Isahluko 22

Umuntu uphila phakathi kokukhanya, kodwa akabuboni ubugugu bokukhanya. Akasinaki isimo sokukhanya, nesomthombo wokukhanya, futhi ngaphezu kwalokho, kulowo okungokwakhe. Lapho ngethula ukukhanya phakathi kwabantu, ngokushesha ngihlola izimo phakathi kwabo: Ngenxa yokukhanya, bonke abantu bayaguquka, bayakhula futhi babushiyile ubumnyama. Ngiye ngabheka wonke amagumbi omhlaba, futhi ngabona ukuthi izintaba zihaqwe yinkungu, ukuthi amanzi ayiqhwa ngenxa yamakhaza, nokuthi ngenxa yokufika kokukhanya, abantu babheka eMpumalanga ukuze bathole okuthile okuyigugu kakhulu—kodwa umuntu uhlala engakwazi ukwehlukanisa indlela ecacile phakathi kwenkungu. Ngenxa yokuthi umhlaba wonke umbozwe inkungu, uma ngibheka emafwini, ubukhona Bami abubonakali kumuntu; umuntu ufuna okuthile emhlabeni, ubukeka ecingisisa, kubonakala sengathi yilokho akuhlosile, ukulindela ukuza Kwami—kodwa akalwazi usuku Lwami, angabuka nje ukukhanya okuvela eMpumalanga. Phakathi kwabo bonke abantu, ngifuna labo abafuna inhliziyo Yami ngeqiniso, ngihamba phakathi kwabo bonke abantu, ngihlale phakathi kwabo bonke, kodwa umuntu uphephile emhlabeni, ngakho abekho abafuna inhliziyo Yami ngempela. Abantu abazi ukuthi bayenze kanjani intando Yami, abaziboni izenzo Zami, futhi abakwazi ukunyakaza ekukhanyeni bakhazinyuliswe yikho. Noma umuntu elokhu ewazisa amazwi Ami, akakwazi ukubona amaqhinga kaSathane okukhohlisa; ngenxa yokuthi isiqu somuntu sincane kakhulu, akakwazi ukwenza ngendlela inhliziyo yakhe efisa ngayo. Umuntu akaze angithande ngokweqiniso. Uma ngimphakamisa, uzizwa engafaneleki, kodwa lokhu akumenzi ukuba azame ukungenelisa. Uvele abambe “indawo” engimnike yona ezandleni zakhe ayihlolisise, akanazwela ebuhleni Bami, kodwa kunalokho uyakhukhumala yizibusiso zesiteshi sakhe. Ingabe lokhu akubona ubuthaka bomuntu? Uma izintaba zinyakaza, zingakugwema ukuza la ukhona? Uma amanzi egeleza, angema phambi kwendawo yomuntu? Ingabe izulu nomhlaba kungahlehliswa yindawo yomuntu? Ngike ngaba nesihawu kumuntu, kaningana impela—kodwa akekho ongazisayo noma owenza lokhu igugu, bavele balalele njengendaba, noma bafunde sengathi bafunda inoveli. Ingabe amazwi Ami awayithinti inhliziyo yomuntu? Ingabe amazwi Ami awanamphumela? Ingabe kungenxa yokuthi akekho okholelwa ekubeni khona Kwami? Umuntu akazithandi, kunalokho uhlangana noSathane ukungihlasela, asebenzise uSathane “njengempahla” yokungisebenzela. Ngizongena kuwo wonke amaqhinga kaSathane, nginqande abantu emhlabeni ukwamukela ukukhohliswa nguSathane, ukuze bangangiphikisi ngenxa yokuba khona kukaSathane.

Embusweni, ngiyiNkosi—kodwa kunokuba bangiphathise okweNkosi yabo, abantu bangiphathisa okoMsindisi owehle evela ezulwini. Ngakho, ulangazelela ukuba ngimuphe izipho, kodwa akalandeleli ukungazi. Abaningi bakhalile phambi Kwami njengesinxibi; abaningi bangivulele ‘amasaka’ bangincenga ukuba ngibaphe ukudla ukuze baphile; abaningi bagxilise amehlo abo anomhobholo Kimi, njengezimpisi ezilambile, befisa ukungidla bangiqede bagcwalise izisu zabo; abaningi bagebise amakhanda abo ngokuthula ngenxa yezono zabo futhi babe namahloni, bekhulekela umusa Wami, noma ngokuzimisela bamukele isijeziso Sami. Uma ngikhuluma, ubuwula obehlukene bomuntu obumagalisayo, kanti isimo sakhe sangempela siyavezwa phakathi kokukhanya, futhi ekukhanyeni okukhazimulayo, umuntu akakwazi “ukuzixolela.” Ngakho, uyashesha ukuza ngaphambi Kwami ukuzoguqa avume izono zakhe. Ngenxa “yokwethembeka” komuntu, ngiyaphinda ngimbizele enqoleni yempi yensindiso, ngalokho umuntu uyabonga Kimi, angibheke ngeso lothando. Kodwa usenqaba ukukhosela Kimi ngeqiniso, futhi akakanginikezi inhliziyo yakhe ngokuphelele. Uyaqhosha nje Ngami, kodwa akangithandi ngeqiniso, ngoba akakabhekisi ingqondo yakhe Kimi; umzimba wakhe uphambi Kwami, kodwa inhliziyo yakhe ingemva Kwami. Ngenxa yokuthi ukuqonda imithetho komuntu kuyentula kakhulu futhi akanayo intshisekelo yokuza ngaphambi Kwami. Ngimnikeza “ukwesekwa” okufanele ukuze aphendukele ngaKimi phakathi kokungazi okukhulu. Lokhu kungenxa yomusa engiwunikeza umuntu nendlela engizama ukusindisa ngayo umuntu.

Abantu emhlabeni wonke babungaza ukufika kosuku Lwami, nezingelosi zihamba phakathi kwabantu Bami. Uma uSathane edala inkinga, izingelosi ngenxa yomsebenzi wazo ezulwini, zihlala zisiza abantu Bami. Abakhohliswa uSathane ngenxa yobuthakathaka bomuntu, kodwa ngenxa yokuhlaselwa yimisebenzi yobumnyama, bazama ngokwengeziwe ukuhlangana nempilo yomuntu enkungwini. Bonke abantu bazithoba ngaphansi kwegama Lami, futhi akekho ovelayo ukuba angiphikise. Ngenxa yemisebenzi yezingelosi, umuntu wamukela igama Lami futhi konke kuphakathi kohide lomsebenzi Wami. Umhlaba uyawa! IBhabhiloni alikwazi kwenza lutho! Umhlaba wenkolo—ungahlala kanjani ungabhujiswa ngamandla Ami emhlabeni? Ubani osalokotha ukungangilaleli nokungiphikisa? Ababhali? Zonke izikhulu zenkolo? Ababusi nabasemagunyeni emhlabeni? Izingelosi? Ubani ongabungazi ukuphelela nokwenela komzimba Wami? Phakathi kwabo bonke abantu, ubani ongaculi amaculo Ami angaphezi, ubani ojabule ngokungapheli? Ngihlala emhlabeni wekhaya likadrako omkhulu obomvu, kodwa lokhu akungenzi ukuba ngithuthumele ngokwesaba noma ngibaleke, ngoba bonke abantu bakhe sebeqalile ukumenyanya. Akukaze kube khona “umsebenzi” wanoma yini owenziwa phambi kukadrako; kunalokho, zonke izinto zenza njengokubona kwazo, leyo naleyo iya lapha iya khona. Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angashabalali? Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angawi? Kungani abantu Bami bengahalalisi? Kungani bengaculi ngenjabulo? Ingabe lokhu kungumsebenzi womuntu? Ingabe ngumsebenzi wezandla zomuntu? Nginikeze umuntu imvelaphi yakhe, ngamnikeza izinto ezenziwe ngezandla, kodwa umuntu akakeneli ngesimo sakhe samanje ucela ukungena embusweni Wami. Kodwa angangena kanjani embusweni Wami kalula kanjalo, ngaphandle kokukhokhela intengo, nokungazimiseli ukunikela ngokuzinikela okungenabumina? Kunokufuna okuthile kumuntu, ngenza izidingo kuye, ukuze umbuso Wami emhlabeni ugcwale inkazimulo. Umuntu ubelokhu eholwa Yimi ukuya enkathini yamanje, ukhona ngalesi simo, futhi uphila phakathi kokuholwa ukukhanya Kwami. Uma bekungenjalo, ubani phakathi kwabantu emhlabeni ongazi amathemba abo? Ubani ongaqonda intando Yami? Ngifaka imihlinzeko Yami ezidingweni zomuntu; ingabe lokhu akuhambelani nemithetho yemvelo?

Izolo niphile phakathi komoya nemvula, namuhla ningene embusweni Wami naba ngabantu bawo, kanti kusasa nizojabulela izibusiso Zami. Ubani oke wacabanga ngezinto ezinjalo? Bungakanani ubunzima nobulukhuni ozobazi empilweni yakho, ingabe niyazi? Ngiyaqhubeka phakathi komoya nemvula, futhi ngichithe iminyaka ngeminyaka phakathi kwabantu, lokho kulandelwa usuku lwanamuhla. Ingabe lezi akuzona izinyathelo zohlelo Lwami lokuphatha? Ubani oke wengeza ohlelweni Lwami? Ubani ongasuka ezinyathelweni zohlelo Lwami? Ubani ongasuka ezinyathelweni zecebo Lami? Ngiphila ezinhliziyweni zamakhulu ezigidigidi zabantu, ngiyiNkosi phakathi kwamakhulu ezigidi zabantu, kanti ngilahlwe futhi ngazondwa amakhulu ezigidi zabantu. Umfanekiso Wami awukho ngempela enhliziyweni yomuntu. Umuntu ubuqonda kalufifi ubuso Bami benkazimulo emazwini Ami, kodwa ngenxa yokuphazamiseka emcabangweni wakhe, akayethembi imizwa yakhe; kukhona nje Mina ongaqondakali enhliziyweni yakhe, kodwa akuhlali lapho isikhathi eside. Ngakho, uthando lwakhe Ngami lunje: uthando lwakhe Ngami luyaguquguquka, sengathi umuntu ngamunye ungithanda ngokwenhliziyo yakhe, sengathi uthando lwakhe lungena luphuma endaweni ngaphansi kokukhanya kwenyanga okunenkungu. Namuhla, kungenxa nje yothando Lwami ukuthi umuntu aphile futhi abe nenhlanhla enhle yokuziphilisa. Uma bekungenjalo, ubani phakathi kwabantu obengeke, ngomphumela womzimba wakhe owohlokayo, ashaywe phansi ukukhanya okubomvu? Umuntu ukakazazi. Uyaziveza ngaphambi Kwami, angiqhoshele lapho ngemva Kwami, kodwa akekho ongalokotha “angiphikise” phambi Kwami. Noma kunjalo, umuntu akayazi incazelo yalokho okuphikisayo engikhuluma ngakho; kunalokho, ulokhu ezama ukungikhohlisa, elokhu eqhubeka eziphakamisa—ngalokhu, ingabe akangiphikisi esidlangalaleni? Ngiyakubekezelela ubuthakathaka bomuntu, kodwa anginaso isihawu nakancane uma kufika ekuphikiseni okwenziwa ngumuntu ngokwakhe. Yize eyazi incazelo yakhona, akazimisele ukwenza ngokuhambisana nale ncazelo bese enza nje ngokuthandwa nguye, engikhohlisa. Ngiyacacisa ngesimilo Sami njalo emazwini Ami ngaso sonke isikhathi, kodwa umuntu akakabuyisani nokunqotshwa—ngaso leso sikhathi, uveza isimilo sakhe. Phakathi kokwahlulela Kwami umuntu uzokholwa ngokuphelele, futhi naphakathi kokujezisa Kwami uzogcina ebe ngumfanekiso Wami futhi abe yisibonakaliso Sami emhlabeni!

kuNdasa 22, 1992

Okwedlule: Isahluko 21

Okulandelayo: Isahluko 23

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp