Isahluko 70

Ukuthi izimfihlakalo Zami zambuliwe futhi zibekwe obala, nokuthi aziseyona imfihlakalo, konke kungenxa yomusa kanye nesihe Sami. Ngaphezu kwalokho, izwi Lami libonakala phakathi kwabantu, futhi alisafihlekile, nalokho kungenxa yomusa nesihe Sami. Ngithanda bonke abazikhandla ngobuqotho Ngami nabazinikele Kimi. Ngizonda bonke abazalwe Yimi kodwa abangangazi, baze ngisho badlubulunde Kimi. Ngeke ngilahle noma ubani oqotho Kimi; kunalokho, ngizoziphinda kabili izibusiso zalowo muntu. Ngizobajezisa ngokuphindwe kabili labo abangabongiyo nabenza okuphambene nomusa Wami, futhi ngeke ngibayeke baphunyuke kalula. Embusweni Wami akukho isigwegwe noma ukukhohlisa, futhi akukho umoya wezwe; okuwukuthi, alikho iphunga lokufile. Kunalokho, konke kuqondile futhi kulungile; konke kumsulwa futhi akufihli lutho akunalutho olusithekile noma olufihlekile. Yonke into yintsha, yonke into iyajabulisa, futhi yonke into iyakha. Wonke umuntu oselokhu enephunga lokufa ngeke nganoma iyiphi indlela ahlale embusweni Wami, futhi kunalokho uyobuswa ngentonga yensimbi Yami. Zonke izimfihlakalo ezingenamkhawulo, kusukela endulo kuze kube usuku lwanamuhla, zembulwe ngokuphelele kini—ithimba labantu abazuzwe Yimi ezinsukwini zokugcina. Anizizwa yini nibusisekile? Izinsuku lapho yonke into yembulwe obala, ngaphezu kwalokho, yizinsuku enihlanganyela ngazo ukubusa Kwami.

Ithimba labantu ababusa ngempela njengamakhosi lincike ekunqunyelweni kusengaphambili nasekukhetheni Kwami, futhi akukho neze intando yomuntu kukho. Noma ubani onesibindi sokuba yingxenye kulokhu kufanele athole ubuhlungu bempama yesandla Sami, futhi abantu abanjalo bayoba yizinto zomlilo Wami oqothulayo; lolu olunye uhlangothi lokulunga nobukhosi Bami. Ngithe ngibusa zonke izinto, nginguNkulunkulu ohlakaniphile onegunya eliphelele, futhi anginamusa kunoma ubani; nginonya ngokuphelele, ongenayo ngokuphelele imizwa. Ngiphatha noma ubani (kungakhathaleki ukuthi ukhuluma kahle kangakanani, ngeke ngimkhulule) ngokulunga, ngokuqonda nangobukhosi Bami, ngesikhathi esifanayo ngivumela noma ubani ukuba abone kangcono isimangaliso sezenzo Zami, kanye nalokho okushiwo yizenzo Zami. Imimoya emibi ngiyijezise ngamunye ngamunye, ngazo zonke izinhlobo zezenzo ezezenzile, ngamunye ngiwuphonse emgodini ongenamkhawulo. Lo msebenzi ngiwuqede ngaphambi kokuqala kwesikhathi, ngiyishiye ingakwazi ukwenza lutho, ngiyishiye ingenayo indawo yokwenza umsebenzi wayo. Akukho bantu Bami abakhethiwe—labo abanqunyelwe kusengaphambili nabakhethwe Yimi—abangalokotha babe nemimoya emibi, futhi kunalokho bayoba ngcwele ngaso sonke isikhathi. Labo anganqunyelwe kusengaphambili nabangakhethiwe, ngiyobanikela kuSathane, futhi ngingasabavumeli ukuba basale. Ngazo zonke izici, imiyalelo Yami yokuphatha ibandakanya ukulunga Kwami kanye nobukhosi Bami. Ngeke ngidedele ngisho noyedwa walabo uSathane asebenza ngabo, kodwa ngibaphonsa kanye nemizimba yabo eHayidesi, ngoba ngiyamzonda uSathane. Angisoze ngamyeka kalula, kepha ngiyombhubhisa ngokuphelele, ngingamnikezi nethuba elincane lokwenza umsebenzi wakhe. Labo abonakaliswe uSathane kwaze kwaba sezingeni elithile (okuwukuthi, labo abayizinto zenhlekelele) bangaphansi kwelungiselelo elihlakaniphile lesandla Sami. Ungacabangi ukuthi lokhu kwenzeke ngenxa yomphumela wobudlova bukaSathane; yazi ukuthi nginguNkulunkulu uSomandla obusa umhlaba wonke kanye nazo zonke izinto! Kimina, azikho izinkinga ezingeke zaxazululwa, futhi ingasaphathwa eyento engeke yafezwa noma izwi elingeke lakhulunywa. Abantu akufanele benze njengabeluleki Bami. Qaphela ungashaywa yisandla Sami bese uphonswa eHayidesi. Ngiyakutshela lokhu! Labo ababambisana Nami ngenkuthalo namuhla bahlakaniphile, futhi bazogwema ukulahlekelwa bese bebalekela ubuhlungu bokwahlulelwa. Konke lokhu kungamalungiselelo Ami, anqunyelwe kusengaphambili Yimi. Ungenzi amazwi angenangqondo futhi ungakhulumi ngokubukisa, ucabange ukuthi umkhulu kakhulu. Ingabe konke lokhu akungenxa yokunqunyelwa kusengaphambili Yimi? Nina, ningaba abeluleki Bami, aninawo amahloni! Anisazi isiqu senu; yeka ukuthi sincane kangakanani! Noma kunjalo, nicabanga ukuthi lokhu akuyona indaba enkulu, futhi anizazi. Ngazo zonke izikhathi, aniwalaleli amazwi Ami, nenza imizamo Yami yokucophelela ibe yize futhi aniboni neze ukuthi iwukubonakaliswa komusa kanye nesihe Sami. Kunalokho, nizama ukubukisa ngokuhlakanipha kwenu ngokuphindaphindiwe. Ingabe niyakhumbula lokhu? Yikuphi ukucwengwa abantu okufanele bakuthole, abacabanga ukuthi bahlakaniphe kakhulu? Aninaki futhi aniqotho emazwini Ami futhi aniwaqophi ezinhliziyweni zenu, nisebenzisa Mina njengebhaxa lokwenza lokhu nalokhuya. Benzi bokubi! Niyokwazi nini ukucabangela ngokugcwele inhliziyo Yami? Aniyicabangeli, ngakho ukunibiza ngokuthi “abenzi bokubi” akusikho ukuniphatha kabi. Kunifanele ngokuphelele!

Namuhla ngiyanikhombisa izinto ezazifihliwe, ngayinye ngayinye. Udrago omkhulu obomvu uphonswa emgodini ongenamkhawulo futhi abhujiswe ngokuphelele, ngoba ukumgcina ngeke kwasiza nhlobo; lokhu kusho ukuthi ngeke enze inkonzo kaKhristu. Ngemva kwaloko, izinto ezibomvu ngeke zisaba khona; kancane kancane, kufanele ziphele zingabi khona. Ngenza lokho engikushoyo; lokhu ukuqedela umsebenzi Wami. Susa imibono yabantu; yonke into engiyishilo, ngiyenzile. Noma ubani ozama ukuhlakanipha umane uzilethela imbubhiso nokudelelwa, futhi akafuni ukuphila. Ngakho-ke, ngizokwanelisa, futhi ngokuqinisekile ngeke ngigcine abantu abanjalo. Ngemva kwalokho, inani labantu lizokhula ngobuhle, ngesikhathi bonke abangabambisani Nami ngenkuthalo bezobhujiswa bangabikho. Labo engibamukele yilabo engizobaphelelisa, futhi ngeke ngilahle noyedwa wabo. Akukho ukuphikisana kulokho engikushoyo. Labo abangabambisani Nami ngenkuthalo bazothola ukucwengwa kakhulu, nakuba, ekugcineni, ngokuqinisekile ngiyobasindisa. Ngaleso sikhathi, nokho, ubude bokuphila kwabo buyokwehluka kakhulu. Ngabe uyafuna ukuba yilolo hlobo lomuntu? Sukuma bese ubambisana Nami! Ngokuqinisekile ngeke ngimphathe ngobudlabha noma ubani ozikhandla ngobuqotho Ngami. Kulabo abazinikela Kimi ngenkuthalo, ngiyobathululela zonke izibusiso Zami. Zinikele ngokuphelele Kimi! Lokho okudlayo, lokho okugqokayo, kanye nekusasa lakho konke kusezandleni Zami; ngizohlela yonke into ngokufanele, ukuze ube nenjabulo engapheli, ongeke uyiqede. Lokhu kungoba ngiye ngathi, “Kulabo abazikhandla ngobuqotho Ngami, ngokuqinisekile ngiyonibusisa kakhulu.” Zonke izibusiso ziyofikela wonke umuntu ozikhandla ngokuqotho Ngami.

Okwedlule: Isahluko 69

Okulandelayo: Isahluko 71

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp