Isahluko 73

Amazwi Ami agcwaliseka ngokushesha lapho ekhulunywa; awaguquki neze futhi alunge ngokuphelele. Khumbula lokhu! Lonke izwi nomshwana ophuma emlonyeni Wami kufanele kucatshangwe ngokucophelela. Cophelela ngokwengeziwe, kungenjalo ungase wehlelwe ukulahlekelwa futhi uthole kuphela ukwahlulela Kwami, ulaka Lwami, ukushisa Kwami. Umsebenzi Wami manje uhamba ngesivinini esishesha kakhulu, nakuba ungenamininingwane; ucwengeke kahle ngendlela yokuthi awubonakali ngokoqobo ngeso lenyama futhi, futhi awukwazi ukubanjwa yizandla zomuntu. Wenziwa ngokucophelela okukhethekile. Angiwakhulumi neze amazwi angenalutho; konke engikushoyo kuyiqiniso. Kufanele ukholwe ukuthi lonke izwi liqinisile futhi liyanemba. Ungabi nokunganaki; lo ngumzuzu osemqoka! Ukuthi uthola izibusiso noma ishwa kuyonqunywa kulo mzuzu impela, futhi umehluko unjengalowo ophakathi kwezulu nomhlaba. Ukuthi uya ezulwini noma eHayidesi ngokuphelele kulawulwa Yimi. Labo abaya eHayidesi basemzabalazweni wabo wokugcina wokufa, lapho labo abaya ezulwini bedlula engxenyeni yabo yokugcina yokuhlupheka nasekuzikhandleni kwabo kokugcina ngenxa Yami, futhi konke abakwenzayo esikhathini esizayo ukuthokoza nokudumisa, ngaphandle kwazo zonke izinto ezingabalulekile ezihlupha abantu (umshado, umsebenzi, umcebo ocasulayo, isikhundla, nalo njalo). Kodwa kulabo abaya eHayidesi, ukuhlupheka kwabo okwaphakade (lokhu kubhekise emoyeni, umphefumulo, nomzimba wabo), bengasoze baphunyuke esandleni Sami sokujezisa. Lezi zinhlangothi ezimbili azihlangani njengomlilo namanzi. Akukho ukuthandelana: Labo abehlelwa yishwa bayolokhu behlelwa yishwa, kuthi labo ababusisiwe bathokoze kuze kwanele izinhliziyo zabo.

Zonke izigameko nezinto zilawulwa Yimi, kungasaphathwa ukuthi nina—amadodana Ami, izithandwa Zami—ningabami ngokwengeziwe. Niwukufezwa kohlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizi-6,000, amagugu Ami. Bonke labo engibathandayo bayathokozisa emehlweni Ami, ngoba babonakalisa Mina; bonke labo engibazondayo ngibenyanya nangaphandle kokubabheka, ngoba bayinzalo kaSathane futhi ngabakaSathane. Namuhla, wonke umuntu kufanele azihlole: Uma izinhloso zakho zilungile futhi ungithanda ngempela, khona-ke nakanjani ngiyokuthanda. Kufanele ungithande ngempela futhi akufanele ungikhohlise! NginguNkulunkulu ohlola izinhliziyo zabantu eziphakathi kakhulu! Uma izinhloso zakho zingalungile futhi ubanda futhi ungethembekile Kimi, khona-ke uqinisekile ukwenyanywa Yimi futhi awumiswanga ngaphambili noma wakhethwa Yimi. Linda nje ukuya esihogweni! Abanye abantu bangase bangakwazi ukubona lezi zinto, kodwa wena Nami kuphela—uNkulunkulu obuka ekujuleni kwezinhliziyo zabantu—siyabazi. Bayokwambulwa ngesikhathi esithile. Abaqotho abadingi ukukhathazeka futhi abangeqotho abadingi kwesaba. Konke kuyingxenye yohlelo Lwami oluhlakaniphile.

Umsebenzi uyaphuthuma futhi unzima, futhi udinga ukuthi nizikhandlele Mina okokugcina ukuze kuphethwe lo msebenzi wokugcina. Izimfuneko Zami aziphakeme: Ngidinga kuphela ukuthi nikwazi ukuhambisana Nami kahle kakhulu, ninganelise kukho konke, nilandele ukuqondisa Kwami phakathi kini. Ningabi yizimpumputhe; yibani nomgomo, futhi nizwe izinhloso Zami kuzo zonke izingxenye futhi kukho konke. Lokhu kungenxa yokuthi angiseyena uNkulunkulu ofihlakele kinina. Kufanele nicacelwe kakhulu ngalokhu ukuze niqonde izinhloso Zami. Ngesikhathi esifushane kakhulu, ngeke kuphela nihlangane nabakwamanye amazwe abafuna indlela efanele, okubaluleke nakakhulu ukuthi kufanele nibe nekhono lokubelusa. Lokhu kuyinhloso Yami ephuthumayo. Ngeke kwanele uma ningakwazi ukubona lokhu. Nokho, kufanele nikholwe ekubeni namandla onke Kwami. Uma nje abantu belungile, nakanjani ngiyobaqeqesha babe ngamabutho amahle. Konke kulungiselelwe ngokuyikho Yimi. Kufanele ulangazelele ukungihluphekela. Lo ngumzuzu osemqoka. Ungakwedluli! Ngeke ngikhumbule izinto zesikhathi sakho esedlule. Kufanele uthandaze futhi unxuse Kimi kaningi; ngiyokunika umusa owanele ukuze uwuthokozele futhi uwusebenzise. Umusa nezibusiso akufani. Enikuthokozelayo manje ngumusa Wami futhi akufanele kushiwo emehlweni Ami, kanti izibusiso ziyilokho eniyokuthokozela ngokungapheli esikhathini esizayo. Ziyizibusiso abantu abangakaze bacabange ngazo futhi abangakwazi ukuzicabanga. Ngithi nibusisiwe ngalesi sizathu—kuyisibusiso umuntu angakaze asithokozele kusuka ekudalweni.

Sengikwambule konke Okwami kini. Ngethemba kuphela ukuthi ningacabangela inhliziyo Yami, nicabange ngenxa Yami kukho konke, futhi ningicabangele kukho konke, ukuze engihlala ngikubona kube ubuso obumamathekayo. Kusuka manje kuya phambili, labo abazuza isikhundla sendodana eyizibulo ngabantu abayobusa njengamakhosi kanye Nami. Ngeke baqinelwe noma ngumuphi umfowabo, noma basolwe noma Mina ngibhekane nabo, ngoba isimiso Sami sokwenza izinto sithi: Labo abaseqenjini lamadodana angamazibulo bangabantu ababukelwa phansi futhi abaqinelwa ngabanye futhi behlelwe yizo zonke izinguqunguqu zempilo. (Ngibhekane nabo futhi ngabephula ngaphambili, futhi bapheleliswa ngaphambili.) Laba bantu sebethokozele kanye Nami izibusiso okufanele bazithole ngaphambi kwesikhathi. Ngilungile futhi angivuni muntu.

Okwedlule: Isahluko 72

Okulandelayo: Isahluko 74

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp