Isahluko 76

Amazwi Ami onke angukuvezwa kwentando Yami. Ngubani ongacabangela umthwalo Wami? Ngubani ongaqonda inhloso Yami? Ngabe niyicabangile ngamunye imibuzo engiyibuze Kini? Yeka ukungacopheleli okungaka! Nilokotha kanjani niphazamise izinhlelo Zami? Nidlebelekile! Uma umsebenzi onjalo wemimoya emibi uqhubeka, ngizobaphonsa ekufeni ngokushesha emgodini ongenamkhawulo! Kade ngabona ngokucacile izenzo ezehlukene zemimoya emibi. Futhi abantu abasetshenziswa yimimoya emini (labo abanezinhloso ezingalungile, labo abakhanukela inyama noma umcebo, labo abaziphakamisayo, labo abaphazamisa ibandla, njll.) futhi ngamunye baboniwe ngaphakathi Yimi. Ungazitsheli ukuthi konke kuphela lapho sekukhishwe imimoya emibi. Ake ngikutshele! Kusuka manje kuya phambili, ngizobalahla laba bantu ngamunye, ngingaphinde ngibasebenzise! Okusho ukuthi, noma yimuphi umuntu okhohlakaliswe yimimoya emibi ngeke asetshenziswe Yimi, futhi uyoxoshwa! Ungacabangi ukuthi anginayo imizwa! Yazi lokhu! NginguNkulunkulu ongcwele, futhi ngeke ngihlale ethempelini elingcolile! Ngisebenzisa kuphela abantu abaqotho futhi abahlakaniphile abethembeke ngokuphelele Kimi futhi abangacabangela umthwalo Wami. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abanjalo banqunyelwe kusengaphambili Yimi. Nakanjani ayikho nhlobo imimoya emibi esebenza kubo. Ake ngicacise into eyodwa: Kusuka manje kuya phambili, bonke labo abangenamsebenzi woMoya oNgcwele banomsebenzi wemimoya emibi. Ake ngiphinde: Angifuni noyedwa umuntu okusebenza kuye imimoya emibi. Bonke bayophonswa eHayidesi kanye nenyama yabo!

Izindinganiso Zami kini esikhathini esedlule bezixega kancane, futhi beningeqotho uma kuziwa enyameni. Kusuka namuhla kuya phambili, ngeke nginivumele nilokhu niqhubeka kanje. Uma amazwi nezenzo zenu kungangibonakalisi noma ngayiphi indlela, noma uma kungenakufana nokuncane Nami, khona-ke nakanjani ngeke nginidedele kalula. Uma kungenjalo, beniyohlala nihleka futhi nincokola, nigegetheka, ngaphandle kokuzithiba. Lapho wenza okungalungile, awuzwa yini ukuthi sengikushiyile? Ngenxa yokuthi uyazi, kungani usalokhu ungeqotho? Ngabe usalindele ukuthinta kwesandla Sami sokwahlulela? Kusuka namhlanje, ngizojezisa masinyane noma ngubani ongahambisani nenhloso Yami nangomzuzu owodwa. Uma nihlala nibuthene nihleba, khona-ke ngizokushiya. Ungakhulumi uma unganikezi ukondla ngokomoya. Ngikusho lokhu hhayi ngoba ngikuvimba, kodwa ngisho ngoba umsebenzi Wami ususebenze kwaze kwafika esinyathelweni okuso manje, ngizoqhubeka ngokuhambisana nohlelo Lwami. Uma nihlala ndawonye nikhuluma ngezinto zomoya empilweni, khona-ke ngizokuba nani. Ngeke ngiphathe ngokungafanele noma ngubani kinina. Uma uvula umlomo wakho, ngiyokunika amazwi afanele. Kufanele wazise inhliziyo Yami kusuka ngaphakathi emazwini Ami. Anginitsheli ukuthi nizenze izimungulu, futhi anginitsheli ukuthi nenze ukukhuluma okungabalulekile.

Kungani ngilokhu ngithi asisiningi isikhathi esisele, nokuthi usuku Lwami alungalitshaziswa? Ngabe nicabangile ngalokhu ngokucophelela? Niyiqonda ngempela incazelo yamazwi Ami? Okungukuthi, bengilokhu ngisebenza kusukela ngiqala ukukhuluma. Lowo nalowo muntu kinina ubeqondwe ngumsebenzi Wami, hhayi umuntu othile ngokukhethekile; futhi ngaphezu kwalokho, hhayi omunye umuntu. Nikhathazeka kuphela ngokungathokozeli izibusiso, kodwa anicabangi ngezimpilo zenu. Naze naba yiziwula! Naze nadabukisa! Aniwucabangeli nhlobo umthwalo Wami!

Yonke imizamo Yami enesineke nenani engilikhokhile bekungenxa yenu. Uma ningacabangeli umthwalo Wami, khona-ke anifinyelele kwengikulindele kini. Zonke izizwe zilinde ukuba nibuse, futhi bonke abantu balinde ukuba nibuse phezu kwabo. Sengidlulisele konke ezandleni zenu. Manje, labo abasemandleni bonke baqale ukwehla futhi bawile, futhi balindele nje ukuba ukwahlulela Kwami kubehlele. Bonani ngokucacile! Umhlaba manje uyabhidlika, lapho umbuso Wami wakhiwe ngempumelelo. Amadodana Ami abonakele futhi amadodana Ami angamazibulo abusa Nami njengamakhosi, ebusa phezu kwezizwe nabantu abehlukene. Ningacabangi ukuthi lokhu kuyinto engacacile; kuyiqiniso elisobala. Akunjalo? Lapho nje nithandaza futhi ninxusa Kimi, ngizothatha izinyathelo ngokuphazima kweso futhi ngijezise labo abanishushisayo, ngibhekane nalabo abaniphazamisayo, ngibhubhise labo enibazondayo, futhi ngiphathe labo bantu, izigameko, nezinto ezinisebenzelayo. Ngikusho kaningi: Ngeke ngilethe insindiso kunoma ngubani osebenzela uKristu (okungukuthi, noma ngubani osebenzela iNdodana Yami). Ukusebenzela iNdodana Yami akusho ukuthi bangabantu abalungile; kuwumphumela ngokuphelele wamandla amakhulu nezenzo Zami ezimangalisayo. Ningabeki ukubaluleka okukhulu kakhulu esintwini. Abantu abanjalo nakanjani abanawo umsebenzi woMoya oNgcwele futhi abaziqondi neze izinto zokomoya. Ngeke babe namsebenzi emva kokuba sengiqedile ngabo. Khumbulani lokhu! Lokhu kuyisiqinisekiso Sami kini. Ningaphuthazi yonke indawo, niyaqonda?

Baya ngokuya bencipha abantu, kodwa amalungu aya ngokuya ecwengwa. Lona ngumsebenzi Wami, uhlelo Lwami lokuphatha, futhi ngaphezu kwalokho ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke Kwami. Kungukuxhumana kobuntu Bami obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Ngabe niyakubona ngokucacile lokhu? Ngabe ninakho ukuqonda kwangempela ngaleli phuzu? Ngizofeza ngakunye, ngobunkulunkulu Bami, konke engikukhulumile kusuka ebuntwini Bami obejwayelekile. Yingakho ngilokhu ngithi lokho engikushoyo kuzokwenzeka ngaphandle kokungabaza; kunalokho, konke kuyocaca futhi kube sobala kakhulu. Konke engikushoyo kuzofezeka, futhi nakanjani ngeke kwenzeke ngobudlabha. Angikhulumi amazwi angenalutho futhi angiwenzi amaphutha. Noma ngubani olokotha ukungilinganisa uzokwahlulelwa, futhi nakanjani ngeke akwazi ukuphunyuka entendeni yesandla Sami. Lapho amazwi Ami eqeda ukukhulunywa, ngubani olokotha awaphikise? Ngubani olokotha ukungikhohlisa noma ukungifihlela noma yini? Ngikushilo ngaphambili: NginguNkulunkulu ohlakaniphile. Ngisebenzisa ubuntu Bami obejwayelekile ukwambula bonke abantu nokuziphatha kobusathane, ngidalule labo abanezinhloso ezingalungile, labo abenza ngendlela eyodwa phambi Kwami futhi benze ngenye ngemuva Kwami, labo abamelana Nami, labo abangethembekile Kimi, labo abakhanukela imali, labo abenza ubuqili nenkohliso kubafowabo nodadewabo, labo abakhuluma ngolimi olumnandi ukuze bajabulise abantu, nalabo abangakwazi ukuxhumana nabafowabo nodadewabo ngokuvumelana ngenhliziyo nangengqondo. Abantu abaningi kakhulu, ngenxa yobuntu Bami obejwayelekile, bamelana Nami ngokuyimfihlo futhi benze ubuqili nenkohliso bezitshela ukuthi ubuntu Bami obejwayelekile abazi. Futhi abantu abaningi banaka ngokukhethekile ubuntu Bami obejwayelekile, benginika izinto ezinhle ukuze ngidle futhi ngiphuze, bengisebenzela njengezisebenzi, futhi bekhuluma Kimi okusezinhliziyweni zabo, ngaso leso sikhathi benza ngokwehluke kakhulu ngemuva Kwami. Bantu abayizimpumputhe! Ningazi kancane kakhulu—Mina engiwuNkulunkulu obheka ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. Anikangazi namanje; nisacabanga ukuthi angikwazi enikuhlosile. Cabanga ngakho: Bangaki abantu abazichithakalisile ngenxa yobuntu Bami obejwayelekile? Vuka! Ungabe usangikhohlisa. Kufanele ubeke yonke indlela yokuphila nokuziphatha kwakho phambi Kwami, lonke izwi nokwenza kwakho, futhi wamukele ukukuhlola Kwami.

Okwedlule: Isahluko 75

Okulandelayo: Isahluko 77

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp