Isahluko 38

Kukho konke osekubonwe isintu awukho umfanekiso wami, noma akekho ohola ngamazwi Ami, ngakho ngilokhu ngihlale ngigwema umuntu ngiqhelile ngase ngiyasuka kuye. Ngenyanya ukungalaleli kwesintu. Angazi ukuthi kungani. Kubonakala sengathi ngazonda abantu ukusuka ekuqaleni, kodwa ngiyabazwela kakhulu. Yingakho abantu behlala benezimo zomqondo ezimbili ngami—ngoba ngiyamthanda umuntu, futhi ngiyamzonda. Ubani phakathi kwabantu olunaka nempela uthando Lwami? Futhi ubani onaka ukuzonda Kwami? Emehlweni Ami, umuntu uyinto efile, akaphili, kungathi bayizichuse ezimile phakathi kwazo zonke izinto Ngezinye izikhathi ukungalaleli komuntu kuvusa intukuthelo Yami kuye. Ngenkathi ngisaphila phakathi kwabantu, uma ngivela ngokungazelele bebemamatheka kancane, ngoba bebelokhu bengifuna ngesazelo, kungathi bengidlala nabo emhlabeni. Abakaze bangithathele ekhanda, ngakho ngenxa yendlela abayiyo Kimi angikwazanga ukwenza ngokunye ngaphandle “kokuthatha umhlalaphansi” “ekusebenzeleni” isintu. Kanjalo, ngifuna ukumemezela ukuthi yize “sengithathe umhlalaphansi,” “impesheni” Yami ngeke isilele ngisho nangopeni. Ngenxa “yokuba mkhulu” Kwami “emsebenzini” wesintu, ngiyaqhubeka nokufuna inkokhelo kubo, inkokhelo engikweletwa yona. Yize abantu bengishiyile, bazokubalekela kanjani ukubanjwa Yimi? Ngixegisile ukubamba Kwami kubo kuze kufike ezingeni elithize, ngibavumele ukuba bazitike ngezinkanuko zabo zenyama, ngakho baba nesibindi sokungabambeki, ngaphandle kokuvinjelwa, futhi kungabonakala ukuthi abangithandanga ngeqiniso, ngoba bonke baphila enyameni. Kungenzeka ukuthi uthando lwangempela lunikezwa ukuze kutholakale inyama? Kungenzeka yini ukuthi konke engikucelayo kumuntu “uthando” lwenyama? Uma ngabe kunjalo, umuntu angaba yigugu kanjani? Bonke bawudoti ongenamsebenzi! Ukube bekungekho ngenxa “yamandla Ami angaphezu kwemvelo” okubekezela, ngabe kade ngamshiya umuntu—kungani ngizihlupha ngokuhlala nabo ngivumele “ukuchukuluza” kwabo? Kodwa ngibekezelile. Bengifuna ukufika ekugcineni komsebenzi womuntu. Uma sengiwuqedile umsebenzi Wami emhlabeni ngizonyuka ngiye esibhakabhakeni ngiyokwehlulela “umnikazi” wezinto zonke; lona ngumsebenzi Wami wokuqala, ngoba vele sengimzonda umuntu kakhulu. Ubani ongeke asizonde isitha sakhe? Ubani ongeke asisuse isitha sakhe? Ezulwini, uSathane yisitha Sami, emhlabeni, umuntu yisitha Sami. Ngenxa yenhlangano ephakathi kwezulu nomhlaba, izizukulwana eziyisishiyagalolunye zabo kufanele zithathwe njengezinecala ngokuhlanganyela nabo, akekho ozoxolelwa. Ubani obatshele ukuthi bangivimbele? Ubani obatshele ukuthi bangangilaleli? Kungani abantu bengakwazi ukuhlukana nemvelo yabo endala? Kungani inyama yabo isalokhu iphindaphindeka ngaphakathi kwabo? Konke lokhu kungubufakazi bokwehlulela Kwami umuntu. Ubani ongeke avumelane namaqiniso? Ubani ongathi ukwehlulela Kwami kumbozwa imizwa? Ngihlukile kumuntu, ngakho ngihambile kubo, ngoba angiyena umuntu.

Konke engikwenzayo kungesizathu; uma umuntu “eveza” “iqiniso” Kimi, “Ngiyabaphelezela baye ‘enkundleni yokubulala,’ njengoba icala lesintu likwenele ukufanela ukusola Kwami.” ngoba ukuba necala kwesintu kufanele ukusolwa Kwami. Ngakho angibasoli abantu ngokunganaki; kunalokho, ukusola Kwami njalo kuhlala kuhambisana neqiniso lezono zabo. Kunalokho, isintu ngeke sikhothame sivume icala laso Kimi ngenxa yokuhlubuka kwabo. Bonke abantu bagoba amakhanda abo ngokwenqena ngenxa yesimo samanje, kodwa izinhliziyo zabo zihlala zingaqinisekanga. Nginikeza abantu “ibhariyamu” ukuthi bayiphuze, bese izitho zomzimba ngaphakathi kwabo zikwazi ukubonakala “kulensi”; ubunuku nokungcola esiswini somuntu akupheli. Izinhlobo ezehlukene zokungcola zihamba emithanjeni yabo, bese ubuthi obungaphakathi kwabo buyakhula. Njengoba abantuntu sebephile kanje isikhathi eside sebeze bajwayela futhi akusabethusi. Ngalokho, amagciwane angaphakathi kwabo ayakhula, abe indalo yabo, bese wonke umuntu aphile ngaphansi kokubuswa yiwo. Yikho abantu beyaluza yonke indawo njengamahhashi asendle. Kodwa, abakwamukeli nhlobo lokhu; bavele banqekuzise amakhanda nje ukuze kubonakale ukuvuma kwabo. Iqiniso ukuthi umuntu akalibeki izwi Lami enhliziyweni. Ukube bebethatha izwi Lami njengekhambi, “bebezolandela imiyalelo kadokotela-ke,” bese bevumela ikhambi ukwelapha ukugula okungaphakathi kwabo. Kodwa, enhliziyweni Yami, indlela abaziphatha ngayo ngeke isifezekise lesi sifiso, ngakho-ke, “ngizoyibamba ishisa,” ngiqhubeke ngikhulume nabo. Noma ngabe bayalalela noma cha, Mina ngenza umsebenzi Wami kuphela. Umuntu akazimisele ukuthokozela izibusiso Zami futhi uzozwa ubuhlungu basesihogweni, ngakho akukho okunye engingakwenza ngaphandle kokuthi ngivumele isicelo sabo. Kodwa, ukuze igama Lami noMoya Wami kungahlazeki esihogweni, ngizoqala ngokubayala bese “ngithobela” izifiso zabo, ngikwenzele ukuthi bakwazi ukubona “injabulo ngenhliziyo ephelele.” Angizimisele ngokuvumela umuntu angihlaze ngaphansi kwegama Lami noma kunini noma kuphi, yingakho ngimyala njalo njalo. Ngaphandle kokuvinjwa amagama aqatha engiwakhulumayo, umuntu ngabe useme kanjani phambi Kwami namuhla? Ingabe abantu abagwemi yini isono ngenxa yokwesaba ukuthi ngizohamba? Ingabe akulona iqiniso ukuthi abakhalazi ngenxa yokuthi nje besaba ukusolwa? Ekabani intando eyenzelwa icebo Lami? Bonke abantu bacabanga ukuthi ngingubuNkulunkulu obuntula “izinga lobuhlakani,” kodwa ubani oqonda ukuthi ngiyakwazi ukubona ngale kwayo yonke into ekubantu? Kunjengoba besho abantu, “Usishayelelani isipikili ngesando?” Abantu “bayangithanda”, hhayi ngoba uthando abanalo Ngami lusuka ekuzalweni, kodwa ngoba besaba ukusolwa. Ubani phakathi kwabantu owazalwa engithanda? Ukhona yini ongiphatha njengoba ephatha inhliziyo yakhe? Ngakho ngisonga lokhu ngesisho somhlaba wabantu: Phakathi kwabantu, abekho abangithandayo.

Njengoba ngifuna ukuqeda umsebenzi Wami emhlabeni, senginyuse isivinini somsebenzi Wami ngale ndlela funa abantu babalekele kude Nami, kude kangangokuthi baze bawele olwandle olungenamkhawulo. Kungenxa yokuthi ngibatshele ubuqiniso bezinto kusenesikhathi ukuze bahlale ngokunye beqaphile. Uma kungekona okwalokhu, ubani ozonyusa oseyili uma sebezobhekana nemimoya namagagasi anamandla? Abantu bonke benza umsebenzi wokuqapha. Sekungathi sengiphenduke “isigebengu” emehlweni abo. Basaba ukuthi ngizobaphuca zonke izinto zemizi yabo, bese bonke bema besunduza “iminyango” yabo ngawo wonke amandla abanawo, besaba ukuthi ngingase ngigqekeze. Uma ngibabona beziphathisa okwamagundane angamagwala, ngiyahamba buthule. Emcabangweni womuntu, kubukeka sengathi kuza “inhlekelele” ezweni, bese bonke bebaleka behlakazeka, besaba beqhaqhazela. Kungaleso sikhathi lapho ngibona khona izipoki zizulazula emhlabeni. Angikwazi ukuzibamba bese ngiyahleka, kanti phakathi komsindo wohleko Lwami umuntu uyamangala esabe kakhulu. Kulapho lapho ngibona khona iqiniso, bese ngibamba ukumamatheka Kwami, bese ngingabe ngisawubheka umhlaba, kunalokho ngibuyele ohlelweni Lwami lokuqala. Ngeke ngiphinde ngithathe umuntu njengesibonelo esisebenza njengesampuli yocwaningo Lwami, ngoba abayilutho bawudoti nje. Uma sengibalahlile, ababe besaba namsebenzi walutho—bayizibi nje. Kulesi sikhathi, ngizobabhubhisa ngibaphonse emlilweni. Engqondweni yomuntu, ukwahlulela Kwami, ubukhulu Bami, nolaka Lwami kugcwele umusa Wami nothando nobumnene. Kodwa abazi ukuthi kudala ngabuka ngale kokuba buthaka kwabo, nokuthi kudala ngalubamba uthando nobumnene Bami, yingakho bekulesi simo abakuso manje. Akekho umuntu ongaziyo, futhi ngeke bawaqonde amazwi Ami noma babone ubuso Bami, noma baqonde intando Yami. Ngabe lesi akusona isimo umuntu akuso manje? Pho umuntu angasho kanjani ukuthi nginomusa noma nginothando nobumnene? Anginandaba nobuthaka babo, futhi angibheki ukuntula kwabo. Ngabe lokhu kuseyiwo umusa Wami nothando nobumnene? Ngabe kuseyilo uthando Lwami enginalo ngabo? Abantu bonke bacabanga ukuthi ngikhuluma “amazwi amnandi angenalutho,” ngakho-ke abawakholwa amazwi engiwakhulumayo. Kodwa ubani oqondayo ukuthi “Njengoba lena kuyinkathi ehlukile umusa Wami nothando nobumnene akusekho manje; kodwa ngisenguye uNkulunkulu owenza lokhu akushilo”? Ngiphakathi kwabantu, kanti emiqondweni yabantu bangibona njengoPhakeme Kakhulu, ngakho umuntu ukholwa ukuthi ngithanda ukukhuluma ngobuhlakani Bami. Kanjalo, umuntu uhlala ethatha amazwi Ami nohlamvu lukasawoti Kodwa ubani ongaqonda imithetho enkulumweni Yami? Ubani ongaqonda imvelaphi yamazwi Ami? Ubani ongalinganisa ukuthi yini kahle le engifuna ukuyifeza? Ubani ongabona imininingwane yokuphethwa kwecebo Lami lokuphatha? Ubani ongaba isifuba Sami? Kuzo zonke izinto, ubani ngaphandle Kwami ongaqonda ukuthi ngempela yini le engiyenzayo? Futhi ubani ongazi inhloso yami yokugcina?

uMbasa 30, 1992

Okwedlule: Isahluko 37

Okulandelayo: Isahluko 39

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp