa kakhulu, kusho ukuthi kunabaningi abakuzungezile abangalenzi iqiniso; uma ungakaxoshwa, lokho kungenxa yokuthi manje akusona isikhathi somsebenzi wokuxosha, kunalokho isikhathi somsebenzi wokususa. Akujahiwe ukuxosha wena njengamanje. Ngidinga nje ukulinda lolo suku lufike ngemva kokususwa kwakho ukuze ngikujezise. Noma ubani ongalenzi iqiniso uzosuswa!

Labo abakholwa ngobuqotho kuNkulunkulu yilabo abazimisele ukwenza izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo abazimisele ukwenza iqiniso. Labo abangamfakazela ngobuqotho uNkulunkulu bayilabo futhi abazimisele ukwenza izwi Lakhe, futhi bayilabo abangama ngempela ohlangothini lweqiniso. Labo abasebenzisa ubuqili futhi abenza okungalungile bonke bangabantu abangenalo iqiniso futhi bonke bahlambalaza uNkulunkulu. Labo abaxabanayo ebandleni bayizinceku zikaSathane, futhi bafuze uSathane. Lolu hlobo lomuntu lukhohlisa kakhulu. Labo abangenakho ukuqonda futhi abangakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso bonke bazonda izinhloso ezimbi futhi badelela iqiniso. Laba bantu bamfuze bangamshiya uSathane; ngeke besahlengeka futhi akuthandabuzwa ukuthi bonke bazosuswa. Labo abangalenzi iqiniso akufanele bavunyelwe babe semndenini kaNkulunkulu, nalabo abalibhidliza ngamabomu ibandla. Kodwa manje akusona isikhathi sokwenza umsebenzi wokuxosha. Bayomane bembulwe futhi basuswe ekugcineni. Awukho omunye umsebenzi ophilayo ozokwenziwa kulaba bantu; labo abangabakaSathane abakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso, kuyilapho labo abafuna iqiniso bengama ohlangothini lweqiniso. Labo abangalenzi iqiniso abafaneleki ukuzwa indlela yeqiniso futhi abafaneleki ukufakaza ngeqiniso. Iqiniso akulona elezindlebe zabo kodwa likhulunyelwa izindlebe zalabo abalenzayo. Ngaphambi kokwembulwa kwesiphelo sawo wonke umuntu, labo abaphazamisa ibandla futhi baphazamise umsebenzi bayoqale bashiyelwe kolunye uhlangothi. Lapho umsebenzi usuphelile, laba bantu bayokwembulwa ngokulandelana ngaphambi kokususwa kwabo. Phakathi nesikhathi sokunikeza iqiniso, basuke benganakiwe ngaleso sikhathi. Lapho lonke iqiniso lembulwa kubantu labo bantu kufanele basuswe, njengoba leso futhi kuyoba isikhathi lapho bonke abantu behlukaniswa ngokwezinhlobo zabo. Ngenxa yokuhlakanipha kwabo okungatheni, labo abangaqondi bayokwehlela encithakalweni ezandleni zabantu ababi futhi bayophambukiswa abantu ababi futhi ngeke bakwazi ukubuya. Laba bantu kufanele baphathwe ngale ndlela, njengoba bengalithandi iqiniso, ngoba abakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso, ngoba balandela abantu abakhohlakele, futhi ngenxa yokuthi bahlangana nabantu ababi badelele uNkulunkulu. Bazi kahle kamhlophe ukuthi labo bantu abangcolile basakaza okubi kodwa baqinisa izinhliziyo zabo babalandele, benze okuphambene neqiniso. Ingabe laba bantu abangalenzi iqiniso kodwa abenza izinto ezilimazayo nezimbi bonke abenzi okubi? Nakuba kunabanye phakathi kwabo abazenza “amakhosi” nalabo ababalandelayo, ingabe sonke isimo sokudelela kwabo uNkulunkulu asifani? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akabasindisi? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akalungile? Ingabe ababhujiswanga ububi babo? Ingabe akukhona ukuhlubuka kwabo okuyobashonisa esihogweni? Labo abenza iqiniso ekugcineni bayosindiswa futhi bapheleliswe ngeqiniso. Labo abangalenzi iqiniso ekugcineni bayophelela encithakalweni ngenxa yeqiniso. Lezi iziphetho ezilindele abenza iqiniso nabangalenzi. Ngiluleka labo abangacabangi ukwenza iqiniso ukuba bahambe ngokushesha ebandleni ukuze bagweme ukwenza izono eziningi. Lapho kufika isikhathi, ngisho nokuzisola kuyobe sekwephuze kakhulu, ikakhulukazi kulabo ababanga ukwahlukana, kanye nalezo zinyoka ezisebandleni kumele bahambe ngokushesha. Laba bantu abanemvelo yempisi embi ngeke baguquke, kungcono bahambe kusenethuba ebandleni, bangaphinde baphazamise ukuphila okujwayelekile kwabafowethu nodadewethu, ukuze bagweme ukujeziswa uNkulunkulu. Labo phakathi kwenu ababalandela, niyobe nenza kahle uma nisebenzisa leli thuba ukuze niziveze. Ingabe niyobalandela ababi niphume ebandleni, noma niyohlala niqhubeke nokwethembeka? Kumele nicabangisise ngale ndaba. Ngininika ithuba lokugcina lokukhetha. Ngilinde impendulo yenu.

Okwedlule: Umsebenzi KaMoya ONgcwele Nomsebenzi KaSathane

Okulandelayo: Kufanele Ungayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp