Isahluko 44

Abantu baphatha umsebenzi Wami njengento esizayo nje, abadlulwa ukudla noma ukulala ngenxa yawo, ngalokho futhi anginakho okunye engingakukhetha ngaphandle kokwenza izimfuno ezimfanele umuntu ngesimo sengqondo sakhe Ngami. Ngikhumbula ukuthi ngake kanye ngamnika umuntu umusa omkhulu nezibusiso eziningi, kodwa emva kokuzihlwitha lezi zinto wasuka masinyane wahamba. Kwaba sengathi ngimnika zona ngingaqaphile. Ngakho, umuntu ukwazile ukungithanda egajwe nayimibono yakhe. Ngifuna umuntu ukuthi angithande ngokweqiniso, kodwa namuhla, abantu bantukuntuku nje, abakwazi ukunginika uthando lweqiniso. Ekucabangeni kwabo, bakholwa ukuthi uma benginika uthando lwabo lweqiniso, abazusala nalutho. Uma ngiphika, imizimba yabo iyaqhaqhazela yonke—noma kunjalo bayaqhubeka nokungathandi ukunginika uthando lweqiniso. Kuba sengathi kukhona abakulindele, balokhu ngalokho bebheke phambili, bengangitsheli nakanye ukuthi kwenzekani. Kuba sengathi kukhona okunanyathiselwe emilonyeni yabo, ngakho ukukhuluma kwabo kuhlala kumanqikanqika. Kumuntu, ngendlela okubukeka ngayo, ngiphenduke ngaba ngumthandizimali ongenamusa. Abantu njalo bayangesaba: Uma bengibona, banyamalala masinya bangabe besalandeleleka, bethukile ngengizobabuza khona ngezimo zabo. Angisazi isizathu sokuthi kungani abantu benalo uthando oluqotho “lwabantu abahlala nabo,” kodwa bengakwazi ukuthanda Mina, ngibe ngiqondile ngokomoya. Ngenxa yalokhu ngiyabubula: Kungani abantu bevame ukudedela uthando lwabo lubheke emhlabeni wabantu? Kungani ngingakwazi ukunambitha uthando lomuntu? Ngabe kungoba angiyena omunye wabantu? Abantu njalo bangiphatha njengononya osezintabeni. Kuba sengathi anginakho lokho okwakha umuntu abe ngojwayelekile, ngakho phambi Kwami abantu njalo bazenza abaziphatha kahle. Njalo bayangidonsa phambi kwabo ukuba bangiyale, bengitshela sengathi ngingumntwana osenobudala basenkulisa; ngoba, ezingqondweni zabantu, ngingongahlakaniphile futhi ongafundile, njalo badlala indawo kathisha phambi Kwami. Angibasoli abantu ngokwehluleka, kodwa ngibanika usizo olufanele, ngibavumela ukuthi baluthole “usizo lwezomnotho” njalo-njalo. Ngokuthi umuntu usehlale njalo enezinhlekelele futhi ukuthola kunzima ukuphunyula kuzo, kanti ephakathi kwale nhlekelele uye wangibiza njalo, ngesikhathi esiyiso ngimsiza “ngokumlethela okusanhlamvu” esandleni sakhe, ngivumela bonke abantu ukuba bahlale emndenini omkhulu wenkathi entsha, futhi bezwe imfudumalo yomndeni omkhulu. Uma ngibheka umsebenzi okumuntu, ngithola amaphutha amaningi omuntu, bese kuthi ngaleso sizathu nginike umuntu usizo. Ngisho nangale nkathi, kusenenhlupheko engandile kumuntu, futhi ngalokho ngehlisile ukunakekela okufanelekile “ezindaweni eziphuyile,” ngibasusa kubo ubuphofu. Lokhu yindlela engisebenza ngayo, ngivumela bonke abantu ukuba bajabulele umusa Wami ngendlela enkulu ngokubalingene.

Abantu emhlabeni bathola ukusolwa benganakile, ngakho ngivula futhi isandla Sami esikhulu ngibadonsele eceleni Kwami, ngibavumela ukuba babe nenhlanhla enhle yokujabulela umusa Wami emhlabeni. Emhlabeni, yini engenalutho futhi engenabugugu? Ngihamba kuzo zonke izindawo emhlabeni womuntu, kuthi nakuba kunezakhiwo eziningi ezidumile kanye nezindawo zemvelo ezijabulisayo, yonke indawo lapho ngiya khona izindawo zamukiwe amandla kudala. Kuba yingaleso sikhathi kuphela lapho ngizwa khona ukungabi mnandi kanye nokungathokozisi komhlaba: Phezu komhlaba, impilo yahamba kudala, kukhona kuphela iphunga lokufa, ngalokho ngimbizile njalo umuntu ukuba aphuthume asuke kuleli zwe lenhlupheko. Engikubonayo kuphela yiphunga lokungabikho kwalutho. Ngibe sengithatha ithuba lokunika labo engibakhethileyo impilo esesandleni sami; ngokuphazima kweso, kuba nebadlana lobuluhlaza ezweni. Abantu bazimisele ukujabulela izinto ezinamandla emhlabeni, kodwa angitholi njabulo kulokhu; abantu njalo bajabulela izinto emhlabeni, bese bengakuboni ukungabi nalutho kwazo, ngendlela yokuthi, ekufikeni kuleli phuzu namuhla, kanjalo abaqondi isizathu sokungabikho kwempilo emhlabeni. Namuhla, uma ngihamba phakathi emkhathini, abantu bayakwazi ukujabulela umusa wendawo engikuyo, bese bethatha lokhu njengemali, bengaphokopheleli umthombo wempilo. Bonke basebenzisa engibanika khona njengemali, nokho akukho noyedwa kubo ozama ukwenza umsebenzi wokuqala wokuba namandla. Abazi ukuthi isetshenziswa noma ithuthukiswe kanjani imithombo yemvelo, futhi ngalokho basala bengondingasithebeni. Ngihlala phakathi komuntu, ngiphila phakathi komuntu, nokho namuhla umuntu akakangazi. Nakuba abantu bengiphile usizo oluningi ngesizathu sokuba ngikude nekhaya, kuba sengathi kusafanele ngisungule ubuhlobo obufanelekile nomuntu, ngalokho ngisakuzwa ukungabibikho kobulungiswa ngomhlaba womuntu; emehlweni Ami, umuntu, vele, akanalutho, futhi akukho mcebo onanoma yiliphi igugu phakathi komuntu. Angazi ukuthi abantu bayibona kanjani impilo yomuntu, kodwa ngamafushane, ngokwami ayehlukaniseki negama elithi “ayinalutho.” Ngethemba ukuthi abacabangi kabi Ngami ngenxa yalokhu, yindlela engiyiyo, ngiqondile nje, angizami ukuba nomusa. Nokho, ngiyabeluleka abantu ukuba banake engikucabangayo, ngokuba amazwi Ami, vele, anosizo kubo. Angazi ukuthi abantu banakuqonda kuni ngelithi “akunalutho.” Ithemba Lami lisekuthini bachithe amandla amancane kulo msebenzi. Kuzoba kuhle ukuthi empeleni bezwe impilo yempela yomuntu, futhi babone ukuthi bangathola yini noma yimaphi “amaminerali” ayigugu kuyo. Angizami ukuthambisa ukuba nombono okahle kwabantu, ngifuna nje kuphela ukuba bazuze ulwazi lwamazwi Ami. Ngiphuthuma izinto njalo ngenzela izindaba zabantu, kodwa noma sengifike luleli zinga namuhla, abantu abakaze bakhiphe izwi lokubonga, kungathi bamatasatasa kakhulu, futhi sebekukhohliwe lokhu. Ngisho nanamuhla, angikakaqondi ukuthi kunamphumela muni ukuphuthuma le nale komuntu usuku lonke. Kuze kube namuhla kanginayo indawo ezinhliziyweni zabantu, ngakho ngiyaphinda ngicabanga ngokujulile. Sengiqalile ukuhlelela umsebenzi wokucwaninga ukuthi “kungani abantu bengenayo inhliziyo engithanda ngokweqiniso”: Ngizophakamisa umuntu ngimbeke “etafuleni lokusihlinzwa,” ngizomehlukanisa inhliziyo, ngibuke ukuthi yini evimbe indlela enhliziyweni yakhe futhi emisa ukuthi angithande ngeqiniso. Emiphumeleni “yommese” abantu bavala amehlo kakhulu, belinde ukuba ngiqale, ngokuba kulesi sikhathi, bavumile ngokupheleleyo; ezinhliziyweni zabo ngithola okuningi okunye ukonakaliswa. Ezinhliziyweni zabo, okukhulu kulokhu yizinto zabantu uqobo. Nakuba zingaba khona izinto ezimbalwa abanazo ngaphandle kwemizimba yabo, lezo ezingaphakathi emizimbeni yabo ziningi ngokungenakubalwa. Kuba sengathi inhliziyo yomuntu iyibhokisi lokugcina izinto elikhulu, ligcwele umnotho, konke angakudinga noma nini umuntu. Kungaleso sikhathi lapho ngiqonda khona ukuthi kungani abantu benganginaki nakanye; Kungoba bazinake bona kakhulu—yini abangadinga usizo Lwami ngayo? Ngakho ngiyasuka kumuntu, ngokuba abantu abanaso isidingo sosizo Lwami; kungani kufanele “ngenze ngokungenamahloni” futhi ngibenze bangizonde?

Ngubani owaziyo ukuthi kungani, nokho njalo ngizimisele ukukhuluma phakathi komuntu—kungathi angikwazi ukuzisiza Ngokwami. Ngaleyo ndlela, abantu babukela Kimi babe njengabangenalusizo lwalutho, njalo bangithatha njengento engenanzuzo, abangithathi njengento okumele ihlonishwe. Abangijabuleli, futhi bangidonsela ekhaya noma ngasiphi isikhathi bese bengijikijela ngaphandle, “bengenza-ze” esidlangalaleni. Ngenyanya kakhulu indlela umuntu aziphatha ngayo eyihlazo, ngakho futhi ngisho ngokucacile ukuthi umuntu akanaye unembeza. Kodwa abantu banenkani, bathatha “izinsabula nemikhonto” babe sempini Nami, besho ukuthi amazwi Ami kawahlangani nezimo zangempela, besho ukuthi ngiyabalimaza—kodwa kangehlisi ukuziphindiselela kubo ngesizathu sokuziphatha kwabo okunodlame. Ngimane ngisebenzise amaqiniso ukubanqoba, ukubenza bezwe besehlazweni bona uqobo, emva kwalokho bahlehla buthule. Angincintisani nomuntu, ngokuthi akukho nzuzo kulokho. Ngizozibophelela emsebenzini wami, futhi ngethemba ukuthi umuntu angazibophelela emsebenzini wakhe, angenzi izinto ezimelene Nami. Ngeke yini kube kuhle ukuhambisana kangcono nangokuthula kanje? Kungani kulinyazwa ubuhlobo bethu? Besihambisana yonke le minyaka—kunasidingo sini ukuba kube nochuku kithina sobabili? Ngeke yini lokho kungabi nanzuzo esithunzini somunye nomunye kithina? Kithina “kunobuhlobo obudala” kanye “nokwazana okudala”—kunasidingo sini ukwahlukana okungemnandi ngale ndlela? Ikhona inzuzo kulokhu? Ngethemba ukuthi abantu bayawubona umphumela, ukuthi bayazi ukuthi yini enhle kubo. Isimo Sami sengqondo ngomuntu sanele ukuthi kuxoxwe ngaso impilo yonke yomuntu—kungani abantu behluleka ukubona umusa Wami? Ngabe kungoba abanawo amandla okuphawula? Abanayo inqolobane eyanele yamagama? Kungani belahlekelwa ngamazwi njalo? Ngubani ongazi ukuthi ngiziphatha kanjani Mina? Abantu baqonda kahle izinto engizenzayo. Ukuthi njalo baqinela abanye, ngakho abakaze babe nentshisekelo yokubeka eceleni izinto ezithandwa yibo; uma izwi elilodwa lithinta lokho okuthandwa yibo, bayenqaba ukuvuma baze baphumelele—kusizani lokho? Esikhundleni sokuqhudelana ngokuthi kungakanani abanganikela ngakho, abantu baqhudelana ngokuthi kungakanani abazokuzuza. Nakuba kungekho njabulo ngezikhundla zabo, bakujabulela kakhulu, baze bakuthathe njengegugu elikhulu—ngakho bakhetha ukubekezelela ukusola Kwami kunokuthi bangadedela izibusiso zezikhundla. Abantu futhi bazicabangela njengabaphakeme, ngakho abanayo nakanye intshisekelo yokuzibeka eceleni. Mhlawumbe kukhona okuthile ukuncane okungashaya emhlolweni ocwaningweni Lwami lomuntu, noma mhlawumbe ngimbeke ngendlela engenasihluku futhi engenaluzwelo, kodwa, ngamafushane, ithemba Lami lisekuthini sengathi abantu bangakuthatha njengesexwayiso lokhu.

uNhlaba 21, 1992

Okwedlule: Isahluko 43

Okulandelayo: Isahluko 45

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp