Kumele Niqonde Umsebenzi—Ungalandeli Ngokudideka!

Njengamanje baningi abantu abakholwa ngendlela enokudideka. Kuningi enizibuza kona, umuzwa wenu wokuphokophelela izibusiso mkhulu kakhulu, kanti umuzwa wenu wokuphokophelela ukuphila wona muncane kakhulu. Abakholelwa kuJesu kulezi zinsuku banogqozi olukhulu. UJesu uzobemukela ekhaya ezulwini—ngeke bakholwa? Abanye abantu bangamakholwa impilo yabo yonke, sebekholwe iminyaka engamashumi amane noma amashumi amahlanu, futhi abakhathali ukufunda iBhayibheli. Lokhu yingenxa yokuthi bacabanga[a] ukuthi noma ngabe kwenzekani, inqobo nje uma bekholwa, bazongena ezulwini. Nisalandele kule ndlela kaNkulunkulu iminyaka embalwa, kodwa senikuthola kunzima anisakwazi nokubekezela. Lokhu kudalwa ukuthi umuzwa wenu wokuthola izibusiso mkhulu kakhulu. Ukuhamba kwenu kule ndlela yeqiniso kulawulwa umuzwa wenu wokuthola izibusiso nezinhliziyo zenu ezifuna ukwazi okwenzekayo. Anisiqondi kahle lesi sigaba somsebenzi. Okuningi kwalokhu engikushoyo namuhla akukhulumi nalabo abakholelwa kuJesu; akuqondile neze ukukhulunywa ngoba kuhloswe ukulwisana nemibono yabo. Eqinisweni, le mibono okulokhu kukhulunywa ngayo iyona mibono ekhona phakathi kwenu, ngenxa yokuthi aniqondi ukuthi iBhayibheli labhalelwani, okuyisizathu esenza ngithi umsebenzi kaJehova usumdala, nokuyisizathu esenza ngithi umsebenzi kaJesu usumdala. Eqinisiweni, ninemibono eminingi eningakhulumile ngayo. Ninemibono eminingi eniyivalele ezinhliziyweni zenu, bese nilandela iningi. Nicabanga ukuthi imibono yenu imbalwa? Ukuthi nje anikhulumi ngayo, akukho okunye! Empeleni, ukulandela kwenu kuyazenzekela, anibheki indlela yeqiniso nhlobo, futhi aninanhloso yokuzozuza ukuphila. Nize ngokuzobona ukuthi kuzokwenzekani. Ngenxa yokuthi anikayishiyi imibono yenu eminingi yakudala, akekho noyedwa phakathi kwenu okwazile ukuzinikela ngokuphelele. Kuze kube manje, nisaqhubeka nokukhathazeka ngekusasa lenu, imicabango yenu iyaluza ubusuku nemini, ingakwazi ukukudedela. Ngabe ucabanga ukuthi abaFarisi engikhuluma ngabo “amadoda amadala” enkolweni? Ngabe animele abaFarisi abaningi benkathi yanamuhla? Ngabe nicabanga ukuthi labo bantu engikhuluma ngabo abangibheka bangiqhathanise neBhayibheli ngikhuluma ngongoti beBhayibheli abaseqenjini labenkolo? Nicabanga ukuthi uma ngikhuluma ngalabo ababethela uNkulunkulu esiphambanweni ngikhuluma ngabaholi eqenjini labenkolo? Anibona abalingisi abaqavile abadlala le ndima? Nicabanga ukuthi wonke amazwi engiwashoyo ukulwisana nemibono yabantu enza abefundisi nabadala benkolo inhlekisa? Ngabe azange nani nibe yingxenye yazo zonke lezi zinto? Ngabe nicabanga ukuthi ninemibono embalwa? Yingoba nje senifundile ukuhlakanipha manje. Anisakhulumi ngezinto eningaziqondi noma nihlamuke imizwa yenu ngazo, kodwa inhliziyo yokuhlonipha nenhliziyo yokuthobela akukho. Njengoba nibona, ukufunda, ukubuka, kanye nokulinda yizona zinto enizenzayo namuhla. Senifunde ukuhlakanipha. Niyazi kodwa ukuthi lena ingqondo yenu enobuqili? Nicabanga ukuthi umzuzu wokuhlakanipha uzonisiza niphunyule ekusolweni kwaphakade? Senifunde “ukuhlakanipha”! Abanye abantu bangibuza izinto ezifana nokuthi: “Ngelinye ilanga, uma abantu benkolo bengibuza ukuthi, ‘Kungani uNkulunkulu wakho engakaze enze nesisodwa isibonakaliso?’ ngizochaza kanjani?” Manje, akusikho ukuthi abantu benkolo kuphela abazobuza izinto ezifana nalezi. Kunalokho, kuwukuthi aniwuqondi umsebenzi wanamuhla, futhi ninemibono eminingi. Namanje anazi ukuthi ngikhuluma ngobani uma ngikhuluma ngabantu benkolo? Anazi ukuthi ngilichazela bani iBhayibheli? Anazi ukuthi ngikhuluma nobani uma ngifanekisa izigaba ezintathu zomsebenzi? Ukube bengingazishongo lezi zinto ngabe nikholiseke kalula? Benizodedela kalula kanje? Kulula kanjalo kini ukushiya leyo mibono emidala? Ikakhulukazi leyo “yamadoda angempela” ayengakaze ahloniphe muntu—abengahlonipha kalula kanje? Ngiyazi ukuthi yize ninobuntu bezinga eliphansi, niwuhlobo oluphansi, ninemiqondo engakakhuli kahle, futhi ningenawo umlando omude ngokukholelwa kuNkulunkulu, ninemibono eminingi impela, kanti futhi ngokwendalo yenu anithobeli noma ubani kalula nje. Kodwa namuhla, niyakwazi ukubathobela ngenxa yokuthi niphoqelekile futhi aninakusizakala; niyafana nezingwe ezivalelwe ekhejini yensimbi, anikwazi ukudlala ngokukhululeka ngamakhono enu. Noma beninamaphiko, benizokuthola kunzima ukundiza. Yize ninganikwanga izibusiso niyafisa ukuqhubeka nilandele. Nokho, lona akuwona umoya “womuntu olungile”, kodwa kungenxa yokuthi nishayekile, kanti senifike lapho kuphela khona ukuhlakanipha kwenu. Kungaba ukuthi ingoba wonke lo msebenzi uniqumbe phansi. Ukube bekukhona into enikwaziyo ukuyithola, beningeke nilalele ngendlela enilalela ngayo, ngoba ngaphambilini, beniyizimbongolo zasendle. Ngakho-ke lokhu okushiwo namuhla akuqondisiwe kubantu bezinkolo namahlelo ahlukene, futhi akulwisani nemibono yabo; kunalokho kuwukulwisana nemibono yenu.

Ukwahlulelwa kwabalungile sekuqalile. Ngabe uNkulunkulu usazoba umhlatshelo wesono wabantu? Ngabe uNkulunkulu usazophinde elaphe abantu futhi? Ngabe uNkulunkulu akanalo igunya elingaphezulu kwaleli? Iqembu labantu seliphelelisiwe, futhi sebengaphambi kwesihlalo sobukhosi. Ngabe usazokhipha amadimoni aphilise abagulayo? Ngabe lokhu akusikho okwakudala? Ngabe ubufakazi buzoba khona uma kuqhubeka kanje? UNkulunkulu wabethelwa esiphambanweni kanye, ngakho-ke ngabe uzobethelwa ingunaphakade? Njengoba akhipha amadimoni kanye, ngabe usezowakhipha ingunaphakade? Ngabe lokhu akukhona ukuhlambalaza? Inkathi iqhubekela phambili kuphela uma umsebenzi wesigaba ungaphezulu kwesigaba esedlule. Kuzobe sekufika izinsuku zokugcina, kanti nesikhathi sizofika lapho inkathi izophethwa khona. Abantu abaphokophelela iqiniso kumele benze isiqiniseko sokuthi imibono yabo icacile. Lesi yisona sesekelo. Njalo uma ngikhuluma nani ngemibono, ngihlale ngibona ukuthi izinkophe zabanye abantu ziyalala babe nokozela, bengafuni ukulalela. Abanye babuza ukuthi: “Kungani ungalalele?” Athi, “Lokhu akuyisizi impilo yami noma ukungena kwami eqinisweni.” Uma ngingakhulumi ngezindlela zokwenza, ngikhuluma ngomsebenzi, uthi, “Uma uqala ukhuluma ngomsebenzi ngivele ngifikelwe ubuthongo.” Manje sengiqala ukukhuluma ngezindlela zokwenza, bese eqala ukuqaphela. Ngaphinda ngaqala ukukhuluma ngomsebenzi, aphinde angalaleli. Niyazi ukuthi yini manje okumele nihlonyiswe ngayo? Okunye kwakho imibono ngomsebenzi, okunye ukwenza kwenu. Kumele ukubambe kokubili lokhu. Uma ungenayo imibono njengoba ufisa ukuqhubekela phambili empilweni, kusho ukuthi awunaso isesekelo. Uma unezindlela zokwenza kuphela kodwa ungenawo umbono, futhi ungawuqondi umsebenzi walo lonke uhlelo lokuphatha, kusho ukuthi awunamsebenzi walutho. Kumele uqonde amaqiniso ngokuba nombono, amaqiniso aqondene nokwenza, kumele uthole izindlela ezifanele zokwenza uma usuziqonda; kumele wenze ngokwamazwi, ungene ngokwemibandela yakho. Imibono isona sesekelo, uma ungakunaki lokhu, angeke ukwazi ukubambelela kuze kube sekugcineni. Uma uhlangabezana nale ndlela, uzonhlanhlatha noma uwe bese uyahluleka. Angeke uphumelele! Abantu abangenayo imibono emikhulu njengesesekelo sabo bazohluleka bangaphumeleli. Angeke ukwazi ukuma uqine! Ngabe uyazi ukuthi kuyini ukukholelwa kuNkulunkulu? Ngabe uyazi ukuthi kuyini ukulandela uNkulunkulu? Ngaphandle kwemibono, ungahamba kuyiphi indlela? Emsebenzini wanamuhla, uma ungenayo imibono angeke ukwazi ukupheleliswa. Ukholelwa kubani? Kungani ukholelwa KuYe? Kungani umlandela? Ngabe ukholelwa ngoba kuwumdlalo othile nje? Ngabe impilo yakho uyiphethe sengathi into yokudlala nje? UNkulunkulu wanamuhla ungumbono omkhulu. Kungakanani okwaziyo KuYe? Usubone okungakanani kwaKhe? Usumbonile uNkulunkulu wanamuhla, ngabe isesekelo senkolo yakho kuNkulunkulu sivikelekile? Ngabe ucabanga ukuthi inqobo nje uma ulandela kule ndlela enodaka, uzothola insindiso? Ngabe ucabanga ukuthi ungakwazi ukubamba inhlanzi emanzini adungekile? Ngabe kulula kanjalo? Mingaki imibono yenu ngalokhu uNkulunkulu wanamuhla akushoyo eseniyibeke phansi? Ngabe unawo umbono kaNkulunkulu wanamuhla? Ngabe yikuphi okuqondayo ngoNkulunkulu wanamuhla? Uhlala ucabanga ukuthi uzomthola[b] ngokumlandela nje, noma ngokumbona nje, nokuthi akekho ozokunyakazisa. Ungacabangi ukuthi ukulandela uNkulunkulu kulula. Okubalulekile ukuthi kumele umazi, kumele wazi umsebenzi waKhe, futhi kumele ufise ukubekezelela ubunzima ngenxa yaKhe, ube nesifiso sokupheleliswa nguYe. Lona ngumbono okumele ube nawo. Angeke kulunge uma uhlala ucabanga ukuthokozela umusa! Ungacabangi ukuthi uNkulunkulu ukhona ukuze abantu bathokoze nje, nokunika abantu umusa. Ucabange okungekona! Uma umuntu engeke abeke impilo yakhe engcupheni ukuze alandele, uma umuntu engeke ashiye konke okwezwe ukuze alandele, kusho ukuthi ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni! Kumele ube nemibono ibe yisesekelo sakho. Uma usuku lokuthi wehlelwe inhlekelele, kumele wenzenjani? Uyobe usakwazi ukulandela? Ungasho kalula nje ukuthi uzokwazi ukulandela kuze kube sekupheleni. Kumele uqale uvule amehlo akho ubone ukuthi sithini isikhathi samanje. Yize manje nifana nezinsika zethempeli, kuzofika isikhathi lapho izinsika zizodliwa yimihlwa, okuzokwenza ithempeli liwe, ngoba njengamanje miningi imibono eniyintulayo. Enikunakile umhlaba wenu nje omncane, anazi nokuthi iyiphi indlela ethembekile, indlela efanele yokufuna. Aniwunakile umbono womsebenzi wanamuhla, futhi anizibekile lezi zinto ezinhliziyweni zenu. Ngabe senike nakucabanga ukuthi ngelinye ilanga uNkulunkulu wenu uyonifaka ezindaweni eningazazi? Niyalubona ngamehlo engqondo usuku engiyonemuka konke ngalo, niyoba yini? Ngabe amandla enu ngalelo langa ayofana namanje? Ngabe ukholo lwenu luyobuye lube khona? Ekulandeleni uNkulunkulu kumele wazi lo mbono omkhulu “onguNkulunkulu.” Lolu udaba olubaluleke kakhulu. Okunye futhi, ungacabangi ukuthi ukuhlukana nabantu basemhlabeni ukuze ungcweliswe lokho kukwenza umndeni kaNkulunkulu. Namuhla uNkulunkulu uqobo lwaKhe osebenzayo phakathi kwezidalwa. UNkulunkulu oze phakathi kwezidalwa ukuzokwenza umsebenzi waKhe, hhayi ukuzokwenza imikhankaso. Phakathi kwenu, akukho ngisho abambalwa abakwaziyo ukwazi ukuthi umsebenzi wanamuhla umsebenzi kaNkulunkulu osezulwini obe yinyama. Awukho mayelana nomuntu ohamba phambili onethalente. Kunalokho, kuwukusiza wena wazi ukubaluleka kokuphila komuntu, ukwazi lapho abantu beya khona, nokukusiza wazi uNkulunkulu nobuYena obuphelele. Kumele wazi ukuthi uyisidalwa esandleni soMdali. Okumele ukuqonde ukuthi okumele ukwenze nokuthi kumele umlandele kanjani uNkulunkulu—ngabe lawa akuwona amaqiniso okumele niwaqonde? Akuyona imibono okumele niyibone?

Uma umuntu enemibono usuke enesisekelo. Uma wenza phezu kwesesekelo kuzoba lula ukungena. Kanjalo, angeke ube nokungabaza uma usunesisekelo sokungena. Lokhu kuqonda imibono nokwazi umsebenzi kaNkulunkulu kubalulekile; kumele ube nakho ezikhalini zakho. Uma ningahlonyisiwe ngeqiniso, nikhulume ngezindlela zokwenza kuphela, lokhu yiphutha elikhulu. Ngithole ukuthi abaningi benu abakugcizeleli lokhu, kanti uma nilalela leli qiniso kufana nokulalela amazwi okufundisa ngenkolo. Ngelinye ilanga uyohluleka. Kunamazwi athile kulezi zinsuku ongakawaqondi futhi ongawamukeli; kulokhu kumele ufune ngokubekezela, futhi usuku luzofika lapho uzoqonda khona. Kumele uhlomiseke kancane kancane. Ngisho noma uqonda izimfundiso ezimbalwa zakamoya, kungcono kunokunganaki nhlobo. Kungcono kunokungaqondi lutho. Konke lokhu kuzokusiza ekungeneni kwakho, kususe konke ukungabaza onakho. Kungcono kunokuthi ube nemibono. Kungcono kakhulu ukuba nale mibono ibe yisesekelo sakho. Ngaphandle kokungabaza, kubalulekile ukungena ushayela phezulu. Kungani uzikhathaza ngokulandela ngokudideka endleleni oyingabazayo? Ngabe lokho akufani nokuvala izindlebe ube untshontsha insimbi? Kumnandi kanjani ukungena embusweni uhambela phezulu! Kungani ugcwele ukungabaza? Ngabe lokhu ngeke kusho ukudlula ebunzimeni? Uma uqonda umsebenzi kaJehova, umsebenzi kaJesu, nomsebenzi walesi sigaba somsebenzi, uzoba naso isesekelo. Manje uyabona ukuthi kulula. Abanye abantu bathi, “Uma uMoya Ongcwele eqala umsebenzi omkhulu, ngiyokwazi ukukhuluma ngazo zonke lezi zinto. Kona nje lokho ukuthi angiqondi kahle manje kungenxa yokuthi uMoya Ongcwele akakangikhanyiseli kangako.” Akulula. Akufani nalapho uzimisele ukuthi wamukele iqiniso[c] manje, khona-ke uzolisebenzisa ngobuhlakani lapho kufika isikhathi. Akunjalo! Manje ukholelwa ukuthi usuhlomiseke kahle, nokuthi ngeke kube yinkinga ukuphendula abantu benkolo kanye nalabo abafunde kakhulu, ngisho nokubaphikisa. Ungakwazi ngempela ukukwenza lokho? Yikuphi ukuqonda ongakhuluma ngakho njengoba okwaziyo kuyilokhu okungaphezu kokujwayelekile? Ukuzihlomisa ngeqiniso, ukulwa impi yeqiniso, nokwethula ubufakazi ngegama likaNkulunkulu akukhona lokhu ocabanga ukuthi kuyikho—okuwukuthi inqobo nje uma uNkulunkulu esebenza konke kuzofezeka. Ngaleso sikhathi hleze uzodidwa eminye imibuzo, bese uyabakaza. Okubalulekile ukuthi sicacile yini kuwe lesi sigaba somsebenzi noma cha, nokuthi kungakanani okuqondayo ngaso. Uma ungakwazi ukunqoba amandla esitha, futhi ungakwazi ukunqoba amandla enkolo, ngeke ube into yalutho? Uma uwubonile umsebenzi wanamuhla, wawubona ngamehlo akho wawuzwa nangezindlebe zakho, kodwa ekugcineni awangakwazi ukuba nobufakazi, ngabe usazokwazi ukuqhubeka uphile? Ubani ozokwazi ukumbheka? Ungacabangi okusobala kakhulu. Umsebenzi ekuhambeni kwesikhathi angeke ube lula njengoba uwucabanga. Ukulwa impi yeqiniso akulula. Manje kumele uhlonyiswe. Uma ungahlonyisiwe ngeqiniso manje, uma isikhathi sifika uMoya Ongcwele ungasebenzi ngendlela engaphezu kwejwayelekile, kusho ukuthi uzolahleka.

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awunawo amagama athi “bayacabanga.”

b. Umbhalo wokuqala awunawo igama elithi “Yena.”

c. Umbhalo awunalo igama elithi “iqiniso.”

Okwedlule: Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa

Okulandelayo: Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Ibanga Lokugcina Lendlela

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp