Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)

Nanivame ukufuna ukubusa njengamakhosi, kanti nanamhlanje anikakuyeki lokhu ngokuphelele; nisafisa ukubusa njengamakhosi, ukuphakamisa amazulu nisekele umhlaba. Manje, ake ucabange ngakho: Ingabe ninazo lezo zimfanelo? Ngabe anikhombisi yini ukungabi nangqondo? Ngabe lokhu enikufunayo nenichitha isikhathi ukukunaka, kuyinto ekhona? Aninabo ngisho ubuntu obujwayelekile—anidabukisi kodwa? Ngakho, namuhla ngikhuluma kuphela ngokunqotshwa, nokuthula ubufakazi, nokwenza ngcono izinga lakho, kanye nokungena endleleni yokupheleliswa, futhi asikhulumi ngokunye. Abanye abantu bakhathele iqiniso elingonakalisiwe, futhi uma bebona yonke le nkulumo ngobuntu obujwayelekile kanye nokuthuthukisa izinga la bantu, bahudula izinyawo. Labo abangalithandi iqiniso, akulula ukubaphelelisa. Inqobo nje uma ungena namhlanje, futhi wenze ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu, igxathu-ngegxathu, ungakhishelwa phandle yini? Emuva kokuba uNkulunkulu esenze umsebenzi omkhulu kangaka eShayina uqobo lwayo—umsebenzi omkhulu kakhulu ngezinga—futhi emuva kokuthi esekhulume amazwi amaningi, ngabe angashiya phansi phakathi nendawo? Angabaholela yini abantu kwalasha? Okusemqoka namhlanje ukuthi kufanele wazi ingqikithi yomuntu, futhi kufanele wazi ukuthi yini le okufanele ungene kuyo; kufanele ukhulume ngokungena ekuphileni, nezinguquko esimweni, ukuthi unganqotshwa kanjani ngokwempela, nokubeka ubufakazi bokugcina ngoNkulunkulu, kanye nokwazi ukulalela kuze kube sekufeni. Kufanele ugxile kulezi zinto, futhi lokho okungeyikho noma okungabalulekile kufanele kubekwe eceleni kuqala futhi kungazindlwa ngakho. Namhlanje, kufanele wazi ukuthi unganqotshwa kanjani, nokuthi abantu baziphatha kanjani ngemva kokuthi sebenqotshiwe. Ungasho yini ukuthi sewunqotshiwe, kodwa ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni? Kufanele ukwazi ukulandela kuze kube sekugcineni ngci, akukhathaleki noma akhona yini amathemba noma cha, futhi akufanele ulahlekelwe ukholo lwakho kuNkulunkulu noma ngabe isimo sinjani. Ekugcineni, kufanele ube nezingxenye ezimbili zobufakazi: ubufakazi bukaJobe—ukulalela kuze kube sekufeni—kanye nobufakazi bukaPetru—uthando olukhulu kakhulu ngoNkulunkulu. Ngenye ingxenye kufanele ube njengoJobe: Wayengenazimpahla eziphathekayo, futhi wayekhungethwe ubuhlungu enyameni, kepha akazange alifulathele igama likaJehova. UPetru wakwazi ukuthanda uNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni. Ngesikhathi eshona—ngesikhathi bembethela esiphambanweni—wayesamthanda uNkulunkulu: akazange acabange izithembiso zakhe noma amathemba aletha udumo noma imicabango ehlaphazekile, futhi wayefuna kuphela ukuthanda uNkulunkulu nokulalela wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Yilelo izinga okufanele ufike kulona ngaphambi kokuba uthathwe ngokuthi ubethulile ubufakazi, ngaphambi kokuba ube ngumuntu ophelelisiwe emva kokuba sewunqotshiwe. Namhlanje, uma abantu bebazi ngempela ubukhona nesikhundla sabo, ngabe bebengalokhu besafuna izithembiso namathemba namanje? Okufanele ukwazi yilokhu: Akukhathaleki noma uNkulunkulu uyangiphelelisa yini, kufanele ngilandele uNkulunkulu; yonke into ayenza manje yinhle, futhi yenzelwa mina, ukuze isimo sethu sishintshe futhi silahle ithonya likaSathane, ukuvuma ukuthi siphile ezweni lokungcola kepha silahle ukungabi msulwa, sithintithe ukungcola nethonya likaSathane, ukuze sikwazi ukushiya ithonya likaSathane. Impela, yilokhu okufuneka kuwena, kodwa kuNkulunkulu kumane kuwukunqoba nje, ukuze abantu bazimisele ukulalela, futhi bakwazi ukuthobela wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Ngale ndlela, izinto ziyofezeka. Namhlanje, abantu abaningi sebenqotshiwe kakade, kodwa ngaphakathi kubona kusekuningi ukuhlubuka nokungalaleli okukhona. Izinga la bantu langempela liselincane kakhulu, futhi bagcwala amandla uma kukhona amathemba nekusasa; uma engekho, baqala ukubuka izinto kabi, futhi bacabange ngisho ukumshiya uNkulunkulu. Kanti abantu abanasifiso esitheni sokufuna impilo yobuntu obujwayelekile. Lokho ngeke kulunge neze. Ngakho, ngisafanele sikhulume ngokunqotshwa. Empeleni, ukupheleliswa kwenzeka ngesikhathi esifanayo nokunqotshwa: Ngesikhathi unqotshwa, imithelela yokuqala yokupheleliswa iyabonakala. Lapho kukhona umahluko phakathi kokunqotshwa nokupheleliswa, kuba sezingeni lo shintsho kubantu. Ukunqotshwa isinyathelo sokuqala sokupheleliswa, futhi akusho ukuthi sebepheleliswe ngokuphelele, futhi akukhombisi ukuthi sebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Emuva kokuba abantu benqotshiwe, kunezinguquko esimweni sabo, kodwa lezo zinguquko azifiki nakancane kulezo ezikubantu asebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Namhlanje, okwenziwayo umsebenzi wokuqala ekwenzeni abantu ukuba bapheleliswe—ukubanqoba—futhi uma ungafinyelele ekubeni unqotshwe, ngeke ube nezindlela zokuba upheleliswe futhi uzuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Uyomane uthole amazwi ambalwa okujeziswa nokwahlulelwa, kodwa ngeke akwazi ukuguqula inhliziyo yakho ngokuphelele. Ngakho, uyoba omunye walabo abayolahlwa; ngeke kuhluke kunokubuka idili elinezi biliboco etafuleni kodwa ungadli. Akulona usizi olusabekayo lolo? Ngakho kufanele ufune ushintsho: Noma ngabe ukunqotshwa noma ukupheleliswa, kokubili kuncike ekutheni ngabe kukhona yini izinguquko kuwena, nokuthi uyalalela noma cha—kanti lokhu kulawula ukuthi ungazuzwa nguNkulunkulu noma cha. Yazi ukuthi “ukunqotshwa” kanye “nokupheleliswa” kuncike kuphela ezingeni lo shintsho nokulalela, kanye nokuthi lumsulwa kangakanani uthando lwakho ngoNkulunkulu. Okufunekayo namhlanje ukuthi ungapheleliswa ngokuphelele, kodwa ekuqaleni kufanele unqotshwe—kufanele ube nolwazi olwanele ngokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, kufanele ube nokholo ukuze ulandela, futhi ube ngumuntu ofuna ushintsho nokuthi kube khona imithelela. Yilapho kuphela uyoba khona ngumuntu ofuna ukupheleliswa. Kufanele uqonde ukuthi endleleni yokupheleliswa uzonqotshwa, futhi endleleni yokunqotshwa uyopheleliswa. Namhlanje, ungafuna ukupheleliswa noma ufune izinguquko kubuntu bakho bangaphandle kanye nobungcono ezingeni lakho, kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi uqonde ukuthi yonke into uNkulunkulu ayenzayo namhlanje inengqondo futhi iwusizo: Yenza ukuthi wena ozalwe ezweni lokungcola uphunyuke ekungcoleni futhi ukuthintithe, ikusiza ukuba unqobe ithonya likaSathane, uphinde ushiye kude ithonya elimnyama likaSathane—futhi ngokugxila kulezi zinto, uyavikeleka kulelizwe lokungcola. Ekugcineni, ibuphi ubufakazi oyocelwa ukuba ubethule? Uzalelwe ezweni lokungcola kodwa uyakwazi ukuba ngcwele, ungabe usanindwa ukungcola, uphila endaweni kaSathane kodwa uyahlukana nethonya likaSathane, futhi awuphathwa noma uhlukunyezwe nguSathane, futhi uphile ezandleni zikaSomandla. Lokhu ubufakazi, nobuqinisayo ngokunqoba empini noSathane. Uyakwazi ukufulathela uSathane, awusakhombisi izimo ezinobusathane kulokhu okuphilayo, kodwa kunalokho, uphila ngalokho uNkulunkulu ayefuna ukuba umuntu abe nakho ngesikhathi edala umuntu: ubuntu obujwayelekile, ukucabanga okujwayelekile, ukuqonda okujwayelekile, ukuzimisela okujwayelekile, kanye nokuthembeka kuNkulunkulu. Bunjalo ubufakazi obuthulwa odaliweyo kaNkulunkulu. Uthi, “Sizalwa ezweni lokungcola, kodwa ngenxa yokuvikelwa nguNkulunkulu, ngenxa yobuholi Bakhe, futhi ngenxa yokuthi Yena usinqobile, sikwazile ukulahla ithonya likaSathane. Ukuthi siyakwazi ukulalela namhlanje nakho kuwumthelela wokunqotshwa nguNkulunkulu, futhi akuve kungenxa yokuthi silungile, noma ngoba sasithanda uNkulunkulu ngokwemvelo. Yingoba uNkulunkulu wasikhetha, wasimisela phambilini, ukuthi sinqotshiwe namhlanje, siyakwazi ukufakazela Yena, futhi sikwazi ngisho ukumkhonza Yena; ngakho-ke yingoba usikhethile, futhi wasivikela, yingakho sisindisiwe futhi sakhululwa endaweni ephethwe nguSathane, futhi sikwazi ukushiya ngemuva ukungcola futhi senziwe msulwa ezweni likadrago omkhulu obomvu.” Ngaphezu kwalokho, lokho okuphilayo okubonakalayo kuzokhombisa ukuthi unobuntu obujwayelekile, kunomqondo lokho okushoyo, futhi uphila ngokufanayo nomuntu ojwayelekile. Uma abanye bekubona, akufanele wenze ukuthi bathi, “Akuwona yini lona umfanekiso kadrago omkhulu obomvu?” Ukuziphatha kukadadewethu akumfanele udadewethu, nokuziphatha komfowethu akumfanele umfowethu, futhi awunakho nhlobo ukuhlonipheka kwabangcwele. Khona-ke abantu bayothi, “Akumangazi ukuthi uNkulunkulu wathi bayinzalo kaMowabi, Wayeqinisile ngempela!” Uma abantu bekubuka bese bethi, “Nakuba uNkulunkulu wathi uyinzalo kaMowabi, lokho okuphilayo kufakazela ukuthi ulishiye ngemuva ithonya likaSathane; nakuba lezo zinto zisekhona ngaphakathi kuwe, uyakwazi ukuzifulathela, lokho kukhombisa ukuthi usunqotshiwe ngokuphelele,” nina eninqotshiwe futhi nasindiswa nizothi, “Kuyiqiniso ukuthi siyinzalo kaMowabi, kodwa sisindisiwe nguNkulunkulu, futhi nakuba inzalo kaMowabi yayikade ilahliwe futhi iqalekisiwe, futhi idingisiwe phakathi kwabeZizwe ngabantu bakwa-Israyeli, namhlanje uNkulunkulu usisindisile. Kuyiqiniso ukuthi singabantu abakhohlakele kunabo bonke—lokhu kwamiswa nguNkulunkulu, kuyiqiniso, futhi kungephikiswe yibo bonke. Kodwa namhlanje siphunyukile kulelo thonya. Siyamzonda ukhokho wethu, sizimisele ukumfulathela ukhokho wethu, ukumshiya ngokuphelele kanye nokulalela ngokuphelele amalungiselelo kaNkulunkulu, senze ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu futhi sifeza izidingo Zakhe kithi, siphinde sikwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu. UMowabi wakhaphela uNkulunkulu, akazange enze ngokwentando kaNkulunkulu, futhi wayezondwa nguNkulunkulu. Kodwa kufanele sikhombise ukunakekela inhliziyo kaNkunkulu, futhi namhlanje, njengoba sesiqonda intando kaNkulunkulu, asikwazi ukukhaphela uNkulunkulu, futhi kufanele silahle ukhokho wethu omdala!” Ngaphambilini sikhulume ngokulahla udrako omkhulu obomvu—futhi namhlanje, lokho ikakhulukazi kuwukulahlwa kokhokho wabantu omdala. Lobu obunye ubufakazi bokunqotshwa kwabantu, futhi akukhathaleki ukuthi ungena kanjani namhlanje, ubufakazi bakho kulokhu abufanele buntuleke.

Izinga la bantu liphansi kakhulu, baswele kakhulu ubuntu obujwayelekile, nokuphendula kwabo kuthatha kade kakhulu, kunwabuluka kakhulu, inkohlakalo kaSathane ibashiye bendikindiki futhi bebuthuntu ekhanda, futhi nakuba bengeke bakwazi ukushintsha ngokuphelele onyakeni owodwa noma emibili, kufanele babenokuzimisela ukubambisana. Kungashiwo ukuthi nalokhu kungubufakazi phambi kwaSathane. Ubufakazi banamhlanje bungumthelela ofezwe umsebenzi wamanje wokunqoba, kanye nesibonelo negugu kubalandeli bangesikhathi esizayo. Ngesikhathi esizayo, buyosabalala kuzo zonke izizwe; okwenziwa eShayina kuyosabalala kuzo zonke izizwe. Inzalo kaMowabi iyona ephansi ngezinga kunabo bonke abantu bomhlaba. Abanye abantu bayabuza ukuthi, inzalo kaHamu akuyona yini ephansi kunabo bonke? Inzalo kadrako omkhulu obomvu kanye nenzalo kaHamu kunokubaluleka okwehlukene ngokwalokho okukumele, futhi inzalo kaHamu ingolunye udaba: Akukhathaleki ukuthi iqalekiswe kanjani, iseyinzalo kaNowa; ukudabuka kukaMowabi, ngakolunye uhlangothi, kwakungekho msulwa: UMowabi wavela ekuphingeni, futhi umahluko uncike kulokhu. Nakuba, bobabili babeqalekisiwe, izikhundla zabo zabe zingafani, ngakho inzalo kaMowabi iphansi kunabo bonke abantu—futhi alikho iqiniso elikholisa ukudlula ukunqotshwa kwabantu abaphansi kunabo bonke. Umsebenzi wezinsuku zokugcina awuhambisani nayo yonke imithetho, futhi akukhathaleki noma uqalekisiwe noma ujezisiwe, inqobo nje uma usiza umsebenzi Wami, futhi uwusizo emsebenzini wokunqoba wanamuhla. Futhi akukhathalekile noma uyinzalo kaMowabi noma uyinzalo kadrako omkhulu obomvu, inqobo nje uma wenza umsebenzi walowo odalwe nguNkulunkulu kulesi sigaba somsebenzi, futhi wenza konke okusemandleni akho, umthelela ofanele uzofezeka. Uyinzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi uyinzalo kaMowabi; sekukonke, bonke abaphila enyameni bayizidalwa zikaNkulunkulu, futhi badalwa nguMdali. Ungodaliweyo kaNkulunkulu, akufanele ube nokuzikhethela, futhi lona ngumsebenzi wakho. Impela, namhlanje umsebenzi woMdali uqondiswe endaweni yonke. Akukhathaleki ukuthi uyinzalo kabani, Ngaphezu kwakho konke ungomunye wabadaliwe bakaNkulunkulu, wena—nzalo kaMowabi—niyingxenye yabadalwe nguNkulunkulu, ukuthi nje ninezinga eliphansi kakhulu. Njengoba, namhlanje, umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa phakathi kwabo bonke abadaliwe, futhi uqondiswe endaweni yonke, uMdali ukhululekile ukukhetha noma ibaphi abantu, izindaba, noma izinto ukuze kwenziwe umsebenzi Wakhe. Akukhathaliseki ukuthi wawuyinzalo kabani; inqobo nje uma ungomunye wabadaliwe Bakhe, futhi inqobo nje uma uwusizo emsebenzini Wakhe—umsebenzi wokunqoba kanye nokufakaza—uzokwenza umsebenzi Wakhe kuwe ngaphandle kokungabaza. Lokhu kuyahlakaza imibono yabantu yendabuko, engukuthi uNkulunkulu akasoze asebenza phakathi kwabeZizwe, ikakhulukazi labo abaqalekisiwe futhi abaphansi; ngoba labo abaqalekisiwe, izizukulwane zabo ezilandelayo nazo ziyoqalekiswa ungunaphakade, abasoze baba nethuba lokusindiswa; uNkulunkulu akasoze ehla futhi asebenze ezweni labeZizwe, futhi akasoze abeka unyawo ezweni elinokungcola ngoba Yena ungcwele. Yonke le mibono iphihlizwe umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Yazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abadaliwe, ubusa phezu kwamazulu nomhlaba nazo zonke izinto, futhi akayena uNkulunkulu wabantu bakwa-Israyeli kuphela. Ngakho, lo msebenzi usemqoka kakhulu eShayina, futhi angeke yini usabalele ezizweni zonke? Ubufakazi obukhulu bangesikhathi esizayo ngeke bugcine eShayina; uma uNkulunkulu ubenqobe wena kuphela, amadimoni abengakholiseka? Abakuqondi ukunqotshwa, noma amandla amakhulu kaNkulunkulu, futhi uma bonke abadaliwe sebenqotshiwe ilapho kuphela abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu beyobona imithelela yasekugcineni yalo msebenzi. Abekho abasemuva noma abakhohlakele njengenzalo kaMowabi. Uma nje laba bantu benganqotshwa—bona abakhohlakele kunabo bonke, abangazange bamvume uNkulunkulu noma bakholwe ukuthi uNkulunkulu ukhona, uma sebenqotshiwe, futhi bavuma uNkulunkulu ngemilomo yabo, baMdumisa, futhi bakwazi ukumthanda—ilapho lokhu kuyoba ubufakazi bokunqotshwa. Nakuba ungeyena uPetru, uphila njengoPetru, uyakwazi ukuba nobufakazi bukaPetru, kanye nobukaJobe, futhi lobu ubufakazi obukhulu kakhulu. Ekugcineni uzothi: “Asiwona ama-Israyeli, kodwa inzalo elahliwe kaMowabi, asiyena uPetru, izinga lakhe esingakwazi ukufinyelela kulona, noma uJobe, futhi asikwazi ngisho ukuziqhathanisa nokuzimisela kukaPawulu ukuhluphekela uNkulunkulu nokuzinikela kwakhe kuNkulunkulu, futhi sisemuva kakhulu, ngakho asifanelekile ukujabulela izibusiso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu usiphakamisile kuze kube inamhlanje, ngakho kufanele senelise uNkulunkulu, futhi nakuba izinga noma izimfanelo zethu zingenele, sizimisele ukwenelisa uNkulunkulu—sinakho lokhu kuzimisela. Siyinzalo kaMowabi, futhi siqalekisiwe. Lokhu kwamiswa nguNkulunkulu, futhi asikwazi ukukushintsha, futhi sizimisele ukwenelisa uNkulunkulu.” Uma usunalokhu kuzimisela, kuyobonisa ukuthi usufakazile ukuthi usunqotshiwe.

Okwedlule: Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo

Okulandelayo: Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp