A. Amazwi Ngokwembula Indlela USathane Akhohlakalisa Ngayo Isintu

65. U-Adamu no-Eva uNkulunkulu abadala ekuqaleni babengabantu abangcwele, okusho ukuthi, ngesikhathi beseseNsimini yase-Edene babengcwele, bengenakho ukungcola. Babethembekile kuJehova futhi bengazi lutho ngokungathembeki kuJehova. Lokhu kungenxa yokuthi babengaphazanyiswa yithonya likaSathane, ungakabathinti ushevu kaSathane futhi bengabantu abamsulwa emlandweni wesintu. Babehlala eNsimini yase-Edene, bengenakho ukungcola, bengakabi sethonyeni lenyama futhi bemhlonipha uJehova. Kamuva, lapho belingwa nguSathane, badla isihlungu senyoka base beba nelukuluku lokungathembeki kuJehova, babe sebephila ngaphansi kwethonya likaSathane. Ekuqaleni, babengcwele futhi bemhlonipha uJehova; babengabantu kuphela uma bephila kanjalo. Kamuva, balingwa nguSathane, badla isithelo solwazi lokuhle nokubi ngemva kwalokho baphila ngaphansi kwethonya likaSathane. Kancane kancane, izingqondo zabo zonakaliswa nguSathane balahlekelwa ngubuntu bangempela, obuphelele. Umuntu wayenomoya kaJehova futhi kwakungekho nokuncane ukungamlaleli futhi bungekho nobubi enhliziyweni yakhe. Ngaleso sikhathi umuntu wayengumuntu wangempela. Ngemva kokonakaliswa nguSathane, umuntu waphenduka isilwane: Imicabango yakhe yagcwala ububi nokungcola ngaphandle kobuhle nobungcwele. Ingabe akuyena uSathane lowo?

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

66. Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo. … Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, kungazeki kumuntu, impucuko yabantu iya ngokuya ingakwazi ukuhamba ngokwezifiso zomuntu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zivimbe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

67. Izinkulungwane zeminyaka leli bekulokhu kuyizwe eligcwele ukungcola, lingcole ngokwedlulele, ligcwele usizi, izipokwe zigijima zigcwale zonke izinkalo, bayaphamba futhi bakhohlise, basola ngaphandle kwesizathu,[1] banonya futhi babi, bathuthumelisa izipokwe bazishiye nezidumbu; ukubola kumboze izwe kungcolisa nomoya, kuqashwe kakhulu.[2] Ubani ongabona umhlaba ongale kwesibhakabhaka? Udeveli uwubambe ngqi wonke umzimba womuntu, umkopolote womabili amehlo, wawuvala wawuqinisa umlomo wakhe. Inkosi yodeveli ibilokhu uphulukundlela zonke lezi zinkulungwane zeminyaka, kuze kube namuhla, ngesikhathi isanake idolobha lezipoki, njengokungathi isigodlo samademoni esiqinile; ngesikhathi esifanayo, lezi zinja ezigadile, ziwakhiphe wonke amehlo, zesaba ukuthi uNkulunkulu uzozibamba zinganakile aziqothule, azishiye zingasenayo indawo yokuthula nokujabula. Babengambona kanjani uNkulunkulu abantu besipokwe sedolobha abafana nalaba? Ingabe bake baluzwa uthando lukaNkulunkulu? Bayazazisa yini izindaba zomhlaba wesintu? Ubani kubo ongaqonda ugqozi lwentando kaNkulunkulu? Okuncane okudidayo nje mayelana nokuzifihla kukaNkulunkulu osesimweni somuntu: Emphakathini omnyama njengalona, lapho kunamademoni anonya nangenabo ubuntu, kungenzeka kanjani ukuba inkosi yodeveli, ebulala abantu ngokungangabazi nakancane, ibekezelele ukuba khona kukaNkulunkulu onothando, onomusa, futhi ongcwele? Zingakujabulela futhi zikuhalalisele kanjani ukufika kukaNkulunkulu? Labo thathekile! Babonga umusa ngenzondo, bebelokhu bengamthandi uNkulunkulu, bemhlukumeza, bakhohlakele kabi, abamazi nokuthi uyini uNkulunkulu, bayamntshontshela futhi bamthuke, abasenawo nhlobo unembeza, baphikisana nawo wonke unembeza, futhi benza omsulwa angabi nangqondo. Ingabe bangokhokho basendulo? Abaholi abathandwayo? Bonke bamelene noNkulunkulu! Ukuba kwabo ogaxekile kushiye bonke abasezulwini besesimweni sobumnyama nesiyaluyalu! Ingabe inkululeko yenkolo? Ingabe amalungelo nezinto ezithandwa izakhamuzi? Konke kungamacebo okumboza isono! Ubani owamukele umsebenzi kaNkulunkulu? Ubani obeke phansi ukuphila kwabo noma wachitha igazi ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu? Izizukulwane ngezizukulwane, kusukela kubazali kuya ezinganeni, umuntu oyisigqila ngokushesha uphenduke isigqila sikaNkulunkulu—kungahlala kanjani lokhu kungamthukuthelisi? Izinkulungwane zeminyaka yenzondo zigxile enhliziyweni, izinkulungwane zesono zisenhliziyweni—kungahlala kanjani lokhu kungayikhuthazi inzondo? Kuphindiselele uNkulunkulu, kubuqede bonke ubutha, ungabe usakuvumela, ungakuvumeli ukuba kudale ezinye izinkinga njengoba kufisa! Manje isikhathi: Umuntu ubelokhu eqoqa amandla akhe, unikele ngayo yonke imizamo yakhe, wakukhokha konke, ngenxa yalokhu, ukuze embule ubuso bamademoni futhi avumele abantu, abenziwe izimpumputhe, wabekezelela lonke uhlobo lokuhlupheka nobunzima, ukuze aqede ubuhlungu futhi ajikele lo develi omdala omubi. Kungani uhlanganisa lezi zithikamezo emsebenzini kaNkulunkulu? Kungani uceba okubi ukuze ukhohlise abantu bakaNkulunkulu? Ikuphi inkululeko yangempela namalungelo kanye nokuthandwayo? Buphi ubulungiswa? Iphi induduzo? Iphi imfudumalo? Kungani usebenzisa inkohliso ukuze uphambe abantu bakaNkulunkulu? Kungani usebenzisa amandla ukuze ucindezele ukuza kukaNkulunkulu? Kungani ungamvumeli uNkulunkulu azulazule emhlabeni awudala? Kungani uba isicefe kuNkulunkulu aze angabi nayo indawo yokuphumuza ikhanda Lakhe? Ikuphi imfudumalo kubantu? Ukuphi umoya wokwamukelana kubantu? Kungani nikhathaza uNkulunkulu? Kungani nifuna uNkulunkulu elokhu enibiza? Kungani niphoqa uNkulunkulu ukuba akhathazeke ngeNdodana Yakhe ayithandayo? Kulo mphakathi onobumnyama kungani izinja zawo ezigadile ezilusizana zingamvumeli uNkulunkulu ukuba angene aphume emhlabeni awudala? Kungani umuntu engaqondi, umuntu ophila ngobuhlungu nokuhlupheka? Ngenxa yenu, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu, uyibeke ngobuhlungu obukhulu iNdodana Yakhe ayithandayo, inyama negazi Lakhe kini—ngakho kungani ninganaki? Wonke umuntu uyakuphika ukufika kukaNkulunkulu, enqabe ubungani bukaNkulunkulu. Kungani ningenanembeza kangaka? Ingabe nizimisele ukubekezelela ukungabi nabulungiswa emphakathini onesinyama njengalona? Kungani, esikhundleni sokugcwalisa izisu zenu ngezinkulungwane zeminyaka, nizigcwalisa “ngamasimba” enkosi yodeveli?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

68. Kusukela phezulu kuye phansi, futhi kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni, uSathane ubelokhu ephazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi ephikisana Naye. Zonke izinkulumo zamasiko asendulo, ulwazi olubalulekile ngamasiko asendulo, izimfundiso zobuTao nezobuConfucian, imisebenzi evelele yobuConfucian kanye namasiko empilo yakudala kungenise umuntu esihogweni. Isayensi nezobuchwepheshe okuphezulu kwamanje, kanye nezezimboni ezithuthukile, ezolimo, nezamabhizinisi akusabonwa nangalukhalo. Kunalokho kuqhakambisa amasiko akudala asungulwe “ngezinkawu” zasendulo ukuze kuphazanyiswe ngenhloso, kuphikiswe futhi kubhidlizwe umsebenzi kaNkulunkulu. Akugcinanga nje ngokuhlukumeza umuntu kuze kube manje, kodwa kufuna ukushwabadela[3] umuntu ngokuphelele. Imfundiso yomthetho nendlela yokuphila yakudala nokudlulisa ulwazi lwamasiko asendulo kade kwamthelela umuntu futhi kwaphendula abantu baba odeveli abakhulu nabancane. Kunedlanzana elizimisele ukwamukela uNkulunkulu nokwamukela ngentokozo ukufika kukaNkulunkulu. Ubuso bomuntu bugcwele ukubulala, futhi kuzo zonke izindawo, ukufa kusemoyeni. Bafuna ukugudluza uNkulunkulu kuleli zwe; bephethe imimese nezinkemba, bazihlela ngokwempi ukuze babulale uNkulunkulu. Izithixo zisakazeke zagcwala lonke izwe likadeveli lapho umuntu ehlala etshelwa khona ukuthi akekho uNkulunkulu. Phezu kwalo mhlaba kugcwele iphunga elinyanyisayo lephepha nempepho eshayo, likhulu ngendlela ecinanisayo. Kubonakala kuyiphunga lodaka elikhuphukayo lapho inyoka izisonga, futhi lenele ukwenza umuntu angakwazi ukugwema ukuhlanza. Ngaphandle kwalokho, kuzwakala ngokufiphele amadimoni amabi ecula imibhalo. Lo msindo uzwakala sengathi uvela kude esihogweni, futhi ayikho into engenziwa umuntu ngaphandle kokuzwa umzimba uhlasimula. Kulo lonke leli zwe kusabalele izithixo, ezinemibalabala yothingo lwenkosazane, eziphendula izwe libe umhlaba wezinjabulo zenyama, lapho inkosi yodeveli ilokhu ihleka ngonya, kungathi icebo layo elibi liphumelele. Kodwa umuntu akakuboni nhlobo, akaboni nokuthi udeveli usemonakalise ngezinga lokuthi akusazweli lutho futhi unqotshiwe. Ufisa ukususa konke okumayelana noNkulunkulu ngegalelo elilodwa, nokubuye amngcolise futhi ambulale; uzimisele ukucekela phansi nokuphazamisa umsebenzi Wakhe. Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba abe sezingeni elilinganayo? Angakubekezelela kanjani “ukugxambukela” kukaNkulunkulu emsebenzini wakhe phakathi kwabantu emhlabeni? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obubi? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obunyanyekayo? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba aphazamise umsebenzi wakhe? Lo develi, uvutha bhe intukuthelo, angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba alawule ihlalankosi lombuso wakhe emhlabeni? Angawucela kanjani umaluju? Ubuso bakhe bembuliwe ubunjalo babo, okwenza umuntu angazi ukuthi kufanele ahleke noma akhale yini, futhi yinto okunzima ngempela ukukhuluma ngayo. Ingabe le akuyona ingqikithi yakhe? Ngomphefumulo omubi, usakholwa ukuthi muhle ngendlela emangalisayo. Leli qembu labalekeleli![4] Bafika phakathi kwabantu ukuze bazitike ngenjabulo futhi babange izinxushunxushu. Ukuphazamisa kwabo kwenza izwe libe ntekenteke futhi kuletha ukwethuka enhliziyweni yomuntu, futhi sebedlale ngomuntu kakhulu kangangokuthi usefana nesilwane sasendle esingenabuntu, esibi ngokwedlulele, esesilahlekelwe ngisho yinsalela yokugcina yomuntu wasekuqaleni ongcwele. Ngaphezu kwalokho, bafisa ngisho ukuthatha amandla obukhosi emhlabeni. Bawenza ube nzima umsebenzi kaNkulunkulu kangangokuba ucishe ungayi nakancane phambili, futhi bavimbela umuntu ngokuqine njengezindonga zethusi nensimbi. Ngemva kokwenza izono eziningi kangaka nokubanga izinkinga ezingaka, yini enye abangayilindela ngaphandle kokusolwa? Amadimoni nemimoya emibi bekulokhu kudlebelekile emhlabeni futhi kuvimbe intando kanye nomzamo kaNkulunkulu onokucophelela, kukwenza kungangeneki. Yisono esibulalayo leso! Angahlala kanjani angakhathazeki uNkulunkulu? Angahlala kanjani angathukutheli uNkulunkulu? Awuphazamisa kakhulu futhi amelene kakhulu nomsebenzi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

69. Ukwazi isiko nomlando wasendulo oyiminyaka eyizinkulungwane eziningi kuvimbe ukucabanga nemibono yomuntu nesimo sakhe somqondo ngokuqine ngendlela yokuthi akungeneki futhi akuhlakazeki.[5] Abantu baphila ezingeni leshumi nesishiyagalombili lesihogo, njengokungathi uNkulunkulu ubaphose emigodini engamajele, ngeke baphinde bakubone ukukhanya. Ukucabanga ngendlela yakudala kumcindezele kakhulu umuntu ngendlela yokuthi ucishe angakwazi ngisho nokuphefumula futhi uyacinana. Akanawo namancane amandla okukuphikisa futhi umane akubekezelele buthule…. Akekho oseke walokotha walwela noma wamela ukulunga nobulungiswa; abantu baphila nje impilo embi kakhulu kuneyesilwane, ngaphansi kokushaywa nokuhlukunyewa yizinkambiso eziyisidala, usuku nosuku, unyaka nonyaka. Abakaze bacabange ukufuna uNkulunkulu ukuze bajabule emhlabeni wabantu. Kusengathi umuntu ucindezelwe, njengamaqabunga awile asekwindla, washwabana waze wagqwala. Umuntu akasakhumbuli lutho futhi uphila esihogweni engenakho ukuzisiza ngenxa yegama lomhlaba wesintu, ulinde ukufika kosuku lokugcina ukuze abhubhe kanye nesihogo, kube sengathi usuku lokugcina alulangazelelayo wusuku ayothokozela ngalo ukuthula okunokuphumula. Izindlela zokuphila zakudala yizo ezifake umuntu “eHayidesi,” zawanciphisa ngokwengeziwe amandla omuntu okwenqaba. Izinhlobo ezehlukahlukene zokucindezelwa ziphoqe umuntu ukuba angene ajule kancane kancane eHayidesi futhi aqhele kakhudlwana kuNkulunkulu. Manje, uNkulunkulu ubengaziwa nhlobo ngumuntu, futhi umuntu usamgwema masinyane lapho behlangana. Umuntu akamnaki uNkulunkulu futhi umbandlulula sengathi umuntu akakaze amazi noma ambone phambilini. Nokho uNkulunkulu ubelokhu elinde umuntu kulo lonke uhambo olude lokuphila komuntu, engayiqondisi nhlobo kuye intukuthelo Yakhe engacindezeleki, elinde ngokuthula kuphela, engasho lutho, ukuba umuntu aphenduke futhi aqale kabusha. UNkulunkulu kade afika emhlabeni wesintu futhi wabekezelela ukuhlupheka okufanayo nokomuntu. Usephile nomuntu iminyaka eminingi futhi akekho obone ubukhona Bakhe. UNkulunkulu ulubekezelela buthule usizi lobubi emhlabeni wesintu ngesikhathi enza umsebenzi eze nawo mathupha. Uqhubeka nokubekezela ngenxa yentando kaNkulunkulu uBaba nangenxa yezidingo zesintu, ezwa ukuhlupheka umuntu angakaze akuzwe ngaphambili. Phambi komuntu, ubasebenzele buthule futhi wazithoba, ngenxa yentando kaNkulunkulu uBaba kanye nezidingo zesintu. Ulwazi ngesiko lasendulo lumthumbe ngesinyenyela umuntu, lwamsusa phambi kukaNkulunkulu, lwanikela umuntu enkosini yodeveli namadodana ayo. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele[a] athathe ukucabanga nombono womuntu akubeka kwenye inkathi yokuhlubuka, enza ukuthi muntu abakhonze kakhulu kunangaphambili labo abahlanganisa iNcwadi/Iqoqo Lemibhalo Evelele, neMibhalo Evelele, andisa imibono yabo ngoNkulunkulu. Inkosi yodeveli yamxosha ngonya uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu, umuntu enganakile, ngenkathi ingena ngenjabulo enhliziyweni yomuntu. Kusukela lapho, umuntu wayelokhu enomphefumulo omubi futhi ononya onobuso benkosi yodeveli. Ukuzonda kwakhe uNkulunkulu kwagcwalisa izifuba zabo, nenzondo yenkosi yodeveli kwasabalala kumuntu usuku nosuku kwaze kwamudla kwamqeda umuntu. Umuntu wayengasenayo nencane inkululeko futhi wayengasenandlela yokugqashula izibopho zenkosi yodeveli. Wayengeke enze lutho ngaphandle kokubanjwa khona lapho, ukuba azinikele futhi awe phansi ngokuzinikela phambi kwakhe. Kudala, lapho inhliziyo nomphefumulo womuntu kusekuncane, inkosi yodeveli yatshala kukho imbewu yomdlavuza wokungakholwa kuNkulunkulu, yafundisa umuntu amanga afana nokuthi “funda ngesayensi nobuchwepheshe, feza Izinto Ezine Zesimanjemanje, akekho uNkulunkulu emhlabeni.” Ayigcinanga lapho, yabuye yamemezela ngokuphindaphindiwe ukuthi, “Ake sakhe izwe elihle ngomsebenzi wethu wokukhuthala,” icela bonke abantu kusukela ebuntwaneni ukuba balungele ukukhonza izwe labo. Umuntu walethwa engaboni phambi kwayo, futhi udumo yaluthatha ngaphandle kokunqikaza (kubhekiswe kuNkulunkulu ephethe sonke isintu ngezandla Zakhe). Ayikaze nakanye izwe ukudumazeka. Ngaphezu kwalokho, yathumba abantu bakaNkulunkulu yabafaka endlini yayo ngaphandle kwamahloni, lapho igxumela etafuleni njengegundane futhi yenza umuntu ayikhonze njengoNkulunkulu. Iyingozi kakhulu! Imemeza amahlazo ashaqisayo, “Akekho uNkulunkulu emhlabeni. Umoya ubangelwa yimithetho yemvelo; imvula iwumswakama oshubayo bese uwa ungamaconsi phezu komhlaba; ukuzamazama komhlaba kuwukunyakaza kwengaphezulu lomhlaba ngenxa yezinguquko zokwakheka komhlaba; isomiso sibangelwa ukoma komoya okwenziwa ukuphazanyiswa kwengaphezulu lelanga ngamandla enunzi. Lezi yizinto ezenzeka ngokwemvelo. Iyiphi ingxenye eyisenzo sikaNkulunkulu?” Kukhona nalabo abamemeza izinkulumo ezifana nezilandelayo, izinkulumo okungafanele zize zigqanyiswe: “Umuntu uguquke esuka ezinkawini zasendulo, futhi umhlaba wanamuhla uvela ochungachungeni lwemiphakathi yakudala kusuka eminyakeni ebalelwa ezigidini eziyisigidi edlule. Ukuthi izwe liyachuma noma liyawa kusezandleni zabantu balo ngokuphelele.” Ngemva kwakhe, yenza ukuba umuntu ayilengise odongeni noma ayibeke etafuleni ukuze ayikhonze futhi anikele kuyo. Ngaso leso sikhathi imemeza ithi, “Akekho uNkulunkulu,” izibheka njengoNkulunkulu, ikhipha uNkulunkulu emingceleni yomhlaba ngokungaphezi. Ima endaweni kaNkulunkulu yenzise okwenkosi yodeveli. Ubuphukuphuku obukhulu! Yenza umuntu adliwe yinzondo ewushevu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu uyisitha sayo esikhulu futhi uNkulunkulu akabuyisani nayo. Iceba ukuxosha uNkulunkulu ibe ilokhu ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka.[6] Iwuhlobo olunje lwenkosi yodeveli! Singakubekezelela kanjani ukuba khona kwayo? Ngeke iphumule kuze kube lapho isiphazamise umsebenzi kaNkulunkulu yawushiya umanikiniki futhi unhlakanhlaka ngokuphelele,[7] sengathi ifuna ukuphikisa uNkulunkulu kuze kube sekugcineni, kuze kube yilapho kufa khona inhlanzi noma kudabuka khona inetha. Imelana ngamabomu noNkulunkulu futhi iya ngokuya isondela. Ubuso bayo obunyanyekayo kade bembulwa ngokuphelele futhi manje bunezibazi futhi bunamaphuphusi,[8] buyanyantisa, kodwa ayikuyeki ukuzonda kwayo uNkulunkulu, sengathi ifuna ukushwabadela uNkulunkulu ngokuphelele ngethamo elilodwa ukuze kuphele inzondo esenhliziyweni yayo. Singasibekezelela kanjani lesi sitha sikaNkulunkulu esizondekayo! Ukuqedwa nya kwaso kuphela okuyophumelelisa izifiso zempilo yethu. Singavunyelwa kanjani ukuba sicanase? Sonakalise umuntu ngezinga lokuthi umuntu akalazi ilanga lasezulwini, futhi uyafa aphinde abe buthuntu. Umuntu ulahlekelwe ukucabanga okuvamile komuntu. Kungani singanikeli ngesiqu sethu sonke ukuze siyibhubhise futhi siyishise ukuze sisuse konke ukukhathazeka futhi sivumele umsebenzi kaNkulunkulu ukuba ufinyelele masinyane ebuhleni obungakaze bubonwe? Leli qembu lezixhwanguxhwangu seliphakathi kwabantu futhi selenze iziyaluyalu neziphithiphithi ezinkulu. Lilethe bonke abantu onqenqemeni lwewa, lihlela ngokuyimfihlo ukubadudulela phansi ukuze baphihlizeke babe yizicucu futhi lishwabadele izidumbu zabo. Lifisa ngokungenampumelelo ukuphazamisa icebo likaNkulunkulu futhi lincintisane noNkulunkulu ngokugembula okunamathuba amancane okuphumelela.[9] Lokho akulula neze! Vele, isiphambano silungiselwe inkosi yodeveli enecala lobugebengu obubi kakhulu. UNkulunkulu akayena owesiphambano futhi usesishiyele udeveli. UNkulunkulu kade anqoba futhi akasaluzwa usizi ngezono zesintu. Uzosindisa sonke isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

70. Kulokhu okuthiwa ulwazi lomuntu, uSathane ufake eningi impela ifilosofi yakhe yokuphila kanye nokucabanga kwakhe. Futhi njengoba uSathane enza lokhu, uvumela umuntu ukuthi athathe ukucabanga, ifilosofi kanye nombono wakhe ukuze umuntu aphike ubukhona bukaNkulunkulu, aphike ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwakho konke nakulokho umuntu akudalelwe. Ngakho, lapho izifundo zomuntu ziqhubeka, futhi ethola ulwazi olwengeziwe, uzwa ubukhona bukaNkulunkulu bufiphala, futhi angase angabe esezwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngoba uSathane wengeze imibono, imiqondo nemicabango emqondweni womuntu, ingabe umuntu akakhohlakali ngalesi sikhathi (Yebo.) Ingabe yini umuntu asekele ngayo impilo yakhe manje? Ingabe ngempela uphila ngokuncika kulolu lwazi? Cha; umuntu usekela impilo yakhe ngemicabango, imibono, namafilosofi kaSathane afihlwe kulolu lwazi. Umnyombo wokukhohlakalisa umuntu kukaSathane wenzeka lapha; lona umgomo kaSathane nendlela yakhe yokukhohlakalisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

71. Ngesikhathi sokufunda komuntu ulwazi, uSathane usebenzisa noma iyiphi indlela, noma ngabe ukuxoxa izindaba, ebanika nje ucezu olulodwa lolwazi, noma ebavumela ukuba benelise ukufisa kwabo noma ukulangazelela kwabo. Iyiphi indlela uSathane afuna ukukuhola kuyo? Abantu bacabanga ukuthi akukho lutho olungalungile ngokufunda ulwazi, ukuthi kuyindlela efanele ngokuphelele. Ukukubeka ngendlela ezwakalayo, ukugcina izifiso eziphakeme noma ukuba nokulangazelela ukuba nentshisekelo, futhi lokhu kufanele kube yindlela elungile empilweni. Ingabe akuyona indlela yokuphila enhle kakhulu uma kugcwaliseka izifiso zabo, noma beqala umsebenzi ngempumelelo? Ngokwenza lezi zinto, umuntu akagcini ngokuhlonipha okhokho kuphela, kodwa futhi unethuba lokubeka induku ebandla emlandweni—ingabe akuyona into enhle leyo? Lena yinto enhle emehlweni abantu basezweni, futhi kubo kufanele kube yinto efanele nenhle. Ingabe uSathane, nokho, nezinjongo zakhe ezimbi, ufaka abantu kulolu hlobo lwendlela bese kuphela kanjalo? Chabo. Eqinisweni, akukhathaleki ukuthi okufiswa yinhliziyo yomuntu kuphakeme kangakanani, akukhathaleki ukuthi ngezingafezeka kangakanani izifiso zomuntu noma zifaneleke kangakanani, konke umuntu afisa ukukufeza, konke lokho umuntu akufunayo, kuxhumene ngokungeke kuhlukaniswe namagama amabili. La magama amabili abaluleke kakhulu empilweni yawo wonke umuntu, futhi ayizinto uSathane ahlose ukuzifaka kumuntu. Ingabe imaphi la magama amabili? “Udumo” kanye “nenzuzo”. USathane usebenzisa indlela enobuqili kakhulu, indlela ehambisana kakhulu nemibono yabantu, okungehlukile nhlobo kokujwayelekile, enza ngayo ukuthi abantu bemukele indlela yakhe yokuphila, imithetho yakhe yokuphila, nokubeka izinhloso zokuphila nento abayiphilelayo, futhi, ekwenzeni kanjalo baba nezinto abazilangazelelayo empilweni. Kungakhathaleki ukuthi lokhu abakulangazelelayo empilweni kuzwakala kusezingeni eliphezulu kangakanani, nokho kuxhumene ngokungehlukaniswe “nodumo” kanye “nenzuzo.” Konke umuntu omkhulu noma odumile akulandelayo empilweni—bonke abantu, eqinisweni—kuhlobene nala magama kuphela: “udumo” kanye “nenzuzo.” Abantu bacabanga ukuthi uma sebenodumo nenzuzo, bangasebenzisa lezi zinto ukuze bathole izikhundla eziphakeme nengcebo enkulu, futhi bathokozele impilo. Bacabanga ukuthi udumo nenzuzo kuwuhlobo lwemali abangayisebenzisa ukuze bathole impilo yokufuna intokozo nokujabulisa inyama okungenakuzithiba. Ukuze bathole udumo nenzuzo abayifisayo, abantu bayavuma, nakuba bengazi, ukuthatha imizimba yabo, imiqondo, konke abanakho, ikusasa labo kanye neziphetho zabo bakunike uSathane. Bakwenza lokhu ngaphandle ngisho kokuzindela okuncane, bengenalo nhlobo ulwazi mayelana nesidingo sokubuyiselwa konke abakunika uSathane. Ingabe abantu basengakwazi ukuzilawula uma becasha kuSathane futhi baze bathembeke kuye ngale ndlela? Abasoze. Sebelawulwa nguSathane ngokuphelele. Sebecwile ngokuphelele obhukwini futhi abakwazi ukuzikhipha. Uma umuntu esebishe odakeni lodumo nenzuzo, akabe esakufuna okukhanyayo, okulungileyo, noma izinto ezinhle futhi ezilungile. Lokhu kwenziwa ukuthi amandla okuyenga udumo nenzuzo okunawo phezu kwabantu makhulu kakhulu; kuphenduka izinto abantu abazishisekelayo kukho konke ukuphila kwabo ngisho nasephakadeni elingenakuphela. Akulona iqiniso lokhu? Abanye abantu bazothi ukufunda ulwazi kuwukufunda izincwadi nje noma ukufunda izinto ezimbalwa abangakazazi kuphela, ukuze bangadli ngoludala noma ukuze bangasali kokwezwe. Ulwazi balufundela kuphela ukuze bazondle, ngenxa yekusasa labo noma ngenxa yezidingo eziyisisekelo. Ukhona umuntu ongabekezelela ishumi leminyaka yokufunda kanzima ngenxa yezidingo eziyisisekelo nje, ukuxazulula indaba yokudla nje? Cha, abekho abantu abanjena. Ngakho yini lena eyenza umuntu ehlelwe yilobu bunzima yonke le minyaka? Wudumo nenzuzo. Udumo nenzuzo kumlindele ngaphambili, kuyambiza, futhi ukholwa ukuthi angayilandela leyo ndlela eyomholela ekutholeni udumo nenzuzo ngokukhuthala, ubunzima nokuzabalaza kwakhe kuphela. Umuntu onjalo kumele ehlelwe yilobu bunzima ukuze athole indlela yekusasa lakhe, ukuthokoza kwakhe okuzayo kanye nempilo engcono. Luyini ngempela lolu lwazi—ningangitshela? Akuyona yini imithetho yokuphila efakwe kubantu, imithetho abayifundiswe uSathane ngesikhathi befunda ulwazi? Akuzona yini “izifiso eziphakeme” ezifakwe uSathane kumuntu? Thatha, ngokwesibonelo, imibono yabantu abakhulu, ubuqotho babantu abanodumo noma umoya onesibindi wabantu abangamaqhawe, noma ukuhlonipha nomusa wamaqhawe nezingwazi zakumanoveli axoxa ngobuciko bezokulwa—zonke lezi akuyizo izindlela uSathane afaka ngazo izifiso zenhliziyo yakhe? (Yebo, yizona.) Le mibono inethonya esizukulwaneni nesizukulwane, futhi abantu besizukulwane ngasinye benziwa ukuba bayemukele le mibono, ukuthi baphilele le mibono futhi bayishisekele ngokungaphezi. Lena yindlela, umgudu, uSathane asebenzisa ngayo ulwazi ukuze akhohlakalise umuntu. Ngakho emuva kokuthi uSathane eseholele abantu kule ndlela, kusengenzeka yini ukuthi bakhonze uNkulunkulu? Ingabe ulwazi nomcabango okufakwe uSathane kumuntu kunakho nokuncane okowuphawu lokukhonza uNkulunkulu? Ingabe kunayo into eyeqiniso? Ingabe kunakho noma yikuphi okokwesaba uNkulunkulu nokubalekela okubi? (Cha, akunakho.)

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

72. Ngakho, uSathane usebenzisa udumo nenzuzo ukulawula imicabango yomuntu kuze kuthi konke angakucabanga kube wudumo nenzuzo. Umuntu ulwela udumo nenzuzo, wehlelwa ubunzima ngenxa yodumo nenzuzo, ubekezelela ukululazeka ngenxa yodumo nenzuzo, unikela konke anakho ngenxa yodumo nenzuzo, futhi angenza noma kuphi ukwahlulela noma isinqumo ngenxa yodumo nenzuzo. Ngale ndlela, uSathane ubopha abantu ngamaketanga angabonakali, futhi abanawo amandla noma isibindi sokuwalahla. Ngokungazi, bathwala la maketanga bese bedavuza beya phambili ngobunzima obukhulu. Ngenxa yalolu dumo nenzuzo, isintu sigwema uNkulunkulu futhi siyamkhaphela bese siya ngokuya sikhohlakala kakhudlwana. Ngakho, ngale ndlela, izizukulwane zabhubha ngokulandelana odumweni nenzuzo kaSathane. Uma sibheka manje izenzo zikaSathane, ingabe izinjongo zakhe ezikhohlakele azenyanyeki ngokuphelele? Mhlawumbe namhlanje anikaboni ngale kwezinjongo ezikhohlakele zikaSathane ngoba nicabanga ukuthi umuntu akakwazi ukuphila ngaphandle kodumo nenzuzo. Nicabanga ukuthi uma abantu beshiya udumo nenzuzo ngemuva, ngeke besayibona indlela eya phambili, ngeke besakwazi ukubona imigomo yabo, ikusasa labo lizoba mnyama, lifiphale futhi libe libi. Kodwa, kancane, nonke niyobona ngelinye ilanga ukuthi udumo nenzuzo kungamaketanga amakhulukazi uSathane awasebenzisayo ukubopha umuntu. Lapho lolo suku lufika, uyomelana ngokuphelele nokulawulwa uSathane futhi uyomelana ngokuphelele namaketanga uSathane awasebenzisayo ukukubopha. Lapho kufika isikhathi sokuba ufise ukulahla zonke izinto uSathane azifake kuwena, uyobe sewuhlukana ngokuphelele noSathane futhi uyokuzonda ngempela konke uSathane akulethe kuwe. Yilapho kuphela isintu esiyoba khona nokuthanda nokulangazelela uNkulunkulu kwangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

73. Okwenziwa yisayensi kuphela ukuthi ivumela abantu ukuthi babone izinto emhlabeni obonakalayo nokwanelisa isifiso somuntu sokwazi okufihlakele, kodwa ayimvumeli umuntu ukuthi abone imithetho uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwezinto zonke. Umuntu ubonakala ethola izimpendulo kusayensi, kepha lezo zimpendulo ziyadida futhi ziletha ukweneliseka kwesikhashana, ukweneliseka okwenza kuphela ukuthi inhliziyo yomuntu igcineke kulo mhlaba ophathekayo. Umuntu uzwa ukuthi usezitholile izimpendulo kusayensi, ngakho noma kuvela yiphi inkinga, usebenzisa imibono yakhe yesayensi ukufakazela nokwamukela leyo nkinga. Inhliziyo yomuntu iphathwa yisayensi futhi iyengwe yiyo kuze kufike ezingeni lapho umuntu engasenawo umqondo wokwazi uNkulunkulu, ukukhonza uNkulunkulu nokukholwa ukuthi zonke izinto zivela kuNkulunkulu nokuthi umuntu kufanele abheke Kuye ukuze athole izimpendulo. Akunjalo? Lapho umuntu ekholwa ngokwengeziwe kwisayensi, uba nokungabi nangqondo ngokwengeziwe, ekholwa ukuthi yonke into inesixazululo sesayensi, ukuthi ukucwaninga kungaxazulula noma yini. Akamfuni uNkulunkulu futhi akakholwa ukuthi ukhona; nabanye abantu asebelandele uNkulunkulu iminyaka ngeminyaka bayahamba futhi bayocwaninga amagciwane ngomathanda noma babheke ulwazi oluthile ukuze bathole impendulo enkingeni. Abantu abanjalo ababheki izindaba ngasohlangothini lweqiniso futhi esikhathini esiningi, bafuna ukuthembela emibonweni noma olwazini lwesayensi noma ezimpendulweni zesayensi ukuxazulula izinkinga; abethembeli kuNkulunkulu futhi abafuni uNkulunkulu. Abantu abanjalo banaye yini uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo? (Cha.) Kukhona ngisho abantu abathile abafuna ukucwaninga uNkulunkulu ngendlela efana neyokufunda isayensi. Ngokwesibonelo, baningi ochwepheshe bezenkolo asebehambe baya lapho umkhumbi wafika wama khona, base befakazela ubukhona bomkhumbi. Kodwa ekubonakaleni komkhumbi ababuboni ubukhona bukaNkulunkulu. Bakholelwa kuphela ezindabeni nasemlandweni; lokhu kuwumphumela wocwaningo lwabo lwezesayensi nokufunda umhlaba ophathekayo. Uma ucwaninga izinto eziphathekayo, noma ngabe isayensi ephathelene nezempilo yezilokazane, isayensi yezinkanyezi, noma isifundo sokwakheka komhlaba, awusoze wathola umphumela othi uNkulunkulu ukhona noma othi ubusa phezu kwezinto zonke. Ngakho yini isayensi eyenzela umuntu? Ingabe ayimenzi aqhele kuNkulunkulu? Ingabe ayenzi abantu bacubungule uNkulunkulu? Ayenzi abantu babe nokungabaza ngokwengeziwe ngokuba khona kukaNkulunkulu? Ngakho uSathane ufuna ukuyisebenzisa kanjani isayensi ukukhohlakalisa umuntu? Ingabe uSathane akafuni ukusebenzisa iziphetho zezesayensi ukukhohlisa nokwenza abantu babe ndikindiki, futhi asebenzise izimpendulo ezididayo ukubambelela ezinhliziyweni zabantu ukuze bangacingi noma bakholwe ebukhoneni bukaNkulunkulu? (Yebo). Ngakho yingakho ngithi isayensi ingenye yezindlela uSathane akhohlakalisa ngayo abantu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

74. USathane uqambe futhi wakha izinganekwane noma izindaba ezivela ezincwadini zomlando, eshiya abantu nemizwa ejulile ngabantu bamasiko endabuko noma benkolelo-ze. Ngokwesibonelo, eShayina kukhona “Abangafiyo Abayisishagalombili Bewela Ulwandle”, “Uhambo oluya eNtshonalanga,” “Umbusi We-Jade,” “UNezha Enqoba INkosi Engudrako,” nendaba ethi “Ukumiswa Konkulunkulu”. Ingabe lezi zindaba azikakheli zajula emiqondweni yabantu? Ngisho noma abanye benu bengayazi yonke imininingwane, niyazazi izindaba ezivamile, futhi yilokhu okuqukethwe okuvamile okunamathela enhliziyweni yakho nasemqondweni wakho, futhi awukwazi ukukukhohlwa. Le yimibono noma izinganekwane ezehlukene uSathane azihlelela umuntu kudala kakhulu, futhi ezisabalaliswe ezikhathini ezihlukene. Lezi zinto zilimaza futhi zithunaza ngqo imiphefumulo yabantu futhi zihungule abantu ziphindelela. Okungukuthi uma usulemukele leli siko lendabuko, izindaba noma izinto eziyinkolelo-ze, uma lezi zinto sezakhele emqondweni wakho, futhi uma sezinamathele enhliziyweni yakho, khona-ke kufana nokuthi uhunguliwe—uyahileleka futhi uthonywe yile mihlobiso yamasiko, yile mibono kanye nezindaba zendabuko. Zithonya impilo yakho, ukubuka kwakho impilo, nokwahlulela kwakho izinto. Okunye okungaphezulu ukuthi zithonya ukushisekela kwakho indlela yangempela yokuphila: Lokhu ukuhungulwa okubi ngempela. Noma uzama kangakanani, awukwazi ukukuvuthulula; uyakugawula kodwa akugawuleki; uyakushaya kodwa awukwazi ukukushaya. Ukwedlula lokho, emuva kokuthi abantu sebefakwe ngaphansi kwalolu hlobo lokuhungulwa, bengazi, baqala ukukhonza uSathane, bagcine umfanekiso kaSathane ezinhliziyweni zabo. Ngamanye amazwi, babeka uSathane njengesithixo sabo, into yabo abangayikhonza futhi bayethembe, kuze kufike lapho beyithatha njengoNkulunkulu. Abantu abazi ukuthi lezi zinto zisezinhliziyweni zabo, zilawula amazwi nezenzo zabo. Ngaphezu kwalokho, uqale uthathe lezi zindaba nezinganekwane njengamanga, bese, ngokungazi, ukwemukela ukuba khona kwalezi zindaba, uzenze imifanekiso yangempela, bese uziphendula izinto ezikhona ngempela. Ngokungazi, unganakile wemukela le mibono nobukhona balezi zinto.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

75. Izenzo zezinkolelo abantu abazenzayo ziyilokhu uNkulunkulu akuzonda kakhulu, kodwa abantu abaningi abakakwazi ukuzidedela, becabanga ukuthi lezi zinkolelo ziyimiyalo kaNkulunkulu, futhi nanamuhla abakazilahli ngokuphelele. Izinto ezinjalo ezifana namadili omshado noma izimpahla zomakoti; izipho zemali, nenala yokudla, kanye nezindlela ezifanayo okugujwa ngazo izehlakalo zenjabulo; izindlela ezaqala endulo; nayo yonke imicimbi yezinkolelo ezingenamqondo eyenzelwa abangasekho kanye nemicimbi yomngcwabo: konke lokhu uNkulunkulu uyakuzonda kakhulu. Ngisho usuku lokukhonza (okufaka iSabatha, njengoba ligcinwa umhlaba wamakholwa) uyalizonda; futhi ubudlelwane babantu nokuxhumana kwasemhlabeni phakathi komuntu nomuntu konke uNkulunkulu uyakuzonda futhi uyakuchitha. Ngisho noMkhosi Wasentwasahlobo noSuku LukaKhisimusi, okwaziwa yiwo wonke umuntu, akuwona umyalo kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyamathoyizi nemihlobiso yala maholide emikhosi njengezinkondlo ezimigqa mibili, amakhrikhethi, izibani, Isidlo Esingcwele, izipho zikaKhisimusi, nemicimbi kaKhisimusi—ingabe akuzona yini izithixo ezingqondweni zabantu? Ukuhlephula isinkwa ngeSabatha, iwayini, nelineni elicolekile kuyizithixo nakakhulu. Zonke izinsuku zemikhosi yomdabu ezidumile eChina, efana nobizwa ngokuthi Usuku Lokuphakamisa Amakhanda kaDrako, iDragon Boat Festival, uMkhosi Waphakathi Nekwindla, uMkhosi weLaba kanye Nosuku LukaNcibijane, kanye nemikhosi yenkolo efana nePhasika, uSuku Lokubhapathizwa, noSuku LukaKhisimusi, yonke le mikhosi engenasizathu yahlelwa futhi yehliswa kusukela endulo kuze kube manje ngabantu abaningi. Ukuzakhela izithombe-mqondo kwesintu nemibono yaso enobuchule okwenze yehla yaze yafika namuhla. Ibonakala ingenazici, kodwa empeleni ingamaqhinga kaSathane awenza esintwini. Lapho indawo igcwala oSathane abaningi, futhi lapho indawo isiphelelwe yisikhathi futhi isele emuva, iwagcina ngokujulile amasiko esidala. Lezi zinto zibabamba zibaqinise abantu, azivuli ngisho nesikhala esincane sokunyakaza. Imikhosi eminingi emhlabeni wenkolo ibonakala iveza ikhono lokuqamba elikhulu nokwakha ibhuloho eliya emsebenzini kaNkulunkulu, kodwa empeleni ziyizibopho ezingabonakali uSathane abopha ngazo abantu ukuba bangafinyeleli ekwazini uNkulunkulu—yonke ingamaqhinga obuqili bukaSathane. Eqinisweni, lapho isigaba somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile, usuke esewephulile amathuluzi nendlela yangaleso sikhathi akashiya mkhondo wakho. Nokho, “amakholwa azinikele” ayaqhubeka nokukhonza lezo zinto eziphathekayo; ngaleso sikhathi lokho uNkulunkulu anakho bakubeka emuva emiqondweni yabo, bangaqhubeki nokukucubungula, babonakala begcwele uthando lukaNkulunkulu, kanti empeleni bamxosha kudala endlini babeka uSathane etafuleni ukuze bamkhonze. Imidwebo kaJesu, yeSiphambano, kaMariya, yokuBhabhathizwa kukaJesu neyeSidlo Sokugcina - abantu bakwesaba njengeNkosi yeZulu belokhu bememeza ngokuphindaphinda bethi “Nkosi, Baba osezulwini.” Ingabe konke lokhu akulona ihlaya? Kuze kube namuhla, izisho nezenzo eziningi ezifanayo ezazidluliswa phakathi kwesintu ziyazondwa uNkulunkulu; ziyiphazamisa kakhulu indlela eya phambili kaNkulunkulu futhi, kwakha ukulahlekelwa okukhulu ekungeneni kwesintu. Uma kubekwa eceleni izinga uSathane onakalise ngalo isintu, ingaphakathi labantu ligcwaliswe ngokuphelele ngezinto ezinjengomthetho kaWitness Lee, izigameko zikaLawrence, inhlolovo kaWatchman Nee nomsebenzi kaPawulu. Ayikho indlela uNkulunkulu angasebenza ngayo kubantu ngoba ngaphakathi kugcwele ububona, imithetho, imitheshwana imiyalo izinhlelo, kanye nezinto ezinjalo; lezi zinto, ngaphezu kwezinjwayezi zezinkolelo zesidala zibathumbile futhi zasishwabadela isintu. Kufana nokuthi imicabango yabantu iyifilimu exoxa inganekwane ngombala ogcwele, nabantu abamangazayo abagibele amafu, eyakhiwe kahle kakhulu ngengqondo ukuze imangalise abantu, ishiya abantu bemangele futhi bevaleke imilomo. Ukukhuluma iqiniso, umsebenzi uNkulunkulu oza ukuzowenza namuhla ikakhulu ukuba azobhekana futhi axoshe izingxenye zabantu ezinezinkolelo-ze kanye nokuguqula ngokuphelele isimo sabo sengqondo. Umsebenzi kaNkulunkulu awuhlalanga kwaze kwaba namuhla ngenxa yefa elehliselwe ezizukulwaneni yisintu; kungumsebenzi owaqaliswa nguye athupha futhi waphethwa nguye, ngaphandle kwanoma yisiphi isidingo sokulandelela ifa elithile lomuntu ongokomoya omkhulu, noma ukwamukela noma yimuphi umsebenzi wohlobo lokumela owenziwa uNkulunkulu kwenye inkathi ethile. Abantu akufanele bazikhathaze nganoma iyiphi kulezi zinto. UNkulunkulu namuhla unenye indlela yokukhuluma kanye nokusebenza, ngakho kungani abantu kufanele bazikhathaze? Uma abantu behamba indlela yanamuhla ephakathi komgudu wamanje ngesikhathi beqhubeka nefa “lokhokho” babo, ngeke bafinyelele lapho beya khona. UNkulunkulu uzizwa enokunengwa okujulile ngale ndlela yokuziphatha komuntu, njengoba-nje ezonda iminyaka, izinyanga nezinsuku zomhlaba wesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

76. USathane wonakalisa umuntu ngokusebenzisa izinkambiso zomphakathi. “Izinkambiso zomphakathi” zibandakanya izinto eziningi. Abanye abantu bathi: “Ingabe kusho izimfashini zakamuva, izimonyo, izitayela zezinwele kanye nokudla kwezinga eliphezulu?” Ingabe lezi zinto zithathwa njengezinkambiso zabantu? Ziyingxenye yezinkambiso zabantu, kodwa ngeke sikhulume ngazo lapha. Sifisa kuphela ukukhuluma ngemibono elethwa yizinkambiso zabantu kubantu, indlela ezenza ngayo abantu ukuthi baziphathe ngayo emhlabeni, nemigomo yempilo kanye nesimo sengqondo ezisakhayo kubantu. Lezi zinto zibaluleke kakhulu; zingalawula futhi zithonye isimo somqondo womuntu. Lezi zinkambiso ziqhamuka zilandelane, futhi zonke ziphethe ithonya elibi eliqhubekayo nokona isintu, lenza abantu balahlekelwe unembeza, ubuntu nomqondo, futhi lehlisa isimilo nezinga lobuqotho ngokwengeziwe, kuze kufike ezingeni lapho singathi iningi labantu manje abanabo nhlobo ubuqotho, abanabo ubuntu, futhi abanawo nonembeza, ingasaphathwa eyomqondo. Ngakho yiziphi lezi zinkambiso? Yizinkambiso ongke ukwazi ukuzibona ngamehlo enyama. Lapho inkambiso ivunguza emhlabeni wonke, mhlawumbe yisibalo esincane kuphela sabantu abazoba sekhaleni layo, abazoba ngabahlahli bendlela. Baqala ngokwenza into ethile entsha, bese bemukela uhlobo oluthile lombono noma indlela ethile yokubuka izinto. Iningi labantu, nokho, lizolokhu liqhubeka lingenwa, lingenisa futhi lihehwa yilolu hlobo lwenkambiso lisesimweni sokungaboni, baze bayemukele bonke, baphinde bacwile kuyo futhi balawulwe yiyo bengaboni. Izinkambiso ezinjalo, ngokulandelana, zenza ukuthi abantu abangenawo umzimba nomqondo ohluzekile, abahlale bengazi ukuthi liyini iqiniso, futhi abangakwazi ukubona umahluko phakathi kwezinto ezinhle nezingezinhle, bazemukele ngenjabulo lezi zinkambiso kanye nemibono emayelana impilo nezimiso ezivela kuSathane. Bemukela lokho uSathane abatshela khona ngokuthi bayithathe kanjani impilo nendlela yokuphila uSathane “abanika” yona bese bengabi namandla noma ikhono, ingasaphathwa eyokubona, ukuze balwe. …

… USathane usebenzisa lezi zinkambiso zabantu ukuyengela abantu esidlekeni sodeveli ngesinyathelo emva kwesinye, ukuze abantu ababhajwe kulezi zinkambiso zabantu, ngokungazi, baphakamise imali kanye nezifiso zokuphathekayo, ububi nendluzula. Uma lezi zinto sezingene enhliziyweni yomuntu, umuntu ube esephenduka eba yini? Umuntu uba udeveli, uSathane! Kwenziwa yini lokhu? Ngoba, yisiphi isimo somqondo esikhona enhliziyweni yomuntu? Yini ehlonishwa umuntu? Umuntu uqala ukuthanda ububi nendluzula, angalukhombisi nhlobo uthando nokulunga, kungasaphathwa ukuthula. Abantu abazimisele ukuphila impilo elula yobuntu obujwayelekile, kodwa esikhundleni salokho, bafisa ukujabulela isikhundla esiphakeme kanye nengcebo enkulu, ukuzitika ngezinjabulo zenyama, benza konke okusemandleni ukwenelisa inyama yabo, ngaphandle kwezithiyo, kungekho zibopho zokubavimba, ngamanye amazwi, benza noma yini abayifisayo. Ngakho, uma umuntu esecwile kulezi zinhlobo zezinkambiso, ulwazi olufundile lungakusiza yini ukuba uzikhulule? Ingabe ukuqonda kwakho isiko lendabuko kanye nezinkolelo-ze ozaziyo kungakusiza ukuthi uphunyuke kule nkinga enzima? Ingabe imikhuba yokuziphatha nemikhosi yendabuko eyaziwa umuntu ingamsiza ukuthi azithibe? Thatha Izimilo Ezintathu Ezivelele, njengesibonelo. Ingabe ingabasiza abantu ukuba bakhiphe izinyawo zabo obhukwini lwalezi zinkambiso? (Cha, ngeke ikwazi.) Ngale ndlela, umuntu uya ngokuya eba mubi, ezithwala, ebukela phansi, ezicabangela yena, futhi enenzondo. Alusekho uthando phakathi kwabantu, alusekho uthando phakathi kwamalunga omndeni, akusekho ukuzwana phakathi kwezihlobo nabangani; ubudlelwano babantu sebugcwele indluzula. Wonke umuntu ngamunye ufuna ukusebenzisa izindlela zendluzula ukuze aphile phakathi kwabanye abantu; bathatha eyabo indlela yokuziphilisa besebenzisa indluzula; bazuza izikhundla zabo futhi bathole izinzuzo zabo ngokusebenzisa indluzula, futhi basebenzisa izindlela ezinendluzula nezimbi ukwenza noma yini abayifunayo. Ingabe lobu buntu abesabisi? (Yebo.)

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

77. “Imali yenza umhlaba uzungeze” yifilosofi kaSathane futhi ivamile esintwini sonke, kuwo wonke umphakathi wabantu. Ningasho nithi yinkambiso ngoba seyifakwe enhliziyweni yawo wonke umuntu. Kusuka ekuqaleni, abantu abasemukelanga lesi sisho, kodwa bafika lapho sebesijwayela khona base besivuma kancane kancane ngenkathi behlangana nempilo yangempela, baqala ukuzwa ukuthi la mazwi empeleni ayeyiqiniso. Akuyona yini lena inqubo kaSathane ekhohlakalisa umuntu? Mhlawumbe abantu abasiqondi lesi sisho ngezinga elifanayo, kodwa bonke abantu banamazinga ahlukene okusiqonda nokusivuma lesi sisho ngenxa yezinto ezenzeke eduze kwabo noma lokho abadlule kukho mathupha. Akunjalo? Kungakhathaleki ukuthi umuntu uhlangene nokungakanani mayelana nalesi sisho, ingabe yimuphi umphumela ongemuhle esingawuletha enhliziyweni yomuntu? Kukhona okwambulwayo ngesimo sobuntu sabantu kulo mhlaba, okufaka omunye ngamunye kini. Ingachazwa kanjani le nto eyambuliwe? Kungukukhonza imali. Ingabe kunzima ukukhipha lokhu enhliziyweni yomuntu? Kunzima kakhulu! Sengathi ukukhohlakalisa umuntu kukaSathane kujule kakhulu! Ngakho-ke emuva kokuthi uSathane esesebenzise le nkambiso ukukhohlakalisa abantu, ibonakaliswa kanjani kubona? Ingabe nizwa ukuthi anisoze nakwazi ukuphila kulo mhlaba ngaphandle kwemali, ukuthi ngisho usuku olulodwangaphandle kwemali ngeke luphileke nhlobo? Isikhundla sabantu sincike ekutheni banemali engakanani, ngokunjalo nasekuhloniphekeni kwabo. Imihlane yabampofu igobile ngenxa yehlazo, kodwa abanothile bajabulela isikhundla sabo esiphakeme. Bema baqonde futhi beziqhenya, bekhulumela phezulu futhi bephila ngokuzithwala. Ingabe lesi sisho nale nkambiso ilethani kubantu? Ingabe akulona iqiniso ukuthi abantu abaningi banikela nganoma yini ukuze bathole imali? Abantu abaningi abalahli yini isithunzi nobuqotho babo ekushisekeleni kwabo imali eningi? Ngaphezu kwalokho, abantu abaningi abalahlekelwa yini yithuba lokwenza umsebenzi wabo nokulandela uNkulunkulu ngenxa yemali? Akukhona yini ukulahlekelwa lokhu kubantu? (Yebo.) Akamubi yini uSathane ngokusebenzisa le ndlela kanye nalesi sisho ukukhohlakalisa umuntu ngaleli zinga? Akulona yini iqhinga elinenzondo leli? Lapho uqhubeka kusukela ekuphikiseni lesi sisho esisematheni kuze kufike ngokugcina usemukele njengeqiniso, inhliziyo yakho iwela esandleni sikaSathane ngokuphelele, ngakho-ke, ngaphandle kwenhloso, uzithola usuphila ngaso lesi sisho. Ingabe lesi sisho sikuthinte ngezinga elingakanani? Ungase uyazi indlela yeqiniso, futhi ungase ulazi iqiniso, kodwa awunawo amandla okulifuna. Ungase wazi ngokucacile ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, kodwa awuzimisele ukukhokha inani noma ukuhlupheka ukuze uzuze iqiniso. Esikhundleni salokho, ukhetha ukunikela ngekusasa lakho nalokho okumiselwe ukuze umelane noNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu uthini, kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu wenzani, kungakhathaleki ukuthi ubona kangakanani ukuthi uNkulunkulu ukuthanda ngokujule futhi kakhulu kangakanani, ungaphikelela ngenkani ukwenza ngokubona kwakho futhi ukhokhe inani ngalesi sisho. Lokhu kusho ukuthi lesi sisho sesilawula ukuziphatha kwakho nemicabango yakho futhi ukhetha ukuthi okudalelwe kulawulwe yilesi sisho kunokuthi usilahle. Ingabe iqiniso elithi abantu benza lokhu, balawulwa yilesi sisho futhi bakhohliswa yiso, alikhombisi ukuthi ukukhohlakalisa umuntu kukaSathane kuyasebenza? Lokhu akukhona yini ukugxila kwefilosofi nesimo esikhohlakele sikaSathane enhliziyweni yakho? Uma wenza lokhu, ingabe uSathane akawufezanga yini umgomo wakhe? (Yebo.) Ingabe uyabona ukuthi uSathane usemkhohlakalise kanjani umuntu ngale ndlela? Uyakuzwa? (Cha.) Awukubonanga noma ukuzwe. Ingabe uyabubona ububi bukaSathane lapha? USathane ukhohlakalisa umuntu ngazo zonke izikhathi futhi kuzo zonke izindawo. USathane ukwenza kube nzima kakhulu ukuthi umuntu azivikele kulokhu kukhohlakaliswa futhi wenza umuntu azizwe engenakuzisiza kukho. USathane ukwenza wamukele imicabango yakhe, imibono yakhe kanye nezinto ezimbi ezivela kuyena ezimweni lapho ungazi khona futhi lapho ungaboni ukuthi kwenzekani kuwe. Abantu bayazemukela lezi zinto ngaphandle kokukhononda ngazo. Bayazazisa futhi babambelele kulezi zinto njengegugu, bavumele ukuthi lezi zinto zibenzise izinto futhi zidlale ngabo; kukhula futhi kujule ngale ndlela ukukhohlakalisa umuntu kukaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

78. Kunamaqhinga ayisithupha aphambili uSathane awasebenzisayo ukuze akhohlakalise umuntu.

Eyokuqala ukulawula nokuphoqa. Okungukuthi, uSathane angenza konke okusemandleni ukuze alawule inhliziyo yakho. Kuchaza ukuthini “ukuphoqa”? Kuchaza ukusebenzisa amasu okwesabisa nendluzula ukukwenza umlalele, ekwenza ucabange ngemiphumela uma ungalaleli. Uyesaba futhi awulokothi ukungalaleli, ngakho uyamthobela.

Eyesibili, ukukhohlisa nokulutha. Ingabe kufakani “ukukhohlisa nokulutha”? USathane uqamba izindaba namanga athile, akuluthe ukuthi uzikholwe. Akakutsheli neze ukuthi umuntu wadalwa uNkulunkulu, kodwa futhi akasho ngokuqondile ukuthi awuzange wenziwe uNkulunkulu. Akalisebenzisi nhlobo igama elithi “Nkulunkulu”, kodwa kunalokho usebenzisa okunye esikhundleni salo, esebenzisa le nto ukukukhohlisa ukuze empeleni ungazi sampela ngokuba khona kukaNkulunkulu. Ngempela, lokhu “kulutha” kubandakanya izingxenye eziningi, hhayi lena nje kuphela.

Eyesithathu, ukufaka imfundiso ngempoqo. Abantu bafunzwa ngani ngempoqo? Ingabe ukufakwa kwemfundiso ngempoqo kwenziwa ngokuzikhethela komuntu? Ingabe kwenziwa ngemvume yomuntu? (Cha.) Akukhathaleki noma awukuvumanga, akukho ongakwenza ngakho. Ekungazini kwakho, uSathane ukufaka imfundiso, efaka kuwe ukucabanga kwakhe, imithetho yakhe yokuphila nengqikithi yakhe.

Okwesine, ukwesabisa nokuyenga. Okungukuthi, uSathane usebenzisa izindlela ezehlukene ukuze umemukele, umlandele, futhi umsebenzele; wenza konke okusemandleni ukufeza izinjongo zakhe. Kwesinye isikhathi ukwenzela umusa omncane, kodwa elokhu ekuyenga ukuthi wenze isono. Uma ungamlandeli, uzokuhlupha futhi akujezise abuye asebenzise izindlela ezinhlobonhlobo zokukuhlasela nokukucupha.

Eyesihlanu, ukukhohlisa nokukhubaza. “Ukukhohlisa nokukhubaza” yilapho uSathane akha amazwi amnandi nemibono ethile ezwakala kamnandi ehambisana nemibono yabantu ukwenza kube sengathi ucabangela isimo senyama yabantu, impilo nekusasa labo, lapho empeleni ehlose ukukukhohlisa kuphela. Ube esekuthwebula ukuze ungakwazi okulungile nokungalungile, khona, ngokungazi, ulutheke bese ekulawula.

Eyesithupha, ukubulala umzimba nomqondo. Iyiphi ingxenye yomuntu uSathane ayibulalayo? (Umqondo womuntu nabo bonke ubuwena.) USathane ubulala umqondo wakho, akwenze ungabi namandla okulwa, okusho ukuthi, kancane kancane inhliziyo yakho iphendukela kuSathane noma ungafuni. Ufaka lezi zinto kuwe zonke izinsuku, zonke izinsuku usebenzisa le mibono namasiko ukuze akuthonye futhi akufundise, ebulala intando yakho kancane kancane, ukuze ekugcineni ungabe usafisa ukuba umuntu olungile, ukuze ungabe usafisa ukumela lokho okubiza ngokuthi “ukulunga.” Ngokungazi, uthola ungasenawo amandla okubhukuda uphambane nomsinga, kodwa kunalokho uhambisana nawo. “Ukubulala” kusho ukuthi uSathane uhlupha abantu kangangokuba baze babe yizithunzi nje zalokho ababeyikho, bengaseyibo abantu. Kulapho uSathane egalela khona, ebabamba futhi ebashwabadela.

Iqhinga ngalinye kulezi uSathane alisebenzisayo ukuze akhohlakalise umuntu lingenza umuntu angabi namandla okulwa; noma iliphi kuwo lingambulala umuntu. Ngamanye amazwi, noma yini uSathane ayenzayo futhi noma yiliphi iqhinga alisebenzisayo kungakwenza ukuthi wonakale, kungakuletha ngaphansi kokulawula kukaSathane futhi kungakubishisa obhukwini lwenkohlakalo nesono. Anjalo amaqhinga uSathane awasebenzisayo ukuze akhohlakalise umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

79. Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele—zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho—ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka. Ngisho noma bezwa iqiniso labo abahlala ebumnyameni abangacabangi ukulenza noma ukuthambekela ekufuneni uNkulunkulu noma ngabe babone ukubonakala Kwakhe. Abantu abonakele kangaka bangaba kanjani nethuba lokusindiswa? Bangahlala kanjani abantu abonakele ekukhanyeni na?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

80. USathane unqoba udumo ngokukhohlisa umphakathi. Uvame ukuzimisa njengemaphikankani nesibonelo sokulunga. Ezishaya njengomlondi wokulunga, ulimaza abantu, ashwabadele imiphefumulo yabo, asebenzise izinto eziningi ukwenza umuntu abe ndikindiki, amkhohlise futhi amhlohle amchukuluze. Umgomo wakhe ukwenza umuntu avumelane futhi alandele ukuziphatha kambi kwakhe, ukwenza umuntu amlandele ekumeleni igunya nobukhosi bukaNkulunkulu. Kepha, lapho umuntu esewahlakaniphela amaqhinga, amacebo kanye nokubukeka kabi kwakhe futhi engasafuni ukuqhubeka ukunyathelwa nokukhohliswa, noma ukuqhubeka abe yisigqila sakhe noma ajeziswe futhi abhubhiswe kanye naye, uSathane uyaguqula izici zakhe zobungcwelengcwele futhi adabule isembozo samanga, ukuveza ubuso bakhe bangempela obubi, obunonya, obumahlikihliki nobunobudlova. Ayikho into angayithanda ukudlula ukuqothula bonke labo abanqabayo ukumlandela futhi labo abamelene namandla obubi. Ngaleso sikhathi, uSathane akasakwazi ukuziveza enokubukeka okuthembekile kwencwasimende; kunalokho, izici zakhe zangempela ezimahlikihliki nezimbi ziyavela ngaphansi kwezingubo zemvu. Lapho amaqhinga kaSathane esevele obala, lapho izici zakhe zangempela sezivele obala, uvuka umbhejazane, avuke ngolaka, aveze unya lwakhe; isifiso sakhe sokulimaza nokushwabadela abantu siyakhula siqonge kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi kumvusa ulaka ukuphaphama komuntu; uba nesifiso esikhulu sokuziphindiselela kumuntu ngenxa yentshisekelo yabo ukulangazelela inkululeko kanye nokukhanya kanye nokukhululeka ejele lakhe. Ulaka lwakhe luhlose ukuvikela ububi bakhe, futhi luyisambulo sangempela semvelo yakhe enonya

Kulo lonke udaba ngalunye, ukuziphatha kukaSathane kuveza obala imvelo yakhe embi. Ezenzweni zonke ezimbi uSathane ake wazenza kumuntu—kusukela emizamweni yakhe yasekuqaleni lapho ayezama ukudukisa umuntu ukuthi amlandele, ukuxhaphaza kwakhe umuntu, lapho edonsela umuntu ezenzweni zakhe ezimbi, kanye nokuziphindiselela kwaSathane kumuntu emuva kokuthi izici zakhe zangempela sezivele obala nomuntu esekubonile lokhu futhi wamshiya—asikho nesisodwa esihlulekayo ukudalula ingqikithi kaSathane embi; asikho nesisodwa esihlulekayo ukufakazela ukuthi uSathane akahlanganise lutho nezinto ezilungile; asikho nesisodwa esihlulekayo ukufakazela ukuthi uSathane umthombo wazo zonke izinto ezimbi. Zonke izenzo zakhe zilonda ububi bakhe, zigcina ukuqhubeka kwezenzo zakhe ezimbi, ziyaphambana kanye nezinto ezilungile nezinhle, zimosha imithetho nokuhleleka kwempilo ejwayelekile yesintu. Zinobutha noNkulunkulu, futhi ziyilokho ulaka lukaNkulunkulu oluzozibhubhisa. Nakuba uSathane enolwakhe ulaka, ulaka lwakhe luyindlela yokukhiphela ngaphandle imvelo yakhe embi. Isizathu sokuthi uSathane ecasukile futhi evuka indlobane yilokhu: amaqhinga akhe angakhulumeki asedaluliwe; amacebo akhe awaphumeleli kalula; ukuzimisela nesifiso Sakhe esidlangile sokuthatha indawo kaNkulunkulu nokuzenza uNkulunkulu sishaywe phansi savinjwa; umgomo wakhe wokulawula sonke isintu uphenduke ize manje futhi ngeke usaphinde wenzeke. Ukubiza kukaNkulunkulu ulaka Lwakhe ngokuphindelela, okumise amacebo kaSathane ukuthi afezeke futhi kwanqamula ukusabalala nokudlanga kobubi bukaSathane; ngakho, uSathane uyalusaba futhi uyaluzonda, kokubili, ulaka lukaNkulunkulu. Njalo, ukusetshenziswa kolaka lukaNkulunkulu akususi nje isembozo sokubukeka kukaSathane kwangempela okunyanyekayo; kudalula izifiso zikaSathane ekukhanyeni. Ngaso leso sikhathi ulaka lukaSathane analo ngesintu luvela obala ngokuphelele. Ukuqhuma kolaka lukaSathane kuyisambulo sangempela semvelo yakhe embi, kungukudalulwa kwamaqhinga akhe. Empeleni, sonke isikhathi lapho uSathane evuka ulaka, kubika ukuchithakala kwezinto ezimbi; kubika ukuvikeleka nokuqhubeka kwezinto ezilungile, futhi kubika imvelo yolaka lukaNkulunkulu—lolo olungeke lungengeke!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukusola ngaphandle kwesizathu” kubhekise ezindleleni udeveli alimaza ngazo abantu.

2. “Kuqashwe kakhulu” kubonisa ukuthi izindlela udeveli ahlupha ngazo abantu zimbi ngokukhethekile futhi ulawula abantu kangangokuthi abanalo ithuba lokunyakaza.

3. “Ukushwabadela” kubhekise endleleni yokuziphatha kobudlova kwenkosi yodeveli, okuphanga abantu ngokuphelele.

4. “Abelekeleli” bawuhlobo olulodwa “neqembu lezigebengu.”.

5. “Akuhlakazeki” kuhloswe njengokubhuqa lapha, kuchaza ukuthi abantu abanyakazi olwazini lwabo, isiko, nokubuka ngokomoya.

6. “ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka” kubonisa ukuthi udeveli uqhubeka nokuphambana ikhanda kanye nokudlebeleka.

7. “Unhlakanhlaka ngokuphelele” kubhekise endleleni ukuziphatha ngobudlova kukadeveli okungabekezeleleki ngayo.

8. “Bunezibazi futhi bunamaphuphusi” kubhekise ebusweni obubi benkosi yodeveli.

9. “Ngokugembula okunamathuba amancane okuphumelela” umfanekiso wamacebo kadeveli okuyenga ngokuqili, okubi. Kusetshenziselwa ukuhlekisa.

a. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele yizincwadi ezithathwa njengezinegunya enkolweni yeConfucianism eShayina.

Okwedlule: II. Amazwi Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokwahlulela Ezinsukwini Zokugcina

Okulandelayo: B. Amazwi Ngokwembula Isimo Sobusathane Sesintu Esikhohlakele Nengqikithi Yemvelo Yaso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp