Isahluko 36

Konke kuhlelwa yisandla Sami. Ngubani onesibindi sokwenza njengokuthanda kwakhe? Ngubani ongakuguqula kalula? Abantu bazintantela emoyeni, behamba nothuli njengokuhamba kwalo, ubuso babo bungcolile, bubenza babe babi kusukela ekhanda kuya ozwaneni. Ngibuka ngisemafini ngenhliziyo esindayo: Kungani umuntu, obephuphuma umfutho, ephenduke waba nje? Kungani-ke engakunakile lokhu, elukhuni futhi ngakho? Kungani “ezidedela ahambe” bese ezivumela ukuthi embozwe ukungcola? Lokho kungukungabi naluthando kwakhe nokungazihloniphi yena uqobo. Kungani umuntu ekubalekela lokho engikucelayo? Ngabe ngempela anginaluzwelo futhi anginabuntu kuye? Ngabe angenzi ngempela ngokusemthethweni futhi angenzi ngokwamukelekayo? Kungani manje abantu njalo bengibuka ngamehlo athe njo? Kungani bevama ukungizonda? Ngabe sengibafikise ekugcineni komgwaqo na? Umuntu akakaze athole lutho ekusolweni Kwami, ngoba akenzi lutho ngaphandle kokuthwala ijoka emqaleni wakhe ngazo zombili izandla, amehlo womabili enamathele Kimi, kungathi iso lakhe liqaphele isitha—kukulesi sikhathi kuphela lapho ngizwa khona ukubuna kwakhe. Kungenxa yalokhu ukuthi ngithi akekho oseke wema waqina phakathi kwezilingo. Ngabe ubunjalo bomuntu abunjena ngokupheleleyo? Ngabe ngidinga ukumtshela izinombolo “zesikali” saKhe? “Ubude” bomuntu abedluli obomswenya ohuquzela enhlabathini, futhi “isifuba” sakhe singangobubanzi besenyoka. Kulokhu, angimenzi omncane umuntu—akuzona izinombolo ezifanele ubunjalo bakhe lezi? Ngabe ngimehlisile umuntu? Umuntu ufana nengane edlalayo. Kunezikhathi lapho edlala khona nezilwane, nokho alokhu ejabule; enjalo nje ufana nekati, uphila impilo engenakunaka nengenakukhathazeka. Mhlawumbe kungenxa yesiqondiso sikaMoya, mhlawumbe iqhaza likaNkulunkulu ezulwini, ukuthi ngizwa ngikhathele ngokujulile ngenxa yempilo yabantu yokusaphaza emhlabeni. Ngenxa yempilo yomuntu—efana neyencelebana—kukhuphukile ngandlela thile “ukuthanda” Kwami amazwi athi “impilo yomuntu”, ngakho seNgithe ukwengeza kancane endleleni “engiyihlonipha” ngayo impilo yomuntu. Ngokuba bekuyobonakala sengathi ngumuntu kuphela okwazi ukwakha impilo enenjongo, kanti angikwazi ukukwenza lokhu. Ngakho angikwazi ukuhlehla ngibuyele “ezintabeni,” ngokuba angikwazi ukuhlangabezana ngiphinde ngiqaphele ubunzima kubantu. Nokho umuntu uyangiphoqa—akukho okunye engingakwenza! Ngingakwazi ukulalela uhlelo lomuntu, ukubuyekeza okuhlangenwe nakho ndawonye kanye naye nokungena empilweni yomuntu kanye naye. Ngisezulwini, ngake ngabuka idolobha lonke, nangaphansi kwezulu, ngake ngabuka amazwe wonke. Nokho, akekho owake wangibona, bezwa kuphela umsindo wokunyakaza Kwami ngenkathi ngizulazula. Emehlweni abantu, ngiyafika futhi ngihambe ngaphandle kokubonakala. Kungathi sengiyisithombe esingabonakali ezinhliziyweni zabo, bebe bengakukholwa lokho abantu. Ingabe konke lokhu akuwona amaqiniso afakazelwa umlomo womuntu? Kulokhu, ngubani ongakwamukeli ukuthi kumele basolwe? Bangakwenza yini abantu ukuthi baphakamisele amakhanda phezulu ngale kobufakazi obuqinile?

Ngenza “isivumelwano sebhizinisi” nomuntu, Ngisula konke ukungabi msulwa kwakhe kanye neziphambeko zakhe, futhi ngalokho “ngiyamlungisa” ukuze afune ukulandela inhliziyo Yami. Nokho, kumqoka ukuthi umuntu abe nokubambisana kuleli banga lomsebenzi, ngokuba njalo uyagxuma uyaphakama uya le nale njengenhlanzi esanda kubanjwa. Ngakho, ukuze ngivike izingozi, ngabulala zonke “izinhlanzi” ezasezibanjiwe, emva kwalokho zalalela izinhlanzi, kazangaba nakukhononda ngisho okuncane. Umuntu ngenkathi ngimdinga, uhlala ecashile. Kungathi akakaze abone izehlakalo ezethusayo, kungathi wazalelwa emakhaya akazi lutho ngezindaba zedolobha. Ngifaka ukuhlakanipha Kwami ezingxenyeni zomuntu lapho kunokusilelayo khona, Ngenze ukuthi angiqonde Mina; ngokuthi umuntu uyahlupheka kakhulu, ngizifikela Mina mathupha kumuntu ngimuphe “indlela eya ebunkinseleni,” ngimenze avule amehlo akhe. Ngalokhu, akukhona yini ukuthi ngiyamsindisa? Akulona yini uzwelo lomuntu lolu Kimi? Akukhona yini ukupha kothando okungenamibandela? Ingabe inzondo iwukusola? Ngichazile kumuntu ngezindlela ezahlukahlukene, kodwa lokhu ukuthatha njengamazwi nezimfundiso. Kungathi amazwi Ami ayizimpahla ezonakele, ezithengiswa ezandleni zomuntu njengezilahlwayo. Ngakho, uma ngitshela abantu ukuthi kuza isichotho esikhulu esizomboza idolobhana elisezintabeni, akekho okucabangayo lokho, bambalwa kubo abasusa amakhaya abo, nabo izinhliziyo zibe zimathintanyawo. Abanye abanyakazi, kungathi akuguquki lutho, kungathi ngiyinkonjane esibhakabhakeni—akukho abakuqondayo kwengikushoyo. Kungenkathi izintaba ziwa nomhlaba uhlukana phakathi kuphela lapho abantu bekhumbula khona amazwi Ami, kuba yileso sikhathi kuphela lapho bevuka khona emaphusheni, kodwa sisuke sesifikile isikhathi, sebegwinywa yizikhukhula ezinkulu, imizimba yabo seyintanta phezu kwamanzi. Ngokubona usizi emhlabeni, ngihosha umoya ngiwubhekise enhlanhleni yomuntu. Ngisebenzise esiningi isikhathi, futhi ngizidele kakhulu, ngenxa yokudalelwa komuntu. Emiqondweni yabantu, anginazo izisihla zezinyembezi—kodwa kiMina, lokhu “kwethuka” okungenazisihla zezinyembezi, sekumkhalele izinyembezi eziningi umuntu. Umuntu, nokho, akazi lutho ngalokhu, umane udlala ngamathoyisi ezandleni zakhe esemhlabeni, njengokungathi kangikho. Ngakho, ezimeni zanamuhla, abantu njalo kabanaluzwelo futhi banobuhlakani obubuthuntu, “basaphenduke iqhwa” ezindaweni ezingaphansi, kungathi balele emgedeni. Uma ngibona izenzo zabantu, into engiyikhethayo ukuhamba …

Emehlweni abantu, ngenze okuningi okuhle kumuntu, ngakho babuka Mina njengesibonelo esikhathini samanje. Nokho abakaze bangithathe njengoMbusi wokudalelwa komuntu kanye noMdali wezinto zonke. Kungathi abangiqondi Mina. Nakuba abantu bake bakhala bethi “Makuhlale njalo ukuqonda,” akekho ochitha isikhathi esiningi ecwaninga igama elithi “ukuqonda,” okukhombisa ukuthi abantu abanayo intshisekelo yokungithanda. Ezikhathini zanamuhla, abantu abakaze bangithathe njengomcebo kubo, anginandawo ezinhliziyweni zabo. Bangakwazi yini ukungikhombisa uthando lweqiniso ezinsukwini ezizayo zenhlupheko? Ubumnene bomuntu bulokhu buyinto engenasakhiwo, buyinto engabonakali engathinteki. Engikufunayo yinhliziyo yomuntu, ngokuthi emzimbeni womuntu inhliziyo yiyo into eyigugu kakhulu. Ngabe izenzo Zami kazikulingani ukukhokhelwa ngenhliziyo yomuntu? Kungani abantu benganginiki izinhliziyo zabo? Kungani njalo bezigona emabeleni abo, bengafuni nokuzidedela? Iyakwazi na inhliziyo yomuntu ukuqinisekisa ukuthula nenjabulo kuyo yonke impilo yabantu? Kungani, uma ngicela izinto kubantu, bethatha uthuli ngezandla zabo enhlabathini balujikijele Kimi? Ingabe leli icebo lobuqili bomuntu? Kungathi bazama ukuqinela umuntu odlulayo ongazi ukuthi uya kuphi, bemhehela emuva ekhaya labo, lapho befika khona baveze ububi babo bambulale. Abantu futhi bafune ukwenza izinto ezinjalo Kimi. Kungathi bangumbulali ozobulala umuntu ngaphandle kokucwayizisa iso, kungathi bayinkosi yawodeveli, okukubo ukuba yimvelo ukubulala abantu. Kodwa manje abantu beza phambi Kwami, besafuna ukusebenzisa lezo zindlela—kepha benawo amasu abo, kanti Mina nginezami izindlela zokumelana nezabo. Nakuba abantu bengangithandi, ngingaziveza kanjani izindlela Zami eziphikisa ezabo obala ngalesi sikhathi? Nginekhono elingapheli, elingenakulinganiswa lokuphatha umuntu; yonke ingxenye yakhe iphethwe Yimi uqobo, futhi ilungiswa Yimi. Ekugcineni, ngizokwenza umuntu abekezelele ubuhlungu bokuhlukana nalokho akuthandayo, futhi ngimenze athobele izinhlelo Zami, ngaleso sikhathi-ke, abantu bazokhononda ngani? Akukhona yini ukuthi konke engikwenzayo ngikwenzela umuntu? Ezikhathini ezedlule, angikaze ngimtshele umuntu ngezinyathelo zomsebenzi Wami—kepha namuhla, esikhathini esingafani nesedlule, ngokuthi okuqukethwe wumsebenzi Wami kwehlukile, ngibatshelile abantu ngomsebenzi Wami ngaphambi kwesikhathi ukubavimbela bangawi ngesizathu salokhu. Akuwona yini umjovo engimhlabe ngawo umuntu lona? Ngokwesizathu esingaziwa, abantu abazange bawanake ngokujulile amazwi Ami; kungathi kunokulamba eziswini zabo kanti abakhethi kwabakudlayo, okwenze izisu zabo zangaba nawo amandla. Nokho abantu bathatha “isimo sempilo yabo” njengemali benganaki iziyalo “zikadokotela”. Ngokubona ukunganyakaziseki kwabo, ngizithola ngiphatheka kabi ngomuntu. Ngokuthi abantu abavuthiwe, futhi basamelwe ukuzwa impilo yomuntu, abanakho ukwesaba; ezinhliziyweni zabo, amagama athi “impilo yomuntu” awekho, abawanaki, bamane bakhathale ngamazwi Ami, njengokungathi ngiyisalukazi esihhemayo. Isiphetho, noma ngabe kwenzekani, ngethemba ukuthi abantu bangayiqonda inhliziyo Yami, ngoba anginayo inhloso yokuthumela umuntu ezweni lokufa. Ngethemba ukuthi umuntu angaqonda umuzwa enginawo kulesi sikhathi, futhi acabangele ngokunembile umthwalo engiwuthwele ngalesi sikhathi.

uNdasa 26, 1992

Okwedlule: Isahluko 35

Okulandelayo: Isahluko 37

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp