Isahluko 35

Ngiqalile ukwenza umsebenzi Wami esintwini, ngivumela abantu ukuthi bahlale emgudwini owodwa Nami. Lapho ngiqeda umsebenzi Wami, ngizobe ngisephakathi kwesintu, ngoba bayilokho okuphathwayo kulo lonke uhlelo Lwami lokuphatha, futhi kuyisifiso Sami ukuthi babe yizingcweti ezintweni zonke. Ngakho, ngiyaqhubeka nokuhamba phakathi kwesintu. Njengoba isintu singena kanye Nami enkathini yamanje, ngizwa ngikhululekile, ngoba ijubane lomsebenzi Wami lithe ukuphakama. Bazohambisana kanjani Nami abantu? Sengenze umsebenzi omningi kubantu abandikindiki futhi abayiziwula, kodwa abakazuzi lutho ngenxa yokuthi abangazisi. Sengihlalile phakathi kwabo bonke abantu futhi ngaqaphela konke ukunyakaza kwabo noma ngabe bekuphi, ngaphezulu nangaphansi kwenhlabathi. Bonke labo ababukwa “njengabantu” bamelana Nami, kungathi “ukumelana Nami” kuwumsebenzi womuntu, kube sengathi ukungawenzi lo msebenzi kuzobenza izintandane ezingenamakhaya, ezingathathwanga muntu. Nokho, angibagwebi abantu ngokungemthetho ngokulandela izenzo nokuziphatha kwabo. Kunalokho, ngiyabesekela futhi ngibahlinzeke ngokwesimo sabo. Ngenxa yokuthi abantu yibo ababalulekile kulo lonke uhlelo Lwami lokuphatha, nginikela isiqondiso esengeziwe kulabo abadlala indawo “yomuntu”, ukuze leyo ndawo bayidlale ngenhliziyo ephelele nangekhono labo lonke, futhi ukuze lo mdlalo engingumqondisi wawo ube yimpumelelo enkulu. Yileso isicelo Sami esintwini. Ukube angisithandazelanga isintu, besizokwazi ukudlala indawo yaso? Kungenzeka kube ukuthi ngizokufeza lokho abantu abangicela khona, kodwa bona bangakwazi ukufeza lokho engibacela khona? Kungashiwo ukuthi angisebenzisi amandla Ami ukuze ngibacindezele. Kunalokho, lesi yisicelo Sami sokugcina engisicela kubo ngakho konke ukuzimisela nobuqotho. Ingabe ngempela abakwazi ukwenza engibacela khona? Bengibapha abantu iminyaka eminingi, kepha angikaze ngithole lutho ngalokho. Ngubani oke wangipha utho oluthile? Ngabe igazi Lami, umjuluko, nezinyembezi Zami kufana nenkungu yentaba? Ngiphe abantu “imijovo yokugoma” izikhathi eziningi, futhi ngabatshela ukuthi engikufuna kubo akunzima. Kungani-ke, abantu behlala bengigwema? Ngabe kungoba ngizobaphatha njengamaphuphu, azobulawa nxa ebanjwa? Ngabe nginesihluku nokweswela ubuntu kangako? Abantu bahlala bengilinganisa ngokusebenzisa imibono yabo. Ngabe, njengoba nginjalo emibonweni yabo, ngiyafana nalokho engiyikho ezulwini? Angithathi imibono yabantu njengezinto zokungijabulisa. Kunalokho, ngibona izinhliziyo zabo zinjengezinto zokwaziswa. Nokho, ngiphelelwa yisineke ngonembeza babo, ngoba ngokwabo, Mina uqobo Lwami anginawo. Ngakho nginemibono eminingi ngonembeza babo. Nokho, ngiyenqaba ukubagxeka ngokuqondile onembeza babo; kunalokho, ngiyaqhubeka nokubaqondisa ngesineke kanye nangokuhlelekile. Vele nje, abantu babuthakathaka, futhi abakwazi ukufeza noma yimuphi umsebenzi.

Namuhla, ngingena ngokusemthethweni endaweni yokusolwa okungenamkhawulo, engikuthokzela kanye nabantu. Ngesandla Sami, ngibuye ngikhiphe umyalelo, futhi ngaphansi komyalelo Wami, isintu siziphethe kahle; akekho onesibindi sokumelana Nami. Bonke bangaphansi kokuqondiswa Yimi, benza umsebenzi engibanike wona, ngoba lokhu “kuwumsebenzi” wabo. Phakathi kwazo zonke izinto ezulwini kanye nangaphansi kwezulu, ngubani ongathobeli izinhlelo Zami? Ngubani ongekho esandleni Sami? Ngubani ongayisho indumiso kanye nezincomo ngamazwi Ami nomsebenzi Wami? Abantu bayazithanda izenzo Zami, ngakho bazinikela emgudwini womsebenzi Wami ngenxa yayo yonke iminyakazo Yami. Ngubani ongaphunyula? Ngubani ongasuka emsebenzini engiwuhlelile? Ngenxa yesinqumo sokuphatha Kwami, abantu baphoqelekile ukuhlala; ngaphandle kwalokho, bebeyonyonyoba bahlehle bonke basuke “emgqeni ophambili” babe “ngabahlubuki.” Ngubani ongakwesabi ukufa? Ngabe abantu bangazimisela ngempela badele ukuphila kwabo? Angiphoqeleli muntu, ngoba kade ngaluzuza ulwazi olunzulu ngemvelo yomuntu. Ngakho, bengilokhu ngenza imisebenzi abantu abangakaze bayenze ngaphambili. Ngoba akekho noyedwa ongenza umsebenzi Wami, ngibeke unyawo enkundleni yempi mathupha ukuba ngizibandakanye emzabalazweni wokufa nokuphila noSathane. Kulezi zinsuku, uSathane udlokovula ngokwedlulele. Kungani ngingathathi leli thuba ngibukise ngokugxila komsebenzi Wami ukuze ngambule amandla Ami? Njengoba ngishilo ngaphambili, ngisebenzisa iqhinga likaSathane njengesiqhathaniso Sami; akulona ithuba elihle kakhulu leli? Kumanje kuphela lapho ngiveza khona ukumamatheka okunokwaneliswa, ngoba ngifinyelele emgomweni Wami. Angisezukugijima ngiye le nale ngicela “usizo” kubantu. Ngiyekile ukuyaluza, futhi angisayiphili impilo yomhambuma. Kusukela manje kuya phambili, ngizophila ngokuthula. Abantu, ngokunjalo, bazophepha futhi baphile, ngokuba usuku Lwami lufikile. Emhlabeni, ngibe nempilo yomuntu ematasa, impilo lapho kwenzeke khona ukungabi nabulungiswa okuningi. Emehlweni abantu, ngihlanganyele nabo enjabulweni kanye nasekukhathazekeni kwabo, kanye nasebunzimeni babo. Njengabo abantu, Nami ngokunjalo, ngiphile emhlabeni nangaphansi kwezulu. Ngakho bangibonile njalo njengomuntu odaliwe. Ngenxa yokuthi abantu abangibonanga njengoba nginjalo ezulwini, abakaze bazikhandle egameni Lami. Nokho, esimweni sanamuhla, akukho okunye abantu abangakwenza ngaphandle kokwamukela ukuthi ngiyiNkosi yesiphetho sabo kanye nesikhulumi esikhuluma sisemafini. Abantu ngalokho bathinte inhlabathi ngamakhanda bedumisa phambi Kwami. Ngabe lesi akusona isibonakaliso sokubuya Kwami nginqobile? Ngabe lokhu akukhona ukuvezwa kokunqoba Kwami amabutho anonya? Abantu bonke babe nomuzwa wokuthi umhlaba sewufike ekugcineni, nokuthi isintu sizodlula ekuhlanzweni okukhulu. Nokho, ngeke bakwazi eqinisweni ukwenza engibacela khona ngokuzisukela bona, ngakho abanakho okunye abangakwenza ngaphandle kokukhala ngaphansi kokusola Kwami. Yini engenziwa? Ngubani otshele abantu ukuthi bangalaleli? Ngubani obatshele ukuthi bangene enkathini yokugcina? Kungani bazalelwa emhlabeni wabantu ezinsukwini zokugcina? Konke kuhlelwa futhi kulungiselelwe Yimi uqobo. Ngubani ongakhononda?

Kusukela kudalwa umhlaba, ngizulazulile phakathi kwesintu, ngihlala naso ekuphileni kwaso kwasemhlabeni. Ezizukulwaneni ezedlule, nokho, akukho noyedwa oke wakhethwa Yimi; bonke bachithwe ukuthula Kwami. Lokhu kungoba laba bantu esikhathini esedlule abazange bangisebenzele ngokuzinikela okuphelele; ngakho Nami angizange ngibathande ngokuphelele. Bathathe ‘izipho’ zikaSathane babuya bazethula Kimina. Lokho akukhona yini ukungithunaza? Futhi ngenkathi benza leyo minikelo, angikuvezanga ukwenyanya ebenginakho; kunalokho, ngiguqule icebo ngalisebenzisa ngokunezela lezi “zipho” ezintweni ezisetshenziswa ekuphatheni Kwami. Kamuva, lapho umshini sewuzisebenzile, ngizobe sengishisa yonke imfucuza esele ngaphakathi. Enkathini yamanje abantu abangiphanga “izipho” eziningi, nokho angibathethisi ngalokhu. Laba bantu bebehlala behlupheka futhi bengenalutho esandleni; ngakho, njengoba ngibuqaphele ubunjalo besimo sabo, angizange ngibafune izinto ezingaphezu kokwenza emva kokufika emhlabeni wabantu. Kunalokho, emva kokubanika “izinto,” ngifune “umkhiqizo ophothuliwe” engiwufunayo, ngokuba lena ukuphela kwento ekwazi ukufezwa ngabantu. Sengichithe iminyaka eminingi kakhulu ebunzimeni, ngifunda ukuthi kunjani ukuphila njengomuntu, ngaphambi kokufuna okufanele. Ukuba bengingazange ngizwe impilo yabantu, bengizoziqonda kanjani izindaba abakuthola kunzima ukuzixoxa? Nakuba kunjalo, abantu abakuboni kanjalo lokhu; bamane bathi nginamandla onke, uNkulunkulu uqobo Lwakhe ongaphezu kwemvelo. Lokhu akuwona yini umbono abantu bonke ababe nawo emlandweni wonke, abasawuphethe nanamuhla? Ngithe emhlabeni, akekho onokungazi ngeqiniso nangokuphelele. Lokhu engikuphawulayo kunemiphumela yakho; akukhona nje ukukhuluma okungenalutho. Ngihlangabezane nakho ngaphinda ngakuqaphela lokhu ngoKwami, ngakho nginakho ukuyiqonda imininingwane yakho. Ukuba kangehlanga ngeza emhlabeni wabantu, ngubani obezoba nethuba lokungazi? Ngubani obezolalela amazwi Ami ngokwakhe? Ngubani obengabona isiqu Sami kubo? Kusukela endulo, bengilokhu ngifihlekile emafini. Ngibikezele ngasekuqaleni ngathi, “Ngizokwehla ngiye emhlabeni womuntu ezinsukwini zokugcina ukuzosebenza njengesibonelo.” Yikho kungabantu banamuhla kuphela abenenhlanhla yokwandisa ulwazi lwabo. Lokhu akuwona yini umusa engiwehlisele kubo? Kungenzeka yini ukuthi bangawuqondi nakancane umusa Wami? Kungani abantu bendikindiki futhi beyiziwula kangaka? Sebehambe ibanga elide kangaka; kungani bengakavuki? Sengibe kulo mhlaba iminyaka eminingi, kodwa ubani ongaziyo? Akumangazi ukuthi ngiyabasola abantu. Kubukeka sengathi bayizinto okumele ngisebenzise igunya Lami kuzo; kubukeka sengathi bayizinhlamvu esibhamini Sami okuyothi, uma ngike ngadubula ngazo, zonke “ziphunyuke”. Abantu bakucabanga kanjalo. Bengihlala ngibahlonipha abantu; angikaze ngidlale ngabo ngokungemthetho noma ngibathengise njengezigqila. Lokhu kungoba angikwazi ukubashiya, nabo abakwazi ukungishiya. Ngakho, sekwakheke isibopho sokuphila nokufa phakathi kwethu. Bengilokhu ngibazisa futhi ngibathanda abantu. Nakuba isintu singakaze singazise, besihlala sibheke Mina, okuyisona sizathu esenza ngiqhubeke nokuzikhandla ngenxa yaso. Abantu ngibathanda njengomcebo Wami, ngenxa yokuthi “bayimali” yokuphatha Kwami emhlabeni; ngakho nakanjani angizukubashabalalisa. Intando Yami kubantu ayisoze yaguquka. Bangakwazi yini ukusethemba ngempela isifungo Sami? Banganganelisa kanjani? Lona umsebenzi obekelwe sonke isintu; “ngumsebenzi wasekhaya” engibanike wona. Kuyithemba Lami ukuthi bonke bazosebenza kanzima ukuba bawuqede.

uMbasa 23, 1992

Okwedlule: Isahluko 34

Okulandelayo: Isahluko 36

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp