Umi Kuphi Ngezincwadi Eziyishumi Nantathu?

IThestamente Elisha leBhayibheli liqukethe izincwadi zikaPawulu eziyishumi nantathu. Esikhathini ayenza ngaso umsebenzi wakhe, uPawulu wabhala lezi zincwadi eziyishumi nantathu waziqondisa emabandleni ayekholwa kuJesu Kristu. Okungukuthi, uPawulu waphakanyiswa wayesebhala lezi zincwadi emva kokuthi uJesu enyukele ezulwini. Izincwadi zakhe ziwubufakazi bokuvuka nokwenyukela ezulwini kweNkosi uJesu emva kokufa Kwayo, futhi zibuye zisabalalise indlela yokuphenduka nokuthwala isiphambano. Eqinisweni, yonke le miyalezo nobufakazi kwakufanele kufundise abazalwane ezindaweni ezehlukene eJudiya ngaleso sikhathi, ngoba ngaleso sikhathi, uPawulu wayeyinceku yeNkosi uJesu, futhi wayephakanyiselwe ukwethula ubufakazi ngeNkosi uJesu. Ngaleso naleso sikhathi somsebenzi kaMoya oNgcwele, abantu abehlukene baphakanyiselwa ukwenza umsebenzi Wayo owehlukile, okungukuthi, ukwenza umsebenzi wabaphostoli ukuze baqhube umsebenzi uNkulunkulu awuqeda ngoKwakhe. Ukuba uMoya oNgcwele wayewenza ngokuqondile, futhi akukho bantu abaphakanyiswa, khona-ke kwakuyoba lukhuni kakhulu ukuthi umsebenzi wenziwe. Kanjalo, uPawulu waba yilowo owashaywa wawiswa ngenkathi esendlelni eya eDamaseku, futhi owabe esephakanyiswa ukuze abe ngufakazi weNkosi uJesu. Wayengumphostoli ngaleya kwabafundi bakaJesu abayishumi nambili. Ngaphezu kokusabalalisa ivangeli, wabuye wenza umsebenzi wokwelusa amabandla ezindaweni ezehlukene, owawufaka ukubheka abazalwane bamabandla—ngamanye amazwi, ukuhola abazalwane eNkosini. Ubufakazi bukaPawulu babuwukwenza kwaziwe iqiniso lokuvuka nokwenyukela ezulwini kweNkosi uJesu, kanye nokufundisa abantu ukuphenduka, ukuvuma izono, nokuhamba indlela yesiphambano. Wayengomunye wofakazi bakaJesu Kristu bangaleso sikhathi.

Izincwadi zikaPawulu eziyishumi nantathu zakhethelwa ukuthi zisetshenziswe eBhayibhelini. Wazibhala zonke eziyishumi nantathu ukubhekana nezimo zabantu ezehlukene ezindaweni ezehlukene. Wanyakaziswa nguMoya oNgcwele ukuba azibhale, wayesefundisa abazalwane kuyo yonke indawo esesikhundleni sobuphostoli (emi endaweni yenceku yeNkosi uJesu). Ngalokho, izincwadi zikaPawulu azisukelanga eziphrofethweni noma emibonweni ngqo, kodwa zasukela emsebenzini ayewenza. Lezi zincwadi azixakile, futhi akulukhuni ukuziqonda njengoba kunjalo eziphrofethweni. Zibhalwe kalula nje njengezincwadi, futhi azifaki iziphrofetho noma izimfihlakalo; ziqukethe kuphela amazwi ajwayelekile ayimiyalelo. Noma ngabe amazwi azo amaningi engaba lukhuni ukuba abantu bawabambe noma abe lukhuni ukuthi bawaqonde, avela kuphela ekuqondeni kukaPawulu nasekukhanyiseleni kukaMoya oNgcwele. UPawulu wayengumphostoli nje; wayeyinceku eyayisetshenziswa yiNkosi uJesu, hhayi umphrofethi. Ngenkathi ehamba emazweni ahlukene, wayebhalela abazalwane bamabandla izincwadi, noma, ngenkathi egula, wayebhalela amabandla ayesemqondweni wakhe kakhulu kodwa ayengakwazi ukuya kuwo. Ngokunjalo, izincwadi zakhe zagcinwa ngabantu zase ziqoqwa kamuva, zahlelwa, zabekwa emva kwamaVangeli Amane eBhayibhelini yizizukulwane ezalandela. Empeleni, zakhetha futhi zakha iqoqo lazo zonke izincwadi ezinhle kakhulu ayezibhalile. Lezi zincwadi zazinosizo empilweni yabazalwane, futhi zazidume ngokukhethekile ngesikhathi sakhe. Lapho uPawulu ezibhala, inhloso yakhe yayingekhona ukubhala umsebenzi wokomoya owawuzokwenza abazalwane bakhe bathole indlela yokwenza noma umlando wokomoya ukuze akhiphe lokho ayehlangene nakho; wayengaqondile ukubhala incwadi ukuze abe ngumlobi. Wayebhalela nje abazalwane bakhe bebandla leNkosi uJesu Kristu izincwadi. UPawulu wafundisa abazalwane bakhe, esesikhundleni sakhe sobunceku, ukubatshela ngomthwalo wakhe, ngentando yeNkosi uJesu, nokuthi iyiphi imisebenzi iNkosi eyayiyinikeze abantu ukuba yenziwe enkathini ezayo. Yilona umsebenzi owawenziwa nguPawulu. Amazwi akhe ayenokufundisa okukhulisayo ngalokho abazalwane benkathi ezayo ababezohlangana nakho. Amaqiniso ayewakhuluma kulezi zincwadi eziningi ayeyilokho abantu beNkathi Yomusa okwakufanele bakwenze, okuyisizathu sokuthi lezi zincwadi zahlelwa zafakwa eThestamenteni Elisha yizizukulwane zakamuva. Kungakhathaleki ukuthi ukuthi sagcina siyini isiphetho sikaPawulu, wayengumuntu owasetshenziswa esikhathini sakhe, futhi owayeseka abazalwane bakhe emabandleni. Isiphetho sakhe sanqunywa yingqikithi yakhe, kanye nokushaywa awiswe kwakhe. Wakwazi ukukhuluma lawo mazwi ngaleso sikhathi ngoba wayenomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi kwakungenxa yalo msebenzi okwenza ukuba uPawulu athwale umthwalo wamabandla. Kanjalo, wakwazi ukondla abazalwane bakhe. Nokho, ngenxa yezimo ezithile ezikhethekile, uPawulu akakwazanga ukuziyela mathupha emabandleni ukuyosebenza, ngakho wababhalela izincwadi ukuze akhuze abazalwane bakhe eNkosini. Ekuqaleni, uPawulu wayehlupha abalandeli beNkosi uJesu, kodwa emva kokuba uJesu enyukele ezulwini—okungukuthi, emva kokuba uPawulu “ebone ukukhanya”—wayeka ukuhlupha abalandeli beNkosi uJesu, futhi akabe esabahlupha labo abangcwele ababeshumayela ivangeli ngenxa yendlela yeNkosi. Emva kokuthi uPawulu ebone uJesu evela kuye njengokukhanya okugqamile, wamukela umsebenzi weNkosi, futhi ngalokho waba ngumuntu owasetshenziswa nguMoya oNgcwele ukusabalalisa ivangeli.

Umsebenzi kaPawulu ngaleso sikhathi kwakuwukweseka nokondla abazalwane bakhe kuphela. Wayangafani nabantu abathile, ababefisa ukwakha umsebenzi wokuziphilisa noma ukukhiqiza imisebenzi yemibhalo, bathungathe ezinye izindlela, noma ukuthola izindlela ngaleya kweBhayibheli ababengaholela kuzo laba bantu abasemabandleni ukuze bonke bathole ukungena okusha. UPawulu wayengumuntu owayesetshenziswa; ekwenzeni izinto ayezenza, wayegcwalisa umsebenzi wakhe nje. Ukuba wayengathwalanga umthwalo wamabandla, khona-ke wayeyobukwa ngokuthi wayengawunakanga umsebenzi wakhe. Ukuba kwakwenzeke into ephazamisayo, noma kwakube khona isigameko sokukhaphela ebandleni esasiholele esimweni esingajwayelekile kubantu balapho, khona-ke wayeyothathwa ngokuthi wayengawenzanga ngokufanele umsebenzi wakhe. Uma isisebenzi sithwala umthwalo waso ebandleni, futhi sibuye sisebenze ngakho konke esingakwenza, khona-ke lokhu kufakazela ukuthi lo muntu uyisisebenzi esifanele—esifanele ukusetshenziswa. Uma umuntu engazizwa enomthwalo ngebandla, futhi engatholi miphumela ngomsebenzi wakhe, futhi iningi labantu abaholayo libuthakathaka noma lize liwe, khona-ke isisebenzi esinjalo asiwugcwalisile umsebenzi waso. Ngokufanayo, uPawulu wayengehlukile, okwakuyisizathu esasenza amelwe ukubheka amabandla futhi ahlale ebhalela abazalwane bakhe izincwadi. Yile ndlela akwazi ngayo ukondla amabandla nokubheka abazalwane bakhe; yile ndlela kuphela amabandla akwazi ngayo ukwamukela kuye ukondliwa nokweluswa. Amazwi ezincwadi azibhala ayejule kakhulu, kodwa ayebhalelwe abazalwane bakhe ngaphansi kwesimo sokuthola kwakhe ukukhanyisela kukaMoya oNgcwele, futhi waxuba lokho ayehlangene nakho mathupha nomthwalo ayewuzwa ekubhaleni kwakhe. UPawulu wayengumuntu nje owayesetshenziswa nguMoya oNgcwele, futhi okuqukethwe yizincwadi zakhe konke kwakufaka lokho ayehlangane nakho ngokwakhe. Umsebenzi awenza umele nje umsebenzi womphostoli, hhayi umsebenzi owawenziwa ngokuqondile nguMoya oNgcwele, futhi ubuye wehluke emsebenzini kaKristu. UPawulu wayegcwalisa umsebenzi wakhe nje, okungakho wayondla abazalwane bakhe eNkosini ngomthwalo wakhe nangalokho ayehlangene nakho kanye nolwazi lwakhe. UPawulu wayenza nje umsebenzi wokuthunywa nguNkulunkulu ngokunika ulwazi nokuqonda kwakhe; lokhu ngempela kwakungesona isibonelo somsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngoKwakhe. Kanjalo, umsebenzi kaPawulu wawuxutshwe nalokho umuntu ahlangene nakho nemibono nokuqonda komuntu umsebenzi webandla. Nokho, le mibono nokuqonda komuntu ngeke kuthiwe kungumsebenzi womoya ababi noma umsebenzi wenyama negazi; kungathiwa kuphela kuwulwazi nokuhlangenwe nakho komuntu owayekhanyiselwe nguMoya oNgcwele. Ngalokho ngichaza ukuthi izincwadi zikaPawulu aziyizo izincwadi ezivela ezulwini. Azingcwele, futhi azizange nhlobo zikhulunywe noma ziphinyiswe nguMoya oNgcwele; zingukuveza nje umthwalo kaPawulu ngebandla. Inhloso Yami ngokusho konke lokhu ukunenza niqonde umehluko phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi womuntu: Umsebenzi kaNkulunkulu umele uNkulunkulu uqobo Lwakhe, kanti umsebenzi womuntu umele umsebenzi nalokho umuntu ahlangene nakho. Umuntu akufanele abuke umsebenzi ojwayelekile kaNkulunkulu njengentando kaNkulunkulu nomsebenzi Wakhe ongaphezu kwemvelo njengentando kaNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, umuntu akufanele athathe ukushumayela okuphakeme komuntu njengamazwi kaNkulunkulu noma njengezincwadi ezivela ezulwini. Yonke imibono enjalo ingaba engalungile. Abantu abaningi, lapho bengizwa ngihlaziya izincwadi zikaPawulu eziyishumi nantathu, bakholwa ukuthi izincwadi zikaPawulu mazingafundwa, nokuthi uPawulu wayeyindoda eyisoni ngokwesabekayo. Kukhona nabantu abaningi abacabanga ukuthi amazwi Ami awanaluzwelo, ukuthi ukuhlaziya Kwami izincwadi zikaPawulu akushayi emhlolweni, nokuthi lezo ncwadi ngeke zibukwe njengokuvezwa kwalokho umuntu ahlangene nakho kanye nemithwalo yakhe. Bakholwa ukuthi kunalokho kufanele zibukwe njengamazwi kaNkulunkulu, ukuthi zibaluleke njengeNcwadi kaJohane yesAmbulo, ukuthi azikwazi ukufinyezwa noma kwengezwe kuzo, futhi, ngaphezu kwalokho, ukuthi azikwazi ukuchazwa kalula nje. Ngabe yonke le mibono yabantu ayikhona okungalungile? Ngabe lokho, ngokuphelele, akungenxa yokuthi abantu abanamqondo? Izincwadi zikaPawulu azibazuzisi kakhulu abantu, futhi sezinomlando weminyaka engaphezu kweminyaka eyizi-2000. Nokho, kuze kube namuhla, kusekhona abantu abaningi abangakwazi ukuqonda akusho ngalesiya sikhathi. Abantu babona izincwadi zikaPawulu njengemisebenzi ephakeme kakhulu kubo bonke ubuKristu, nokuthi akukho muntu ongazixazulula, futhi akukho muntu ongaziqonda ngokugcwele. Eqinisweni, lezi zincwadi zingumlando nje womuntu onomoya, futhi ngeke ziqhathaniswe namazwi kaJesu noma imibono emikhulu eyabonwa nguJohane. Kunalokho, okwabonwa nguJohane kwakuyimibono emikhulu evela ezulwini—iziphrofetho zomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe—eyayingeke itholwe ngumuntu, kanti izincwadi zikaPawulu ziwukuchaza nje lokho umuntu akubona futhi wahlangana nakho. Ziyilokho umuntu angakwenza, kodwa aziyizo iziphrofetho noma imibono; ziyizincwadi nje ezathunyelwa ezindaweni ezehlukene. Kubantu baleso sikhathi, nokho, uPawulu wayeyisisebenzi, futhi amazwi akhe-ke ayenokubaluleka, ngoba wayewumuntu owayekwamukele lokho ayekunikiwe. Ngalokho, izincwadi zakhe zazinosizo kubo bonke labo ababefuna uKristu. Ngisho noma lawo mazwi ayengakhulunywanga nguJesu ngoKwakhe, ekugcineni, ayebalulekile esikhathini sabo. Kanjalo, abantu abafika emva kukaPawulu bahlela izincwadi zakhe eBhayibhelini, ngalokho benza ukuthi zikwazi ukwedluliswa kuze kufike osukwini lwanamuhla. Niyakuqonda engikushoyo? Ngininika nje incazelo enembayo ngalezi zincwadi, futhi ngizihlaziya ngaphandle kokuphika usizo nokubaluleka kwazo kubantu njengemibhalo abangabhekisa kuyo. Uma, emva kokufunda amazwi Ami, ningagcini nje ngokuphika izincwadi zikaPawulu, kodwa ninquma ukuthi ziwukukholwa okungeyikho noma azibalulekile, khona-ke kungathiwa kuphela amandla enu okuqonda aphansi kakhulu, njengoba lunjalo nolwazi nokwahlulela kwenu izinto; ngeke kushiwo nhlobo ukuthi amazwi Ami ngamazwi abheke ohlangothini olulodwa ngokwedlulele. Niyaqonda manje? Izinto ezibalulekile okufanele niziqonde ziyisimo sangempela somsebenzi kaPawulu ngaleso sikhathi kanye nesimo-mlando izincwadi zakhe ezabhalwa kuso. Uma unombono olungile ngalezi zimo, khona-ke uyoba nombono olungile ngezincwadi zikaPawulu. Ngaso leso sikhathi, lapho usuyiqondile ingqikithi yalezo ncwadi, ukubuka kwakho iBhayibheli kuyoba ngokulungileyo, futhi uyobe usuqonda ukuthi kungani izincwadi zikaPawulu zikhonzwe kangaka iminyaka eminingi yizizukulwane zabantu zakamuva, nokuthi kungani kukhona nabantu abaningi abamthatha njengoNkulunkulu. Ngabe lokho bekungeke kube ngebeniyokucabanga, nani, ukube beningaqondi?

Lowo ongeyena uNkulunkulu uqobo Lwakhe akanakumela uNkulunkulu uqobo Lwakhe. Umsebenzi kaPawulu kungathiwa kuphela uyingxenye yombono womuntu nengxenye yokukhanyisela kukaMoya oNgcwele. UPawulu wabhala la mazwi ewavelela ngasohlangothini lomuntu, ngokukhanyisela okuvela kuMoya oNgcwele. Lokho akuyona into engavamile. Kwakungegwemeke-ke ukuba amazwi akhe axubane nokuthile umuntu ahlangane nakho, futhi kamuva wasebenzisa ayehlangene nakho mathupha ukondla nokusekela abazalwane bakhe ngaleso sikhathi. Izincwadi azibhala ngeke zibekwe esigabeni semilando noma imiyalezo. Ngaphezu kwalokho, zazingewona amaqiniso ayenziwa yibandla noma izinqumo zebandla zokuphatha. Njengomuntu onomthwalo—umuntu othunywe ukusebenza nguMoya oNgcwele—lokhu kuyinto okumele nje ukuthi ayenze. Uma uMoya oNgcwele ephakamisa abantu bese ebanika umthwalo, kodwa bangawuthathi umsebenzi webandla, futhi bangakwazi ukuphatha kahle izindaba zalo, noma baxazulule ngokwenelisayo zonke izinkinga zalo, khona-ke lokhu kufakazela ukuthi labo bantu abayigcwalisi imisebenzi yabo ngokufanele. Ngakho kwakungeyona into eyimfihlakalo kakhulu ukuthi umphostoli akwazi ukubhala izincwadi ngesikhathi sokusebenza kwakhe. Lokhu kwakuyingxenye yomsebenzi wakhe; wayephoqelekile ukukwenza. Inhloso yakhe ekubhaleni izincwadi kwakungekhona ukubhala ucwaningo lwempilo noma umlando wokomoya, futhi nakanjani kwakungekhona ukuvulela abangcwele enye indlela. Kunalokho, wayebhalela ukugcwalisa umsebenzi wakhe nokuba yinceku ethembekile kuNkulunkulu, ukuze akwazi ukwenza isethulo kuNkulunkulu ngokuqeda imisebenzi amnike yona. Kwakufanele azibophozele ngenxa yakhe neyabazalwane bakhe emsebenzini wakhe, futhi kwakufanele enze umsebenzi wakhe kahle futhi ashisekele izindaba zebandla: Konke lokhu kwakuyingxenye yomsebenzi wakhe.

Uma senizuze ukuqonda izincwadi zikaPawulu, niyobuye nibe nomqondo nokulinganisa okufanele ngezincwadi zikaPetru noJohane. Ngeke niphinde nibone lezi zincwadi njengezincwadi ezivela ezulwini ezingcwele futhi ezingephulwe, ingasaphathwa eyokuthi nibuke uPawulu njengoNkulunkulu. Kakade, umsebenzi kaNkulunkulu wehlukile emsebenzini womuntu futhi, ngaphezu kwalokho, kungenzeka kanjani ukuthi ukuvezwa Kwakhe kufane nokomuntu? UNkulunkulu unesimo Sakhe esehlukile, kanti umuntu unemisebenzi okufanele ayigcwalise. Isimo sikaNkulunkulu sivezwa emsebenzini Wakhe, kanti umsebenzi womuntu ubonakala kulokhu umuntu ahlangene nakho futhi uvezwa ekufuneni komuntu. Ngakho-ke kubonakala ngomsebenzi owenziwe ukuthi into iwukuvezwa kukaNkulunkulu noma ukuvezwa komuntu. Akudingi ukuchazwa nguNkulunkulu uqobo Lwakhe, noma kudinge ukuba umuntu azikhandlele ukwethula ubufakazi; ngaphezu kwalokho, akudingi ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe acindezele noma yimuphi umuntu. Konke lokhu kuza njengesambulo esiyimvelo; akuphoqwa futhi akuyona into umuntu angayiphazamisa. Umsebenzi womuntu ungaziwa ngalokho ahlangene nakho, futhi awudingi ukuba abantu benze noma yimuphi umsebenzi ongaphezulu kokujwayelekile wokuhlangana nezinto ekuphileni. Yonke ingqikithi yomuntu ingembulwa ngenkathi enza umsebenzi wakhe, kanti uNkulunkulu angaveza isimo Sakhe semvelo ngenkathi enza umsebenzi Wakhe. Uma kuwumsebenzi womuntu, khona-ke akunakwembozwa. Uma kuwumsebenzi kaNkulunkulu, khona-ke isimo sikaNkulunkulu kuba lukhuni ngokwengeziwe ukuthi sifihlwe yinoma ngubani, ingasaphathwa eyokulawulwa ngumuntu. Akukho muntu okungathiwa unguNkulunkulu, noma umsebenzi namazwi akhe kubukwe njengokungcwele noma kubukwe njengokungenakuguquka. UNkulunkulu kungashiwo ukuthi ungumuntu ngoba wazembesa inyama, kodwa umsebenzi Wakhe ngeke ucatshangwe njengomsebenzi womuntu noma umthwalo womuntu. Ngaphezu kwalokho, amazwi kaNkulunkulu nezincwadi zikaPawulu akunakulinganiswa, noma ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu namazwi omuntu okunikeza imiyalelo kukhulunywe ngakho ngokulinganayo. Kukhona, ngalokho, izimiso ezihlukanisa umsebenzi kaNkulunkulu emsebenzini womuntu. Lokhu kwehlukaniswa ngokwezingqikithi zakho, hhayi ngokomklamo womsebenzi noma ukusebenza ngempumelelo kwakho kwesikhashana. Kulesi sihloko, abantu abaningi benza amaphutha ngokwesimiso. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu ubuka ingaphandle, angafinyelela kulo, kanti uNkulunkulu ubuka ingqikithi, engeke ibonakale ngamehlo esintu enyama. Uma ubuka amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu njengemisebenzi yomuntu ojwayelekile, futhi ubuke umsebenzi omningi womuntu njengomsebenzi kaNkulunkulu ombethe inyama kunomsebenzi ogcwaliswa umuntu, khona-ke ngabe awenzi phutha ngokwesimiso? Izincwadi nemilando yomuntu kungabhalwa kalula, kodwa phezu kwesisekelo somsebenzi kaMoya oNgcwele kuphela. Nokho, amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu ngeke kufezwe kalula ngumuntu noma kutholwe ngokuhlakanipha nokucabanga komuntu, noma abantu bakwazi ukukuchaza ngokugcwele emva kokukuhlola. Uma lezi zindaba zesimiso zingavusi lutho kini, khona-ke ukholo lwenu ngokusobala aluyilo iqiniso futhi alucwengisisiwe. Kuphela kungathiwa ukholo lwenu lugcwele ukungacaci, futhi lunokudideka nokungabi nasimiso. Ngaphandle ngisho kokuqonda izindaba eziyisisekelo ezibaluleke kakhulu ngoNkulunkulu nomuntu, ngabe lolu hlobo lokholo akulona oluntula ngokuphelele ukuqaphela? Kwakungenzeka kanjani ukuthi uPawulu abe nguye yedwa umuntu osetshenziswayo kuwo wonke umlando? Kwakungenzeka kanjani ukuthi abe nguye yedwa owake wasebenzela ibandla? Kwakungenzeka kanjani abe nguye yedwa owabhalela amabandla ukuweseka? Ngaleya kobukhulu noma ithonya lomsebenzi walaba bantu, noma nemiphumela yomsebenzi wabo, ngabe izimiso nengqikithi yomsebenzi onjalo konke kuyefana? Ngabe akukho zinto ngawo ezihluke ngokugcwele emsebenzini kaNkulunkulu? Ngisho noma kukhona umehluko ocacile phakathi kwaleso naleso sigaba somsebenzi kaNkulunkulu, futhi noma eziningi izindlela Zakhe zokusebenza zingefani ncimishi, ngabe zonke azinayo ingqikithi nomthombo owodwa kuphela? Kanjalo, uma umuntu engakacacelwa ngalezi zinto manje, khona-ke untula kakhulu ukucabanga. Uma, emva kokufunda la mazwi, umuntu esathi izincwadi zikaPawulu zingcwele futhi aziphikiseki futhi zehlukile emilandweni yanoma yimuphi umuntu womoya, khona-ke ukucabanga kwalo muntu akujwayelekile ngokwedlulele, futhi umuntu onjalo ngokungangabazeki ungumpetha wemfundiso ongenawo nhlobo umqondo. Ngisho ukhonza uPawulu, awukwazi ukusebenzisa imizwa yakho efudumele ngaye ukusonta iqiniso lokuyikho noma ukuphika ubukhona beqiniso. Ngaphezu kwalokho, lokhu esengikushilo akushisi ngomlilo wonke umsebenzi nezincwadi zikaPawulu noma kuphike ukubaluleka kwazo njengokokubhekiswa kukho. Noma ngabe kuthiwani, inhloso Yami ekukhulumeni la mazwi ukuthi nizuze ukuqonda okufanele nokulinganisa okunomqondo kwazo zonke izinto nabantu: Yilokhu kuphela okungukucabanga okujwayelekile; yilokhu kuphela abantu abalungile abaneqiniso okufanele bazihlomise ngakho.

Okwedlule: UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo

Okulandelayo: Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp