6. Ukuhlukanisa Phakathi Kwabaholi Bangempela Nabamanga, Naphakathi Kwabelusi Bangempela Nabamanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke. Phezu kwalokho, bangakhula kancane kancane empilweni, baqhubekele eqinisweni ngokujulile. Umsebenzi womuntu ofanelekile usilela kakhulu; umsebenzi wakhe uwubuwula. Angakwazi ukuholela abantu emithethweni kuphela; lokho akufunayo kubantu kuyehluka ngokomuntu ngamunye; akasebenzi ngokwezidingo zabantu. Kulolu hlobo lomsebenzi, kunemithetho eminingi kakhulu kanye nezimfundiso eziningi kakhulu, futhi ngeke kuze kuholele abantu eqinisweni noma emsebenzini ojwayelekile wokukhula empilweni. Kungenza abantu bakwazi ukuma ngemithetho ethile kuphela. Lolu hlobo lwesiqondiso olungadukisa abantu nje kuphela. Ukuholela ekutheni ube yilokho ayikho; ukwazi ukuhambisa kulokho anakho nayikho. Ukuze abalandeli bakwazi ukwahlukanisa ukuthi ngabe abaholi bafanelekile yini ukuhola, kusemqoka ukuthi babheke inkambo yabo kanye nemiphumela yomsebenzi wabo, futhi babheke ukuthi ngabe abalandeli bathola imigomo ngokweqiniso yini, nokuthi ngabe bathola izindlela zokuqhuba ezibafanele yini ukuze baphenduke. Kumele ukwazi ukwahlukanisa phakathi komsebenzi ohlukene wabantu abahlukene; kumele ungabi umlandeli oyisiwula. Lokhu kulimaza ukungena kwakho. Uma wehluleka ukwahlukanisa ukuthi ngabe ubuholi bomuntu bunenkambo futhi ahamba ngayo noma cha, uzodukiseka kalula. Konke lokhu kunomthelela oqondile empilweni yakho.

Kucashunwe “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kumele uqonde izimo eziningi abantu abayoba kuzo lapho uMoya Ongcwele wenza umsebenzi kubo. Ikakhulukazi labo ababambisanayo ukuze bakhonze uNkulunkulu kumele baze bazibambe kangcono izimo ezilethwe umsebenzi uMoya Ongcwele owenza kubantu. Uma ukhuluma kuphela ngezimo ezihlukahlukene nezindlela eziningi zokungena, kubonisa ukuthi isimo sakho sisohlangothini olulodwa kakhulu. Ngaphandle kokwazi isimo sakho sangempela noma ukubamba izimiso zeqiniso, akunakwenzeka ukuthi ufinyelele ekuguqukeni esimweni sakho. Ngaphandle kokwazi izimiso zomsebenzi kaMoya oNgcwele noma ukuqonda izithelo ezithwelwe yiwo, kuyoba lukhuni ukubona umsebenzi wemimoya emibi. Kumele wembule umsebenzi wemimya emibi nemibono yabantu futhi uqonde ngqo emnyombweni wenkinga; kumele futhi ubone ukushiyeka okuningi ekwenzeni kwabantu noma izinkinga ekukholelweni kuNkulunkulu ukuze bakubone. Okungenani, akumele ubenze bangazizwa kahle noma bazizwe bengakhuthele. Kodwa, kumele uqonde ubunzima obukhona kubantu abaningi, akumele ungaboneleli noma “uzame ukufundisa ingulube ukucula”; lokho kuwukuziphatha okuwubuphukuphuku. Ukuze uxazulule ubunzima obuningi babantu, kumele uqonde amandla omsebenzi woMoya Ongcwele, kumele uqonde indlela uMoya Ongcwele owenza ngayo umsebenzi kubantu abahlukene, kumele uqonde ubunzima babantu, iziphambeko zabantu, ubone ngale kwezinto eziwumnyombo wezinkinga, ungene emnyombweni wenkinga, ngaphandle kokuphambuka noma kwamaphutha. Yilolu hlobo lomuntu kuphela olufanele ukubambisana ukuze lukhonze uNkulunkulu.

Kucashunwe “Lokho Umalusi Ofanelekayo Okufanele Ahlome Ngakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abakhonza uNkulunkulu kufanele babe ngabantu abasondelene noNkulunkulu, kufanele bathokozise uNkulunkulu, futhi bakwazi ukwethembeka ngamandla abo wonke kuNkulunkulu. Akukhathalekile noma nikwenza abantu bengazi, noma phambi kwabo, niyakwazi ukuzuza intokozo kaNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu, niyakwazi ukuma niqine phambi kukaNkulunkulu, futhi akukhathalekile noma ngabe abantu baniphatha kanjani, nihlala nihamba indlela yenu, futhi ninike konke ukunakekela emthwalweni kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela ukusondelana noNkulunkulu. Ukuthi abasondelene noNkulunkulu bakwazi ukumkhonza ngokuqondile yingoba baphathiswe umyalelo omkhulu kaNkulunkulu, nomthwalo kaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuthatha inhliziyo kaNkulunkulu njengeyabo, nomthwalo kaNkulunkulu njengowabo, futhi abakhathali noma bayazuza noma bayalahlekelwa isithembiso: Ngisho bengenawo amathemba, futhi bengeke bazuze lutho, bayohlala njalo bekholwa kuNkulunkulu ngenhliziyo enothando. Ngakho, lolu hlobo lomuntu lusondelene noNkulunkulu. Abantu abasondelene noNkulunkulu bayizethenjwa Zakhe futhi; izethenjwa zikaNkulunkulu kuphela ezingazwelana Naye ekukhathazekeni Kwakhe, nokufuna Kwakhe, nakuba inyama yabo ibuhlungu futhi ibuthakathaka, bayakwazi ukubekezelela ubuhlungu, badele lokho abakuthandayo ukuze banelise uNkulunkulu. UNkulunkulu unika imithwalo eminingi kubantu abanjalo, nalokho uNkulunkulu azokwenza kubonakaliswa kulaba bantu. Kanjalo-ke, laba bantu bayathokozelwa nguNkulunkulu, bayizinceku zikaNkulunkulu ngokwenhliziyo Yakhe, futhi abantu abafana nalaba kuphela abangabusa noNkulunkulu.

Kucashunwe “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu onjalo ugcina umoya wobutha njalo mayelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu, akaze akhombise nencane inhloso yokuzithoba, futhi akakaze alalele noma azehlise noma azithobe. Uyazikhukhumeza phambi kwabanye kanti akazithobi nhlobo komunye. Phambi kukaNkulunkulu uzibona enguchwepheshe ekushumayeleni izwi futhi enekhono kakhulu ekusebenzeni kwabanye. Akalingi alahle “amagugu” asenawo, kodwa uwathatha njengezinto zomndeni eziyigugu ezivela kokhokho okufanele zikhonzwe, kushunyayelwe ngazo kwabanye, futhi usebenzisa ukufundisa lezo ziphukuphuku ezimthanda kakhulu. Impela bakhona abantu abanje ebandleni. Kungashiwo ukuthi “bangamaqhawe angenakunqotshwa,” isizukulwane emuva kwesizukulwane bayavakasha endlini kaNkulunkulu. Bacabanga ukuthi ukushumayela izwi (imfundiso) kungumsebenzi wabo osemqoka. Unyaka nonyaka, isizukulwane emuva kwesinye, bawenza ngomdlandla umsebenzi wabo “ocwebileyo nongaphiliseki”. Abekho abalinga ukubathinta futhi abekho abalinga ukuthi babasole obala. Baphenduka “amakhosi” endlini kaNkulunkulu, bephithizela ngenkathi bebusa phezu kwabanye iminyaka ngeminyaka.

Kucashunwe “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, bandisa ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zezenkolo kabanzi. Abagxili ekutheni izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma abadaluli imizwa yabo, kube abalungisi umonakalo noma inkohlakalo ekubo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo zemvelo, futhi lokho abakuvezayo kuwulwazi kanye neqiniso elingacacile lezenkolo, eliqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole.

Kucashunwe “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukukhonza uNkulunkulu akulula. Labo abasimo sabo esikhohlakele esihlala singashintshile abanakumkhonza uNkulunkulu. Uma isimo sakho singahlulelwanga futhi sasolwa izwi likaNkulunkulu, kusho ukuthi isimo sakho sisamelela uSathane. Lokhu kwanele ukuveza ukuthi inkonzo yakho kuNkulunkulu imayelana nezinhloso zakho ezinhle. Inkonzo esekelwe emvelweni yakho engubusathane. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, ukubashumayeza ngokubeya nokubavimba—futhi abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu. Abantu bayathanda ukubambelela kokudala. Banamathela ezinkolelweni ezindala, ezintweni ezedlule. Lesi isiphazamiso esikhulu enkonzweni yabo. Uma ungakwazi ukuzilahla, lezi zinto ziyokuxina ukuphila kwakho konke. UNkulunkulu ngeke ajabule ngawe, ngisho nakancane, ngeke ngisho ungaze uphuke umlenze ugijima noma umgogodla usebenza, ngeke ngisho ungaze ubulawelwe ukholo kanjani enkonzweni kaNkulunkulu. Kuyokwenzeka okuphambene: Uyothi uwumenzi wobubi.

Kucashunwe “Ukukhonza Kwenkolo Kumele Kususwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ingabe ucabanga ukuthi ukuba nolwazi kulingana nokuba neqiniso? Akuwona yini lowo umbono odidekile? Uyakwazi ukukhuluma izilimi eziningi njengesihlabathi esisebhishi, kodwa alukho kuzo olunendlela yangempela. Kulokhu, awubakhohlisi yini abantu? Awenzi yini umbukiso ongenalutho ongenangqikithi yokuwesekela? Konke ukuziphatha okunje kuyabalimaza abantu! Ukuphakama kwemfundiso, kusho ukuphenduka ize kokungokoqobo, futhi ayanda namathuba okungakwazi ukuletha abantu kokungokoqobo; ukuphakama kwemfundiso, kukwenza ungcolise futhi umelane noNkulunkulu. Ungaphathi izimfundiso eziphakeme kakhulu njengomcebo oyigugu; ziyalimaza futhi azinamsebenzi! Mhlawumbe abanye abantu bayakwazi ukukhuluma ngezimfundiso eziphakeme kakhulu—kodwa izimfundiso ezinjalo azinalutho olungokoqobo, ngoba laba bantu abakaze babhekana nazo ngqo, ngakho abanandlela abangayenza. Labo bantu abakwazi ukuhambisa umuntu emgudwini ofanele, futhi bayogcina ngokuphambukisa abantu. Akubona yini abantu abalimazayo laba? Okungenani, kumele ukwazi ukuxazulula izinkinga zamanje futhi uvumele abantu bafinyelele ukungena; yilokhu kuphela okusebenza njengokuzinikela, futhi kulapho kuphela lapho uyokwazi khona ukusebenzela uNkulunkulu. Ungahlale ukhuluma okuphakeme, amazwi akhazimulayo, futhi ungababophi abantu ubenze bakulalele ngezenzo zakho eziningi ezingafanele. Ukwenza kanjalo ngeke kube namphumela, kungandisa kuphela ukudideka kwabantu. Ukuhola abantu ngale ndlela kuyokwakha izingxenye eziningi zomthetho, okuyokwenza abantu bakuzonde. Leli iphutha lomuntu, futhi liphoxa kakhulu ngempela.

Kucashunwe “Gxila Kakhulu Kokungokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Noma obani ongayiqondi inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu yilowo omelana noNkulunkulu, nakakhulu lowo owaziyo ngenhloso yomsebenzi kaNkulunkulu kepha angafuni ukwanelisa uNkulunkulu. Labo abafunda iBhayibheli emasontweni amakhulu, kepha akekho noyedwa oqondayo inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu. Akekho noyedwa okwazi ukwazi uNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, akekho noyedwa ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Bonke bangabantu abangenamsebenzi, abanyanyekayo, ngamunye bamile phezulu ukufundisa uNkulunkulu. Nakuba belibiza igama likaNkulunkulu, bamelana Naye ngenhloso. Nakuba bezibiza ngokwabo ukuthi bangamakholwa kaNkulunkulu, bayilabo abadla inyama futhi baphuze igazi lomuntu. Bonke abantu abanjalo bangoSathane abadla umphefumulo womuntu, amadimoni amakhulu aphazamisa ngenhloso labo abazama ukungena endleleni efanele, nezikhubekiso ezikhinyabeza indlela yalabo abafuna uNkulunkulu. Nakuba “bephile qingqo,” abalandeli babo bangazi kanjani ukuthi bangabaphikiKristu abaholela abantu ekuphikisaneni noNkulunkulu? Bangazi kanjani ukuthi bangamadimoni aphilayo afuna imiphefumulo azoyidla?

Kucashunwe “Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 5. Umehluko Phakathi Kokulandela UNkulunkulu Nokulandela Abantu

Okulandelayo: 7. Umehluko Phakathi Kwezenzo Zangaphandle Ezinhle Nezinguquko Esimweni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp