Okushiwo Ukuba Umuntu Woqobo

Ukuphatha umuntu umsebenzi Wami, nokumenza ukuba anqontshwe Yimi kwakumiswe endulo ngenkathi ngidala umhlaba. Abantu abazi ukuthi ngizobanqoba ngokuphelele ezinsukwini zokugcina, futhi abakaqapheli ukuthi ubufakazi Bami bokunqoba uSathane ukunqoba labo bantu abangalaleli. Kodwa besengisitshelile isitha Sami ngenkathi sishikashikeka Nami ukuthi ngizoba umnqobi walabo abathathwe uSathane nokukade baphenduka abantwana bakhe, nezisebenzi zakhe ezithembekile ezilinde umuzi wakhe. Incazelo yasekuqaleni yomnqobi ukunqoba, ukudumaza. Ngendlela abantu bakwa-Israyeli abayibeka ngayo, ukunqoba ngokuphelele, ukushabalalisa, nokwenza umuntu angakwazi ukungivimbela futhi. Kodwa namuhla njengoba isetshenziswa yinina bantu, incazelo yako ukunqoba. Nifanele ukwazi inhloso Yami ukuqeda nya nokuchitha omubi kubantu, ukuze angaphinde angihlubuke, angabi ngisho nanomoya wokuthikazisa noma wokuphazamisa umsebenzi Wami. Kanjalo, ngokuya ngabantu, kusho ukunqoba. Noma ngabe lichazani leli gama, umsebenzi Wami ukunqoba abantu. Ngoba ngempela abantu bawumfakela ekuphatheni Kwami, kodwa uma ngiqinisekisa kahle, umuntu uyena oyisitha Sami. Umuntu nguye omubi omelene Nami nongangilaleli. Umuntu uyena oyinzalo yomubi, lowo oqalekisiwe Yimi. Umuntu uyena isizukulwane sengilosi enkulu eyangikhaphela. Umuntu uyifa likasathane ebeselivele lenyanyeka lalahlwa Yimi futhi langqubuzana Nami. Isibhakabhaka esiphezu kwabo bonke abantu sihwaqabele futhi simnyama seswele ngisho ukulokoza kokucwengeka. Umhlaba womuntu usebumnyameni obumnyama, futhi uma ehlala kubo angebone ngisho isandla sakhe uma uselula phambi kwakhe futhi angeke alibone ilanga lapho ephakamisa ikhanda lakhe. Indlela ngaphansi kwezinyawo zakhe inodaka futhi ivame ngemigodi, futhi imazombe, iyazungeleza; izwe lonke lingcoliswe yizidumbu. Amakhona asebumnyameni agcwele izinsalela zabafileyo. Amakhona apholile namnyama agcwele uquqaba lwamademoni azulayo efuna ukuhlala kuwo. Esikhathini sonke sabantu amademoni azulayo ayafika ahambe. Inzalo yezilwane eziningi ezihaqwe ukungcola ziyalwa ngokubambisana, kumshikashika ononya, umsindo wazo ovusa uvalo enhliziyweni. Ezikhathini ezinjalo, emhlabeni onjalo, “nepharadesi lasemhlabeni” elinjalo, uya kuphi umuntu ukuyofuna izibusiso zempilo? Uya kuphi ukuyofuna ukuphela kwempilo? Abantu kade benyathelwa ngaphansi kwezinyawo zikaSathane, belingisa umfanekiso kaSathane futhi behlanganiswa nawo. Bayisiqiniseko sokuba “ofakazi abezwakala kahle” bakaSathane. Abantu abanjalo, amakhoba, noma inzalo enjalo yalo mndeni wabantu okhohlakele, bangamfakazela kanjani uNkulunkulu? Ivela kuphi inkazimulo Yami? Uphi ufakazi Wami? Isitha esimelene Nami futhi esonakalisa abantu sesimngcolisile umuntu, indalo Yami, egcwele inkazimulo Yami nokuphila ngendlela Yami. Sintshontshe inkazimulo Yami, nalokho esikufake kumuntu ushevu kuphela oboshwe kakhulu ngobubi bukaSathane nojuzi ovela esithelweni somuthi wokwazi okuhle nokubi. Ekuqaleni, ngadala umuntu, okusho ukuthi, ngadala ukhokho womuntu, u-Adamu. Ubebambeka edaliwe, egcwele impilo, egcwele amandla, ngaphezu kwalokho, ehambisana nenkazimulo Yami. Kwakuwusuku olujabulisayo mhla ngimdala umuntu. Ukulandela lokho, u-Eva wavela emzimbeni ka-Adamu, ongukhokho wabantu, ngakho abantu abayizidalwa Zami bebegcwele umphefumulo Wami bechichima inkazimulo Yami. U-Adamu wavela ngesandla Sami futhi ubemele umfanekiso Wami. Kanjalo incazelo yasekuqaleni "ka-Adamu” bekufanele abe indalo Yami egcwaliswe amandla, igcwaliswe inkazimulo Yami, ebambekayo futhi esesimweni esihle, enomoya nomphefumulo. Ubeyisidalwa esisodwa esinikezwe umoya ongamela Mina, sibe nomfanekiso Wami sithole nomphefumulo Wami. Ekuqaleni u-Eva wayengumuntu wesibili owaphiwa umphefumulo enganginqume ukumdala, ngakho incazelo yasekuqaleni “ka-Eva” ibifanele ibe ukudala ukuqhubekisa inkazimulo Yami, egcwaliswe ngamandla futhi aphinde aphiwe inkazimulo Yami. U-Eva waphuma ku-Adamu, ngakho ubengumfanekiso Wami naye, ngoba wayengumuntu wesibili owayedalwe ngomfanekiso Wami. Incazelo yasekuqaleni “ka-Eva” bekufanele kube isidalwa esiphilayo, esinikezwe umoya, esiphila enyameni nasemathanjeni, okungubufakazi Bami besibili kanye nomfanekiso Wami wesibili kubantu. Bebengokhokho babantu, ingcebo yabo emsulwa neyigugu kakhulu, izidalwa eziphilayo kwasekuqaleni ezinomoya. Noma kunjalo omubi esenyatheliwe waphanga inzalo yokhokho babantu, evalela umhlaba womuntu ebumnyameni obukhulu, ngendlela yokuthi le nzalo ayisakholelwa kubukhona Bami. Okunyanyisa kakhulu wukuthi ngaso leso sikhathi uma omubi ona futhi enyathela abantu, unya luthatha inkazimulo Yami, ubufakazi Bami, amandla engiwehlisele kubantu, umphefumulo nokuphila engakuphephethela kubo, inkazimulo Yami yonke emhlabeni womuntu, kanye nawo wonke umzamo engiwufake kumuntu. Umuntu akasekho ekukhanyeni, futhi ulahlekelwe yikho konke engimnike kona, elahla inkazimulo engimnike yona. Bangavuma kanjani ukuthi ngiyiNkosi yendalo? Bangakholelwa kanjani ebukhoneni Bami ezulwini? Bazofumanisa kanjani isibonakaliso senkazimulo Yami emhlabeni? Laba bazukulu bazomamukela kanjani uNkulunkulu owayehlonishwa okhokho babo njengeNkosi yendalo? Laba bazukulu abadumazayo “bethule” ngobubele komubi inkazimulo, umfanekiso kanye nobufakazi engabunikeza u-Adamu no-Eva, nempilo engayipha abantu ukuthi bancike kuyo, benganake lutho ngobukhona bomubi, benikela yonke inkazimulo Yami kuye. Ngabe akusona isisusa sesihloko “samakhoba”? Angenza kanjani umuntu onje, amademoni amabi kangaka, izidumbu ezihambayo, izithombe zikaSathane, izitha Zami ezinjalo zibe nenkazimulo Yami? Ngizoyithatha inkazimulo Yami, ngithathe ubufakazi Bami kubantu nakho konke okuke kwaba Okwami, engakunika umuntu kudala – ngimnqobe ngokuphelele umuntu. Noma kunjalo ufanele ukwazi, abantu engibadalile bebengcwele benomfanekiso Wami nenkazimulo Yami. Bebengebona ekuqaleni abakaSathane, noma bekhonza bengaphansi kokunyathelwa nguye kodwa beyisibonakaliso Sami esimsulwa, singenawo nomkhonjwana omncane woshevu wakhe. Kanjalo-ke, ngazisa wonke umuntu ukuthi ngifuna lokho okwakudalwe yisandla Sami kuphela. Abami abathandekayo abangazange baze babe ngaphansi kwanoma iyiphi inhlangano. Phezu kwalokho, ngizobajabulela ngibabone njengenkazimulo Yami. Kodwa, engikufunayo akuyena umuntu owoniwe nguSathane, ongokaSathane namuhla ongesesiyona indalo Yami yasekuqaleni. Ngoba ngifuna ukubuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wabantu, Ngizonqoba ngokuphelele kulabo abasele abangabanqobi babantu, njengobufakazi benkazimulo Yami ekunqobeni Kwami uSathane. Ngithatha ubufakazi Bami njengomfanekiso Wami, njengento yenjabulo Yami. Lokho yinhloso Yami.

Umuntu uthuthuke iminyaka eyizinkulungwane ezingamashumi zomlando ukufika lapho bekhona namuhla. Kodwa, abantu bendalo Yami yasekuqaleni bacwile enkohlakalweni kudala. Sebeyilokhu ebengingakuhlosile, ngakho abantu, ngendlela engibabona beyiyo, abakufanele ukubizwa ngabantu. Bangamakhoba abantu, baphangwe uSathane bayizidumbu ezibolile lezo uSathane ahlala kuzo futhi azigqokile. Abantu abakholelwanga nakancane kubukhona Bami, noma bamukele ukufika Kwami. Abantu basabela ezicelweni Zami ngokukhononda kuphela, bavumelane nazo okwesikhashana, bangabelani Nami ngobuqotho injabulo nosizi. Njengoba abantu bengibona njengongenakuqondwa ngokukhononda bangimamathekela ngokuzenzisa, bedalula isimo sabo sokutotoselwa emandleni. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abanalo ulwazi ngomsebenzi Wami, nakancane nje inhloso Yami namuhla. Angibe neqiniso kunina nonke - uma usuku lufika, ukuhlupheka kwanoma ubani ongikhonzayo kuzobalula ukukuthwala kunokwakho. Izinga lokholo lwakho Kimi, empeleni alwedluli olukaJobe—ngisho nokholo lwabaFarisi bamaJuda lwedlula olwakho-ngakho ngezinsuku zomlilo ezizayo uzohlupheka kakhulu kunabaFarisi ngenkathi besolwa uJesu, nangaphezulu kwabaholi abangama-250 ababemelene noMose, nangaphezulu kweSodoma ihangulwa amalangabi embubhiso. Ngenkathi uMose eshaya idwala, futhi amanzi anikezwe nguJehova ephuma, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uDavide edlala ugubhu lokudumisa Mina, Jehova—ngenhliziyo yakhe egcwele injabulo kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJobe elahlekelwa yimfuyo yakhe eyayigcwele ezintabeni, nomcebo omkhulu ngokungenakuchazwa, nomzimba wakhe wagcwala amathumba abuhlungu, bekungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ezwa izwi Lami, Jehova, wabona inkazimulo Yami, Jehova, bekungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi uPetru wayengalandela uJesu Kristu, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi wayengabethelwa ngenxa Yami esiphambanweni anikeze ubufakazi obukhazimulayo, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJohane ebona umfanekiso okhazimulayo weNdodana yomuntu, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ebona umbono wezinsuku zokugcina, kwakusengenxa yalo belu ukholo lwakhe. Isizathu sokuba lokhu okubizwa ngezihlwele zabantu bezizwe bethole isambulo Sami, futhi bazi ukuthi ngibuyile ngisenyameni ukuzokwenza umsebenzi Wami phakathi kwabantu, nalokho kungenxa yokholo lwabo. Bonke labo abashaywe ngamazwi Ami anzima kodwa futhi baduduzwa yiwo futhi basindiswa—abenzile kanjalo ngenxa yokholo lwabo? Labo abakholwa Yimi badlule ezihluphekweni, akubona labo abalahlwe nawumhlaba? Labo abaphila ngaphandle kwezwi Lami, bebalekela ukuhlushwa ngezilingo, ababhekani futhi nokulahlwa ngumhlaba na? Bafana namaqabunga asekwindla aphephezela lapha nalaphaya angenandawo yokuphumula, ngingasakhulumi ngezwi Lami lokududuza. Yize isijeziso Sami nokuhlanza kungabalandeli, akuzona izinxibi, ezintanta yonke indawo ezizula emigwaqeni engaphandle kombuso wasezulwini? Ngabe umhlaba ngempela uyindawo yakho yokuphumula? Ngabe ungathola ukumamatheka kokukhululeka emhlabeni ngokugwema ukujezisa Kwami? Ungasebenzisa ngempela injabulo yakho edlula ngokushesha njengesembozo enhliziyweni yakho engenalutho? Ungakhohlisa noma ubani emndenini wakho, kodwa uzohlala njalo ungekwazi ukungikhohlisa Mina. Njengoba ukholo lwakho lungengakanani, kuze kube yinamuhla uselokhu ungenamandla ukufikela ukuthola noma yikuphi ukujabula impilo engakuletha. Ngiyakweluleka: kungcono ukuchitha ngobuqotho ingxenye yempilo yakho Kimi kunokuthi impilo yakho uyichithe kokuvamile nasemisebenzini ematasa yenyama, uqinisela kukho konke ukuhlupheka umuntu angekumele. Kusiza ngani ukuzigcina wena kangangokuthi ubalekele ukujezisa Kwami? Kusiza ngani ukuzifihla ekujeziseni Kwami kwesikhashanyana bese uvuna ukuhlazeka kwaphakade nokujeziswa kwaphakade? Angeke, ngempela ngigobele noma ngubani entandweni Yami. Uma ngabe umuntu uzimisele ngempela ukuthobela wonke amacebo Ami, angeke ngimphathe kabi. Kodwa ngidinga ukuthi bonke abantu bakholwe Kimi, njengoba uJobe akholwa Kimi, Jehova. Uma ngabe ukholo lwakho lwedlula loluya olukaTomase, khona-ke ukholo lwakho luzothola ukutuswa Yimi, ekuthembekeni kwakho uzothola intokozo Yami enkulukazi, futhi uzothola inkazimulo Yami ngesiqiniseko ezinsukwini zokuphila kwakho. Noma kunjalo, labo abakholelwa emhlabeni nakuSathane bazenze lukhuni izinhliziyo zabo, njengezihlwele zaseDolobheni laseSodoma nezinhlamvana zesihlabathi ziphephukela emehlweni abo neminikelo evela kudeveli isemilonyeni yabo. Izinhliziyo zabo ezikhohlisiwe kade zathathwa ngomubi lowo ogabadele umhlaba, cishe nayo yonke imicabango yabo iphangwe yidemoni lasemandulo. Ngalokho ukholo lwabantu luhambe nomoya, futhi abakwazi nokubona nomsebenzi Wami. Abangakwenza nje ukuphatha noma ukuhlaziya ngokuwalazela, ngoba sebevele bangenwe ushevu kaSathane.

Ngizobanqoba abantu ngoba babedalwe Yimi, vele futhi babenokuthokozela zonke izinto eziningi zendalo Yami. Noma kunjalo, bangilahlile, futhi angikho ezinhliziyweni zabo, bangibona njengomthwalo ezimpilweni zabo. Okubi kakhulu, abantu bangibone kahle kodwa basangala namanje, babanga ngazo zonke izindlela ezinokwenzeka ukunginqoba. Abantu abangivumeli ukuba ngibaphathe ngokweqiniso noma ngibeke izimfuno eziqinile kubo, noma bavumele ukwahlulela Kwami noma isijeziso sobubi babo. Abathathekiswa ukuphatheka ngale ndlela kodwa kunalokho, kuyabacasula. Kanjalo umsebenzi Wami ukunqoba abantu abadla, baphuze Kimi bazitike Ngami kodwa abangangazi. Ngizobaphuca izikhali, bese ngibuyela endaweni Yami yokuhlala nezingelosi Zami nasenkazimulweni Yami. Ngoba ukuziphatha kwabantu kuyephulile ngempela inhliziyo Yami kwabhidliza umsebenzi Wami waba yizicucu kudala. Ngifuna ukuthatha inkazimulo leyo eyatshontshwa ngomubi ngaphambi kokuba ahambe ethokozile, ayeke umuntu “aqhubeke ngempilo yakhe nomsebenzi wakhe ngoxolo” baqhubeke “balime amasimu abo,” bekhululiwe ukuthikazisa Kwami izimpilo zabo. Kodwa manje ngizoyithatha ngokugcwele inkazimulo Yami esandleni somubi, ngibuyise inkazimulo Yami ngokuphelele engayifaka kumuntu ekudalweni komhlaba, futhi ngingaphinde nginikeze umuntu wasemhlabeni. Ngoba abantu abehluleki kuphela ukuvikela inkazimulo Yami kunalokho bayiguqulela emfanekisweni kaSathane. Abantu abakwenzi igugu ukufika Kwami, noma baklomelise izinsuku zenkazimulo Yami. Abakujabuleli ukwamukela ukujezisa Kwami, angisakhulumi ngokuzimisela ukubuyisela inkazimulo Yami Kimi, noma bazimisele ukulahla ushevu womubi. Abantu bayaqhubeka ngokwenza ubuqili Kimi futhi bahlala bemamatheka benobuso obujabulile. Abakuboni ukujula kokudabuka abantu abazohlangabezana nakho ngemuva kokuba inkazimulo Yami ibashiye futhi kakhulu abaqapheli ukuthi uma usuku Lwami lufika kubo bonke abantu, bazoba nesikhathi esilukhunyana kunabantu besikhathi sikaNowa. Ngoba abazi ukuthi ngenkathi inkazimulo Yami isuka kwa-Israyeli kwaba usizi olungakanani, ngoba umuntu uyakhohlwa masinyane ubunzima adlule kubona. Uma ilanga libuyela emuva liyozifihla futhi bese ubumnyama bungamela umuntu uzokhala futhi aququde amazinyo akhe ebumnyameni. Usukhohliwe yini ukuthi ngenkathi inkazimulo Yami isuka kwa-Israyeli, bekunzima kangakanani kubantu bakhona ukubekezela ekuhluphekeni okungako? Manje izinsuku zokuthi ubone inkazimulo Yami, okuyizinsuku ezimnandi odlula kuzo Nami. Umuntu uzokhala ebumnyameni ngenkathi inkazimulo Yami ishiya umhlaba ongcolile. Manje izinsuku ezimnandi lapho ngenza khona umsebenzi Wami, futhi izinsuku lapho ngikhipha khona abantu ekuhluphekeni njengoba ngingeke ngidlule ebuhlungwini nasezikhathini ezinzima nabo. Ngifuna nje ukunqoba okuphelele kubantu nokunqoba ngempela omubi kubantu.

Okwedlule: Kuthini Ukuqonda Kwakho UNkulunkulu?

Okulandelayo: Yini Oyaziyo Ngokukholwa?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp