Isahluko 20

Umsebenzi woMoya oNgcwele uqhubekela phambili, uningenisa endaweni entsha ngokuphelele, okungukuthi ubunjalo bokuphila bombuso bubonakele phambi kwenu. Amazwi akhulunywe nguMoya oNgcwele ambule ngokuqondile ukujula okungaphakathi ngaphakathi enhliziyweni yakho futhi ngenxa yalokho isithombe emva kwesinye siyabonakala phambi kwenu. Bonke labo abalambele futhi abomele ukulunga, abanenhloso yokulalela nakanjani bayosala eSiyoni futhi bayohlala eJerusalema eLisha. Nakanjani bayozuza inkazimulo nokuhlonipheka kanye Nami, futhi babelane izibusiso Nami ezinhle. Manje kukhona izimfihlakalo zomhlaba wokomoya eningakaze nizibone, njengoba amehlo enu omoya engavuliwe; zonke izinto zinhle ngokungangabazeki, futhi izimangaliso nezimanga, izinto abantu abangakaze ngisho bazicabange, ziyoya ngokuya ziba khona. UNkulunkulu uSomandla uyokhombisa izimangaliso Zakhe ezinkulu kakhulu ukuze amaphethelo ezulu nomhlaba nazo zonke izizwe nabo bonke abantu bazibone ngamehlo abo, futhi babone lapho ubukhosi, ukulunga nokuba namandla onke kukhona. Usuku luyasondela! Manje yisikhathi esibucayi ngokwedlulele—niyahosheka noma niyabekezela kuze kube sekugcineni futhi ningaphindeli nhlobo emuva? Ningabheki komunye umuntu, udaba noma into, ningabuki emhlabeni, noma abayeni benu, abantwana noma ukunganeliseki kwenu ngempilo; bhekani nje othandweni nasebubeleni bami, bonani ukuthi ngikhokheni ukuze nginizuze, lokho engiyikho, futhi lezi zinto ziyoninikeza ukukhuthazeka okwanele.

Isikhathi sisondele kakhulu futhi intando Yami kufanele yenzeke ngokushesha okukhulu. Ngeke ngibashiye labo abasegameni Lami kodwa ngiyoningenisa nonke enkazimulweni. Kodwa kuyabonakala ukuthi manje yisikhathi esibucayi. Uma umuntu engakwazi ukuthatha isinyathelo esilandelayo khona-ke bayozikhalela konke ukuphila kwabo futhi bazisole lapho sebeshiywe yisikhathi. Manje iziqu zenu zangokomoya zibekwa ekuvivinyweni okungokoqobo ukuze kubonakale ukuthi ibandla lingakhiwa yini nokuthi ningalalela yini noma cha. Lapho kubukwa kulolu hlangothi, ukulalela kwakho impela kuwukulalela lapho ucosha futhi ukhetha khona—nakuba ungakwazi ukulalela umuntu oyedwa, ukuthola kunzima ukulalela omunye umuntu. Ayikho ngempela indlela yokuthi ungalalela lapho wethembele emiqondweni yobuntu. Nokho imicabango kaNkulunkulu ihlala iyedlula eyomuntu! UKristu walalela kwaze kwaba sekufeni futhi wafa esiphambanweni. UKristu akashongo lutho nganoma yiziphi izimo noma izizathu; uma kuyintando kaYise, wayelalela ngokuzimisela. Ukulalela kwakho kwamanje kunomkhawulo ngokwedlulele. Ngithi kini nonke, ukulalela akukhona ukulalela abantu; kodwa kusho ukulalela umsebenzi kaMoya oNgcwele, nokulalela uNkulunkulu uqobo Lwakhe. Amazwi Ami anivuselela futhi aniguqula ngaphakathi, uma kungenjalo ngubani obeyolalela bani? Nonke anibalaleli abanye. Kufanele nithathe isikhathi ukucabanga ngalokhu, ukuthi ukulalela kuyini nokuthi ningayiphila kanjani impilo yokulalela. Kufanele nize phambi Kwami kaningi futhi nihlanganyele ngalolu daba, futhi kancane kancane niyofinyelela ekukuqondeni, futhi niyobe seniyeka imiqondo nokukhetha okungaphakathi kini. Le ndlela engenza ngayo izinto ilukhuni ukuthi abantu bayiqonde ngokuphelele. Akukhona ukuthi abantu balungile noma banekhono kanjani—ngisebenzisa abangazi kakhulu, abangabalulekile kakhulu ukwambula ukuba namandla onke kukaNkulunkulu lapho ngesikhathi esifanayo ngiguqula imiqondo, imibono nokukhetha kwabantu okuthile. Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, futhi zingaphezulu kokucabanga kwabantu!

Uma ngempela ufuna ukuba yilowo ongifakazelayo, kufanele wamukele iqiniso ngokumsulwa futhi hhayi ngephutha. Kufanele ugxile ngokwengeziwe ekwenzeni amazwi Ami, ufune ukuba ukuphila kwakho kuvuthwe ngokushesha. Ungahambi ufuna izinto ezingenamsebenzi; azinalusizo ekuthuthukeni kokuphila kwenu. Ningakha kuphela lapho izimpilo zenu sezivuthiwe futhi kulapho kuphela ningangeniswa khona embusweni—lokhu kungaphezulu kokungabaza. Ngisafisa ukukhuluma okunye kuwe. Ngikunike okuningi kodwa kungakanani ngempela okuqondayo? Kungakanani engikushoyo osekube njalo empilweni yakho? Ungakhi amanzi ngobhasikidi woqalo—ngeke uthole lutho ekugcineni, futhi uyothola okungekho. Abanye bazuze imihlomulo yokoqobo kalula kakhulu; wena-ke? Ngabe ungakwazi ukunqoba uSathane uma ungahlomile futhi ungaphethe zikhali? Kufane uphile ngokwengeziwe ngokwethembela emazwini Ami, futhi ayisikhali esihle kakhulu sokuzivikela. Kufanele uqaphele: Ungathathi amazwi Ami njengento yakho; uma ungawazi, ungawafuni, ungazami ukuwacabanga noma uhlanganyele Nami kodwa wanelisekile ngawe futhi uthokozile ngawe, khona-ke uyolahlekelwa. Kufanele uthathe isifundo manje kule ngxenye, futhi kufanele uzibeke eceleni bese uthatha kokuhle kwabanye abantu ukuze uvale ubuthakathaka bakho; ungavele wenze noma yini oyithandayo. Isikhathi asilindi muntu. Izimpilo zabafowethu nodadewethu zikhula usuku ngosuku, zizwa ukuguquka futhi zonke ziyavuselelwa usuku nosuku. Ukuqina kwabafowethu nodadewethu kuyaphakama futhi lokhu kuyinto enkulu! Gijimela emgqeni wokuqeda; akekho oyokwazi ukunaka omunye umuntu, yenza nje imizamo esuka kuwe yokubambisana Nami. Labo abanemibono, abanendlela eya phambili, abangaphelelwa umdlandla nabahlala bebheke phambili baqinisekiwe ngokunqoba, ngaphandle kokungabaza. Manje ngumzuzu obucayi. Qiniseka ukuthi ungaphelelwa amandla noma udikibaliswe. Kufanele ubheke phambili kukho konke futhi ungajiki uphindele emuva, unikele konke futhi ushiye zonke izinkimbinkimbi bese ufuna ngawo wonke amandla akho. Uma kusasele umphefumulo owodwa kuwe, bekezela kuze kube sekugcineni; yilokhu kuphela okuyofanela ukunconywa.

Okwedlule: Isahluko 19

Okulandelayo: Isahluko 21

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp