Isahluko 43

Mhlawumbe kungenxa yemithetho yokuphatha Kwami ukuthi abantu “bawathandile” amazwi Ami. Ukuba abengabuswa yizinqumo Zami zokuphatha, wonke abezoba ngukukliwula okufana nokwezingwe eziqeda kuphazanyiswa. Nsuku zonke ngizulazula phezu kwamafu, ngibuka isintu esemboze umhlaba siphithizela, sibekelwe imikhawulo Yimi ngezinqumo Zami zokuphatha. Ngale ndlela isintu sigcineka sisesimeni esihlelekile, ngakho ngiqhuba izinqumo Zami zokuphatha. Kusukela kulesi sikhathi kuya phambili, labo abasemhlabeni bemukela zonke izindlela zokusolwa ngokwezinqumo Zami zokuphatha, nalapho lokhu kusola kwehliselwa kubo sonke isintu siyamemeza sibalekele kuwo wonke amacala. Kulesi sikhathi, izizwe zomhlaba ziyashabalala masinya, imingcele phakathi kwezizwe nezizwe iyaphela, indawo kayehlukaniswa nenye indawo, akusekho lutho olwehlukanisa umuntu kumuntu. Ngiqala ukwenza “umsebenzi ngemibono” phakathi kwesintu, ukuze abantu bakwazi ukuhlalisana ngokuthula omunye nomunye, bengasalwi, futhi, ngengoba ngakha amabhuloho ngisungula ukuxhumana phakathi kwesintu, abantu bayabumbana. Ngizogcwalisa iphezulu lezulu ngokufinyelela komsebenzi Wami, ukuze konke emhlabeni kuwe ngaphansi kwamandla ami, kwethula isu Lami “lokubumbana komhlaba” futhi kuphumelelisa lesi sifiso Sami esisodwa, nokuthi ngalokho isintu singabe sisaba nakho “ukuzulazula” ebusweni bomhlaba kodwa sithole indawo yokuphelela ngaphandle kokuchitha isikhathi. Ngicabangela isintu ngazo zonke izindlela, ngenza ukuba sonke isintu masinyane sihlale ezweni lokuthula nenjabulo, ukuze izinsuku zokuphila kwaso zingabe zisaba nokudabuka kanye nosizi, ukuze ngalokho futhi isu Lami lingafinyeleli ekungabini yilutho emhlabeni. Ngenxa yokuthi umuntu ukhona lapho, ngizokwakha isizwe emhlabeni, ngokuba ingxenye yokuvela kwenkazimulo Yami ifikile emhlabeni. Ezulwini phezulu, ngizobeka amadolobha Ami esimeni esilungile futhi ngenze konke kube kusha phezulu naphansi. Ngizohlanganisa konke okukhona phezulu nangaphansi kwezulu kube kunye, ukuze zonke izinto ezisemhlabeni zibumbane nazo zonke ezisezulwini. Lolu wuhlelo lwami, yilokho engizokufeza ngenkathi yokugcina—makungabi khona ogxambukela kule ngxenye yomsebenzi wami! Ukwedluliselwa komsebenzi Wami kwabeZizwe yingxenye yokugcina yomsebenzi Wami emhlabeni. Akekho okwazi ukuqonda umsebenzi engizowenza, ngakho abantu badidekile ngokupheleleyo. Futhi ngoba ngimatasatasa ngomsebenzi Wami emhlabeni, abantu bathatha ithuba “balibale ukudlala.” Ukubenza bangadlebeleki kakhulu ngibafake ngaphansi kokusola Kwami ukuze babekezelele ukuyalwa ngechibi lomlilo. Lesi yisinyathelo esisodwa emsebenzini wami, futhi ngizosebenzisa amandla echibi lomlilo ukufeza lo msebenzi Wami, ngaphandle kwalokho bekungezukwenzeka ukuqhuba umsebenzi wami. Ngizokwenza abantu emkhathini wonke ukuba bazithobe phambi kwesihlalo sobukhosi, ngibehlukanisa ngezigaba ezehlukene ngokokwahlulela kwami, ngibahlela ngalezi zigaba, bese ngibahlunga ngemindeni yabo, ukuze isintu sonke siyeke ukungangilaleli, singene, esikhundleni salokho, ohlelweni olunobunono futhi olumiswe kahle ngokwezigaba esengizishilo—akungabikho ozulazula noma kanjani! Kuwo wonke umkhathi, ngilungisile umsebenzi omusha; kuwo wonke umkhathi, sonke isintu sethukile savaleka umlomo ngokuvela Kwami kungazelelwe, izimpelamehlo zabo zaqhuma ngendlela engakaze izwakale ngenxa yokuvela Kwami ngokuvulekile. Inamuhla ngabe kalifani ncimishi nalokhu?

Sengilithathile igxathu lokuqala ngayiqala ingxenye yomsebenzi Wami kuzo zonke izizwe kanye nakubo bonke abantu. Ngeke ngiliphazamise isu Lami ukuze ngiliqale kabusha: Uhlelo lomsebenzi kwabeZizwe selwenziwe ngokwezindlela zomsebenzi Wami ezulwini. Ngenkathi sonke isintu siphakamisa amehlo aso ukubona zonke izimpawu kanye nezenzo Zami, yilapho-ke lapho ngizokwehlisela umlalamvubu emhlabeni. Amehlo abantu enqundeke masinyane, abakwazi ukubona noma yiliphi icala, njengezimvu emfucuzeni yogwadule, futhi, ngenkathi umoya uqala ukuhhewula, ukukhala kwabo kwagutshuzelwa ukuhhewula komoya. phakathi amagagasi omoya, izimo zabantu zibonakala kaluvindi, kepha akukho lizwi lomuntu elizwakalayo—nakuba abantu bememeza ngamazwi aphakeme, umzamo kawusizi ngalutho. Kulesi sikhathi, isintu siyalila sikhala kakhulu, sethemba ukuba umsindisi uzokwehla ngokushesha esibhakabhakeni ukubahola abakhiphe ogwadule olungenamkhawulo. Kodwa, noma ngabe kukhulu kangakanani ukukholwa kwabo, umsindisi yilokhu enganyakaziseki, bese amathemba omuntu eshabalala: Umlilo wokukholwa obewokhelwe ucishwa yisivunguvungu sogwadule, futhi umuntu ulele phansi endaweni engenalutho nengakhiwe muntu, engaseyuphinde aphakamise isihlonti esivuthayo, ewela ngokungenamizwa ekuqulekeni okude…. Ngithatha ithuba, ngenza isiphethu sasehlane ukuba sivele phambi kwamehlo omuntu. Kodwa, noma inhliziyo yakhe ingajabula ngokwedlulele, umzimba womuntu untekenteke kakhulu ukuthi unyakaze, ulele uthambe ngokwedlulele; nakuba ebona izithelo ezinhle zimile esiphethwini, weswele amandla okuzikha, ngenxa yokuthi “imithombo yangaphakathi” kumuntu ishabalalisiwe yonke kwaze kwangasala lutho kuyo. Ngithatha izinto azidingayo umuntu ngimnike zona, kodwa kuphela akwenzayo ukumamatheka nje kafushane, ubuso bakhe bungenanjabulo nakancane: Wonke amanenjana amandla akhe anyamalele angashiya mkhondo, aphelela emoyeni ohambayo. Ngalesi sizathu, ubuso bomuntu abukhombisi lutho, kuphela kunomsebe owodwa wothando okhanya emehlweni akhe agcwele igazi, kunomusa othambile njengokamama ebuka ingane yakhe. Isikhathi nesikhathi, izindebe zomuntu ezomile, eziklayekile zenza umnyakazo onempilo, kungathi uzokhuluma kodwa kwesweleke amandla okwenza kanjalo. Ngipha umuntu amanzi, kodwa akwenzayo kuphela ukunikina ikhanda. Kulezi zenzo eziguquguqukayo nezingabikezeleki, ngifunda ukuthi umuntu uselahlekelwe yilo lonke ithemba kuye, futhi ungibheka nje kuphela ngamehlo agcwele ukucela, kungathi ucela okuthile. Kodwa, ngokungazi amasiko nenqubo yesintu, ngiyadideka ngobuso bomuntu kanye nezenzo zakhe. Kukulesi sikhathi kuphela lapho ngithola masinyane ukuthi izinsuku zokuphila komuntu zincipha ngejubane, bese ngimbheka ngeso elinozwelo. Futhi kukulo mzuzu kuphela futhi lapho umuntu eveza khona ukumamatheka kwenjabulo, enqekuzisa ikhanda ebhekise kimi, kungathi usethole konke akufisayo. Isintu kasisadabukile; emhlabeni, abantu kabasakhonondi ngempilo engenalutho, bese beyeka ukubhekana “nempilo.” Kusukela lapho, akuseyukuba khona ukububula emhlabeni, futhi izinsuku ezizophilwa yisintu zizogcwaliswa ngenjabulo…

Ngizomisa kahle izindaba zomuntu ngaphambi kokwenza umsebenzi wami, singaze isintu sitholakale sigxambukela emsebenzini wami. Izindaba zomuntu kaziyona indikimba ehamba phambili Kimi, izindaba zesintu kazibalulekile neze. Ngenxa yokuthi umuntu mncane kakhulu ngokomoya—kuyabonakala ukuthi isintu kasizimisele ukukhombisa umusa ngisho nasentuthaneni, kungenjalo izintuthane ziyizitha zomuntu—kuhlala kunesixakaxaka esenzekayo phakathi kwabantu. Ekulaleleni isixakaxaka esenziwa ngumuntu, ngiyasuka-ke ngiyeke ukunaka izindaba zabo. Emehlweni omuntu, “ngiyikomidi lendawo,” elibhekene nokusombululwa “kwezingxabano zemindeni” phakathi “kwezakhamuzi.” Ngenkathi abantu beza phambi Kwami, nakanjani baletha izizathu zabo uqobo ezahlukahlukene bese, ngomdlandla owedlulele, bexoxa “ngezigameko zabo ezingejwayelekile”, bebeka imibono yabo ngenkathi belanda. Ngibuka ukuziphatha kwesintu okungejwayelekile: Ubuso baso bembozwe wuthuli—uthuli, ngaphansi “kokuniselwa” wumjuluko, olulahlekelwa “ukuzimela” kwalo ngenkathi lwenza ingxube nomjuluko, ukuze ubuso babantu “buthuthukiswe,” kakhudlwana, njengesihlabathi ebhishi eduze kolwandle, lapho imibhalo yezinyawo ibonakala khona isikhathi ezimbalwa. Izinwele zabo zifana nezipoki zabafileyo, zingenakho ukukhazimula, zimi zithe mpo njengezinqamu zezinti nxa zinanyathiselwe embulungeni. Ngokuthi ulaka lwabo lushisa kakhulu, ngangoba sebeziphehle baze baba nentukuthelo ephezulu, ubuso bukhipha “isisi” njengokuphuphuma komjuluko. Uma ngimcwaningela eduze, ngibona ukuthi ubuso bomuntu bembozwe “ngamalangabi” njengelanga elibalele kakhulu, okuyisizathu esenza kube namafu egesi eshisayo avela kulo, futhi ngikhathazeka kakhulu ngokuthi ulaka lwakhe lungabushisa ubuso bakhe, nakuba yena ngokwakhe enganakile. Kulesi sikhathi, nginxenxa umuntu ukuba alwehlise kancane ulaka, ngokuba buhle buni obungenziwa yilokhu? Kungani enje? Ngokuba enolaka, izinsalela zezinti “ezisembulungeni” zishiswe ngokoqobo ngamalangabi elanga; ezimeni ezinjena, ngisho “inyanga” iyaphenduka ibe bomvu. Ngiyamnxenxa umuntu ukuba ehlise ulaka—kubalulekile ukuvikela impilo yakhe. Kodwa umuntu akasilaleli iseluleko Sami; kunalokho, ulokhu “efaka izikhalo” kimi—kusiza ngani lokhu? Ngempela, akukhona ukuthi inala Yami ayenele ukuba ithokozelwe yisintu? Noma ngukuthi uyakwenqaba engimnika khona? Ekufikeni kolaka kungazelelwe, ngigumbukuqela itafula, okwenza umuntu angabe esalinga ukuxoxa ezinye izigemegeme ezimnandi ezivela endabeni yakhe futhi, esaba ukuthi ngingamholela “egumbini lababoshwayo” ukuba apholise izithende zakhe izinsuku ezimbalwa, uthatha ithuba aliphiwa ukuthukuthela Kwami anyenye ahambe. Kungenjalo, umuntu ubengeke azimisele ukuphumuza izinto, kodwa ubezoqhubeka nokuqhulula inkulumo yakhe engapheli—ngiyacikeka ukuzwa umsindo wakho nje lokho. Kungani umuntu eba yindida kangaka enhliziyweni yakhe? Ngabe ngukuthi ngifake “izingxenye” eziningi kakhulu ekumakheni Kwami? Kungani ebukisa njalo phambi Kwami? Ngokuqinisileyo akukhona yini ukuthi “ngingumeluleki” ngezisombululo “zezingxabano zemiphakathi”? Ngimcelile yini umuntu ukuthi eze Kimi? Ngokuqinisileyo angiyona imantshi yesigodi? Kungani izindaba zabantu zilokhu zibikwa Kimi? Ithemba Lami ngelokuthi umuntu uzokubona kufanele ukuthi engamele ubuyena angangiphazamisi, ngoba nginomsebenzi omningi wokwenziwa.

UNhlaba 18, 1992

Okwedlule: Isahluko 42

Okulandelayo: Isahluko 44

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp