II. Amazwi Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokwahlulela Ezinsukwini Zokugcina

51. Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ngokubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka. Uma kuwukuthi, ekwembuleni umphumela womuntu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubesengambonisa uzwelo nothando olungapheli futhi aqhubeke ukuba nothando kuye, engamfaki umuntu phansi kokwahlulela okulungile kodwa emkhombisa ukubekezela, isineke, kanye nokuxolela, futhi ethethelela umuntu noma zizimbi kanjani izono zakhe, ngaphandle kwecashaza lokwahlulela okulungile: pho ubuyoqedwa nini wonke umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo besiyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlala linothando, ijaji elinobuso obunomusa nenhliziyo ethambile. Lithanda abantu kungakhathaleki ukuthi benza izono ezingakanani futhi linothando futhi liyababekezelela kungakhathaleki ukuthi bangobani. Ngakho, kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungiswa? Ezinsukwini zokugcina, ukwahlulela okulungile kuphela okuyohlukanisa abantu ngokohlobo futhi kulethe umuntu endaweni entsha. Ngale ndlela, inkathi yonke ifikiswa esiphethweni ngesimo sokwahlulela nokusola okulungileyo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

52. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele. Isibonelo, lapho abantu sebazi ukuthi bayinzalo kaMowabi, bakhipha amazwi okukhononda, ababe besafuna ukuphila, futhi baba abantu abanombono ongemuhle nhlobo. Akukhombisi lokhu ukuthi abakakwazi ukuzinikela ngokugcwele ngaphansi kokubusa kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akusiso ngempela isimo esonakele sobusathane? Lapho ningafakiwe ekusolweni, izandla zenu zaziphakeme kakhulu kunezabanye, ngisho nakwezikaJesu. Nanimemeza ngezwi elikhulu: Yiba yindodana ethandekayo kaNkulunkulu! Yiba ngosondele kuNkulunkulu! Singamane sife kunanokuzinikela kuSathane! Vukelani udrako omkhulu obomvu! Akasuke emandleni udrako omkhulu obomvu! UNkulunkulu akasiphelelise! Ukumemeza kwenu kwakukukhulu kunokwabo bonke. Kodwa-ke kwase kufika izikhathi zokusolwa, kwase kuphinda kwembulwa isimo sabantu sokonakala. Ukumemeza kwabo kwase kuma, ababe besazimisela. Yilokhu ukonakala komuntu; kujulile kunesono, kutshalwe nguSathane kwagxiliswa ngokujulile futhi phakathi kumuntu. Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

53. Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

54. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

55. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu. Uma ungawabuki la maqiniso ngokubaluleka kwawo futhi uhlala ucabanga ukuwabalekela noma ukuthola indlela entsha yokuwabalekela, ngithi uyisoni esikhulu. Uma ukholwa kuNkulunkulu, ube ungalifuni iqiniso noma intando kaNkulunkulu, noma ungayithandi indlela ekusondeza kuNkulunkulu, ngakho ngithi kuwe ungumuntu ozama ukubalekela ukwahlulela. Ungunopopi futhi uyimbuka elibalekela isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe. UNkulunkulu ngeke axolele muntu ohlubukayo ophunyukayo phansi kwamehlo Akhe. Abantu abanjalo bayothola isijeziso esiqine kakhulu. Labo abeza phambi kukaNkulunkulu ukuze behlulelwe futhi esebengcwelisiwe bayophila phakade embusweni kaNkulunkulu. Nakanjani, lokhu kuyokwenzeka esikhathini esizayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

56. Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela. Abantu abaningi banomuzwa omubi mayelana nesimo sokuba senyameni kukaNkulunkulu, ngoba umuntu ukuthola kunzima bokukholwa ukuthi uNkulunkulu wayengaba yinyama ukuze enze umsebenzi wokwahlulela. Kodwa kumele ngikwazise ukuthi ngokuvamile umsebenzi kaNkulunkulu wedlula okulindelwe ngabantu futhi kulukhuni ukuthi imiqondo yabantu iwamukele. Ngoba abantu bayizimpethu nje emhlabeni, kube uNkulunkulu engophakeme ogcwalisa umhlaba; umqondo womuntu ufana nomgodi wamanzi abolile akhipha izimpethu kuphela, kanti isigaba ngasinye somsebenzi oqondiswa yimicabango kaNkulunkulu siwukuconsiswa kobuhlakani bukaNkulunkulu. Umuntu uhlala efisa ukuphikisana noNkulunkulu, engithi ngakho kusobala ukuthi ubani oyolahlekelwa ekugcineni. Ngiyanixwayisa nonke ukuthi ningaziboni ukuthi nibaluleke ngaphezu kwegolide. Uma abanye abantu bekwazi ukwamukela ukwahlulela kukaNkulunkulu, pho kungani nina ningakwazi? Nina niphakeme kangakanani ngaphezu kwabanye? Uma abanye abantu bekwazi ukugebisa amakhanda abo phambi kweqiniso, kungani nina ningenzi njalo? Umsebenzi kaNkulunkulu unomfutho onganqandeki. kazukuwuphinda umsebenzi wokwahlulela futhi ngenxa “yenu,” futhi nizogcwala ukuzisola okungenamkhawulo ngokudedela ithuba elihle kangaka. Uma ningawakholwa amazwi Ami, velani nilindele isihlalo sobukhosi esimhlophe esikhulu esibhakabhakeni ukuze sedlulisele ukwahlulela phezu kwenu! Kumele nazi ukuthi bonke abakwa-Israyeli bamala futhi bamphika uJesu, kodwa iqiniso lokuhlenga isintu kukaJesu laqhubeka lenabela emhlabeni jikelele laze lafika ekugcineni komhlaba. Akusilo leli iqiniso uNkulunkulu alenza kudala? Uma usalindele ukuthi uJesu akuyise phezulu ezulwini, ngithi kuwe uwukhuni olufie olunenkani.[a] uJesu ngeke emukele umuntu ongakholwa ngokweqiniso onjengawe ongethembekile eqinisweni futhi ofuna izibusiso kuphela. Empeleni, akazukukhombisa musa kuwe ekukuphoseni echibini lomlilo ukuze ushe iminyaka engamashumi ezinkulungwane.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

57. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe ayifani yonke ingqikithi yomuntu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. Ngokwenza Kwakhe lo msebenzi mathupha kulo lonke iqembu labantu, uNkulunkulu osenyameni usebenzisa umsebenzi Wakhe ukumela umsebenzi waso sonke isintu, ngemva kwawo oya ngokuya wanda. Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi. UNkulunkulu osesimweni somuntu wanamuhla unguNkulunkulu owahlulela sonke isintu ezinsukwini zokugcina. Le nyama nomsebenzi Wakhe, nezwi kanye naso sonke isimo Sakhe, konke kungokwakhe. Nakuba umthamo womsebenzi wakho unomkhawulo, futhi ungabandakanyi indawo yonke ngokuqondile, ingqikithi yomsebenzi wokwahlulela iwukwahlulelwa ngokuqondile kwaso sonke isintu— hhayi ngenxa yabantu abakhethiweyo baseChina kuphela, noma ngenxa yabantu abambalwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

58. Amazwi engiwakhuluma namuhla awokwahlulela izono zomuntu, ukwahlulela ukungalungi komuntu, ukuqalekisa ukungalaleli komuntu. Ukugwegwa kanye nokukhohlisa komuntu, amazwi nezenzo zomuntu zokukhohlisa—konke okuphambene nentando kaNkulunkulu kufanele ukwahlulelwa, nokungalaleli komuntu kusolwe njengesono. Amazwi Akhe agxila ezimisweni zokwahlulela; usebenzisa ukwahlulela ukungalungi komuntu, isiqalekiso sokuhlubuka komuntu, kanye nokudalula izici ezimbi zomuntu ukuze abonakalise isimo Sakhe sokulunga. Ubungcwele buwukuvezwa kwesimo sokulunga Kwakhe, futhi eqinisweni ubungcwele bukaNkulunkulu buyisimo sangempela sokulunga Kwakhe. Izimo zenu ezonakele ziwumongo wamazwi anamuhla—ngizisebenzisa ukuze ngikhulume futhi ngahlulele, nokuthi ngenze umsebenzi wokunqoba. Lokhu kukodwa kungumsebenzi ongokoqobo, futhi lokhu kukodwa kwenza ubungcwele bukaNkulunkulu bukhazimule ngokugcwele. Uma kungekho umnonjana wesimo sokonakala kuwe, khona-ke uNkulunkulu ngeke akwahlulele, futhi ngeke akubonise isimo Sakhe sokulunga. Ngenxa yokuthi unesimo sokonakala, uNkulunkulu ngeke akuyeke, futhi kungenxa yalokhu kubonakaliswa ubungcwele Bakhe. Uma uNkulunkulu ubengabona ukungcola nokuhlubuka komuntu ukuthi kukhulu kakhulu kodwa angakhulumi noma akwahlulele, noma akucwenge ngenxa yokungalungi kwakho, khona-ke lokhu bekungabonisa ukuthi akayena uNkulunkulu, ngoba ubengabe akasizondi isono; ubengabe ungcolile njengomuntu. Namuhla, ukungcola kwakho okwenza ukuthi ngikwahlulele, futhi ukonakala nokuhlubuka kwakho okwenza ukuthi ngikucwenge. Angibukisi ngamandla Ami kini noma nginicindezele ngamabomu; ngenza lezi zinto ngoba nina, enizalwe kulelizwe lokungcola, nonakaliswe kakhulu ukungcola. Nina nimane nalahla ubuqotho nobuntu benu futhi nifana nezingulube ezizalelwe emagumbini omhlaba angcole kakhulu, futhi yilokhu okwenza ukuthi nahlulelwe nokuthi ngithululele phezu kwenu intukuthelo Yami. Yikho kanye lokhu kwahlulela okwenze ukuthi nikwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, nokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele; Yibo kanye ubungcwele Bakhe nokulunga Kwakhe okwenza ukuthi anahlulele futhi athululele ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angembula isimo Sakhe sokulunga lapho ebona ukuhlubuka komuntu, nangenxa yokuthi angembula ubungcwele Bakhe lapho ebona ukungcola komuntu, lokhu kwanele ukukhombisa ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, ongcwele futhi ophelele, nokho uhlala ezweni elingcolile. Uma umuntu engene shi odakeni kanye nabanye, futhi kungekho lutho olungcwele ngaye, futhi engenaso isimo sokulunga, khona-ke akafaneleki ukwahlulela ububi bomuntu, futhi akafaneleki ukwahlulela umuntu. Uma umuntu ubezokwahlulela omunye, bekungeke yini kube sengathi uzishaya ngempama ebusweni? Kungenzeka kanjani ukuthi abantu abangcole ngokulinganayo bafaneleke ukwahlulela labo abafana nabo? UNkulunkulu ongcwele uqobo Lwakhe kuphela ongakwazi ukwahlulela konke ukungcola kwesintu. Umuntu angazehlulela kanjani izono zomuntu? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu abone izono zomuntu, futhi kungenzeka kanjani ukuthi umuntu afaneleke ukulahla lezi zono? Uma uNkulunkulu wayengafaneleki ukwahlulela izono zomuntu, khona-ke kungenzeka kanjani ukuthi abe uNkulunkulu olungile uqobo Lwakhe? Lapho izimo zokonakala zabantu zembulwa, uNkulunkulu uyakhuluma ukuze ahlulele abantu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho abantu bebona khona ukuthi ungcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

59. Kufezwa ngani ukupheleliswa komuntu kuNkulunkulu? Ngesimo saKhe sokulunga. Isimo sikaNkulunkulu ekuqaleni senziwe ukulunga, ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, kanye nokuqalekisa, kanti nokuphelelisa kwaKhe umuntu kwenzeka ngokwahlulelwa. Abanye abantu abaqondi, babuza ukuthi kungani uNkulunkulu ekwazi ukwenza umuntu apheleliswe ngokwahlulela nokuqalekisa. Bathi, “Uma uNkulunkulu engaqalekisa umuntu, ngeke umuntu afe? Uma uNkulunkulu engahlulela umuntu, ngeke alahlwe? Pho usengenziwa kanjani aphelele?” Amazwi anjengalawa ashiwo ngabantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Into eqalekiswa uNkulunkulu ukungalaleli komuntu, futhi into ayahlulelayo Yena yizono zomuntu. Yize noma ekhuluma amagama ahlabayo, futhi ngaphandle kozwelo noluncane, uveza konke lokho okungaphakathi kumuntu, futhi ngenxa yalawa mazwi ahlabayo Wambula okusemqoka okungaphakathi kumuntu, kodwa ngokwahlulela okunjenga lokhu, unikeza umuntu ulwazi olujulile lomongo wenyama, futhi ngaleyo ndlela umuntu uzinikela ekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu. Inyama yomuntu yenziwe ngesono, kanti ekaSathane, ayilaleli, nokuyilokho uNkulunkulu akusolayo—ngakho-ke, ukuvumela umuntu azazi, amazwi okwahlulela kukaNkulunkulu kufanele amfikele futhi kumele kusetshenziswe lonke uhlobo lokucwenga; yilapho kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uzosebenza ngempumelelo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

60. UNkulunkulu usebenzisa ukwahlulela kwaKhe ukwenza umuntu apheleliswe, ube nothando kumuntu, futhi wamsindisa umuntu—kodwa kungakanani okuqukethwe uthando lwaKhe? Kunokwahlulela, ubukhosi, ulaka, nokuqalekisa. Yize noma uNkulunkulu aqalekisa umuntu ngaphambilini, akazange aphonse umuntu ngaphandle emgodini omnyama ongenasiphelo, kodwa wasebenzisa lokho ukucwenga ukholo lomuntu; akazange ambulale umuntu, kodwa wenza ngendlela yokuba aphelelise umuntu. Umongo wenyama yilowo ongokaSathane—uNkulunkulu wakusho kahle impela—kodwa amaphuzu enziwa nguNkulunkulu akahambisani ngokuphelele namazwi aKhe. Uyakuqalekisa ukuze mhlawumbe umthande, futhi ukuze wazi umongo wenyama; uyakusola ukuze uphaphame, ukuvumela ukuba uwazi ubuthaka bakho obungaphakathi kuwena, kanye nokwazi ukungafaneleki komuntu ngokupheleleyo. Yingakho, iziqalekiso zikaNkulunkulu, ukwahlulela kwakhe, kanye nobukhosi nolaka—konke kunenhloso yokwenza umuntu apheleliswe. Konke lokho uNkulunkulu akwenzayo namuhla, kanye nesimo sokulunga Yena asenza sinikucacele bha—konke kungokokuba umuntu apheleliswe, futhi lunjalo-ke uthando lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

61. Noma ngabe uNkulunkulu uyamahlulela umuntu noma uyamqalekisa, kokubili kuyamphelelisa umuntu: Kokubili kwenzelwa ukuphelelisa lokho okungahlanzekile kumuntu. Ngalokhu umuntu uyacwengwa, nalokho okusilele kumuntu kupheleliswa ngamazwi aKhe nangomsebenzi. Isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu—noma ngabe ngamazwi ahlabayo, noma ukwahlulelwa, noma ukusolwa—kwenza umuntu apheleliswe, futhi ngempela kuyadingeka. Akukaze ekuhambeni kweminyaka kwenzeke ukuba uNkulunkulu enze umsebenzi ofana nalona: namuhla, usebenza ngaphakathi kinina ukuze nithokozele futhi nibazise ubuhlakani baKhe. Yize noma senizwe ubuhlungu obuthile ngaphakathi kinina, izinhliziyo zenu zinokuthula, noxolo; yisibusiso senu ukuba nithokozele lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathalekile ukuthi yini enikwazi ukuyihlomula esikhathini esizayo, konke enikubonayo komsebenzi kaNkulunkulu namuhla uthando. Uma umuntu engatholi kwahlulelwa kukaNkulunkulu nokucwengwa, izenzo zakhe kanye nothando kuzohlale kungaphandle, futhi isimo sakhe siyohlala singashintshile. Ingabe lokhu kuyabalwa njengokuzuzwe nguNkulunkulu? Namuhla, yize noma kusekuningi okungaphakathi kumuntu ozazisayo noqhoshayo, isimo somuntu sizinze kakhulu kunangaphambilini. Ukubhekana kukaNkulunkulu nawe ukuze akusindise, futhi yize noma ungezwa ubuhlungu obuthile ngaleso sikhathi, kuyofika usuku lapho kuyoba noshintsho esimweni sakho. Ngaleso sikhathi, uzobuka emuva ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unobuhlakani kangakanani, futhi yilapho uzokwazi ukuqondisisa kahle intando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

62. Umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo ngezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona iZulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane.Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama.

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

63. Kudingeka wazi ukuthi ukuphelelisa umuntu kukaNkulunkulu, ukuqedela umuntu, kanye nokuzuza umuntu akulethanga lutho ngaphandle kwenkemba nokushaywa enyameni yabo, kwaletha futhi ukuhlupheka okungenamkhawulo, ukuvutha komlilo, ukwahlulelwa okungenamusa, ukujeziswa, nesiqalekiso, kanjalo nezilingo ezingapheli. Injalo ke indaba neqiniso lomsebenzi wokulawula umuntu. Noma kunjalo, zonke lezi zinto zibhekiswe enyameni yomuntu, futhi konke ukuhlasela kwemikhonto kubhekiswe enyameni yomuntu (ngoba ekuqaleni umuntu wayemsulwa). Konke lokho kungenxa kodumo lwaKhe nobufakazi, kanye nokulawula kwaKhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi waKhe inhloso yawo akuyona nje eyomuntu, kodwa eyecebo lonke kanye nokugcwaliseka kwentando yaKhe yokuqala ngenkathi edala umuntu. Ngakho-ke, mhlawumbe ingxenye engamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye abantu ababhekana nayo ukuhlupheka nezilingo, futhi zimbalwa kakhulu noma azikho izinsuku ezimnandi nezenjabulo umuntu alokhu ekade ezilangazelela, futhi ziningi nakakhulu izikhathi ezimnandi ezingathokozeleki enyameni kuchithwa izikhathi ezinhle noNkulunkulu. Inyama ingcolile, ngakho lokho inyama yomuntu ekubonayo noma ekuthokozelayo akulutho ngaphandle kokusola kukaNkulunkulu, okuyinto engathandeki kumuntu, kube sengathi intula umqondo ojwayelekile. Lokhu kungenxa yokuthi uzoveza isimo saKhe sokulunga esingathandwa umuntu, akabekezeleli iziphosiso zomuntu, futhi uyenyanya izitha. UNkulunkulu usiveze ngokusobala sonke isimo saKhe nganoma yiziphi izindlela ezifanele, ngaleyo ndlela wawuphetha umsebenzi waKhe wempi yaKhe noSathane yeminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—umsebenzi wosindiso lwawo wonke umuntu kanye nokubhujiswa kukaSathane wasemandulo!

Kucashunwe embhalweni othi “Inhloso Yokwengamela Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

64. Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ningazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kini; indlela eniyikhethayo iyoba yisinqumo senu. Okumele nikuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “isimo esingathembisi.”

Okwedlule: C. Ngenkathi Yombuso—Inkathi Yokugcina

Okulandelayo: A. Amazwi Ngokwembula Indlela USathane Akhohlakalisa Ngayo Isintu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp