Isahluko 21

Umsebenzi kaMoya oNgcwele usuningenise ezulwini nasemhlabeni omusha. Konke kwenziwa kube kusha, konke kusezandleni Zami, konke kuqala kabusha! Ngemibono yabo, abantu abakwazi ukukucabanga, futhi kubona akunamqondo, kodwa Yimi osemsebenzini, nobuhlakani Bami bulapho. Ngakho-ke ningayeka yonke imicabango nemibono yenu. Nakani ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu ngokuzithoba, ngaphandle kokungabaza noma yini. Ngenxa yokuthi ngisebenza ngale ndlela, ngizothwala isibopho esingcwele. Empeleni abantu abadingi ukuba sesimweni esithize. Kunalokho, nguNkulunkulu owenza izinto ezimangazayo, eveza ukuba namandla onke Kwakhe. Abantu mabangazigqaji ngaphandle kokuba bazigqaja ngoNkulunkulu. Kungenjalo uzolahlekelwa. UNkulunkulu uphakamisa abaswelayo othulini, lapho abazithobayo bephakanyiswa khona. Ngizosebenzisa ubuhlakani Bami ngezindlela zonke ukubusa ibandla lomhlaba wonke, ukubusa zonke izizwe nabantu bonke, ukuze bonke babe Kimi, ukuze nonke ebandleni nithobele Mina. Labo abangalalelanga ngaphambilini kufanele manje bazithobe phambi Kwami, bathobelane, bamukelane, babe nezimpilo ezixhumene futhi bathandane, basebenzise amandla abanye ukuvala isikhala sobuthakathaka babo, basebenze ngokubambisana. Ngale ndlela ibandla lizokwakhiwa, futhi uSathane ngeke abe nethuba lokulixhaphaza. Kulapho kuphela icebo Lami lokuphatha lingeke lehluleke khona. Ake ngininikeze esinye isikhumbuzo lapha. Ningavumeli ukungezwani kuqubuke phakathi kwenu ngoba umuntu mumbe usesimweni esithize, noma wenze ngendlela ethize, wanenza nakhubeka emoyeni. Ngokubuka Kwami, lokhu akufanele, futhi kuyinto eyize. Akuyena umuntu othize. Imisebenzi ayifani. Munye umzimba. Yilowo nalowo wenza umsebenzi wakhe, ngamunye endaweni yakhe futhi wenza okusemandleni akhe—enhlansini ngayinye kukhona ukuphazima kokukhanya—nokufuna ukuvuthwa empilweni. Ngalokho ngizokwaneliseka.

Kumele ninake kuphela ukuba noxolo phambi Kwami. Hlalani ninobudlelwane obusondelene Nami, buzani lapho ningaqondi khona, khulekani, nilinde isikhathi Sami. Bonani yonke into ngokucacile emoyeni. Ungenzi ngobudedengu, ukuze ugweme ukuhamba unhlanhlatha. Kungale ndlela kuphela lapho ukudla nokuphuza kwakho amazwi Ami kuzothela khona ngempela izithelo. Yidla futhi uphuze amazwi Ami njalo, zindla ngalokho engikushilo, qaphela ukuba wenze amazwi Ami, uphile iqiniso lamazwi Ami; yiyona ndaba esemqoka le. Inqubo yokwakha ibandla kubuye kube yinqubo yokukhula kwempilo. Uma impilo yakho iyeka ukukhula, angeke ukwazi ukwakheka. Ukwethembela kuphela emvelweni, enyameni, entshisekekweni, eminikelweni, ezimfanelweni, noma kungaba kuhle kanganani angeke kukwakhe. Kumele uphile ngaphakathi kwamazwi okuphila, uphile ngaphakathi kokukhanyielwa nokukhanya okuvela kuMoya oNgcwele, wazi isimo sakho sangempela, ube ngumuntu oguqukile. Kufanele ube nolwazi olufanayo emoyeni wakho, ube nokukhanyiselwa okusha, ukwazi ukuhambisana nokukhanya okusha. Kumele ungaphezi ukusondela Kimi nokuxhumana Nami, ukwazi ukusekela izenzo zakho empilweni yansuku zonke yamazwi Ami, ukwazi ukuphatha kahle zonke izinhlobo zabantu, izehlakalo nezinto ezisekelwe emazwini Ami, kuyo yonke imisebenzi empilweni ube namazwi Ami njengendinganiso yakho, uphile ngesimo Sami kukho konke okwenzayo empilweni yakho.

Uma ufisa ukuqonda nokunaka intando Yami, kufanele uqaphele amazwi Ami. Ungenzi izinto ngokuxhamazela. Konke lokho engingakuvumi kuzoba nesiphetho esibi. Isibusiso siza kuphela kulokho engikuvumelile. Uma ngikhuluma, kuzoba njalo. Uma ngiyalela, kuzoma kuqine. Kumele ngempela ningakwenzi lokho engingakuvumelanga, ukuze nikugweme ukungithukuthelisa. Ngaleso sikhathi kuzobe sekungemuva kwendaba ukuzisola.

Okwedlule: Isahluko 20

Okulandelayo: Isahluko 22

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp