Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)

Isikhathi sokuqala uNkulunkulu aba yinyama ngaso kwakungokokukhulelwa ngoMoya oNgcwele, futhi kwakuhlobene nomsebenzi ayehlose ukuwenza. Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya oNgcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, futhi igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya oNgcwele waqala umsebenzi omusha, kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ubufakazi balabo ababekholwa Kuye babungokukaJesu Kristu, nomsebenzi ababewenza babewenzela uJesu Kristu. Isiphetho seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala sasho ukuthi umsebenzi kakhulu owawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova usufinyelele esiphethweni. Kusuka lapho, igama likaNkulunkulu kwakungaseyena uJehova; kunalokho wayesebizwa ngoJesu futhi kusukela lapho kuqhubeke uMoya oNgcwele waqala umsebenzi kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. Ngakho, namuhla, muntu osadla futhi aphuze amazwi kaJehova, futhi osenza konke ngokomsebenzi weNkathi Yomthetho—ingabe awuyilandeli yini ngobumpumputhe imithetho? Awubambekile enkathini edlule? Uyazi ukuthi izinsuku zokugcina sezifikile. Kungaba ukuthi, lapho uJesu efika, uyobe esabizwa ngoJesu? UJehova watshela abantu bakwa-Israyeli ukuthi uMesiya uyofika, kodwa futhi lapho efika, akabizwanga ngoMesiya kodwa kwathiwa uJesu. UJesu wathi uyobuya futhi, nokuthi uyofika njengokuhamba Kwakhe. Lawa kwakungamazwi kaJesu, kodwa wayibona indlela uJesu owahamba ngayo? UJesu wahamba egibele phezu kwefu elimhlophe, kodwa kungenzeka ukuthi uyobuya mathupha phakathi kwabantu ephezu kwefu elimhlophe? Uma bekunjalo, ubengeke alokhu ebizwa ngoJesu? Lapho uJesu ebuya futhi, inkathi iyobe isiguqukile kakade, ngakho ingabe uyobe esabizwa ngoJesu? Ingabe kusho ukuthi uNkulunkulu ngeke yini abizwa ngegama elisha enkathini entsha? Ingabe umfanekiso womuntu oyedwa negama elilodwa kungamela yini uNkulunkulu uqobo Lwakhe? Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi. Kungakhathaleki ukuthi kusenkathini kaJehova noma kaJesu, inkathi nenkathi imelwa yigama. Ekugcineni kweNkathi Yomusa, inkathi yokugcina isifikile futhi uJesu usefikile. Kwenzeka kanjani ukuthi nangaleso sikhathi abe esabizwa ngoJesu? Kwenzeka kanjani ukuba aqhubeke athathe isimo sikaJesu phakathi kwabantu? Ingabe usukhohliwe yini ukuthi uJesu wayengelutho olungaphezulu komfanekiso womNazaretha? Usukhohliwe ukuthi uJesu wayenguMhlengi wesintu kuphela? Kwakungenzeka kanjani ukuba enze umsebenzi wokunqoba nokuphelelisa abantu ngezinsuku zokugcina? UJesu wahamba egibele phezu kwefu elimhlophe—lokhu kuyiqiniso—kodwa wayengabuya kanjani ephezu kwefu elimhlophe phakathi kwabantu futhi abe esabizwa ngoJesu? Ukuba ngempela wabuya phezu kwefu, abantu babengahluleka kanjani ukumbona? Babengeke bonke abantu kuwo wonke umhlaba bambone? Uma kunjalo, wayengeke uJesu yedwa abe uNkulunkulu? Uma kunjalo umfanekiso kaNkulunkulu wawuyoba ukubukeka komJuda, futhi ngaphezu kwalokhu wawuyoba njalo unomphelo. UJesu wathi uyobuya njengoba ayehambile, kodwa uyawazi umqondo wangempela wamazwi Akhe? Kungenzeka ukuthi lokhu wakutshela leli qembu lenu? Konke okwaziyo ukuthi uyofika njengoba ahamba, egibele ifu, kodwa uyazi ngempela ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uwenza kanjani umsebenzi Wakhe? Uma ubukwazi ukubona ngempela, pho-ke kufanele achazwe kanjani amazwi awakhuluma uJesu? Wathi, “Kodwa lolo suku nalelo hora akekho owaziyo ngalo, cha, nezingelosi zasezulwini, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele” Ngisho iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ayazi, kodwa wena uyakwazi ukubona nokwazi? Ukuba ubukwazi nokubona ngamehlo akho, bekungeke kube la mazwi akhulunywe ngokuyize? Futhi wathini uJesu ngeleso sikhathi? “Kodwa lolo suku nalelo hora akukho muntu, owaziyo ngalo, nezingelosi zasezulwini, ngisho neNdodana, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele.” Lapho lolo suku lufika, iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ngeke ilwazi. INdodana yomuntu ikhuluma ngenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, umuntu ojwayelekile futhi ovamileyo. Ngisho iNdodana yomuntu ayazi, ngakho wena ubuyokwazi kanjani? UJesu wathi uyofika njengoba ahamba. Ukuthi ufika nini, ngisho Naye akazi, ngakho angakutshela yini ngaphambi kokuthi kwenzeke? Uyakwazi ukubona ukufika Kwakhe? Akulona ihlaya lokho? Njalo lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, uguqula igama Lakhe, ubulili, ukubukeka kanye nomsebenzi Wakhe; akawuphindi umsebenzi Wakhe. UnguNkulunkulu ohlale emusha futhi ongagugi neze. Kuqala lapho efika, wabizwa ngokuthi uJesu; ingabe usengabizwa ngoJesu kulokhu lapho esefika futhi? Ngesikhathi efika ekuqaleni, wayengowesilisa; angaba ngowesilisa futhi kulokhu? Umsebenzi Wakhe lapho efika ngeNkathi Yomusa kwakungukubethelwa esiphambanweni; lapho efika futhi ingabe usengahlenga isintu esonweni? Ingabe angabethelwa esiphambanweni futhi? Ingabe lokho ngeke kube ukuphinda umsebenzi Wakhe? Ubungazi yini ukuthi uNkulunkulu uyohlale emusha futhi akagugi neze? Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuphatha oluyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze aguquka, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi neze? Uma umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquki, ingabe ubengahola isintu yonke indlela kuze kube namuhla? Uma uNkulunkulu engaguquki, kungani pho esenze umsebenzi wezinkathi ezimbili? Umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili, okusho ukuthi isimo Sakhe siya ngokuya sembuleka kumuntu, futhi okwembulwayo yisimo Sakhe semvelo. Ekuqaleni, isimo sikaNkulunkulu sasifihliwe kumuntu, akazange asiveze obala isimo Sakhe kumuntu, futhi umuntu ngokusobala wayengenalo ulwazi Ngaye. Ngenxa yalokhu, usebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze aveze kancane kancane isimo Sakhe kumuntu, kodwa ukusebenza ngale ndlela akusho ukuthi isimo Sakhe siyaguquka ezinkathini zonke. Akukhona ukuthi isimo sikaNkulunkulu sihlale siguquka ngenxa yokuthi intando Yakhe ihlala iguquka. Kunalokho, kuwukuthi, ngenxa yokuthi izinkathi zomsebenzi Wakhe zehlukene, uNkulunkulu uthatha isimo Sakhe semvelo sonke bese esambula kancane kancane kumuntu, ukuze umuntu akwazi ukumazi. Kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi ekuqaleni uNkulunkulu akanaso isimo esithile noma ukuthi isimo Sakhe besilokhu siguquka kancane kancane ngokuguquka kwezinkathi—ukuqonda okunjalo kungaba yiphutha. UNkulunkulu uyaziveza kumuntu, isimo Sakhe, lokho ayikho ngempela, ngokudlula kwezinkathi. Umsebenzi wenkathi eyodwa awukwazi ukusiveza sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngakho, amazwi athi, “UNkulunkulu uhlala emusha futhi akasoze aguga” abhekise emsebenzini Wakhe, futhi amazwi athi “UNkulunkulu akaguquki” abhekise kulokho uNkulunkulu ngokwemvelo anakho nalokho ayikho. Kungakhathaleki ukuthi kunjani, ngeke ukwazi ukwenza ukuthi umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ume endaweni eyodwa, noma uwuveze ngamagama afile. Bunjalo ubuwula bomuntu. UNkulunkulu akalula njengoba umuntu ecabanga, futhi umsebenzi Wakhe ngeke ume kunoma iyiphi inkathi eyodwa. Igama elithi Jehova ngokwesibonelo, angeke lihlale limela igama likaNkulunkulu; uNkulunkulu angawenza umsebenzi Wakhe ngaphansi kwegama likaJesu. Lokhu kuwuphawu lokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubeka uya phambili.

UNkulunkulu uhlala enguNkulunkulu, futhi akasoze aba nguSathane; uSathane uyohlala enguSathane, akasoze aba nguNkulunkulu. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Ingqikithi Yakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwaguquka. Umsebenzi Wakhe, nokho, uhlala uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba Yena uhlala emusha futhi akasoze aguga. Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu uthatha igama elisha, enze umsebenzi omusha futhi avumele ukuba izidalwa Zakhe zibone intando Yakhe entsha nesimo esisha. Uma, enkathini entsha, abantu behluleka ukubona ukuvezwa kwesimo esisha sikaNkulunkulu, ingabe abasoze yini bambethela esiphambanweni unomphela? Futhi ngokwenza kanjalo, bayobe benganqumi yini uNkulunkulu? Ukuba uNkulunkulu weza enyameni kuphela njengomuntu wesilisa, abantu babeyomchaza njengomuntu wesilisa, njengoNkulunkulu wabesilisa, futhi babengasoze bakholwa ukuthi unguNkulunkulu wabesifazane. Abantu-ke babezobambelela ekuthini uNkulunkulu unobulili obufanayo nobamadoda, ukuthi uNkulunkulu uyinhloko yamadoda—bese kwenzekani-ke ngabesifazane? Akulungile lokhu; ngabe akukhona ukuphatha ngokwenzelela? Uma lokhu bekunjalo, ngakho bonke labo uNkulunkulu abasindisayo bekuyoba amadoda afana Naye, futhi akukho noyedwa owesifazane obeyosindiswa. Lapho uNkulunkulu edala isintu, wadala u-Adamu futhi wadala u-Eva. Akadalanga u-Adamu kuphela, kodwa wenza bobabili owesilisa nowesifazane ngomfanekiso Wakhe. UNkulunkulu akayena uNkulunkulu wamadoda kuphela—kodwa ungowamakhosikazi futhi. UNkulunkulu ungena esigabeni esisha somsebenzi ezinsukwini zokugcina. Uzoveza okukhudlwana kwesimo Sakhe, futhi ngeke kube uzwelo nothando lwesikhathi sikaJesu. Ngenxa yokuthi unomsebenzi omusha, lo msebenzi omusha uyophelezelwa yisimo esisha. Ngakho, ukuba umsebenzi wawenziwa nguMoya—ukuba uNkulunkulu akabanga yinyama, futhi kunalokho uMoya wakhuluma ngqo ngokuduma kwezulu ukuze umuntu angabi nandlela yokuba nokuthintana Naye, ingabe wayengakwazi umuntu ukwazi isimo Sakhe? Ukuba kwakuwuMoya wodwa owawenza umsebenzi, umuntu wayengeke abe nendlela yokufika ekwazini isimo sikaNkulunkulu. Abantu bakwazi kuphela ukubona isimo sikaNkulunkulu ngamehlo abo lapho eba yinyama, lapho izwi livela lisenyameni, nalapho eveza sonke isimo Sakhe ngenyama. UNkulunkulu uhlala ngokoqobo nangempela phakathi kwabantu. Uyathinteka; umuntu empeleni angaxhumana nesimo Sakhe, axhumane nalokho ayikho nanakho; kungale ndlela kuphela lapho umuntu engakwazi ngempela ukufinyelela ekumazini. Ngaso leso sikhathi, uNkulunkulu uphinde waphetha umsebenzi lapho “uNkulunkulu enguNkulunkulu wamadoda futhi enguNkulunkulu wabesifazane,” futhi wafeza wonke umsebenzi Wakhe esenyameni. Akawuphindi umsebenzi noma kuyiphi inkathi. Ngenxa yokuthi izinsuku zokugcina sezifikile, uzokwenza umsebenzi awenzayo ezinsukwini zokugcina futhi embule sonke isimo ngezinsuku zokugcina. Ekukhulumeni ngezinsuku zokugcina, lokhu kubhekise enkathini ehlukile, leyo uJesu athi nakanjani niyobhekana nenhlekelele, futhi nibhekane nokuzamazama komhlaba, indlala, nezifo ezibhubhisayo, okuyizinto ezizobonisa ukuthi yinkathi entsha lena, akuseyona endala iNkathi Yomusa. Uma kungukuthi, njengoba abantu besho, u uNkulunkulu akasoze aguquka, isimo Sakhe sihlala sibonisa isihawu nothando futhi uthembisa wonke umuntu insindiso futhi akasoze azonda umuntu, ngakho ingabe umsebenzi Wakhe uyokwazi ukufika esiphethweni? Ngesikhathi uJesu efika lapha, wabethelwa esiphambanweni, wazenza umhlatshelo ngenxa yazo zonke izoni futhi wazinikela phezu kwe-altare. Wayesewuqede kudala umsebenzi wokuhlenga futhi wafikisa iNkathi Yomusa esiphethweni. Ngakho sikuphi isidingo sokuphinda umsebenzi wangaleyo nkathi ezinsukwini zokugcina? Ingabe ukuphinda into enjalo akwenzi kube sengathi uJesu akenzanga lutho? Ukuba uNkulunkulu akenzanga umsebenzi wokubethelwa lapho efika kulesi sigaba kodwa waqhubeka nokuthanda nokuba nesihawu, ngakho wayeyokwazi ngempela ukufikisa lo msebenzi ekupheleni? Ingabe uNkulunkulu onothando nonobubele wayengayifikisa le nkathi esiphethweni? Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ngokubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka. Uma kuwukuthi, ekwembuleni umphumela womuntu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubesengambonisa uzwelo nothando olungapheli futhi aqhubeke ukuba nothando kuye, engamfaki umuntu phansi kokwahlulela okulungile kodwa emkhombisa ukubekezela, isineke, kanye nokuxolela, futhi ethethelela umuntu noma zizimbi kanjani izono zakhe, ngaphandle kwecashaza lokwahlulela okulungile: pho ubuyoqedwa nini wonke umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo besiyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlala linothando, ijaji elinobuso obunomusa nenhliziyo ethambile. Lithanda abantu kungakhathaleki ukuthi benza izono ezingakanani futhi linothando futhi liyababekezelela kungakhathaleki ukuthi bangobani. Ngakho, kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungiswa? Ezinsukwini zokugcina, ukwahlulela okulungile kuphela okuyohlukanisa abantu ngokohlobo futhi kulethe umuntu endaweni entsha. Ngale ndlela, inkathi yonke ifikiswa esiphethweni ngesimo sokwahlulela nokusola okulungileyo kukaNkulunkulu.

Umsebenzi kaNkulunkulu kukho konke ukuphatha Kwakhe ucace bha: iNkathi Yomusa iyiNkathi Yomusa futhi izinsuku zokugcina ziyizinsuku zokugcina. Kunomehluko ogqamile phakathi kwenkathi ngayinye, ngoba enkathini ngayinye uNkulunkulu wenza umsebenzi omela leyo nkathi. Ukuze umsebenzi wezinsuku zokugcina ufezwe, kumele kube nokusha, ukwahlulela, ukusola, ulaka nembubhiso ukufikisa le nkathi ekugcineni. Izinsuku zokugcina zisho inkathi yokugcina. Enkathini yokugcina, ingabe uNkulunkulu ngeke ayiqede le nkathi? Ukuqeda inkathi, uNkulunkulu kufanele eze nokusola nokwahlulela. Yile ndlela kuphela angaqeda ngayo inkathi. Inhloso kaJesu, yayiwukuba umuntu aqhubeke asinde, aqhubeke aphile, futhi aphile ngendlela engcono. Wasindisa umuntu esonweni ukuze umuntu ayeka ukwehlela ekonakaleni futhi angabe esaphila eHayidesi nasesihogweni, futhi ngokusindisa umuntu eHayidesi nasesihogweni wayenzela ukuba umuntu aqhubeke aphile. Manje, sezifikile izinsuku zokugcina. UNkulunkulu uyoshabalalisa umuntu futhi abhubhise ngokuphelele isintu, okusho ukuthi, uyoguqula ukuhlubuka kwesintu. Ngenxa yalokhu, bekungeke kwenzeke, ngesimo esinozwelo nokuthanda senkathi eyedlule, ukuba uNkulunkulu aphethe inkathi noma aphumelelise uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Inkathi nenkathi iveza okuthile okukhethekile ngesimo sikaNkulunkulu, futhi yonke inkathi iqukethe umsebenzi okufanele wenziwe nguNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu uqobo enkathini ngayinye uqukethe ukubonakaliswa kwesimo Sakhe sangempela, bese kokubili igama Lakhe kanye nomsebenzi awenzile kuguquka kanye nesikhathi; konke kusha. NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho. Emsebenzini weNkathi Yomusa, uJesu wayenguNkulunkulu owayesindisa umuntu. Lokho ayenakho nayeyikho kwakuwumusa, uthando, ububele, isineke, ukubekezela, ukuthobeka, ukunakekela kanye nokubekezelelana, futhi okuningi komsebenzi awenza kwakungokokukhululwa komuntu. Mayelana nesimo Sakhe, kwakungesobubele nothando, futhi ngenxa yokuthi wayenobubele nothando, kwadingeka ukuba abethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu, akhombise ukuthi uNkulunkulu wathanda umuntu njengoba ayezithanda Yena, kangangokuthi waze wazinikela Yena uqobo Lwakhe lonke. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando Lwakhe, ububele Bakhe, nensindiso Yakhe konke kwakuhambisana nawo wonke umuntu. Kwakungokwamukela igama leNkosi uJesu nobukhona Bakhe kuphela lapho umuntu wayengathola khona ukuthula nenjabulo, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, kanye nensindiso Yakhe. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Ngamanye amazwi umsebenzi wangeNkathi Yomusa, umsebenzi wawenziwa egameni likaJesu kakhulu. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Wenza isigaba somsebenzi omusha ngemva kweTestamente Elidala futhi umsebenzi Wakhe waphetha ngokubethelwa. Lokhu kwakuwumsebenzi wakhe wonke. Ngakho, ngeNkathi Yomthetho, uJehova kwakuyigama likaNkulunkulu futhi ngeNkathi Yomusa uJesu wayemele uNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, igama Lakhe uNkulunkulu uSomandla—Onamandla onke futhi usebenzisa amandla Akhe ukuze aqondise umuntu, anqobe umuntu futhi azuze umuntu, bese ekugcineni, aphethe inkathi. Kuzo zonke izinkathi, kuso sonke isigaba somsebenzi Wakhe, isimo sikaNkulunkulu siyabonakala.

Ekuqaleni, ukuqondisa umuntu ngeNkathi Yomthetho yeTestamente elidala kwakufana nokuqondisa ingane. Isintu sokuqala sasingabantwana abazelwe bakaJehova; sasingama-Israyeli. Sasingenakho ukuqonda ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu noma indlela yokuphila emhlabeni. Okusho ukuthi, uJehova wadala isintu, okungukuthi, wadala u-Adamu no-Eva, kodwa akazange abanike imiqondo yokuqonda ukuthi bamhloniphe kanjani uNkulunkulu noma ukulandela imithetho kaJehova emhlabeni. Ngaphandle kokuqondisa mathupha kukaJehova, akekho ongakwazi ngokuqondile lokhu, ngoba ekuqaleni umuntu akazange abe nawo lo mqondo. Umuntu wazi kuphela ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, kodwa okokuthi ahlonishwe kanjani, iyiphi inhlobo yokuziphatha okwakubizwa ngokumhlonipha, umuntu wayengamhlonipha ngaluphi uhlobo lomqondo, noma, yikuphi okwakufanele akunikele ekumhlonipheni: umuntu wayengenamqondo nhlobo. Umuntu wayazi kuphela ukuthi akuthokozele kanjani lokho okwakungathokozelwa phakathi kwazo zonke izinto ezadalwa nguJehova, kodwa mayelana nokuthi iluphi uhlobo lokuphila emhlabeni olwalufanele isidalwa sikaNkulunkulu, wayengenalwazi nhlobo. Ngaphandle komuntu wokusiyalela, ngaphandle komuntu wokusiqondisa mathupha, lesi sintu sasingeke siphile impilo efanele isintu ngokwempela, kodwa sasiyothunjwa kuphela nguSathane ngesinyelela. UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho evamile yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa ngale ndlela kuphela umsebenzi kaJehova wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu. Wenza lo msebenzi emva kokudala isintu wase eqhubeka nawo kwaze kwaba yinkathi kaJakobe, okuyisikhathi enza ngaso amadodana ayishumi nambili kaJakobe aba yizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Kusuka kuleso sikhathi kuqhubeka, bonke abantu bakwa-Israyeli baba wuhlanga lwabantu olwaluholwa ngokusemthethweni Nguye emhlabeni, futhi u-Israyeli waba yindawo ekhethekile emhlabeni lapho enza khona umsebenzi Wakhe. UJehova wenza laba bantu baba yiqembu lokuqala labantu enza kubo ngokusemthethweni umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi wenza lonke izwe lakwa-Israyeli indawo yokuqala komsebenzi Wakhe, ebasebenzisa njengesiqalo somsebenzi omkhulu ngokuthe xaxa, ukuze bonke abantu abazalwe Kuye emhlabeni bazi ukuthi bamhloniphe kanjani nokuthi baphile kanjani emhlabeni. Ngakho futhi, izenzo zama-Israyeli zaba yisibonelo sokulandelwa ngabantu beZizwe, nokuthi lokho okwashiwo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kwaba amazwi okwakufanele alalelwe ngabantu beZizwe. Ngoba baba ngabokuqala ukwemukela imithetho nemiyalelo kaJehova, futhi baba ngabokuqala ukwazi ukuthi zihlonishwa kanjani izindlela zikaJehova, kanye nokuba ngabameli bohlanga lwabantu abakhethwe nguJehova. Lapho iNkathi Yomusa ifika, uJehova wayengasabaqondisi abantu ngale ndlela. Umuntu wayesonile futhi waziyekela esonweni, ngakho-ke waqala ukutakula umuntu esonweni. Ngale ndlela wasola umuntu kwaze kwaba sekusindisweni komuntu esonweni. Ezinsukwini zokugcina, umuntu usecwile ngokusezingeni lobubi elikhulu kangangoba umsebenzi walesi sigaba ungenziwa kuphela ngokwahlulela nokusola. Yile ndlela kuphela okungafezwa ngayo umsebenzi. Lona bekungumsebenzi wezinkathi eziningi. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu usebenzisa igama Lakhe, umsebenzi Wakhe, nemifanekiso eyehlukene kaNkulunkulu ukwehlukanisa inkathi kwenye inkathi nokwenza ukuguquka phakathi kwazo; igama likaJehova nomsebenzi Wakhe kumelela inkathi Yakhe futhi kumelela umsebenzi Wakhe kuzo zonke izinkathi. Uma umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ufana inkathi ngayinye futhi ebizwa ngegama elifanayo, umuntu angamazi kanjani? Kumele ukuba uNkulunkulu abizwe ngoJehova, futhi ngale kukaNkulunkulu obizwa ngoJehova, noma ngubani obizwa nganoma yiliphi elinye igama akayena uNkulunkulu. Noma uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu, futhi ngaphandle kwegama likaJesu akufanele abizwe ngelinye igama; ngaphandle kukaJesu, uJehova akayena uNkulunkulu, noNkulunkulu uSomandla akayena uNkulunkulu futhi. Umuntu ukholwa ukuthi kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unamandla, kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu onomuntu, futhi kumele abizwe ngoJesu ngoba uNkulunkulu unomuntu. Ukwenza lokhu, kuwukulandela imfundiso, futhi kuwukuqoqela uNkulunkulu emkhawulweni othile. Ngakho, kuzo zonke izinkathi, umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, igama abizwa ngalo, nomfanekiso awuthathayo—umsebenzi awenzayo kuzo zonke izigaba kuze kube namuhla—akulandeli umthetho owodwa, futhi akukho ngaphansi nhlobo kwanoma yimuphi umkhawulo. UnguJehova, futhi usenguye uJesu, kanye noMesiya, noNkulunkulu uSomandla. Umsebenzi Wakhe ungaguquka kancane kancane nokuguquka okuhambisanayo egameni Lakhe. Akukho gama elilodwa elingammela ngokugcwele, kodwa wonke amagama abizwa ngawo ayakwazi ukummela, futhi umsebenzi awenzayo kuzo zonke izinkathi umele isimo Sakhe. Ake sithi, lapho kufika izinsuku zokugcina, uNkulunkulu ombonayo kusenguJesu, futhi ngaphezu kwalokho ugibele ifu elimhlophe, futhi usabukeka njengoJesu futhi namazwi awakhulumayo asengakaJesu: “Thandani omakhelwane benu njengalokhu nizithanda nina, kufanele nizile bese nithandaza, nithande izitha zenu futhi nazise ukuphila kwenu, bekezelelani abanye futhi nibe nesineke niphinde nithobeke. Kufanele nenze konke lokhu ngaphambi kokuthi nibe ngabafundi bami. Futhi, ngokwenza zonke lezi zinto, ningangena embusweni Wami,” Ingabe lokho akukhona okomsebenzi weNkathi Yomusa? Ingabe lokhu akushoyo akuyona indlela yeNkathi Yomusa? Beningazizwa kanjani uma beningezwa la mazwi? Ingabe beningeke nizwe ukuthi lona kusewumsebenzi kaJesu? Ingabe lokhu bekungeke kube ukuwuphinda? Umuntu angayithola intokozo kulokhu? Beniyozwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungahlala unjengoba unje manje futhi ngeke usaqhubekela phambili. Unalawo mandla angaka kuphela, futhi awukho omunye umsebenzi omusha wokwenziwa, futhi usefinyelelise amandla Akhe lapho egcina khona. Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule kwakuyiNkathi Yomusa futhi eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyalandela usashumayela ngendlela yeNkathi Yomusa futhi usenza abantu ukuba baphenduke. Abantu bebezothi, “Nkulunkulu, unamandla angaka kuphela. Bengikholwa ukuthi uhlakaniphe kakhulu, nokho wazi kuphela isineke futhi unake kuphela ukubekezela, wazi kuphela indlela yokuthanda isitha Sakho, akukho okungaphezu kwalokho.” Engqondweni yomuntu, uNkulunkulu uyohlala enjengoba wayenjalo eNkathini Yomusa futhi umuntu uyohlala ekholwa ukuthi uNkulunkulu unothando futhi unesihawu. Ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyohlala ufana nowakudala? Ngakho, kulesi sigaba somsebenzi Wakhe angeke abethelwe futhi konke enikubonayo nenikuthintayo kufanele kungafani nalokho ebenikucabanga nebenikuzwa. Namuhla, uNkulunkulu akaxoxi nabaFarisi, noma avumele izwe ukuthi lazi, futhi labo abamaziyo bayinina kuphela enimlandelayo, ngoba ngeke abethelwe futhi. NgeNkathi Yomusa uJesu wayeshumayela ngokusobala ezweni lonke ngenxa yomsebenzi wevangeli Lakhe. Wabhekana nabaFarisi ngenxa yomsebenzi wokubethelwa; ukube wayengabhekananga nabaFarisi nalabo ababesemandleni babengazanga Ngaye, wayeyolahlwa kanjani, bese ekhashelwa futhi abethelwe esiphambanweni? Ngakho futhi, wabhekana nabaFarisi ngenxa yokubethelwa. Namuhla, wenza umsebenzi Wakhe ekusithekeni ukuze agweme isilingo. Ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu okubili, umsebenzi nokubaluleka kwehlukene, futhi nesimo sehlukene, ngakho kwakungenzeka kanjani ukuba umsebenzi awenzayo wonke ufane?

Ingabe igama likaJesu—“UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Ngakho-ke, kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe. Ngisho kunjalo, abantu abaningi asebedlule ekuzweni ngokomoya futhi asebembone mathupha uNkulunkulu basezwa ukuthi leli gama elithile alikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuphelele—awu, akukho okungenziwa ngalokhu, ngakho umuntu akasambizi uNkulunkulu nganoma yiliphi igama, kodwa umbiza nje ngokuthi “Nkulunkulu.” Kusengathi inhliziyo yomuntu igcwele uthando kodwa futhi ixakwe yizimpikiswano, ngoba umuntu akakwazi ukuchaza uNkulunkulu. Ayikho uNkulunkulu kucebe kakhulu, akukho ndlela yokukuchaza. Alikho igama elilodwa elingaqoqa isimo sikaNkulunkulu, futhi akukho gama elilodwa elingachaza lokho uNkulunkulu anakho nayikho. Uma umuntu engibuza, “Empeleni yiliphi igama olisebenzisayo?” Ngiyomtshela ukuthi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu!” Akulona igama elihle lelo likaNkulunkulu? Akukhona ukuqoqa kahle kakhulu isimo sikaNkulunkulu? Uma kunjalo-ke, kungani nichitha amandla angaka nifuna igama likaNkulunkulu? Kungani kufanele nizihlekeze ubuchopho, nizile ukudla nobuthongo, konke ngenxa yegama nje? Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayofinyelela ekugcineni, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usufike ekugcineni, ngemva kwalokho ngeke esaba nawo amagama. Lapho zonke izinto sezingaphansi kokubusa koMdali, unasiphi isidingo segama elifanaleke kakhulu kodwa elingaphelele? Namanje usathungatha igama likaNkulunkulu? Usalokotha uthi uNkulunkulu ubizwa kuphela ngoJehova? Usalokotha uthi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngoJesu? Ungakwazi yini ukuthwala isono sokuhlambalaza uNkulunkulu? Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, ukuthi ubizwa ngokuthi uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla amakhulu, ohlakaniphe kakhulu, ophakeme kakhulu, omangalisa kakhulu, ofihlakele kakhulu, onamandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okuncane okwaziyo. Njengoba kunjalo, ingabe igama nje likaJesu lingamela uNkulunkulu uqobo? Lapho izinsuku zokugcina zifika, nakuba kusenguye uNkulunkulu owenza umsebenzi Wakhe, igama Lakhe kufanele liguquke, ngoba sekuyinkathi eyehlukile.

UNkulunkulu engomkhulu kakhulu kuwo wonke umhlaba nasemkhathini ngaphezulu, wayengekwazi yini ukuzichaza ngokugcwele esebenzisa umfanekiso wenyama? UNkulunkulu wembatha le nyama ukuze enze isigaba esisodwa somsebenzi Wakhe. Akukho kubaluleka okutheni kulo mfanekiso wenyama, ayinabuhlobo nokwedlula kwezinkathi, futhi ayihlangene ngalutho nesimo sikaNkulunkulu. Kungani uJesu engavumelanga ukuthi umfanekiso Wakhe ukuthi usale? Kungani engavumelanga ukuthi umuntu adwebe umfanekiso Wakhe ukuze udluliselwe ezizukulwaneni zakamuva? Kungani engavumelanga abantu ukuba bavume ukuthi umfanekiso Wakhe kwakuwumfanekiso kaNkulunkulu? Nakuba umfanekiso womuntu wadalwa emfanekisweni kaNkulunkulu, kwakungenzeka yini ukuba ukubukeka komuntu kumelele umfanekiso ophakeme kaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu eba yinyama, wehla esuka ezulwini nje angene enyameni ethile. WuMoya Wakhe owehlela enyameni, owenza ngayo umsebenzi kaMoya. NguMoya ovezwa enyameni, futhi nguMoya owenza umsebenzi esenyameni. Umsebenzi owenziwa enyameni umelele ngokugcwele uMoya, futhi inyama ingenxa yomsebenzi, kodwa lokho akusho ukuthi umfanekiso wenyama uthatha indawo yomfanekiso wangempela kaNkulunkulu uqobo Lwakhe; lena akuyona inhloso noma ukubaluleka kukaNkulunkulu obe yinyama. Uba yinyama kuphela ukuze uMoya athole indawo efanele yokuhlala lapho enza umsebenzi Wakhe, ukuze akwazi kangcono ukufeza umsebenzi Wakhe enyameni—ukuze abantu bakwazi ukubona umsebenzi Wakhe, baxhumane nesimo Sakhe, bezwe amazwi Akhe, futhi bazi ukumangalisa komsebenzi Wakhe. Igama Lakhe limelele isimo Sakhe, umsebenzi Wakhe umelele ubunjalo Bakhe, kodwa akaze athi ukubonakala Kwakhe enyameni kumelele umfanekiso Wakhe; lokho kungumcabango womuntu nje. Ngakho futhi, izingxenye ezisemqoka zokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ziyigama Lakhe, umsebenzi Wakhe, isimo Sakhe, nobulili Bakhe. Lezi zisetshenziselwa ukumelela ukuphatha Kwakhe kule nkathi. Ukubonakala Kwakhe enyameni akuhlobene nokuphatha Kwakhe, njengoba kungenxa yomsebenzi Wakhe nje ngaleso sikhathi. Kodwa ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu angabi nakubukeka okuthile, ngakho-ke ukhetha umndeni ofanele ukuze anqume ukubukeka Kwakhe. Ukuba ukubukeka kukaNkulunkulu bekuyoba nokubaluleka kokumela bonke-ke labo abanesakhiwo sobuso esifana nesakhe nabo babeyomelela uNkulunkulu. Kwakungeke lokho kube yiphutha elimangalisayo? Isithombe sikaJesu sadwetshwa ngumuntu ukuze umuntu amkhonze. Ngaleso sikhathi, uMoya oNgcwele akanikezanga miyalelo ekhethekile, ngakho-ke umuntu wedlulisela isithombe phambili kwaze kwaba namuhla. Empeleni, ngokwenhloso yasekuqaleni kaNkulunkulu, umuntu kwakungafanele akwenze lokhu. Yintshiseko yomuntu kuphela eyenza ukuba isithombe sikaJesu sihlale kuze kube namuhla. UNkulunkulu unguMoya, futhi umuntu akasoze akwazi ukuqukatha lokho umfanekiso Wakhe oyikho ekugcineni. Umfanekiso Wakhe ungamelelwa kuphela yisimo Sakhe. Okokubukeka kwekhala Lakhe, komlomo Wakhe, kwamehlo Akhe, nokwezinwele Zakhe, lokhu kungaphezulu kwamandla akho ukukuqukatha. Lapho isambulo sifika kuJohane, wabona umfanekiso weNdodana yomuntu: Emlonyeni Wakhe kwakunenkemba esika nhlangothi zombili, amehlo Akhe ayenjengamalangabi omlilo, ikhanda nezinwele Zakhe kwakumhlophe njengoboya bemvu, izinyawo Zakhe zinjengethusi elikhazimulisiwe, futhi kwakuzungeze ibhande legolide esifubeni Sakhe. Nakuba amazwi akhe ayegqame ngokwedlulele, umfanekiso kaNkulunkulu ayewuchaza kwakungewona owomuntu odaliwe. Akubona kwakuwumbono kuphela, futhi hhayi umfanekiso womuntu wasemhlabeni woqobo. UJohane wayebone umbono, kodwa wayengabonanga ukubukeka kwangempela kukaNkulunkulu. Umfanekiso wenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, ungumfanekiso womuntu odaliwe, awukwazi ukumelela sonke isimo sikaNkulunkulu. Lapho uJehova edala isintu, wathi ukwenza lokho ngomfanekiso Wakhe futhi wadala owesilisa nowesifazane. Ngaleso sikhathi, wathi wenza owesilisa nowesifazane ngomfanekiso kaNkulunkulu. Nakuba umfanekiso womuntu ufuze umfanekiso kaNkulunkulu, lokhu akukwazi ukuqondwa ngokuthi kuchaza ukuthi ukubukeka komuntu kuwumfanekiso kaNkulunkulu. Futhi awukwazi ukusebenzisa ulimi lwesintu ukuchaza umfanekiso kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uphakeme kakhulu, mkhulu kakhulu, umangalisa futhi akaqondakali kakhulu!

Ngesikhathi uJesu efika ezokwenza umsebenzi Wakhe, kwawungaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele; wenza lokho uMoya oNgcwele owawukufuna futhi kwakungekhona okungokweNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala noma ngokwendlela yomsebenzi kaJehova. Nakuba umsebenzi uJesu ayezele ukuzowenza wakungekhona ukuzogcina imithetho kaJehova noma imiyalelo kaJehova, umthombo wakho wawufana. Umsebenzi uJesu awenza wawumele igama likaJesu futhi wawumele iNkathi Yomusa; umsebenzi owawenziwa uJehova, wona wawumele uJehova kanye neNkathi Yomthetho. Umsebenzi wabo kwakuwumsebenzi kaMoya owodwa osezinkathini ezimbili ezehlukene. Umsebenzi uJesu awenza wawungamela iNkathi Yomusa kuphela nomsebenzi uJehova awenza nawo wawungamela iNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. UJehova wayeqondisa kuphela abantu bakwa-Israyeli nabaseGibhithe kanye nazo zonke izizwe ezingale kuka-Israyeli. Umsebenzi kaJesu weNkathi Yomusa yeTestamente Elisha wawungumsebenzi kaNkulunkulu ngaphansi kwegama likaJesu njengoba ayeqondisa leyo nkathi. Uma uthi umsebenzi kaJesu wawusekelwe kokaJehova, ukuthi akazange aqale umsebenzi omusha, nokuthi konke akwenza kwakuvumelana namazwi kaJehova, nomsebenzi kaJehova, kanye neziprofetho zika-Isaya, uJesu wayengeke-ke abe uNkulunkulu obe yinyama. Ukuba wenza umsebenzi Wakhe ngale ndlela, wayeyoba ngumphostoli noma isisebenzi seNkathi Yomthetho. Uma kunjengoba usho, kusho ukuthi uJesu wayengeke akwazi ukuqala inkathi futhi awukho omunye umsebenzi ayengawenza. Ngendlela efanayo, uMoya oNgcwele kumele kakhulu wenze umsebenzi Wakhe ngoJehova, futhi ngaphandle kukaJehova uMoya oNgcwele wawungeke ukwazi ukwenza umsebenzi omusha. Umuntu unephutha ngokuqonda umsebenzi kaJesu ngale ndlela. Uma umuntu ekholwa ukuthi umsebenzi owenziwe uJesu wawuvumelana namazwi kaJehova kanye neziprofetho zika-Isaya, ingabe uJesu wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu noma wayengomunye wabaprofethi? Ngokwalo mbono, kwakungebe khona Nkathi Yomusa futhi uJesu wayengeke abe uNkulunkulu osenyameni, ngoba umsebenzi awenza wawungakwazi ukumela iNkathi Yomusa futhi wawungamela kuphela iNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. Kwakungaba nenkathi entsha kuphela lapho uJesu efika ezokwenza umsebenzi omusha, ukuqala inkathi entsha, ukwedlula umsebenzi owawukade wenziwe kwa-Israyeli, kanye nokwenza umsebenzi Wakhe ngokungahambisani nomsebenzi owenziwa nguJehova kwa-Israyeli noma nemithetho Yakhe emidala, noma ngokuhambisana nayiphi imithetho, kodwa ukwenza umsebenzi omusha okwakufanele awenze. UNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzovula inkathi futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzoqeda inkathi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi wokuqala inkathi nokuphetha inkathi. Ukuba uJesu akazange afikise umsebenzi kaJehova ekupheleni emva kokufika Kwakhe, lokho-ke kwakuyoba ubufakazi bokuthi wayengumuntu nje futhi engakwazi ukumela uNkulunkulu. Ngenxa kanye yokuthi uJesu weza waphetha umsebenzi kaJehova, waqhuba umsebenzi kaJehova futhi, ngaphezu kwalokho, wenza umsebenzi Wakhe, umsebenzi omusha, kubonisa ukuthi lokhu kwakuyinkathi entsha nokuthi uJesu wayenguNkulunkulu uqobo. Benza izigaba zomsebenzi ezehlukene ngokucacile. Esinye isigaba sasenziwa ethempelini, kanti esinye sasenziwa ngaphandle kwalo. Omunye wale misebenzi wawungukuhola abantu ngendlela yomthetho kanti omunye wawungukunikela umnikelo wesono. Zombili lezi zigaba zomsebenzi zazehlukene ngokusobala; lokhu kwehlukanisa inkathi entsha kwendala, futhi kuliqiniso elimsulwa ukuthi ziyizinkathi ezimbili ezehlukene. Indawo yomsebenzi Wabo yayehlukene futhi umongo womsebenzi Wabo wawehlukene futhi nezinhloso zomsebenzi Wabo zazehlukene. Ngakho, zingahlukaniswa zibe yizinkathi ezimbili: ITestamente Elisha neTestamente Elidala, okuwukuthi, inkathi entsha nendala. Lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, okufakazela ukuthi inkathi kaJehova yayisiphelile. Akangenanga ethempelini ngoba umsebenzi kaJehova ethempelini wawusuphelile, futhi wawungasadingi ukuphinde wenziwe, futhi ukuwenza futhi kwakuyoba ukuwuphinda. Kwaba ngokushiya ithempeli, ukuqala umsebenzi omusha kanye nokuvula indlela entsha ngaphandle kwethempeli, lapho akwazi khona ukufikisa umsebenzi kaNkulunkulu esicongweni sawo. Ukuba akaphumanga ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe, umsebenzi kaNkulunkulu wawuyoma ndawonye ezisekelweni zethempeli, futhi kwakungeke kube nezinguquko ezintsha. Ngakho, lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, futhi akenzanga umsebenzi Wakhe phakathi ethempelini. Wenza umsebenzi Wakhe ngaphandle kwethempeli, futhi, ehola abafundi, wenza umsebenzi Wakhe ngokukhululeka. Ukuhamba kukaNkulunkulu ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe kwasho ukuthi uNkulunkulu wayenohlelo olusha. Umsebenzi wakhe wawuzokwenziwa ngaphandle kwethempeli, futhi kwakuzoba umsebenzi omusha owawungeke ubambeke endleleni yokwenziwa kwawo. Eqeda nje ukufika uJesu, waqeda umsebenzi kaNkulunkulu wangesikhathi seTestamente Elidala. Nakuba zazibizwa ngamagama amabili angafani, kwaba nguMoya owodwa owafeza zombili lezi zigaba zomsebenzi, futhi nomsebenzi owawenziwa wawuqhubeka njalo Njengoba igama lalehlukile, nokuqukethwe umsebenzi kwakwehlukile, inkathi yayihlukile. Lapho uJehova efika, leyo kwakuyinkathi kaJehova nalapho uJesu efika, leyo kwakuyinkathi kaJesu. Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha. Ukusuka emzuzwini kuya emzuzwini, uMoya kaNkulunkulu wenza umsebenzi omusha, ungabambeleli ezindleleni nasemithethweni emidala. Futhi umsebenzi Wakhe awukaze ume, kodwa uyenzeka ngomzuzu nomzuzu owedlulayo. Uma uthi umsebenzi kaMoya oNgcwele awuguquki, pho kungani uJehova acela abapristi ukuthi bemsebenzele ethempelini, kodwa uJesu akazange angene ethempelini—noma ngabe, lapho efika, abantu baphinde bathi ungumpristi omkhulu, futhi wayengowendlu kaDavide futhi nguMpristi omkhulu neNkosi enkulu? Futhi yini enganikelanga imihlatshelo? Ukungena ethempelini noma ukungangeni ethempelini—lokhu akuyiwo umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe? Ukuba, njengoba umuntu ecabanga, uJesu uzophinda afike futhi, ezinsukwini zokugcina, esabizwa ngoJesu, futhi aqhubeke nokwehla ngefu elimhlophe, ehlela phezu kwabantu esemfanikisweni kaJesu: ingabe lokho ngeke kube wukuphindwa komsebenzi Wakhe? Ingabe uMoya oNgcwele uyakwzi ukunamathela kokudala? Konke umuntu akukholwayo yimicabango, futhi konke umuntu akuqondayo ngokuhambisana nomqondo osobala, kanye nokucabanga kwakhe; kuphambene nezimiso zomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi akuhambisani nezinhloso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu ubengeke asebenze ngaleyo ndlela; uNkulunkulu akasona neze isiphukuphuku nesiwula, futhi umsebenzi Wakhe awulula ngendlela oyicabangayo. Ngokwakho konke okwenziwa futhi okucatshangwa umuntu, uJesu uyofika ngefu ehlele phakathi kwenu. Niyombona, okuyothi, egibele ifu, anitshele ukuthi unguJesu. Futhi niyobona amanxeba ezipikili ezandleni Zakhe, futhi niyomazi njengoJesu. Uyobuye anisindise futhi, aphinde abe nguNkulunkulu wenu onamandla. Uyonisindisa, aniqambe igama elisha, futhi anike umuntu ngamunye kinina itshe elimhlophe, okuyothi ngemva kwalokho nivunyelwe ukuba ningene embusweni wezulu futhi namukelwe epharadesi. Ingabe izinkolelo ezinjalo aziyona imicabango yomuntu? Ingabe uNkulunkulu usebenza ngokwalokho okucatshangwa ngabantu noma usebenza ngokuphambene nalokho okucatshangwa umuntu? Ingabe konke okucatshangwa ngumuntu akuveli kuSathane? Ingabe bonke abantu abonakalisiwe uSathane? Uma uNkulunkulu wayenza umsebenzi Wakhe ngendlela yokucabanga komuntu, ingabe angeke abe nguSathane? Ingabe ngeke afane nezidalwa Zakhe? Njengoba nezidalwa sezonakaliswe uSathane kangangokuthi umuntu usephenduke umzimba kaSathane, uma uNkulunkulu ubezosebenza ngokwezinto zikaSathane ingabe ubengeke yini abe nokusebenzisana noSathane? Umuntu angawuqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Ngakho, uNkulunkulu ubengeke asebenze ngokwalokho umuntu akucabangayo. Kunalabo abathi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wathi uyofika ngefu. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe washo njalo, kodwa ingabe uyazi ukuthi akekho ongaqonda izimfihlakalo Zakhe? Awazi ukuthi akukho muntu ongachaza amazwi kaNkulunkulu? Uqinisekile ngokuthi ukhanyiselwe futhi wakhanyiswa nguMoya oNgcwele? Nakanjani kwakungekhona ukuthi uMoya oNgcwele ukubonise ngendlela eqonde kangaka? Ingabe kwakunguMoya oNgcwele owakuyalela, noma waholelwa yimicabango yakho ekuthini ucabange kanjalo? Wathi, “Lokhu kwashiwo uNkulunkulu uqobo Lwakhe.” Kodwa asikwazi ukusebenzisa imibono nemiqondo yethu ukuze silinganise amazwi kaNkulunkulu. Ngokwamazwi akhulunywa ngu-Isaya, ungawachaza amazwi akhe ngokukhulu ukuqiniseka? Ingabe uyalokotha ukuwachaza amazwi akhe? Njengoba ungalokothi nokuwachaza amazwi ka-Isaya, pho kungani ulokhu ulokotha ukuchaza amazwi kaJesu? Ubani ophakeme kakhulu, uJesu noma u-Isaya? Njengoba impendulo inguJesu, kungani uzama ukuchaza amazwi akhulunywe uJesu? Ingabe uNkulunkulu angakutshela ngomsebenzi Wakhe singakafiki isikhathi? Asikho nesisodwa isidalwa esingazi, ngisho nezithunywa ezulwini ngisho neNdodana yomuntu, ngakho wena ungazi kanjani? Umuntu untula kakhulu. Okubalulekile kini manje ukwazi izigaba ezintathu zomsebenzi. Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi. Izigaba ezintathu zomsebenzi, ezinkathini ezehlukene nasezindaweni ezehlukene, ngaphandle kwephutha zingumsebenzi woMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba baphikisa uNkulunkulu. Manje, kumele uqonde ukuthi wonke umsebenzi kusukela esigabeni sokuqala kuze kube namuhla uwumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, umsebenzi woMoya owodwa. Ngalokhu akukho kungabaza.

Okwedlule: Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)

Okulandelayo: Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp