Isahluko 77

Ukungaqiniseki ngamazwi Ami kuyafana nokuba nesimo sengqondo sokuphika izenzo Zami. Lokho kusho ukuthi, amazwi Ami aphume esuka ngaphakathi eNdodaneni Yami, nokho anibeki kubaluleka Kuwo. Nizithokozisa ngeze kakhulu! Maningi amazwi aphume esuka ngaphakathi eNdodaneni Yami, kodwa niyawangabaza, aniqinisekile ngawo. Niyizimpumputhe! Aniyiqondi inhloso yakho konke engikwenzile. Ngabe amazwi engiwakhuluma ngeNdodana Yami awawona amazwi Ami? Kukhona izinto engingazimisele ukuzisho ngokuqondile, ngakho ngizikhuluma ngeNdodana Yami. Kodwa kungani ningenangqondo ngendlela yokuthi niyaphikelela ekuthini angikhulume ngokuqondile? Aningiqondi, futhi nihlala ninokungabaza ngokwenza nangezenzo Zami! Angishongo ngaphambili ukuthi wonke umnyakazo Wami nazo zonke izenzo Zami kulungile? Abantu kufanele bayeke ukubacubungula. Susani izandla zenu ezingcolile! Ake ngikutshele: Bonke abantu engibasebenzisayo bamiswe ngaphambi kokuba ngidale umhlaba, futhi babuye bavunywa Yimi nanamuhla. Nihlala nifaka amandla kulolu hlobo lwezinto, nicubungula umuntu engiwuye futhi nicwaninga izenzo Zami. Nonke ninomqondo wabahwebi. Uma lokhu kwenzeka futhi khona-ke nakanjani niyoshaywa niwiswe yisandla Sami. Engikushoyo ukuthi: Ningangingabazi, futhi ningahlaziyi noma nibuyekeze izinto engizenzile. Ngaphezu kwalokho, ningagxambukeli ezintweni ezinjalo. Kungenxa yokuthi lokhu kumayelana nezinqumo Zami zokuphatha. Lolu akulona udaba oluncane!

Thatha isikhathi sokwenza konke engikuyalile. Ake ngisho futhi, futhi njengesixwayiso: Abakwamanye amazwe bazothutheleka eChina maduze. Lokhu kuyiqiniso elingephikwe! Ngiyazi ukuthi abantu abaningi banokungabaza ngalokhu futhi abaqinisekile, ngakho nginikhumbuza kaninginingi ukuba nifune ngokushesha ukukhula kwempilo futhi nikwazi ukwanelisa intando Yami masinyane. Kusuka namuhla kuya phambili, isimo samazwe omhlaba sizoya ngokuya sishuba, futhi amazwe ehlukene azoqala ukubhidlika kusuka ngaphakathi. Ngeke kusaba khona izinsuku ezimnandi eChina. Okungukuthi, izisebenzi ziyoteleka, abafundi bayoshiya izifundo zabo, osomabhizinisi bayoshiya izimakethe, nezimboni ziyovalwa futhi zingakwazi ukuphila. Izethenjwa ziyoqala ukulungisa izimali ukuze zibaleke (lokhu ngokokusebenzela uhlelo Lwami lokuphatha), nabaholi bakahulumeni omkhulu kuwo wonke amazinga bazobe bematasatasa begxile ezintweni ezithile, okwenza bangazinaki ezinye, lapho benza amalungiselelo (lokhu ngokokusebenzela isinyathelo esilandelayo). Kuboneni ngokucacile! Lokhu kuyinto efaka lonke izulu nomhlaba, hhayi iChina nje, njengoba umsebenzi Wami ubhekiswe kuwo wonke umhlaba, kodwa futhi ungowokusebenzela ukwenza iqembu lamadodana angamazibulo libe ngamakhosi. Niyakubona ngokucacile lokhu? Phuthumani nifune! Ngeke nginiphathe ngokungalungile; ngiyonivumela ukuba nizwe ukuthokoza okuyokwanelisa izinhliziyo zenu.

Izenzo Zami ziyamangalisa. Lapho kunezinhlekelele ezinkulu emhlabeni, lapho bonke abenzi bobubi nababusi bamukela ukujeziswa—noma ukucacisa ngokwengeziwe, lapho abenzi bobubi abangaphandle kwegama Lami behlupheka—ngiyoqala ukuninika izibusiso Zami. Lena yincazelo engaphakathi yamazwi athi, “Ngeke neze nizwe ubuhlungu noma ukulinyazwa yizinhlekelele,” engiwasho kaningi esikhathini esedlule. Ngabe niyakuqonda lokhu? “Lesi sikhathi” engikhuluma ngaso sibhekise esikhathini lapho amazwi ephuma emlonyeni Wami. Umsebenzi woMoya oNgcwele ushesha kakhulu; ngeke ngilibale noma ngichithe umzuzu noma umzuzwana, kodwa kunalokho ngizokwenza ngokuhambisana namazwi Ami lapho eqeda ukukhulunywa. Uma ngithi namuhla ngisusa umuntu noma ngenyanya umuntu othile, kuyophela ngalowo muntu ngokuphazima kweso. Lokhu kusho ukuthi uMoya oNgcwele Wami uzothathwa ngokushesha kuye futhi uzoba ngofe ehamba, umuntu ongenamsebenzi. Kungaba usaphefumula, usahamba futhi usakhuluma, futhi usengathandaza phambi Kwami, kodwa akasoze abona ukuthi sengimshiyile. Ungumuntu ongenamsebenzi ngempela. Lokhu kuyiqiniso futhi elingenakuphikwa ngempela!

Amazwi Ami amele umuntu engiwuye. Khumbula lokhu! Ungabi nokungabaza; kufanele uqiniseke ngempela. Lokhu kuwudaba lokuphila nokufa! Lokhu kubaluleke ngokwedlulele! Ngawo kanye umzuzu amazwi Ami ekhulunywa ngawo, lokho engifuna ukukwenza kuyenzeka. Wonke la mazwi kufanele akhulunywe ngeNdodana Yami. Ngubani phakathi kwenu ozindle ngokuzimisela ngalolu daba? Iyiphi enye indlela engingaluchaza ngayo? Ungahlali wesaba futhi unovalo. Ngabe ngempela ngingumuntu ongacabangeli imizwa yabanye? Ngabe ngokunganaki ngizolahla bonke engingabavumi? Konke engikwenzayo kunesimiso. Ngeke ngephule isivumelwano esenziwa Yimi Ngokwami; ngeke ngiphazamise uhlelo Lwami. Angicabangi njengengane njengani. Umsebenzi Wami uyinto enkulu; uyinto okungekho muntu ongayenza. Ngithe ngilungile, futhi ngiwuthando kulabo abangithandayo. Awukholwa ukuthi lokhu kuyiqiniso? Uyaqhubeka ukuba nokunganeliswa! Uma unonembeza ongencala ngakho konke, kungani-ke ulokhu wesaba kangaka? Konke kungenxa yokuthi uzibophile. Ndodana Yami! Ngikukhumbuze izikhathi eziningi ukuba ungabi nosizi futhi ungakhiphi izinyembezi, futhi ngeke ngikulahle. Awukakwazi ukungethemba? Ngiyokubamba futhi ngingakudedeli. Ngiyohlala ngikusingethe othandweni Lwami. Ngiyokunakekela, ngikuvikele, futhi kukho konke ngikunike isambulo nolwazi ukukwenza ubone ukuthi nginguYihlo, insika yakho. Ngiyazi ukuthi uhlala uzindla ukuthi ungawenza kanjani lula umthwalo osemahlombe kaYihlo. Lo ngumthwalo engiwunike wena. Ungazami ukuwususa! Bangaki namuhla abangethembeka Kimi? Ngethemba ukuthi ungasheshisa ukuqeqeshwa kwakho futhi ukhule ngokushesha ukuze wanelise inhliziyo Yami. UBaba usebenzela indodana imini nobusuku, ukuze indodana icabangele uhlelo lokuphatha lukaYise yonke imizuzu nayo yonke imizuzwana. Lokhu ngukubambisana ngenkuthalo Nami ebengivame ukukhuluma ngakho.

Konke lokhu kwenziwe Yimi. Ngizobeka umthwalo kubantu engibasebenzisa namuhla bese ngibanika ukuhlakanipha ukuze lokho abakwenzayo konke kuzohambisana nentando Yami, ukuze umbuso Wami ufezeke, futhi izulu nomhlaba omusha kubonakale. Abantu engingabasebenzisi bangokuphambene ngokuphelele. Bahlala bedidekile, bayalala emva kokudla, futhi bayadla emva kokulala, bengazi nhlobo ukuthi umthwalo usho ukuthini. Laba bantu bantula umsebenzi woMoya oNgcwele futhi kufanele basuswe ebandleni ngokushesha okungenzeka. Manje ngizoxoxa ngezindaba ezithile ngengxenye yemibono: Ibandla lingumbandela wombuso. Abantu bangangena embusweni kuphela lapho ibandla selakhiwe lafika ezingeni elithile. Akekho ongangena embusweni ngokuqondile (uma engethenjisiwe Yimi). Ibandla liyisinyathelo sokuqala, lapho kuwumbuso ongumgomo wohlelo Lwami lokuphatha. Konke kuyothatha isimo lapho abantu bengena embusweni futhi ngeke kube nalutho olungesatshwa. Manje, ngamadodana Ami angamazibulo Nami kuphela abangene embusweni futhi abaqale ukubusa zonke izizwe nabantu. Okungukuthi, umbuso Wami uyaqala ukuhleleka, futhi bonke labo abazoba amakhosi noma abantu bamenyezelwe obala. Izigameko zangesikhathi esizayo zizotshelwa nina isinyathelo ngesinyathelo futhi nangokuhlelekile. Akufanele nikhathazeke noma nihlupheke kakhulu. Ngabe uyalikhumbula lonke izwi engilisho kuwe? Uma ngempela ungoWami, khona-ke ngizokhuluma ngokuyiqiniso kuwe. Mayelana nalabo abenza ngobuqili nangenkohliso, Nami ngiyobaphatha ngokungabi nandaba, futhi ngibenze babone ngokucacile ukuthi ngubani oyochithakala ngalokhu!

Okwedlule: Isahluko 76

Okulandelayo: Isahluko 78

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp