Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)

Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu. Indlela isimo noma inyama yomuntu okushintsha ngayo akunqumi ukuthi unqotshiwe yini. Kunalokho, kusuke kuyilapho kushintsha indlela umuntu acabanga ngayo, ukuba nonembeza, nomqondo—okusho ukuthi lapho sonke isimo somqondo womuntu sishintsha—lapho niyobe ninqotshwe khona uNkulunkulu. Lapho ninqume ukulalela futhi nabheka izinto ngendlela entsha, lapho ningasafaki imibono noma izinhloso zenu ezwini nasemsebenzini kaNkulunkulu, lapho izingqondo zenu zikwazi ukucabanga ngendlela evamile, okusho ukuthi lapho nikwazi ukuzinikela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yenu—lolu hlobo lomuntu lunqotshwe ngokuphelele. Ngokwenkolo, abantu abaningi abahlupheki ukuphila kwabo konke, banqoba imizimba yabo noma bathwala isiphambano, bahlupheka futhi babekezela kwaze kwaba yilapho bephefumula okokugcina! Abanye basesaba ukufa kwabo. Kukho konke ukuphila kwabo, bazincisha ukudla okumnandi nokugqoka kahle, babekezelele ukuhlupheka. Abakwazi ukunqoba imizimba yabo nokushiya inyama yabo. Umoya wabo wokubekezelela ukuhlupheka udinga ukunconywa. Kodwa akukabhekanwa nakancane nokucabanga kwabo, imibono yabo, indlela ababheka ngayo izinto, kanye nemvelo yabo endala imbala. Abaziqondi ngeqiniso. Isithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu esakudala soNkulunkulu oyinkimbinkimbi ongaqondakali. Ukuhlupheka kwabo ngenxa kaNkulunkulu kungenxa yentshiseko yabo kanye nombono wabo omuhle ngezinto. Nakuba bekholelwa kuNkulunkulu, abayiqondi futhi abayazi intando Yakhe. UNkulunkulu bamsebenzela ngobumpumputhe futhi bamhluphekela ngobumpumputhe. Abakubheki njengegugu ukuthi bayakwazi ukuqonda futhi abanandaba kangako nendlela yokuba nesiqiniseko sokuthi inkonzo yabo iyayifeza yini intando kaNkulunkulu. Ingasaphathwa eyokwazi ukuthi bengamqonda kanjani uNkulunkulu. UNkulunkulu abamkhonzayo akawona umfanekiso kaNkulunkulu wangempela, kodwa nguNkulunkulu abazenzele yena, uNkulunkulu abezwe ngaye, noma uNkulunkulu wakudala otholakala ezintweni ezibhaliwe. Babe sebesebenzisa ukukhalipha kwemicabango yabo nonkulunkulu abasezinhliziyweni zabo ukuze bahlupheke ngenxa kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza. Inkonzo yabo iyinkimbinkimbi kakhulu, ngezinga lokuthi akukho noyedwa kubo okwazi ngempela ukukhonza ngokwentando kaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi bazimisele kangakanani ukuhlupheka, umbono wabo wangempela ngenkonzo nesithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu akushintshi ngenxa yokuthi abakaze badlule esahlulelweni nasekusolweni uNkulunkulu, kanye nasekucwengeni nasekuphelelisweni Nguye, nokuthi akekho oke wabahola ngeqiniso. Ngisho noma bekholelwa kuJesu uMsindisi, akekho kubo owake wabona uMsindisi. Bamazela kuphela ezinganekwaneni nakuyinzwabethi. Ngakho inkonzo yabo ingaphezu kokumane ukhonze amehlo evaliwe, njengempumputhe ikhonza uyise. Yini engafezwa ekugcineni ngalolu hlobo lwenkonzo? Ubani oyolwamukela? Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, inkonzo yabo ayishintshi nhlobo. Bamukele kuphela izifundo zomuntu futhi basekela inkonzo yabo ezintweni abazithandayo nabajwayelene nazo kuphela. Lokhu kungaba namuphi umvuzo? Ngisho noPetru, owayazi uJesu, wayengazi ukuthi angakhonza kanjani ngendlela efeza intando kaNkulunkulu. Kwaze kwaba sekupheleni, lapho esemdala, lapho aqala khona ukuqonda. Lokhu kusho ukuthini ngezimpumputhe ezingakaze zibhekane nalutho ezingakaze zibe namuntu oziqondisayo? Ingabe inkonzo yabaningi phakathi kwenu namuhla ayifani neyalezi zimpumputhe? Bonke labo abangakaze basamukele isahlulelo, abangakaze balungiswe futhi bashintshwe—ingabe abakanqotshwa ngokugcwele? Banamsebenzi muni abantu abanjalo? Uma ukucabanga kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokuqonda kwakho uNkulunkulu kungabonisi ushintsho olusha futhi kungaphumeli ngisho nasekuzuzeni okuncane, awusoze wathola into esile enkonzweni yakho! Ngaphandle kombono nangaphandle kokuqonda okusha umsebenzi kaNkulunkulu, awunakuba umuntu onqotshiwe. Indlela yakho yokulandela uNkulunkulu iyofana neyalabo abahluphekayo futhi abazila ukudla—ngeke ibaluleke kakhulu! Kumane kungenxa yobufakazi obuncane balokho abakwenza enkonzweni yabo obungenza ngithi inkonzo yabo iyize leze! Bachitha ukuphila kwabo behlupheka, behleli ejele; bahlala bebekezela, bethanda, futhi belokhu bethwele isiphambano, futhi bayahlekwa balahlwe yizwe, bezwa bonke ubunzima, futhi balalela kuze kube sekupheleni, kodwa noma kunjalo abanqotshiwe futhi abukho ubufakazi bokunqotshwa abangabethula. Abakaze bahlupheke nakancane, kodwa ngaphakathi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Abakaze bayigcine imicabango yabo emidala, imibono emidala, amasiko enkolo, nokuqonda komuntu, kanye nemibono yomuntu. Lokhu akukhona nhlobo ukuqonda okusha kubo. Akukho ngisho nokuncane ukuqonda ngoNkulunkulu okuyiqiniso noma okunembile kubo. Abayiqondi kahle intando kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kungaba ukukhonza uNkulunkulu? Nokho benimqonda uNkulunkulu esikhathini esedlule, uma ningakwazi ukuqhubeka nakho namuhla futhi niqhubeka nisekela ukuqonda kwenu uNkulunkulu emibonweni kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wenzani. Lokho kufana nokuthi ungabi nakho ukuqonda okusha ngoNkulunkulu futhi wehluleke ukwazi umfanekiso wangempela kaNkulunkulu nesimo Sakhe seqiniso. Ake sithi ukuqonda kwakho uNkulunkulu kulawulwa iqembu labantu, imibono engenalo iqiniso futhi kuseyimicabango nezimfundiso zomuntu. Uma kunjalo, khona-ke kusho ukuthi awukanqotshwa. Inhloso yami ngokusho wonke la mazwi kini ukuthi nginivumele niqonde futhi nisebenzise lolu lwazi ukuze luniholele ekuqondeni okunembile nokusha. Ahloselwe nokuxosha izimfundiso ezindala nolwazi oludala eninakho ukuze nikwazi ukuba nokuqonda okusha. Uma niwadla ngempela futhi niwaphuze amazwi Ami, khona-ke ukuqonda kwenu kuyoshintsha kakhulu. Uma nje nisenenhliziyo elalelayo lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, nombono wenu uzoshintsha. Uma nje nisakwazi ukwamukela izijeziso eziningi, isimo somqondo wenu esidala siyoshintsha kancane kancane. Uma nje isimo somqondo wenu esidala sithathelwe indawo ngokuphelele esisha, nendlela enenza ngayo nayo iyoshintsha. Ngale ndlela, inkonzo yenu kancane kancane iyoba into ebalulekile, ikwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Uma ukwazi ukuguqula ukuphila kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokwazi kwakho ukuphila komuntu, nemibono yakho eminingi ngoNkulunkulu, khona-ke isimo sakho esingokwemvelo siyoncipha kancane kancane. Lokhu, kuwumphumela wangemva kokuthi uNkulunkulu enqobe umuntu; lolu ushintsho oluyobonakala kumuntu. Nakuba ekukholelweni kuNkulunkulu, okuwukuphela kwento eniyaziyo ukunqoba imizimba yenu nokubekezela kanye nokuhlupheka, futhi akunicaceli ukuthi enikwenzayo kuhle noma kubi, ingasaphathwa eyokuthi kungokukabani, khona-ke lolu hlobo lokwenza izinto lungaholela kanjani oshintshweni?

Kufanele niqonde ukuthi engikudinga kini akukhona ukuthi imizimba yenu ingasebenzi noma ukuthi izingqondo zenu zilawulwe futhi zingacabangi. Lokhu akuyona inhloso yomsebenzi futhi akuwona umsebenzi okudingeka wenziwe njengamanje. Njengamanje kudingeka nibe nokuqonda ngasohlangothini oluhle ukuze niziguqule. Enikudinga kakhulu ukuba nizihlomise ngamazwi kaNkulunkulu, okusho ukuthi nizihlomise ngokugcwele ngeqiniso nangombono ongaphambi kwenu manje, bese niqhubeka futhi niwenze. Lokhu kuyisibopho senu. Anginiceli ukuba nifune nokuba nizuze ukukhanyiseleka okukhulu. Okwamanje aninaso neze isiqu esingokomoya salokho. Okudingeka kini ukuba nenze konke eningakwenza ukuze nidle futhi niphuze amazwi kaNkulunkulu. Kudingeka niqonde umsebenzi kaNkulunkulu nendlela enakheke ngayo, isiqu senu esingokomoya, nokuphila kwenu okudala. Kubalulekile nokuthi nikwazi ukubona imikhuba yakudala eyiphutha nendlela yenu yokwenza. Ukuze nishintshe, kumele niqale nishintshe ukucabanga kwenu. Qale ufake umcabango omusha esikhundleni somdala, uvumele ukucabanga kwakho okusha kuqondise amazwi nezenzo kanye nokuphila kwakho. Yilokhu okucelwa kumuntu ngamunye kini njengamanje. Ningenzi noma nilandele ngobumpumputhe. Kufanele nibe nesisekelo kanye nomgomo. Ningazikhohlisi. Kufanele nazi ukuthi olwani ukholo lwenu kuNkulunkulu, nizozuzani kulo, nokuthi kufanele ningene kuphi njengamanje. Kubaluleke kakhulu ukuba nikwazi konke lokhu.

Okufanele ningene kukho manje ukuba niphakamise ukuphila kwenu futhi niphakamise izinga lenu. Ngaphezu kwalokho, nidinga ukuguqula indlela endala enanibheka ngayo izinto esikhathini esedlule, niqugule ukucabanga kwenu, futhi niguqule imibono yenu. Impilo yenu yonke idinga ukuvuselelwa. Lapho ukuqonda kwenu izenzo zikaNkulunkulu kushintsha, lapho ninokuqonda okusha ngeqiniso lazo zonke izinto ezishiwo uNkulunkulu, futhi lapho ukuqonda kwenu kwangaphakathi kuthuthuka, ukuphila kwenu kuyoshintsha kube ngcono. Yonke into abantu abayenzayo nabayishoyo manje izoba ngokoqobo. Lezi akuzona izimfundiso, kodwa ziyilokho abantu abakudingayo ekuphileni kwabo nokufanele babe nakho. Lolu ushintsho olwenzeka kumuntu phakathi nomsebenzi wokunqoba, ushintsho umuntu okufanele adlule kulo, futhi luwumphumela wokunqotshwa komuntu. Lapho usushintshe ukucabanga kwakho, wabheka izinto ngelinye iso, washintsha imibono nezinhloso zakho nendlela owawucabanga ngayo, walahla lezo zinto ezimbelwe zajula ngaphakathi kwakho, futhi wathola ukuqonda okusha ngokholo kuNkulunkulu, khona-ke ubufakazi obethulayo buyoba ngobuphakeme nesiqu sakho sonke siyoshintsha ngempela. Konke lokhu kudingeka ngempela, kunomqondo, futhi kubaluleke kunazo zonke izinto—izinto okwakunzima ukuba abantu bazibambe esikhathini esedlule, nezinto abangakwazi ukuzithinta. Ziwumsebenzi wangempela kaMoya. Wawuliqonda ngokunembe kangakanani iBhayibheli esikhathini esedlule? Ukuziqhathanisa okusheshayo namuhla kuzokutshela. Esikhathini esedlule wawubeka uMose, uPetru, uPawulu, noma zonke lezo zitatimende ezingokwebhayibheli nangokucabangela endaweni ephakeme. Manje, uma ungacelwa ukuba uphakamise iBhayibheli, ingabe ungakwenza? Uzobona ukuthi iBhayibheli liqukethe okuqoshiwe okuningi kakhulu eokwabhalwa umuntu kanye nokuthi iBhayibheli lingukulanda nje komuntu ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu. Liyincwadi yomlando. Ingabe lokhu akusho yini ukuthi ukuliqonda kwakho sekuguqukile? Uma manje ubheka uhlu lozalo lukaJesu olunikezwe eVangelini likaMathewu, uzothi, “Uhlu lozalo lukaJesu? Suka lapha wena! Lolu uhlu lozalo lukaJosefa, hhayi lukaJesu. Akukho ukuhlobana phakathi kukaJesu noJosefa.” Uma ubheka iBhayibheli manje, ukuliqonda kwakho sekwehlukile, okusho ukuthi ukubona kwakho sekuguqukile, futhi usunezinga eliphakeme lokuqonda kunezifundiswa zenkolo zakudala. Lapho umuntu ethi kunokuthile okukhona kuloluhlu lozalo, uzophendula uthi, “Kuyini lokho? Qhubeka futhi uchaze. UJesu noJosefa abahlobene. Awukwazi lokho? Ingabe uJesu angaba nalo uhlu lozalo? Kungenzeka kanjani ukuthi uJesu abe nokhokho? Kungenzeka kanjani ukuthi abe yinzalo yomuntu? Inyama yakhe yazalwa uMariya; uMoya Wakhe uMoya kaNkulunkulu, hhayi umoya womuntu. UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngakho angaba nalo uhlu lozalo? Ngesikhathi esemhlabeni akazange abe yilungu lesintu, ngakho kungenzeka kanjani ukuthi abe nohlu lozalo?” Lapho uhlaziya uhlu lozalo futhi uchaze ngokucacile iqiniso, uhlanganyele ngalokho okuqondile, lowo muntu uzomangala. Abanye abantu bazocaphuna eBhayibhelini bese bekubuza, “uJesu wayenohlu lozalo. Ingabe uNkulunkulu wakho wanamuhla unalo yini uhlu lozalo?” Uzobatshela ukuqonda kwakho okuyiqiniso kakhulu. Ngale ndlela, ukuqonda kwakho kuzoba sekuthole iphumela. Eqinisweni, uJesu akahlobene nhlobo noJosefa futhi akahlobene ngisho no-Abrahama. Okuwukuphela ukuthi uJesu wazalwa kwa-Israyeli. Kodwa uNkulunkulu akayena umIsrayeli noma inzalo yama-Israyeli. Ngoba nje uJesu wazalwa kwa-Israyeli, akusho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela. Kwaba kuphela ngokwenjongo yomsebenzi Wakhe okwenza wathatha lesi sinyathelo sokuba abe semzimbeni wenyama Ngokwakhe. UNkulunkulu unguNkulunkulu wayo yonke indalo esendaweni yonke. Ukuthi nje waqale wenza isigaba esisodwa somsebenzi kwa-Israyeli futhi wase, emva kwalokho, eqala ukusebenza ezizweni zabeZizwe. Kodwa abantu bacabanga ukuthi uJesu unguNkulunkulu wama-Israyeli futhi ngaphezu kwalokho bambeka phakathi kwama-Israyeli kanye naphakathi kwenzalo kaDavide. IBhayibheli lithi ekugcineni kwezinsuku, igama likaJehova liyoba likhulu phakathi kwezizwe zabeZizwe, okusho ukuthi uNkulunkulu uyobe esebenza ezizweni zabeZizwe ezinsukwini zokugcina. Ukuthi uNkulunkulu waba yinyama eJudiya akubonisi ukuthi uNkulunkulu uthanda amaJuda kuphela. Lokho kwenzeka kuphela ngenxa yokuthi kwakudingwa umsebenzi. Akunakushiwo ukuthi uNkulunkulu kufanele abe yinyama kwa-Israyeli (ngoba ama-Israyeli ayengabantu Bakhe abakhethiwe). Ingabe abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe abatholakali yini nasezizweni zabeZizwe? Kwakungemuva kokuba uJesu eqede ukusebenza eJudiya lapho umsebenzi wase wandela khona nasezizweni zabeZizwe. (AmaJuda ayebiza zonke izizwe ngaphandle kuka-Israyeli ngokuthi “izizwe zabeZizwe”) Eqinisweni, lezo zizwe zabeZizwe zazinabo futhi abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe; kwakumane nje kuwukuthi wawungekho umsebenzi owawenziwa lapho ngaleso sikhathi. Abantu bagcizelela ku-Israyeli ngenxa yokuthi izigaba ezimbili zomsebenzi zenziwa kwa-Israyeli ngesikhathi kungekho msebenzi owawenziwa ezizweni zabeZizwe. Umsebenzi ezizweni zabeZizwe uqala kuphela namuhla, futhi yingakho abantu bekuthola kunzima ukwamukela lokho. Uma ungakuqonda ngokucacile konke lokhu, ukwamukele ngokunembile futhi uzibheke kahle zonke lezi zindaba, uzoba nokuqonda okunembile kukaNkulunkulu wanamuhla nowesikhathi esedlule, futhi kuzoba ngaphezulu kokuqonda abangcwele ababenakho kuwo wonke umlando. Uma ubona umsebenzi wanamuhla futhi uzwa izwi likaNkulunkulu mathupha namuhla, kodwa ungenakho ukuqonda nhlobo uNkulunkulu ngokuphelele; uma ukuphishekela kwakho kuhlala kunjengoba kwakunjalo futhi kungathathelwa indawo okusha; futhi ikakhulu uma ubona wonke lo msebenzi wokunqoba, kodwa ekugcineni kungabi khona noma yiluphi ushintsho olubonakalayo kuwe, khona-ke ingabe ukholo lwakho alufani yini nolwalabo abafuna kuphela isinkwa ukuze bazisuthise? Kuleso simo, umsebenzi wokunqoba uzobe ungakafezi noma yimuphi umphumela kuwe. Ingabe ngeke yini-ke ube umuntu wokulahlwa?

Ekupheleni kwawo wonke umsebenzi wokunqoba, kubalulekile ukuthi nonke niqonde ukuthi uNkulunkulu akuyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa nguNkulunkulu wayo yonke indalo. Wadala sonke isintu, hhayi nje ama-Israyeli kuphela. Uma uthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela noma uthi uNkulunkulu akanakuba umuntu kunoma isiphi isizwe ngaphandle kwesakwa-Israyeli, khona-ke awukawuqondi kahle umsebenzi wokunqoba futhi awuboni nhlobo ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu. Okuwukuphela kwento oyibonayo ukuthi uNkulunkulu wasuka kwa-Israyeli waya eShayina futhi uphoqwa ukuba abe uNkulunkulu wakho. Uma lena kuseyindlela obona ngayo izinto, khona-ke umsebenzi Wami awubanga nazithelo kuwe futhi ayikho into engiyishilo oyiqondayo. Ekugcineni, uma wena, njengoMathewu, ningaphinde nibhale uhlu lozalo Lwami, ningitholele “ukhokho” ofanele, nemvelaphi efanele—njengokuthi uNkulunkulu unozalo olukabili loNkulunkulu Bakhe ababili abasamuntu—ngeke yini lelo kube yihlaya elikhulu kunawo wonke emhlabeni? Ngeke yini wena, lo “muntu onezinhloso ezinhle” othole uhlu lozalo Lwami, uphenduke umuntu ohlukanisa uNkulunkulu? Ingabe uyakwazi ukuthwala umthwalo wesono? Ngemva kwawo wonke lo msebenzi wokunqoba, uma ungakakholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wayo yonke indalo, uma usacabanga ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, ingabe awuyena umuntu omphika obala uNkulunkulu? Inhloso yokunqoba wena namhlanje ukuthi ubone ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wakho, nomunye uNkulunkulu, futhi okubaluleke nakakhulu, uNkulunkulu wabo bonke abamthandayo, uNkulunkulu wayo yonke indalo. UnguNkulunkulu wama-Israyeli noNkulunkulu wabantu baseGibhithe. UnguNkulunkulu wamaNgisi noNkulunkulu wamaMelika. Akayena nje uNkulunkulu ka-Adamu no-Eva, kodwa unguNkulunkulu wayo yonke inzalo ka-Adamu no-Eva. UnguNkulunkulu wakho konke okusezulwini nokusemhlabeni. Imindeni yama-Israyeli nayo yonke imindeni yabeZizwe yayisezandleni zikaNkulunkulu oyedwa. Akasebenzanga nje kwa-Israyeli kuphela izinkulungwane eziningi zeminyaka futhi wazalelwa eJudiya, kodwa namuhla wehlele eShayina, lena indawo udrako omkhulu obomvu azithukuse kuyo. Uma ukuzalelwa eJudiya kumenza iNkosi yamaJuda, khona-ke ingabe ukwehlela Kwakhe phakathi kwenu namuhla akumenzi yini uNkulunkulu wenu? Wahola ama-Israyeli futhi wazalelwa eJudiya, futhi waphinde wazalelwa ezweni labeZizwe. Ingabe umsebenzi Wakhe akusona sonke isintu asidala? Ingabe ama-Israyeli uwathanda izikhathi eziyikhulu azonde abeZizwe izikhathi eziyinkulungwane? Ingabe lowo umbono wenu? Yinina eningamqapheli uNkulunkulu; akukhona ukuthi uNkulunkulu akakaze abe nguNkulunkulu wenu. Yinina enenqaba uNkulunkulu; akukhona ukuthi uNkulunkulu akafuni ukuba uNkulunkulu wenu. Ubani phakathi kwezidalwa ongekho ezandleni zikaSomandla? Ekunqobeni nina namuhla, ingabe inhloso akukhona ukunenza nibone ukuthi uNkulunkulu akayilutho olunye ngaphandle kokuba nguNkulunkulu wenu? Uma nisathi uNkulunkulu unguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi ningayeki ukuthi indlu kaDavide kwa-Israyeli iyilapho kwazalelwa khona uNkulunkulu nokuthi asikho esinye isizwe ngaphandle kwama-Israyeli “ezingakhiqiza” uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuthi imindeni yabeZizwe ikwazi ukwamukela umsebenzi kaJehova—uma nisacabanga ngale ndlela, khona-ke ingabe lokho akunenzi yini nibe yizijaka? Ningalokhu nigqoloze ku-Israyeli. UNkulunkulu ukhona khona lapha phakathi kwenu namhlanje. Ningalokhu nibheka ezulwini. Yekani ukukhomba uNkulunkulu wenu ezulwini! UNkulunkulu uze phakathi kwenu, ngakho angaba kanjani sezulwini? Anikakholelwa isikhathi eside kakhulu kuNkulunkulu, kodwa ninemibono eminingi Ngaye, ngezinga lokuthi nize nicabange ukuthi uNkulunkulu wama-Israyeli uyonibonisa “umusa” ekubeni khona Kwakhe. Anilokothi nizihluphe ngokucabanga ngendlela eningabona ngayo ubuntu bukaNkulunkulu, ngenxa yonya eninalo. Futhi anikaze nicabange ngendlela uNkulunkulu angehlela ngayo ezweni labeZizwe. Ufuna ukwehlela eNtabeni yaseSinayi noma eNtabeni Yeminqumo avele kuma-Israyeli. Ingabe abeZizwe (okusho ukuthi, abantu bangaphandle kwakwa-Israyeli) abazona izisulu zenzondo Yakhe? Angasebenza kanjani ngokoqobo phakathi kwabo? Konke lokhu imibono engene yajula enibe nayo iminyaka eminingi. Injongo yokuninqoba namuhla ukuqeda le mibono yenu. Nimbonile uNkulunkulu evela ngokoqobo phakathi kwenu—hhayi eNtabeni yaseSinayi noma eNtabeni Yeminqumo, kodwa phakathi kwabantu angakaze abahole phambilini. Ngemva kokuba uNkulunkulu enze izigaba ezimbili zomsebenzi Wakhe kwa-Israyeli, ama-Israyeli kanye nabo bonke abeZizwe bawubamba lo mbono: Nakuba kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto, uzimisele ukuba nguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, hhayi uNkulunkulu wabeZizwe. Ama-Israyeli akholelwa kulokhu okulandelayo: UNkulunkulu angaba nguNkulunkulu wethu kuphela, hhayi uNkulunkulu wabeZizwe, futhi ngenxa yokuthi animhloniphi uJehova, uJehova—uNkulunkulu wethu—uyanizonda. Lawo maJuda akukholelwa nakakhulu lokhu: INkosi uJesu yathatha isithombe sethu njengabantu futhi inguNkulunkulu onophawu lwabantu abangamaJuda. UNkulunkulu usebenza phakathi kwethu. Umfanekiso kaNkulunkulu nowethu kuyafana; umfanekiso wethu usondele kokaNkulunkulu. INkosi uJesu iyiNkosi yethu njengamaJuda; abeZizwe akufanele bamukele insindiso enkulu kanjalo. INkosi uJesu iwumnikelo wesono kithi maJuda. Kwakungenxa yalezi zigaba ezimbili zomsebenzi kuphela lapho ama-Israyeli kanye namaJuda bakha imibono eminingi kangaka. Bonke ngothi lwabo, bathi uNkulunkulu ungowabo, abakuvumi ukuthi uNkulunkulu uphinde abe oweZizwe. Ngale ndlela, uNkulunkulu akalutho ezinhliziyweni zabeZizwe. Lokhu kungenxa yokuthi bonke bakholelwa ukuthi uNkulunkulu akafuni ukuba nguNkulunkulu wabezizwe nokuthi uthanda ama-Israyeli kuphela—uyawathanda amaJuda, kodwa ikakhulukazi labo abamlandelayo. Ingabe anazi ukuthi umsebenzi owenziwa uJehova noJesu wawungowokuthi sonke isintu sisinde? Ingabe manje niyabona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wenu nonke eningaphandle kuka-Israyeli? Akukho yini uNkulunkulu lapha phakathi kwenu namuhla? Lokhu akunakuba yiphupho, akunjalo? Ingabe uyafuna ukubhekana nesimo esingokoqobo? Anilokothi nikukholelwe noma nicabange ngakho. Kungakhathaliseki ukuthi ukubona kanjani, ingabe uNkulunkulu akekho phakathi kwenu? Ingabe nisesaba ukukholelwa kula mazwi? Kusukela namhlanje, ingabe bonke ababona abantu abanqotshiwe nalabo abafuna ukuba abalandeli bakaNkulunkulu abantu abakhethile? Ingabe nonke nina eningabalandeli namuhla, nikhethwe kubantu abangaphandle kuka-Israyeli? Ingabe igama lenu alifani nelama-Israyeli? Ingabe akukhona konke lokhu okufanele nikuqaphele? Ingabe lona akuwona umgomo womsebenzi wokuninqoba? Njengoba ungambona uNkulunkulu, khona-ke uyoba nguNkulunkulu wakho kuze kube phakade kusukela ekuqaleni kuze kube sesikhathini esizayo. Ngeke akulaxaze, njengoba nonke nizimisele ukumlandela nokuba indalo Yakhe eqotho Kuye, nemlalelayo.

Kungakhathaleki ukuthi kuqine kangakanani namuhla ukuzimisela kwabo ukuthanda uNkulunkulu, umuntu ngokuvamile ulalele futhi walandela kwaze kwaba usuku lwanamuhla. Umuntu ngeke aphenduke ngokuphelele kuze kube sekugcineni, lapho lesi sigaba somsebenzi siphethwa khona. Lokho kungesikhathi lapho abantu bezobe sebenqotshwe ngempela. Kumanje basendleleni yokunqotshwa kuphela. Lapho umsebenzi uphethwa, bazonqotshwa ngokuphelele, kodwa hhayi manje! Ngisho noma wonke umuntu eqiniseka, lokho akusho ukuthi sebenqotshwe ngokuphelele. Lokhu kungenxa yokuthi okwamanje abantu babone kuphela amazwi kodwa hhayi izehlakalo ezingokoqobo, futhi basazizwa benokungaqiniseki kungathaleki ukuthi banokukholwa okujule kangakanani. Yingakho kungenxa yaleso sehlakalo sokugcina kuphela, lapho abantu bezonqotshwa khona ngokuphelele. Okwamanje laba bantu bayanqotshwa ngenxa yokuthi bezwa izimfihlakalo eziningi abangakaze bazizwe ngaphambilini. Kodwa ngaphakathi komunye ngamunye wabo, basafuna futhi balindele ezinye izehlakalo zangempela ezizobenza babone onke amazwi kaNkulunkulu eba ngokoqobo. Kungaleso sikhathi lapho bezoqiniseka khona ngokuphelele. Kungaleso sikhathi kuphela, ekugcineni, lapho bonke sebebone ukugcwaliseka kwangempela okungokoqobo, futhi lokhu kugcwaliseka sekubenze bazizwa beqiniseka, lapho bezoba nokuqonda ezinhliziyweni zabo, ezinkulumweni zabo, kanye nasemehlweni abo, futhi bazoqonda ngokuphelele ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Yilena imvelo yomuntu. Nidinga ukubona onke amazwi eba yiqiniso, nidinga ukubona ukwenzeka kwezehlakalo ezingokoqobo futhi nibone inhlekelele yehlela abantu abathile, bese kuba yilapho niba nokuqonda okuphelele ngaphakathi kwenu. NjengamaJuda, nibeka ukubaluleka okukhulu ekuboneni izibonakaliso nezimangaliso. Kodwa yilokhu ningaboni ukuthi kunezibonakaliso nezimangaliso nokuthi okungokoqobo okwenzekayo kufanele kuwavule kakhulu amehlo enu. Kungakhathaleki ukuthi ngothile owehla evela esibhakabhakeni, noma yinsika yefu ekhuluma kini, noma ukwenza Kwami ekukhipheni amadimoni komunye wenu, noma izwi Lami elizwakala njengokuduma phakathi kwenu, benifuna ngaso sonke isikhathi futhi nizofuna ngaso sonke isikhathi ukubona lolu hlobo lwesehlakalo. Umuntu angathi ekukholweni kuNkulunkulu, isifiso senu esikhulu kakhulu ukubona uNkulunkulu eza futhi anibonise mathupha isibonakaliso. Khona-ke nizokwaneliseka. Ukunqoba nina bantu, kufanele ukuba ngenze umsebenzi ofana nokudala umhlaba bese ngengeza isibonakaliso. Khona-ke, izinhliziyo zenu zizonqotshwa ngokuphelele.

Okwedlule: Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)

Okulandelayo: Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp