Umsebenzi Nokungena (10)

Ukuthi isintu sithuthuke kuze kube yilapha kuyisimo esingakaze sibonwe. Umsebenzi kaNkulunkulu kanye nokungena komuntu kuqhubeka ngokubambisana, ngakho umsebenzi kaNkulunkulu, nawo, uyisehlakalo esikhulu ngokungenakulinganiswa. Ukungena komuntu namuhla kuyisimanga esingazange sicatshangwe umuntu ngaphambili. Umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelele eqophelweni eliphezulu—futhi, ngemva kwalokho, “ukungena”[1] komuntu kufike esicongweni. UNkulunkulu uzehlise kwaze kwaba sezingeni eliphansi kakhulu, futhi akakaze akhononde esintwini noma emhlabeni nakuzo zonke izinto. Umuntu, ngaleso sikhathi, uma phezu kwekhanda likaNkulunkulu, emcindezela ngendlela ephezulu kakhulu; konke kufinyelele umvuthwandabawako, manje yisikhathi sokuba ukulunga kubonakale. Kungani isigayegaye sivunyelwa ukuba sisibekele umhlaba, kanye nobumnyama bumboze bonke abantu? UNkulunkulu ubebhekile izinkulungwane zeminyaka—amashumi ezinkulungwane zeminyaka, ngisho—futhi ukubekezela Kwakhe kade kwafinyelela emkhawulweni wakho. Ubebheka isinyathelo ngasinye sesintu, ubebheka ukuthi ukungalungi komuntu kuzoqhubeka isikhathi eside kangakanani kusabalale, kodwa umuntu, osenesikhathi eside endikindiki, akezwa lutho. Futhi ubani oke wabheka izenzo zikaNkulunkulu? Ubani oke waphakamisa amehlo akhe futhi wabheka kude? Ubani oke walalelisisa? Ubani oke waba sezandleni zikaSomandla? Bonke abantu bahlushwa umuzwa wokwesaba kokucabangela nje.[2] Inamsebenzi muni inqwaba yotshani obomisiwe kanye nezinhlanga? Ukuphela kwento ezingayenza ukuhlupha uNkulunkulu osesimweni somuntu aze afe. Nakuba kodwa ziyinqwaba yotshani obomisiwe kanye nezinhlanga, kusenento eyodwa ezingayenza “kahle kakhulu”:[3] Ukuhlupha uNkulunkulu aze afe bese bememeza bethi “kujabulisa izinhliziyo zabantu.” Baze baba iqembu lezimfanzi zamasosha kanye nojenene abayizinkalankala! Ngokuphawulekayo, phakathi nohide lwabantu olungenamkhawulo, bagxilisa ukunaka kwabo kuNkulunkulu, bamzungeze ngodonga olungabhodlozeki. Isasasa labo livutha ngamandla,[4] bazungeze uNkulunkulu ngezinqwabanqwaba, kangangokuthi akakwazi ukunyakaza ngisho ne-intshi. Ezandleni zabo, baphethe yonke inhlobo yezikhali, futhi babheka uNkulunkulu sengathi babheka isitha, amehlo abo agcwele intukuthelo; bafuna “ukuhlephula uNkulunkulu isitho ngesitho.” Kwaze kwakhungathekisa: Kungani umuntu noNkulunkulu bebe yizitha ezingahlangani? Kungaba ngenxa yokuthi kunenzondo phakathi kukaNkulunkulu othandeka kakhulu nomuntu? Kungaba ukuthi izenzo zikaNkulunkulu azinanzuzo kumuntu? Ingabe ziyamlimaza umuntu? Umuntu ugqolozela uNkulunkulu ngeso elinganyakazi esaba ngokujulile ukuthi uzobhodloza udonga lomuntu, abuyele ezulwini lesithathu, abuye aphonse umuntu emgodini oyijele. Umuntu uxwaya uNkulunkulu, umi ngamazonzwane, futhi uyobayoba emhlabathini kude, ephethe “isibhamu esiwuntuluntulu” esiqondise kuNkulunkulu phakathi kwabantu. Kusengathi, ngokunyakaza okuncane kukaNkulunkulu, umuntu uzosusa yonke into Yakhe—umzimba Wakhe wonke kanye nakho konke akugqokile—angashiyi lutho ngemuva. Ubuhlobo phakathi kukaNkulunkulu nomuntu ngeke busalungiseka. UNkulunkulu akaqondakali kumuntu; umuntu, kulesi sikhathi, ngamabomu uvala amehlo akhe bese ezidlalela, engafuni ngokuphelele ukubona ubukhona Bami, futhi engathetheleli isahlulelo Sami. Ngakho, lapho umuntu engakulindele, ngesinyenyela ngiyamuka, futhi ngeke ngisaqhathanisa ukuthi ubani ophakeme kanye nokuthi ubani ophansi nomuntu. Umuntu “uyisilwane” esiphansi kakhulu kunazo zonke futhi angifisi ukuqhubeka nokumlalela. Sekunesikhathi eside kusukela ngithathe ngokuphelele umusa Wami ngawubuyisela endaweni engihlala kuyo ngokuthula; ngenxa yokuthi umuntu akalaleli, yisiphi isizathu anaso sokujabulela umusa Wami oyigugu? Angizimisele ukunikeza umusa Wami ngokuyize kumabutho ayimpi Kimi. Nginganikeza izithelo Zami eziyigugu kulabo balimi baseKhanani abanomdlandla, futhi bamukele ukubuya Kwami ngobuqotho. Ngifisa kuphela ukuba amazulu aqhubeke phakade, futhi, ngaphezu kwalokho, ukuba umuntu angagugi, ngamazulu kanye nomuntu ukuba babe nokuphumula phakade, bese labo “phayini nemisayipuresi” ehlala iluhlaza iphelezele uNkulunkulu phakade, futhi iphelezele phakade namazulu ekungeneni enkathini ekahle ndawonye.

Ziningi izinsuku engizichithe nomuntu, ngihlale nomuntu ezweni, angifunanga lutho olunye kumuntu; angenzi lutho ngaphandle kokuqondisa umuntu, ngenxa yekusasa lomuntu, ngiwufeza ngokungakhathali umsebenzi wokuhlela. Ubani owake waqonda intando kaBaba osezulwini? Ubani oke waya ezulwini nasemhlabeni? Angifisi ukuphinde ngichithe nomuntu “inkathi yakhe yokuguga,” ngoba umuntu udla ngoludala, akaqondi lutho, okuwukuphela kwento ayaziyo ukuzigxinxa ngokudla engikubekile—angalokothi acabange ngokunye. Isintu sinosizi kakhulu, isixakaxaka, umsindo nengozi yabantu inkulu kakhulu, ngakho angifisi ukuba nengxenye ezithelweni zabo abazitholile eziyigugu ezinsukwini zokugcina. Umuntu makajabulele izibusiso ezicebile azenzele zona, ngoba umuntu akangemukeli—kungani kufanele ngiphoqe isintu ukuba simomotheke? Kuwo wonke amagumbi omhlaba kugcwele ulaka, awutholakali umthombo kulo lonke izwe, ngoba njengamanzi ahlala izidalwa, akanalo noluncane ulaka, ufana nesidumbu, futhi igazi eligijima ngemithambo yakhe yegazi liqine liyiqhwa elipholisa inhliziyo. Luphi ulaka? Umuntu wabethela uNkulunkulu esiphambanweni ngaphandle kwesizathu, futhi ngemva kwalokho akenzanga amaphutha. Akekho owake wazisola kanje, futhi lezi zikhohlakali zisaceba “ukuyithumba iphila”[5] iNdodana yomuntu okwesibili ziyisondeze emlilweni, ukuze ziqede inzondo ezinayo enhliziyweni yazo. Iyiphi inzuzo engisalele kuleli zwe eliyingozi? Uma ngisala, okuwukuphela kwento engizoyiletha izinxushunxushu nodlame, ngeke ziphele izinkinga, ngoba angilethile ukuthula kumuntu, impi kuphela. Izinsuku zokugcina zesintu kumele zigcwale impi, ikusasa lomuntu kumele libe nobudlova nezinxushunxushu. Angizimisele ukubamba iqhaza empini, ngeke ngihambisane nokugobhoza kwegazi nomnikelo womuntu, ngoba ukuchithwa komuntu kuxoshe Nami, futhi anginayo inhliziyo yokubuka izimo zomuntu—umuntu makalwele ukwaneliseka enhliziyweni yakhe, ngifisa ukuphumula, ukulala, amademoni mawahambisane nomuntu phakathi kwezinsuku zokugcina! Ubani owazi intando Yami? Ngoba angemukelekile kumuntu, akangilindanga, engingakwenza nje ukumvalelisa, nokubeka ikusasa lesintu kuye, ngishiye wonke umcebo Wami kuye, nokuphila Kwami kumuntu, ngitshale imbewu yokuphila Kwami ensimini eyinhliziyo yomuntu, ngimshiyele izinkumbulo zaphakade, engingamshiyela khona nje uthando Lwami ngesintu, nginike umuntu konke lokhu isintu esikwazisayo, njengesipho sothando sokuthi siyathandana. Siyothandana kuze kube phakade, okwenzeke izolo into enhle esinikane yona, ngoba sengilubeke lonke uqobo Lwami esintwini—yiziphi izinto umuntu akhononda ngazo? Kakade sengikushiyile ukuphila Kwami, futhi ngaphandle kwezwi, ngibekezele kanzima ukuze ngitshalele isintu izwe elihle lothando; angikaze ngenze okufunekayo okufana nalokho, futhi angenzanga lutho ukuze nje ngethule amalungiselelo omuntu futhi ngakhele isintu ikusasa elihle.

Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ucebile futhi unenala, ukungena komuntu kuntula kakhulu. “Emsebenzini” ohlanganisa ndawonye umuntu noNkulunkulu, cishe konke okwawo kungumsebenzi kaNkulunkulu; ukuthi kungakanani umuntu angene kukho, cishe akukho lutho angakubonisa. Umuntu, ompofu kakhulu noyimpumputhe, uze aqhathanise amandla akhe nakaNkulunkulu wanamuhla “ngezikhali zasendulo” ezisezandleni zakhe. Lezi “zinkawu zasendulo” azikwazi ukuhamba ziqonde, futhi azinamahloni ngemizimba yazo “enqunu.” Yini ezenza zifaneleke ukuhlola umsebenzi kaNkulunkulu? Amehlo eziningi zalezi zinkawu ezinemilenze emine agcwala ukufutheka, bese zilwa noNkulunkulu ngezikhali zamatshe zakudala ezisezandleni zazo, zizama ukuqala umncintiswano wezinkawu ezisabantu umhlaba ongakaze ukubone okufana nawo ngaphambili, ukubamba umncintiswano wezinsuku zokugcina phakathi kwezinkawu ezisabantu kanye noNkulunkulu ozoduma umhlaba wonke. Eziningi zalezi zinkawu ezisabantu bakudala abagobile, ngaphezu kwalokho, zichichima ukunganaki. Izinwele ezivale ubuso bazo zihlangene ndawonye, zigcwele inhloso yokubulala futhi ziphakamisa imilenze yazo yangaphambili. Kufanele nokho ziguqukele ngokugcwele kumuntu ophila namuhla, ngakho kwezinye izikhathi zima ziqonde, futhi kwezinye izikhathi zikhase, amaconsi ezithukuthuku emboze amabunzi azo njengamazolo amaningi, ukuzimisela kwazo kusobala. Zibuka inkawu esamuntu esesimweni esihle, yasendulo, umngane wazo, emi ngayo yomine, imilenze yakhe emine imikhulu futhi ihamba kancane, ekwazi ngokucacamezela nje ukuvika amagalelo futhi engenamandla okubuyisela, sezicishe zingakwazi ukuzibamba. Ngokuphazima kweso—ngaphambi kokuba kube nesikhathi sokubona okwenzekile—“iqhawe” elisenkundleni liwela phansi, imilenze ibheke phezulu. Leyo milenze, ebimiswe ngokungafanele emhlabeni yonke leyo minyaka, ngokushesha isiphenduke yabheka phezulu, futhi inkawu esamuntu ayinaso noma yisiphi isifiso sokulwa. Kusukela kulesi sikhathi kuye phambili, izinkawu ezisabantu zasendulo eziningi zishabalele ebusweni bomhlaba—“kunzima” ngempela. Le nkawu esamuntu yasendulo yafinyelela esiphethweni esishesha kanje. Kungani kwakufanele iphuthume ukusuka ezweni elimangalisayo lomuntu ngokushesha okungaka? Kungani ingaxoxanga nozakwabo ngesinyathelo esilandelayo seqhinga? Kwaze kwadabukisa ukuthi yavalelisa emhlabeni ngaphandle kokushiya imfihlo yokulinganisa amandla omuntu ngokuqhathanisa noNkulunkulu! Kwaze kwangaba nangqondo ukuba inkawu esamuntu endala kangaka ize ife ngaphandle kokuhlebeza, ihambe ngaphandle kokwedlulisela “isiko kanye nobuciko bakudala” enzalweni yayo. Sasingekho isikhathi sokubizela eceleni labo abaseduze kakhulu nayo ukuze ibatshele ngothando lwayo, ayishiyanga umyalezo phezu kwesibhebhe setshe, ayizange iqonde ilanga lasezulwini, futhi yangasho lutho ngobunzima bayo obungachazeki. Lapho isiphefumula okokugcina, ayizange ibizele eceleni komzimba wayo ofayo inzalo yayo ukuze iyitshele ukuthi “ningangeni enkundleni ukubekela uNkulunkulu inselele” ngaphambi kokuba ivale amehlo ayo, imilenze yayo emine eqinile ibheke phezulu unomphelo njengamagatsha esihlahla abheke esibhakabhakeni. Kubonakala sengathi yafa ngokufa okubuhlungu kakhulu…. Ngokushesha, kuduma umsindo wokuhleka ngaphansi kwenkundla; enye yezinkawu ezisabantu ezigobile ayikwazi ukuzibamba; iphethe “umshiza wetshe” wokuzingela izinyamazane noma esinye isilwane sasendle othuthuke kakhulu kunalowo wenkawu esamuntu endala, ingena enkundleni, ithukuthele kabi, inecebo elicatshangwe kahle engqondweni yayo.[6] Kusengathi yenze okuthile okutusekayo. Isebenzisa “amandla” omshiza wetshe iyakwazi ukuma iqonde “imizuzu emithathu.” Aze aba makhulu “amandla” alo “mlenze" wesithathu! Wagcina inkawu esamuntu enkulu, ebhadazelayo, eyisiwula egobile imile imizuzu emithathu—akumangalisi ukuthi le nkawu esamuntu yakudala ehloniphekile[7] iyacindezela kakhulu. Nangempela, ithuluzi letshe lasendulo “lenza ngokuhambisana nedumela lalo”: Kunesibambo sommese, ukudla kwawo, nesihloko, isici esisodwa nje ukuntuleka kokukhazimula kokudla—kwaze kwadabukisa lokho. Phinda ubheke “iqhawe elincane” lezikhathi zasendulo, elimi enkundleni libuka labo abangaphansi ngeso lokwedelela, sengathi bangabaphansi abangenamandla, kanti lona liyiqhawe elinesibindi. Enhliziyweni yalo, libenyanya ngokufihlakele labo abangaphambi kwenkundla. “Izwe lisenkingeni futhi omunye omunye wethu unesibopho, kungani niziba? Kungaba wukuthi nibona izwe ukuthi libhekene nenhlekelele, kodwa ngeke ningene empini yokuchitheka kwegazi? Izwe lisengcupheni yenhlekelele—kungani ningabi ngabokuqala ukubonisa ukukhathazeka, futhi nibe abokugcina ukuzijabulisa? Kungenzeka kanjani ukuthi nime nibuke izwe lehlela ekuwohlokeni? Ingabe nizimisele ukuthwala ihlazo lokucindezelwa kwesizwe? Naze naba yiqembu labantu abangenamsebenzi walutho!” Njengoba icabanga lokhu, kuqala impi phambi kwesiteji futhi amehlo ayo athukuthela ngisho nangokwengeziwe, sengathi azokhafula[8] amalangabi. Ifuna ukuba uNkulunkulu ehluleke phambi kwempi, ilangazelela ukubulala uNkulunkulu ukuze yenze abantu bajabule. Kuncane ekwaziyo ukuthi, nakuba ithuluzi layo letshe lingaba elodumo olufanele, alinakulokotha lakhe ubutha noNkulunkulu. Ngaphambi kokuba nesikhathi sokuzivikela, ngaphambi kokuba nesikhathi sokulala phansi kanye nokusukuma, iya emuva naphambili, ingakwazi ukubona ngawo omabili amehlo. Iwela kukhokho wayo omdala futhi ingaphinde ivuke; inkonkoshele emfeneni esamuntu yasendulo, ayisakhali, futhi ivuma ukuba phansi kwayo, ingasabuswa yinoma yisiphi isifiso sokulwa. Lezo zinkawu ezisabantu ezimbili ezidabukisayo zifela phambi kwenkundla. Kwaze kwayishwa ukuthi okhokho besintu, asebephile kwaze kwaba usuku lwanamuhla, bafa bengenalwazi ngosuku okwavela ngalo Ilanga lokulunga! Kwaze kwaba wubuwula ukuthi bavumele lesi sibusiso esikhulu kangaka sabedlula—ukuthi, ngosuku lwesibusiso sabo, izinkawu ezisabantu ezilinde izinkulungwane zeminyaka zithathe izibusiso zaya nazo eHayidesi ukuze “zizijabulele” kanye nenkosi yawodeveli! Kungani zingagcini lezi zibusiso ezweni labaphilayo ukuze zizijabulele kanye namadodana namadodakazi azo? Zimane zizidonsela amanzi ngomsele! Kwaze kwaba ukusaphaza lokho ukuthi, ngenxa yesikhundla esincane, idumela, kanye nokuziqhenya, bavelelwa yishwa lokubulawa, bazama ukuba ngabokuqala ukuvula amasango esihogo futhi babe amadodana aso. Umvuzo onjalo awudingeki ngempela. Kwaze kwadabukisa ukuthi okhokho abadala kangaka, “abebegcwele umoya wobuzwe,” bangaba lukhuni kangaka kubo siqu kodwa bababekezelele kangaka abanye,” bazivalele esihogweni, bese bevalela labo abaphansi abangenamandla ngaphandle. Kukuphi lapho “abameli babantu” abanjengalaba bengatholakala khona? Ngenxa “yenhlala-kahle yenzalo yabo” kanye “nokuphila ngokuthula kwezizukulwane ezizayo,” abavumeli uNkulunkulu ukuba aphazamise, ngakho abalaleli noma yini ezimpilweni zabo siqu Ngaphandle kokuzibamba, bazinikela “emsebenzini wobuzwe,” bangene eHayidesi ngaphandle kwezwi. Bungatholakala kuphi ubuzwe obunjalo? Ekulweni noNkulunkulu, abakwesabi ukufa, noma ukuchitha igazi, abazikhathazi kangako ngekusasa. Bamane baye enkundleni. Kwaze kwadabukisa ukuthi ukuphela kwento abayitholayo “ngomoya wokuzinikela” wabo ukuzisola kwaphakade, kanye nokudliwa amalangabi avutha njalo esihogo!

Kwaze kwamangalisa! Kungani ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu njalo kuchithwa futhi kwethukwe abantu? Kungani abantu bangake babe noma yikuphi ukuqonda ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu? Ingabe kuwukuthi uNkulunkulu uze ngesikhathi esingafanele? Ingabe kuwukuthi uNkulunkulu uze endaweni engafanele? Ingabe kuwukuthi lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi uNkulunkulu uzenzele eyedwa, ngaphandle “kokusayina” komuntu? Ingabe kungenxa yokuthi uNkulunkulu wenze lokho akucabangayo ngaphandle kwemvume yomuntu? Amaqiniso abonisa ukuthi uNkulunkulu waqala wanikeza isaziso. UNkulunkulu akenzanga lutho olubi ngokuba yinyama—ingabe kufanele acele imvume yomuntu? Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wakhumbuza umuntu kudala, mhlawumbe abantu sebekhohliwe. Akufanele basolwe, ngokuba umuntu kade onakaliswa kakhulu uSathane kangangoba akakwazi ukuqonda okwenzeka ngaphansi kwamazulu, kungashiwo lutho ngokwenzeka ezweni lokomoya! Kwaze kwadabukisa ukuthi okhokho bomuntu, izinkawu ezisabantu, bafela enkundleni, kodwa lokhu akumangalisi: Izulu nomhlaba akukaze kuvumelane, futhi kungenzeka kanjani ukuthi izinkawu ezisabantu, ezingqondo yazo yenziwe ngetshe, ziqonde ukuthi uNkulunkulu angaphinde abe yinyama? Kwaze kwadabukisa ukuthi “ikhehla” elinje “elisonyakeni wamashumi ayisithupha” lafa ngosuku lokubonakala kukaNkulunkulu. Akumangalisi yini ukuthi lashiya umhlaba lingabusisiwe ekufikeni kwesibusiso esikhulu kangaka? Ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kuthumele amagagasi okwethuka kuzo zonke izinkolo namaqembu, “kuhlakaze” uhlelo lokuqala lomphakathi wenkolo, futhi kwanyakazisa izinhliziyo zabo bonke abalangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu. Ubani ongenalo uthando? Ubani ongalangazeleli ukubona uNkulunkulu? UNkulunkulu ubelokhu ephakathi komuntu iminyaka eminingi, kodwa umuntu ubelokhu engaboni. Namuhla, uNkulunkulu Uqobo uye wabonakala, waveza isiqu Sakhe ezindaweni eziningi—kungahlala kanjani lokhu kungayijabulisi inhliziyo yomuntu? UNkulunkulu wake wajabula futhi waba lusizi ngomuntu, namuhla uphinde wabuyisana nesintu, sekudlule izikhathi eziningi enomuntu. Ngemva kokuphuma eJudiya, abantu abatholanga ngisho nomkhondo Wakhe. Balangazelela ukuphinde bahlangane noNkulunkulu, abazi ukuthi namuhla sebephinde bahlangana Naye, babuyisana Naye. Kungahlala kanjani lokhu kungayivusi imicabango yayizolo? Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule namuhla, uSimoni iNdodana kaJona, ozalwa amaJuda, wabona uJesu uMsindisi, wadla etafuleni elilodwa Naye, futhi ngemva kokumlandela iminyaka eminingi wamthanda kakhulu: Wamthanda ngokusuka enhliziyweni yakhe, wayithanda kakhulu iNkosi uJesu. Abantu abangamaJuda babengazi lutho ngalo mfana onezinwele ezimhlophe, ozalelwe ezindaweni ezibandayo, wayengumfanekiso wokuqala kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Babecabanga ukuthi ufana nabo, akekho owayecabanga okuhlukile Ngaye—abantu babengambona kanjani lo Jesu ojwayelekile? Abantu abangamaJuda babecabanga ukuthi ungumJuda, becabanga ukuthi uyindodana yomJuda. Akekho owayembheka njengoNkulunkulu onothando, futhi abantu bavaleka amehlo Ngaye, becela umusa ngobuningi, ingcebo, ukuthula nenjabulo. Babazi lokho kuphela, njengosozigidi, wayenakho konke umuntu angakufisa. Kodwa abantu abamphathanga njengothandekayo; abantu ngaleso sikhathi babengamthandi, babegcina ngokububula Ngaye, befuna izinto eziningi Kuye, akakaze ayeke ukunika umuntu umusa, nakuba umuntu ayengamazi. Akwenza nje kwaba ukunika umuntu imfudumalo, uthando, umusa, kanye nokunye, wanika umuntu indlela entsha yokwenza, wakhulula umuntu emigoqweni yomthetho. Umuntu akakaze amthande, wayegcina ngokumzonda, nokubona ubungcweti Bakhe. Isintu esingaboni, singayazi kanjani indlela uJesu uMsindisi ahlazeka kakhulu ngayo lapho efika phakathi kwesintu? Akekho owacabanga ngobunzima Bakhe, akekho owazi ngothando Lwakhe ngoNkulunkulu uBaba, akekho owayazi ngokuba yedwa Kwakhe; nakuba uMariya ayengunina owamzala, wayengayazi kanjani imicabango esenhliziyweni yeNkosi enomusa uJesu? Ubani owayazi ngokucindezeleka okungachazeki okwabekezelelwa iNdodana yomuntu? Ngemva kokuyinxusela, kubantu bangaleso sikhathi yaba yinto yokugcina abayicabangayo, bayilahlela ngaphandle. Ngakho yazulazula ezitaladini, usuku nosuku, unyaka nonyaka, kwadlula iminyaka yaze yaba neminyaka engamashumi amathathu nantathu enzima, eminyaka eyaba mide futhi yaba mifishane. Lapho abantu bemdinga, babemmema emakhaya abo bemomotheka, bezama ukufuna izinto Kuye—futhi ngemva kokuthi enikele kubo, babemkhiphela ngaphandle kwesicabha ngokushesha. Abantu babedla okwakuvela emlonyeni Wakhe, babephuza igazi Lakhe, babejabulela izibusiso abanika zona, kodwa futhi bamelana Naye, ngoba babengazi ukuthi ukuphila babekunikwe ubani kwabo. Ekugcineni, bambethela esiphambanweni, kodwa noma kunjalo akenzanga msindo. Ngisho nanamuhla, usathule. Abantu badla inyama Yakhe, baphuza igazi Lakhe, badla ukudla abenzela khona, futhi bahamba indlela abavulele yona, nokho basafuna ukumphika; empeleni babheka uNkulunkulu obadalile njengesitha sabo, esikhundleni salakho baphatha labo abayizigqila kanye nabo njengoYise osezulwini. Kulokhu, ingabe abamelani Naye ngamabomu? Kwenzeka kanjani ukuba uJesu afele esiphambanweni? Ingabe uyazi? Ingabe akakhashelwanga uJuda, owayesondelene Naye, wamphuzisa, wajabula Naye? Ingabe isizathu sokukhaphela kukaJuda sasingekhona ukuthi uJesu wayengekho ngaphezu komfundisi ojwayelekile? Uma abantu babona ngempela ukuthi uJesu wayengajwayelekile, owayehle ezulwini, babengambethela kanjani esiphambanweni ephila amahora angamashumi amabili nane, kwaze kwaba yilapho engasakwazi ukuphefumula? Ubani ongazi uNkulunkulu? Abantu bajabulela uNkulunkulu benomhobholo, kodwa abakaze bamazi. Banikwe isandla bathatha ingalo yonke, benza “uJesu” alalele imithetho yabo. Ubani owake wabonisa iNdodana yomuntu umusa, engenayo indawo yokufihla ikhanda Layo? Ubani owake wacabanga ukuhlangana Nayo ukuze aqedele umsebenzi kaNkulunkulu uYise? Ubani owake wacabanga Ngayo? Ubani owake wacabanga ngobunzima Bayo? Engenalo noluncane uthando, umuntu uyisa ngapha nangapha; umuntu akazi ukuthi ukukhanya nokuphila kwakhe kuvelaphi, akwenzayo nje ukusungula icebo ngesinyelela lokuphinde abethele “uJesu” esiphambanweni njengaseminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, ozwe ubuhlungu phakathi kwabantu. Ingabe ngempela “uJesu” ukhuthaza inzondo enjalo? Ingabe konke akwenza kade kwakhohlwa? Inzondo yaseminyakeni eyizinkulungwane edlule iyogcina iqubukile. Niwuhlobo lwamaJuda! Wake wanizonda nini uJesu, njengoba nimzonda kangaka? Unenzele okuningi, wakhuluma okuningi—akukho yini okunizuzisayo? Unikele ngokuphila Kwakhe kini ngaphandle kokufuna ukubuyiselwa ngokuthile, uninike uqobo Lwakhe—ingabe nisafuna ukumbona ephila? Akagodlanga lutho ezintweni aninike zona, akajabulelanga lutho lwezwe, imfudumalo phakathi kwabantu, uthando phakathi kwabantu, nazo zonke izibusiso phakathi kwabantu. Abantu baluhlaza Kuye, akakaze ajabulele imicebo yezwe, unikele ngoqobo Lwakhe ngobuqotho, waba nenhliziyo enogqozi ngomuntu, konke okwakhe ukunike isintu njengefa—futhi ubani omnike imfudumalo? Ubani oke wamduduza? Umuntu umcindezele kakhulu, umnike wonke amashwa akhe, umnike konke okubi okwehlela umuntu, usola Yena ngakho konke ukungabi nabulungiswa, futhi Yena ukwamukele. Ingabe ukhona Ake wabhikisha kuye? Ingabe kukhona ngisho okuncane Ake wakucela kothile? Ubani owake wambonisa uzwela? Njengabantu abajwayelekile, ubani kini ongakaze akhule ngothando? Ubani ungangqabavulanga ebusheni bakhe? Ubani ongayizwa imfudumalo yezihlobo zakhe? Ubani ongenalo uthando lwezihlobo nabangani? Ubani ongahlonishwa abanye? Ubani ongenawo umndeni ofudumele? Ubani ongenaye umuntu athululela kuye isifuba? Yena ingabe kukhona kulokhu Ake wakujabulela? Ubani owake wamnika imfudumalo? Ubani owake wamduduza? Ubani owake wambonisa isimilo esincane? Ubani owake wambekezelela? Ubani owake waba Naye ezikhathini ezinzima? Ubani owake wadlula Naye ezikhathini ezinzima ekuphileni? Umuntu akakaze ehlise izinto azifuna Kuye; uhlale efuna izinto ngaphandle kokulibala, njengokungathi, njengoba esesezweni labantu, useyinkabi yabo noma ihhashi, isiboshwa somuntu, futhi kumele anike umuntu konke okwakhe; uma kungenjalo umuntu akasobe amxolela, akusobe kwaba lula Kuye, ngeke aphinde ambize ngoNkulunkulu, futhi ngeke aphinde amhloniphe. Umuntu uqinile endleleni abheka ngayo uNkulunkulu, njengokungathi ufuna ukuhlukumeza uNkulunkulu ekufeni, kungemva kwalokhu kuphela lapho eyolahlekelwa khona izinto azifuna kuNkulunkulu; ngale kwalokho umuntu ngeke ehlise izinga lakhe ngenxa kaNkulunkulu. Umuntu ofana nalona angahlala kanjani angamzondi uNkulunkulu? Ingabe akuyona inhlekelele yanamuhla? Umuntu akasenawo nhlobo unembeza. Ulokhu ethi uzobuyisa uthando lukaNkulunkulu, kodwa uphamba uNkulunkulu amhlukumeze ekufeni. Ingabe lena akuyona “imfihlo” okholweni lwakhe kuNkulunkulu, ayinikwa okhokho bakhe? “AmaJuda” awasabonwa nangokhalo, futhi namuhla asenza umsebenzi ofanayo, asenza umsebenzi ofanayo wokumelana noNkulunkulu, kodwa bacabanga ukuthi baphakamisa uNkulunkulu. Amehlo omuntu angambona kanjani uNkulunkulu? Umuntu ophila enyameni, uNkulunkulu osamuntu ovela eMoyeni angamphatha kanjani njengoNkulunkulu? Ubani phakathi kwabantu ongamazi? Likuphi iqiniso phakathi kwabantu? Kukuphi ukulunga kweqiniso? Ubani ongaqonda isimo sikaNkulunkulu? Ubani ongancintisana noNkulunkulu osezulwini? Yingakho lapho eza phakathi komuntu, engekho oke wamazi uNkulunkulu, futhi bemenqabile. Umuntu angakubekezelela kanjani ukuba khona kukaNkulunkulu? Angakuvumela kanjani ukukhanya kumuse ebumnyameni bezwe? Ingabe konke lokhu akukhona ukuzinikela ngenhlonipho komuntu? Ingabe lona akuwona umnyango oqondile womuntu? Ingabe umsebenzi kaNkulunkulu awuzungezi ukungenza komuntu? Ngifisa ukuthi nihlanganise umsebenzi kaNkulunkulu nokungena komuntu, futhi niqalise ubuhlobo obuhle obuphakathi kukaNkulunkulu nomuntu, nenze umsebenzi okufanele wenziwe umuntu ngawo wonke amandla enu. Ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu uyogcina uphelile, uphele ngokukhazinyuliswa Kwakhe!

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukungena komuntu’” lapha kubonisa ukuziphatha kokungalaleli komuntu. Kunokuba kubhekise ekungeneni kwabantu ekuphileni—okuyinto enhle—kubhekise ezenzweni nasekuziphatheni okungekuhle. Kubhekise kakhulukazi kuzo zonke izenzo zomuntu ezimelana noNkulunkulu.

2. “Ukuhlushwa umuzwa wokwesaba” kusetsheziselwa ukuhlekisa ngokuphila komuntu okungafanele kobuntu. Kubhekise esimweni esibi sokuphila kwesinto, lapho abantu bephila khona namademoni.

3. “Kahle kakhulu” kushiwo ngokuhlekisa.

4. “Livutha ngamandla” kushiwo ngokuhlekisa, futhi kubhekise esimweni esibi somuntu.

5. “Ukuyithumba iphila” kubhekise ekuziphatheni komuntu okunesihluku nokunyanyekayo. Umuntu unesihluku futhi akaxoleli nakancane uma kuziwa kuNkulunkulu, futhi unezimfuno ezinobuwula Kuye.

6. “Icebo elicatshangwe kahle engqondweni yayo” kushowo ngokuhlekisa, futhi kubhekise endleleni abantu abangazazi ngayo futhi abangasazi ngayo isiqu sabo sangempela. La magama anokudelela.

7. Ehloniphekile” kushiwo ngokuhlekisa.

8. “Ukukhafula” kubonisa isimo esibi sabantu abagcwele intukuthelo lapho behlulwa uNkulunkulu. Kubonisa izinga lokumelana kwabo noNkulunkulu.

Okwedlule: Umsebenzi Nokungena (9)

Okulandelayo: Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp