Indlela … (1)

Empilweni yabo, akekho umuntu owaziyo ukuthi hlobo luni lwezingqinamba azohlangabezana nazo, futhi akazi ukuthi ukulungiswa kuniazobhekana nakho. Kwabanye kuba semisebenzini yabo, kwabanye kuba kulokho abazohlangabezana nakho ngelinye ilanga, kwabanye kusemindenini abadabuka kuyo, kanti kwabanye kusemishadweni yabo. Kodwa umehluko kubo wukuthi namuhla thina, leli qembu labantu, sihluphekela izwi likaNkulunkulu. Okusho ukuthi, njengomuntu osebenzela uNkulunkulu, sidlule ezingqinambeni endleleni ekukholweni Kuye, futhi le yindlela elandelwa yibo bonke abakholwayo futhi yindlela esimele sonke. Indlela yethu yokukholelwa kuNkulunkulu ngokusemthethweni iqala kuleli phuzu, sikhanyiseleke ezimpilweni zethu njengabantu, bese singena endleleni eyiyo yokuphila. Okusho ukuthi, yilapho singena endleleni eyiyo kaNkulunkulu, ephilisana nomuntu, ethathwa abantu abajwayelekile. Njengomuntu oma phambi kukaNkulunkulu futhi osebenzela Yena, okungukuthi, umuntu ogqoka izembatho zomphristi ethempelini, ohlonishwa ngokobuThixo, nonegunya futhi onobukhulu bukaNkulunkulu, ngenza lesi simemezelo kubo bonke abantu. Ukukubeka kucace ngokuthe xaxa: Ukukhazimula kobuso bukaNkulunkulu kuyinkazimulo Yami, uhlelo lokuphatha Lwakhe luwumongo Wami. Angifuni ukuzuza okuphindwe kakhulu kumhlaba ozayo, kodwa ukwenza intando kaNkulunkulu kuphela kulo mhlaba ukuze akwazi ukuthokozela ingxenye encane yenkazimulo Yakhe emhlabeni ngenxa yemizamo emincane engiyibeke enyameni. Yilokho kuphela engikulangazelelayo. Ngokombono Wami, lokhu kungummiselo womoya Wami; Ngikholwa ukuthi lokhu kumele kube “amagama okugcina” omuntu ophila enyameni futhi ogcwele imizwa. Le yindlela engizoyihamba namuhla. Ngikholwa ukuthi lombono Wami ungamazwi Ami okugcina enyameni, futhi ngethemba ukuthi abantu abanayo eminye imibono noma imicabango Ngami. Yize ngenze konke okusemandleni Ami, ngisahluleka ukwanelisa intando kaNkulunkulu osezulwini. Ngidabuke ngokungelinganiswe—kungani kuyilokhu okuyingqikithi yenyama? Ngakho, ngenxa yezinto engizenzile ngaphambilini kanjalo nomsebenzi wokunqoba uNkulunkulu awenze Kimi, ima ngithola ukuqonda okujulile ngalokho okuyingqikithi yesintu. Kusukela ngaleso sikhathi ngizibekele umgomo Wami olula: ukufuna ukwenza intando kaNkulunkulu kuphela, ukunikela konke Okwami, futhi kungabi nalutho olusinda unembeza Wami. Ngikushaya indiva lokho okufunwa abanye abasebenzela uNkulunkulu abazibekele kona ngokwabo. Ngamafuphi, ngibeke inhliziyo Yami ekwenzeni intando Yakhe. Lokhu kuwukuvuma Kwami njengesinye sezidalwa Zakhe ezisebenza phambi Kwakhe—umuntu osindisiwe futhi othandwa uNkulunkulu, futhi obhekane nokushaywa Nguye. Lokhu kuwukuvuma komuntu oqaphiwe, wavikelwa, wathandwa, futhi wasetshenziswa kakhulu uNkulunkulu. Kusukela manje, Ngizoqhubeka ngihambe ngale ndlela ngize ngiqede umsebenzi obalulekile uNkulunkulu angethembe Ngawo. Kodwa ngokombono Wami, ukuphela kwendlela sekusemnyango ngoba umsebenzi Wakhe usuphothuliwe, futhi kusukela namuhla abantu sebenze konke abakwazi ukukwenza.

Selokhu izwe laseChina langena kulolu hlelo lokusindiswa, amasonto akhona asendaweni aqala ukukhula kancane kancane, anesisekelo somsebenzi kaMoya Oyingcwele. UNkulunkulu usebenze engaphezi kula mabandla asendaweni ngoba asebe umongo kaNkulunkulu emndenini wobukhoso osebukhotheme. Ngoba uNkulunkulu usungule amabandla asendaweni kumndeni othile, ngaphandle kokungabaza ukhungethwe injabulo—yintokozo engechazeke. Emuva kokusungula amabandla asendaweni ezweni laseChina nasekusabalaliseni izindaba ezinhle kubafowethu nodadewethu abakwamanye amabandla asendaweni emhlabeni wonke, uNkulunkulu wayejabule kakhulu—lokhu kwakuyisigaba sokuqala somsebenzi ayefuna ukuwenza ezweni laseChina. Kungashiwo ukuthi lokhu kwaba isenzo sokuqala, uNkulunkulu akwazi ukusiqala esigabeni sokuqala somsebenzi Wakhe endaweni enjengedolobha lamadimoni angaphikiswe yilutho, yinoma omuphi umuntu—akusiwo amandla amakhulu kaNkulunkulu lawo? Kusobala ukuthi ukuze kusinde lo msebenzi, abafowethu nodadewethu abangebaleke babulalelwe ukholo, befa ngaphansi kommese omkhulu kaSathane. Ukukhuluma ngalokhu manje kuletha usizi olukhulu, kodwa ingxenye enkulu, yezinsuku zenhlupheko seyidlulile. Manje ngingamsebenzela uNkulunkulu, futhi ngikwaze ukufinyelela lapho ngikhona namuhla ngenxa yamandla kaNkulunkulu kuphela. Ngibahlonipha kakhulu labo abakhethwe uNkulunkulu ukuze babulawele ukholo—bakwazile ukwenza intando kaNkulunkulu futhi bazinikelela kuNkulunkulu. Ukukhuluma iqiniso, ukuba bekungeve kungenxa yomusa nobumnene bukaNkulunkulu, ngabe ngawela odakeni kudala. Ngibonga uNkulunkulu! Ngizimisele ngokunika uNkulunkulu lonke udumo, ukuvumela Yena ukuthi aphumule. Abanye abantu babuza Mina: “Ngenxa yesimo Sakho kumele Wena ungafi, pho kungani Wena ujabula uma uNkulunkulu ekhuluma ngokufa?” Angiyikhiphi impendulo eqondile; ngivele ngimoyizele kancane bese ngiphendule: “Le yindlela okumele ngiyilandele, okumele ngiyilandela nakanjani.” Abantu abayiqondi impendulo Yami, kodwa bavele babuke Mina ngokwethuka. Bayaxakeka kancane Ngami. Nokho, Mina ngikholwa ukuthi njengoba le kuyindlela Mina engiyikhethile futhi kuyisinqumo engisimise phambi kukaNkulunkulu, ngakho noma ingabe ubunzima bungakanani, Mina ngisebenza kanzima ukuze ngiqhubeke nakho. Ngicabanga ukuthi lokhu kuyisithembiso okumele sigcinwe umuntu osebenzela uNkulunkulu. Ngeke bakwazi ukuhlehlela emuva emazwini abo. Lokhu futhi kungumthetho, umyalelo owakhishwa kudala, ngeNkathi Yomthetho, ukuthi umuntu okholelwa kuNkulunkulu kumele awuqonde. Ngokwesipiliyoni Sami, ulwazi lwami lukaNkulunkulu alulukhulu futhi isipiliyoni enginaso asibalulekile, asikho nesidingo sokukubalula, ngakho angikwazi ukukhuluma nganoma imuphi umbono ophakeme. Nokho, izwi likaNkulunkulu kumele ligcinwe, futhi ngeke liphendukelwe. Ukusho iqiniso, isipiliyoni sami asisihle, kodwa ngoba uNkulunkulu ungufakazi Wami futhi abantu bakholwa kumuntu engiwuye ngobumpumputhe, ngingenzani? Kodwa ngisethemba ukuthi abantu bazolungisa imibono yabo mayelana nokuthanda uNkulunkulu. Umuntu engiwuye akabaluleke ngalutho; goba nami ngifuna indlela yokukholwa kuNkulunkulu, futhi indlela engihamba kuyo ayiyilutho ngaphandle kwendlela yokukholelwa kuNkulunkulu. Umuntu olungile akufanele abe wutho lokukhonzwa—bangaba yisibonelo esingalandelwa. Mina anginandaba nokwenziwa abanye, kodwa ngimemezela kubantu ukuthi ngiphinde nginike uNkulunkulu udumo; anginiki inyama udumo lukaMoya. Ngethemba ukuthi wonke umuntu angayiqonda imizwa Yami ngalokhu. Akungenzi ngiyeke umthwalo Wami, kodwa indaba nje iyonke. Lokhu kuyinto okumele icace bha, futhi kuqhutshekwa ngeke kuphinde kube khona isidingo sokuthi kukhulunywe ngayo futhi.

Namuhla, ngithole ukukhanyiseleka okuvela kuNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ngumsebenzi wensindiso. Awungcoliswe yilutho olunye. Abanye abantu bangase bacabange okunye, kodwa ngihlala ngizizwela ukuthi uMoya Oyingcwele wenza isigaba somsebenzi wensindiso nje, hhayi omunye umsebenzi. Kumele kube sobala lokhu. Usucace khona manje umsebenzi kaMoya Ongcwele ezweni laseChina. Futhi uNkulunkulu angafunelani ukuvula zonke izindlela nomsebenzi endaweni enjengalena lapho amadimoni edlangile yonke indawo? Kungabonakala ngalokhu ukuthi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo kakhulu ngowensindiso. Uma singacacisa kabanzi, umsebenzi owenziwa kakhulu ngowokunqoba. Kusukela ekuqaleni igama likaJesu labizwa. (Mhlawumbe abanye abakabhekani nakho, kodwa Ngithi lokhu bekuyisigaba somsebenzi kaMoya Oyingcwele.) Lokhu kwenele ukuze kusukwe kuJesu weNkathi Yomusa, ngakho ingxenye yabantu yakhethwa ngaphambilini, futhi ngokuhamba kwesikhathi labo abakhethiweyo bancishiswa. Emuva kwalokho, igama likaFakazi uLee labizwa ezweni laseChina—lokhu bekuyingxenye yesibili yomsebenzi kaMoya Oyingcwele wensindiso ezweni laseChina. Lokhu kwaba isigaba sokuqala somsebenzi owaqalwa uMoya Oyingcwele okwaba ukuqala ngokuqoqa abantu, kulindwe umelusi ozobelusa, futhi igama “likaFakazi uLee” lasetshenziselwa ukwenza lowo msebenzi. UNkulunkulu uqobo wenza umsebenzi Wakhe emuva kokufakazela igama elithi “Onamandla” futhi ngaphambi kwalokho, kwakuyisigaba sokulungiselela. Ngakho, akusho lutho ukuthi ingabe lokho kwakulungile noma kwakungalungile, futhi akusilo udaba olukhulu ohlelweni lukaNkulunkulu. Emuva kokufakazela igama “Onamandla,” uNkulunkulu waqala ngokusemthethweni ukuzenzela umsebenzi Wakhe uqobo futhi emuva kwalokho, imisebenzi Yakhe enyameni yaqala ngokusemthethweni. Ngegama elithi “Inkosi Enamandla,” wazibambela ngezakhe izandla kubo bonke labo abahlubuka futhi bangalalela. Baqala ukufana nabantu, njengalapho nje abantu beqala ukubonakala njengabantu abadala lapho befinyelela eminyakeni engamashumi amabili nantathu noma amashumi amabili nane; okusho ukuthi, abantu babesanda kuqala ukuba nokuphila komuntu ojwayelekile. Ngokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi, umsebenzi kaNkulunkulu uguquke ngokwemvelo waba sesigabeni sokwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Kungathiwa yilesi sigaba somsebenzi kuphela esiwumongo womsebenzi Wakhe omningi futhi isigaba esiyisisekelo somsebenzi Wakhe. Abantu bayazazi bona uqobo futhi bayazizonda bona uqobo. Sebefinyelele esigabeni lapho bekwazi ukuziqalekisa bona uqobo, abanayo inkinga ngokunikela ngezimpilo zabo uqobo futhi banomuzwa omncane wothando lukaNkulunkulu. Yilesi sisekelo esenza bakwazi ukuqonda incazelo eyiqiniso ngempilo. Lokhu kungukufeza intando kaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu ezweni laseChina usuzofinyelela esiphethweni. UNkulunkulu ubenza amalungiselelo Akhe kuleli lizwe lokungcola iminyaka eminingi, kodwa abantu abakaze bafinyelele kuleli zinga abafinyelele kulo manje. Lokhu kusho ukuthi ima uNkulunkulu eqala ngokugcwele ukwenza umsebenzi Wakhe uqobo. Asikho isidingo sokunikeza eminye imininingwane nokucacisa ngalokhu. Kulunge ngokuphelele ukuthi lo msebenzi wenziwa ngenxa yobuNkulunkulu bukaNkulunkulu ngqo, kodwa wenziwa ngomuntu. Akekho ongakuphika lokhu. Nakanjani kungenxa yamandla kaNkulunkulu amakhulu emhlabeni njengoba lo msebenzi ukwaze ukufinyelela kuleli zinga okulo njengamanje kubantu bakuleli zwe lencithakalo. Izithelo zalo msebenzi zingayiswa noma kuphi ukuze kudeliswe abantu. Akekho noyedwa ongakhipha isahlulelo ngalokhu nakancane bese ephika.

Okwedlule: Isingeniso

Okulandelayo: Indlela … (2)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp