Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)

Kusho ukuthini ukupheleliswa? Kusho ukuthini ukunqotshwa? Yini umuntu okufanele ayenze ukuze anqotshwe? Futhi yini okufanele ayenze ukuze apheleliswe? Ukunqoba nokuphelelisa kunenhloso yokuphelelisa umuntu ukuze abuyele esimweni sakhe sasekuqaleni, akhululeke esimweni sikaSathane esikhohlakele nasekuyengweni nguSathane. Lokhu kunqoba kusheshe kufike kumuntu osebenzayo, okusho ukuthi kuyisigaba sokuqala somsebenzi. Ukuphelelisa kuyisigaba esilandelayo, noma umsebenzi wokuphetha. Wonke umuntu kufanele adlule ekunqotshweni; uma kungenjalo ngeke amazi uNkulunkulu futhi ngeke azi ukuthi kunoNkulunkulu, okusho ukuthi ngeke akwazi ukuphawula uNkulunkulu. Uma umuntu engamboni uNkulunkulu, ngeke akwazi ukupheleliswa uNkulunkulu ngenxa yokuthi akazifinyeleli izimfuneko zalokhu kupheleliswa. Uma uhluleka ukubona uNkulunkulu, ungamazi kanjani? Futhi ungamfuna kanjani? Ngeke ukwazi nokufakaza Ngaye, ingasaphathwa eyokuba nokholo olumgculisayo. Ngakho, noma ubani ofuna ukupheleliswa, isinyathelo sokuqala ukuthi adlule emsebenzini wokunqoba. Lona umbandela wokuqala. Kodwa ukunqoba noma ukuphelelisa, kuyimigomo yomuntu osebenzayo futhi kuyamshintsha, futhi ngakunye kubalulekile ekuqondiseni komuntu. Lezi zinyathelo ezimbili ziyadingeka ekuguquleni umuntu abe ophelele; asikho isinyathelo okufanele seqiwe. Kuyiqiniso ukuthi “ukunqotshwa” akuzwakali kahle, kodwa empeleni inqubo yokunqoba umuntu iyinqubo yokumguqula. Uma usunqotshiwe, kungase kube asiqediwe ngokuphelele isimo sakho esikhohlakele, kodwa uyobe usazi. Ngomsebenzi wokunqoba uyobazi ubuntu bakho obuphansi kanye nokuthi awulaleli ngezinga elingakanani. Nakuba ungeke ukwazi ukukulahla noma ukushintshe ngesikhashana somsebenzi wokunqoba, uyokwazi ngakho. Lokhu kubeka isisekelo sokupheleliswa kwenu. Ngakho ukunqoba nokuphelelisa kokubili kwenziwa umuntu oguqukayo, kokubili inhloso yakho ukuqeda ngesimo sakhe esikhohlakele sobusathane ukuze azinikele ngokugcwele kuNkulunkulu. Kumane kuwukuthi ukunqotshwa kuyisinyathelo sokuqala ekushintsheni isimo somuntu nasekutheni umuntu azinikele ngokugcwele kuNkulunkulu, okuyisigaba esiphansi kunesokupheleliswa. Isimo sokuphila somuntu onqotshiwe sishintsha kancane kunesomuntu ophelelisiwe. Ukunqotshwa nokupheleliswa kuyehluka ngezinga elithile kumuntu ngamunye ngenxa yokuthi kuyizigaba ezingafani zomsebenzi nangenxa yamazinga angafani abantu, ukunqoba kubenza babe sezingeni eliphansi kuyilapho ukupheleliswa kubenza baphakame. Abaphelelisiwe abantu abalungile, abantu abangcwelisiwe futhi bahlanzwa; bawumphumela womsebenzi wokuqondiswa komuntu, noma isiphetho. Nakuba bengebona abantu abaphelele, bangabantu abafuna ukuphila okunomgomo. Kodwa abanqotshiwe basho ngomlomo ukuthi uNkulunkulu ukhona; bayabona ukuthi uNkulunkulu uzenze umuntu, ukuthi iZwi livela lisenyameni, nokuthi uNkulunkulu wehlele emhlabeni ukuze enze umsebenzi wokwahlulela nokusola. Bayabona nokuthi ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu nokuyala Kwakhe kanye nokucwenga konke kuyamzuzisa umuntu. Okusho ukuthi, sebeqala ukufana nabantu, bayakuqonda ngezinga elithile ukuphila kodwa inkungu isagcwele amehlo. Ngamanye amazwi, bamane nje baqala inqubo yabantu. Lena imiphumela yokunqotshwa. Lapho abantu bethatha isinyathelo sokupheleliswa, isimo sabo esidala singashintshwa. Ngaphezu kwalokho, ukuphila kwabo kuyakhula futhi kancane kancane bangena bajule eqinisweni. Bayakwazi ukuzonda izwe noma bazonde bonke abangalifuni iqiniso. Bazizonda bona ikakhulu, kodwa okukhulu nakakhulu, ukuthi bazazi ngokucacile. Bazimisele ukuphila ngeqiniso futhi bakwenza umgomo wabo ukufuna iqiniso. Abazimisele ukuphila ngemicabango yezingqondo zabo, futhi bayakuzonda ukuzibona komuntu elungile, nokuzidla kwakhe. Bakhuluma into ehluzekile ngokulunga, banokuqonda, nokuhlakanipha, futhi bathembekile futhi balalela uNkulunkulu. Lapho bedlula ezikhathini zokujeziswa nokwahlulelwa, abagcini nje ngokubonisa ubuthaka, kodwa bayabonga ngokusola nokwahlulela okuvela kuNkulunkulu. bakholwa ukuthi abakwazi kwenza lutho ngaphandle kokusola nesahlulelo sikaNkulunkulu; bangathola isivikelo Sakhe kukho. Abafuni ukholo lokuthula nenjabulo, futhi abasifuni isinkwa esizovala iphanga labo. Abayilandeli futhi injabulo yenyama. Lokhu yinto abaphelelisiwe abanayo. Ngemva kokuba abantu sebenqotshiwe, bayavuma ukuthi ukhona uNkulunkulu. Kodwa noma yiziphi izenzo eziza nokuvuma ubukhona bukaNkulunkulu, lezi zenzo zinomkhawulo kuzo. Ukuthi uLizwi ubonakala enyameni kusho ukuthini ngempela? Ukuba senyameni kusho ukuthini? Yini eyenziwe ukuba senyameni kukaNkulunkulu? Uyini umgomo kanye nokubaluleka komsebenzi Wakhe? Ngemva kokubona umsebenzi Wakhe omkhulu kangaka, ukubona izenzo Zakhe enyameni, yini oyizuzile? Kungemva kokuqonda zonke lezi zinto kuphela lapho ungaba khona umuntu onqotshiwe. Uma kuphela uthi uyavuma ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa ungakushiyi okufanele ukushiye futhi wehluleke ukudela ukujabulisa inyama leyo okufanele uyidele, futhi esikhundleni salokho uqhubeke nokunethezeka kwenkanuko yenyama njengoba uhlale njalo wenza, awukwazi ukuyeka noma yiluphi ubandlululo ngabafowenu nodadewenu, kanye nezenzo eziningi ezilula nje ongakwazi ukufaka igxalaba lakho ukuze zigcwaliseke, lokho-ke kubonisa ukuthi anikanqotshwa. Esimweni esinjalo, ngisho noma uqonda okuningi, konke kuzoba yize. Abantu abanqotshiwe ngabafinyelele ezinguqukweni ezithile zokuqala nabanokungena kokuqala. Ukubona isahlulelo sikaNkulunkulu kanye nokusolwa kubenza babe nolwazi lokuqala ngoNkulunkulu kanye nokuqonda kokuqala iqiniso. Nakuba amaqiniso amaningi ajulile, anemininingwane eminingi awukwazi ukungena ngokuphelele kuwo ngokoqobo, uyakwazi ukwenza amaqiniso amaningi ayisisekelo ekuphileni kwakho kwangempela, njengalawo ahlanganisa izinjabulo zakho zenyama noma izinga lakho siqu. Konke lokhu, empeleni, ngokufinyelelwayo kulabo abanqotshwayo. Olunye uququko esimweni lungabonwa nasekunqotshweni. Ngokwesibonelo, izingubo zabo nokuzihlobisa kanye nokuphila kwabo—lokhu kungaguquka. Ukubona kwabo ukukholwa kuNkulunkulu kuyaguquka, bathole ukucaciseleka ngenjongo yokuphishekela kwabo, futhi izifiso zabo ziyakhula. Ngesikhathi sokunqotshwa, isimo sokuphila kwabo singase futhi siguquke ngokuhambisanayo. Akusikho ukuthi abaguquki nhlobo. Kumane nje kuwukuthi uguquko lwabo alujulile, lusekuqaleni, futhi luncane kakhulu kunoguquko lwesimo nangenjongo yokuphishekela ezobonakala ngemva kokuba umuntu esephelelisiwe. Uma ngesikhathi sokunqotshwa isimo somuntu singaguquki nhlobo futhi engatholi ngisho neqiniso elincane, lolu hlobo lomuntu-ke luba nje yinto eyizibi futhi engenamsebenzi ngokuphelele! Abantu abangakanqotshwa ngeke bapheleliswe! Futhi uma umuntu efuna kuphela ukunqotshwa, ngeke enziwe aphelele ngokugcwele, ngisho noma isimo sakhe sibonisa uguquko oluthile ngesikhathi somsebenzi wokunqotshwa. Futhi uzolahlekelwa yiqiniso lokuqala alitholile. Kunomehluko omkhulu phakathi kwenani lokuguquka kwesimo kulowo onqotshiwe kanye nophelelisiwe. Kodwa ukunqotshwa kuyisinyathelo sokuqala oguqukweni; kuyisisekelo. Ukuntuleka kwalolu shintsho lokuqala kuwubufakazi bokuthi umuntu akamazi ngempela uNkulunkulu ngenxa yokuthi lolu lwazi luza ngokwahlulelwa, futhi lokhu kwahlulelwa kuyinto ebalulekile emsebenzini wokunqoba. Ngakho, wonke umuntu ophelelisiwe odlule ekubeni anqotshwe. Ngaphandle kwalokho, ngeke kwenzeke ukuba bapheleliswe.

Uthi uyamazi uNkulunkulu osamuntu futhi uyazi ukuthi iZwi livela lisenyameni, kodwa kukhona izinto ozenza ngasese, izinto ezingahambisani nakufunayo, futhi enhliziyweni yakho awumesabi. Ingabe lokhu ukwazi uNkulunkulu? Uyakwazi akushoyo, kodwa uyenqaba ukwenza ngisho nezinto okwazi ukuzenza futhi awunamatheli endleleni Yakhe. Ingabe lolu ulwazi? Unolwazi Ngaye, kodwa ingqondo yakho imelene Naye, ayimhloniphi nhlobo. Uma umbonile futhi wazi nomsebenzi Wakhe, wazi nokuthi unguNkulunkulu, kodwa ulokhu untukuntuku futhi ungashintshi nhlobo, khona-ke uwuhlobo lomuntu ongakanqotshwa. Labo abanqotshiwe kufanele benze konke abangakwenza, futhi nakuba bengakwazi ukungena kakhudlwana emaqinisweni aphakeme, futhi la maqiniso engaphezulu kwabo, abantu abanjalo bazimisele ezinhliziyweni zabo ukuthola lokhu. Kungenxa yokuthi kunemikhawulo kulokho abangakwamukela nokuthi kukhona imingcele nemikhawulo kulokho abangakwenza. Kodwa okungenani, kufanele benze konke abangakwenza futhi uma ungafeza lokho, lokhu kuwumphumela osufeziwe ngenxa yomsebenzi wokunqoba. Ake sithi uthi, “Uma esho amazwi amaningi kangaka umuntu angakwazi ukuwakhuluma, uma engeyena uNkulunkulu, ungubani?” Ukucabanga ngale ndlela akusho ukuthi uyamazi uNkulunkulu. Uma uvuma uNkulunkulu, kumele ukubonise ngezenzo zakho zangempela lokho. Ukuhola ibandla kodwa ungakwazi ukwenza okulungile, nokubhinca imali futhi uhlale ufihla ngobukhoshosho imali yebandla emaphaketheni akho—ingabe lokho kubonisa ukuthi uyamazi uNkulunkulu? UNkulunkulu unguSomandla futhi kufanele esatshwe. Ungahlala kanjani ungesabi uma ubona ngempela ukuthi kunoNkulunkulu? Uma nikwazi ukwenza into enyanyeka kangaka, ngabe lokhu kungukumvuma ngempela? Ningazenza kanjalo lezo zinto ezilichilo? Ingabe nikholelwa kuNkulunkulu? Enikholelwa kukho uNkulunkulu ongaqondakali; yingakho ningesabi! Labo abambona ngempela uNkulunkulu futhi abamaziyo, bonke bayamesaba futhi abesabi ukwenza noma yini emelene Naye noma engavumelani nonembeza wabo; bayesaba ukwenza noma yini engavumelani nentando kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokwazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Yini okufanele uyenze lapho abazali bakho benqaba ukuthi ukholelwe kuNkulunkulu? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu lapho umyeni wakho ongakholwa ekuphatha kahle? Futhi kufanele umthathe kanjani uNkulunkulu lapho abafowenu nodadewenu bekuzonda? Uma umazi uNkulunkulu, uyoziphatha ngokufanele futhi ubhekane ngokoqobo nazo zonke izimo. Uma wehluleka ukwenza kodwa ugcine ngokuthi uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, khona-ke uyobe wande ngomlomo nje kuphela! Uthi ukholelwa Kuye futhi uyamazi. Kodwa wazini Ngaye? Ukholelwa ngayiphi indlela Kuye? Ingabe uyamesaba? Ingabe uyamhlonipha? Ingabe umthanda ngokujulile? Lapho udangele futhi ungenamuntu ongakhalela kuye, uyasibona isidingo sokuthanda uNkulunkulu, kodwa ngemva kwalokho umkhohlwa nyá. Lokho akukhona ukuthanda uNkulunkulu noma ukukholelwa kuNkulunkulu! Ekugcineni, yini uNkulunkulu afuna umuntu ayifeze? Wonke amazwi engiwashilo, njengokucabanga ukuthi umkhulu, ucabange ukuthi uyashesha ukubamba izinto, ukulawula abanye, ukubukela abanye phansi, ukwahlulela abantu ngendlela ababukeka ngayo, ukuxhaphaza abantu abathembekile, ukufisa imali yebandla, njalo njalo—kulapho zonke lezi zimo ezikhohlakele sezisusiwe, ngokuyingxenye kuwe, lapho kuyobonakaliswa khona ukunqotshwa kwakho.

Umsebenzi wokunqoba owenziwa kini ubaluleke kakhulu: Ngakolunye uhlangothi, inhloso yalo msebenzi ukuphelelisa iqembu labantu, okusho ukuthi, ukubaphelelisa eqenjini labanqobi, njengeqembu lokuqala labantu abaphelelisiwe, okusho ukuthi bayizithelo zokuqala. Ngakolunye uhlangothi, kuwukwenza izinto ezidaliwe zijabulele uthando lukaNkulunkulu, zamukele insindiso enkulu kaNkulunkulu, nensindiso Yakhe egcwele, futhi umuntu abe nomusa, ububele, kodwa okukhulu nakakhulu ukusolwa nokwahlulelwa. Kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje, konke uNkulunkulu akwenze emsebenzini Wakhe kuwuthando, ngaphandle kokuzonda umuntu. Ngisho nokusola kanye nokwahlulela enikubonile kuwuthando, uthando lweqiniso futhi lwangempela; lolu thando luholela abantu endleleni yokuphila efanele. Okwesithathu, kuwubufakazi phambi kukaSathane. Okwesine, kwakha isisekelo sokusakaza ivangeli esikhathini esizayo. Wonke umsebenzi awenzile, uwenzele ukuholela abantu endleleni efanele ekuphileni, ukuze isintu siphile ngendlela ejwayelekile, kodwa umuntu akazi ukuthi kuqondiswa kanjani ukuphila. Ngaphandle kwalokho kuqondisa, uyophila ukuphila okungasho lutho, uyophila ukuphila okungasizi ngalutho futhi okungenamgomo, futhi ngeke wazi nhlobo ukuthi kunjani ukuba umuntu ojwayelekile. Lokhu ukubaluleka kokunqoba umuntu. Nonke niyinzalo yakwaMowabi. Ukwenza umsebenzi wokunqoba kini kuyinsindiso yenu enkulu. Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokuphelelisa umuntu. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela. Uma ningakwazi ukubona ukuthi yonke into eyenziwe kini iwuthando nensindiso, uma nicabanga ukuthi kumane kuyindlela nje, indlela yokuhlupha umuntu okungafanele yethenjwe, khona-ke ningabuyela ezweni lenu niyoququdwa izinhlungu nobunzima! Uma nithanda ukuba kulo mthombo futhi nijabulele lezi zahlulelo nensindiso ejulile, ukujabulela zonke lezi zibusiso ezingatholakali ndawo ezweni labantu, ukujabulela lolu thando, nokuzithoba kulo mthombo ngokwamukela umsebenzi wokunqoba ukuze upheleliswe. Nakuba manje nizwa ubuhlungu futhi nicwengwa ngenxa yezahlulelo, lobu buhlungu bubalulekile futhi bunenhloso. Nakuba ukusola nokwahlulela kuwukucwengwa futhi kuyizinto ezingenamusa kumuntu, kuhloselwe ukujezisa izono nenyama yakhe, awukho umsebenzi kulona ohloselwe ukuyala nokubhubhisa inyama yakhe. Iziphetho ezinkulu zezwi zonke zihloselwe ukukuholela endleleni efanele. Senibhekane nokuningi kakhulu kulo msebenzi, ngokusobala akuniholelanga endleleni yokukhohlakala! Konke ngokokunenza niphile ubuntu obujwayelekile, futhi konke kungafezwa ubuntu bakho obujwayelekile. Zonke izigaba zomsebenzi ezenziwayo zisekelwe ezidingweni zenu, ebuthakathakeni benu, nasesimweni senu sangempela, futhi awukho umthwalo ongathwaleki obekwe emahlombe enu. Nakuba ningakwazi ukukubona ngokucacile lokhu futhi nicabanga ukuthi nginokhahlo kini, nakuba nicabanga ukuthi into eyenza nginijezise futhi nginisole nsuku zonke ukuthi ngiyanizonda, futhi nakuba nisolwa futhi nahlulelwa, empeleni konke kuwukunibonisa uthando, nesivikelo esikhulu kini. Uma ningakwazi ukubamba incazelo ejulile yalo msebenzi, khona-ke anikwazi ukuzihambela nina le ndlela. Kufanele niduduzelwe leyo nsindiso. Ningenqabi ukusebenzisa umqondo. Njengoba sesifike kuleli qophelo, kufanele nikubone ngokucacile ukubaluleka kwalo msebenzi wokunqoba. Akusafanele nibe nombono onjalo!

Okwedlule: Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)

Okulandelayo: Ungakunaka Kanjani Ukuthunywa Kwakho Kwesikhathi Esizayo?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp