5. Umehluko Phakathi Kokulandela UNkulunkulu Nokulandela Abantu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu namuhla. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. Abantu bezinkathi ezedlule nabo balandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, kodwa azange bakwazi ukulandela kuze kube namuhla; lesi isibusiso sabantu bezinsuku zokugcina. Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo kuthiwa ngabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayazisa kakhulu amaqembu namahlelo amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, amagama kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, edumeleni labo, esikhundleni sabo, nasethonyeni labo. Kodwa wena usaqhubeka nesimo somqondo othola ngaso umsebenzi kaKristu ulukhuni ukwamukeleka futhi ungazimiseli ukuwamukela. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi akukho okunye enaningakwenza. Uchungechunge. lwezithombe eziphakeme enhliziyweni yakho; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zazo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlale bephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izingcaphuno Zezintshumayelo Nokuhlanganyela Okungabhekiswa Kuzo:

Ukulandela uNkulunkulu kusho ukulalela uNkulunkulu kukho konke, ukulalela zonke izinhlelo zikaNkulunkulu, ukwenza ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu, nokwamukela konke okuvela kuNkulunkulu. Uma ukholwa kuNkulunkulu, kufanele-ke ulandele uNkulunkulu; kodwa, ngaphandle kokuqaphela, lapho bekholwa kuNkulunkulu abantu abaningi balandela abantu, okuhlekisa kuphinde kudabukise. Ngamagama aqondile nje, noma ubani abantu abamlandelayo yilowo abakholwa kuyena. Nakuba abanye abantu baye bathi bakholwa kuNkulunkulu, ezinhliziyweni zabo akekho uNkulunkulu; ezinhliziyweni zabo bakhonza abaholi babo. Ukulalela abaholi bakho, futhi baze bafike nasekuphikeni amalungiselelo kaNkulunkulu, kuyisibonakaliso sokukholwa kuNkulunkulu kodwa ulandela abantu. Ngaphambi kokuba bathole iqiniso, inkolo yabo bonke abantu ixoveke futhi yadideka njengalokhu. Baze bangazi nhlobo nokuthi kusho ukuthini ukulandela uNkulunkulu, abakwazi nokubona umehluko phakathi kokulandela uNkulunkulu nokulandela abantu. Bakholwa ukuthi noma ngubani okhuluma izimfundiso ezinhle, neziphakeme, unguyise noma unina; kubona, noma ngubani onobisi ungunina, futhi noma ubani onamandla unguyise. Yile indlela abadabukisa ngayo. Kungashiwo ukuthi, kuya ngokuhluka kwamazinga, yiso lesi isimo sangokomoya sabantu abaningi.

Kusho ukuthini ukulandela uNkulunkulu? Futhi ukwenza kanjani? Ukulandela uNkulunkulu akusho nje ukuthandaza kuNkulunkulu nokudumisa uNkulunkulu; okubaluleke kakhulu ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu futhi uphile ngokuhambisana namazwi kaNkulunkulu, ukwenza ngokuhambisana neqiniso, ukuthola indlela yokuzwa ukuphila phakathi kwamazwi kaNkulunkulu, ukwamukela ukuthunywa nguNkulunkulu, ukwenza umsebenzi ngamunye wemisebenzi yakho ngendlela efanele, nokuhamba endleleni ephambi kwakho njengoba uqondiswa nguMoya oNgcwele. Ikakhulukazi, ngezikhathi ezibucayi, lapho izinkinga ezinkulu zikwehlela, kunesidingo esikhulu nakakhulu sokufuna incazelo kaNkulunkulu, ukuqikelela ukungakhohliswa yizimfundiso zomuntu, kanye nokungaweli ngaphansi kokulawula komuntu. “Lokho okuvela kuNkulunkulu ngiyakulalela futhi ngikulandele, kodwa uma kuvela entandweni yomuntu ngiyakulahla ngaphandle kokunanaza; lapho lokho okushunyayelwa abaholi noma abasebenzi kungqubuzana nezinhlelo zikaNkulunkulu, khona-ke nakanjani ngilandela uNkulunkulu ngilahle abantu. Uma kuvumelana ngokugcwele namalungiselelo kanye nentando kaNkulunkulu, khona-ke ngiyakwazi ukukulalela.” Abantu abenza ngale ndlela yibo abalandela uNkulunkulu.

Kusho ukuthini ukulandela abantu? Ukulandela abantu kusho ukuthi umuntu ulandela abasebenzi noma abaholi ababakhonzayo. UNkulunkulu akanayo indawo eningi ezinhliziyweni zabo; bavele baphanyeka uphawu lokuthi bakholwa kuNkulunkulu, futhi kukho konke abakwenzayo balingisa noma babukele ebantwini. Ikakhulu uma kuyinto ebalulekile, bavumela abantu kube yibo abanqumayo, bavumela abantu balayele isiphetho sabo, bona ngokwabo abacingi incazelo kaNkulunkulu, futhi abakwazi ukuqonda amazwi akhulunywa ngabantu. Inqobo nje uma lokho abakuzwayo kuzwakala kahle, ngakho-ke kungakhathaliseki ukuthi kuyavumelana na neqiniso bayaqhubeka bakwamukele futhi bakulalele. Lezi yizibonakaliso zokulandela abantu. Le nkolo yabantu kuNkulunkulu enjena ayinamigomo, alikho iqiniso ezenzweni zabo, balalela noma ubani okhuluma okunomqondo, futhi ngisho noma izithixo zabo ziphambuka endleleni, babalandela kuze kube sekupheleni. Uma uNkulunkulu elahla izithixo zabo, khona-ke baba nemicabango ngoNkulunkulu, banamathele ngokuqinile ezithixweni zabo. Izizathu zabo ukuthi “kufanele silalele noma ngubani osiphethe; amandla aphambi kwethu angcono kunamandla aphezulu.” Lokhu kuyindlela yokucabanga ephambene, ngamafuphi nje, kodwa-ke banobuduphunga obunjalo-ke abantu abalandela abantu. Labo abalandela abantu abanalo iqiniso. Yilabo abalandela uNkulunkulu kuphela abakholwa ngempela kuNkulunkulu; labo abalandela abantu bakhuleka ezithixweni, baye bakhohliswa ngabantu, futhi ezinhliziyweni zabo akekho uNkulunkulu alikho futhi neqiniso.

Kucashunwe encwadini ethi Ukuhlanganyela Okuvela Kongaphezulu

Abantu abaningi bakholwa kuNkulunkulu kodwa abazi ukuthi kusho ukuthini ukulalela uNkulunkulu, futhi bacabanga ukuthi ukulalela abaholi babo kuzo zonke izinto kufana nokulalela uNkulunkulu. Imibono enjalo ayilungile neze, ngoba umthombo wokulalela kwabo awulungile. Babona ukulalela abaholi babo kungukulalela uNkulunkulu. Ukukholwa kuNkulunkulu ngokwale mibono kungukukholwa kuNkulunkulu ngegama kuphela; empeleni, laba bantu bakholwa kubantu. …

Uma sikholwa kuNkulunkulu, uNkulunkulu kufanele abambe isikhundla esiphambili ezinhliziyweni zethu, kufanele sinikele kuNkulunkulu alawule zonke izinto, kufanele sifune umqondo kaNkulunkulu kukho konke, izenzo zethu kufanele zihambisane namazwi kaNkulunkulu, futhi ngokuhambisana nokuqondisa koMoya oNgcwele, kufanele futhi silalele konke okuvela kuNkulunkulu. Uma ulalela abantu, khona-ke lokhu kufakazela ukuthi uNkulunkulu akanandawo enhliziyweni yakho, ukuthi abantu kuphela abanendawo enhliziyweni yakho. Ayikho into ebaluleke kakhulu kubantu kunokuphishekela iqiniso nokuqonda intando kaNkulunkulu. Uma ungagxili ekufuneni izinhloso zikaNkulunkulu nokuqonda intando kaNkulunkulu, khona-ke lokho okwenzayo akukhona ukulalela kwangempela. Kungakhathaleki ukuthi bezwakala kahle kangakanani, uma uhlale ulalela abantu, kusho ukuthi empeleni ulalela abantu—okungafani nhlobo nokulalela uNkulunkulu. Eqinisweni, uma labo abakholwa kuNkulunkulu bekwazi ukuqonda umqondo kaNkulunkulu ivela ngokuqondile emazwini Akhe, uma bekwazi ukuthola indlela yabo yokwenza amazwi Akhe, futhi bekhuluma iqiniso kwabanye, baphinde baliqonde iqiniso, emazwini Akhe, emva kwalokho baliphile, futhi ezimweni ezibucayi, bethandaza ngokwengeziwe, futhi bafune ukuqondisa kukaMoya oNgcwele, futhi balalele izinhloso zikaMoya oNgcwele, lokho-ke kungukumlalela ngempela uNkulunkulu. Labo abalalela uNkulunkulu bacinga indlela emazwini kaNkulunkulu, izinkinga zabo ziyaxazululwa emazwini kaNkulunkulu, futhi abakwenzayo bakwenza ngokuqondiswa uMoya oNgcwele; lokhu kungukulalela uNkulunkulu ngempela. Labo abalalela abaholi babo kukho konke ngempela baphambukile sebekude noNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Okunye futhi, abanakho ukuthula phambi kukaNkulunkulu, ababona labo abaphila phambi kukaNkulunkulu futhi bafune iqiniso, abanabudlelwane noNkulunkulu, futhi umgomo oqhuba izenzo zabo ukuba balalele noma ubani okhuluma izinto kamnandi—uma nje kungumholi, bayokwenza. Ukwenza okunjalo kuyinhlekisa. Abanalo iqiniso noma ikhono lokwahlukanisa, futhi babona kuphela okulungile noma okungalungile ngokwemibono yabo noma izingqondo zabo, pho bangazi kanjani ukuthi kuyavumelana neqiniso? Uma bekholwa kuNkulunkulu ngokwale mibono, kusho ukuthi ezimpilweni zabo zonke ngeke baliqonde iqiniso noma bagcine bemazile uNkulunkulu. Izinhlobo ezinje zokukholwa zichazwa njengokukholelwa ezingqondweni zabo bese bezihambela indlela yabo, akukho lutho kubona oluhambisana noNkulunkulu wangokoqobo.

Kucashunwe encwadini ethi Ukuhlanganyela Okuvela Kongaphezulu

Okwedlule: 4. Ukuhlukanisa Phakathi Kwezindlela Zangempela Nezingamanga, Naphakathi Kwamabandla Angempela Nawamanga

Okulandelayo: 6. Ukuhlukanisa Phakathi Kwabaholi Bangempela Nabamanga, Naphakathi Kwabelusi Bangempela Nabamanga

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp