Isahluko 29

Ngabe uyazi ukuthi isikhathi siyacindezela? Ngakho-ke esikhathini esifishane uzothembela Kimi ulahle kude zonke izinto ezingahambisani nesimo Sami: ukungazi, ukuthatha kancane ukwenza izinto, imicabango engacacile, ukuba nenhliziyo ethambile, intando engaqinile, ukungabi namqondo, imizwa enengcindezi, ukudideka kanye nokungakwazi ukwahlulela. Lokhu kufanele kulahlwe ngokushesha okunokwenzeka. NginguNkulunkulu uSomandla! Inqobo nje uma ufisa ukubambisana Nami, ngizolapha konke okukugulisayo. NginguNkulunkulu obheka ekujuleni ezinhliziyweni zabantu, ngikwazi konke ukugula kwakho nalapho amaphutha akho ekhona. Lezi yizinto ezikuvimbela ukuthi uqhubekele phambili empilweni yakho, futhi kumele zilahlwe ngokushesha. Kungenjalo, intando Yami angeke ifezeke phezu kwakho. Lokhu okukhanyiswa ukukhanya Kwami, kumele uthembele Kimi ukuthi ukuxoshe, uphile Ngami njalo, usondele Kimi, futhi nezenzo zakho kumele zambule umfanekiso Wami. Hlanganyela Nami kaningi ngalokho ongakuqondi, futhi ngizokuqondisa ukuze uye phambili. Uma ungaqinisekile, ungenzi izenzo ngokunganaki, linda nje isikhathi Sami. Yiba nomoya ozinzile, ungavumeli intshisekelo yakho ishise noma ibande; kumele ube nenhliziyo ehlala ngokungihlonipha. Lokhu okwenza phambi Kwami noma uma ngingabhekile kumele kuhlale kuhambisana nezifiso Zami. Ungazwelani namuntu egameni Lami, noma ngabe umyeni wakho noma ilungu lomndeni; akwemukelekile, noma ngabe balunge kangakanani. Kumele wenze okusekelwe yiqiniso. Uma ungithanda, ngizokunika izibusiso ezinkulu. Angeke ngimelane namuphi ophikisayo. Thanda labo engibathandayo, futhi uzonde labo engibazondayo. Ungalaleli muntu, into, noma okuthile. Bheka ngomoya wakho ubone kahle abantu abasetshenziswa Yimi, xhumana nabantu bakomoya. Ungabi nokungazi; kumele uhlukanise. Ukolweni uyohlala uwukolweni kanti ukhula angeke lwakhula lube ukolweni, futhi kumele ukwazi ukubona izinhlobo ezahlukene zabantu. Kumele uqaphele kakhulu enkulumweni yakho futhi ugcine izinyawo zakho endleleni engiyihlosile. Lawa mazwi kumele acatshangisiswe kahle. Kumele ulahle ukuhlubuka kwakho uzenze ulungele ukusetshenziswa Yimi ngokushesha ongakwazi ngakho, ukuze inhliziyo Yami izokweneliseka.

Okwedlule: Isahluko 28

Okulandelayo: Isahluko 30

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp