Isahluko 26

Ubani oke wahlala ekhaya Lami? Ubani oke wangimela? Ubani oke wahlupheka ngenxa Yami? Ubani oke wenza isithembiso phambi Kwami? Ubani oke wangilandela kwaze kwaba manje kodwa engakashintshi? Kungani bonke abantu bengenandaba futhi bengenazwelo? Kungani abantu bengishiyile? Kungani abantu bekhathala Yimi? Kungani ingekho imfudumalo emhlabeni wabantu? Ngesikhathi ngiseZiyoni, nganambitha imfudumalo esezulwini, futhi ngesikhathi ngiseZiyoni ngajabulela izibusiso ezisezulwini. Futhi, ngiye ngaphila phakathi kwabantu, ngiye nganambitha ubumuncu emhlabeni wabantu, ngizibonele ngamehlo Ami zonke izimo ezihlukahlukene ezisebantwini. Engaqapheli, umuntu uguquke lapho Nami ngiguquka, futhi kungale ndlela kuphela aye afinyelela osukwini lwanamuhla. Angifuni ukuba umuntu enze noma yini ngenxa Yami, ngingafuni futhi ukuba andise noma yini ngenxa Yami. Engikufunayo nje ukuba avumelane nohlelo Lwami, angilalele futhi angabi yihlazo kimi, futhi angifakazele ngezinga elikhulu. Phakathi kwabantu, kukhona labo abaye bafakaza kahle Ngami futhi badumisa igama Lami, kodwa kungenzeka kanjani ukuba izenzo zabantu, ukuziphatha kwabantu kujabulise inhliziyo Yami? Kungenzeka kanjani ukuba banelise isifiso Sami noma bafeze intando Yami? Izintaba namanzi emhlabeni, izimbali, utshani nezihlahla okusemhlabeni konke kungumsebenzi wezandla Zami, konke kukhona ngenxa yegama Lami. Pho kungani abantu bengakwazi ukufinyelela emazingeni engiwafunayo? Kungenzeka ukuthi lokhu kubangelwa yisimo sabo esiphansi kakhulu? Kungenzeka ukuthi kungenxa yokumphakamisa Kwami? Kungenzeka ukuba nginonya kakhulu kubo? Kungani njalo abantu bekusaba engikufunayo? Namuhla, phakathi kwemibuso eminingi, kungani nilalela izwi Lami kuphela kodwa ningafisi ukubona ubuso Bami? Kungani nibheka amazwi Ami kuphela ngaphandle kokuzama ukuwahlobanisa nomoya Wami? Kungani ningihlukanisa nezulu phezulu nomhlaba phansi? Kungenzeka ukuthi Mina, lapho ngisemhlabeni, angifani nalowo engiwuye uma ngisezulwini? Kungenzeka ukuthi Mina, uma ngisezulwini, angikwazi ukwehlela emhlabeni? Kungenzeka ukuthi Mina, uma ngisemhlabeni, angifanele ukwenyukela ezulwini? Kunjengokungathi Mina, uma ngisemhlabeni, ngiyisidalwa esiphansi, njengokungathi Mina, uma ngisezulwini, ngiyisidalwa esiphakanyisiwe, futhi njengokungathi phakathi kwezulu nomhlaba kukhona ufa olungeqeki. Kodwa emhlabeni wabantu kubonakala sengathi akekho awaziyo ngesiqalo salezi zinto, kodwa sonke lesi sikhathi bebelokhu bephikisana Nami, njengokungathi amazwi Ami anomsindo kuphela kodwa engenamqondo. Bonke abantu bachitha amandla emazwini Ami, benza ucwaningo lwabo ekubukekeni Kwami kwangaphandle, kodwa bonke bayehluleka, abanamphumela abangawukhombisa, kunalokho bashaywa phansi amazwi Ami bangaphinde balinge ukuvuka.

Lapho ngivivinya ukholo lwabantu, akekho noyedwa umuntu onamandla okuveza ubufakazi beqiniso, akekho noyedwa okwaziyo ukunikela ngakho konke anakho; kunalokho umuntu ulokhu ezifihla futhi wenqaba ukuphumela obala, kuba sengathi ngizodwengula inhliziyo yakhe. Ngisho noJobe uqobo lwakhe akakwazanga ukumelana ngeqiniso nokuvivinywa, noma aveze ubumnandi ekuhluphekeni. Bonke abantu baveza kancane umbala oluhlaza okotshani ophuphile phakathi kokufudumala kwasentwasahlobo; abahlali beluhlaza okotshani emoyeni obandayo wobusika. Bezacile futhi bemathanjana abantu, ngeke bakwazi ukufeza izinhloso Zami. Kubo bonke abantu, akekho noyedwa ongaba yisibonelo sabanye, ngoba bayefana futhi abahlukile omunye komunye, futhi kuncane kakhulu okuhlukanisa omunye komunye. Ngenxa yalesi sizathu, ngisho namanje abantu abakakwazi ukuyazi ngokugcwele imisebenzi Yami. Lapho ukusola Kwami sehlela ebantwini, kungaleso sikhathi kuphela lapho abantu, bengazi, bebona imisebenzi Yami, futhi ngaphandle kokwenza utho noma ngiphoqe othile, abantu bazongazi, ngaleyo ndlela babone nemisebenzi Yami. Lolu uhlelo Lwami, oluwuphawu lomsebenzi Wami, futhi yilokho abantu okufanele bakwazi. Embusweni, izinto eziningi ezidaliwe ziqala ukuphinde zisebenze futhi ziphinde zithole amandla azo okuphila. Ngenxa yokuguquka kwezimo zomhlaba, imingcele phakathi kwamazwe nayo iqala ukuguquka. Ngangiphrofethile ngaphambili: Lapho izwe lihlukanisiwe kwelinye, futhi izwe lihlangana nelinye, leso kuyoba yisikhathi sokuba ngiphihlize izizwe zibe yizicucu. Ngalesi sikhathi, ngizovuselela yonke indalo futhi ngihlukanise kabusha imbulunga yonke, ngaleyo ndlela ngenze imbulunga ihleleke, ngenze isimo sayo esidala sibe sisha. Lolu uhlelo Lwami. Le yimisebenzi Yami. Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

Njengoba izwi Lami liba namandla, ngibheke futhi nesimo somhlaba. Ngamazwi Ami, izinto eziningi ezidaliwe zenziwa zintsha. Izulu liyashintsha, nomhlaba uyaguquka. Isintu sivezwa esimweni saso sokuqala, futhi kancane kancane, ngakunye ngakunye ngokohlobo lwakho, abantu bazithola bebuyela esifubeni semindeni yabo bengaqapheli. Ngizojabula kakhulu ngalokhu. Anginakho ukonakala, futhi imisebenzi Yami emikhulu iyaphelela, yonke ngaphandle kokuqaphela, iningi lezinto ezidaliwe liyaguqulwa, zonke ngaphandle kokuqaphela. Lapho ngidala umhlaba, ngibeka zonke izinto ezinomumo ndawonye nezifana nazo. Njengoba ukuphela kohlelo Lwami lokuphatha lusondela, ngizobuyisela indalo esimweni sayo sokuqala, konke ngizokubuyisela endleleni okwakwenziwe ngayo ekuqaleni, ngiguqule konke ngezinga elikhulu, ukuze konke kubuyele esifubeni sohlelo Lwami. Isikhathi sesifikile! Isigaba sokugcina sohlelo Lwami sesizofezeka. Wena mhlaba omdala ongcolile! Ngokuqinisekile uzowela phansi kwamazwi Ami! Ngokuqinisekile uhlelo Lwami luzokwenza ize! Nina zinto eziningi ezidaliwe! Nonke nizothola ukuphila okusha emazwini Ami—nizoba neNkosi engumbusi! Wena mhlaba ohlanzekile nongenasici! Ngokuqinisekile uzosebenza ngenkazimulo Yami! Ntaba YaseZiyoni! Ungabe usathula! Ngibuye ngokunqoba! Phakathi kwendalo, ngihlolisisa wonke umhlaba. Emhlabeni, isintu sesiqale ukuphila okusha, sithole ithemba elisha. Bantu Bami! Kungenzeka kanjani ningaphili ekukhanyeni Kwami? Kungenzeka kanjani ningagxumagxumi ngenjabulo ngaphansi kokuqondisa Kwami? Amazwe amemeza ngenjabulo, amanzi ayachwaza ngokuhleka okumtoti. Israyeli ovusiwe! Kungenzeka kanjani ungaziqhenyi ngokugcotshwa Kwami kusengaphambili? Ngubani okhalile? Ngubani oklabalasile? U-Israyeli wangaphambili akasekho, u-Israyeli wanamuhla uvukile, wama waqonda futhi waphakama, emhlabeni, waphakama ezinhliziyweni zabo bonke abantu. Ngokuqinisekile u-Israyeli wanamuhla uyothola umthombo wokuphila ngabantu Bami! Gibhithe elinenzondo! Ngokuqinisekile awusamelene Nami? Ungazuza kanjani ngomusa Wami futhi uzame ukubalekela kokusola Kwami? Kungani ungephile ngaphakathi kokusola kwami? Bonke labo engibathandayo impela bazophila ingunaphakade, bese bonke labo abamelana nami bazosolwa Yimi impela kuze kube phakade. Ngoba nginguNkulunkulu onomhawu, ngeke ngibayeke kalula abantu ngakho konke abakwenzile. Ngizowuqapha wonke umhlaba, futhi, ngiqhamuka eMpumalanga yomhlaba nokulunga, ubukhosi, ulaka nokusola, ngizozibonakalisa ezihlweleni zabantu!

kuNdasa 29, 1992

Okwedlule: Jabulani, Nonke Nina Bantu!

Okulandelayo: Isahluko 27

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp