Isahluko 27

Ukuziphatha kwabantu akukaze kuyithinte inhliziyo yami, noma ngikubone njengokubalulekile. Umuntu uhlala ebona sengathi ngimphethe ngesandla sensimbi kanti futhi ngihlala ngisebenzisa igunya phezu kwakhe. Kuzo zonke izenzo zomuntu, kuyingcosana okwenzelwa Mina, kuyingcosana okungema kuqonde phambi kwamehlo Ami. Ekugcineni, yonke into ephathelene nomuntu igcine ingasabonakali ibhidlika phambi Kwami, yingaleso sikhathi lapho izenzo zami zibonakala khona, zenza ukuthi bonke abantu ekwahlulekeni kwabo bangazi. Indalo yomuntu ayikaguquki. Okusezinhliziyweni zabo akuhambelani nentando Yami—akukhona engikudingayo. Okuyisinengiso kakhulu kimi yinkani yomuntu nokuphindaphinda iziphambeko zakhe, kodwa yimaphi amandla enza ukuthi abantu bahlale behluleka ukungazi, ukuthi bahlale bekude Nami, bangenzi nhlobo nje okuhambelana nentando Yami phambi Kwami bangiphikise ngingababoni? Ngabe lokhu yikho ukwethembeka kwabo? Ngabe kuwuthando lwabo Kimi? Kungani bengaguquki bazalwe kabusha? Kungani abantu bethanda ukuqhubeka bahlale exhaphozini kunasendaweni engenalo udaka? Kungaba ukuthi ngibaphathe kabi? Kungabe ukuthi ngibadukisile? Kungabe ukuthi ngibaholele esihogweni? Wonke umuntu uzimisele ngokuhlala “esihogweni.” Uma ukukhanya kufika amehlo abo avaleka ngci, kube sengathi yonke into abayigcine kuwo ibuya esihogweni. Nakuba kunjalo, abazi ngalokhu, bathokozela nje “injabulo ephathelene nesihogo.” Babuye bazibambe njengezingcebo ezisezifubeni zabo besaba ukuthi ngizozeba, ngibashiye ngaphandle “komthombo wokuba khona.” Abantu bayangesaba, yingakho beziqhelelanisa Nami bengathandi nokusondela Kimi uma ngiza emhlabeni ngoba abazimisele ukuzifaka engozini kodwa kunalokho bafuna ukugcina impilo yoxolo emndenini ukuze “bajabule emhlabeni.” Kodwa ngeke ngivumele isintu senze esikuthandayo, ngoba into engiyizele lapha yikho kanye ukubhidliza umndeni womuntu. Kusuka emzuzwini wokufika Kwami, uxolo emakhaya abo luzothikamezeka. Ngizochitha zonke izizwe, ngingasayibali imindeni. Ubani ongaphunyula esandleni Sami? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathola izibusiso bangaphunyuka ngenxa yokungazimiseli kwabo? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathola isijeziso bangathola uzwelo ngenxa yokwesaba kwabo? Emazwini Ami onke, abantu bayibonile intando Yami nezenzo Zami, kodwa ubani ongaphunyula kulesi sihibe semicabango yakhe? Ubani ongathola indlela yokuphuma phakathi noma ngaphandle kwamazwi Ami?

Abantu bakuzwile ukufudumala kwami, bangisebenzele ngeqiniso, futhi bengilalela ngeqiniso bangenzela konke naphambi Kwami. Kodwa abantu namuhla abakwazi ukukufeza lokhu; abenzi lutho olunye ngaphandle kokukhala emoyeni wabo sengathi bebiwe yimpungushe elambile, futhi bangibuka nje ngokuphelelwa amandla, bengikhalela becela usizo. Kodwa ukusuka ekuqaleni ukuya ekugcineni, abakwazi ukuzikhipha enkingeni. Ngijeqeza emuva ukuthi abantu kudala bebezenza kanjani izethembiso phambi Kwami, befungela ukuphela komhlaba phambi Kwami, ukukhokhela ukulunga Kwami ngothando lwabo. Bakhale kalusizi phambi Kwami, umsindo wokukhala kwabo ubuphula inhliziyo ungabekezeleki. Ngangivamise ukubaseka ngenxa yentando yabo. Abantu beze phambi kwami izikhathi eziningi ukuzongihlonipha, kanti ukuziphatha kwabo okuhle kuyakhumbuleka. Izikhathi eziningi beza ukuzongithanda ngokholo olungantengezeli, kanti imizwa yabo yeqiniso iyababazeka. Kaningi, babeka izimpilo zabo engcupheni ukungithanda, ukuthanda Mina ngaphezu kwabo, ngokubona ukuba neqiniso kwabo, ngalwamukela uthando lwabo. Kaningi bazinikela phambi Kwami, kungakhathaleki nasekufeni ngenxa Yami, ngasusa ukukhathazeka ebusweni babo ngalinganisa ubuso babo ngokucophelela. Kube nezikhathi ezingebalwe lapho ngabathanda khona njengegugu Kimi, kanti kube nezinye lapho ngabazonda khona njengesitha Sami. Nginjalo-ke Mina—bangeqagele okusengqondweni Yami. Uma abantu bedabukile, ngiyabaduduza, uma bebuthakathaka ngiyabasiza. Uma belahlekile ngibakhombisa indlela. Uma bekhala ngesula izinyembezi zabo. Nakuba kunjalo, Mina uma ngidabukile abanakungiduduza ngezinhliziyo zabo? Uma ngikhathezeke kakhulu, ubani onozwelo ngemizwa Yami. Uma ngidabukile, ubani ongasusa ubuhlungu engibuzwayo? Uma ngidinga omunye, ubani ongazinikela ukusizana Nami? Kwenzeka kanjani ukuthi ukuziphatha kwabo okwedlule Kimi kulahlekile angeke kusabuya? Kungani kube sengathi abasakhumbuli lutho? Kungani kube sengathi abantu bakukhohliwe konke lokhu? Akwenziwa ukuthi abantu bakhohlakaliswe yizitha zabo?

Uma izingelosi zidlala umculo nezinto ezikhahlazwayo zawo zingidumisa, angikwazi ukungabi nozwelo kumuntu. Ngizizwa ngidabuke kakhulu enhliziyweni Yami, futhi kunzima ukususa lobu buhlungu. Ekujabuleni nasekudabukeni Kwami, ukuhlukana nokuhlangana futhi nabantu, angikwazi ukungakhumbuli. Sihlukene ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi, asikwazi ukuhlangana njalo. Ubani ongaphunyuka enkumbulweni? Ubani ongayeka ukukhumbula okwedlule. Ubani ongefise ukucabanga ngokuqhubeka kwemizwa emnandi edlule? Ubani ongelindele ukubuya Kwami? Ubani ongafisi ukuhlangana nabantu? Inhliziyo ikhathazeke kakhulu, kanti imimoya yabo ikhathazeke kakhulu. Yize sifana emoyeni yethu, asikwazi ukuhlala sindawonye, kanti angeke sikwazi ukuhlala sibonana. Ngalokho impilo yabo bonke abantu yoniwe kakhulu kanti iyantula ekugcineni komzimba njengoba belokhu be langazelela Mina. Kube sengathi izinto ezilahlwe ezulwini, bekhala bebiza igama Lami emhlabeni, bebhekise amehlo abo Kimi ukusuka emhlabeni—dwa bangaphunyuka kanjani emlonyeni wempungushe ehahayo? Bangazikhulula kanjani ekusatshisweni nasekulingweni yiyo? Abantu bangahlala kanjani bangazinikeli ngenxa yokulalela ilungiselelo lohlelo Lwami? Uma benxusa kakhulu, ngiyabafulathela, angisafuni ukubabona; kodwa ngingahlala kanjani ngingezwa ukukhala kwabantu abanjalo? Ngifuna ukulungisa ukungalungi kwabantu emhlabeni. Ngizozenzela Mina umsebenzi Wami emhlabeni jikelele, nginqabe ukuthi uSathane alimaze abantu Bami futhi, nginqabe ukuthi isitha senze intando yaso. Ngizoba yiNkosi emhlabeni ngimukise isihlalo sami sobukhosi lapho, ngenze ukuthi zonke izitha ziwele phansi zivume amacala azo phambi Kwami. Osizini lwami luxube nentukuthelo, ngizowunqoba umhlaba wonke, ngingashiyi noyedwa, ngenze zonke izitha zingesabe. Ngifuna ukwenza umhlaba ube ngamanxiwa, lapho zonke izitha zizoba khona, ukuvimba ukuthi zingabhebhethekisi inkohlakalo kubantu. Icebo Lami limisiwe, akekho noma ngabe ubani ongaliguqula. Njengoba ngintanta phezu komhlaba ngichachaza, sonke isintu sizokwenziwa kabusha, zonke izinto zizovuselelwa. Angeke besalila, besangikhalela ukuba ngibasize. Inhliziyo Yami izothakasa, abantu bazobuya bejabulile Kimi. Umhlaba jikelele, ukusuka phezulu ukuya phansi uzogobhoza injabulo …

Namuhla emazweni ahlukene, ngenza umsebenzi engangihlose ukuwufeza. Ngiya kubo bonke abantu, ngenza wonke umsebenzi Wami njengoba kuhleliwe, futhi sonke isintu sihlukanisa izizwe ezihlukahlukene ngokwentando Yami. Abantu abaphansi bagqolozele lapho beya khona, njengoba usuku lusondela namacilongo ezingelosi esekhalile. Akuseyikuba nakulibazisa emahoreni nasezinsukwini, zonke izinto zizoqala ukudansa ngenjabulo enkulu. Ubani ongelula usuku Lwami ngokuthanda kwakhe? Kungaba ngowasemhlabeni? Kungaba izinkanyezi esibhakabhakeni noma izingelosi? Uma ngikhuluma izwi ngiqala insindiso yabantu bakwa-Isirayeli, usuku Lwami luyasondela kubo bonke abantu. Wonke umuntu wesaba ukubuya kuka-Israyeli. Uma ebuya, kuzoba usuku Lwami lwenkazimulo, lapho zonke izinto zizoguquka zibe zintsha. Njengoba ukwahlulela okulungile kuzobe kugubuzele wonke umhlaba, bonke bethukile bayesaba, ngoba emhlabeni wabantu ukulunga akwaziwa. Uma ilanga lokulunga livela, iMpumalanga izokhanyisa, ikhanyise umhlaba wonke, kufinyelele kuwonke wonke. Uma umuntu angenza ukulunga Kwami, engesaba ini? Bonke abantu Bami balinde usuku lokubuya Kwami, bezindla ngokuza kosuku Lwami. Balinde ukuba ngivuze bonke abantu nginqume lapho bezophelela khona njengelanga lokulunga. Umbuso wami uyakheka phezu kwamazulu nomhlaba wonke, kanti isihlalo Sami sobukhosi sizuza izinhliziyo zezigidigidi zabantu. Ngokusizwa izingelosi, umsebenzi Wami omkhulu masinyane uzofezeka ngempumelelo. Zonke izixuku zamadodana nabantu Bami, zilinde ngentshisekelo ukubuya Kwami, bezindla ngokuhlangana Kwami nabo, singazophinde sehlukane futhi. Kwenzeka kanjani ukuthi isizwe sonke sombuso Wami singagxumagxumi ngenjabulo ndawonye ngokuba nabo Kwami? Ngabe lokhu ukuhlangana okuyize? Ngiyahlonipheka emehlweni abo bonke, ngimenyezwa emazwini abo bonke. Uma ngibuya, ngaphezu kwalokho, ngizonqoba wonke amabutho esitha. Sifikile isikhathi! Ngifuna ukuqala umsebenzi Wami, Ngifuna ukubusa ngaphezulu kwabantu! Ngiyabuya! Ngiyahamba! Yilokho okulindwe ngabantu bonke, lokho abafisa kwenzeke. Ngiyokwenza ukuthi sonke isintu sibone ukufika kosuku Lwami, bese samukela ngenjabulo ukufika kosuku Lwami!

kuMbasa 2, 1992

Okwedlule: Isahluko 26

Okulandelayo: Isahluko 28

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp