Isahluko 69

Lapho intando Yami iya phambili, noma ngubani olokotha amelane nayo futhi noma ngubani olokotha ahlulele noma angabaze, ngiyomxosha ngokushesha. Namuhla, noma ngubani ongenzi ngokwentando Yami, noma lowo obona intando Yami ngokungeyikho, kufanele alahlwe futhi asuswe embusweni Wami. Embusweni Wami akekho omunye—bonke bangamadodana Ami, labo engibathandayo futhi abangicabangelayo. Ngaphezu kwalokho, bayilabo abenza ngokuhambisana nezwi Lami futhi abakwazi ukubusa ngamandla egameni Lami ukuze bahlulele zonke izizwe nabo bonke abantu. Ngaphezu kwalokho, bayiqembu lamadodana angamazibulo, angenacala futhi agcwele impilo; aqondile navulekile; athembekile futhi ahlakaniphile. Intando Yami yanelisiwe ngani, futhi lokho engifisa ukukwenza kugcwaliseka kini, akunamaphutha, kuvuleke futhi kwambulwa ngokuphelele. Labo abanezinhloso nezinjongo ezimbi—sengiqalile ukubalahla, futhi ngizobenza bawe ngamunye. Ngizobabhubhisa ngamunye kuze kufike eqophelweni lapho bengakwazi khona ukusinda—futhi konke lokhu kubhekise emimoyeni yabo, emiphefumulweni yabo, nasemizimbeni yabo.

Qonda ukuthi lokho okwenziwa yisandla Sami—ukondla abampofu, ukunakekela nokuvikela labo abangithandayo, ukusindisa abangazi nabanentshisekelo abangaphazamisi ukuphatha Kwami, ukujezisa labo abamelana Nami nalabo abangabambisani Nami ngenkuthalo—zonke lezi zinto ziyoqinisekiswa ngayinye ngokuhambisana nengikushilo. Ngabe ungumuntu ongithanda ngempela? Ngabe ungumuntu ozikhandla ngokwethembeka ngenxa Yami? Ngabe ungumuntu olalela izwi Lami bese enza ngokufanele? Ngabe ungumuntu ophikisana Nami, noma uhambisana Nami? Ngabe umqondo wakho uyacacelwa ngalezi zinto? Ungaziphendula lezi zinto engizishilo ngayinye? Uma ungeke ukwazi, ungumuntu ofuna ngomdlandla, kodwa ongayiqondi intando Yami. Lolu hlobo lomuntu luyokuphazamisa kalula kakhulu ukuphatha Kwami futhi luyibone ngokungeyikho intando Yami. Uma umuntu onjalo eba nenhloso engalungile okwesikhashana, uyongena ekuxoshweni nasekubhujisweni Yimi.

Kimi kukhona izimfihlakalo ezingapheli, ezingaqondakali. Ngizozambula kubantu ngayinye ngokohlelo Lwami. Okungukuthi, ngizozambula emadodaneni Ami angamazibulo. Kulabo abangakholwa futhi abamelana Nami, ngiyobavumela nje baqhubeke nokwenzekayo, kodwa ekugcineni kufanele ngibenze baqonde ukuthi ngiwukwahlulela okunobukhosi. Abangakholwa banamuhla bazi kuphela okwenzeka phambi kwamehlo abo, kodwa abayazi intando Yami. Amadodana Ami kuphela, lawo engiwathandayo, azi futhi aqonda intando Yami. Emadodaneni Ami, ngambulwa ngokuphelele, kodwa kuSathane ngiwukwahlulela okunobukhosi, okungafihliwe neze. Namuhla ngamadodana Ami angamazibulo kuphela afanelwe ukwazi intando Yami—akekho omunye ofanalekile, futhi lokhu kuyinto engayilungiselela ngaphambi kokudalwa. Ukuthi ngubani obusiswayo nalowo ohlushwayo konke kwalungiselelwa Yimi ngokufanele ngaphambili, ngangicacelwe ngalokhu, futhi namuhla sekuvele kubonakele ngokugcwele: Labo ababusisiwe baqalile ukuthokozela izibusiso zabo, kanti labo abahlushwayo nabo sebeqalile ukwehlelwa yinhlekelele. Labo abangafuni ukwehlelwa ukuhlushwa noma kunjalo bayohlupheka ngoba lokhu kuyinto emiselwe futhi lokhu kuyinto izandla Zami zezinqumo zokuphatha eziyilngiselele. Empeleni luhlobo luni lomuntu obusisiwe futhi luhlobo luni lomuntu ohlushwayo? Sengivele ngizembulile lezi zinto; lokhu akuyona imfihlakalo kini, kodwa kunalokho kungaphandle obala: Labo abangamukelayo kodwa abanezinhloso ezingalungile; labo abangaziyo kodwa abangalaleli; labo abenza inkohlakalo nobuqili ukuze bangikhohlise; labo abafunda amazwi kodwa bakhiphe okuphambene; labo abangazazi, abangazi ukuthi bayini, abazicabanga bebakhulu, futhi abacabanga ukuthi sebefinyelele ekuvuthweni (isibonelo sikaSathane), laba bangafanele ukuhlushwa. Labo abangamukelayo futhi abanezinhloso ezibheke Kimi (futhi uma benza iziphazamiso ngeke ngikhumbule amacala abo, kodwa izinhloso zabo kufanele zilunge futhi kufanele bahlale beqaphele, becophelele futhi bangabi ngabangeqotho, futhi kufanele bahlale bakugcine ezinhliziyweni zabo ukungizwa nokungilalela); labo abamsulwa; labo abavulekile; labo abethembekile; labo abangalawulwa ngomunye umuntu, into, noma udaba; labo abafana nabantwana ekubonakaleni nakuba bevuthiwe empilweni, laba bayizithandwa Zami, abaqondwe yisibusiso Sami. Manje, lowo nalowo uyothatha indawo yakhe efanele ngokwesimo sakhe. Futhi uyokwazi ukuthi uyabusiswa noma uyahlushwa—akukho sidingo sokuthi ngisho ngokusobala. Labo ababusisiwe kufanele bathokoze futhi bajabule, kanti labo okufanele behlelwe wukuhlushwa akufanele bakhathazeke. Kokubili kulungiselelwe yisandla Sami, kodwa akufanele ngigxekwe: ngukuntula kwakho ukusebenzisana ngenkuthalo Nami, nokwahluleka kwakho ukuqonda ukuthi nginguNkulunkulu ohlola inhliziyo yomuntu engaphakathi kakhulu; kuyinto engiyinqume ngaphambili, futhi kuyicebo lakho eliyize ozilimaze ngalo; uzenzile! Ukuthi kufanele uwele eHayidesi akukhona ukukuphatha ngokungafanele!

Madodana angamazibulo abusisiwe! Sukumani masinyane nihalalise! Sukumani masinyane ninikeze indumiso! Kusuka manje kuya phambili, ngeke kusaba khona buhlungu, ukuhlupheka, futhi konke kusezandleni zethu. Noma ngubani ovumelana Nami yilowo engimthandayo, futhi ngeke ehlelwe yinhlekelele. Noma yini elangazelelwa yinhliziyo yakho, ngiyoyigcwalisa (kodwa akukwazi ukuba ngokunganaki), lo ngumsebenzi Wami.

Okwedlule: Isahluko 68

Okulandelayo: Isahluko 70

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp