Izexwayiso Ezintathu

Njengekholwa likaNkulunkulu, akumele wethembeke kunoma ubani omunye ngaphandle Kwakhe kukho konke futhi kumele ukwazi ukuhambisana nentando yakhe kuzo zonke izinto. Noma kunjalo, nakuba wonke umuntu eyiqonda le mfundiso, la maqiniso asobala futhi avamile, ngokumuntu, awabonakali ngokugcwele kuye, ngenxa yobunzima bakhe obehlukene, njengokungazi, ukungabi nangqondo nenkohlakalo. Ngakho-ke, ngaphambi kokunquma isiphetho, kufanele ngiqale nginitshele izinto ezimbalwa, ezisemqoka kakhulu kinina. Ngaphambi kokuba ngiqhubeke, kumele niqale niqonde lokhu: Amazwi engiwakhulumayo angamaqiniso abhekiswe esintwini sonke, hhayi kumuntu othile noma uhlobo lomuntu. Ngakho-ke, gxilisani imiqondo ekwamukeleni amazwi Ami ngokombono weqiniso futhi nigcine isimo sengqondo sokunakisisa nokuba qotho. Ningazibi ngisho nelilodwa izwi noma iqiniso engilishoyo, ningawathathi amazwi Ami ngendelelo. Ezimpilweni zenu, ngibona okuningi enikwenzayo okungahlangene neqiniso, ngakho-ke ngininxusa ngokusobala ukuba nibe yizisebenzi zeqiniso futhi ningagqilazwa ukungalungi kanye nobubi. Ningalinyatheli iqiniso futhi ningcolise noma iliphi igumbi lendlu kaNkulunkulu. Lesi yisexwayiso Sami kini. Manje sengizoqala ukukhuluma ngesihloko esiphezu kwaso:

Okokuqala, ngenxa yalokho enikudalelwe, kumele nifune ukwamukelwa nguNkulunkulu. Okusho ukuthi, njengoba nikwamukela ukuthi nibalwa kanye nabanye abasendlini kaNkulunkulu, ngakho kumele nilethe ukuthula okusemqondweni kanye nokweneliseka kuNkulunkulu kukho konke. Ngamanye amazwi, kumele niphile ngokomgomo ezenzweni zenu futhi nivumelane neqiniso ezintweni ezinjalo. Uma lokhu kungaphezu kokwazi ukukwenza, kanjalo uzozondwa ulahlwe nguNkulunkulu futhi waliwe yibo bonke. Uma uke waba sengxakini enjalo, ngeke usakwazi ukubalwa kanye nalabo abasendlini kaNkulunkulu. Yilokhu-ke okuqondwe ngokungavunywa nguNkulunkulu.

Okwesibili, kumele nazi ukuthi uNkulunkulu uthanda umuntu owethembekile. UNkulunkulu unobunjalo bokwethembeka, ngakho-ke izwi Lakhe lingathenjwa njalo. Ngaphezu kwalokho, izenzo Zakhe azinaphutha futhi azingabazeki. Yingakho uNkulunkulu ethanda labo abethembeke ngeqiniso kuYena. Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu. Lokhu engikushoyo kulula, kodwa kuzokuba nzima ngokuphindiwe kini. Iningi likhetha ukuba liyolahlwa esihogweni kunokukhuluma futhi lenze ukwethembeka. Akumangalisi ukuthi nginenye impatho ebekekwe labo abangathembekile. Impela, ngiyabuqonda ubunzima obukhulu enibhekana nabo ekuzameni ukuba ngabantu abethembekile. Nonke nihlakaniphile kabi futhi niyizingcweti kwezokwehlulela umuntu olungile ngokwesilinganiso senu esinomona; njengoba kunje umsebenzi Wami uba lula kakhulu. Futhi njengalokhu nisingatha izimfihlo zenu ezinhliziyweni zenu, kulungile-ke, ngizothumela omunye nomunye wenu enhlekeleleni ukuba “niyofundiswa” ngomlilo, ukuze emva kwalokho nizokuba nokuzibophezela ekukholweni emazwini Ami. Okokugcina, ngizokhipha kanzima amazwi emilonyeni yenu athi “uNkulunkulu unguNkulunkulu wokwethembeka,” emva kwalokho niyozishaya isifuba futhi nibalise, “Ingumkhohlisi inhliziyo yomuntu!” Ingabe siyobe sesiyini isimo sengqondo yakho kuleli qophelo? Ngiyacabanga nje aninakuqhubeka nokuziphatha ngokuzazisa njengoba nenza njengamanje. Ngingasakuphathi ukuthi “nibe ngabajulile kakhulu ukuba bangaqondisiseka” njengoba ninjalo njengamanje. Abanye baziphatha ngendlela ehloniphekile nefanele futhi babonakala ikakhulukazi nje “baziphatha ngenhlonipho” ebukhoneni bukaNkulunkulu kodwa babe ngabadelelayo futhi abangalawuleki ebukhoneni bukaMoya. Ningambala yini phakathi kwabathembekile umuntu onjalo? Uma ungozenzisayo nomuntu oyingcweti “kwezokuzijabulisa,” ngizothi uwena ngempela ohlekisa ngoNkulunkulu. Uma amazwi akho egcwele izaba kanye nokuzihlangula okungenamsebenzi, ngithi uyilowo ongazimisele nhlobo ukwenza iqiniso. Uma unezimfihlo eziningi ongabazayo ukuziveza, futhi uma ungafuni ukudalula izimfihlo zakho—okusho ukuthi, izinkinga zakho—kwabanye ukuze ufune indlela yokukhanya, ngizothi uyilowo ongeke ayithole kalula insindiso futhi ongeke aphunyuke kalula ebumnyameni. Uma ukufuna iqiniso kukujabulisa kahle, ungomunye ohlala ekukhanyeni isikhathi esiningi. Uma ukujabulela ukuba ngumenzi womsebenzi endlini kaNkulunkulu, usebenza ngokuzimisela nokwethembeka emfihlakalweni, ngaso sonke isikhathi uhlala upha futhi ungathathi, ngithi-ke ungongcwele othembekile, ngoba awufune mklomelo futhi ungumutu oneqiniso nje. Uma uzimisele ukungalifihli iqiniso, uma uzimisele ngokunikela konke okwakho, uma ukwazi ukudela impilo yakho ngoNkulunkulu futhi ube ngufakazi, uma uthembekile, kuze kufike eqophelweni lapho wazi kuphela ukwanelisa uNkulunkulu, futhi ungazicabangeli noma uzithathele ngokwakho, ngithi-ke laba bantu abanjalo yilabo abondliwa ekukhanyeni futhi abayophila phakade embusweni. Kumele wazi noma kunokukholwa kweqiniso kanye nokwethembeka kweqiniso ngaphakathi kuwe, ukuthi unawo yini umlando wokuhlupheka ngenxa kaNkulunkulu noma futhi usumthobele ngokuphelele yini uNkulunkulu. Uma ungenakho lokhu, ngaphakathi kuwe kusekhona ukungalaleli, inkohliso, umhawu, kanye nokukhononda. Njengalokhu inhliziyo yakho ikude n0kwethembeka, awukaze ukuthole ukunconywa nguNkulunkulu futhi awukaze uhlale ekukhanyeni. Ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini kuncike ekuthini unenhliziyo ethembekile nebomvu okwegazi kanye nasekuthini unawo yini umphefumulo omsulwa. Uma ungumuntu ongathembekile kakhulu, umuntu onenhliziyo enobubi kanye nomphefumulo ongahlanzekile, ngakho-ke uzophetha usendaweni lapho umuntu ejeziswa khona njengoba kubhaliwe encwadini yesiphetho sakho. Uma uthi wethembeke kakhulu, kodwa ungakaze wenze ngokweqiniso noma ukhulume izwi leqiniso, ingabe usalindele ukuba uNkulunkulu akuklomelise? Ingabe usenethemba lokuthi uNkulunkulu uzokubuka njengesithandwa seso Lakhe? Ingabe ukucabanga okunjalo akukhona ukuzikhohlisa? Ukhohlisa uNkulunkulu kukho konke, manje indlu kaNkulunkulu ingamgcina kanjani umuntu onjengawe onezandla ezingahlanzekile?

Into yesithathu engifuna ukunitshela yona yile: Wonke umuntu, ekuphileni impilo yokukholwa kuNkulunkulu, useke wamphika futhi wamkhohlisa uNkulunkulu esikhathini esithile. Ezinye zezenzo ezimbi azidingi ukulotshwa phansi njengamacala, kodwa ezinye zazo azixoleleki; ngenxa yokuthi eziningi zazo yilezo ezephula izinqumo zokuphatha, okusho ukuthi, ukona okuphambana nesimo sikaNkulunkulu. Iningi lalabo abakhathazekile ngesiphetho sabo bangabuza ukuthi yiziphi lezi zenzo. Kumele nazi ukuthi nizithwele futhi niyazidla ngokwemvelo futhi anizimisele ukuvuma la maqiniso. Ngakho-ke, ngiyobuye nginitshele emva kokuba senizindlile ngezimo zenu. Ngiyaninxusa ukuba niqondisise kahle ingqikithi yezinqumo zokuphatha, bese nenza imizamo yokwazi isimo sikaNkulunkulu. Kungenjalo, niyokuthola kunzima ukugcina izindebe zenu zivalekile nolimi lwenu lungakhulumi ngokukhululeka okukhulu izinto ezizwakala ziphakeme, futhi ninganakile ningona esimweni sikaNkulunkulu ebese niwela ebumnyameni, nilahlekelwe ubukhona bukaMoya oNgcwele nokukhanya. Ngoba aninayo imigomo ezenzweni zenu, wenza noma usho izinto ezingafanele, uyothola ukujeziswa okufanele. Kumele wazi ukuthi noma ngabe awunamgomo ngokwamazwi akho nangezenzo zakho, uNkulunkulu unomgomo kukho kokubili. Isizathu esenza uthole isijeziso ukuthi wedelele uNkulunkulu, hhayi umuntu. Uma, empilweni yakho, wenza amacala amaningi aphambana nesimo sikaNkulunkulu, nakanjani uyoba wumntwana wesihogo. Kumuntu kungabukeka sengathi wenze iziphambeko nje ezimbalwa ezingahambisani neqiniso futhi okuyinto engelutho. Ingabe uyazi, nokho, ukuthi emehlweni kaNkulunkulu, vele usungomunye okungasenamhlatshelo wesono kubo? Ngoba sewephule izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha ngaphezu kokukodwa kanye nokuthi awukhombisi luphawu lokuphenduka, ngakho-ke akusekho okunye ongakwenza ngaphandle kokwehlela esihogweni lapho uNkulunkulu ejezisa umuntu khona. Iqembu elincane labantu, ngesikhathi lilandela uNkulunkulu, lenza izenzo ezithile eziphambene nemigomo, kodwa ngemuva kokubhekana (noNkulunkulu) nokuqondiswa, laya ngokuya lakubona ukukhohlakala kwalo, labuyela endleleni elungile yeqiniso futhi lisaqhubeka nokuzinza namuhla. Labo bantu abanjalo yilabo abayosala ekugcineni. Kodwa yilabo abathembekile engibafunayo; uma ungumuntu owethembekile futhi owenza ngokomgomo, ungaba yisethenjwa sikaNkulunkulu. Uma ezenzweni zakho ungoni esimweni sikaNkulunkulu futhi ufuna intando kaNkulunkulu futhi unenhliziyo yokumdumisa uNkulunkulu, ukholo lwakho lusezingeni elifanele. Labo abangamhloniphi uNkulunkulu futhi abangenayo inhliziyo ethuthumelayo ngokwesaba bazozephula kalula izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu. Abaningi basebenzela uNkulunkulu ngenxa yamandla okushiseka futhi abazazi izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu, kungasaphathwa ukuqonda ngemithelela yezwi Lakhe. Ngakho phezu kwezinhloso zabo ezinhle, bavame ukugcina sebenza lokho okuphazamisa ukuphatha kukaNkulunkulu. Ezimweni ezimbi kakhulu balahlwa ngaphandle futhi bancishwe lonke elinye ithuba lokumlandela bese bephonswa esihogweni kume konke ukuzihlanganisa nendlu kaNkulunkulu. Laba bantu basebenza endlini kaNkulunkulu ngezinhloso ezinhle ezingenalwazi bese begcina sebethukuthelisa isimo sikaNkulunkulu. Abantu beza nezindlela zabo zokusebenzela izikhulu namakhosi endlini kaNkulunkulu, bese bezama ukuzisebenzisa, becabanga ngokuyize ukuthi zingasetshenziswa kalula nalapha. Abazange bacabange ukuthi uNkulunkulu akanaso isimo sewundlu kodwa esebhubesi. Ngakho-ke, labo abazihlanganisa noNkulunkulu okokuqala abakwazi ukukhuluma Naye, ngokuba inhliziyo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu. Ungakwazi kuphela ukwazi uNkulunkulu emva kokuqonda amaqiniso amaningi. Lolu lwazi alwakhiwe kuphela yimishwana noma izimfundiso, kodwa lungasetshenziswa njengegugu ongangena kulo ekwethembaneni okusondelene n0Nkulunkulu nanjengobufakazi bokuthi uyathokoza ngawe. Uma uswele ulwazi lwangempela futhi unganikeziwe iqiniso, ukusebenza kwakho ngentshisekelo kungaletha phezu kwakho ukucasuka kanye nenzondo kaNkulunkulu. Manje kumele ukuba usuyaqonda ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu akukhona nje ukufunda isayensi ngoNkulunkulu nenkolo!

Nakuba amazwi enginexwayisa ngawo emafishane, konke engikuchazile yilokho okusilele kini. Kumele nazi ukuthi lokhu engikhuluma ngakho manje kungenxa yomsebenzi Wami wokugcina phakathi kwabantu, ukunquma ngesiphetho somuntu. Angifisi ukwenza umsebenzi omningi kakhulu ongafezi nhloso futhi angifisi ukuqhubeka nokuqondisa labo bantu abangenamsebenzi njengokhuni olubolile, ngingasayiphathi eyokuqhubeka nokuhola labo abafihle izinhloso ezimbi. Mhlawumbe ngelinye ilanga niyoqonda izinhloso eziqotho eziqukethwe ngamazwi Ami kanye nomnikelo engiwenzele isintu. Mhlawumbe ngelinye ilanga niyowuqonda umgomo owenza nikwazi ukuzinqumela isiphetho senu.

Okwedlule: Isiphetho Somuntu

Okulandelayo: Iziphambeko Ziyoholela Umuntu Esihogweni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp