Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa

Ngesikhathi uPetru esolwa uNkulunkulu, wathandaza, “O Nkulunkulu! Inyama yami ayilaleli futhi ungisolile wangahlulela. Ngiyajabula ngokusolwa nokwahlulelwa Nguwe, ngisho noma ungangidingi, ubungcwele bakho kanye nezindlela zakho zokulunga ngiyakubona ekwahluleleni Kwakho. Lapho ungahlulela ukuze abanye babone izindlela Zakho zokulunga ekwahluleleni Kwakho, ngiyeneliseka. Uma kukwazi ukuveza isimo Sakho futhi kwenze isimo Sakho sokulunga sibonwe yizo zonke izidalwa, futhi uma kungenza ukuthi ukukuthanda kwami kube msulwa ngokwengeziwe ukuze ngithole ukufana nalowo olungileyo, ukwahlulela Kwakho kuhle-ke, ngoba injalo intando yakho enhle. Ngiyazi ukuthi kuningi ukuhlubuka okungaphakathi kimi nokuthi angikufanele ukuba ngize phambi Kwakho. Ngifisa ungahlulele kakhulu kunakuqala, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima noma ezinsizini; akunandaba ukuthi wenzani, kimina lokho kuhle kakhulu. Uthando Lwakho luyamangalisa futhi ngizimisele ngokuba semseni Wakho ngingakhonondi nakancane.” Yilokhu uPetru ayesekwazi ngemva kokuba esezibonele ngawakhe umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kuwubufakazi bokuthi uyamthanda uNkulunkulu. Namuhla, seninqotshiwe vele—kodwa lokhu kunqontshwa kuvezwe kanjani kini? Abanye abantu bathi, “Ukunqotshwa kwami kungumusa omkhulu nokuphakanyiswa kukaNkulunkulu. Yima ngibona manje ukuthi ukuphila komuntu kuyize futhi akulutho. Umuntu echitha isikhathi sokuphila kwakhe ephuthuma, ngokuzala, akhulise isizukulwane sabantwana esinye emva kwesinye, futhi ekugcineni usala engenalutho. Ngibone namuhla ngemva kokunqotshwa uNkulunkulu ukuthi akusizi ngalutho ukuphila ngale ndlela; kuwukuphila okungathi shu. Akunankinga noma ngingafa ngedlule kukho!” Ingabe uNkulunkulu usengabazuza abantu abanjalo abanqotshiwe? Basengaba yizibonelo? Abantu abanjalo bayisifundo kulabo abathatha izinto kalula, abanayo injongo, futhi abakulweli ukuthuthuka benze kangcono! Ngisho noma bebalwa phakathi kwabanqotshiwe, abantu abanjalo abanakwenziwa baphelele. Lapho sekusondele ukuba uPetru afe, ngemva kokuba enziwe waphelela wathi, “O Nkulunkulu! Ukube nje iminyaka yami ibinganezelwa kancane, bengingafisa ukukuthanda ngokujulile nangendlela emsulwa.” Lapho esezobethelwa esiphambanweni, wathandaza ngenhliziyo, “O Nkulunkulu! Sesifikile sikhathi Sakho, isikhathi owangibekela sona sesifikile. Kumele ngikufele, kumele ngivume phambi kwakho futhi nginokwethemba ukuthi uthando enginalo ngawe lungahlangabezana nezimfuno Zakho, lube msulwa. Namuhla, ukukwazi ukukufela, futhi ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho kuyangiqinisekisa futhi kuyangiduduza, ngoba kungigculisa kakhulu ukuthi ngibethelwa esiphambanweni ngenxa Yakho ukuze kwenzeke intando Yakho nanokuthi ngizobe sengikwazi ukunikela ngokuphila kwami Kuwe. O Nkulunkulu! Uyathandeka! Ukube ungivumele ngaphila, bengizozimisela kakhulu ukukuthanda. Uma nje ngisaphila, ngiyohlezi ngikuthanda. Ngifisa ukukuthanda kakhulu kunakuqala. Ngahlulele futhi ungisole, ungivivinye ngoba angiyena olungileyo, ngenxa yokuthi ngonile. Ukulunga Kwakho kuba sobala kimi. Lesi isibusiso kimi, ngoba ngiyakwazi ukukuthanda ngokujulile futhi ngizimisele ukuhlale ngikuthanda kanjena ngisho noma ungangithandi. Ngifuna ukukubona ukulunga Kwakho ngoba lokho kungenza ngiphile ukuphila okunenjongo. Sengiyabona manje ukuthi ukuphila kwami sekunenjongo, ngoba ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho futhi kuyinto enhle ukukufela. Nakuba ngingakazizwa nganelisekile ngoba ngazi okuncane Ngawe, ngiyazi ukuthi ngeke ngizifeze ngokugcwele izifiso Zakho futhi kuncane kakhulu engikwenzele khona. Ekuphileni kwami, angikwazanga ukuzinikela ngokugcwele Kuwe; angisondele nakancane kulokho. Uma ngibuka emuva, kulo mzuzu ngizizwa ngikukweleta kakhulu, futhi nginalo mzuzu kuphela wokuba ngikhokhe ngawo wonke amaphutha ami nangalo lonke uthando engikukweleta lona.”

Umuntu kumele alwele ukuphila okunenjongo futhi angeneliswa nje yilokho akwazi ukukwenza manje. Ukuze umuntu aphile njengoPetru, kumele abe nolwazi futhi akwazi ukubhekana nezinto uPetru abhekana nazo. Umuntu kumele afune izinto ezinkulu neziphakeme kakhulu. Kumele afune uthando lukaNkulunkulu olujulile nolumsulwa ngokwengeziwe, kanye nokuphila okunenjongo. Yilokhu kuphela ukuphila; yile ndlela kuphela umuntu ayofana ngayo noPetru. Kumele ugxile ekukhuthaleleni ukuba sohlangothini oluhle ekungeneni kwakho, ungamane nje uhlehle ngenxa yenkululeko yesikhashana bese uziba amaqiniso angempela acacile nabalulekile. Uthando lwakho kumele lube ngokoqobo futhi kumele uthole izindlela ezizokwenza ukhululeke kulokhu kuphila okubi nokungenamthetho futhi okungahlukile kokwezilwane. Kumele uphile ukuphila okunenjongo, ukuphila okuyigugu, futhi akumele uzikhohlise, noma ukuphila kwakho ukuphendule ithoyizi okudlalwa ngalo. Kuwo wonke umuntu ozimisele ngokuthanda uNkulunkulu, awekho amaqiniso angenakuwathola futhi akukho ukungabi bikho kobulungiswa obenziwayo angeke akwazi ukumelana nakho. Kufanele uphile kanjani? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu futhi ungalusebenzisa kanjani lolu thando ukuze wenelise isifiso Sakhe? Ayikho into ebaluleke ukudlula leyo ekuphileni kwakho. Ngaphezu kwakho konke, kumele ube nezifiso ezinjalo futhi ukwazi ukubekezela, ungafani nje nabantu abaphelelwa yithemba kalula. Kumele ukwazi ukuphila ukuphila okunenjongo futhi uwazi amaqiniso angempela futhi ungaziphathi budlabha. Unganakile, impilo yakho ingakwedlula nje.; ngemva kwalokho, uyolithola yini elinye ithuba lokuthanda uNkulunkulu? Ingabe umuntu angakwazi ukuthanda uNkulunkulu uma esefile? Kumele ube nesifiso kanye nonembeza onjengokaPetru; ukuphila kwakho kumele kube nenjongo futhi akumele ube nesikhathi sokudlala ngokuphila kwakho! Njengoba ungumuntu, futhi ufuna uNkulunkulu, kumele uyiqaphele indlela oziphatha ngayo ekuphileni kwakho, nendlela ozinikela ngayo kuNkulunkulu nokuthi uba kanjani nokholo olunenjongo Kuye, ngendlela emsulwa, enhle, nelungile. Namuhla akufanele waneliseke kuphela ngokuthi unqotshwe kanjani, kodwa kumele ucabange nangendlela ozohamba ngayo ngokuzayo. Kumele ube nezinto ezikukhuthazayo futhi ube nesibindi sokuba uphelele, futhi ukugweme ukuzibona ungeke wakwazi kwenza lutho. Ingabe iqiniso linazo izintandokazi? Ingabe iqiniso lihloselwe ukuphikisana nabantu? Uma ulifuna ngempela iqiniso, lingakuthonya? Uma umelana nokungabi bikho kobulungiswa, ingabe lokho kuzokuqeda amandla? Uma ukufuna ngempela ukuphila, ingabe kuzokwehlula ukuphila? Uma ungenalo iqiniso, akukhona ukuthi iqiniso likushaya indiva, kodwa kungenxa yokuthi uqhelelene neqiniso, uma ungakwazi ukumela ubulungiswa, lokho akusho ukuthi kukhona into embi ngobulungiswa kodwa kungenxa yokuthi ukholwa ukuthi amaqiniso awasetshenziswanga kahle; uma ugcina ungakutholi ukuphila ngemva kokukufuna iminyaka eminingi, lokho akubangelwa ukuthi ukuphila akunanembeza kuwe, kodwa kungenxa yokuthi wena awunanembeza ekuphileni kwakho, ukuxoshile ukuphila; uma uphila ekukhanyeni, futhi ubungakwazi ukuthola ukukhanya, lokho akungenxa yokuthi ukukhanya akukwazi ukukukhanyisa, kodwa kungenxa yokuthi awuzange ukunake ukuba khona kokukhanya ngakho ukukhanya kukushiye ngesinyelela. Uma ungakulweli ukuphila, kungaphethwa ngokuthi awuyinto yalutho futhi awunaso isibindi futhi awukwazi ukumelana namandla obumnyama. Untekenteke kakhulu! Uyehluleka ukuphunyuka emandleni kaSathane akuvimbezelayo futhi uzimisele ngokuphila lokhu kuphila okuphephile futhi okulondekile bese ufa ungenalwazi. Okufanele ukuthole ukulwela ukunqotshwa; lokhu kuyisibopho sakho. Uma wenelisekile ngokunqotshwa, uzobe uxosha ukukhanya. Kumele ubhekane nobunzima ngenxa yeqiniso, kumele uzinikele eqinisweni futhi ukhuthazelele ukuthunazwa ngenxa yeqiniso nokuthi ukuze wazi okuningi ngeqiniso kumele udlule ezinhluphekweni eziningi. Yilokhu okufanele ukwenze. Ungavumi ukulahla iqiniso ngenxa yokuthi ufuna ukuthula emndenini wakho, ungavumi ukulahlekelwa yisithunzi nobuqotho bakho ngenxa nje yenjabulo yesikhashana. Kufanele ulwele konke okuhle nokulungile, futhi ufune indlela yokuphila ukuphila okunenjongo. Uma uphila ukuphila okuyichilo kanjalo futhi zingekho izinto ozifunayo, ingabe awudlali yini ngokuphila kwakho? Yini ongayithola ekuphileni okunjalo? Kufanele uzigweme zonke izinhlobo zenjabulo yenyama ngenxa yeqiniso elilodwa, nokuthi ungawalahli wonke amaqiniso ngenxa yenjabulo yesikhashana. Abantu abenza kanjalo abekho qotho futhi abanaso nesithunzi; ukuphila kwabo akunayo injongo!

UNkulunkulu uyamsola futhi amahlulele umuntu ngoba umsebenzi Wakhe ufuna lokho, ngaphezu kwalokho, ngoba umuntu uyakudinga lokho. Umuntu udinga ukusolwa nokwahlulelwa, futhi kulapho kuphela angathola khona uthando lukaNkulunkulu. Namuhla, niqinisekiswe kakhulu, kodwa lapho ninqwamana nezingqinamba ezincane nisenkingeni; idumela lenu lincane kakhulu futhi nisuke nisadinga ukusolwa okukhulu kanye nokwahlulelwa ukuze nizuze ulwazi olujulile. Namuhla, niyamhlonipha uNkulunkulu, niyamesaba futhi niyazi ukuthi unguNkulunkulu weqiniso, kodwa animthandi kakhulu, ingasaphathwa eyokumthanda ngeqiniso; ulwazi lwenu luseluncane kakhulu futhi anikabi nesimo esihle. Lapho nibhekana nesimo esithile, nisuke ningakabi nabufakazi, kuncane kakhulu ukungena kwenu okuza nezinguquko, futhi aninayo indlela yokukwenza ngokoqobo. Abantu abaningi abanaki futhi bayavilapha; abakuvezi obala ukuthi bayamthanda uNkulunkulu, akukho abakwenzayo futhi akucaci ukuthi iyini imigomo yabo. Labo abenziwe baphelela abagcini ngokuba nobuntu obujwayelekile kuphela, kodwa banamaqiniso angaphezu kwesilinganiso sonembeza womuntu; abagcini nje ngokusebenzisa unembeza wabo ukuze babuyise uthando lukaNkulunkulu kodwa kunalokho bamazile uNkulunkulu futhi bakubona ukuthi uNkulunkulu uyathandeka futhi ufanelwe ukuthandwa ngumuntu nokuthi kuningi umuntu angakuthanda kuNkulunkulu nokuthi umuntu ayikho into angayenza ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu. Uthando uNkulunkulu analo ngalabo abaphelelisiwe luyabasiza ukuze bakwazi ukwenza izinto abazifisayo. Uthando lwabo luyazenzakalela, uthando olungafuni mbuyiselo, alukhona ukuhweba. Ayikho into ebenza bamthande uNkulunkulu ngaphandle kolwazi abanalo Ngaye. Abantu abanjalo bakhathalela kuphela ukujabulisa uNkulunkulu ngisho noma kuthiwa uNkulunkulu akababonisi umusa. Ababheki amathuba kuNkulunkulu futhi abalulinganisi ngonembeza uthando abanalo ngoNkulunkulu: Ungiphe lona, nami kumele ngikubuyisele lona uthando; uma unganginiki lutho nami ayikho into engizokubuyisela yona. Labo abenziwe baphelela bahlale bekholwa ukuthi: UNkulunkulu unguMdali, futhi wenza umsebenzi Wakhe kithi. Ngoba nginaleli thuba, isimo kanye nokufaneleka ukuba ngenziwe ngiphelele, engikufunayo kufanele kube ukuphila okunenjongo futhi kufanele nganelise Yena. Lokhu kuyafana nalokho uPetru abhekana nakho: Lapho ebuthaka kakhulu, wathandaza kuNkulunkulu wathi, “O Nkulunkulu! Akunandaba ukuthi ngikuphi ngasiphi isikhathi, uyazi ukuthi ngihlezi ngikukhumbula. Akunandaba ukuthi ngikuphi ngasiphi isikhathi, uyazi ukuthi ngifuna ukukuthanda, kodwa isiqu sami sincane kakhulu, ngibuthakathaka futhi anginamandla, uthando lwami alwanele nokuzithoba kwami Kuwe akwanele. Angifanele ukuphila uma ngiqhathaniswa nothando Lwakho. Ngiyafisa ukuba ukuphila kwami akulona ize, nokuthi ngingagcini nje ngokubuyisa uthando Lwakho, kodwa nginikele ngakho konke enginakho Kuwe. Uma ngingakujabulisa, mina njengesidalwa sakho ngiyoba nokuthula engqondweni, akukho okunye engiyokhala ngakho. Nakuba ngibuthaka ngingenawo amandla okwamanje, angeke ngizikhohlwe izeluleko kanye nothando Lwakho. Manje akukho engikwenzayo ngaphandle kokubuyisa uthando Lwakho. O Nkulunkulu, ngizizwa ngimubi! Iyiphi indlela engingabuyisa ngayo uthando lwami, ngingakwenza kanjani konke okusemandleni, ngikwazi ukufeza izifiso Zakho futhi nginikele ngakho konke enginakho Kuwe? Uyabazi ubuthakathaka bomuntu; yini nje engangenza ngifanele uthando Lwakho? O Nkulunkulu! Uyakwazi ukuma kwami okungatheni nokuthi uthando lwami luyinto engekho. Yini engingakwazi ukuyenza ngokusemandleni ami onke kulesi simo? Ngiyazi ukuthi kufanele ngibuyise uthando Lwakho, ngiyazi ukuthi kufanele nginikele ngakho konke enginakho Kuwe kodwa manje angiyilutho. Ngicela ukuba ungiphe amandla nokuqiniseka ukuze ngikwazi kakhudlwana ukukunika uthando olumsulwa lokuzinikela Kuwe kanye nokunikela Kuwe konke enginakho; ngeke ngigcine nje ngokubuyisa uthando Lwakho, kodwa ngiphinde ngikulungele kakhudlwana ukubhekana nokusola, ukwahlulela kanye nokuvivinya Kwakho, ngisho nokuqalekiswa Nguwe okunzima. Ungivumelile ukuba ngilubone uthando Lwakho, futhi mina angikwazi ukungakuthandi, nakuba ngibuthakathaka futhi ngingenamandla namuhla, ngingakukhohlwa kanjani kodwa? Uthando lwakho, ukusola kanye nokwahlulela Kwakho kungenze ngakwazi, kodwa ngisazizwa ngingakwazi ukukuthanda ngokujulile ngoba uyababazeka! Ngingakunikela kanjani konke enginakho kuMdali?” Leso kwakuyisicelo sikaPetru, kodwa isimo sakhe sasimenza kungamfaneli nhlobo. Ngalesi sikhathi, wezwa sengathi kunommese ophenduphendulwa enhliziyweni yakhe, wayesezinhlungwini; wayazi ukuthi yini okungafanele ayenze ezimweni ezinjalo. Nokho waqhubeka ethandaza kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Umuntu unjengengane, unembeza wakhe ubuthakathaka futhi okuyikhona engingafinyelela kukho, ukubuyisa uthando Lwakho. Namuhla, angikwazi ukukujabulisa, futhi ngifisa ukwenza konke engingakwenza, nokunikela ngakho konke enginakho Kuwe. Ngenze ngigqashule ekububuleni, kungakhathaleki ukuthi ungahlulela kanjani, ungisola kanjani, kungakhathaleki ukuthi yini oyithathayo kimi. Kaningi lapho ungisole khona nalapho ungahlulele khona, ngizisolile futhi ngahluleka ukufinyelela ubumsulwa noma ukufeza izifiso Zakho. Ukukubuyisela ngothando Lwakho ngikwenze ngaphandle kokucindezelwa futhi ngizizwa ngizenyanya nakakhulu.” Into eyenza uPetru wathandaza ngale ndlela kungenxa yokuthi wayefuna uthando lukaNkulunkulu olumsulwa ngokwengeziwe. Wayefuna, enxusa futhi ngaphezu kwalokho wayezigxeka, evuma izono zakhe KuNkulunkulu. Wazizwa emkweleta uNkulunkulu futhi ezenyanya, nokho ngandlela thize, wayengajabule neze. Wayehlezi ezizwa njengomuntu owayengafanele ukufeza intando kaNkulunkulu nowayengasoze akwazi ukwenza okukhulu. Ezimweni ezinjalo, uPetru walulwela ukholo olwaboniswa uJobe. Wabona indlela ukholo lukaJobe olwalulukhulu ngayo ngoba uJobe wayebonile ukuthi konke ayenakho wayekuphiwe uNkulunkulu futhi kwakulindelekile ukuthi uNkulunkulu amphuce konke ayenakho, akunike noma ubani ayengafisa ukumnika khona—leso kwakuyisimo esilungile sikaNkulunkulu. UJobe akazange akhononde, futhi wayesengamdumisa uNkulunkulu. UPetru naye wayezazi kahle futhi wathandaza ngenhliziyo wathi, “Namuhla akufanele nganeliseke ngokubuyisela uthando Lwakho ngisebenzisa unembeza wami futhi ngisho lungaba lungakanani uthando enginalo, ngilubuyisela Kuwe, ngoba imicabango yami mibi kakhulu futhi ngiyehluleka ukukubheka njengoMdali. Ngenxa yokuthi angikakakulungeli ukukuthanda, kumele ngenze ngendlela ezongenza ngikwazi ukunikela konke enginakho Kuwe, engingakwenza ngokuzimisela. Kumele ngikwazi konke okwenzile futhi ayikho enye indlela kumele ngibambe uthando Lwakho futhi ngikwazi ukukhuluma ngezindumiso Zakho ngidumise igama Lakho elingcwele ukuze uzothola udumo olukhulu ngami. Ngizimisele ukuba ngime ngiqine ekufakazeni Ngawe. O Nkulunkulu! Uthando Lwakho luyigugu futhi luhle; ngingafisa kanjani nje kodwa ukuphila ezandleni zomubi? Angizange yini ngidalwe Nguwe? Ngingaphila kanjani kodwa ngaphansi kokubuswa nguSathane? Ngingancamela ukuthi sonke isiqu sami siphile ngaphansi kokusola Kwakho. Angizimisele ukuphila ngaphansi kokubusa komubi. Uma ngingenziwa ngibe msulwa, futhi nginikele ngakho konke enginakho Kuwe, ngizimisele ngokunikela ngomzimba nangengqondo yami ekwahlulelweni nasekusolweni Nguwe ngoba ngiyamzonda uSathane futhi angizimisele ngokuphila ngaphansi kwakhe. Ekwahlulelweni Nguwe, uhambisa phambili isimo Sakho sokulunga; ngiyajabula futhi angikaze ngikhononde nakancane. Uma ngingakwazi ukwenza umsebenzi wesidalwa, ngizimisele ukwenza konke ukuphila kwami kuhambisana nokwahlulela Kwakho, ngaso, ngiyozazi kahle izindlela Zakho ezingcwele, ngixoshe ithonya lomubi.” UPetru wayethandaza kanje, ehlale efuna kanje, futhi wafinyelela ezingeni eliphezulu, uma kuqhathaniswa. Akagcinanga nje ngokukwazi ukubuyisa uthando lukaNkulunkulu, kodwa okungaphezu kwalokho wawufeza umsebenzi wakhe njengesidalwa. Akagcinanga ngokusolwa unembeza wakhe, kodwa wakwazi ukukhuphula izinga likanembeza. Imithandazo yakhe yaqhubeka yenyukela kuNkulunkulu, ngezinga lokuthi wayesenemigomo emikhulu nokuthanda kwakhe uNkulunkulu kwaba kukhulu kakhulu. Nakuba uPetru abulawa zinhlungu, akakhohlwanga ukuthanda uNkulunkulu, futhi wayesaqhubeka efuna ukuqonda intando kaNkulunkulu. Imithandazo yakhe yayiba nala mazwi: Ayikho into engiyifezile ngaphezu kokubuyisela uthando Lwakho. Angizange ngilethe ubufakazi Ngawe phambi kukaSathane, angizange ngizikhulule ethonyeni likaSathane futhi ngisaphila enyameni. Ngiyafisa ukumnqoba uSathane ngothando lwami, ngimhlaze, ngalokho ngenze lokhu okufisayo. Ngifisa ukunikela ngoqobo lwami Kuwe, ngingazinikeli nangengxenyana yami kuSathane ngoba uSathane uyisitha Sakho. Njengoba uPetru ayeqhubeka efuna ukwenza kanjalo, wayekhuthazeka, nolwazi lwakhe lwalukhula kakhulu. Kungakabiphi, wabona ukuthi kufanele agqashule ethonyeni likaSathane futhi aphinde azinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. Wakwazi ukuwufinyelela lowo mbuso. Wakwazi ukulwisana nethonya likaSathane wadela nezinto ezazizojabulisa inyama futhi wayezimisele ukuba abhekane nokusolwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu. Wathi, “Ngisho noma ngiphila ngaphansi kokusola nokwahlulela Kwakho, kungakhathaleki ukuthi kusuke kunzima kanjani, angizimisele nhlobo ukuphila ngaphansi kokubuswa nguSathane okhohlisayo. Ngiyajabula ngokuphila ngaphansi kwesiqalekiso Sakho kunokuphila ngaphansi kwezibusiso zikaSathane. Ngiyakuthanda ngokuba ngifune ukuphila ngaphansi kokwahlulela Kwakho futhi lokho kungijabulisa kakhulu. Ukusola neokwahlulela kwakho silungile futhi singcwele; sihloselwe ukungihlanza nokungisindisa. Ngingancamela ukuba ukuphila kwami konke kube ngaphansi kokahlulela Kwakho, kunakekelwe Nguwe. Angikufisi ngisho nakancane ukuphila ngaphansi kombuso kaSathane; ngifisa ukuhlanzwa Nguwe; noma ngizwa ubunzima angizimisele ukuxhashazwa nguSathane ngamaqhinga akhe. Mina, sidalwa, kufanele ngisetshenziswe Nguwe, ngibe ngowakho, ngahlulelwe Nguwe futhi ngisolwe Nguwe. Kufanele ngize ngiqalekiswe Nguwe. Inhliziyo yami iyajabula lapho uzimisele ngokungibusisa ngoba ngilubonile uthando Lwakho. UnguMdali, mina ngiyisidalwa Sakho: Akufanele ngikuphoxe ngiphile ngaphansi kokubuswa nguSathane, futhi akufanele ngixhashazwe nguSathane. Kufanele ngibe ihhashi Lakho, noma inkabi, kunokuphilela uSathane. Ngingancamela ukuphila ngaphansi kokusola Kwakho, kunokuchachamba injabulo yenyama, lokho bekuyongijabulisa ngisho noma ngizolahlekelwa umusa Wakho. Ngiyajabula uma ungahlulela noma ungisola nakuba umusa Wakho ungekho phezu kwami; lesi yisibusiso esikhulu esivela Kuwe, umusa Wakho omkhulu. Nakuba uhlale uphakeme futhi unolaka kimi, nalapho angikwazi ukukushiya futhi angikwazi ukukuthanda ngokwanele. Ngingancamela ukuphila ekhaya Lakho, ukuthi ungiqalekise, ungisole futhi ungishaye, angizimisele ukuphila ngibuswa uSathane futhi angizimisele ukutatazela ngijahe okwenyama, ingasaphathwa eyokuthi ngiphilele inyama.” Uthando lukaPetru lwalumsulwa. Lokhu kulandisa okomuntu ophelelisiwe futhi kusezingeni eliphezulu kunelabanye abaphelelisiwe, akukho ukuphila okunenjongo ngaphezu kwalokho. UPetru wakwamukela ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, wayebazisa ubungcwele bukaNkulunkulu akukho lutho kuye ayekubona kuyigugu. Wathi, “USathane unginika injabulo yenyama, kodwa angiyifuni. Ukusola nokwahlulela kusikaNkulunkulu siphezu kwami—ngizizwa ngibalulekile, ngithola injabulo futhi ngibusisekile. Ukube uNkulunkulu akangahlulelanga, ngangingeke ngimthande, bengiyohlala ngaphansi kokubusa kukaSathane, angilawule futhi angiqondise. Uma bekunjalo, bengingeke ngiphile njengomuntu wangempela, ngoba bengizobe ngingakwazi ukujabulisa uNkulunkulu futhi ngingakwazi ukuzinikela kuNkulunkulu. Nakuba uNkulunkulu engangibusisi, engishiya ngingakhululekile, kube sengathi kunomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi ngingenakho ukuthula noma injabulo, nakuba ukusola nesiyalo sikaNkulunkulu singakaze sibe kude nami, ekwahlulelweni kukaNkulunkulu ngiyakwazi ukuthola ukulunga Kwakhe. Kuyangijabulisa lokhu; ayisekho phela into eyigugu nenenjongo ekuphileni. Nakuba ukuvikelwa nokunakekelwa Nguye kuphenduke ukusolwa ukwahlulelwa, isiqalekiso, nokushaya okungenalo uzwelo, zisangijabulisa lezi zinto ngoba zingangihlanza futhi zingishintshe futhi zingisondeze kuNkulunkulu, zingenze ngithande uNkulunkulu, zenze nothando lwami ngoNkulunkulu lube msulwa. Lokhu kungenza ngikwazi ukwenza umsebenzi wami njengoba ngiyisidalwa, kungiletha phambi kukaNkulunkulu kungiqhelise ethonyeni likaSathane, ukuze ngingabe ngisakhonza uSathane. Lapho ngingaphili ngaphansi kokubuswa nguSathane, ngiyakwazi ukunikela ngakho konke enginakho nakho konke engingakwenza kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzigodla—yilapho ngizizwa khona ngigculiseke kakhulu. Ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu okungisindisile futhi ukuphila kwami akuhlukaniseki ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu. Ukube ukuphila kwami emhlabeni bekungaphansi kokubuswa nguSathane futhi kungekho ngaphansi kwesivikelo sikaNkulunkulu ngokusolwa nokwahlulelwa Nguye, bengiyohlala ngaphansi kokubuswa nguSathane futhi ngaphezu kwalokho bengingeke ngilithole ithuba noma izindlela zokuphila ukuphila okunenjongo. Ngaphandle uma ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu singazange singishiye bengizokwazi ukuhlanzwa nguNkulunkulu. Ngaphandle kwamazwi ahlabayo nobungcwele bukaNkulunkulu kanye nokwahlulela okuphakeme kukaNkulunkulu lapho ngithole khona isivikelo esikhulu futhi ngaphila ekukhanyeni, ngathola izibusiso zikaNkulunkulu. Ukuze ngihlanzwe, ngikhululeke kuSathane ngiphile ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu—lesi yisibusiso esikhulu kakhulu ekuphileni kwami namuhla.” Yilokhu okungcono uPetru akuzwa ekuphileni kwakhe.

Zinjalo izimo umuntu okumele alwele ukuzithola ngemva kokuba enziwe waphelela. Uma ungeke ufinyelele kulezo zimo, lokho kusho ukuthi ngeke uphile ukuphila okunenjongo. Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphila esihogweni futhi ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? UPetru wayekholelwa ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela! UPetru wathandaza, “O Nkulunkulu! Uma nje ungisola futhi ungahlulela, ngiyokwazi ukuthi awuzange ungishiye. Ngisho noma kuthiwa awunginiki injabulo noma ukuthula, ungenze ngiphile ngezinsizi futhi ngithole ukusolwa okuningi, uma nje ungangishiyanga inhliziyo yami iyokhululeka. Namuhla, Ukusola nokwahlulela Sakho kuphenduke esivikelo sami esihle kakhulu nesibusiso sami esikhulu kunazo zonke. Umusa ongipha wona uyangivikela. Umusa owubeka phezu kwami namuhla ungibonisa isimo Sakho sokulunga futhi uwukwahlulela nokusola Kwakho; ngaphezu kwalokho uwuvivinyo futhi ngaphezu kwalokho ungukuphila kokuhlupheka.” UPetru wakwazi ukubeka eceleni injabulo yenyama wafuna uthando olujulile nesivikelo esikhulu ngoba wayethole umusa omkhulu ekwahlulelweni nasekusoleni kukaNkulunkulu. Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu. Umuntu uphila ngaphansi kwethonya likaSathane futhi uphila enyameni; uma engahlanziwe futhi engasitholi isivikelo sikaNkulunkulu, uyoba mubi nakakhulu. Uma efisa ukuthanda uNkulunkulu, kuyomele ahlanzwe futhi asindiswe. UPetru wathandaza, “Nkulunkulu, lapho ungiphatha ngobumnene ngijabula kakhulu, ngiduduzeke; futhi lapho ungisola ngizizwa ngiduduzeka futhi ngijabula nakakhulu. Nakuba ngibuthakathaka ngibekezelela ukuhlupheka ebengingakwazi, nakuba kunezinyembezi nomunyu, uyazi ukuthi lo munyu ubangelwa ukungalaleli kwami nangenxa yobuthakathaka bami. Ngiyakhala ngoba angikwazi ukwanelisa izifiso Zakho, ngizwa usizi futhi ngiyazisola ngoba angikufanele ukuma phambi Kwakho kodwa ngizimisele ukuthola lo mbuso, ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngikujabulise. Ukusola Kwakho singilethele isivikelo futhi singinike insindiso enkulu kakhulu; ukwahlulela Kwakho sivimba ukubekezela nesineke Sakho. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho bengingeke ngithole isihawu nomusa Wakho othandekayo. Namuhla, ngikubona kahle ukuthi uthando uthando Lwakho ludlula ngale kwamazulu futhi ludlula yonke into. Uthando Lwakho alusona nje isihe nomusa wothando; ngisho nangaphezu kwalokho, luwukusolwa nokwahlulelwa. Ukusola nokwahlulela Kwakho kungizuzise kakhulu. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho, akekho noyedwa obengahlanzwa, akekho noyedwa obengaluzwa uthando lukaMdali. Nakuba ngibekezelele amakhulu ezivivinyo nezinsizi futhi sengike ngasondela egodini, zenze ukuthi ngikwazi ngempela futhi ngizuze insindiso ephakeme. Ukube ngishiywe ukusola, ukwahlulela kanye nesiyalo Sakho, bengiyophila ebumnyameni, ngaphansi kokubuswa uSathane. Yiziphi izinzuzo inyama yomuntu enazo? Ukube bengizoshiywa ukusola nokwahlulela Kwakho, bekuyoba sengathi uMoya Wakho ungishiyile, kufane nokuthi awusekho nami. Uma bekunjalo, bengizoqhubeka kanjani ngiphila? Uma ungifumba ukugula, uthathe inkululeko yami, ngingaqhubeka ngiphila, kodwa uma ngishiywa ukusola kanye nokwahlulela Kwakho, ngeke ngibe nayo indlela yokuphila. Uma bengiphila ngaphandle kokwahlulela nokusola Kwakho, bengiyolahlekelwa uthando Lwakho, uthando olujule kakhulu kimi engingeke ngiluchaze ngamazwi. Ngaphandle kothando Lwakho, ngabe ngiphila ngaphansi kokubuswa uSathane, futhi ngingahluleka ukubona ubuso Bakho obukhazimulayo. Ngingaqhubeka kanjani ngiphile? Angeke ngikubekezelele ukuphila nobumnyama obunjalo. Ukuba Nawe kufana nokuthi ngiyakubona, ngakho ngingakushiya kanjani? Ngiyakuncenga ukuba ungalokothi uthathe ukunethezeka kwami okukhulu ngisho noma kungamazwi ambalwa angiqinisekisayo. Ngijabulile ngothando Lwakho futhi namuhla angikwazi ukuqhelelana Kungenzeka kanjani ukuthi ngingakuthandi? Kunezinyembezi eziningi zosizi ezehle ngenxa yothando Lwakho, nokho bengihlezi ngicabanga ukuthi ukuphila kanjena kunenjongo nakakhulu, kuyangicebisa, kungishintshe futhi kungenze ngikwazi ukubamba iqiniso okufanele libanjwe yizidalwa.”

Konke ukuphila komuntu kungaphansi kokubusa kukaSathane futhi akekho noyedwa ongakwazi ukuzikhulula ngamandla akhe ekuthonyweni nguSathane. Bonke baphila ezweni elingcolile, elinenkohlakalo nobuze, elingenayo nencane injongo; baphila impilo yokungabi nandaba yenyama, yenkanuko, futhi baphilela noSathane. Ukuphila kwabo akubalulekile nakancane. Umuntu akakwazi ukuzitholela yena iqiniso eliyomkhulula ethonyeni likaSathane. Ngisho noma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu futhi elifunda iBhayibheli, akaqondi ukuthi angazikhulula kanjani ekulawulweni yithonya likaSathane. Kuzo zonke izizukulwane, bambalwa kakhulu abathole le mfihlo, bambalwa kakhulu abayibambile. Njengoba umuntu emzonda kangaka uSathane, ezonda inyama yakhe, akakwazi ukunqoba ithonya likaSathane. Namuhla, ingabe anisekhona ngaphansi kombuso kaSathane? Anizisoli ngezenzo zenu zokungalaleli, ingasaphathwa-ke eyokuthi ningcolile futhi anilaleli. Ngemva kokuphikisana noNkulunkulu, nize nithole ngisho ukuthula kwengqondo nizizwe nibakhulu. Ingabe ukuthula kwenu akwenziwa ukuthi nikhohlakele? Ingabe lokhu kuthula kwenu okusengqondweni akwenziwa wukuthi anilaleli? Umuntu uphila esihogweni esenzelwe umuntu, uphila ngaphansi kwethonya elimnyama likaSathane; emhlabeni, lapho izipoki nabantu kuhlala khona, nalapho kungena enyameni yomuntu. Awuphili epharadesi elihle emhlabeni. Indawo okuyo ibuswa udeveli, isihogo, indawo eyingozi. Uma umuntu engahlanziwe, kuyosho ukuthi ungowokungcola; uma engavikelwa futhi enganakekelwa uNkulunkulu, usayisigqila sikaSathane; uma engahlulelwe futhi engasoliwe lokho kusho ukuthi akanayo indlela yokuphunyuka ekucindezelweni ubumnyama bethonya likaSathane. Ukukhohlakala kwakho okubonisayo kanye nokuphila kwakho ngendlela ebonisa ukuthi awulaleli kuwubufakazi obuveza ngokusobala ukuthi usaphila ngaphansi kokubuswa nguSathane. Uma ingqondo kanye nemicabango yakho kungazange kuhlanzwe futhi isimo sakho singakaze sahlulelwe futhi sisolwe, lokho kusho ukuthi sonke isiqu sakho sisalawulwa nguSathane, imicabango yakho ikhohliswe nguSathane, sonke isiqu sakho sisezandleni zikaSathane. Uyazibona yini ukuthi usuqhelelene kanjani nezinga lokuphila kukaPetru? Unalo lelo zinga? Kuningi kangakanani okwazi ngokusola nokwahlulela kwanamuhla? Kungakanani osukubambile kwalokho uPetru akwazi? Uma namuhla uhluleka ukwazi, ingabe uzokwazi ukufinyelela lolo lwazi esikhathini esizayo? Umuntu oyivila noyigwala njengawe kalula nje akanakukwazi ukusola nokwahlulela. Uma ujaha ukuthula enyameni, kanye nokufeza izifiso zayo, lokho kuyosho ukuthi ayikho indlela ongahlanzwa ngayo, futhi ekugcineni uzobuyiselwa kuSathane ngoba uphila ngendlela kaSathane, nenyama. Njengoba izinto zinjalo namuhla, abantu abaningi abanandaba nokuphila, okusho ukuthi abanandaba nokuhlanzwa noma ukuthola ulwazi olunzulu ngokuphila. Bangenziwa kanjani ukuba baphelele? Labo abangakufuni ukuphila, abanalo ithuba lokupheleliswa futhi labo abangafuni ukwazi uNkulunkulu futhi abangafuni ukushintsha isimo sabo, abanayo indlela yokuphunyuka ethonyeni lobumnyama bukaSathane. Abakhathazeki kangako ngokuphathelene nolwazi lwabo ngoNkulunkulu kanye nokungena kwabo ezinguqukweni zesimo sabo, abanandaba nakho njengalabo abakholelwa enkolweni kuphela, futhi abamane balandele okwenziwayo futhi baye ezinkonzweni ezijwayelekile. Ingabe lokho akukhona ukudlala ngesikhathi? Uma ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, umuntu engabi nandaba nezinto ezibalulekile eziphathelene nokuphila, engafuni ukungena eqinisweni, engalufuni ushintsho esimweni sakhe, ingasaphathwa eyokwazi umsebenzi kaNkulunkulu, angeke apheleliswe. Uma ufisa ukupheleliswa, kumele uqonde umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ukuqonde ngokukhethekile ukubaluleka kokusola kanye nokwahlulela Kwakhe, nokuthi kungani lo msebenzi wenziwa kumuntu. Ingabe uyakwazi ukwamukela? Uma wahlulelwa kanjalo, ingabe uyakwazi ukufinyelela ezingeni elifana nelikaPetru, kanye nasolwazi lwakhe? Uma ufuna ulwazi ngoNkulunkulu kanye nemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi ufuna nokuguqula izindlela zakho, uzoba nethuba lokupheleliswa. 

Ngokwalabo abazokwenziwa baphelele, lesi sigaba somsebenzi wokunqotshwa sibaluleke kakhulu; umuntu onqotshiwe kuphela oyothola ithuba lokupheleliswa. Ayikho into ebaluleke ngokwenza kuphela indima yokunqotshwa, engeke ikwenze ukwazi ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngeke ube nendlela yokudlala indima yakho ekusakazeni ivangeli, ngoba awukulweli ukuphila, futhi awuzifuni izinguquko nokwenziwa musha, ngakho uzobe ungayazi kahle impilo. Phakathi nala magxathu omsebenzi, wake wenza njengesikhonzi, kodwa uma ekugcineni ungakufuni ukulwela ukuba njengoPetru, okulwelayo kungafani nendlela uPetru apheleliswa ngayo, uma kunjalo, ngokwemvelo, angeke ube noshintsho endleleni yakho yokuphila. Uma ungumuntu ofuna ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kulezi zinyathelo ngezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngiwamukele umsebenzi wokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu futhi nakuba ngibekezelele ukuhlupheka okunzima, sengiye ngayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngizuze ulwazi ngokulunga kukaNkulunkulu futhi ukusola Kwakhe kungisindisile. Isimo Sakhe sokulunga sehlele kimi, sangilethela izibusiso kanye nomusa; ukwahlulela nokusola Kwakhe okungivikele futhi kwangingcwelisa. Ukube angisolwanga futhi ngahlulelwa uNkulunkulu, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindiswanga. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabulela konke okwenziwe uMdali, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi zonke izidalwa kufanele zijabulele isimo sokulunga sikaNkulunkulu, futhi zijabulele izahlulelo Zakhe zokulunga, ngoba umuntu kufanele asijabulele isimo sikaNkulunkulu. Njengesidalwa esonakaliswe nguSathane, umuntu kufanele ajabule ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Esimweni Sakhe sokulunga kunokusola nokwahlulela futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu ngokugcwele namuhla, ngibe nenhlanhla yokulubona, futhi ngibusisiwe ngakho.” Lena yindlela labo abaphelelisiwe abahamba kuyo, nolwazi abakhuluma ngalo. Abantu abanjalo bafana noPetru; bayizwile indlela uPetru aphila ngayo. Abantu abanjalo kuseyilabo abazuze ukuphila, abaneqiniso. Uma bezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile baziphunyula ethonyeni likaSathane futhi bazuzwe nguNkulunkulu.

Ngemva kokuba sebenqotshiwe, abantu ababi nabo ubufakazi obucacile. Baamphoxile uSathane kodwa bangaphila ngamazwi kaNkulunkulu. Awuzange uzuze insindiso yesibili; uthole umnikelo wesono, nokho awukakapheleliswa—lokhu ukulahlekelwa okukhulu. Kumele ukuqonde lokho ongena kukho, nokuthi kuzofanele uphile kanjani, bese ungena kukho. Uma ekugcineni ungafinyeleli ekuphelelisweni, uyobe ungeyena umuntu wangempela futhi uyoba nokuzisola. U-Adamu no-Eva uNkulunkulu abadala ekuqaleni babengabantu abangcwele, okusho ukuthi, ngesikhathi beseseNsimini yase-Edene babengcwele, bengenakho ukungcola. Babethembekile kuJehova futhi bengazi lutho ngokungathembeki kuJehova. Lokhu kungenxa yokuthi babengaphazanyiswa yithonya likaSathane, ungakabathinti ushevu kaSathane futhi bengabantu abamsulwa emlandweni wesintu. Babehlala eNsimini yase-Edene, bengenakho ukungcola, bengakabi sethonyeni lenyama futhi bemhlonipha uJehova. Kamuva, lapho belingwa nguSathane, badla isihlungu senyoka base beba nelukuluku lokungathembeki kuJehova, babe sebephila ngaphansi kwethonya likaSathane. Ekuqaleni, babengcwele futhi bemhlonipha uJehova; babengabantu kuphela uma bephila kanjalo. Kamuva, balingwa nguSathane, badla isithelo solwazi lokuhle nokubi ngemva kwalokho baphila ngaphansi kwethonya likaSathane. Kancane kancane, izingqondo zabo zonakaliswa nguSathane balahlekelwa ngubuntu bangempela, obuphelele. Umuntu wayenomoya kaJehova futhi kwakungekho nokuncane ukungamlaleli futhi bungekho nobubi enhliziyweni yakhe. Ngaleso sikhathi umuntu wayengumuntu wangempela. Ngemva kokonakaliswa nguSathane, umuntu waphenduka isilwane: Imicabango yakhe yagcwala ububi nokungcola ngaphandle kobuhle nobungcwele. Ingabe akuyena uSathane lowo? Uzibonele imisebenzi eminingi kaNkulunkulu nokho awukakashintshi noma awukahlanzwa. Usaphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi awuzithobi kuNkulunkulu. Lona ngumuntu osenqotshiwe kodwa ongakapheleliswa. Kungani umuntu onjalo kuthiwa akakapheleliswa? Kungenxa yokuthi akakulweli ukuphila noma ulwazi ngemisebenzi kaNkulunkulu akukho okunye akufunayo kunokujaha izifiso zenyama kanye nokujabula isikhashana. Umphumela walokho ukuthi alukho ushintsho ekuphileni kwakhe futhi akakutholi ukufana nomuntu wokuqala owadalwa nguNkulunkulu. Abantu abanjalo bafana nezidumbu ezihambayo, bangabafile abangenawo umoya! Labo abangalulweli ulwazi ngezinto zomoya, abangabulweli ubungcwele, abangakulweli ukuphila ngeqiniso, abaneliseka ngokunqotshwa ohlangothini olungeluhle, futhi abangakwazi ukuphila ngokwamazwi kaNkulunkulu futhi babe abantu abangcwele—laba abantu abangasindisiwe. Ngoba uma umuntu engenalo iqiniso, akakwazi ukuma aqine phakathi novivinyo lukaNkulunkulu; yilabo abangakwazi ukuma baqine phakathi nokuvivinywa nguNkulunkulu kuphela abasindisiwe. Abantu engibafunayo abafana noPetru, okungabantu abafuna ukupheleliswa. Iqiniso namuhla linikwa labo abalilangazelelayo futhi abalifunayo. Le nsindiso inikwa labo abalangazelela ukusindiswa uNkulunkulu futhi ayenzelwanga ukuba izuzwe nguwe kuphela kodwa kuqondwe nokuthi nawe uzuzwe nguNkulunkulu. Uzuza uNkulunkulu ukuze Naye uNkulunkulu akuzuze. Namuhla ngikhulume la mazwi kuwe, futhi uwazwile nokuthi kufanele uphile ngala mazwi. Ekugcineni lapho usebenzisa la mazwi kuzoba yilapho sengikuzuzile ngawo; futhi ngesikhathi esifanayo nawe uyobe uwazuzile la mazwi, okusho ukuthi uyobe uyitholile le nsindiso yaphezulu. Lapho nje usuhlanziwe, uyoba usungumuntu wangempela. Uma wehlulwa ukuphila ngeqiniso noma wehlulwa ukuphila njengomuntu owenziwe waphelela, ngalokho kungashiwo ukuthi awuyena umuntu, uyisidumbu esihambayo, isilwane ngenxa yokuthi awuphili ngeqiniso, okusho ukuthi awunawo umoya kaJehova nokuthi ungumuntu ofile ongenawo umoya! Nakuba kuyinto engenzeka ukuba ufakaze ngemva kokunqontshwa, okutholayo ukusindiswa okuncane futhi awukakabi isidalwa esiphilayo esinomoya. Nakuba udlule ekusolweni nasekwahlulelweni, isimo sakho asishintshwanga noma senziwe kabusha ngenxa yalokho; useyilokhu owawuyikho kuqala, usengokaSathane nokuthi awukabi umuntu ohlanziwe. Yilabo abenziwe baphelela kuphela abayigugu, futhi abantu abanjalo abazuze ukuphila kwangempela. Ngelinye ilanga abanye bayothi kuwe, “Usuke wawubona umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngakho awuthi qaphu qaphu ngokuthi unjani umsebenzi Wakhe. UDavide wazibonela umsebenzi kaNkulunkulu futhi izenzo zikaJehova zaba kuye, noMose ngokunjalo wazibambisisa izenzo zikaJehova futhi bobabili bakwazi ukuzichaza futhi babengakhuluma ngokumangalisa kukaJehova. Niwubonile umsebenzi owenziwe uNkulunkulu osenyameni; ezinsukwini zokugcina ungakhuluma ngokuhlakanipha Kwakhe? Kukhona eningakusho ngokubabazeka komsebenzi Wakhe? Yiziphi izinto uNkulunkulu azifune kuwe kini futhi uzithole zinjani? Niwubonile umsebenzi kaNkulunkulu phakathi nezinsuku zokugcina; uyini umbono wenu omkhulu? Ningakhuluma ngakho? Ungakhuluma ngesimo sikaNkulunkulu sokulunga?” Ungaphendula kanjani lapho ubuzwa le mibuzo? Uma uthi, “UNkulunkulu ungcwele, uyasisola asehlulele, usiveza ngokungazigodli. Isimo sikaNkulunkulu asizamukeli nhlobo izono zomuntu. Ngemva kokuzibonela umsebenzi kaNkulunkulu, sengiyabazi kahle ubulwane esiyibo futhi sengibubonile nobungcwele bukaNkulunkulu,” omunye umuntu uzokubuza ukuthi, “Yini enye oyaziyo ngoNkulunkulu? Umuntu ukuthola kanjani ukuphila? Ikhona eminye imigomo onayo?” Uzophendula uthi, “Ngemva kokonakaliswa uSathane, izidalwa zikaNkulunkulu ziphenduke izilwane, futhi bezingasahluke ngalutho ezimbongolweni. Namuhla, ngisezandleni zikaNkulunkulu futhi kumele ngijabulise izifiso zikaMdali, ngilalele konke akufundisayo. Ayikho futhi enye indlela.” Uma ukhuluma ngezinto ezinjalo kuphela, umuntu okhulumayo ngeke akuqonde okushoyo. Uma bekubuza ukuthi wazini ngomsebenzi kaNkulunkulu, basuke bekhuluma ngezinto odlule kuzo. Basuke befuna ukuthola ukuthi wazini ngokusola nangokwahlulela kukaNkulunkulu ngemva kokudlula kwakho kukho, futhi basuke befuna ukwazi ngezinto wena odlule kuzo, bafuna ukhulume ngokwaziyo ngeqiniso. Uma uhluleka ukukhuluma ngezinto ezinjalo, lokhu kufakazela ukuthi awazi lutho ngomsebenzi wanamuhla. Uhlezi ukhuluma ngenzwabethi noma ngalokhu okwaziwa nguwonke-wonke; akukho okwazi kahle, ingasaphathwa eyesisekelo solwazi lwakho, nokuthi ubufakazi bakho abulona iqiniso ngakho abanye abantu awukwazi ukubakholisa. Ungamane nje ube ngumlandeli kaNkulunkulu, futhi ungafuni ukuba nelukuluku elikwenza ufune ukwazi konke. Ngokungashisi futhi ungabandi, uzozichithakalisa bese uzibambezela ekuphileni. Kumele uzikhohlwe izenzo zakho zobuvila nokungabi matasa, uze ujwayelane nezinto ezinhle futhi unqobe ubuthakathaka bakho ukuze uzuze iqiniso futhi uphile ngalo. Ayikho into ethusayo ngobuthakathaka bakho futhi amaphutha owenzayo awayona inkinga yakho enkulu. Inkinga yakho enkulu nephutha lakho elikhulu ungaqondakali kwakho ukuthi uyabanda noma uyashisa nanokungabi nesifiso sokufuna iqiniso. Inkinga enkulu nonke eninayo ukuthi ningamagwala kuyilapho nizijabulela izinto zinjengoba zinjalo bese ningenzi lutho ngazo. Lokho kuwugibe olukhulu kini futhi kuyisitha esikhulu ekufuneni kwenu iqiniso. Uma nilalela ngenxa yamazwi ajulile engiwakhulume kini, lokho kuyosho ukuthi anilubambile nhlobo ulwazi futhi anilazisi iqiniso. Ukulalela okunjengokwakho akusibo ubufakazi futhi angikwamukeli. Omunye angase anibuze, “Uvelaphi ngempela uNkulunkulu wenu? Yini ephathekayo uNkulunkulu wenu anayo?” Uzophendula uthi, “Isiqu Sakhe ukusola nokwahlulela kwakhe.” Bese eqhubeka, “Ingabe uNkulunkulu akanawo umusa futhi akanalo uthando kumuntu? Awukwazi lokhu?” Uzothi, “Lowo nguNkulunkulu wabanye. NguNkulunkulu abantu benkolo abakholwa kuye, akuyena owethu.” Uma abantu abanjengawe besakaza ivangeli, lokho kuyosho ukuthi indlela yeqiniso uyonakalisile, ngakho uyini umsebenzi wakho? Abanye abantu bangayithola kanjani indlela yeqiniso kuwe? Awunalo iqiniso, awulikhulumi nhlobo iqiniso ngaphezu kwalokho uyaliqeda. Yini ekwenza ufanelekele ukuphila phambi kukaNkulunkulu? Uma usakaza ivangeli kwabanye nalapho uhlanganyela ngeqiniso futhi ufakaza ngoNkulunkulu, uma uhluleka ukubazuza bayowaphikisa amazwi owakhulumile. Ingabe ukuba khona kwakho kuyabonakala? Usubone omningi umsebenzi kaNkulunkulu, nokho lapho ukhuluma ngeqiniso, ukhuluma amazwi angenangqondo. Awuyena yini umuntu ongemsebenzi? Uyini umsebenzi wakho? Kwenzeka kanjani ukuba nibone imisebenzi kaNkulunkulu emingaka kodwa ningabi noluncane ulwazi Ngaye? Lapho benibuza ukuthi yiluphi ulwazi eninalo ngoNkulunkulu oluyiqiniso, ziyima emthumeni noma mhlawumbe niphendule ngento engahlangene nombuzo abawubuzile—nithi uNkulunkulu unamandla, nithi izibusiso enizitholile ziyinjabulo enkulu kaNkulunkulu nokuthi alikho iqholo eniyoke nibe nalo kunokuzibonela uNkulunkulu mathupha. Kubaluleke ngani ukusho lokhu? Angamazwi angenamsebenzi, ayize! Uma usunolwazi oluningi ngomsebenzi kaNkulunkulu, ingabe wazi kuphela ukuthi ukuphakamisa uNkulunkulu kuyiqiniso? Kumele uwazi umsebenzi kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela uyokwazi ukunikeza ubufakazi obuyiqiniso kuNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuba labo abangazange balithole iqiniso banikeze ubufakazi ngoNkulunkulu?

Uma umsebenzi omngaka namazwi amangaka engakuthinti, kuyothi lapho kufika isikhathi sokusakaza umsebenzi kaNkulunkulu uyohluleka ukwenza umsebenzi wakho futhi uyohlazeka uphinde ululazeke. Ngaleso sikhathi uyozwa sengathi umkweleta okuningi uNkulunkulu nokuthi ulwazi onalo ngoNkulunkulu luyobe lukha phezulu. Uma ungalufuni ulwazi ngoNkulunkulu namuhla, njengoba esasebenza, ngokuhamba kwesikhathi kuyobe sekubhedile. Ekugcineni luyobe lungasekho ulwazi ongakhuluma ngalo—uyosala ulambatha, ungenalutho. Yini oyokwazi ukuyisebenzisa ekulandiseni kuNkulunkulu? Unaso isifiso sokubheka kuNkulunkulu? Manje, kumele uzame ukusebenza kanzima ezintweni ozifunayo, ukuze ekugcineni, ube njengoPetru, wazi ukuthi kuzuzisa kanjani iukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kumuntu nokuthi wazi ukuthi ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwaakhe umuntu ngeke asindiswe kunalokho angacwila ekungcoleni kwakhe, acwile nakakhulu obishini. Abantu bonakaliswa uSathane, omunye unake omunye futhi omunye uchachaza ekhanda lomunye, abasamesabi uNkulunkulu futhi ukungalaleli kwabo kukhulu kakhulu, sebenemibono eminingi futhi yonke ngekaSathane. Ngaphandle kokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, isimo somuntu esikhohlakele ngeke sihlanzwe futhi ngeke asindiswe. Lokho okuboniswa yimisebenzi kaNkulunkulu osamuntu esenyameni yilokho okuvezwa nguMoya nokuthi umsebenzi awenzayo yilowo owenziwe nguMoya. Namuhla, uma ungenalo ulwazi ngomsebenzi Wakhe kusho ukuthi uyisiphukuphuku futhi kuningi okukulahlekele! Uma ungakayitholi insindiso kaNkulunkulu kusho ukuthi ukholo lwakho lungolwenkolo nokuthi ungumKristu wenkolo. Imisebenzi emisha kaMoya Oyingcwele ikulahlekele ngenxa yokuthi ubambelele emfundisweni efile kanti abanye abafuna ukuthanda uNkulunkulu bayakwazi ukuthola iqiniso kanye nokuphila, kuyilapho ukholo lwakho lungakwazi ukwamukelwa nguNkulunkulu. Kunalokho usuphenduke umenzi wokubi, owenza izinto ezilimazayo nezingathandeki, usuphenduke isisulu senhlekisa kaSathane nesigqila sakhe. UNkulunkulu akayena owukuba umuntu akholelwe kuye kodwa kufanele athandwe, afunwe futhi akhonzwe ngumuntu. Uma ungamfuni namuhla, usuku luyofika lapho uyothi khona, “Ngalesiya sikhathi angimlandelanga ngani ngokufanele uNkulunkulu, angamenelisa ngokufanele, angafuna izinguquko esimweni sempilo yami? Yeka indlela engizisola ngayo ngokuthi angizange ngizinikele kuNkulunkulu ngaleso sikhathi, futhi angizange ngifune ulwazi ngezwi likaNkulunkulu. Kuningi uNkulunkulu akusho ngaleso sikhathi; kungani ngingazange ngimfunisise? Ngibe yisiphukuphuku!” Uyozenyanya ngezinga elithile. Namuhla awuwakholwa amazwi engiwashoyo futhi awuwanakile; lapho kufika usuku lokuba umsebenzi Wakhe usabalale, uyowabona ngobuningi bawo, uyozisola futhi ngaleso sikhathi uyomangala kakhulu. Kunezibusiso kodwa awazi ukuthi ungazijabulela kanjani, futhi kuneqiniso kodwa awulilweli. Ingabe awuziletheli ukweneliseka? Namuhla, nakuba sekuseduze ukuba isinyathelo esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu siqale, ayikho into ebaluleke njengalokho okufuneka kuwe nalokho okufanele uphile ngakho. Miningi imisebenzi namaqiniso; ingabe akufanele ukuba kwaziwe nguwe? Ingabe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ngeke sawuvusa umoya wakho? Ingabe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ngeke kukwenze uzenyanye? Ingabe wanelisekile ngokuphila ngokuthula nangokujabula, nangokweneliseka kwenyama okwesikhashana ngaphansi kwethonya likaSathane? Awuyena yini ophansi kunabo bonke abantu? Akekho oyisilima njengalowo obone insindiso kodwa wangalwela ukuyizuza: laba ngabantu abazitika ngenyama futhi abajabula ngoSathane. Uthembela ekutheni ukholo lwakho kuNkulunkulu aluzoba nezinselele noma nezinsizi noma ubunzima obungatheni. Uhlezi ulwela lezo zinto ezingenanzuzo futhi ukuphila kwakho awukwenzanga kwaba nenjongo, kunalokho ubeka imicabango yakho ngaphambi kweqiniso. Awulusizo lwalutho! Uphilisa okwengulube—yimuphi umehluko phakathi kwakho nezingulube nezinja? Ingabe bonke labo abangalifuni iqiniso kunalokho bathanda inyama, abazona yini izilwane? Ingabe labo abafile abangenawo umoya abazona yini izidumbu ezihambayo? Mangaki amagama akhulunywe kuwe? Ingabe mncane umsebenzi owenziwe kuwe? Kungakanani engikunike khona? Ngakho kungani ungazange ukuthathe? Yini ongakhala ngayo? Akukhona yini ukuthi awuzuzanga lutho ngenxa yokuthi uyithanda kakhulu inyama yakho? Futhi akukhona yini ukuthi imicabango yakho ibinehaba? Akukhona yini ukuthi uyisiphukuphuku? Uma ungakwazi ukuthola lezi zibusiso, ungamsola yini uNkulunkulu ngokungakusindisi? Lokho okufunayo ukuthola ukuthula ngemva kokukholelwa kuNkulunkulu—ukuze izingane zakho zikhululeke ekuguleni, umyeni wakho athole umsebenzi oholela kahle, indodana yakho ithole umfazi omuhle, indodakazi yakho ithole umyeni okahle, izimbongolo kanye namahhashi kukulimele kahle umhlabathi, unyaka ube nesimo sezulu esihle ukuze izitshalo zakho zingashi. Yilokhu okufunayo. Ufuna kuphela ukuphila ngokunethezeka, ukuba kungenzeki ngozi emndenini wakho, isiphepho singakuthinti, ubuso bakho bungathintwa nayitshe elincane, zingakhukhuleki izitshalo zomndeni wakho, ungathintwa nayinoma iyiphi inhlekelele yemvelo, ukuba uphile ekwamukelweni nguNkulunkulu, uphile ngaphansi kwesivikelo esifudumele. Igwala elinjengawe, elihlezi lifuna okwenyama—unayo inhliziyo, unawo umoya? Ingabe uwusona isilwane? Ngikunika indlela yeqiniso ngaphandle kokuba ngilindele ukuba ungibuyisele okuthile, kodwa wena akukho ukuzikhandla okwenzayo. Awuyena yini omunye wabakholelwa kuNkulunkulu? Ngibeka ukuphila kwangempela komuntu kuwe, nokho wena awenzi lutho. Ingabe ukhona umehluko phakathi kwakho nengulube noma nenja? Izingulube zona azikufuni ukuphila komuntu, azikudingi ukuhlanzwa futhi azikuqondi ukuthi ukuphila kuyini. Njalo ngosuku, uma nje sezidle zasutha, zivele zizilalele. Mina ngikunikeze indlela yeqiniso, nokho wena awukakayitholi: Awazi lutho. Ingabe uzimisele ukuphila lokhu kuphila, ukuphila kwengulube? Sikuphi isidingo sokuphila kwabantu abanjalo? Ukuphila kwakho akuyilutho futhi kuyanyanyeka, uphila emanyaleni futhi ayikho imigomo onayo; ingabe ukuphila kwakho kubi ukwedlula bonke ububi? Ingabe uyanyanya lapho ubheka uNkulunkulu? Uma uqhubeka uzizwa kanjalo, ngeke yini ulahlekelwe yikho konke? Indlela yeqiniso uyinikiwe, kodwa ukuthi uyayithola noma cha kuncike ezintweni ozilwelayo. Abantu bathi uNkulunkulu ulungile, futhi uma nje umuntu emlandela kuze kube sekugcineni, ngokuqinisekile akakhethi, ungoNgcwele. Uma umuntu emlandela kuze kube sekugcineni, ingabe uNkulunkulu uyomkhipha inyumbazane umuntu? Angikhethi uma kuziwa kubantu futhi ngahlulela wonke umuntu ngobungcwele Bami, nokho kunemibandela ethile yezimfuno engizenzela abantu, futhi engikufunayo kufanele bonke abantu babe nakho, akunandaba ukuthi bangobani. Anginandaba nokuthi uneziqu ezinkulu nezihlonishwa kangakanani; enginendaba nakho ukuthi uhamba endleleni Yami, nokuthi uyalithanda futhi ulomele yini iqiniso. Uma untula iqiniso, kunalokho udicilele phansi igama Lami, futhi ungahambi ngendlela Yami, umane nje ungilandele ungenandaba, ngaleso sikhathi ngiyokushaya ngikujezisele ububi bakho, futhi yini ongabe usayisho? Uyokwazi yini ukuthi uNkulunkulu akalungile? Namuhla, uma wenza ngokuvumelana namazwi engiwakhulume kuwe, lokho kuyosho ukuthi ungumuntu engimamukelayo. Uthi uhlale uhlupheka ube ulandela uNkulunkulu, nokuthi umlandele kumnyama kubomvu, waba Naye ezikhathini ezimnandi nezinzima, kodwa awukaphili ngamazwi uNkulunkulu awakhulumile; ufisa kuphela ukugijima yonke indawo ngenxa kaNkulunkulu futhi uzikhandlele uNkulunkulu nsuku zonke futhi awukaze ukucabange ukuphila ukuphila okunenjongo. Uthi futhi, “Noma kunjalo, ngikholwa ukuthi uNkulunkulu ulungile. Sengihluphekile ngenxa Yakhe, ngayaluza ngenxa Yakhe, futhi ngazinikela Kuye futhi ngisebenze kanzima naphezu kokunganakwa; nakanjani uzongikhumbula.” Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu ungcwele, nokho ubungcwele bakhe abuthintwa ngisho nobuncane ububi: Ubungcwele bukaNkulunkulu abuhambi ngentando yomuntu, abungcolisiwe inyama futhi abuthengwa. Bonke abavukelayo nabaphikisayo futhi abangahambi ngendlela Yakhe, bayojeziswa; abekho abathethelelwe futhi abekho abayobuye badingeke uma kunesidingo! Abanye abantu bathi, “Namuhla ngiyagijima ngenxa Yakho; lapho kufika ukuphela, unganginika isibusiso esincane?” Ngakho ngiyakucela, “Ingabe uwenzile amazwi Ami?” Ukulunga okhuluma ngakho kuncike ekuhwebeni. Ucabanga ukuthi ngilungile kuphela, nokuthi angikhethi muntu, nokuthi bonke labo abangilandelayo kuze kube sekugcineni nakanjani bazosindiswa bathole nezibusiso Zami. Kunencazelo ejulile emazwini Ami okuthi “bonke labo abangilandelayo nakanjani bazosindiswa”: Labo abangilandela kuze kube sekugcineni yilabo abayothola ukwamukelwa Yimina ngokugcwele, bayilabo okuthi ngemva kokuba sengibanqobile, bafune iqiniso futhi benziwe baphelele. Iyiphi imibandela oyifinyelele? Ufinyelele kuphela ukulandela mina kwaze kwaba sekugcineni, kodwa yini enye? Uphilile ngokuvumelana namazwi Ami? Ufinyelele kweyodwa kwezinhlanu izimfuno Zami, nokho awunaso isifiso sokufeza lezi ezinye ezine. Uthole indlela elula kakhulu futhi wayilwela ngesikhathi ucabanga ngenhlanhla yakho. Kumuntu onjalo ofana nawe, isimo Sami sokulunga sihlanganisa ukusola nokwahlulela, siyimpindiselo Yami futhi siyindlela Yami elungile yokusola abenzi bobubi; bonke labo abangahambi endleleni Yami bazojeziswa nakanjani, ngisho noma bengilandela kuze kube sekugcineni. Lokhu ukulunga kukaNkulunkulu. Lapho lesi simo sokulunga sivezwe ekujezisweni komuntu, umuntu uyomangala futhi uyozisola kakhulu ngokuthi ngesikhathi elandela uNkulunkulu akazange ahambe endleleni Yakhe. “Ngaleso sikhathi ngahlupheka kancane lapho ngilandela uNkulunkulu, kodwa angizange ngihambe endleleni kaNkulunkulu. Yiziphi izaba umuntu onjalo angazibeka? Ayikho enye indlela ngaphandle kokusolwa!” Nokho engqondweni yakhe ulokhu ecabanga, “Akusenani, vele ngikulandelile kwaze kwaba sekugcineni, ngakho ngisho noma ungisola, ngeke ungijsole ngesihluku futhi ngemva kwalokhu kusola uyobe usangifuna. Ngiyazi ukuthi ulungile futhi ngeke ungiphathe kanjalo kuze kube phakade. Futhi ngiyazi ukuthi angifani nalabo abayoqothulwa; labo abayoqothulwa bayothola ukusolwa okukhulu kakhulu, kuyilapho ukusolwa kwami kuzobe kulula.” Ubungcwele bukaNkulunkulu abufani nalokho okushoyo. Akukhona ukuthi labo abakwazile ukuvuma kahle izono zabo bayobonelelwa. Ukulunga kungcwele, futhi buyisimo esingakubekezeleli ukona komuntu, konke okungcolile nokungakashintshi kuyamnyanyisa uNkulunkulu. Isimo sokulunga kukaNkulunkulu asiwona umthetho, kodwa siwumyalo: Bungumyalo embusweni futhi lo myalo uwukusolwa ngokulunga kwabo bonke abantu abangaphili ngeqiniso futhi abangakashintshi, futhi awukho umngcele wensindiso. Ngoba lapho umuntu ehlukaniswa ngokohlobo ayilo, abalungile bayothola umvuzo, ababi bona bayojeziswa. Kulapho kucaciswa khona lapho umuntu eyogcina khona, kuyisikhathi lapho kuyophela khona umsebenzi wensindiso, okuyothi emva kwalokho umsebenzi wokusindisa abantu ungabe usenziwa, nempindiselo iyolethwa kulabo abenza okubi. Abanye abantu bathi, “UNkulunkulu ukhumbula wonke umuntu obevame ukuba sohlangothini Lwakhe. Ngeke akhohlwe namunye wethu. Siqinisekisiwe ngokuthi sizopheleliswa nguNkulunkulu. Angeke akhumbule ngisho noyedwa kulabo abangaphansi, labo abaphakathi kwabo abayopheleliswa kuqinisekiswa ukuthi baphansi kunathi, bavamise ukubhekana noNkulunkulu; akekho noyedwa phakathi kwethu uNkulunkulu amkhohliwe, sonke uNkulunkulu usamukele, futhi wasiqinisekisa ngokuthi uzosiphelelisa.” Nonke ninokucabanga okunjalo. Ingabe lokhu kuwukulunga? Ingabe ulisebenzisile noma cha iqiniso ekuphileni kwakho? Empeleni uhambe usakaza amahemuhemu anjengalawa—awunamahloni!

Namuhla, abanye abantu balwela ukusetshenziswa uNkulunkulu kodwa ngemva kokunqotshwa, ngeke basetshenziswe ngokuqondile. Njengoba kukhulunyiwe namuhla, uma ngesikhathi uNkulunkulu esebenzisa abantu, ungakakwazi ukukufeza, lokho kusho ukuthi awukapheleliswa. Ngamanye amazwi, ukufika kokuphela lapho umuntu epheleliswa kuyonquma ukuthi uNkulunkulu uyamsebenzisa yini umuntu noma uyamqothula. Labo abanqotshiwe abayilutho ngaphandle kokuba yizibonelo zabantu abayekelelayo nabanombono ongaqondile; bayizibonelo kodwa akukho okunye abayikho ngaphandle kokushintsha. Kuphela lapho isimo sokuphila komuntu sesishintshile futhi eseshintshe ngaphakathi nangaphandle yilapho eyopheleliswa khona ngokugcwele. Namuhla, yikuphi okufunayo, ukunqotshwa noma ukupheleliswa? Yikuphi odinga ukufinyelela kukho? Usuyigcwalisile imibandela yokupheleliswa? Iyiphi osayintula? Kumele uzihlomise kanjani futhi kufanele uwanqobe kanjani amaphutha akho? Kufanele ungene kanjani endleleni yokupheleliswa? Ungazinikela kanjani ngokugcwele? Ucela ukupheleliswa, ngakho uyabulwela yini ubungcwele? Ingabe uwumuntu ofuna ukuzwa ukusolwa nokwahlulelwa ukuze uhlanzwe? Uyakulwela ukuhlanzwa, ngakho ingabe uzimisele ukwamukela ukusola nokwahlulela? Ucela ukwazi uNkulunkulu kodwa ingabe unalo yini ulwazi lokusola nokwahlulela Kwakhe? Namuhla, umsebenzi omningi awenza kuwe ukusola nokwahlulela; yini oyaziyo ngalo msebenzi osewenziwe kuwe? Ingabe ukusola nokwahlulela okwenziwe kuwe kukuhlanzile? Ingabe skukuguqulile? Ingabe ukhona umthelela okube nawo kuwe? Ingabe usukhathele kangako ngomsebenzi omningi wanamuhla—iziqalekiso, ukwahlulela nezambulo—noma konke lokhu ukubona kuyinzuzo kuwe? Uyamthanda uNkulunkulu kodwa umthandelani? Ingabe uthanda uNkulunkulu ngenxa yokuthi uthole umusa omncane? Noma uthanda uNkulunkulu emva kokuthola ukuthula nenjabulo? Noma uNkulunkulu umthanda ngemva kokuba usuhlanzwe Ukusolwa nokwahlulela Kwakhe? Yini ngempela ekwenza uthande uNkulunkulu? Yiziphi izimfuno uPetru azifinyelela ukuze apheleliswe? Ngemva kokuba esenziwe waphelela, iyiphi indlela ebalulekile okuye kwaboniswa ngayo? Ingabe wayeyithanda iNkosi uJesu ngenxa yokuthi wayeyilangazelela noma ngenxa yokuthi akakwazanga ukuyibona noma ngenxa yokuthi uye wasolwa? Noma kungenzeka ukuthi wayithanda iNkosi uJesu nakakhulu ngenxa yokuthi wayemukele ukuhlupheka nezinsizi futhi wakwazi ukubona ukungcola nokungalaleli kwakhe futhi wakwazi ukubona ubungcwele beNkosi? Ingabe uthando lwakhe ngoNkulunkulu lwaba msulwa ngenxa yokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu noma ngenxa yenye into? Okuyini leyo? UNkulunkulu umthanda ngenxa yomusa Wakhe futhi ngenxa yokuthi namuhla usuye wathola amanye amazwibela ezibusiso. Ingabe uthando lweqiniso lolu? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu? Kufanele yini wamukele ukusola nokwahlulela Kwakhe, bese, emva kokubona isimo Sakhe sokulunga, ukwazi ukumthanda ngokweqiniso, ngezinga lokuthi uze ugculiseke, futhi ube nolwazi Ngaye? NjengoPetru, ungasho yini ukuthi awukwazi ukumthanda ngokwanele uNkulunkulu? Ingabe okulwelayo ukunqotshwa ngemva kokusolwa nokwahlulelwa, noma ukuba uhlanzwe, uvikelwe futhi unakekelwe ngemva kokusolwa nokwahlulelwa? Yikuphi phakathi kwalokhu okufunayo? Ingabe ukuphila kwakho kunenjongo noma akunayo nhlobo? Ingabe ufuna inyama noma iqiniso? Ufisa ukwahlulela noma ukunethezeka? Ngemva kokuba usubone umsebenzi kaNkulunkulu omngaka, futhi usuye wabubona ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu, kufanele ulwe kanjani? Kufanele uhambe kanjani kule ndlela? Ungalubonisa kanjani uthando lwakho ngoNkulunkulu? Ingabe kukhona okufezwe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kuwe? Ukuthi unalo yini ulwazi lokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kulele ekutheni uphila kanjani futhi umthanda kangakanani uNkulunkulu! Izindebe zakho zithi uyamthanda uNkulunkulu, kodwa indlela ophila ngayo ingubuntu obudala nenkohlakalo; awumesabi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuba nonembeza. Ingabe abantu abanjalo bayamthanda uNkulunkulu? Ingabe abantu abanjalo baqotho kuNkulunkulu? Ingabe yilabo abamukela ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu? Uthi uyamthanda uNkulunkulu futhi uyakholelwa Kuye, kodwa awufuni ukulahla imibono yakho. Emsebenzini wakho, ekungeneni kwakho, emazwini owakhulumayo nasekuphileni yakho, akukho ukuqhakambiswa kothando lwakho ngoNkulunkulu futhi akukho ukumhlonipha uNkulunkulu. Ingabe lona ngumuntu othole ukusola nokwahlulela? Umuntu onjalo angaba yini nguPetru? Ingabe labo abafana noPetru banolwazi kuphela kodwa bangalusebenzisi? Namuhla, iyiphi imfuno edingekayo kumuntu ukuze aphile ukuphila kwangempela? Ingabe imithandazo kaPetru yayingekho ngaphezu kwalokho ayekusho ngomlomo wakhe? Ingabe kwakungewona amazwi aphuma ekujuleni kwenhliziyo yakhe? Ingabe uPetru wathandaza kuphela futhi wangalisebenzisa iqiniso kuye? Ingabe uzikhandla ngenxa kabani? Ungazigcina kanjani uvikelekile futhi uhlanzekile phakathi kokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu? Ingabe akumzuzisi ngalutho umuntu ukwahlulelwa nokusolwa nguNkulunkulu? Ingabe konke ukwahlulela kuwukujeziswa? Kungaba yini ukuthula kanye nenjabulo kuphela, izibusiso zengcebo kanye nokunethezeka isikhashana, okuzuzisayo ekuphileni komuntu? Uma umuntu ephila endaweni ejabulisayo nenethezekile, ngaphandle kokwahlulelwa, ingabe angahlanzwa? Uma umuntu efisa ukushintsha futhi ahlanzwe, angakwamukela kanjani ukupheleliswa kwakhe? Iyiphi indlela okufanele uyikhethe namuhla?

Okwedlule: Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi

Okulandelayo: Kumele Niqonde Umsebenzi—Ungalandeli Ngokudideka!

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp